G10 IsiZulu M11 11.8 Mastery Check Question Paper

You might also like

Download as docx, pdf, or txt
Download as docx, pdf, or txt
You are on page 1of 4

ITHASKHI YESI-4

AMA-ORALI:
INKULUMO
ELUNGISELELWE:
(20)
[Ukulungisa amaphutha nokwethula]

ISIZULU
IBANGA 10

IMIPHUMELA YOKUFUNDA

• Ukulungisa amaphutha nokwethula inkulumo elungiselelwe (Editing your


mistakes and present your prepared speech).
• Ukusebenzisa izihlanganiso emushweni (Using conjunctions in a sentence).
• Ukusebenzisa isichazamazwi (Use a dictionary).
IMIYALELO

• Lungisa amaphutha kwinkulumo elungiselelwe oyibhale ku mojuli 10, bese


wethula inkulumo yakho usebenzisa ividiyo noma uzirekhoda uyethula.
• Ungaziguquli izinombolo zibhale njengoba zibhaliwe ephepheni lemibuzo.
• Inani lamagama kufanele libe yi-100 kuya kwayi-120.
• Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo.
• Fundisisa kahle imiyalelo ngaphambi kokuphendula imibuzo.
• Isibalo esiphelele samamaki omsebenzi ngu-20.
• Lona ngumsebenzi we-SBA, ngalokho-ke kubalulekile ukuthi owenze
njengoba uzobalela kwimaki lakho lokugcina.
• Bhala izimpendulo zakho ngesandla sakho ephepheni. Sicela uqinisekise
ukuthi uyasifaka isimemezelo esingenzansi, kanye nenombolo yakho
yomfundi. Qaphela ukuthi umsebenzi wakho ngeke umakiwe uma
ungabhalwanga ngesandla.

ISIMEMEZELO

Ngiyazisa ukuthi wonke umsebenzi kulo msebenzi ungowami, futhi ngibalule noma
yimiphi imithombo engiye ngabonisana nayo, ngaphandle kwempahla yokufunda
enikeziwe. Angizange ngikopele njengoba kuchazwe kwinqubomgomo yokukopela.

Student signature

INKULUMO ELUNGISELELWE
Bhala inkulumo elungiselelwe
Makuvele lokhu:
• Isihloko: Inkulumo yethulwa ngubani, uhlobo lomcimbi nosuku.
• Ukubonga ithuba nokubingelela izethameli ngezikhundla zazo.
• Ukungenisa inkulumo yakho unamathele engqikithini ozoyixoxa.
• Emzimbeni ubonga izethameli ngokuvela kwazo.
• Ukuphetha ngokunikeza ugqozi entsheni ukuthi ayiqhubeke nokuzinikela
ekubeni izibonelo ezinhle emphakathini.
• Ukuvalelisa ngokubonga ithuba lokuba isikhulumi.
Umfanekiso 1: Ukwethula inkulumo.

UMSEBENZI WOMFUNDI

Isihloko 1.1 [20 amamaki]

Ukhethiwe esontweni ukuba wethule inkulumo elungiselelwe njengoba kade niye


ekhempini ngephasika ukuze abazali baphinde banivumele nangokuzayo.

Isihloko 1.2 [20 amamaki]

Ukhethwe umqeqeshi wakho wezemidlalo ukuthi ulungiselele inkulumo


ezogqugquzela ozakwenu mayelana nomqhudelwano ozayo.

Isihloko 1.3 [20 amamaki]

Njengomfundi wendawo oziphatha kahle kulesi sikole ophumulela ngamalengiso,


isikole sihlele umcimbi wokufundisa abafundi ngobuqhwaga baku-inthanethi.
Ucelwe ukuba ube ngomunye wezikhulumi kulo mcimbi. Bhala inkulumo
elungiselelwe ozoyethula kulo mcimbi.

Important instructions for once your video has been recorded:

• Upload your video to your UCT OHS Google Drive.


• Once uploaded, right-click on the video and select “Get Link”.
• Under get link, click on “Restricted” and change it to “Anyone with link”.
• Click “Copy link” and paste it below.

https://drive.google.com/file/d/10dvK17bc76nKSN_UDnIwXJIJxg1WnY3n/view?
usp=sharing

https://drive.google.com/file/d/18smg19SuowozidW47MYD4IRhSIkOptwz/view?
usp=sharing.
ACTIVITY END

You might also like