Download as docx, pdf, or txt
Download as docx, pdf, or txt
You are on page 1of 2

*** w08 1/1 kk.

18-19 Wakulwela Ukukhulekela Okumsulwa ***


Impi Yesikhathi Eside Ifinyelela Umvuthwandaba
Engxenyeni enkulu yokuphila kwakhe, u-Eliya wabona into enhle kakhulu ngezwe lakubo nabantu
bakubo ilahlwa futhi inyathelwa phansi, kodwa kungekho lutho ayengalwenza. Phela, kwase kuyisikhathi
eside u-Israyeli ebhekene nempi phakathi kwenkolo emsulwa neyamanga, phakathi kokukhulekelwa
kukaJehova uNkulunkulu nokukhulekela izithombe kwezizwe ezizungezile. Osukwini luka-Eliya, le mpi
yayisifinyelele iqophelo elibi kakhulu.
INkosi u-Ahabi yayishade noJezebeli, indodakazi yenkosi yaseSidoni. UJezebeli wayezimisele
ukusakaza ukukhulekelwa kukaBhali ezweni lakwa-Israyeli futhi aqede ukukhulekelwa kukaJehova. UAhabi wathonyeka ngokushesha. Wakha ithempeli ne-altare likaBhali futhi wahola ekukhothameleni lo
nkulunkulu wamaqaba. Wamcasula kakhulu uJehova.1 AmaKhosi 16:30-33.
Yini eyayenza ukukhulekelwa kukaBhali kunyanyeke kangaka? Kwayenga u-Israyeli, kwenza abaningi
bamhlubuka uNkulunkulu weqiniso. Futhi kwakuyinkolo eyonakele nenesihluku. Yayihlanganisa amadoda
nabesifazane ababefeba ethempelini, amahlazo obulili ngisho nokwenziwa kwezingane umhlatshelo.
UJehova wasabela ngokuthumela u-Eliya ku-Ahabi ukuba amemezele isomiso esasiyoqhubeka kuze
kube yilapho umprofethi kaNkulunkulu ememezela ukuphela kwaso. (1 AmaKhosi 17:1) Kwadlula
iminyaka ethile ngaphambi kokuba u-Eliya avele phambi kuka-Ahabi futhi amtshele ukuthi ahlanganise
abantu kanye nabaprofethi bakaBhali eNtabeni iKarmeli.
Kodwa le mpi isithinta kanjani namuhla? Abanye bangase bacabange ukuthi indaba ephathelene
nokukhulekelwa kukaBhali ayisithinti manje, ngoba awekho amathempeli nama-altare kaBhali. Kodwa
lokhu kulandisa akuwona nje umlando wasendulo. (Roma 15:4) Igama elithi uBhali lisho umnikazi
noma inkosi. UJehova watshela abantu bakhe ukuthi kufanele bakhethe yena njengobhali wabo, noma
umyeni wabo. (Isaya 54:5) Awuvumi yini ukuthi abantu basakhonza amakhosi ahlukahlukene ngaphandle
kukaNkulunkulu uMninimandla onke? Empeleni, kungakhathaliseki ukuthi abantu basebenzisa ukuphila
kwabo ekuphishekeleni imali, umsebenzi othile, ukuzilibazisa, injabulo yobulili, noma abanye onkulunkulu
abaningi abakhulekelwayo esikhundleni sikaJehova, bakhetha inkosi. (Mathewu 6:24; Roma 6:16) Khonake, ngomqondo othile, izici ezivelele ezazitholakala ekukhulekelweni kukaBhali zisekhona nanamuhla.
Leyo mpi phakathi kukaJehova noBhali ingasisiza ukuba senze isinqumo esihlakaniphile
ngokuphathelene nokuthi ubani esiyomkhonza.

*** w90 11/1 kk. 16-17 ISamariyaEnye Yezinhloko-dolobha Zasenyakatho ***


Ngo-1910 abavubukuli bathola lapho izindengezi ezazinemibhalo, kunemibhalo yokuthunyelwa
kwewayini namafutha omnqumo noma izintela ezazikhokhwa. Kodwa amagama amaningi abantu
ayenegama elithi baal kuwo. Kungase kukuthakazelise futhi ukuthi abavubukuli bathola nezingcezu
zemihlobiso eyenziwe ngezimpondo zendlovu, njengoba kuboniswe lapha. Khumbula ukuthi esikhathini
eside ngaphambili eyoku-1 AmaKhosi 22:39 yakhuluma ngokuthi uAhabi wakha indlu yezimpondo
zendlovu. Mhlawumbe lokhu kuhlanganisa impahla yasendlini enemihlobiso eyenziwe ngezimpondo
zendlovu, njengobukhazikhazi bemibhede yophondo lwendlovu umprofethi uAmose abhekisela kuyo
ekhulwini leminyaka kamuva. (Amose 3:12, 15; 6:1, 4) Phakathi kwemidwebo eyayikuyo
kwakunowesilwane esinamaphiko, esinomzimba webhubesi, nobuso bomuntu kanye neminye imifanekiso
ephathelene nezinganekwane zaseGibithe.
Ukuthintwa kuka-Ahabi noJezebeli kungase kukukhumbuze indlela abafa ngayo. UAhabi walahlekelwa
ukuphila kwakhe empini yobuwula neAsiriya. Lapho inqola yakhe igezwa eduze kwechibi
laseSamariya . . . izinja zaxhapha igazi lakhe, njengoba uEliya ayeshilo. (1 AmaKhosi 21:19; 22:34-38)
Indlovukazi uJezebeli wajikijelwa efasiteleni lendlu yobukhosi wafa. Ingabe kwakukulendlu yobukhosi
eSamariya? Cha. UAhabi wayenenye indlu yobukhosi enyakatho esigodini sikaJizreyeli. Wafisa isivini
esasiseduze sikaNaboti. Besekuphakameni kwaleyondlu, abalindi bebheke ngasempumalanga babona
uJehu egibelise okohlanya ekhuphuka esigodini. Futhi lapho owayeyindlovukazi yaseSamariya
waphahlazeka kwaphumela esiphethweni sakhe esesabekayo kodwa esifanelekile.1 AmaKhosi 21:116; 2 AmaKhosi 9:14-37.
Nakuba iSamariya laqhubeka lilokhu liyinhloko-dolobha, lalingenakho ukuvunyelwa uNkulunkulu noma
isibusiso. Kunalokho labonisa ubutha nobumpi ngenhloko-dolobha yakhe eseningizimu, iJerusalema.
UJehova wathumela abaprofethi abaningi ukuze axwayise ababusi baseSamariya nabantu balo
ngokukhonza kwabo izithombe, ukuziphatha okubi, nokungahloniphi imithetho yakhe, kodwa akusizanga.
(Isaya 9:9; 10:11; Hezekeli 23:4-10; Hoseya 7:1; 10:5; Amose 3:9; 8:14; Mika 1:1, 6) Ngakho-ke ngo-

740 B.C.E. iSamariya lathola isijeziso, lichithwa iAsiriya. Abaningi babantu balo bathunjwa, isikhundla
sabo sathathwa abafokazi.2 AmaKhosi 17:1-6, 22-24.
Kamuva, ikakhulukazi ngesikhathi sikaHerode Omkhulu, amaGreki namaRoma abuyisela ukuvelela
kweSamariya. Ngakho-ke ngisho noJesu nabaphostoli babejwayelene kakhulu nalenhloko-dolobha
engenye yezinhloko-dolobha zasenyakatho.Luka 17:11; Johane 4:4.

You might also like