Izwi Lezulu Part 1

You might also like

Download as docx, pdf, or txt
Download as docx, pdf, or txt
You are on page 1of 3

UMfundisi M.P.

Mpanza - New Nazareth Baptist Church IZWI LEZULU PART 1 Umlando wenkolo
Johan 1:1 Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu. Lamazwi akhulunywa uJohane ajulile, aveza ukuhlakanipha okujulile, angamazwi angachazwa izihlakaniphi zezenkolo (sages) ngezindlela eziningi, ebe echaza ukujula kobuNkulunkulu. Ziningi izinhlobo zezinkolo ezikhona ngaphansi komthunzi welanga, kepha lapha asinakuchaza izinkolo nezinkolelo ezingasithinti kangako, kodwa sizogxila kulezo ezithinta thina kanye nomphakathi esakhelene nawo. Lengosi ibhekene nokubuka ngeso elibanzi izinkolo ezikholelwa kuNkulunkulu oyedwa onguMdali wezulu nomhlaba; onguMenzi wezinto zonke, ogama lakhe ngu-Jehova. Kulengosi sizobe sibuka ngokweBhayibheli izinkolo ezinjengobuJuda, ubuKrestu nobuNazaretha, bese sibuye siqhathanise nenkolo ye-Islam. Isizathu sokufaka i-Islam ukuthi iyinkolo enomsuka noma enomlando ofanayo nowamaJuda, nayo ikholwa kuNkulunkulu oyedwa. UbuKrestu kuwukuqhubeka kwenkolo yamaJuda (Judaism) kanti ubuNazaretha kuwukuqhubeka kwenkolo yobuKrestu. Umthetho sisekelo wenkolo yamaJuda, amaKrestu namaNazaretha uqukethwe encwadini engcwele ebizwa ngokuthi iBhayibheli, kanti owamaSulumane uqukethwe encwadini engcwele ebizwa ngokuthi iKuran. Umthetho sisekelo wombuso wezulu obusa inkolo yobuJuda, ubuKrestu nobuNazaretha, iNkosi enkulu yezulu yawushiya encekwini yayo umProfethi uMose, kanjalo ohlangothini lwe-Islam uJehova lomthetho wawushiya kumProfethi uMuhammad (ukk). Njengoba sithe ubuKrestu kuwukuqhubeka kwenkolo yobuJuda, ubuKrestu bunomsunguli wakho onguJesu Krestu, kanjalo nobuNazaretha okunguqhubeka kobuKrestu umholi nomsunguli wabo uShembe. UbuNazaretha njengenkolo entsha ayibanga nenhlanhla yokuthi ikhuliswe yizihlakaniphi zenkolo (sages), ngakho kubalulekile ukuthi iqondiswe ingakangeni ehlathini ngokuphelele. Inkolo ngenkolo kuyaye kuthi uma umsungulu wayo eseyishiyile kubalandeli bayo, bese bona beyikhulisa ngezindlela eziningi ukuze izizukulwane ezizayo ziyazi ziyigcine ibe inkolo yezizukulwane eziphila ngayo. Lapha sibuka incwadi eyimiqingo ebizwa ngokuthi i-Talmud echaza inkolo yamaJuda eyisusela emthethweni kaNkulunkulu owawushiya eNcekwini yakhe uMose. I-Talmud iyimiqingo eyayibhalwa ngamaJuda kusukela ngesikhathi sikaMose echaza ngegugu elikhulu lenkolo yabo abayehliselwa nguJehova (Yahweh), kanjalo namaKrestu
1|Page

anemiqingo yezincwadi kusukela kubaPhostoli kuze kube namuhla lapho izazi nezihlakaniphi zenkolo yobuKrestu zibhala ngenkolo yobuKrestu nangomsunguli wayo uJesu Krestu. Kanjalo namaSulumane (Moslems), awudingi ukuthi uze ufunde iKuran ukuze uqonde ngenkolo i-Islam kanye nomsunguli wayo. Ngaso sonke isikhathi amaSulumane ayabhala, ashumayele echaza inkolo yawo kanye noMprofethi wawo. Sonke sizithola sesizazi kabanzi lezizinkolo noma singekho kuzo, ngoba zinokukhuthalela ukuba ulwazi abanalo ngezinkolo zabo lutshaleke umhlaba wonke. UShembe-ke yena akabanga nenhlanhla ngoba wathunyelwa esizweni esixakile. Isizwe esimnyama ayikho into esifuna ukuzenzela yona, ngaphandle kokubuswa ukuxabana nokulwa. UbuNazaretha sebuhlanganise iminyaka eyikhulu kwabakhona, kodwa kuze kube namhlanje ayikho into eseyenziwe amaNazaretha ukuthuthukisa nokuchaza ngomsunguli wayo umProfethi u-Isaiah Shembe. Okubuhlungu ukuthi kuleminyaka eyikhulu, esikhundleni sokuthi sivule amehlo sikhulise ubuNazaretha ngokuchazela umhlaba ngakho (ubuNazaretha) nangomsunguli wakho, silibele ukulwa nokubanga ubuholi bento abantu bomhlaba abangakayazi nokuthi iyini. Zonke izinkolo ezikhona nezake zabakhona abalandeli bazo bayaye bafundise ngomsunguli wenkolo, bachaze konke ngaye nangezinhloso zakhe kanye nezimfundiso zakhe, abe into enkulu kubo kunezinto zonke. AmaJuda anemiqingo ayibhale ngoMose kanye nezimfundiso zakhe ezitholakala kwi-Torah. AmaKrestu anemiqingo ayibhale ngoJesu nezimfundiso zakhe ezitholakala kwi-New Testament. AmaSulumane anemiqingo ngezimfundiso zomProfethi uMuhammad (ukk) kanye nezimfundiso zakhe ezikwi-Kuran. AmaNazaretha akazihluphi ngokuqonda ngoMprofethi wawo nomsunguli wobuNazaretha; akazi lutho ngezimfundiso zakhe ngisho ezibhaliwe encwadini yakhe ebizwa ngokuthi izihlabelelo zamaNazaretha. Inkinga enkulu kumaNazaretha ukuthi kuyaye kuthi lowomholi ophambi kwawo ngaleso sikhathi enziwe abe mkhulu ngisho ngaphezulu komProfethi ongumsunguli walenkolo. AmaNazaretha akanamahloni okubiza umholi ophambi kwawo ngoNkulunkulu, yize umsunguli webandla wabe enguMprofethi. Ngenkathi lelibandla lehlukana amaqembu, lelo nalelo qembu libona umholi walo enguNkulunkulu, ekugcineni kugcina kungaqondakali ukuthi amaNazaretha aqondani ngoNkulunkulu. Kugcina kungasaqondakali ukuthi amaNazaretha anoNkulunkulu abangaki, kungazeki noma inkolo yamaNazaretha ifana nenkolo yamaNdiya yini. Isimo sobuNazaretha okwamanje siyihlazo kubantu abaningi, siyihlaya. Lesisimo sibulala wonke umsebenzi woMprofethi owawuhluphekela kangaka. Ngeshwa amaNazaretha amaningi akusibo abantu abacabanga ngezingqondo, kodwa acabanga ngezinhliziyo. Kuyinto ebalulekile ukuthi abalandeli benkolo ngenkolo bayazi njengoba bezazi inkolo yabo, bakwazi ukuthi bonke bayichaze ngendlela efanayo. Noma ngabe behlukene ngamabandla kodwa bengehlukani kakhulu ngokuchaza inkolo yabo. Noma amaKrestu enamabandla amaningi kodwa akehlukani ngokuchaza uJesu ongumsuka wobuKrestu, kodwa amaNazaretha
2|Page

amaningi akanayo imfundiso-nkolo (Theology) ngomProfethi u-Isaiah Shembe ongumsuka wobuNazaretha, abazi lutho ngobuNazaretha njengenkolo yawo. Zonke izinkolo ziba namaqembu phakathi kuzo. AmaJuda anamaqembu ahlukene angakhonzi ngokufana ncamashi, kodwa wonke avumelana ngoNkulunkulu oyedwa onguJehova (Yahweh) nowalethwa nguMose. Noma kuvela abaholi abaningi, kodwa bonke bafundisa nge-Torah nangoMose. AmaSulumane kanjalo angamaqembu ahlukene anabaholi abehlukene, kodwa onke avumelana nge-Kuran noNkulunkulu oyedwa ongu-Allah noMprofethi ongumsunguli walenkolo u-Muhammad (ukk). Angeke uze ukubone ukwahlukana kwabo uma ungasondele enkolweni yabo. AmaKrestu angamaBandla amaningi kodwa lamaBandla avumelana ashumayele adumise umsunguli wobuKrestu uJesu Krestu. Ngisho iBandla elikhulukazi lamaRoma ngeke ulizwe lidumisa uPapa noma lilinganisa uPapa noJesu. Angeke uwabone amaKrestu elwa odwa, kanjalo namaSulumane namaJuda, noma kwezinye izinto engaboni ngeso linye, akalwi wodwa. Njengoba sesishilo, kumaNazaretha umholi nomholi ovelayo uba ngu-Nkulunkulu wawo, bangabi namahloni ngokumbiza ngokuthi uJehova! Uma kukhona ababona ngokwehlukile baba izitha, kuze kuliwe kuphume izidumbu. Wonke amaNazaretha asanda kukholwa akazi lutho ngoMprofethi u-Isaiah Shembe, ngingasakhulumi ngoBaba iLanga, (J.G.Shembe) ngoba amaqembu abona umholi wawo ewuNkulunkulu. Okudabukisa kakhulu ukubona amanye amaqembu eyo-rejista amaculo oMprofethi, nokudumisa, nemithandazo, nezambatho zenkonzo, bethi ngezeqembu labo. Into enjalo ayaziwa emlandweni wanoma iyiphi inkolo. Asazi kungathiwani uma uhlangothi oluthile lwamaKrestu lu rejista iBhayibheli lithi sekungelalo lodwa, noma kusuke uhlangothi oluthile lwamaSulumane luthi iKuran sekungeyalo lodwa, akumele ithengwe noma ifundwe ngabanye. Akakho umuntu ongathi enguMnazaretha bese ephucwa amaculo okudumisa nezambatho ngoba nje engekho eqenjini elithize. Uma ungathenga amaculo aseLuthela unguMnazaretha uwacule, amaLuthela angajabula kabi ngoba ngabe uphakamisa inkolo yawo. UShembe unamaculo aseWeseli ezihlabelelweni zakhe, amaWeseli ayakuthanda lokho kodwa amaNazaretha azoya ezinkantolo eyobanga wodwa amaculo nezambatho nemigidi. Kanjalo amaSulumane apha abantu iKuran mahala, avume ukuthi izincwadi zenkolo yawo zigaywe inanoma ubani ukuze i-Islam yaziwe wonke umhlaba. Sonke lesisimo esiyihlazo sitshengisa inkinga amaNazaretha anayo ukuqonda ngenkolo yawo, agcwalisa izwi elashiwo omunye umbhali lapho ethi khona Abekho abantu abakholwe njengamaNazaretha, futhi abekho abantu abangayazi inkolo yabo njengamaNazaretha. Email:newnazarethbaptistchurch@gmail.com Cell: 071 219 8223 Fax: 086 528 1956
3|Page

You might also like