Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 9

1

UKUHLOLWA KUKA LWEZI

(NOVEMBER EXAMINATION)

IBANGA: 9

USUKU: 25/11/20

ISIZULU
ULIMI LOKUQALA LOKWENGEZA (FAL)

ISIKHATHI: 2 AMAHORA AMAMAKI: 70


UMHLOLI : N.H.MAZIBUKO UMCUBUNGULI: T. MKHIZE

IPHEPHA LOKUQALA (P1)

1. Leli phepha lineziqephu ezine (This paper consists of 4 sections) A-D.

2. Leli phepha linamakhasi angu-09. Qinisekisa ukuthi nelakho liphelele. (This


paper consists of 9 pages. Check that your question paper is complete.)

3. Fundisisa kahle imibuzo ngaphambi kokuphendula.(Read the questions and


passages carefully.)

4. Qinisekisa ukuthi uwaskena kahle wonke amakhasi ngaphambi


kokulondoloza bese uyathumela isivivinyo sakho. (Be sure to scan all pages
before saving and uploading your test.)

5. Kusokusiza ukubhala ngesandla esicacile, usebenzise ipeni eli-blue noma


elimnyama. (It is in your own interest to write legibly, using a black/blue pen.)

6. Qiniseka ukuthi ubhala ngobunono. (Present your work neatly.)

7. Sebenzisa ibhuku olinikiwe, ubhale igama nesibongo ekhasini ngalinye.


Awuvumelekile ukuphinda ubhale imibuzo njengoba injalo. (Please answer all
questions in the answer book provided with your name and surname on each
paper. You are not allowed to type this test.)

8. Londoloza umsebenzi wakho ngokulandela lolu hlaka:


Isibongo_Igama_Usuku lokuhlolwa. (Save your work according to the
following naming convention: Surname_Firstname_Exam_Date)
2

ISIQEPHU A UKUFUNDA NOKUQONDISISA [20]

Umbuzo 1

Funda le ndatshana elandelayo bese uphendula imibuzo.

Isexwayiso ngengwenya ecashe edamini eRichards Bay.


(Warning against the crocodile hiding in a dam at Richards Bay)

Isolezwe
November 2, 2020
Mbali Khanyile

ABEZEMVELO Wildlife baxwayisa abantu baseRichards Bay ngengwenya


osekuphele izinsuku icashe edamini eliseduze kwendawo yokungcebeleka.

Ingwenya okubikwa ukuthi icashe eduzane kwendawo okugcinwa kuyo izikebhe


ezisetshenziswa ngabantu abasuke bengcebeleke eRichards Bay Small Harbour,
kuthiwa ibonakale ngoLwesine olwedlule ekuseni ngabo 9 ithamele eduze
kwendawo yobumnandi iCubana. Amaphoyisa ahlabe umkhosi abiza ithimba le
ZeMvelo Wildlife nele SPCA. Kuthiwa ingwenya ivele yanyamalala (dissapeared)
yangabe isabonakala ukuthi icashe kuphi nedamu.

Okhulumela eZeMvelo Wildlife, uMnuz Musa Mntambo, uthe namanje ayikatholwa


kodwa basebenza ngokuzikhandla (tirelessly) ukuthi itholakale ngoba impilo yabantu
isengcupheni (in danger).

“Siphuthume endaweni okubonakale kuyo ingwenya ngemva kokuthintwa


ngamaphoyisa ngoLwesine. Ithimba libe selicupha unoxhaka wokuyibamba ngenxa
yokuthi ibingasabonakali ukuthi icashe kuphi. Ngeshwa ayikabambeki,” kusho
uMntambo.

Uthe abantu kumele baqaphele futhi bangasondeli endaweni okubekwe kuyo


izexwayiso ngenhloso yokuqikelela ukuthi abantu abasondeli kuyo.
3

UNkk Shelly Prinsloo weSPCA , uthe abantu kumele behlise amaphaphu ngoba
akuyona into engabathusa ukubonakala kwengwenya ngoba kuhlezi kwenzeka
ukuthi ziqhamuke.

“ Kujwayelekile ukufika kwezingwenya kuleli damu ngakho-ke abantu mabangabi


novalo (fear). Okumele bakwenze wukuqikelela ukuthi bayaqhela (keep away)
njengoba isibonakele ingwenya,” kusho uNkk Prinsloo.

Imibuzo

1.1. Yatholakala kuphi ingwenya okukhulunywa ngayo kule ndaba? .(1)

1.2. Bhala amagama abantu ababili esizwa ngabo kule ndaba. (2)

1.3. Shono ukuthi le misho YIQINISO noma AMANGA. (4)

a) Abezemvelo Wildlife baxwayisa abantu ngengwenya esedamini.

b) Ingwenya icashe eduze kweRichards bay Small habour.

c) Ingwenya yabonakala ngoLwesihlanu.

d) Amaphoyisa yiwona abiza ithimba le Zemvelo iWildlife nele SPCA.

1.4. Bhala igama le siNgisi elisho ukuthi “Mvelo”. (1)

1.5. Tomula amagama asendabeni angomqondofana nalawa alandelayo. (3)

a) amalanga

b) ukuzifihla

c) qaphela

1.6. Bhala amagama angomqondophika nalawa alandelayo. (2)

a) qhela.
b) isibindi

1.7. Yisiphi isilwane osithanda kakhulu empilweni yakho? Kungani? (3)


Bhala amaphuzu amabili.

[Amamaki angama-15]
4

Umbuzo 2

Buka isithombe esilandelayo bese uphendula imibuzo

Sacoronavirus.co.za

2.1. Ngubani igama lomfana osesithombeni? (1)

2.2. Nikeza imiyalelo emibili esiyithola kule sithombe. (2)

2.3. Yini enye esesithombeni ngaphandle komfana? (1)

2.4. Bhala igama elithi “isifonyo” ngesiNgisi. (1)

[Amamaki ayi-5]
5

ISIQEPHU B UKUFINGQA [10]

Umbuzo 3

Funda lo mbhalo olandelayo bese usebenzisa AMAGAMA WAKHO ukuze


uwufingqe. Sebenzisa imisho eyisikhombisa. Sebenzisa amagama angama-50
kuya kwangama-60.

Ukwanda kobuchwepheshe kunciphisa imisebenzi


Ilanga 12 Oct 2017 LUCKY CAIN

KUHLE futhi kubi ukukhula nokwanda kobuchwepheshe (technology) esikhathini


samanje njengoba kukhalwa ngokuthi buqeda amathuba emisebenzi kanti
ngakolunye uhlangothi kwenza kube lula ukusebenza. Ukwanda kobuchwepheshe
kwenza kunciphe kakhulu isikhathi izisebenzi ezisichitha emahhovisi kanti
ngokuhamba kwesikhathi izinkampani zizogcina zingasasiboni isidingo sokuba
izisebenzi ziye emsebenzini.

Phela izinto eziningi abantu sebeyakwazi ukuzenza besemakhaya ngokusebenzisa


ama- laptop, cellphone noma ama- tablet ne- internet. Abantu abasezindaweni
ezahlukene bayakwazi futhi ukubamba umhlangano ngokuxhumana ngeSkype
badingide okumele kwenziwe. Esikhathini samanje izisebenzi ziphila ngabo
ubuchwepheshe ngisho nezinto zokuncokola uma zizihlalele emakhaya yibona
obuhamba phambili. Ezinye izinkampani seziqalile ukusebenzisa izindlela zesimanje
zokuxhumana nezisebenzi ngaphandle kokuba zize ziye emahhovisi.

Nakuba lezi zindlela zesimanje zobuchwepheshe zingenisa kakhulu kodwa


zibonakala ziseyinselelo kulezo zisebenzi esezikhulile ngokweminyaka. Ongoti bathi
labo abakhulile ngokweminyaka basakuthola kunzima ukubhekana noshintsho
ezindaweni zokusebenza. Kuthiwa kulula kubona ukusebenza ngendlela yakudala.
Enye yezinto eyenza abanye bangazemukeli kahle lezi zindlela zobuchwepheshe
zesimanje zokusebenza yingoba zibonakala ziqeda amathuba emisebenzi njengoba
ubuchwepheshe bukwazi ukuba umsebenzi obuwenziwa ngabantu abayisithupha
wenziwe ngumuntu oyedwa ngokucofa i- computer konke kuhlangane.

Masiqaphele ukuthi nazo izinkundla zokuxhumana sizisebenzisa ngezindlela


ezingakwazi ukusizuzisa ngokuhamba kwesikhathi. Osaziwayo abehlukene
bayakwazi ukuzenzela imali ngezinkundla zabo zokuxhumana kwazise
banabalandeli abaningi kuzo.

Ukwabiwa kwamamaki

• Ingqikithi (6)
• Uhlelo nolimi (3)
• Inani lamagama nokulibala (1)
[Amamaki ayi-10]
6

ISIQEPHU C INKONDLO [10]

Umbuzo 4

Funda le nkondlo elandayo bese uphendula imibuzo.

NGIKHATHELE NGIDINIWE

B. MAVUSO

1. Ngikhathele ngidiniwe,

2. Amehlo ami agcwele ubhici,

3. Ngenxa yesici,

4. Esibhacekwe emzimbeni wami ngidiniwe.

5. Mabonakude uyinkathazo,

6. Uyinkathazo mabonakude,

7. Udoba izingane ngopopayi,

8. Zikholwe yiyo yonke le mfishimfishi,

9. Zikholwe yilo lonke lolu vucu.

10. Empeleni uyinto yamavila,

11. Ovila voco abahlale bebila,

12. Wuvalo lokukhala kwesivalo sentshebe,

13. Kwazise phela ayizwani nezingane,

14. Ezigqolozela ububi bakho mabonakude ndini.


7

Imibuzo

1. Ngubani umbhali wale nkondlo? (1)

2. Le nkondlo inemigqa emingaki? Bhala inombolo ngamagama. (1)

3. Luhlobu luni lwenkondlo lolu? Bhala isizathu esisodwa sokusho njalo. (2)

4. Bhala indikimba yale nkondlo. (1)

5. Chaza ngomusho owodwa amagama athi: “Vila voco”. (1)

6. Humusha amagama athi “ngikhathele, ngidiniwe” ngesiNgisi. (2)

7. Ucabanga ukuthi uthini umyalezo wale nkondlo? Bhala amaphuzu amabili (2)

[Amamaki ayi-10]
8

ISIQEPHU D UHLELO NOKUSETSHENZISWA KOLIMI [30]

Umbuzo 5

Buka izithombe ezilandelayo bese uphendula imibuzo.

Printest.com vectorstock.com

5.1. Gcwalisa izikhala ngezivumelwano zenhloko ezifanele.

Isib: Abantwana bakhumbuza abazali ngomsebenzi wasekhaya.

a) Amabhasi esikole ___hamba ekuseni. (1)


b) Umzali ___ phathele ingane yakhe ukudla. (1)
c) Bona ___ gqoke umfaniswano omuhle. (1)
d) Othisha ___ fundisa izingane. (1)

5.2.Guqula amagama agqamile akhombe inkathi ezayo emishweni.

a) Abantwana bayadla ekuseni. (1)


b) Basibhalile isivivinyo sabo. (1)
c) Usizo lukaThishanhloko balutholile ehhovisi. (1)
d) Izingane zesikole ziyahleka. (1)

5.3. Shintsha amagama agqamile ukuveza ondaweni.

a) Abantwana bafuna ukuya isikole. (1)


b) Bona bazogibela ibhasi. (1)
c) Uma kuphuma isikole othisha baya idolobha. (1)
d) Bonke bagqoke amasokisi izinyawo. (1)
9

Umbuzo 6

6.1. Bhala isabizwana esifanele esikhundleni sebizo. Isib: yena

a) Abazali babhalisa izingane zabo. (1)


b) Izikole zidinga ukuhlala zihlanzekile. (1)
c) Udadewethu ufundela ukuba nguNesi. (1)
d) Kulenyanga umphakathi uthengela abantwana izinto zikaKhisimusi. (1)

6.2. Bhala izibanjalo zezabizwana ezilandelayo.

a) Bona (1)
b) Yena (1)
c) Zona (1)
d) Lona (1)
e) Mina (1)

6.3. Guqula amagama akubakaki ukhombise inkathi ekade yadlula.

a) Mina (ngifunda) ePietermaritsburg ngo-1999. (1)


b) Umabonakude (uveza) izikole ezaphumelela ngonyaka odlule. (1)
c) Imiphumela ka-Matric (ibonakala) ephepheni. (1)

Umbuzo 7

Emishweni elandelayo, yisho ukuthi igama elibhalwe ngokugqamile liluhlobo


luni lwebizo? Isib: imoto - ibizomvama

7.1. Ibhasi lesikole likhokhelwa imali. (1)

7.2. UNkkz. Mazibuko ufundisa isiZulu. (1)

7.3. IJohannesburg inezikole eziningi kakhulu. (1)

7.4. Iqembu lebhola lizodlalela isikole. (1)

7.5. Baphethe izikhwama ezisindayo. (1)

[Amamaki angama – 30]

You might also like