Professional Documents
Culture Documents
Amalungiselelo
Amalungiselelo
Amalungiselelo
IZINHLOSO NGQANGI:
Izindlela/Amasu okufundisa
Uthisha uzosebenzisa amasu azokwenza kube lula ukufunda kubo bonke abafundi, okubalelwa
kuyo ingxoxo yekilasi.
Isinyathelo sesithathu:
UThisha uzoqala isifundo sosuku.
UThisha uzobe esenikeza abafundi incazelo yephephandaba nephephabhuku.
Nansi incazelo:
I-athikhili yephaphabhuku iyindlela yokuletha ulwazi, inguquko, imininingwane ethile mayelana
nalokho ofisa ukukwedlulisa noma ofuna ukukukhangisa. Uma ubhala i-athikhili sebenzisa ifonti
ehlukahlukene, imibala ehlukahlukene egqamile. Le midwebo igqugquzela ukuthengisa
umqondo othize. Ungabhalwa ngamagama athize okunezelela okushiwo yizithombe. Amanye
amaphephandaba aphuma nsuku zonke, kanti iphephabhuku lona liphuma kanye ngenyanga
noma kanye ezinyangeni ezintathu. Indlela ebhaleka ngayo imibiko yephephandaba
neyephephabhuku iyefana, kuhluka nje ukuthi umbiko wephephandaba uzohlala isikhathi
esifishane ngoba nephepha lihlala isikhathi esifishane kanti umbiko wephephabhuku wona uhlala
isikhathi eside. Kusetshenziswa isakhiwo nesitayela esifanele.
Okumele kuqashelwe ngenkathi kubhalwa:
Indatshana yephephandaba/yephephabhuku kumele ishaye emhloleni; idlulise lokho
okusemqoka. Ifingqe ngokunembayo, ingachezuki eqinisweni. Iba nesihloko esihle esihehayo.
Kwesinye isikhathi ihambisana nesithombe esicacile.
Isinyathelo sesine:
Uthisha uzobe esebheka izimpawu zombhalo oyiphephandaba noyiphephabhku.
Isihloko- Sibhalwa ngamagama agqamile amakhulu kunamanye amagama.
Isihlokwana- Sibhalwa sigqame ngamagama angaphansana ngobukhulu kunalawa esihloko.
Isihloko esichaza indaba ngamafushane- kuba isihlokwana esiwumongo wesiqeshana.
Isithombe- sigqamisa okwenzakayo kulowo mdlalo siveze okuthile okuhambelana /
okuhambisana nokwthulwayo.
Omalukeke- Bagcizelela okuthile okungaba isihloko sendaba noma amagama olunye ulimi avela
embhalweni wesiZulu.
Okubalwayo- Izinombolo zisetshenziswa uma kunamaphuzu abalwayo.
ISIPHETHO:
UThisha uzokhumbuza abafundi ezimpawu zombhalo wephaphandaba nephephabhuku.
IZINSIZA:
Incwadi yomfundi, Isiyaluthanda ulimi lwesiZulu. IsiZulu sethu ibanga-10.
Ibhodi kanye neshokhi.
UKUHLOLA:
Umsebenzi wasekhaya
Isihloko sephephandaba elizofundwa ekhaya: Baqola ngoJehova
Bheka le ndaba elandelayo ecashunwe ephephandabeni utomule izimpawu zemibhalo etholakala
khona.