Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 24

UMENDO

Written by: Nomfundo Nokulunga Ntombela


Photographs by: Cphe Chiliza

Main Characters:

Ntandokazi- Thandeka Makhanya

Siphosethu- Andile Mthembu

Nsizwa- Thobelani Zondo

Nobukhosi- Nompumelelo Mathe

BACKGROUND
Umendo indaba ebhalwe u Nomfundo Ntombela, exoxwa ngezithombe izithwebulwa ngu Cphe
Chiliza. Umendo ukuhlangana okanye ukusebenzisana kobuciko bezithombe kanye nobuciko
bokubhala. Sithuthukisa kakhulu ulimi lwethu lwesiZulu.

Umendo indaba ekhuluma ngezithandani ezisencane ezizithola zilwela uthando lwazo. Okugcina
kuphume nomphefunulo woyedwa, kushiya omunye ebhekene nesiko lokungenwa.

Iziqephu eziningi zenzeka eMfuleni, okuyilapho izithombe eziningi zithwetshulwa khona, lomfula use
Nanda Newtown A, eMatendeni.

Ngalesitori sizama nokuveza ubuhle bemvelo yaselokishini lethu esikhule kulo.

Thokozelela nansi indaba yethu.

NB: (Not based on a true story)

Abadlali abaqavile
INTRODUCTION
Umudlalo owuchungechunge:

UMENDO: Izithombe zithwetshulwe eNanda Newtown A, eMatendeni.

Ukungeniswa kwabalingisi abahamba phambili:

UNtandokazi yindoni yamanzi, intokazi enhle eshaya ngebala elipholile eli darky. Inomoya ophansi,
nesizotha, angisakuphathike okwenhlonipho ibuzwa kuye. Izinsizwa zonke esigodini sangakubo
zazimufuna ngapha nangapha, pho ke kusho ukuthi intokazi le isizithandela insizwa yakwaDlomo
injalo nje iyafa ngaye.

UNtandokazi beno Siphosethu sebeneminyaka emithathu bethandana. Njenge Ntombi


nto uNtandokazi kwafanela ukuba ahambe ayoqoma amise iduku kwaDlomo, emva kwalokho ke
labakwaDlomo beza phela bezomkhumula, kwaphinde indodana yabo yazocela.

Uthando lwalaba ababili uthando olufiswa nanoma ubani osemathandweni, indlela abanakekelana
ngayo, indlela abaneqiniso ngayo, nendlela nje abathandana ngayo yenza abaningi bakholwe ukuthi
uthando lwangempela lusakhona.

USiphosethu naye insizwa nje impela ezinsizweni ziphelele, uthando naye analo ngengoduso yakhe
luyamangaza, angenza nanoma yini ukuqiniseka injabulo kaNtandokazi. Bese kuba khona ke uNsizwa
umfowabo omdala kaSiphosethu. uNsizwa ungumgodi kawugcwali inkosi impela, phela uNsizwa
uzishaya amashushu ngengoduso kabhuti wakhe, okuxakayo ke yikho nje phela ukuthi uNsizwa yena
uganiwe unonkosikazi, kodwa phezu kunjalo uzidlisa satshanyana ngapha kuNtandokazi…

Ihhe! Engabe iyozala nkomoni.

Ntandokazi
ISIQEPHU 1
EMFULENI
(NTANDOKAZI, SIPHOSETHU, NSIZWA, NOBUHLE, NOMAQHIKIZA, MUNTU)

Kuyizikhathi zantambama nelanga seliyozilahla kunina, uNtandokazi uhleli phela Emfuleni endaweni
yabo lapho bahlangana khona njalo nesoka lakhe uSiphosethu. Esahleli elinde isthandwa sakhe
ulokhu ekha phela izimbali ezinhle azibona lapha Emfuleni, ekhelela phela ukunika isoka lakhe uma
lifika.

NTANDOKAZI : Hawu uyabona ke le akuve izomfanela uSethu wami.


"Ezikhulumela yedwa emamatheka phela, ebuka lobubuhle bembali abuphethe ngesandla sakhe.
Uthe esajule imicabangweni yakhe ngalembali ayiphethe esandleni sakhe, wezwa ngento imuthinta
ehlomble".

NTANDOKAZI : Sethu wami ngabe uwe lowo sthandwasami?

NSIZWA : Cha, hayyi ntokazi yimi isithandwa sakho.


NTANDOKAZI : Bhuti uNsizwa ngingakusiza ngani?

NSIZWA : Hawu bakithi kanti weMalokazane koze kube nini ngithi awuyeke kungibiza ngo “bhuti”

NTANDOKAZI : Bhuti uNsizwa ngingakusiza ngani, ngiyaphinda futhi ngiyabuza?


NSIZWA : Kanti vele wentokazi uyoze ungiqome nini?
NTANDOKAZI : Kanti ngiyoze ngikutshele kangaki ukuthi lokho asoze kwenzeke kungawa ilanga
licoshwe zinkukhu.

NSIZWA : Kahle kahle kanti wena yini inkinga yakho?


NTANDOKAZI : Inkinga yami ukuthi ngiyingoduso kamfowenu.

NSIZWA : Pho ngalokho? Awazi wena ukuthi oseyishayile akakayosi, oseyosile akakayidli, oseyidlile
udle ucala.
NTANDOKAZI : Hayi ke kwakuhle ngoba mina angisonyama angosiwa, kanti futhi angisokudla
angidliwa. Futhi ke okubaluleke kunakho konke ukuthi unomfazi, futhi nje angikuthandi nakancane.

NSIZWA : Aibo! ubani ke osekhulume eyothando? Vele akusiwona umsebenzi wakho ukuthi
ungithande, umsebenzi wami njengendoda ukuthi ngikuthande ngikunakekele, wena ke okwakho
ukuthi ungithobele, ungihloniphe uphinde ungiphe indawo yami njengendoda.
NTANDOKAZI : Bhuti uNsizwa angikuthandi, futhi angiyithandi yonke lento oyenzayo yokuhlezi
ungivimbezela. Uzongiqhatha nesoka lami.

“Athathe amagxathu amabili uNtandokazi ezama ukuhlehla eduze kukwaNsizwa, kodwa uNsizwa
avele ambambe amdonse ngengalo.”
NTANDOKAZI : Bhuti uyangilimaza. Ngyakucela bandla ungiyeke ngihambe, buka nje ungifakela
amehlo abo bonke labomamgobhozi esebethe njo kithi.

NSIZWA : Lalela ke sizoyenza ibelula lento. Kukuwe ukuthi uyazihambela okunya ngiyakuthwala.
Ngiyinsizwa yomzulu phela mina, kuyisiko lami ukuthi ngikuthwale ngikuvalele size sigcagce. Inhlanzi
yashelwa amanzi manje kuNtandokazi, wangabe esazi ukuthi enze njani… wavele wasidinda
esikaNandi.
NSIZWA : Kokusiza uyeke ukuphicika. Sihambe siphume siphele lapha Emfuleni, kungenjalo
ngizolandela isiko lokukuthwala.

NTANDOKAZI : Bhuti ngyakucela ungayenzi leyonto. USiphosethu uzokhathazeka kakhulu uma


engangifici lapha emfuleni.
NSIZWA : Ngibukeka mhlampe njengomuntu onendaba nalokho Asambe!!!!

“Uthe esaphicilika enjalo uNtandokazi, wabe nangempela esemqukula emthwala uNsizwa.


Wahamba naye wayomvalela kwelinye lamagumbi ehlathini elikhona lapha Emfuleni.”

‘Bathe benganyamalala ezintombi zendawo ezingomamgobhozi ebezikhona lapha emfuleni, zasala


zafa ihlaya. Sazitika zaze zadela ngegama likaNtandokazi.’
‘Kuthe kusenjalo kwaqhamuka phela uSiphosethu wahlala phansi buqamama nalezi zintombi
walinda ingoduso yakhe phela. Uhlale imizuzu, yaze yaphenduka amahora elinde isithandwa sakhe.
Waqala ke manje wakhathazeka emoyeni ngoba phela isithandwa sakhe lesi asisiye umuntu
ongasigcini isikhathi.’

NOBUHLE : Ihhhe! kodwa wemkhozi kanti loNtandokazi yini le anayo thina esinganayo ngempela?

MUNTU : Weeeehhh mkhozi hayyyi impela intombazanyana le izosithathela wonke amadonda


endaweni… siyosala sincela izithupha ngiyanitshela.

NOMAQHIKIZA : Kodwa bakhozi uthi kusayikho kodwa uma esethatha namadoda ashadile?

MUNTU : Aibow we oe hhayi nje ukuthi eshadile


kuphela. Kodwa engumfowabo wesoka lakhe. Hawu yaze yabola intombazane.

‘Bathe besahleba, ngawo lowomzuzu wasukuma USiphosethu waqonda nqo kubo, ukuyobuza phela
ukuthi ngabe bake basibona yini isithandwa sakhe, ngoba phela ibona bantu laba abafice lapha
Emfuleni.”
NOBUHLE : Mkhozi ningaphenduki, nangu USiphosethu, awu shame isi aramu seNkosi uthi uzobheka
phela lonondindwa wakhe. Ngaze ngamzwela.

“Baphenduka bonke ngokulandelana, beqalaza phela uSiphosethu bembuka ngamehlo


asakumdabukela kodwa futhi asakuhlekisa ngaye.”

NOBUHLE : Hau bakhozi kanti ninjani ngithe ningaphenduki.

NOMAQHIKIZA : Aibow oe uyazi ke nawe inzima kabi ke leyo yokungaphenduki. Imani nangu eza la
kithina… sizothini?
MUNTU : Aibo! angeke sisho lutho. Akuzindaba zethu lezi, asizingeni futhi azisidingi. Thulani ke
nangu eseseduze.

SIPHOSETHU : Hau sanibona bo makhosazane. Ngabe niyaphila kodwa.

AMANTOMBAZANE : Yebo siyaphila Sethu.

SIPHOSETHU : Ngabe amakhosazane awalibonga ithemba lami lapha emfuleni namhlanje? Bekumele
sihlangane ngalo leli hora manje kuyangithusa ukungamfici, akasiyena umuntu ovamise
ukungasigcini isikhathi.

NOMAQHIKIZA : Hayi bhuti cha akaze sibone lutho nje.

SIPHOSETHU : Hawu kwakubi ke lokho… kodwa ngiyalizwa iphunga lakhe ubekhona lapha
uNtandokazi wami.

NOBUHLE : Ayyy bangani asimtsheleni iqiniso…

NOMAQHIKIZA : Iqiniso lokunuka… shhh awuthule yini ngawe.

MUNTU : Anikahleni nina nobabili ukukhuluma izindaba ezinganidingi. Bhuti asiyibonanga ingoduso
yakho. Finish and klaar.

NOBUHLE : Hayibo… siyokwenza njani uma ngabe khona into embi eyenzeka kuNtandokazi?
Niyokwazi ukuhlala nalowo nembeza… cha mina bandla angeke ngikhone.

NOMAQHIKIZA : Hayi! yini indaba kanti wena Nobuhle ubuye ube isilima kangaka. Wazi kahle nje
ukuthi uNsizwa akasoze amlimaze uNtandokazi.

SIPHOSETHU : Imake sisi. Uma ukhuluma ngoNsizwa usho umfowethu impela lo owangishiyela ibele?

NOMAQHIKIZA : Ummmmhhh ayyyyy….eishhh hawe mah… kodwa lomlomo wami omkhulu. Hawe
Jesu uzongibulala nya uNsizwa uma eke wezwa kuthi yimina okhulume izindabazakhe.
SIPHOSETHU : Lalelani we mantombazane, ngikhathele ilomacashelana eniwudlalayo. Ukhona
oyedwa ongaphumela obala angazise ngokwenzakalayo lapha? Ngingaze ngiphelelwe isineke.

NOBUHLE : Bhuti, UNtandokazi uthwalwe uBhuti wakho uNsizwa.

“Kwabasengathi uhanjelwa inqondo USiphosethu, wabamba ikhanda, wabamba izinyawo, washona


le nale, izinyembezi zigcwele amehlo. Wathatha induku yakhe, wasuka ngelikhulu ijubane eyocinga
phela umfowabo uNsizwa. Ehamba ememeza uMfula wonke nehlathi lakhona, ngethemba phela
lokuthi isithandwa sakhe singase silizwe iphimbo lakhe.”

SIPHOSETHU : NTANDOKAZI, NTANDO, SITHANDWASAMI UKUPHI, UYANGIZWA KAZI WAMI?


NGIZOKUTHOLA THEMBALAMI NGIYATHEMBISA, NGIZOKUTHOLA NTANDOKAZI WAMI.

NOMAQHIKIZA: Ekazi iyozala nkomoni Phakathi kwaNtandokazi noSethu.


ISIQEPHU 2
(SIPHOSETHU, NTANDOKAZI, NSIZWA, NOBUKHOSI)

EMFULENI:
“USiphosethu uhamba uyamemeza umfula wonke nehlathi lakhona, ubheka phela isithandwa sakhe.
Kodwa lutho ukusithola. Kuze impela kuqale kuhwalale kubemnyama manje. Usekhathele uyimvithi
kanti futhi nethumbu seliyasho indlala. Avele aphikelele ekhaya ngethemba lokhuthola nanoma
ngumfowabo uNsizwa.”

KwaDLOMO:

“Uthe engafika emagcekeni akubo waqonda nqo elawini likaMfowabo. Wanqonqoza emnyango
kuhle kwephoyisa.”

NOBUKHOSI: Hhayi bo, ubani lowo ofuna ukungiphulela isicabha sakwami kanti?

SIPHOSETHU: Sibari imina uSethu ngiyaxolisa kuyaphuthuma. Ngisacela uphuthume uvule.

NOBUKHOSI: Kulungile muntu wasemzini ngiyeza bhuti.

Avule isicabha uNobukhosi, angene esegulukudela uSethu, ephethe induku yakhe ngesandla.
SIPHOSETHU: Uphi? Ucashephi? Ngithi uphi bo?

NOBUKHOSI: Hayibo Sbari usuyagula mhlampe, ngabe khona isipanela esingasahambi kahle okanye
network ayisadonai kahle? (efa ihlaya?)

“Nangoke USiphosethu esho ukumqeda ngenqindi wabuye wazibamba, wamxhakathisa


sakumpitshiza odengeni.”

NOBUKHOSI: Sethu uyangilimaza (ekhala)


SIPHOSETHU: Ucabanga ukuthi umdlalo lo huh? Ucabanga kuthi kusiniswa amahleza huh? Indoda
yakho ivalele ingoduso yami wena uzothi ngiyasangana? Uphi uNsizwa?

NOBUKHOSI: Angizwanga kahle, uthi uNsizwa wenzeni?

SIPHOSETHU: We Khosi, ngithi siphi lesishimane sakho?

NOBUKHOSI: Lalela ke la weDlomo omncane uzongangeni emzini wami uzothuka indoda yami emzini
wayo pho awunamahloni. Wena inkinga yakho uhluleka ukubopha inja yakho. Yabona ke manje
isidle amaqanda eNkukhu ewrong, ngimfunge uDadewethu kaBaba. UNtandokazi uzowukhomba
umuzi onotshwala.
SIPHOSETHU: Umthetho wakho ntombazane ndini awunamahloni, awunanhlonipho ozongisongela
emagcekeni omuzi kaBaba. Uzosongela ingoduso yami kimina uqobo. Yey wena nomfwethu niyafana
ncamashi. Ngiyahamba ngiyofuna lento yakho oyibiza ngendoda… la ngizomthola khona… eyyyyiiii
Inkosi ingisize. Ngizobulala umuntu.

NOBUKHOSI: Hamba lesiyoyo sendoda, hamba uyobheka lonondindwa wakho obhidliza imizi yethu.
Umtshele kuthi ngithe kophela sofana.

SIPHOSETHU: Nxayi sala lomthakashana lo.

Aphume abhakaze isicabha Usiphosethu uyafuthelana ukudinwa. Impela Inhlanzi ishelwe ngamanzi,
akasazi ngampela ke manje ukuthi enze njani. Futhi manje nokukhathala nendlala kumumi ngenhla.

SIPHOSETHU:”kodwa thembalami engabe ukuphi, sengibheke yonke indawo ebengiyicananga kodwa


lutho kukuthola. Kodwa nhliziyo yami ngiyathembisa ngizokuthola sthandwasami, ukusa kusasa
kuzobonwa yimina, ngizokuthola ndoni yami yamanzi. Ngizokuthola MaMnguni omuhle”
Usiphosethu usho wonke lamazwi ukhuluma yedwa egqolozele isithombe sikaNtandokazi,
nezinyembezi sezigeleza.

KwaDLOMO, ELAWINI LIKA-NSIZWA:

“Kuphakathi kwamabili uNobukhosi akalele ubheke ngawo omabili, ulinde umyeni wakhe ukuthi
abuye ekhaya, unethemba lokuthi konke lokhu obekushiwo uSethu akusilo nakancane iqiniso.”

NOBUKHOSI: “Yazi umuntu azodlala oSethu nje bekhuluma amanga. Uyawazi umbhedo, nje. Angeke
nje mina uDlomo wami angenze nje. Angeke”.

“Ukhuluma yedwa nje izinyembezi zigcwele amehlo, uhlezi phansi kusofa ebumnyameni. Uthe
esahlezi wezwa isicabha sivuleka. Maye! Babo!, nangoke uNsizwa engena enyonyoba.”

NOBUKHOSI: Wo wo wo… ibambelapho ke mnumzane. Unyonyoba nje phakathi kwamabili uvelaphi?

NSIZWA: HAWU Sthandwasami ngiyaxolisa mylove bengingaboni ukuthi usabhekile, bengithi usulele
manje bengingafuni ukukubangela umsindo.

NOBUKHOSI: Mawubuka mina weNsizwa ubona kubhalwe ukuthi “silima” la esiphongweni sami?

NSIZWA: Mameshane! Nansi ingulube inginonela. Haibo we Mamkhize usuwangibiza ngegama,


ungisho nje impela ungigagule ngaleli lami engaiqanjwa ubaba ongizalayo.

NOBUKHOSI: Kanti akulona yini igama lakho? Ngibuze umbuzo Nsizwa uphumaphi?

NSIZWA: Akumdokwe ogayelwe wena lowo.

NOBUKHOSI: Dlomo usuyangijolela?

NSIZWA: Awungixege sketi uyangiqina.

NOBUKHOSI: (ebibitheka izinyembezi zigcwala amehlo), Baba wezingane zami, themba lami, ngabe
iqiniso leli engilizwayo ngawe noNtandokazi.

NSIZWA: hehehe hehehe (efa phezulu ihlaya ehleka sakumaketha aze abhuquze kusofa) musa
kungihlekisa la wena Khosi, ubiza mina ngobaba wezingane zakho? Ziphi lezozingane, sineminyaka
emihlanu sishadile, kodwa uhlulwa nje into eyodwa, ukungizalela indodana, kwandodakazi leyo ke
iyakuhlula nayo. Musake nje wena ukungithuka ungibize ngobaba wezingane zakho. Ziphi zona
Awunanzalo wena… winyumba nje.

NOBUKHOSI: (ekhala) hau kodwa Baba usungaze ukhulume amazwi abahlungu kangaka kimi.
Ngikwenzeni kodwa olubi. Selokhu ngafika lapha emagcekeni akoDlomo ngiyakunakekela,
ngiyakuthobela, ngiyakuthanda futhi ngizama nangakho konke okusemandleni ami ukukujabulisa.
Kodwa iyona ndlela wena le ongibonga ngayo. Ngokuthi usho amashushu ngengoduso kamfowenu.
Ungihlekanisa nawo wonke umuntu lapha esigodini saseMatendeni. Awu kodwa wangenza
Ntandokazi.

NSIZWA: Yey… uNtandokazi akakwenzanga lutho nje sdalo, wenziwe ilobunyumba bakho. Khosi
ngifuna abantwana. Kanti ke futhi uNtandokazi uyena ozongizalela indodana, akwenzele umsebenzi
wakho wena lo okuhlulayo njengomfazi.

NOBUKHOSI: Komele ukuthi ungibulale kuqala. Soze lesosidwedwe sentombazane singene lakwami.
Hhayi ngisaphila, ungabona amehlo esibungu.

NSIZWA: soke sibone ke ntokazi.

NOBUKHOSI: Soke sibone impela nawa amehlo ankanke umbombo.


Kumcasule kakhulu uNsizwa lokhu ukuthi umkakhe uqophisana naye. Amsikaze ngempama, abuye
azikhuze.

NSIZWA: Ngizokwenzakalisa kanzima weMaMthembu… ngishele nje ngizokuqoma. Awulethe ukudla


kwami ngidle ngilambile.

NOBUKHOSI: Awuyi ngani kokufuna kuNtandokazi wakho… noma ngithi wenu.

“Asuke ahambe uNobukhosi ayongena egunjini labo lokulala.’

NSIZWA: Hheyi kwaze kwangeyisa lokhu komfazi madoda.

“Asukume ayobheka ukudla, ufika wonke amabhodwe awashiwe omile khweqe. Akakholwa ukuthi
ngabe uNobukhosi lona osephenduke waba nonya kangaka. Adinwe agane unwabu, adube ngisho
ukuyolala egunjini labo lokulala, avesane aziphonse kusofa azumeke.”

KwaDLOMO, ELAWINI LIKA-SIPHOSETHU:

“Ekuseni ukusa kubonwe uSethu, avuke abhekise amabombo eMfuleni, ngethemba phela lokuthi
namuhla angase abe nenhlanhla athole nomanje umkhondo wokuthi ithemba lakhe lingakuphi.”

SIPHOSETHU: “yabona namhlanje elamanqamu, ngimfunge uMaSibalikhulu uMama ongizalayo…


uNsizwa uzowukhomba umuzi onotshwala uma enganginiki uNtandokazi wami”

EMFULENI:
“Endleleni eya emfuleni uSethu ulokhu ememeze njalo, ememeza phela uNtandokazi. Nanamuhla
abheke umfula wonke neziziba zakhona kodwa lutho ukuthola ingoduso yakhe. Kuze kufike ekutheni
ecabange iqhinga angalisebenzisa ukuze abone ukuthi umfowabo lo uyifihlephi ingoduso yakhe.”
SIPHOSETHU: “Yabona manje ngikhathele impela selokhu ngivuke ekuseni kusa lutho nje
nokusamkhondo. Mhlampe ake ngiyocutha ngasekhaya. Uzothi uma ephuma ebaleni uNsizwa
ngimalandele kancane kancane, ngize ngiyongena naye lapho aphelela khona. Yah hau
bengingakucabangi ngani lokhu sonke lesikhathi. Kungase kungisebenzele”.

“Nangempela uSethu ahambe ayocasha, akuphelanga mizuzu mingaki wabe esephuma umfowabo,
ephethe indishi yokudla ngesandla sakhe, kanye no 2 litre wesigubhu samanzi.”

“Nangempela umfowano omncane wamlandela sakunyonyoba, wamlandela edane ecasha


ngezihlahla ehlathi.”
“Kuthe emva kohambo olungalude kakhulu nasemfuleni wabona umfowabo eyongena kwenye
yezindlu eyakhiwe ngamaplangwe khona lapha ehlathini eduze naseMfuleni.
Uthe esathi uvala isicabha uNsizwa, wangena nezicabha USiphosethu. Into yokuqala ayenzile
ukulahla umfowabo ngenqindi phansi, kwachithela mdoko abewuphethe ngendishi yokudla.”

SIPHOSETHU: Ntandokazi, Kazi wami, thembalami… (emqaqa intambo aboshelwe ngayo esihlalweni,
emsusa nesallotape avalwe ngayo umlomo)

NTANDOKAZI: Sethu wami, bengazi ukuthi uzongithola thembalami. (Bahagana, zehla izinyembezi
kubona bobabili) Bathe besathi bayaqabulana…

NTANDOKAZI: Sethu emvakwakho! (ememeza! ekhomba uNsizwa osho ukuqeda umfowabo


ngesagila ekhanda).

You might also like