Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 12

ISIZULU ASSIGNMENT 11 FEEDBACK

SEMESTER 2 2022
Umbuzo 1
(a) Isimo senhlalo ezimpilweni zabalingiswa abakhulu sinamthelela muni endikimbeni
yenoveli kaZamokwakhe Mkhize ethi KUXABENE UBENDLE. (10)
Kulo mbuzo abafundi kulindeleke ukuba bekwazi ukuveza ukuthi siyini isimo senhlalo kanye
nokuchaza indikimba yomdlalo osezithebeni. Isibonelo: Isimo senhlalo singachazwa
njengendlela abantu abasuke bephethene ngayo emdlalweni okungaba ukuzwana noma
ukuzondana. Isimo senhlalo siphinde sigxile ezimeni zomnotho abantu abasuke bephila
ngaphansi kwazo. Lokhu kungaba ukukhomba ngophakathi noma ukweswela ngenxa
yendawo abahlala kuyona namathuba emisebenzi namabhizinisi.
Enovelini efundiwe sithola ukuphilisana ngendlela engeyinhle phakathi kwabadlali
okungumfundisi uSokhela kanye noMazibuko. Kuyavela ukuthi umfundisi wayekade eliphethe
kahle ibandla nabantu bemthanda. Kuphinde kuvele esebenzisa indlu yesonto neyindawo
engcoywana kunaleyo yasemjondolo elokishini lapho abanye abafana noMazibuko nomkakhe
behlala khona. Umoya nokungafiselani okuhle kugcina kwenza umfundi akhelwe uzungu aze
agcine eboshelwa into angayenzanga. Ugcine elahlwa nangabantwana bakhe
abebemethembile.
Ingxenye yesibili ichaza indikimba yenoveli. Indikimba yilokhu inoveli ekhuluama ngakho.
Imibono yabafundi ingehluka lapha. Abanye bangachaza ukubekezela okholweni bese benza
izibonelo ngesenzo sikamfundisi sokumela iqiniso nokungasuki ekwethembeni uMdali noma
esekhishwe inyambazana nangabantu abekholelwa ukuthi bazomthanda kuze kube
sekupheleni.
Olunye uhlangothi lungachaza indikimba ngokuthi ingeyomona nokunganeliseki. Ukusekela
lokhu bengabe sebechaza izenzo zikaMazibuko nonkosikazi wakhe zokuhalela isikhundla
sikamfundisi beze bemakhele uzungu lokuthi wenze icala.
Ngamafuphi konke lokhu okuchazwe engxenyeni yokuqala neyesibili kumele kuhambelane
noma kukhulumisane njengoba isimo senhlalo kuyisona esethula indikimba noma umbono
womfundi ngendikimba yenoveli
(b) Enovelini kaZamokwakhe Mkhize ethi KUXABENE UBENDLE ake uchaze ngezigigaba
ezitholakala kuyo, veza ezinkulu nezincane. (8)
izigigaba ezinkulu
Ukuvela kwecala lapho umfundisi uSokhela esolwa ngokudlwengula umkaMazibuko
Ukugwetshwa kukamfundisi
Ukuphikwa kukaMfundisi ngabantwana bakhe
uSibisiso indodana kamfundisi ibinakala idlondlobala ngokuziphatha kabi izie igcene yeba
izimoto
Abafundi balindeleke ukuba bethule nezinye izigigaba
Izigigaba ezincane
Ubuhlongandlebe obenziwa yinkane kamfundisi ehlupha abazali bakhe ekhaya
uMazibuko nomkakhe bathunga icebo lokuyengela umfundi ophathi
Umphakathi uyeka ukuza esontweni ngoba engasekho umfundisi uSokhela
Umfundisi uSokhela uvalelwa ejele nabantu abayingozi ababenza ubigebengu obusabekayo

(c) Ngabe inoveli oyifunde kulo nyaka iqukethe indaba engenzeka ngempela? Sekela. (7)
Yebo, inoveli iqukethe indaba engenzeka ngempela. Abafundi kulindeleke ukuba bechaze
inoveli beyiyamanise nezimo eziqhubekayo emphakathini zemibango yezikhundla
emasontweni, abafundisi abathanda imali, izingane ezizinikele ezidakamizweni
nasebugebengwini, abesifazane abasekela abayeni babo, nesinye izigameko ezitholakala
ezindabeni zansuku zonke.
Umbuzo 2
a. Sebenzisa ulwazi lwakho lwezinhlobo ezahlukene zemidlalo bese uchaza ngohlobo
lomdlalo owundile kulo nyaka. Kwenze lokhu ngokusebenzisa izibonelo ezicashunwe
umdlalweni ofundiwe.
Kulo mbuzo abafundi balindeleke ukuba bethule ulwazi ngezinhlobo zemidlalo belandela
izindikimba ezethulwa yilolo nalolo hlobo lomdlalo. Phakathi kwezinhlobo ezingalindeleka
singabala lesi ezilandelayo:
Imbangalusizi: Lolu uhlobo lomdlalo olunezigameko eziletha usizi. Imvamisa kuthi uma
luqhubeka abadlali betholakale besenkingeni nasosizini nokwenza sibe nokuzwelana kakhulu
nabo. Kulolu hlobo lomdlalo kuyenzeka ummeleli atholakale engasakwazanga ukufinyelela
esixazululweni ngenxa yezinkionga asuke ebhekene nazo nokuyizona ezisuke zimphazamisa.
Isenamisi: Lolu wuhlobo lombhalo obhalwa ngenhloso yokwethula ihlaya noma uteku
endikimbeni yawo. Izenzo zabalingiswa nezinto abasuke bezikhuluma siyahlekisa. Kuyenzeka
uze uyophela kuhlekwa. Noma kukhona ezinye izigameko ezisuke zithusa, kodwa nazo zisuke
zihlelwe ngendlela ehlekisayo
Igidigidi: Lolu wuhlobo lomdlalo lapho sithola kwenzeka isinto eziyinsambatheka nezisuke
zingakholakali. Abadlali bayaphithizela kuze kugcine kungaqondakali okuyikhonakhona
okuyingqikithi.
Emidlalweni eyethulwe ngenhla, abafundi balindeleke ukuba besebenzise ulwazi lwemidlalo
ngokwezindikimba ukuchaza umdlalo abawufundile. Uma umfundi echaza umdlalo
awufundile ngokuthi yimbangalusizi njengoba kwenzeka emdlalweni ‘Inzima le ndlela’ kumele
enze izibonelo ngezigameko ezithathelwe kuwo umdlalo ukusekela nokuphawula ngezizathu
zakhe ezenza athi umdlalo uyimbangalusizi.
Abafundi bayaxwayiswa ukuba beqikelele ukuthi abafaki ezinye izinhlobo zemidlalo kulo
mbuzo njengoba kugxilwe emdlalweni umfundi awufundile kuphela.

Umbuzo 3
IZINKONDLO ZESIMANJE
Funda inkondlo engezansi ebhalwe nguNompumelelo Khumalo bese uphendula imibuzo
ezolandela.
Emva Kothando
Nant’ uthando lonakala,
Lulutha izintokazi zakithi
Saphela isizwe sibulawa ukujula kothando
Elimkhawulo walo ukhazimulis’ okonyazi
Bajabula abazali kungena umakoti ekhaya,
Zadlul’ izinyanga,
Safihl’ okokuqala,
Salandela ngomakoti,
Kanti kukhonani emva kothando?
Ngikhombise soka lami, uphetheni?
Ngikhombise ubungozi nobuhle bothando lwethu,
Ngazise, emva kothando kunomland’ onjani?
Ngivezele, ngisuse ebumnyameni, uphetheni?
Kukhonani emva kothando nokuzithokozisa?
14
Baphi abaningi?
Bashiya amakhaya bethi balandela ubumnandi,
Thando, kanti kukhonani emuva kwakho?
Ukufa nezehlukaniso kusondelene nawe
Ngikhombise ubungozi nobuhle bothando lwethu
Kungani singaphili ngawe thando?
Sithandwa,
Letha injabulo ngijabule nawe,
Letha ithemba ngithembe nawe ukuphila,
Letha, letha, letha amahlaya ngihleke nawe
Kukhonani emva kothando nokuzithokozisa?

(a) Ake uthi qaphuqaphu ngokushiwo yinkondlo bese usekela ngezibonelo ezicashunwe
enkondlweni. (8)
Inkondlo ikhuluma ngothando. Lapha imbongi ichaza kabanzi ngendlela uthando olubonakala
luhlalisa abantu kanzima ngayo. Ichaza indlela uthando oluholela ekufeni ngayo lapho
izinsizwa nezintombi eziningi zigcina zilahlekelwa yomiphefumulo yazo egameni lothando.
Ichaza indlela abantu abalingeka bephinde bekhohliseke ngayo egameni lothando. Ichaza
indlela uthando olungeke lwakwazi ukubonisa ngayo imiphumela emibi nokugcine
kubonakala kuphela uma umuntu eselimele kulona.
Abafundi kubalulekile ukuba besekele amaphuzu abo uma bechaza noma bethula ulwazi.
Lokhu makwenzeke ngokucaphuna enkondlweni.

(b) Ngabe imbongi ibikusiphi isimo ngenkathi ibhala le nkondlo? Sekela. (5)
Isimo sokukhathazeka, ukudumala nokulahlekelwa yithemba ngenxa yokuthi uthando
ebekadi iluthembile alubanga yimiphumela ebiyilendele. Isimo sokukhathazeka ngenxa
yokungabi khona kwendlela eyenza uthando lubonise ngasekuqaleni ukuthi linobungozi
Qaphela: Kumele wonke amaphuzu owethulayo asekelwe ngokuphinde ucaphune
enkondlweni enikeziwe.

(c) Ngabe lhlobo luni lwenkondlo lolu? Sekela ngokuchaza izimpawu zalezi zinhlobo ezimbili
zenkondlo. (2)
Lolu khobo lwenkondlo yilirikhi. Lokhu sikusho ngoba iyinkondlo lapho imbongi yethula
imizwa nemibono yayo ngesimo esithile esiyikhathazayo

(d) Tomula enkondlweni bese ubhala phansi imisho eyahlukene eveza okulandelayo.
(i) Isenzasamuntu
Letha injabulo ngijabule nawe, Lulutha izintokazi zakithi [Okukodwa kwalokhu]
(ii) Impindwa
Letha injabulo ngijabule nawe,
Letha ithemba ngithembe nawe ukuphila,
Letha, letha, letha amahlaya ngihleke nawe
Letha, letha, letha amahlaya ngihleke nawe

(iii) Umbizi – lolu wuhlobo lwesifengqo lapho into engaphili kukhulunywa ngayo noma nayo
kube ngathi yinto ephilayo.
Nayi imigqa enophawu umbizi. Ungakhetha owodwa kuyona
Ngikhombise ubungozi nobuhle bothando lwethu.
Kungani singaphili ngawe thando?

(iv) Ufanamsindo wongwaqa nowonkamisa (6)


Letha ithemba ngithembe nawe ukuphila,
Letha, letha, letha amahlaya ngihleke nawe
(e) Hluza le nkondlo ngaphansi kwalesi sihloko. Isakhiwo sangaphandle. (4)
Isakhiwo sangaphandle yilokho okutholakala ngaphambi kokuba inkondlo ifundwe. Naku
okulindeleke ukuba abafundi bekuchaze ngenkondlo engenhla:
Isihloko
Imigqa yenkondlo
Ukuvuleka nokuvaleka kwemigqa ngenxa yezimpawu zokuloba
Izitanza
Imvumelwano
Impindwa
Ifanamsindo

Umbuzo 4
IMIBHALO YABANTWANA
(a) Mehluko muni okhona phakathi kwemibhalo yabantwana nemibhalo yabantu abadala?
Izincwadi zabantwana sisebenzisa ulimi oluthambile/ olulula
Isingeniso sezincwani zabantwana siba lula
Izincwani zabantwana zivamise ukuba nemidwebo nezithombe
Izincwadi zabantu abadala
Zebenzisa ulumi oluqinile
Isingeniso sijulile
Azivamisile ukuba nezithombe nemidwebo

(b) Misebenzi mini ebalulekile eyenziwa yimilolozelo, izilandelo nezinganekwane


empilweni
yezingane? (5)
imilolozelo:
isesthenziswa ukulalisa nokuthulisa abantwana. Iphinde isebenze ukujabulisa nokuchitha
isizungu
izilandelo
Zisebenza njengomdlalo/ ukuchitha isizungu ebantwaneni asebekhulile
Izinganekwane
Zisebenza ukugcina usiko, ukuyala, ukugcina ulimi kanye nokudlulisela ulwazi nomlando
ezizukulwaneni.
Qaphela: Izimpendulo zingeze zafana ncamashi nalezi ezethulwe ngenhla kudwa abafundi
kumele bethule ubufakazi obukhombisa ukuthi bawufundile umsebenzi.

(c) Bhala phansi izinhlobo ezimbili zezincwadi zabantwana ezinezithombe maqede ubhale
imisebenzi emibili yohlobo ngalunye olukhethile. (10)
Izincwadi ezinemifanekiso ezingenagama
Lezi zincwadi zinikeza abantwana ithuba lokufunda nokuhumusha ngokubuka okwenzeka
emifanekisweni esezithombeni
Zizisa abantwana abangakakwazi ukufunda ukuqagula ngalokho okwenzeka emifanekisweni
abayibonayo
Izincwadi zezindaba ezinezithombe
Zisiza abantwana ngamakhono amasha okuphawula ngekwenzeka empilweni
Zithuthukisa amakhono olimi
Qaphela: Lezi zimpendulo nezinye zitholakala encwadini yomfundi yolwazi.

(d) “Izincwadi zabantwana ziyizincwadi eziqondene nezingane futhi ezakhelwe


ukubhekana nezidingo zabantwana kanye nezinga labo lokuqonda.” Sekela umusho
ocashunwe ngenhla ngokuthi ubhale izimpawu noma imigomo okumele isetshenziswe
ngenkathi kubhalwa izincwadi zabantwana. (5)
Kumele izindaba zihehe
Isingeniso kumele sibe lula
Abalingiswa kumele babe sezingeni labantwana.
Isizinda kumele kube yisizinda esihlobene nempilo yomntwana ukuze ezoba nethuba lokuba
yingxenye yolwazi olwethulwayo
Kumele zihlobe ngemidwebo nemibala ekhangayo ukuze abantwana bezokuthokozela
ukuzisebenzisa.

ISIZULU ASSIGNMENT 21 FEEDBACK

SEMESTER 2 2022

Umbuzo 1

(a) Ngokubona kwakho isiko lesintu nomthethesisekelo kuyahambisana noma


kuyaxabana?

Phendula ngokubhekisa kuZongile ngokwenziwa abakwaZimu kuye. (10)

Kulo mbuzo abafundi kulindeleke ukuba baveze ukuqonda kwabo uMthetho-Sisekelo wezwe
nophawula ngamalungelo abantu ngokwahlukana kwabo kanye nendlela okumele lawo
malungelo avikelwe ngayo. Phakathi kwamanye amalungelo singafaka phakathi nelungelo
lawo wonke umuntu lokufunda kanye nalelo lokuzikhethela. UMthetho-Sisekelo uphinde
uphikisane nokuhlukunyezwa kwabantu besifazana nanoma ngayiphi indlel. Uma sibhela
inovelo efundiwe, sithola owesifaza onguZongile ephoqeleka ukuthi enikele ngomzimba
wakhe kumphathi ukuze ezothola umsebenzi awufundel. Lokhu akuhambisani neze
nomthetho waleli lizwe kuphinde kudicilele phansi isithunzi sabantu besifazane.

Kubalulekile ukuba abafundi beqinisekise ukuthi amaphuzu abo asekelwa ngezibonelo


ezithathwe enovelini, kungabi yizibonelo abazisuselwa ekhanda.

senhlalo kuyisona esethula indikimba noma umbono womfundi ngendikimba yenoveli


(b) Engabe isimo senhlalo ngokwendawo (eMakhabeleni naseMgungundlovu) sinamuphi

umthelela mayelana nokuphathwa kwabantu besifazane?

Kulo mbuzo abafundi kulindeleke ukuba beqale ngokuchaza nomaukuveza ulwazi ngesimo
senhlalo. Isimo senhlalo sichaza indlela abantu abasuke bephilisana ngayo kanye nezimi
abaphila ngaphansi kwazo. Endaweni yaseMakhabeleni sithola kuyindawo yasemakhaya
nalapho abanumzane bekholelwa ekutheni ingcebo yabo ilinganiswa ngenani lezinkomo
abasuke benalo. Kuyagqama nendlela abantu besifazane ababonakala benganikezwa ngayo
ithuba lokuzikhethela lapho befuna ukuganela khono. Siyaboathola futhi beshaywa uma
benza izinto ezingahambisani nemibono yalabo abanasandla ngaphezu kwabo. Konke lokhu
kuba nomthelela ongemuhle endleleni abaphathwa ngayo abesifazane. Abafundi kumele
babhekise nangendlela uZongile aze azitholo eseshiya ikhaya lakhe aze anikele ngento
eyigugu kuyena njengoba esukeezama ukuphucula isimo senhlalo endaweni aphuma kuyona.

Umbuzo 2

a) Veza izinto okungafanele zenziwe ngokwemigomo yenyanga enkulu uNhliziyombi.

Akufanele ufike sekukhanya emzini wakhe kodwa kumele ufike kusempondozankomo

Akumele umqambele amanga

Akumele ungene ngesango elingenhla elikhulu kodwa kungenwa ngesango elingenzansi.

Lezi zibonelo neminye imibandela ilindeleke ukuba yethulwe ngumfundi ngendlela


yamaphuzu ngengoba kwenziwe ezibonelweni ezingenhla. Abafundi bayakhuthazwa
ukuthola ezinye zezimpendulo eziyimibandela ngokufunda incwadi ebekiwe.

b) Mayelana nokuvezwa kwabalingiswa, ngabe uQhilika ngokomdlalo uvezwe kanjani? (12)

Umfundi kumele akwazi ukuchaza izinhlangothi ezimbili ezethulwe ngomlingiswa uQhilika


nokwenza egcine engumuntu okungaqondakali ngobuqotho bakhe. Ipmendulo ecacile yileyo
echaza uQhilika njengomlingiswa onguqu. Ukufakazela lokhu abafundi kulindeleke ukuba
bechaze indlela ayebekwa ngayop lo mlingiswa emngwabeni wakhe ngumfundisi kanye
nabantu ayesondelene nabo. Lokhu kufaka phakathi ukuba ngumuntu olungile, onikelayo
amphakathini, onesihe, okhonze izingane nomndeni wakhe aphinde awunakekele.
Uhlangothi lwesibili luvela ngemuva kokutholakala kwendlela ayephila ngayo lo mlingiswa
nokungukuba ngumbulali, umuntu onenhliziyo embi obulala abantwana nophila ngegazi
Labantu. Lokhu nokunye abafundi kumele bakwethule ngokuveza izibonelo ezithathelwe
emdlalweni ofundiwe.

Umbuzo 3

Inkondlo

Funda inkondlo elandelayo bese uphendula imibuzo ebhekiswe kuyo.

Inyanga ngekaMasingana,

Yiyo kany’ inyanga

Yembewu nekhuba.

Inyanga yokuzithalel’ isivande;

Zitshalel’ esakho sana lwe-Afrika,

Uze uzisengel’ amagawuzan’ ezigabe.

Uyihlakulele le nsimu,

Uzinakekele lezi zithombo,

Ziyohluma zisithekele phezulu,

Zikukhithizel’ inhlokomo yobusi

Bezimenywa zobunzulu baphezulu,

Ufule ugcwalis’ amaqoma ngamaqoma,

Usuyisakazel’ imiqhakazo yemiqhele,

Kufezek’ izinhlos’ owazidalelwa nguMdali.

a) Chaza kabanzi ngalokho imbongi ekhuluma ngakho kule nkondlo? Sekela. (8)
Izimpendulo zabafundi zingeze zafana ncamashi. Okubalulekile ukuba umfundi achaze ukugqama
kwesiqalo esisha enkondlweni njengoba inyanga kaMasingana yazizwa njengenyanga yokuqala konya.
Kungaphinde kugqanyiswe umqondo wokugqugquzela ukusebenza kusenesikhathi noma izinnto
zisasuka ukuze kuthi uma kufika isikhathi somvuzo kube ngukuthi lowo osebenzayo usekulungele
ukuvuna lokho akutshalile. Inkondlo iphinde ikhuthaze nangomvuzo omuhle laphoa abantu besebenza
kanzima. Emgqeni wesi-13 kuvela amagama athi:

“Ufule ugcwalis’ amaqoma ngamaqoma,

Usuyisakazel’ imiqhakazo yemiqhele,”

Lokhu kufakazela ukutholakala komvuzo uma abantu besebenza kanzima futhi bezinikela kulokho
abakwenzayo. Esinye esingasetshenziswa yilezi: Ayikho inkomo yobuthombo.

b) Chaza uhlobo lwenkondlo eyethulwe ngenhla bese unikeza nesizathu sempendulo yakho? (3)

Inkondlo engenhla iyiSonethi, lokhu sikusho ngoba inemigqa eyishumi nane (14).

c) Tomula ulwazi ngaphansi kwezihlokwana ezilandelayo enkondlweni.

(i) Imvumelwano (3)

Ziyohluma zisithekele phezulu,

Zikukhithizel’ inhlokomo yobusi

(ii) Ukuxhumana (3)

Inyanga ngekaMasingana,

Yiyo kany’ inyanga

(ii) Nikeza isaga esingaqhamuka emongweni wenkondlo efundiwe. (2)

Izaga zabafundi zingehluka. Okubalulekile ukuthi isaga esengethulwa ngumfundi sihambisane


nendikimba yenkondlo nokungukusebenza kusenesikhathi ukuze uzozuza umvuzo.

d) Phawula ngesigqi senkondlo bese uchaza ngomoya wayo? (4)

e) Nikeza inkondlo efundiwe isihloko esingahambelana nayo. (2)

Lapha abafundi balindeleke ukuba benikeze ngesihloko esihambelana nendikimba yenkondlo


efundiwe. Kungakuhle uma bengaphinde besekele isizathu sokunikezwa kwesihloko lowo nalowo
mfundi azobe esikhethile.
Umbuzo 4

IMIBHALO YABANTWANA

(b) Mehluko muni okhona phakathi kwemibhalo yabantwana nemibhalo yabantu abadala?
Izincwadi zabantwana sisebenzisa ulimi oluthambile/ olulula
Isingeniso sezincwani zabantwana siba lula
Izincwani zabantwana zivamise ukuba nemidwebo nezithombe

Izincwadi zabantu abadala


Zebenzisa ulumi oluqinile
Isingeniso sijulile
Azivamisile ukuba nezithombe nemidwebo

(b) Misebenzi mini ebalulekile eyenziwa yimilolozelo, izilandelo nezinganekwane


empilweni

yezingane? (5)

imilolozelo:

isesthenziswa ukulalisa nokuthulisa abantwana. Iphinde isebenze ukujabulisa nokuchitha


isizungu

izilandelo

Zisebenza njengomdlalo/ ukuchitha isizungu ebantwaneni asebekhulile

Izinganekwane

Zisebenza ukugcina usiko, ukuyala, ukugcina ulimi kanye nokudlulisela ulwazi nomlando
ezizukulwaneni.

Qaphela: Izimpendulo zingeze zafana ncamashi nalezi ezethulwe ngenhla kudwa abafundi
kumele bethule ubufakazi obukhombisa ukuthi bawufundile umsebenzi.

(c) Bhala phansi izinhlobo ezimbili zezincwadi zabantwana ezinezithombe maqede ubhale
imisebenzi emibili yohlobo ngalunye olukhethile. (10)

Izincwadi ezinemifanekiso ezingenagama

Lezi zincwadi zinikeza abantwana ithuba lokufunda nokuhumusha ngokubuka okwenzeka


emifanekisweni esezithombeni

Zizisa abantwana abangakakwazi ukufunda ukuqagula ngalokho okwenzeka emifanekisweni


abayibonayo

Izincwadi zezindaba ezinezithombe

Zisiza abantwana ngamakhono amasha okuphawula ngekwenzeka empilweni

Zithuthukisa amakhono olimi

Qaphela: Lezi zimpendulo nezinye zitholakala encwadini yomfundi yolwazi.

(d) “Izincwadi zabantwana ziyizincwadi eziqondene nezingane futhi ezakhelwe

ukubhekana nezidingo zabantwana kanye nezinga labo lokuqonda.” Sekela umusho

ocashunwe ngenhla ngokuthi ubhale izimpawu noma imigomo okumele isetshenziswe

ngenkathi kubhalwa izincwadi zabantwana. (5)

Kumele izindaba zihehe

Isingeniso kumele sibe lula

Abalingiswa kumele babe sezingeni labantwana.

Isizinda kumele kube yisizinda esihlobene nempilo yomntwana ukuze ezoba nethuba lokuba
yingxenye yolwazi olwethulwayo

Kumele zihlobe ngemidwebo nemibala ekhangayo ukuze abantwana bezokuthokozela


ukuzisebenzisa

You might also like