Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 142

MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

MIND THE GAP- IZINKONDLO

ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA

UJU LWEZINKONDLO

N. A. MAHAYE, Z. E. SITHOLE

1
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

AMAGAMA ABABHALI BALO MQULU ISIFUNDAZWE NESIFUNDA

1. Mrs Cebelihle Nondumiso Zikhali Mpumalanga – Gert Sibande

2. Mr Anthony Mlandeli Mbuyisa KwaZulu - Natal - UThukela

3. Mrs Thandiwe Fikile Nxumalo KwaZulu - Natal - UMkhanyakude

4. Mr Sibongiseni Goodenough Thango KwaZulu - Natal - ILembe

Isisezithebeni –ke!

Sizwe sikaPhunga noMageba yamukelani nawu umqulu esithi asiphonse itshe esivivaneni
ngawo. Lo msebenzi ungowokwelekelela othisha kanye nabafundi ukuze bakwazi ukuhluza
imibhalo yobuciko kanye nokuphendula imibuzo yephepha lesibili ngendlela efanele.
Siyakholwa ukuthi lo mqulu uzonihlomisa ngamasu okuhluza umbhalo
wobuciko(izinkondlo).

2
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

Ministerial foreword
Following the release of Circular E8 of 2022, which ushers new poetry and Short Story titles
for both Home and First Additional Languages commencing in November 2023, a team of
experts comprising teachers, examiners, moderators, subject advisors and subject
coordinators was assembled to craft this Study Guide. The study guide seeks to support our
teachers and learners in their preparations for the National Senior Certificate NSC)
qualification.
The Department of Basic Education (DBE) is pleased to release this edition of the Second
Chance Matric Project (SCMP)/Mind the Gap study guides for Grade 12 learners. These study
guides continue the innovative and committed attempts by the DBE to improve the academic
performance of Grade 12 candidates in the NSC and Senior Certificate (SC) examinations.
The SCMP/Mind the Gap study guides take their brief in part from the National Diagnostic
reports on learner performance and draw on the Grade 12 Examination Guidelines. Each of
the SCMP/MtG study guides defines key terminologies and offers simple explanations and
examples of the types of questions learners can expect to be asked in an examination.
Suggested answers to questions are included to assist learners to strengthen their
understanding. Learners are also referred to specific questions from the past national
examination papers and memoranda that are available on the DBE website –
www.education.gov.za.
Furthermore, the study guides have been designed to assist those learners who want to
improve their performance levels and aim to mind the gap between failing and passing, by
bridging the gap in learners’ understanding of commonly tested concepts, thus helping
candidates not only to pass but to excel.
Research, which began in 2012, has shown that the Mind the Gap series has had a positive
impact on grades. It is my fervent wish that these study guides continue our efforts to ensure
that no learner is left behind, especially as we are still recovering from the learning losses due
to the devastating effects of the outbreak of Covid-19.
I wish each and every one of you good luck with your Grade 12 examination preparations.

3
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

OKUQUKETHWE

ISIHLOKO ISIHLOKWANA IKHASI

ISANDULELA ● Mfundi webanga le – 12


1. ● Indlela yokusebenzisa lo mqulu
● Amasu okulungiselela ukubhala izivivinyo
● Amasu okwenza kangcono kuleli phepha
● Okulindeke ukuba ukwenze ngesikhathi
sokubhala izivivinyo
● Ukuhleleka kwephepha lesibili
● Ukuhleleka kwemibuzo
● Amagama asetshenziswa emibuzweni
yokuhlola

2. ISAHLUKO 1 ● Izinkondlo ezimiselwe


AMASU OBUCIKO ● Amasu obuciko
● Ukuchazwa kwamasu obuciko

3. ISAHLUKO 2 ● Izinhlobo zezinkondlo


UKUHLUZWA ● Ukuhluzwa kwenkondlo ngayinye
KWEZINKONDLO
EZIMISELWE

3. ISAHLUKO 3 ● Ukuhlaziya umbuzo omfushane


IMIBUZO EMIFUSHANE ● Isibonelo sempendulo yombuzo
KANYE NEMIDE omfushane
● Ukuhlaziya umbuzo omude
● Isibonelo sempendulo yombuzo omude

4. ISAHLUKO 4 ● Imisebenzi yomfundi yokuzicija


IZIVIVINYO

5. ISAHLUKO 5 ● Umlandompilo wababhali


ABABHALI

4
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

ISANDULELA

MFUNDI WEBANGA LE- 12

Mfundi webanga le-12, yamukela nanku umqulu ongakwelekelela ukuqonda kangcono


ikhono lokufunda izinkondlo kanye nendlela yokuphendula imibuzo ngesikhathi sokuhlolwa.
Lo mqulu uzokucathulisa ngamasu okuphendula umbuzo omude kanye nemibuzo
emifushane ukuze uphumelele ngamalengiso.

INDLELA YOKUSEBENZISA LO MQULU

Lo mqulu uzokwelekelela ukuba izinkondlo uziqonde kangcono kunakuqala. Ngakho-ke


kubalulekile ukuba ungagcini nje ngokufunda lo mqulu kuphela. Kumele uqale ngokufunda
zonke izinkondlo ezimiselwe zebanga le-12 ukuze lo mqulu ukusize ekuziqondeni
kangcono.

⮚ Funda zonke izinkondlo ezimiselwe eziyi- 12. Hluza inkondlo ngayinye ukuze
uyiqondisise kangcono.
⮚ Phendula imibuzo etholakala ekugcineni kwenkondlo ngenkondlo ozoyifunda.
⮚ Fundisisa amasu obunkondlo atholakala esahlukweni sokuqala.
⮚ Fundisisa indlela okubuzwa ngayo imibuzo emide ozoyithola emuva kokufunda
inkondlo ngayinye.
⮚ Fundisisa indlela okubuzwa ngayo imibuzo emifushane ozoyithola emuva
kokufunda inkondlo ngayinye.
⮚ Emuva kokubuka izibonelo zemibuzo emifushane nemide, zivivinye ngemibuzo
ozoyithola esahlukweni sokugcina salo mqulu

AMASU OKULUNGISELELA UKUBHALA IZIVIVINYO


1. Hlukanisa okufundayo kube izingxenye ezingafundeka. Lokhu kuzokusiza ukuba
ukwazi ukugxila kulokho okufundayo. Yiba nezikhawu zokuphumula emuva kokufunda
ingxenye yomsebenzi.
2. Konke ozokudinga uma ufunda makube seduze nawe, okokubhala, okokubhalela,
amanzi okuphuza njl.
3. Yiba nokuzethemba. Lokhu kwenza umqondo ukwazi ukwamukela okufundayo.
4. Ungasebenzisa imibala nezithombe ukuze ufunde ngempumelelo.
5. Ukuphindaphinda kuyisu lokukhumbula ulwazi olufundwayo. Funda
ngokuphindaphinda umsebenzi kuze kube ukuthi uyawuqondisisa.

5
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
6. Fundisa omunye umuntu lokhu obukade ukufunda. Leli lisu liwusizo ukuze
ukhumbule okufundile.
7. Funda ngokwanele ukuze ukulungele ukubhala izivivinyo ngempumelelo.

AMASU ONGAWASEBENZISA UKUPHENDULA IMIBUZO NGOSUKU LOKUHLOLWA

1. Ngaphambi kokuphendula isiqephu A ephepheni, fundisisa imibuzo yezinkondlo


omude kanye nemibuzo emifushane.
2. Qhathanisa imibuzo emifushane uzame ukuthola ukuthi iyaphenduleka yini. Umbuzo
omude nawo kumele uwubheke ngokuthola ukuthi amasu obunkondlo abuziwe kulo
mbuzo uyawaqonda yini. Ungagagameli, ujahe ukuphendula ungawubukisisanga
kahle umbuzo omude. Kuhle ukubheka ukuthi umbuzo unamasu obunkondlo amabili
yini noma kufunwa isu lobunkondlo elilodwa.
3. Fundisisa umbuzo owukhethile udwebele amagama awumongo wombuzo ukuze
uphendule okulindelekile embuzweni.
4. Bhala amaphuzu angamalungiselelo azokwelekelela ukuphendula kahle umbuzo
owukhethile.
5. Hlela impendulo yakho ngale ndlela:
⮚ Isingeniso: -Chaza umbuzo usebenzisa amagama awumongo wombuzo.

-Yamanisa amagama awumongo wombuzo nolwazi lwenkondlo.

⮚ Umzimba: -Phendula umbuzo wesekele ngolwazi olutholakala enkondlweni


ebuziwe.
-Hlela impendulo yakho ngokwezigaba ezinikezelanayo.
⮚ Isiphetho: Songa impendulo ngokubhala uvo / umbono wakho uhambisane
namaphuzu esingeniso kanye nomzimba.

6. Uma ukhethe umbuzo omfushane qikelela ukuthi uyayifundisisa inkondlo oyinikeziwe


kanye nombuzo
wenkondlo.
7. Qikelela ukuthi impendulo yakho ihambisana nobungako bomklomelo osembuzweni.

8. Buyekeza izimpendulo zakho wenze, isiqiniseko sokuthi awekho amaphutha.

6
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

UKUHLELEKA KWEPHEPHA LESI-2

ISIQEPHU A: IZINKONDLO

Izinkondlo ezimiselwe: Phendula noma ngabe yimiphi imibuzo EMIBILI.

INOMBOLO YOMBUZO UMBUZO AMAMAKI INOMBOLO


YEKHASI

1. Inkondlo emiselwe Umbuzo omude 10

2. Inkondlo emiselwe Umbuzo omfushane 10

3. Inkondlo emiselwe Umbuzo omfushane 10

4. Inkondlo emiselwe Umbuzo omfushane 10

KANYE
Nenkondlo engamiselwe: Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo.

5. Inkondlo eyimpoqo Umbuzo omfushane 10

ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO.

INOVELI: Phendula umbuzo OWODWA kule noveli emiselwe.

Impi Yabomdabu Isethunjini Umbuzo omude 25

Impi Yabomdabu Isethunjini Umbuzo omfushane 25

Inoveli Yesi - 2 Umbuzo omude

7
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
Inoveli Yesi - 2 Umbuzo omfushane

NOMA
UBUCIKO BOMLOMO: Phendula umbuzo OWODWA kulobu buciko bomlomo obumiselwe

Uju Lwezizukulwane Umbuzo omude 25

Uju Lwezizukulwane Umbuzo omfushane 25

ISIQEPHU C: UMDLALO
Phendula umbuzo OWODWA kule midlalo emiselwe.

Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omude 25

Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omfushane 25

Umdlalo wesi - 2 Umbuzo omude 25

Umdlalo wesi - 2 Umbuzo omfushane 25

QAPHELA: Phendula umbuzo OWODWA omude kanye nombuzo OWODWA omfushane


esiqeshini B nasesiqeshini C. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omfushane
esiqeshini B, kusho ukuthi kumele uphendule umbuzo omude esiqeshini C,
kanjalo futhi uma ukhetha ukuphendula umbuzo omude esiqeshini B, kusho
ukuthi kumele uphendule umbuzo omfushane esiqeshini C.

UKUHLELEKA KWEMIBUZO

Amazinga okuhleleka kwemibuzo

Kubalulekile ukuba mfundi uzicije ngendlela imibuzo ehleleke ngayo ephepheni. Lokhu
kuzokwenza ukuba wazi ukuthi izindlela zokuphendula imibuzo azifani.

8
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

● Imibuzo yephepha ihleleke ngamazinga amathathu:


⮚ Imibuzo elula / esobala [40%]
⮚ Imibuzo ephakathi/ esendimeni [40%]
⮚ Imibuzo ethe thuthu [20%]
● Imibuzo elula / esobala yehlukene kabili: Kukhona le mibuzo engasekuqaleni lapho
mfundi kumele uthathe impendulo esiqeshini njengoba injalo [literal question].
⮚ Umbuzo oba sekuqaleni usuke udinga impendulo esesiqeshini njengoba injalo.
Imvamisa kuye kubuzwe kubhekiswe esigabeni sokuqala noma sesibili.
Okubuzwayo amasu obuciko atholakala esiqeshini okumele usifunde ngaphambi
kokuphendula imibuzo.
⮚ Ingxenye yesibili kule mibuzo elula, yilena okudingeka uhlanganise impendulo
yakho. Imvamisa kumele impendulo yakho ungayibheki esigabeni esisodwa
kuphela. Kumele uyibheke ezigabeni ezahlukene noma esiqeshini sisonke. [Re-
organizing].
● Imibuzo ephakathi /esendimeni: Kulesi sigaba kumele usebenzise ulwazi lwakho
lwempilo ukuphendula. Lapha mfundi akumele uthathe impendulo esiqeshini /
encwadini kepha kumele usukele kokubuzwe esiqeshini bese usabalala nempendulo
yakho. Kule ngxenye kumele usebenzise kakhulu ulwazi onalo kanye nokucabang`a
kwakho usebenzisa amasu obuciko. Qikelela ukuthi wethula impendulo ephusile
nakuba usebenzisa ukucabanga kwakho [Inference question].
● Imibuzo ethe thuthu yehlukene kabili:
⮚ Ingxenye yokuqala kulindeleke ukuba ukwazi ukuhlaziya noma uhlolisise
indlela inkondlo ebhaleke ngayo. Kubalulekile ukuba uqonde ukuthi
impendulo yakho ihambisana noMthethosisekelo, amagugu kanye nobuntu
[Evaluation]
⮚ Ingxenye yesibili ivamise ukuba umbuzo osekugcineni. Lapha mfundi kumele
uncome noma ugxeke indlela isu lobuciko elisetshenziswe ngayo.
Kungabuye kudingeke ukuba uveze uvo lwakho. (Appreciation)

9
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

AMAGAMA ASETSHENZISWA EMIBUZWENI YOKUHLOLA

1. IMIBUZO ELULA (ESOBALA KANYE NOKUHLELA KABUSHA= 40%)


Imibuzo esobala (Literal)-izinga loku-1 Imibuzo yokulungisa nokuhlela kabusha
Le mibuzo idinga uthole ulwazi esiqeshini (Re-organisation) izinga lesi-2
obusifunda ngakho-ke izimpendulo zayo Le mibuzo idinga ukuthi uhlele
zisesiqeshini. kabusha.Izimpendulo zikhona esiqeshini
kodwa kudinga ukuthi uzihlele kabusha.
Izibonelo zale mibuzo: Izibonelo zale mibuzo:
● Gagula izinto/abantu/izindawo njl… ● Fingqa ngamaphuzu amabili….
● Hlanganisa ndawonye okufanayo…
● Shono isizathu/Nikeza izizathu/bona ● Chaza kafushane…
isizathu… ● Nikeza okufanayo…
● Ikuphi okungumehluko…
● Isiphi isizathu….
● Nikeza okusamfanekiso….
● Iyiphi imbangela/ nikeza imbangela…. ● Tomula uphinde ugagule……
● Nika amagama… ● Chaza………..

● Gagula indawo…
● Tomula………
● Yisho………...
IMIBUZO EPHAKATHI NENDAWO
(UKUCABANGELA = 40%)
Ukucabangela (Inference)-Izinga lesi-3 (40%)
Isibonelo semibuzo ● Chaza umbonongqangi….
● Qhathanisa imibono/indlela okubukwa
Qaphela: Imibuzo ekhethisayo ingena ngayo izinto/isenzeko…/ Qhathanisa
ngaphansi kwalolu hlobo lwemibuzo. okushiwo esigabeni sesi-4 nesigaba
● Chaza imbangela… sesi—6 njl. /Qhathanisa okufanayo
● Chaza umphumela…. okwenziwa….
● Chaza umthelela … ● Ucabanga ukuthi isenzo …
● Yini inhloso yombhali… ● Ucabanga ukuthi amazwi
● Ngabe isimo sokukhuluma (isaga / omlingiswa…
isisho/isifengqo) ● Ucabanga ukuthi indlela abuka ngayo
sinamthelela muni ekuqondeni….
● Chaza isimo sokukhuluma … kumveza kanjani
● Ucabanga ukuthi uzoba njani umbhali/umlingiswa/umlandi…
umphumela / umthelela / wesenzo
● Humusha isitatimende esibhalwe
/ wesimo…./Ucabanga ukuthi
kungaba namthelela muni… ngokugqamile…
IMIBUZO ESEZINGENI ELIPHEZULU (UKUHLAZIYA KANYE NOKUHLOLISISA) =
20%

10
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
Ukuhlolisisa-(Evaluation)-izinga lesi-4
Ukuncoma-(Appreciation) izinga lesi-5
Imibuzo ehlolisisayo imayelana Imibuzo encomayo ihlose ukuhlola
nezinqumo ezithinta ubugugu umthelela ngokomqondo nokuncoma
nokunohlonze. Lokhu kufaka izinqumo itheksthi kohlolwayo. Kugxilwa kakhulu
mayelana nokuqinisekisa ubukhona bento, endleleni aphendula ngayo ebheka
iqiniso nombono, nokukholeka, ukukwazi ukuphakama komoya ngokuqukethwe,
ukucabanga nokuqonda, ukuphikisana ukukhonjwa kwabalingiswa, noma
kanye nezinto ezifana nokuthandeka. izehlakalo nendlela ayophendula ngayo
Ukwamukeleka kwezinqumo nezenzo ekusetshenzisweni kolimi ngumbhali
nokwaziswayo emphakathini. (njengokukhethwa kwamagama
Izibonelo zale mibuzo: nemifanekisomqondo).
● Ngokucabanga kwakho lokhu Izibonelo zale mibuzo:
okwenzekile
● Xoxa ngempumelelo yombhali…
kuyakholeka/kungenzeka/kungenzeke…
● Phawula ngolimi olusetshenziswe
● Umbono ovezwa ngumbhali ngabe
umbhali…
unobuqiniso…
● Phawula ngomyalezo owedluliswa ……
● Phawula ngokuhlolisisa….
● Xoxa ngokuphumelela kwesitayela
● Hlaziya ngokuhlolisisa ….
sombhali ekwethuleni isingeniso/
● Uyavumelana nombono… Sekela
isiphetho….
impendulo yakho
● Phawula ngokwezinqumo zamagugu
● Uyavumelana nesitatimende…Sekela
ezitholakala esiqeshini.
impendulo yakho
● Ake uncome…
● Ngokwakho ukubona ngabe umbhali …
● Ake ugxeke…
● Ngabe isenzo soku... samukelekile
yini… Sekela impendulo yakho
● Hlolisisa…
● Ngabe uyazwelana nombhali uma
ethi… Sekela impendulo yakho
Yikuphi ongakwenza uma ungase
ubhekane nalesi simo?

11
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

ISAHLUKO 1: AMASU OBUCIKO

● IZINKONDLO EZIMISELWE

1.1 AMASU OBUCIKO KANYE NEZINCAZELO ZAWO

IZINKONDLO: UJU LWEZINKONDLO: N. A. MAHAYE, Z. E. SITHOLE

Nazi izinkondlo ezimiselwe:

ISIHLOKO SENKONDLO IKHASI IGAMA LOMBHALI

1 Izingxabo Zomnyezane 6 1. E.J Mhlanga

2 Isiziba Senhlakanipho 13 2. E.J Mhlanga

3 Ukuthula 28 3. B.W Vilakazi

4 Impi 37 4. S.R.C Shongwe

5 Idwala LikaShaka 49 5. J.M Sikakane

6 Musani! 98 6. M.S.S Gcumisa

7 Uthunywe Ngubani? 100 7. M.S.S Gcumisa

8 Ucu Olumhlophe 102 8. C.T Msimango

9 Zingqwele Ze-Afrika 112 9. Imbongi Ayaziwa

10 We Sinximfi Ndini! 123 10. M.S.S Gcumisa

11 Ithala Lobunzulu 132 11. E.J Mhlanga

12 Imvelo 142 12. K.N.N Gcumisa

13.

12
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

IYINI INKONDLO?

Inkondlo iyindaba exoxwayo kusetshenziswa ulimi lobunkondlo. Ingumbhalo omfushane


noma omude lapho imbongi isuke yeneka khona imizwa, imicabango, imibono yayo ngento,
ngomuntu, ngendawo, isimo esithile, ngenkolo, ngamasiko, ngemfundo njl. Umbhalo
wobunkondlo ubekwa ngolimi olunkondlozayo. Umyalezo wembongi ubekwa ngamabinza.

AMASU OBUCIKO

Bheka nanka amasu obuciko angezansi azokusiza ekuqondeni kangcono inkondlo


ngamafuphi:

⮚ Umqondo wenkondlo (osobala noma ocashile)


⮚ Umoya wenkondlo
⮚ Indikimba kanye nomyalezo
⮚ Imifanekisomqondo
⮚ Izifengqo
⮚ Ukukhethwa kwamagama
⮚ Ithoni
⮚ Umoya wembongi
⮚ Imigqa; amagama; amabinza
⮚ Isigqi
⮚ Ukuxhumana
⮚ Imvumelwano
⮚ Izimpawu zokuloba
⮚ Impindwa
⮚ Ukuphindaphinda
⮚ Impindamqondo
⮚ Amasu okusebenzisa umsindo-ifanamsindo, isigqi, impindwa nefuzamsindo
⮚ I-enjambamenti
⮚ Isizura/ Isikhawu

13
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

IZAKHIWO ZENKONDLO

ISAKHIWO SANGAPHANDLE ISAKHIWO SANGAPHAKATHI


(UKUBUMBEKA KWENKONDLO)

Amabinza Indikimba

Imigga (ivulekile, ivalekile, mide/ mifushane) Umqondo wenkondlo

Izimpawu zokuloba Umoya wenkondlo

Ukuxhumana Ithoni

Imvumelwano Imifanekisomqondo

Isizura/ Isikhawu Isigqi

Impindwa Izinzwa

Ukuphindaphinda Ukukhethwa kwamagama

I-enjambamenti Izifengqo

Ifanamsindo Impindamqondo

Uhlobo lwenkondlo

Umyalezo

Ifuzamsindo

14
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

UKUCHAZWA KWAMASU OBUCIKO

Amasu obunkondlo asetshenziswa yimbongi ukugqamisa izinto eziningi enkondlweni.


Imbongi uma iqamba inkondlo isebenzisa izinhlobo ezahlukene zamagama ukuveza imizwa,
nemicabango yayo. Lawo magama ewasebenzisayo kuthiwa izimpawu zenkondlo. Izimpawu
zenkondlo kumele zisetshenziswe ngobunyoninco ukuze kwakheke lokhu:
⮚ Kumele amagama ayizimpawu zenkondlo azwakale kahle ezindlebeni zolalele uma
inkondlo ihaywa.
⮚ Kumele amagama ayizimpawu zenkondlo akhe umqondo kolalele kumbe ofundayo
kucace bha ukuthi inkondlo ikhuluma ngani.
⮚ Kumele amagama ayizimpawu zenkondlo ahlelwe kahle ukuze asize ekulandeleni
umqondo wenkondlo.
⮚ Kumele amagama ayizimpawu zenkondlo avuse ukujula komcabango, nemizwa.

IMIFANEKISO-MQONDO

Imifanekiso-mqondo kuba yilawo magama asetshenziswa yimbongi enkondlweni ukwakha


isithombe esithile ngokushiwo yinkondlo. Abanye la magama bawabiza ngokuthi izithombe
magama. Imifanekiso-mqondo ihlukaniseke ngokwalezi zinhlobo ezilandelayo:
⮚ Izinzwa: (eyokuthintekayo, eyokuhogelekayo, eyokunambithekayo, eyokubonakalayo
kanye neyokuzwakalayo/elalelekayo)
⮚ Izimo zokukhuluma: Izaga, izisho nezifengqo (isifaniso, isingathekiso,
ukwenzasamuntu, ukwenzasasilwane, indida, i-okzimoroni, umbizi, isenzukuthi, njl).
La magama akhombisa ubuciko bolimi asebenzisa igama noma inkulumo
engaqondile ngqo kulokhu ekushoyo.
⮚ Ulimi olunothile: amagama/amabinzana abeka umlayezo ngendlela ecashile.
Izinhlobo ezahlukene zolimi, njengolimi oluncengayo, olukhohlisayo, njl.

INDIKIMBA

Indikimba ingumgogodla /ingqikithi/ umongo wenkondlo. Indikimba yenkondlo isethulela


umqondo ophelele wenkondlo. Indikimba isethulela isizathu sokubhalwa kwenkondlo. Ibuye
iphendule umbuzo othi kungani imbongi ibhale leyo nkondlo. Ingaba igama elilodwa noma

15
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
isigejana samagama. Isibonelo; Ubuhle bemvelo, ubuqhawe, Imfundo, njl. Imbongi
isebenzisa amagama athile ekugqamiseni indikimba yenkondlo

UMYALEZO

Yilokho imbongi efisa ukukwedlulisa ngokubhala inkondlo yayo. Kungavezwa imiyalezo


eyahlukene ngokwenkondlo.

Umyalezo ungadlulisa lokhu okulandelayo:

⮚ Isifundo okumele sitholakale ngemuva kokufunda inkondlo


⮚ Ukudlulisa ulwazi
⮚ Ukuxwayisa
⮚ Ukuqwashisa
⮚ Ukweluleka
⮚ Ukufundisa

UMOYA

Isimo imbongi esuke ikuso ngenkathi ibhala inkondlo. Lokhu kungavezwa imizwa
nemicabango yembongi okugqanyiswa amagama ewasebenzisile ngenkathi ibhala inkondlo.
Imbongi ingabhala ngomuzwa owodwa noma ibe nemizwa exubile enkondlweni eyodwa.
Kungenzeka imbongi iveze imizwa efana nalena elandelayo: umuzwa wokujabula,
wokuncenga, wothando, wokuncoma, wokugxeka, njl.

ITHONI

Ithoni iyisu lobuciko elivamise ukuhambisana nomoya. Enkondlweni ithoni isuke ibheka
indlela imbongi ebeka ngayo lokho ekhuluma ngakho okungaba yindikimba. Indlela imbongi
ebeka noma ekhetha ngayo amagama ingaveza umuzwa wayo ngaleso sikhathi. Lowo
muzwa yiwona esiwubiza ngethoni.

Izibonelo zethoni emibhalweni yobuciko:

⮚ Ithoni ehambisana nomthetho nokuhlonipha. Isb: Mnumzane, Baba

⮚ Ithoni engahambisani nomthetho nokuhlonipha. Isb: Sekuzongena isifundo


sikaHleziphi, (kusho abafundi kuthisha wabo)

⮚ Ithoni yokungxama / yokuthukuthela: yokudinwa /yokucasuka- Awungiyeke phansi


wena!

16
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
⮚ Ithoni yokuhlekisa

⮚ Ithoni yokubhuqa

⮚ Ithoni yokwenama

⮚ Ithoni yokusongela

⮚ Ithoni yokwethemba okubi njalo

⮚ Ithoni yokwethemba okuhle njalo

⮚ Ithoni yokwesaba

⮚ Ithoni yokushabasheka

⮚ Ithoni yokuhlonipha

⮚ Ithoni ekhumbuzayo ekhaya

⮚ Ithoni yokukhathazeka

⮚ Ithoni equkethe ubuwula

⮚ Ithoni ekhomba ukuhlakanipha

⮚ Ithoni ecoba amathambo/ eqeda amandla

Zonke lezi zibonelo ezingenhla umbhali uyaye azikhombise ngokuthi asebenzise amagama
azogqamisa leyo thoni.

UMQONDO WENKONDLO

Umqondo wenkondlo wethula lokho okushiwo yinkondlo. Kubhekwa ukuthi inkondlo ikhuluma
ngani. Ngakho-ke uma usuchaza ukuthi inkondlo ithini usuke usuwenaba kabanzi ngokushiwo
yinkondlo. Okushiwo yinkondlo kumele kufakazelwe ngamabinza onke.

UKUXHUMANA
Ukusetshenziswa kwamagama/ isiqu noma umsuka ofanayo emigqeni emibili noma
ngaphezulu elandelanayo ngenhloso yokugqamisa umqondo othile enkondlweni.
Sinezinhlobo ezine zokuxhumana ezidalwa ukuthi amagama afanayo asetshenziswe
kanjani emigqeni yenkondlo. Imbongi isebenzisa ukuxhumana ukuletha umgqumo omnandi

17
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
enkondlweni kanye nokugcizelela okuthile ekhuluma ngakho, emigqeni elandelanayo,
ebinzeni noma emqondweni wenkondlo yonke.
Izinhlobo zokuxhumana
⮚ Ukufana kwamagama asekuqaleni kwemigqa okubizwa ngokuthi ukuxhumana siqalo.
⮚ Ukufana kwamagama okusekugcineni kwemigqa okubizwa ngokuthi ukuxhumana
sigcino.
⮚ Ukufana kwamagama emigqeni elandelanayo. Igama lingaba sekuqaleni komugqa
bese liba sekugcineni emgqeni olandelayo noma libe sekugcineni komugqa bese liba
sekuqaleni emigqeni elandelanayo, okubizwa ngokuthi ukuxhumana okutshekile.
⮚ Ukufana kwamagama atholakala maphakathi kwemigqa okubizwa ngokuthi
ukuxhumana okumaphakathi.

IMVUMELWANO
Ukusetshenziswa kwamalunga afanayo emigqeni emibili noma ngaphezulu elandelanayo.
Ilunga kungaba unkamisa nongwaqa noma unkamisa kuphela uma usekuqaleni, kanti uma
ungasekugcineni kuba ilunga lokugcina elifanayo. Imvumelwano iletha umgqumo omnandi
enkondlweni kanye nokugcizelela okuthile kulowo mugqa esetshenziswe kuwo.
Izinhlobo zemvumelwano
⮚ Imvumelwano siqalo
⮚ Imvumelwano maphakathi
⮚ Imvumelwano sigcino
ISIGQI
Umgqumo olethwa umoya kanye nomqondo wenkondlo. Isigqi sakhiwa ukuvuleka
nokuvaleka kwemigqa, ubude nobufushane bemigqa kanye nezimpawu zokuloba. Ngakho-
ke singasho ukuthi isigqi sidalwa izinto eziningi enkondlweni. Isigqi senkondlo singashesha
noma sinense. Isibonelo: inkondlo enesigqi esinensayo kuvame ukuba kube yinkondlo yosizi
kanti uma isigqi sishesha kusuke kuyinkondlo enomoya wenjabulo.

IMPINDWA
Ukuphindeka komugqa noma isigejana samagama njalo emigqeni ehlukene. Kungenzeka
sikuthole ekuqaleni noma ekugcineni kwebinza. Lokhu kuphindaphindeka singakuthola
emabinzeni angefani.

UKUPHINDAPHINDA
Ukuphindaphindeka kwamagama afanayo emgqeni owodwa. Kungenzeka alandelane noma
angalandelani inqobo nje uma esemugqeni owodwa.

18
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
IMPINDAMQONDO
Ukuphindaphindeka komqondo emigqeni elandelanayo endimeni eyodwa yenkondlo
eyakhiwe ngamagama angefani futhi aqukethe umqondo ofanayo.

I-ENJAMBAMENTI
Umugqa oba nomqondo ophelela emgqeni olandelayo. Lo mugqa uvamise ukuba ungabi nalo
uphawu lokuloba emgqeni ongenhla, lolu phawu luze lutholakale emgqeni olandelayo. I-
Enjambamenti ingaba yimigqa emibili elandelanayo noma engaphezulu.

ISIZURA/ISIKHAWU
Lo mugqa uba nophawu lokuloba ngaphakathi kwamagama emigqeni. Kungaba ukhefana,
umbuzi, umbabazi njl. Yilapho imbongi isuke ibala, ihlukanisa izinto ngokuhleleka kwazo
noma iveza imizwa ethile kuyona imigqa.

IFANAMSINDO
Ukufana kwemisindo eminingana emgqeni owodwa enkondlweni. Isuke iletha umgqumo
omnandi ozwakala samculo kanye nokugcizelela okuthile okusuke kwethulwa yimbongi
kulowo mugqa. Ifanamsindo lehlukene kabili:
Ifanankamisa- Ukufana konkamisa abaningana emgqeni owodwa.
Ifanangqwaqa- Ukufana kongqwaqa abaningana emgqeni owodwa.
IFUZAMSINDO
Amagama asetshenziswa yimbongi enkondlweni aveza imisindo efuze ukwenzeka kwento
ethile. Isibonelo: Ngizwe ubumaye maye …….

19
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

ISAHLUKO 2

2.1 IZINHLOBO ZEZINKONDLO KANYE NOKUHLUZWA KWAZO

● IZINHLOBO ZEZINKONDLO

UHLOBO INCAZELO

1. ILIRIKHI Lolu hlobo lwenkondlo umbhali usuke edlulisa imizwa kanye nemicabango
yakhe. Empeleni yayidalelwa ukuba iculwe. Ibonakala ngokusebenzisa
isivumelwano somlandi wokuqala u ‘Ngi- .
2. ISONETHI Yakhiwa yaba mfushane ngoba iba inkondlo ephelele evamise ukuba nemigqa eyi-
14.
Lolu hlobo lwenkondlo lwakheka ngezindlela ezintathu, kubhekwa ukubumbeka
kwamabinza:
⮚ Indlela yokuqala iba namabinza amabili:
▪ Ibinza lokuqala liba nemigqa eyisi-8
▪ Ibinza lesibili liba nemigqa eyisi-6
⮚ Indlela yesibili iba namabinza amathathu kanye nemigqa emibili yokugcina:
▪ Amabinza amathathu okuqala aba nemigqa emine ibinza ngalinye.
▪ Imigqa yokugcina mibili.
Ababhali abaningi bezinkondlo abavamile ukulandela lezi zinhlobo ezingenhla
zesonethi. Isikhathi esiningi sekuba inkondlo eyodwa ephelele engenamabinza.
Kuba kuye-ke umfundi wenkondlo ukubona ukuthi le nkondlo inamabinza acashile
noma nje umbhali umane wabhala wahlanganisa.
3. ISATHAYA ⮚ Umbhali usuke egxeka ubuthakathaka obuthile, amaphutha noma
izigameko ezenziwa umuntu othile.
⮚ Kungaba isehlo esithile endaweni ethile kokunye kugxekwe isizwe esenza
kabi ngezizathu ezithile.
⮚ Amasu asetshenziswa ababhali ukudlulisa lo myalezo:
▪ Isu lokubhuqa
▪ Isu lokugxeka
▪ Isu lokuhlekisa- okungaba ngendlela eyakhayo
▪ Umbhali angasebenzisa izilwane azifake izimpawu zabantu
abaphilayo
Inhloso yokubhalwa kwesathaya ukuzama ukulungisa isimo esingemukelekile
kumbe esigxekwayo.
4. I-ELEJI Umbhali kulolu hlobo lwenkondlo usuke elila ngoba elahlekelwe umuntu
amthandayo.
⮚ Ukulahleka ngokuthi edlule emhlabeni
Umbhali walolu hlobo usuke ekhumbula izinsuku esezadlula ezingeke zisabuyela
emuva.
5. INKONDLO Lolu hlobo lwenkondlo luba indaba exoxwayo eba nesingeniso, umzimba kanye
nesiphetho.
ELANDISAYO
▪ Le nkondlo ivamise ukuba ibe nomlingiswa oqavile. Lo mlingiswa
angasuselwa ekhanda noma kube owake waphila ngempela. Kwesinye
isikhathi imbongi yiyo eba ngumlingiswa kule nkondlo.

20
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
6. I-EPHIKHI Lena inkondlo eyindida. Kusuke kubhalwe ngento ephicayo, engaqondakali kahle
noma exakayo.
⮚ Lolu hlobo kuvame ukuba kube indaba ende exoxwa ngolimi
lobunkondlo.
⮚ Ixoxa ngezehlakalo zomlando weqhawe elithile lesizwe.
⮚ Izehlakalo kulolu hlobo akuphoqelekile ukuba zilandelane.
7. IZIBONGO Inkondlo eveza umlando, ubuqhawe, amagalelo, ukuhlabana, amagugu, njl.
Umbhali walolu hlobo uvamise ukubhala izibongo:
ZESIMANJE
⮚ Zezinto
⮚ Zabantu
⮚ Izindawo
Lezi zinkondlo zixuba amasu okubhalwa kwezinkondlo zomdabu kanye nalawo
okubhalwa kwezinkondlo zaphesheya kwezilwandle.

IZINKONDLO

IZITHOMBE EZIHAMBISANA NENKONDLO-IZINGXABO ZOMNYEZANE

1 Izingxabo zomnyezane – E.J Mhlanga


.
1. Ngilangazel’ ukudepha kwelenjulo,
2. Kotatalambu bezingxabo zomnyezane,
3. Laph’ ukujula kwenjulo,
4. Kuyingcebo yomhlaba nezulu,
5. Laph’ ukuphumelela konke kwempilo,
6. Kuyisiyalu somthombo ompompoza,
7. Ingunaphakade.

8. Ngilubalubel’ ukugxila kwenjulo,


9. Ngizinz’ ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo,
10. Ngizinz’ ekuthuleni ngijabul’ unomphela,
11. Ngifund’ ukudons’ amanz’ ezinkalweni,
12. Ngikhephuzel’ uhlaza ubusika nehlobo,
13. Ngizwe imvunge yemvelo ivungama
14. Ingoma kaqinadolo nethemb’ elizayo.

15. Ngilangazel’ ukudeph’ okujulile,


16. Kulezo zimpande zemingamanzi ngigcule,
17. Ngivunulis’ ubuchopho ngohlaza.
18. Lwamaqabung’ ayonginqwambis’okweqhawe;
19. Kuleyo mithombo yeziziba ngingaphinde ngome,
20. Ngigiye ngiqephuze ngosiba lwakwaNgqondonkulu,
21. Ngiqoth’ uphoko nokhothe lwendlela,
22. Nabazukulu badle kuchitheke inyongo,
23. Bafinye ngendololwane bethabile.

21
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

1. UKUCHAZWA KWAMAGAMA

AMAGAMA INCAZELO

1. Izingxabo Izimpande
2. Umyezane Isihlahla esivamise ukumila eduze namanzi esiba luhlaza ubusika nehlobo.
Sinamahlamvu agebayo (alengayo) abe amayikayika. Sasisetshenziselwa
ukuvunulisa amaqhawe ahlabene empini. Umyezane- umngqwambo
ongqwambiswa abanqobile noma abaphumelele emfundweni ngosuku
lokwethweswa kweziqu.
3. Ukudepha Ukukhula kwento iye phezulu/ Ukukhula ngolwazi
4. Utatalambu Ukwenaba/ ukusabalala kwezingxabo/ ukwanda kolwazi
5. Isiyalu Yilapho kusuka khona umfula noma isiphethu/ Ulwazi oluyisisekelo sempilo
6. Mpompoza Ukugeleza noma ukuhamba ngokulandelana okungumshungu
7. Ukulubalubela Ukulangazelela/ ukuba nesifiso esikhulu sokuthile
8. Izinkalo amaqele/ izinkangala
9. Ukuqinisa idolo Ukunikeza ithemba
10. Imvunge Umsindo wokuvungama ophansi/ umsindo osamculo ongezwakali kahle.
11. Ukukhephuzela Ukuyikazela ngemvunulo/ ukuyikazela kwamacembe esihlahla
12. Mingamanzi Ukumunca amanzi
13. Gcula Ukwenelisa
14. Ukunqwambisa Ukugaxa kube ubuyikayika njengokugaxa izevatho zemfundo
ephakeme.
15. Ungqondonkulu Isikhungo semfundo esemazingeni aphakeme.
16. Ukuqotha Ukugaya okomile kube impuqumpuqu/ ukuqeda konke
17. Uphoko Izinhlamvu ezigazingwayo zigaywe zibe umphako wendlela
18. Ukhothe Ummbila ogazingiwe (ogayiwe) / yimpuphu yezintanga ezigazingiwe
19. Ukuchitheka Ukuhlatshwa kwesilwane ngenhloso yokubonga abangasekho ngohambo
kwenyongo lwempumelelo aseluzuzile empilweni.

2. UKUHLUZWA KWENKONDLO

2.1 INDIKIMBA

Indikimba iphendula umbuzo wokuthi inkondlo ikhuluma ngani. Yini le ethinte imbongi yafisa
ukubhala ngayo? Indikimba ingumongo wenkondlo yonke kusuka ebinzeni lokuqala kuze kufike
ebinzeni lokugcina.

Indikimba ingaba igama elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo yimvelo
noma yimfundo.

22
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
2.2 UMQONDO WENKONDLO

Umqondo osobala

Imbongi ikhuluma ngezimpande zesihlahla somyezane esivamise ukumila ngasosebeni


lwemifula. Lezi zimpande zikhula zishone phansi kakhulu ukuze zizokwazi ukumunca amanzi
adingwa isihlahla. Lokhu kuholela ekutheni lesi sihlahla singabuni ebusika kepha sihlale
siluhlaza njalo. Sithola amanzi ubusika nehlobo okugcina amaqabunga ahlale eluhlaza. La
maqabunga aluhlaza alesi sihlahla yiwona asetshenziswa ukungqwambisa labo abasuke
bephumelele.

Umqondo ojulile

Imbongi ikhuluma ngezifiso enazo zokuphuza emthonjeni oyimfundo yakwaNgqondonkulu.


Ifisa ukufunda ize igogode. Imbongi iveza ukuthi ulwazi lwemfundo ezoluthola alusoze
lwaqhathaniswa nalutho. Imbongi igqamisa ukuthi ulwazi lwemfundo luhlala luqhakazile
ubusika nehlobo, okungukuthi luyakwelekelela kukuhle noma kukubi empilweni iphinde iveze
izingxenye zempilo ezigqanyiswa yimfundo:

Isb.
1. Ngilangazel’ ukudepha kwelenjulo,
6. Kuyisiyalu somthombo ompompoza,
7. Ingunaphakade.
8. Ngilubalubela ukugxila kwelenjulo,
17. Ngivunulise ubuchopho ngohlaza.

Imbongi iphetha ngokuveza izithelo zemfundo ezizuzile lapho isigiya ize iqephuze ngosiba
lwasesikhungweni semfundo ephakeme.

Isib.

20. Ngigiye ngiqephuze ngosiba lwakwaNgqondonkulu,

2.3 UMOYA WENKONDLO

Umoya wale nkondlo uxubile. Ngasekuqaleni kwenkondlo kukhona umoya wokulangazelela.


Imbongi iveza ukulangazelela imfundo ijule ibe nolwazi olujulile. Esigabeni sokugcina imbongi
iveza umoya wokutusa / wenjabulo. Imbongi izibona igiya iqephuza ngolwazi eluthole
esikhungweni semfundo ephakeme. Iveza ubuhle obungaba khona uma isizuze imfundo lapho
isiqeda indlala kubuswe.

2.4 ITHONI

Imbongi ikhethe amagama agqamisa umqondo wokwethemba okuhle njalo. Ngakho-ke


ithoni yale nkondlo ngeyokwethemba okuhle njalo. Kule nkondlo kuyagqama ukuthi imbongi
inethemba lempumelelo. Konke ekufisayo nekuphuphayo kuzoba yimpumelelo futhi izokwazi
ukuthola ithuba lokusebenzisa imfundo yayo ngokubhala imibhalo yobuciko.

23
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
Isb.

4. Kuyingcebo yomhlaba nezulu,


5. Laph’ ukuphumelela konke kwempilo,
14. Ingoma kaqinidolo nethemb’ elizayo.

2.5 IMIFANEKISOMQONDO / IZITHOMBE MAGAMA

Imifanekiso-mqondo kuba yilawo magama asetshenziswa yimbongi enkondlweni ukwakha


isithombe esithile ngokushiwo yinkondlo. Abanye la magama bawabiza ngokuthi izithombe
magama. Imifanekiso-mqondo ihlukaniseke ngokwalezi zinhlobo ezilandelayo:

⮚ Izinzwa:
⮚ Izimo zokukhuluma: Izaga, izisho nezifengqo
⮚ Ulimi olunothile

● Isisho-
Isb. Umugqa wama- 23.
23. Bafinye ngendololwane bethabile. (isisho-ukufinya ngendololwane-kuchaza ukubusa
kakhulu)
Lo mugqa ugqamisa isithombe sokubusa. Abantu bedla ukudla okuningi okungaze kusale.

● Isingathekiso
Isb. Umugqa wesi-6
6. Kuyisiyalu somthombo ompompoza,
7. Ingunaphakade.

Lapha imbongi ibiza isikhungo semfundo noma isikole ngomthombo. Kulo mthombo yilapho
kutholakala khona ulwazi olungapheli.
Umfanekisomqondo wokubonakalayo:
Isb. Umugqa wesi-2
2. Kotatalambu bezingxabo zomnyezane,
Lo mugqa ugqamisa isithombe sezimpande ezinde ezisabalele. Zijubalala kakhulu ukuze
zizokwazi ukuthola amanzi atholakala kude.

Umfanekiso-mqondo wokuzwakalayo
Isb. Umugqa we-13 nokwe-14
13. Ngizwe imvunge yemvelo ivungama
14. Ingoma kaqinidolo nethemb’ elizayo.

24
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

Le migqa igqamisa isithombe somculo omnandi wemvelo ozwakalayo onikeza nethemba


kubantu. Imbongi ichaza ukwenanela kwemvelo ngoba imfundo inika ithemba lekusasa
eliqhakazile.

Umfanekiso-mqondo wokunambithekayo

Isb. Umugqa we-16


Kulezo zimpande zemingamanzi ngigcule,

Lo mugqa ugqamisa isithombe sokunambitheka lapho izimpande zincela amanzi ekujuleni


komhlaba ukuze isihlahla sizohlale siluhlaza.

Isb. Umugqa wama-22


Nabazukulu badle kuchitheke inyongo,

Le migqa igqamisa isithombe sokuthi izingane zizodla ukudla okuningi okungaholela ekutheni
zigcine sezigula/sezikhishwa yizisu.

2.6 IMIGQA
2.6.1 Ukuvuleka nokuvaleka kwemigqa
Imigqa evulekile:
Lena yimigqa etholakala enkondlweni engenalo uphawu lokuloba ngasekugcineni.
Isb. Umugqa we-13
13. Ngizwe imvunge yemvelo ivungama

Imigqa evalekile
Lolu uhlobo lomugqa oluba nophawu lokuloba ngasekugcineni kwawo.

Isb.
19. Kuleyo mithombo yeziziba ngingaphinde ngome,

2.6.2 Ubude nobufushane bemigqa


Umugqa wesi- 3: Laph’ ukujula kwenjulo, (umugqa omfushane)
Umugqa wesi -7: Ingunaphakade. (umugqa omfushane)
Umugqa wesi- 9: Ngizinz’ ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo, (umugqa omude)
Umugqa we -19: Kuleyo mithombo yeziziba ngingaphinde ngome, (umugqa omude)

2.6.3 I-Enjambamenti
Umugqa oba nomqondo ophelela emgqeni olandelayo.

Isb. Umugqa we-13 kuya kowe-14


13. Ngizwe imvunge yemvelo ivungama
25
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
14. Ingoma kaqinadolo nethemb’ elizayo.
Le migqa igqamisa umqondo wekusasa elizayo neliqhakazile

2.7 ISIGQI
Umgqumo olethwa umoya kanye nomqondo wenkondlo. Isigqi sakhiwa ukuvuleka nokuvaleka
kwemigqa, ubude nobufushane bemigqa kanye nezimpawu zokuloba.

Isigqi sale nkondlo siyanensa ngoba imigqa eminingi ivalekile futhi imigqa eminingi mide.
Okunye okungaholela ukuba isigqi senkondlo sinense umqondo otholakala kuyo. Le nkondlo
imayelana nemfundo etholakala kwaNgqondonkulu okuthatha iminyaka ukuthi uphothule iziqu.

2.8 IMISINDO

2.8.1 Ifuzamsindo
Amagama asetshenziswa yimbongi aveza imisindo efuze ukwenzeka kwento ethile.
2.8.2 Ifanamsindo
Ukufana kwemisindo eminingana emgqeni owodwa enkondlweni. Isuke iletha umgqumo
omnandi ozwakala samculo kanye nokugcizelela okuthile okusuke kwethulwa yimbongi
kulowo mugqa.
Ifanamsindo lehlukene kabili:
Ifanankamisa
Isb. Umugqa wesi-6
Kuyisiyalu somthombo ompompoza, (“o”)
2.8.3 Impindwa
Ukuphindeka komugqa noma isigejana samagama njalo emigqeni ehlukene. Kungenzeka
sikuthole ekuqaleni noma ekugcineni kwebinza. Lokhu kuphindaphindeka singakuthola
emabinzeni angefani.
2.8.4 Impindamqondo
Ukuphindaphindeka komqondo emigqeni elandelanayo endimeni eyodwa yenkondlo,
eyakhiwe ngamagama angefani futhi aqukethe umqondo ofanayo
Isb.
Umugqa woku-1, owesi-8 kanye nowe-15

1. Ngilangazel’ ukudepha kwelenjulo


8. Ngilubalubel’ ukugxila kwenjabulo,
15.Ngilangazel’ ukudeph’ okujulile,

2.8.5 Ukuphindaphinda
Ukuphindaphindeka kwamagama afanayo emgqeni owodwa. Kungenzeka alandelane noma
angalandelani inqobo nje uma esemgqeni owodwa.

26
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
2.8.6 Imvumelwano
Imvumelwano iwukusetshenziswa kwamalunga afanayo emigqeni emibili noma ngaphezulu
elandelanayo. Ilunga lingaba unkamisa nongwaqa noma unkamisa kuphela uma esekuqaleni.
Imvumelwano siqalo
Isb. Umugqa wesi-8 nowesi-9
8. Ngilubalubel’ ukugxila kwelenjulo,
9. Ngizinz’ kwenkululeko yomphefumulo,

Le mvumelwano siqalo iletha umgqumo omnandi osamculo. Kule migqa imbongi ibhekise
kuyo mayelana nokulangazelela ukuthola ulwazi olutholakala esikhungweni semfundo.

Imvumelwano maphakathi

Isb. Umugqa wesi-9 kuya kowe-10

10. Ngizinz’ ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo,


11. Ngizinz’ ekuthuleni ngijabul’ unomphela,

Le mvumelwano maphakathi iletha umgqumo omnandi osamculo. Lapha imbongi ibhekise


ukuthi izohlala ikhululekile futhi inokujabula njengoba isisesikhungweni semfundo.

Imvumelwano sigcino

Isb. Umugqa wesi-8 nowesi-9

8. Ngilubalubel’ ukugxila kwelenjulo,


9. Ngizinz’ ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo,

Le mvumelwano sigcino iletha umgqumo omnandi osamculo. Kule migqa kubhekiswe


ekuzinikezeni isikhathi esiningi ubhekene nokufunda kulesi sikhungo semfundo ephakeme.

2.8.7 Ukuxhumana
Ukuxhumana ukusetshenziswa kwamagama / iziqu zamagama / umsuka wamagama afanayo
emigqeni emibili noma ngaphezulu elandelanayo ngenhloso yokugqamisa umqondo othile
enkondlweni.

Ukuxhumana siqalo
Isb. Umugqa wesi-9 nowe-10
9. Ngizinz’ ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo,
10. Ngizinz’ ekuthuleni ngijabule unomphela,

27
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

ISITHOMBE ESIHAMBISANA NENKONDLO -ISIZIBA SENHLAKANIPHO

2 Isiziba senhlakanipho- E.J Mhlanga


.
1. Sizib’ esijulile Njulase,
2. Ngiphum’ emzini kababa,
3. Kusempondazankomo ngovivi lokusa,
4. Ngithwel’ izihlabath’ ekhanda,
5. Kwathiw’ angonyus’ amaqele,
6. Ngiyoncel’ amanzi ngobhaqa;
7. Ngisuthisa wena Nzibase.
8. Kunamuhla lokhu ngisahamba,
9. Ngisathulula lesi sihlabathi,
10. Engisigeza ngamanz’ omfula,
11. Olokhu kwasa ugobhoza.

12. Uyimpambankwici weNjulase,


13. Ngokuhlomel’ ekudepheni.
14. Buph’ ubunzulu bakho
15. Lapho ngohlala ngiphumule,
16. Nginethezeke ngobuqhawe;
17. Lokh’ ungafun’ ukujula
18. Osekungixabanise nowethu,
19. Engibashiy’ osebeni,
20. Bezidobel’ inhlanzi ngodobo.
21. Ngiyokuthola nin’ ukuphumula,
22. Komzimb’ osufohlok’ umhlandla,
23. Ngithungathana nenjabulo yokudepha
24. Kwakho Nzulase?
25. Sizinda sami ngiyophephelaphi,
26. Uma ngingaphepheli kuwena?
27. Hleze ngothi sengiyithongo,
28. Basale bedalul’ imfumbe
29. Yobunzulu bakho siziba,
30. Ngoba namuhl’ uyimpicabadala.

1. UKUCHAZWA KWAMAGAMA

AMAGAMA INCAZELO

1. Kusempondozankomo Kusuke kusesekuseni kakhulu kusemnyama izinkomo zisabonakala


ngezimpondo.
2. Amaqele Izinkalo/ izinkangala/amadlelo
3. Impambankwici Okuxakayo/ Indida/ impicabadala
4. Ubhaqa Isibani/ uhlobo lotshani oluqinile olunjengoqunga.
5. Nzibase Ulwazi olubanzi
6. Njulase Ulwazi olujulile

28
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
7. Osebeni/ ogwini Kulapho okuphela khona umfula, ulwandle, ihlathi nokunye
8. Udobo Uthi noma induku ende enentambo okuboshelwa kulo ihhuku okudotshwa
ngalo izinhlanzi.
9. Umhlandla Umhlane
10. Imfumbe Inkinga/ indida/ okuxakayo

2. Ukuhluzwa kwenkondlo
2.1 Indikimba
Indikimba iphendula umbuzo wokuthi inkondlo ikhuluma ngani. Yini le ethinte imbongi yafisa
ukubhala ngayo? Indikimba ingumongo wenkondlo yonke kusuka ebinzeni lokuqala kuze kufike
ebinzeni lokugcina. Indikimba ingaba igama elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale
nkondlo imayelana nemfundo.

2.2 Umqondo wenkondlo


Imbongi ikhuluma ngemfundo. Imbongi ibhale ngemfundo sakuyihaya njengezibongo. Imbongi
iveza ukuzikhandla kwayo nokudela ubuthongo ngenhloso yokufuna imfundo. Iveza nokuthi
izibone ingenalo ulwazi yaze yehla yenyuka ifuna izindawo zokuthekela ulwazi. Imbongi ifuna
ukufinyelela emazingeni aphezulu emfundo. Ifisa ukujula ngolwazi lwemfundo. Ithi angeke ize
ikuthole ukuphumula uma ingakalutholi lonke ulwazi lwemfundo eludingayo. Okunye
ekuvezayo wukuthi isinqumo esithathile sokomela imfundo sesiyenze yalahlekelwa abangani
bayo ngoba bebona sengathi izenza ngcono.

Ifisa ukufunda ifinyelele emazingeni aphezulu ngoba ayisoze iswele ulwazi. Iveza ukuthi ulwazi
lwemfundo ezoluthola alusoze lwaqhathaniswa nalutho. Ulwazi lwemfundo luhlala luqhakazile
ubusika nehlobo. Imbongi ibala izingxenye ezigqamisa imfundo enkondlweni yayo.

2.3 Umoya wenkondlo


Umoya wokulangazelela noma ukufisa. Imbongi iveza isifiso sokufunda ize ibe nolwazi olunzulu
oluzoyenza ifinyelela ekujuleni komnyombo wemfundo. Ifisa ukuba nolwazi oluzoyenza ikwazi
ukuhlukana nenhlupheko. Ngolwazi enalo isingaphila impilo ezongena emlandweni kutshekwe
nezizukulwane ngayo indlela yemfundo.

2.4 Ithoni
Ithoni yale nkondlo ngeyokubekezela nokuphokophelela phambili ngempilo. Kule nkondlo
kuyagqama ukuthi imbongi izuze iziqu zemfundo ephezulu ngemuva kokudlula ebunzimeni
obukhulu. Konke lokhu kudinga ukwazi ukubekezela.

Isb.

2. Ngiphum’ emzini kababa,


3. Kusempondazankomo ngovivi lokusa,
29
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

2.5 Imfanekisomqondo/ Izithombe magama

Isenzasamuntu: Imbongi ibheka imfundo esemazingeni aphakene njengomuntu ngoba ize


ibize imfundo ngoNjulase, Nzulase, Nzibase okukhombisa ubuhle nokujula, kwemfundo. Ake
ubheke le migqa elandelayo:

Isb.

1. Sizib’ esijulile Njulase,


7. Ngisuthisa wena Nzibase.
24. Kwakho Nzulase?

Isingathekiso: Imbongi Ibiza imfundo ngamagama ahambisana namagama


angamabizombaxa akhombisa amandla emiqondo aqukethwe yimfundo. Ake ubheke le migqa
elandelayo:

Isb.

12. Uyimpambankwici weNjulase,


30. Ngoba namuhl’ uyimpicabadala.

2.6 Imigqa
2.6.1 Ukuvuleka nokuvaleka kwemigqa
Umugqa olandelayo uvulekile awunalo uphawu lokuloba ngasekugcineni.
Isb.
14. Buph’ ubunzulu bakho

Imigqa elandelayo ivalekile inophawu lokuloba ngasekugcineni.


Isb.
6. Ngiyoncel’ amanzi ngobhaqa;
7. Ngisuthisa wena Nzibase.

2.6.2 Ubude nobufushane bemigqa


Umugqa we- 13 : Engibashiy’ osebeni, (umugqa omfushane)
Umugqa wama- 24: Kwakho Nzulase? (umugqa omfushane)

Umugqa -3: Kusempondazankomo ngovivi lokusa, (umugqa omude)


23: Ngithungathana nenjabulo yokudepha (umugqa omude)

2.6.3 I-enjambamenti
Umugqa oba nomqondo ophelela emgqeni olandelayo.

30
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
Isb. Umugqa we-14 kuya kowe-15
14. Buph’ ubunzulu bakho
15. Lapho ngohlala ngiphumule,
2.7 Isigqi
Isigqi sale nkondlo siyanensa. Imigqa yale nkondlo ivalekile yonke. Amagama asetshenzisiwe
aveza umoya wokulangazelela noma ukufisa. Inkondlo iphinde iveze umqondo
wokubekezela.
Bheka imigqa elandelayo:
Isb.
1. Sizib’ esijulile Njulase,
2. Ngiphum’ emzini kababa,
3. Kusempondazankomo ngovivi lokusa

2.8 IMISINDO

2.8.1 Impindamqondo
Ukuphindaphindeka kwamagama afanayo emgqeni owodwa. Kungenzeka alandelane noma
angalandelani inqobo nje uma esemgqeni owodwa.
Emugqeni woku-1 sithola impindamqondo.
isb. 1 Sizib’ esijulile njulase.
2.8.2 Imvumelwano
Imvumelwano iwukusetshenziswa kwamalunga afanayo emigqeni emibili noma ngaphezulu
elandelanayo. Ilunga lingaba unkamisa nongwaqa noma unkamisa kuphela uma esekuqaleni.

● Imvumelwano maphakathi

Isb. Umugqa woku-1 nowesi-2


1. Siziba esijulile Njulase,
2. Ngiphum’ emzini kababa,
Le mvumelwano iletha umgqumo omnandi osamculo. Kule migqa kuvela ukulungiselela
uhambo lwembongi lapho isuka ekhaya kubo ibheke esikhungweni semfundo ephakeme.

● Imvumelwano siqalo

Isb. Umugqa wesi-6 nowesi-7


6. Ngiyoncel’ amanzi ngobhaqa;
7. Ngisuthisa wena Nzibase.

Le mvumelwano iletha umgqumo omnandi osamculo. Lapha imbongi ibhekise ekutholeni


ulwazi kulesi sikhungo semfundo ephakeme.

31
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

IZITHOMBE EZIHAMBISANA NENKONDLO- UKUTHULA

3. Ukuthula - B.W Vilakazi

1. Uma thina sobabili singahlala lapha,


2. Sicambalale osebeni lolwandle nogu,
3. Ehlabathin’ elimhloph’ eligcwel’ ufasimbe,
4. Lapho kugcwel’ ukuthula komhlaba nezulu
5. Yiyo le ndaw’ eyenza mina ngiqumbelane
6. Usikisiki lomphefumulo nonembeza.
7. Le ndaw’ egcwel inhlokomo, kuyo kubuthene
8. Konk’ okuhle nokuphas’ umphefumulo wami.

9. Kuyona ngizw’ amazwan’ abantu bekhuluma,


10. Abant’ abahamba ngezinyawo nangomoya,
11. Abanye bentanta nangaphezulu kwamanzi.
12. Bayasikhohlisa bathi ngamahlengethwa,
13. Abanye balokhu benyakazisana nemithi,
14. Benyakazisana nezindwan’ eziluhlaza.
15. Kuthi nxa siyobuza kuthiwe yiwona moya.
16. Ngiyabezwa bekhuluma, woza ungizwise.
17. Ngiyabathanda, bayangithanda, woz’ uzizwele.

1. UKUCHAZWA KWAMAGAMA

AMAGAMA INCAZELO

1. Sicambalale Ukubeka umzimba phansi ube sesimeni sokulala kodwa ungalali ubuthongo.
2. Ugu / usebe Kulapho okuphela khona umfula, ulwandle, ihlathi.
3. Ufasimbe Inkungwana ehambisana namazolo eba khona ekuseni kodwa uma seliqala
libalela imbuleke/yembuleke.
Usikisiki Ilukuluku elisuswa yisimo esithile/ Ugqozi/ Usinga
4. Izindwani Izibi/ Izimila eziba sosebeni lomfula ezivamise ukukhukhulwa amanzi uma umfula
ugcwele (Uma umfula ugcwele kuyaye kuthiwe udla izindwani).
5. Ukuphasa Ukusekela okuthile ukuba kungawi

6. Amahlengethwa Izilwane ezinkulu zasolwandle ezifana nenhlanzi.


(idolfini)
7. Ukuqumbelana Ukucinaniswa okuthile/ ukugcwala komoya esiswini/ ukuthukuthela

32
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

2. UKUHLUZWA KWENKONDLO

2.1 INDIKIMBA
Indikimba ingaba igama elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo imayelana
nemvelo/yimvelo.
2.2 UMQONDO WENKONDLO
Imbongi ikhuluma ngezimangaliso kanye nemfihlakalo yemvelo. Ibala izinto eziningi ezithinta
imvelo nezimanga zayo. Iveza okuyimfihlo nemigilingwane eyenziwa khona emanzini. Imbongi
ithi uma usosebeni lolwandle uthola ukuthula kanye nokubona konke okwenziwa emanzini
okuyizimfihlo ngaphandle kokuphazamiseka. Ezinye zezimfihlakalo eziyaye zibonakale
emanzini, abantu abangumoya abahamba phezu kwamanzi okuthi uma imbongi ibabuza ukuthi
bangobani baphendule ngokuthi bangamahlengethwa. Eqinisweni bangumoya akusibona
abantu bangempela kodwa bavela njengesimo samahlengethwa emehlweni abantu
abaphilayo.
2.3 UMOYA WENKONDLO
Umoya wokulangazelela noma wokufisa. Imbongi iveza isifiso sokwazi kabanzi ngale mfihlo
yemvelo. Isikubonile okuningi kwenzeka emanzini kodwa ingaqondi. Abanye bahamba
emanzini ngezinyawo abanye bantanta phezulu. Kubuye kuzwakale namaphimbo akhulumela
phansi. Konke lokhu kwenzeka laphaya emanzini. Okuningi kwakho ayikuqondi ukuthi
kwenzelwani. Yingakho imbongi ifisa ukwazi kabanzi.
2.4 ITHONI
Ithoni iyisu lobuciko elivamise ukuhambisana nomoya. Enkondlweni ithoni isuke ibheka indlela
imbongi ebeka ngayo lokhu ekhuluma ngakho okungaba indikimba. Indlela imbongi ebeka
noma ekhetha ngayo amagama ingaveza umuzwa wayo ngaleso sikhathi. Lowo yiwona
esiwubiza ngethoni. Le nkondlo iqukethe ithoni ekhomba ubuhlakani ngoba imbongi ibona
kungalunga konke uma ingathola ithuba lokuba sendaweni enokuthula. Kule ndawo
kuyakwazeka ukuba umuntu azibheke yena ukuze aqondise izigwegwe zakhe.
2.5 IMFANEKISOMQONDO/ IZITHOMBE MAGAMA
Imifanekiso mqondo yokubonakalayo: Bheka imigqa elandelayo:
2. Sicambalale osebeni lolwandle nogu,
13. Abanye balokhu benyakazisana nemithi,
Imfanekiso-mqondo yokuzwakalayo: Bheka imigqa elandelayo:

7. Le ndaw’ egcwel inhlokomo, kuyo kubuthene


9. Kuyona ngizw’ amazwan’ abantu bekhuluma,

2.6 IMIGQA

2.6.1 Ukuvuleka nokuvaleka kwemigqa

● Umugqa ovulekile
Umugqa ovulekile yilowo ongenalo uphawu lokuloba ekugcineni kwawo.

Isb. Umugqa wesi-4 nowesi-5

33
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

4. Lapho kugcwel’ ukuthula komhlaba nezulu


5. Yiyo le ndaw’ eyenza mina ngiqumbelane

● Umugqa ovalekile
Umugqa ovalekile yilowo onophawu lokuloba ngasekugcineni kwawo.

Isb. Umugqa woku-1


1. Uma thina sobabili singahlala lapha,
7. Usikisiki lomphefumulo nonembeza.

2.6.2 Ubude nobufushane bemigqa


6. Usikisiki lomphefumulo nonembeza. (umugqa omfishane)
14. Benyakazisana nezindwani eziluhlaza. (umugqa omfushane)
4. Lapho kugcwel’ ukuthula komhlaba nezulu. (umugqa omude)
5. Yiyo le ndaw’ eyenza mina ngiqumbelane. (umugqa omude)

2.6.3 Izigaba nemigqa yenkondlo


● Inkondlo inezigaba ezimbili.
● Isigaba sokuqala sinemigqa eyisi-8
● Isigaba sesibili sinemigqa eyisi-9
● Imigqa yesigaba sesibili ivalekile yonke.

2.6.4 Isizura/ Isikhawu emugqeni wesi-7 nowe-17.

7. Le ndaw’ egcwel inhlokomo, kuyo kubuthene


17. Ngiyabathanda, bayangithanda, woz’ uzizwele.

2.6.4 I-Enjambamenti
Itholakala kule migqa elandelayo umugqa wesi-7 nowesi-8:
7. Le ndaw’ egcwel inhlokomo, kuyo kubuthene
8. Konk’ okuhle nokuphas’ umphefumulo wami.

2.7 ISIGQI

Isigqi umgqumo olethwa umoya kanye nomqondo wenkondlo. Isigqi sakhiwa ukuvuleka
nokuvaleka kwemigqa, ubude nobufushane bemigqa kanye nezimpawu zokuloba.
Isigqi sale nkondlo siyanensa ngoba imigqa eminingi ivalekile futhi mide. Okunye okwenza
isigqi sale nkondlo sinense umqondo wayo. Le nkondlo ikhuluma ngokuthula imbongi efisa
ukuba nakho ekuzwa ngasosebeni lolwandle. Ukuthula okuba ngaphakathi kumuntu okungeke
kwenzeke kumuntu ophaphazelayo.

2.8 IMISINDO

2.8.1 Ifanamsindo

Ukufana kwemisindo eminingana enkondlweni. Isuke iletha umgqumo omnandi ozwakala


samculo kanye nokugcizelela okuthile okusuke kwethulwa imbongi kulowo mugqa.
Ifanamsindo lehlukene kabili:
● Ifanankamisa

Isb. Umugqa woku-1

34
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

1. Uma thina sobabili singahlala lapha,

2.8.2 Imvumelwano

● Imvumelwano siqalo

Isb:
16. Ngiyabezwa bekhuluma, woza ungizwise.
17. Ngiyabathanda, bayangithanda, woz’ uzizwele.

IZITHOMBE EZIHAMBISANA NENKONDLO- IMPI

4 Impi- S. R. C Shongwe
.
1. Ngamaviyoviyo,
2. Kudedangendlale wenkundla,
3. Amaviyo nezingeqiwa ntwala,
4. Amaviyo namanxebakazi,
5. Amaviyo nemikhontshwana.

6. Lopha ngaphakathi igazi,


7. Uwonk’ uyafis’ ukuyilwa,
8. Akuyon’ eyamanyamfokwe,
9. Ngimi nowami umkhontshwana,
10. Ngimi nesam’ isihlangwana,
11. Seyigwazwa bukhoma manje.

12. Amavak’ amb’ ambulula!


13. Kunamuhla kubus’ ukuzisola,
14. Ngokwesab’ ukugadla kule mpi,
15. Ungebizelwe muntu kule mpi,
16. Mfowethu yilwa le mpi!

17. Yilw’ usenesikhathi,


18. Nami ngayilwa nganqoba,
19. Yilw’ imini nobusuku,
20. Nom’ izikhali zikusinda,
21. Ungayek’ ukugadla,
22. Khohlwa yimiyocu,
23. Khohlw’ udumo,
24. Yilwa le mpi!

35
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

1. UKUCHAZWA KWAMAGAMA

AMAGAMA INCAZELO

1. Iviyo Izinsizwa ezihamba ndawonye/ zibe iqoqo


2. Udedangendlale Indawo enkulu evulekile noma eyendlalekile
3. Amanyamfokwe Umuntu oyivila elikhulu/ inyakunga
4. Isihlangu Isivikelo sebutho esakhiwe ngesikhumba esisikwe saba nesibambo ngaphakathi/
ihawu elikhulu lokulwa
5 Ukugwaza Ukugwaza umuntu nibhekene ungamzumi
bukhoma
6. Engeqiwa Ingozi enkulu eba sekhanda
ntwala
7. Ukumba Ukubaleka
umbulule
8. Amavaka Amagwala
9. Ukugadla Ukushaya kakhulu/ ukulwa
10. Umyocu Ibala lokusha noma ukulimala/ Isibazi

2. UKUHLUZWA KWENKONDLO

2.1 INDIKIMBA

Indikimba ingaba igama elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo imayelana
nemfundo/ubuqhawe.

2.2 UMQONDO WENKONDLO

Umqondo wenkondlo yilokho imbongi esuke ikhuluma ngakho ukwedlulisa umlayezo othile.
Inkondlo kuyenzeka ibe nemiqondo emibili. kuba umqondo osobala kanye nomqondo ojulile.
Le nkondlo inemiqondo emibili.

Umqondo osobala wenkondlo

Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngempi, kunamaviyo alwa kudedangendlale wenkundla.


Ibona abanye asebegqenywe izingozi sebopha emakhanda, babodwa asebenamanxeba. Le
mpi ayiliwa abantu abangamagwala. Imbongi nayo iphethe owayo umkhontshwana kanye
nesihlangu. Ithi kuthe isibambene/ ibhekene bukhoma abanye babaleka. Abanye baba
nokuzisola ngokukhombisa kwabo ubugwala. Imbongi igqamisa umqondo wokuthi noma

36
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
ngabe kuthiwa izikhali ziyakusinda musa ukubaleka, qhubeka nokugadla unganaki imiyocu
osuke usuyitholile. Kufanele uqhubeke nokulwa ukuze ugcine unqobile.

Umqondo ojulile wenkondlo

Imbongi ikhuluma ngempi okungeyona eyamagwala kepha eyamaqhawe. Le mpi okukhulwa


ngayo kule nkondlo yimfundo. Imbongi iveza impi enzima eliwa imini nobusuku. Babodwa
abaqhubeka nayo imfundo baze baphumelele kanti abanye babone ubunzima bashiye
phansi. Labo abakhetha ukubaleka bengalwi kusenesikhathi bagcina ngokuzisola.

2.3 UMOYA WENKONDLO

Umoya wokukhuthaza. Imbongi ikhuthaza ukuba abantu bafunde bangadikibali kule mpi
eyimfundo. Ize iveze ukuthi le mpi iyakwazi ukunqobeka uma unolwazi olwanele. Imbongi ithi
noma kungaba nzima kangakanani, qhubeka ulwe.

2.4 ITHONI

Ithoni yisu lobuciko elivamise ukuhambisana nomoya. Enkondlweni ithoni isuke ibheka indlela
imbongi ebeka ngayo lokhu ekhuluma ngakho okungaba indikimba. Indlela imbongi ebeka
noma ekhetha ngayo amagama ingaveza umuzwa wayo ngaleso sikhathi. Lowo yiwona
esiwubiza ngethoni. Le nkondlo iqukethe ithoni ekhombisa ukuphokophela/ Ukukhuthaza.
Amagama akhethwe yimbongi enza ukuthi uphokophelele ukuya phambili noma ngabe
kunzima kangakanani kufanele uyinqobe le mpi yemfundo.

2.5 IMIFANEKISO-MQONDO / IZITHOMBEMAGAMA

Isingathekiso
Imbongi ingathekisa imfundo ngempi. Uma ubheka imfundo ilukhuni njengempi. Ifuna
abantu abakwazi ukubekezela noma kunzima. Onqobile empini uyaqheliswa kanjalo
nasemfundweni uthola umklomelo ngempumelelo yakhe.
16.Mfowethu yilwa le mpi!

Imifanekisomqondo yokuthintekayo: Bheka imigqa elandelayo:


20. Nom’ izikhali zikusinda,

Imifanekisomqondo yokubonakalayo: Bheka imigqa elandelayo:


3. Amaviyo nezingeqiwa ntwala,
4. Amaviyo namanxebakazi,

2.6 IMIGQA

2.6.1 Ukuvuleka nokuvaleka kwemigqa


Isb. Imigqa yonke yale nkondlo ivalekile
1. Ngamaviyoviyo,
2. Kudedangendlale wenkundla,

2.6.2 Ubude nobufushane bemigqa


37
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
Isb. Imigqa yonke yale nkondlo mifushane
7. Uwonk’ uyafis’ ukuyilwa

2.7 ISIGQI

Isigqi sale nkondlo siyanensa. Imigqa yale nkondlo ivalekile yonke. Amagama
asetshenzisiwe aveza umoya wokukhuthaza.
Bheka imigqa elandelayo:
Isb.
17. Yilw’ usenesikhathi,
18. Nami ngayilwa nganqoba,
19. Yilw’ imini nobusuku,

2.8 IMISINDO
2.8.1 Ifuzamsindo

2.8.2 Ifanamsindo
Ifanankamisa
Isb. Umugqa wesi-2
2. Kudedangendlale

2.8.5 Ukuxhumana
Ukuxhumana ukusetshenziswa kwamagama / iziqu zamagama / umsuka wamagama
afanayo emigqeni emibili noma ngaphezulu elandelanayo ngenhloso yokugqamisa
umqondo othile enkondlweni.
Ukuxhumana siqalo

Isb.
3. Amaviyo nezingeqiwa ntwala,
4. Amaviyo namanxebakazi,
5. Amaviyo nemikhontshwana

Lokhu kuxhumana kugcizelela ubuningi babantu abasuke bekhona empini. Abaningi


banamanxeba
futhi baphethe izikhali zokulwa.

Ukuxhumana okumaphakathi
Isb. Umugqa wesi-9 nowe-10
9. Ngimi nowami umkhontshwana,
10.Ngimi nesam’ isihlangwana,

38
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
Lokhu kuxhumana kugcizelela ukuthi imbongi nayo yayihlomile ngezikhali okwakumele
izisebenzise lapha empini.

Ukuxhumana sigcino
Isb.
9. Ngokwesab’ ukugadla kule mpi,
10. Ungebizelwe muntu kule mpi,
11. Mfowethu yilwa le mpi!

Lokhu kuxhumana kugcizelela uhlobo lwempi okumele umuntu abhekane nalo, okungaba impi
yempilo noma imfundo.

5. Idwala likaShaka – J.M Sikakane

1. Yidwala likaShaka
2. EliseSibubulungu,
3. Elahlul’ abelungu
4. Ukuliqhephula
5. Yidwala likaShaka
6. Elengamel’ ulwandle
7. Kuhle kwenkos’ imele
8. Imikhosi yempi.
9. Yidwala likaShaka
10. Elabikezel’ umLungu,
11. Nempela wathi lungu,
12. Emanzin’ olwandle
13. Yidwala likaShaka
14. Elalibuk’ amabutho
15. Ezam’ ukwenz’ ufutho
16. Kumadlamb’ olwandle.
17. Yidwala likaShaka
18. Eligezw’ amagagasi
19. Won’ adl’ aMaqaqasi
20. Ejutshwa yiLembe.
21. Yidwala likaShaka
22. Eliseyisisekelo.
23. LiseyisiZekelo
24. NgoShaka kashayeki.

39
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

1. UKUCHAZWA KWAMAGAMA

AMAGAMA IZINCAZELO

1. Idwala- Itshe elikhulu elendlalekile

2. ESibubulungu- Indawo eseKhangela ngasesigodlweni senkosi uShaka. Kule ndawo


kwakunedwala elikhulu inkosi uShaka eyayihlala kulo uma ibuka
amabutho ayo ezilolonga.

3. Imikhosi Umgidi omenywa inkosi yohlanga ukugubha okuthile

4. Ukubikezela- Ukuyaleza ngokuzokwenzeka/ Ukubona okungakenzeki usho ukuthi


kuzokwenzeka
5. Ufutho Umdlandla omkhulu/ Isenzo esikhombisa amandla

6. Amadlambi Amanzi olwandle agubhayo/ amaza/ amagagasi.

7. Ukujutshwa Ukuthunywa / ukunikezwa imvumo yokwenza okuthile

UKUHLUZWA KWENKONDLO
2.1 INDIKIMBA
Indikimba iphendula umbuzo wokuthi imbongi ikhuluma ngani. Yini le ethinte imbongi yafisa
ukubhala ngayo? Indikimba ingumongo wenkondlo yonke ukusuka ebinzeni lokuqala kuze
kuyofika ebinzeni lokugcina.
Indikimba ingaba igama elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo
imayelana nomlando/ ubuqhawe]
2.2 UMQONDO WENKONDLO

Kule nkondlo imbongi isilandisa ngedwala inkosi uShaka eyayihlala kulo uma ibuka izinto
zenzeka esizweni sayo. Leli tshe laliseSibubulungu (Bluff) emzini wenkosi uShaka
owawakhiwe ngasolwandle endaweni yakwaKhangela. Esitanzeni sokuqala imbongi
isinikeza igama lendawo lapho idwala elalikhona khona nokuqina kwalo okwehlula
abelungu bezama ukuliqhephula. Esitanzeni sesibili imbongi isilandisa ngesimo salo ukuthi
lalimi libheke noma lengamele ulwandle. Esitanzeni sesithathu imbongi isilandisa ngokuthi
inkosi uShaka yayihlezi kulo leli dwala ngenkathi ibikezela ukufika kwabelungu kuleli
ngempela kwagcina kunjalo. Esitanzeni sesine kuyavela ukuthi yilo leli dwala eyayihlala
phezu kwalo inkosi uShaka uma ibuka amabutho ayo ezilolonga phakathi emagagasini
olwandle. Esitanzeni sesihlanu imbongi isilandisa ngokuthi yilo idwala likaShaka elalihlale
ligezwa ngamagagasi wona adla isizwe sama`Maqaqasi ejutshwe yinkosi uShaka.
Esitanzeni sesithupha nokuyisitanza sokugcina imbongi inikeza umlando wokuthi konke
okwakwenzeka kwaZulu kwakuyisisiseko sobukhosi bakwaZulu ubukhosi benkosi uShaka.
Isb.

40
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
1. Yidwala likaShaka
2. EliseSibubulungu,
3. Elahlul’ abelungu
4. Ukuliqhephula

Esitanzeni sokugcina imbongi igqamisa umqondo wokuthi konke okungumlando wakwaZulu


inkosi uShaka eyayikwenza yayikwenza ihlezi kulo leli dwala. Ngakho-ke leli dwala
liyisisekelo sobukhona kobukhosi benkosi uShaka.

2.3 UMOYA WENKONDLO

Le nkondlo iqukethe umoya wokuncoma. Imbongi incoma idwala kanye nemisebenzi yalo
ekhomba ukukwazi ukumelana nezimo zobunzima. Imbongi iveza ubuchule nobuqhawe
benkosi uShaka ekwenzeni izinto kanye nokuba neso lokubona izingxenye zemvelo
ezingaba yingqophamlando esikhathini esizayo njengalo leli dwala. Idwala lisetshenziswe
inkosi uShaka ukwengama amabutho. Kunconywa nendlela ayecabanga ngayo
ngesikhathi ehlezi kuleli dwala lakhe okwakugcina kuyinto eyenzekile njengokubikezela
ukufika kwabelungu.

2.4 ITHONI

Le nkondlo iqukethe ithoni yokutusa. Amagama akhethwe yimbongi atusa ubugqikolo


bedwala lenkosi uShaka. leli dwala laliqinile lehlula nabelungu bezama ukuliqhephula.
Lehlula namandla amagagasi olwandle.

2.5 IMFANEKISOMQONDO/ IZITHOMBEMAGAMA

Imifanekisomqondo kuba ngamagama athile asetshenziswe yimbongi enkondlweni


ukugqamisa umqondo othile. Akha isithombe esithile njengokusebenza kwawo
enkondlweni. Abuye abizwe ngezithombe magama. Imifanekiso mqondo ingahlukaniswa
kathathu.
● Imifanekisomqondo/ izithombe magama kuzala izinzwa: inzwa yokubonakalayo, inzwa
yokuzwakalayo, inzwa yokuthintekayo, yokunambithekayo nenzwa yokuhogelekayo.
● Izifengqo ezithile isibonelo ukwenzasamuntu, ukwenzasasilwane, isingathekiso,
isifaniso, indida, okzimoroni njl.
● Izimo zokukhuluma okungaba izaga, izisho, izifengqo.
● Ulimi olunothile/ amagama anothile/ acebile.
Imifanekiso mqondo obonakalayo:

Emugqeni we-11 nowe 14 le migqa iqukethe imifanekiso mqondo ebonakalayo’

11. ‘Nempela wathi lungu’,


14. ‘Elalibuk’ amabutho’
Emugqeni we-18 sithola umifanekiso mqondo othintekayo:
18. ‘Eligezw’ amagagasi’
Lo mfanekiso mqondo ugqamisa umqondo wokuhlanzeka kwetshe ngenxa yokuthintwa
ngamagagasi njalo.

41
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
Izifengqo: emuggeni wesi-7 kuya kowesi- 8 sithola isifaniso. La magama aphinde
asebenze njengesenzasamuntu. Imbongi yenza idwala lenze njengomuntu oyinkosi
okugcizelela ubukhulu namandla edwala leLembe.
7. Kuhle kwenkosi imele
8. Imikhosi yempi.

2.5 IMIGQA

Inkondlo yakhiwe izitanza eziyisithupha. Isitanza ngasinye sakhiwe yimigqa emine. Yonke
imigqa iyalingana okukhombisa ukuthi le nkondlo ikhuluma ngento enhle.

2.6 IMISINDO

2.6.1 Ukuvuleka nokuvaleka kwemigqa

Isb.
1.Yidwala likaShaka (umugqa ovulekile)

Isb.
2. EliseSibubulungu, (umugqa ovalekile)

2.6.2 Imisindo

Imvumelwano
Ukuvumelana kusho ukufana kwamalunga emigqeni elandelanayo. Ngasekuqaleni
kwegama unkamisa angaba yilunga kanti ngeke akwazi ukuba yilunga ngasekugcineni
kwegama.
● Imvumelwano siqalo

Isb.
1. EliseSibubulungu,
2. Elahlul’ abelungu
Le mvumelwano iletha umqgumo omnandi osamculo ogqamisa indawo lapho idwala
likaShaka litholakala khona kanjalo nokuthi liqinile okwenza abelungu behluleka
ukuligudluza. Imikhumbi yabo ihamba ilizungeze ngoba aliqhephuleki.

● Imvumelwano maphakathi
Isb.
18. Eligezw’ amagagasi
19. Won’ adl’ aMaqaqasi
● Imvumelwano sigcino
Isb.
14. Elalibuk’ amabutho
15. Ezam’ ukwenz’ ufutho

42
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

Musani- M.S.S Gcumisa

6 1. Musani ukukhala,
. 2. Musani ukubibitheka,
3. Musani ukulila,
4. Nimlilelelani u…. ma?
5. Kanazi yini ukuthi uyephi na?
6. Kanazi yini ukuthi ubizwephi na?
7. Kanazi yini ukuth’ ungokabani na?
8. Kaniqondi yini ukuth’ akuwenu na?
9. Pho, Nihlushwa yini um’ esey’ ekhaya?
10. Pho anithokozi ngani um’ ey’ ekhaya?
11. Thulani nithokoze lokh’ usebiziw’
12. Thulisan abathuthumelayo ngosebiziwe.
13. Vuman’ ukuth ubizwe nguyena
14. Vulani izinhliziyo zenu kuyena.

1. UKUCHAZWA KWAMAGAMA

AMAGAMA IZINCAZELO

1 Ukubibitheka Ukukhala izinyembezi/ Ukuguqula ubuso ufuna ukukhala

2 Ukulila Ukukhala okunomunyu noma okunokudabuka

3 Ukuthuthumela Ukuqhaqhazela okwenziwa uvalo/ ukwesaba// ukugedezela

4 Osebizelw’ Osedlulile/ ohambile emhlabeni


enkosin

2. UKUHLUZWA KWENKONDLO
2.1 INDIKIMBA
Indikimba iphendula umbuzo wokuthi imbongi ikhuluma ngani. Yikuphi lokhu
okuthinte imbongi yaze yafisa ukubhala ngakho? Indikimba ingumongo wenkondlo
yonke ukusuka ebinzeni lokuqala kuze kuyofika ebinzeni lokugcina.
Indikimba ingaba igama elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo
ukufa/ imayelana nokufa.

43
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
2.2 UMQONDO WENKONDLO
Imbongi ikhuluma ngomuntu osedlule emhlabeni. i
Imbongi ibuza ukuthi kungani abantu bekhala ngoba phela usuke esebizwe
nguMdali. Ize ibuze ukuthi njengoba esehambile emhlabeni abantu abazi yini
ukuthi uyephi nokuthi ubizwe ngubani? Imbongi ifisa ukuthi uma kunomuntu
ohambile emhlabeni abasele bangakhali bajabule ngoba lowo muntu usuke
esebizwe ngumnikazi embizel’ ekhaya. Abantu kufanele basale beduduzana
ngoba kusuke kwenzeke intando kaNkulunkulu.
5. Kanazi yini ukuthi uyephi na?
6. Kanazi yini ukuthi ubizwephi na?
7. Kanazi yini ukuth’ ungokabani na?
8. Kaniqondi yini ukuth’ akuwenu na?
9. Pho, Nihlushwa yini um’ esey’ ekhaya?
Imbongi iphetha ngokuthi kufanele abantu bavume ukuthi osehambile usuke
esebiziwe bese bevula izinhliziyo zabo bazivulele kuMdali.

2.3 UMOYA WENKONDLO

Le nkondlo iqukethe umoya wosizi ngoba kunabantu abalilayo ngenxa yokwedlula


kothandiweyo wabo emhlabeni. Kusukela emugqeni wokuqala kuye koweshumi
imbongi iphawula ngokubibitheka kanye nokulila kwabantu ibabuza ukuthi abazi yini
ukuthi lo osehambile uyephi na.

Emiggeni emine yokugcina imbongi igqamisa ukuthi abantu kumele bakujabulele


ukuhamba komuntu emhlabeni kuthuliswe abasuke bekhala ngoba usuke esebizwe
nguMdali.

2.4 ITHONI

Le nkondlo iqukethe ithoni yokudududuza/ yokunikeza ithemba. Imbongi iduduza


abantu abalahlekelwe othandiweyo wabo ukuthi bangakhali, osehambile akuphelile
ngaye ngoba ubizwe ngumdali wakhe

2.5 IMISINDO

2.5.1 UKUXHUMANA

Ukuxhumana kusho ukufana kwamagama, umsuka noma iziqu emigqeni


elandelanayo. Lokhu kuvamise ukuba umbhali wenkondlo akusebenzisele
ukugcizelela noma ukugqamisa okuthile okungahambisana nokushiwo yinkondlo
noma umoya wenkondlo.

Ukuxhumana okusekuqaleni
Isb.

1 Musani ukukhala,
2.Musani ukubibitheka,
Imbongi iyabacela ukuba bayeke ukukhala ngoba lo osedlulile emhlabeni
usebizwe ngumdali.
44
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

Ukuxhumana okumaphakathi
Isb:
5. Kanazi yini ukuthi uyephi na?
6. Kanazi yini ukuthi ubizwephi na?

Ukuxhumana okusekuqcineni

Isb.

9. Pho, Nihlushwa yini um’ esey’ ekhaya?


10. Pho anithokozi ngani um’ ey’ ekhaya?

2.5.2 IMVUMELWANO
Ukuvumelana kusho ukufana kwamalunga emigqeni elandelanayo. Ngasekuqaleni
kwegama unkamisa angaba yilunga kanti ngeke akwazi ukuba yilunga
ngasekugcineni kwegama.

Imvumelwano siqalo

Isb.

7.Kanazi yini ukuth’ ungokabani na?


8.Kaniqondi yini ukuth’ akuwenu na?

Imvumelwano maphakathi

Isb.

1. Musani ukukhala,
2. Musani ukubibitheka,

45
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

Uthunywe Ngubani? - M.M.S Gcumisa

7. 1. We kufa, ak’ ungihlebele,


2. Uthunywa ngubani wena?
3. Ukub’ uzosibangel’ usizi?
4. Nguban’ okuph’ amandlakazi
5. Angangawamabuth’ akwaMandlakazi?
6. Owephul’ uphoqoze ngawo
7. Izithomb, ezingamahlume
8. Omthathe, omsimbithi nomthombothi?
9. AbakwaMthombothi bangavuma!

10. AbakwaMsimbithi bangavuma


11. NabakwaMthathe bavume
12. Ukuthi usuke wabenzakalisa,
13. Kungabe uyisithunywa sikaSathane
14. Noma uthunywe ngoMkhulukhulu?

1. UKUCHAZWA KWAMAGAMA

AMAGAMA IZINCAZELO

1 Ukubangel’ usizi Ukudala izinhlupheko


2 Umthathe Isihlahla esiqinile esingadliwa nawumuhlwa esinomlotha omningi uma
sibasiwe.
3 Umthombothi Uhlobo lomuthi onesiqu esilukhuni esetshenziselwa ukubaza.
4 Umsimbithi Isihlahla esikhula sibe phakathi nendawo singabi sikhulu kakhulu sikhipha
izinduku ezingaphuki kalula.
5 Amaklume Ingxenye yesithombo engumxhantela wesikhulu/ Ihlumela
6 Uphoqoze Unqamule kube yizingcezu
7 KwaMandlakazi Isigodlo senkosi uMbuyazi esisendaweni yaseBhanganoma, kwaNongoma.

2. UKUHLUZWA KWENKONDLO
2.1 INDIKIMBA
Indikimba iphendula umbuzo wokuthi imbongi ikhuluma ngani. Indikimba ingumongo
wenkondlo yonke ukusuka ebinzeni lokuqala kuze kuyofika ebinzeni lokugcina.
Indikimba ingaba igama elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo
imayelana nokufa.
2.2 UMQONDO WENKONDLO

46
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

Imbongi ikhuluma nokufa ngqo ikubuza ukuthi njengoba kubangela isizwe usizi
ngokuphoqophoqoza konke okuphilayo kuthunywe ngubani? Imbongi igqamisa
umqondo wokuthi uma ukufa sekufikile akukhethi kuthatha ngisho abantu
abasebancane abasakhula (ezisengamaklume). Yase isebenzisa izinhlobo
zezihlahla ezahlukene ezisuke zisakhula okugqamisa umqondo wobuncane.
Imbongi ifisa ukwazi ukuthi kahle kahle ukufa kuthunywe nguSathane noma uMdali.
Ifisa ukwazi ukuthi ngempela ubani lo okunika amandla angaka okubulala abantu.
Isb.

4. Nguban’ okuph’ amandlakazi


5. Angangawamabuth’ akwaMandlakazi?
6. Owephul’ uphoqoze ngawo
7. Izithomb, ezingamahlume

Emigqeni emibili yokugcina imbongi iphetha ngombuzo mbumbulu obuza ukuthi


ngempela ukufa ngabe kuthunywe uSathane noma uNkulunkulu njengoba kuqeda
abantu nje?

2.3 UMOYA WENKONDLO

Le nkondlo iqukethe umoya wokukhathazeka/ wokudumala. Amagama


asetshenziswe imbongi aveza umoya onokukhathazeka ngokufa njalo kwabantu
baphinde bafe ngobuningi. Ukufa kuthatha abadala nabancane.

2.4 ITHONI
Le nkondlo iqukethe ithoni yokudideka. Lokhu kugqanyiswa wukusetshenziswa
kwemibuzo mbumbulu enkondlweni. Imbongi ididwa ukuthi ukufa kusuke kuthunywe
ngubani njengoba kubonakala kuthatha abantu ubuthaphuthaphu. Kunjalo nje
akukhethi ngokweminyaka, kuthatha omncane nomdala.

2.5 ISIGQI
Isigqi senkondlo siyanensa. Imigqa eminingi yenkondlo ivalekile kanti umoya
wembongi owokukhathazeka nokudumala. Imbongi idunyazwa yindlela abantu
abafa ngayo. Umqondo wenkondlo nawe uhambisana nokufa. Konke lokhu
kusinikeza isigqi esinensayo.
2.6 UKUXHUMANA

Ukuxhumana kusho ukufana kwamagama, umsuka noma iziqu emigqeni


elandelanayo. Lokhu kuvamise ukuba umbhali wenkondlo akusebenzisele
ukugcizelela noma ukugqamisa okuthile okungahambisana nokushiwo yinkondlo
noma umoya wenkondlo.

 Ukuxhumana okumaphakathi
Isb.
13. Kungabe uyisithunywa sikaSathane
14. Noma uthunywe ngoMkhulukhulu?

47
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
 Ukuxhumana okusekugcineni

Isb.
4. Nguban’ okuph’ amandlakazi
5. Angangawamabuth’ akwaMandlakazi?

2.6.2 IMVUMELWANO
Ukuvumelana kusho ukufana kwamalunga emigqeni elandelanayo. Ngasekuqaleni
kwegama unkamisa angaba yilunga kanti ngeke akwazi ukuba yilunga
ngasekugcineni kwegama.
Imvumelwano siqalo

Isb.
2. Uthunywa ngubani wena?
3. Ukub’ uzosibangel’ usizi?
IMVUMELWANO MAPHAKATHI
Isb.

12. Ukuthi usuke wabenzakalisa,


13. Kungabe uyisithunywa sikaSathane

 Imvumalwano sigcino
Isb.
3. Ukub’ uzosibangel’ usizi?
4. Nguban’ okuph’ amandlakazi

Ucu Olumhlophe – C.T Msimang

8 1. Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe;


. 2. Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe;
3. Yeka leyo minjunju yothando kutshutshwa,
4. Luny’ uhlamvu lwesiqalo nolwesiphetho,
5. Lolu cu alunasiqalo nasiphetho.

6. Ngamehlwan’ amhlophe luthi cwayicwayi;


7. Ngamehlwan’ amsulwa luthi phayiphayi;
8. Lungumhlanganisi kanye nomxhumanisi,
9. Luyisibopho sezifungo isibili;
10. Luyisizinda sezinhliziy’ ezimbili.

11. Uzi oluhlanganise la maqanda wolwazisa,


12. Ungaluphatha gadalala luyogqashuka,
13. Ubuhlalu buyoba yisanhlaka senhlakanhlaka,
14. Kochithek’ uphoko lwakwamfazi.

48
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

1. UKUCHAZWA KWAMAGAMA

AMAGAMA INCAZELO

1 Uzi Intambo elukwe ngenxoza noma ngotshani okutshutshwa ngalo ubuhlalu uma
kukhandwa ucu.
2 Iminjunju Izinhlungu eziqaqambayo/ Ubuhlungu obusenhlizweni
3 Isizinda Umsuka wento/ umongo
4 Ukutshutsha Ukuthunga usebenzise intambo eyelukwe ngotshani uyifaka ebuhlalwini
5 Isibopho Isivumelwano esingenakunqanyulwa kalula esibophezelayo kulabo abasenzile
6 Ukuphatha Ukuphatha ngokunganaki/ Ukuphatha budlabha
gadalala
7 Inhlakanhlaka Okuhlakazekile okungamile ngononina/ okungaqoqekile
8 Uphoko Izinhlamvu ezigazingwayo zigaywe zibe umphako wendlela

2. UKUHLUZWA KWENKONDLO

2.1 INDIKIMBA

Indikimba iphendula umbuzo wokuthi imbongi ikhuluma ngani. Indikimba ingumongo


wenkondlo yonke ukusuka ebinzeni lokuqala kuze kuyofika ebinzeni lokugcina. Indikimba
ingaba igama elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo imayelana
nothando.

2.2 UMQONDO WENKONDLO

Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngocu oluyimvunulo yophawu lothando. Lolu cu imbongi
ekhuluma ngalo ngolumhlophe nokuwucu olusetshenziswa yintombi uma iqoma insizwa.
Ucu olumhlophe luwuphawu lo thando lusuke luhlanganisa izinhliziyo zababili ngothando.
Kule migqa imbongi igqamisa ucu nothando.

Isb.

1. Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe;


2. Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe;
3. Yeka leyo minjunju yothando kutshutshwa,
4. Luny’ uhlamvu lwesiqalo nolwesiphetho,
5. Lolu cu alusiqalo nasiphetho.

Emigqeni emine yokugcina imbongi igqamisa umqondo wokuthi kumele luhlonishwe


usinga olusetshenziswe kwakhiwa lolu cu ngoba uma ungalunakekeli luyogqashuka.
Imbongi igqamisa umqondo wokuthi uma intombi isikuqomile kufanele uyiphathe kahle
futhi uluhloniphe uthando lwenu ngoba uma ungenzanga njalo izinto ziyobheda phakathi
kwenu.

2.3 UMOYA WENKONDLO

49
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
Le nkondlo iqukethe umoya wokuncenga. Imbongi incenga lo muntu emnike lolu cu ukuba
aluphathe kahle ngoba yedlule ebunzimeni ngesikhathi ilwakha. Kuyithathe isikhathi eside
ukuhlanganisa lolu cu oluwuphawu lothando. Ngakho-ke nalo olwamukelayo kuyofanele
akuqonde lokho.

2.4 ITHONI

Inkondlo iqukethe ithoni yokwethemba okuhle njalo ngokuzokwenzeka kulolu hambo


lothando oseluthathwa yimbongi. Imbongi ithi isikhiphe ucu olumhlophe noluwuphawu
lothando. Ibuye ikhombisai amazwi okuncenga ukuba luphathwe kahle lolu thando.
Inethemba lokuthi uma luphathwe kahle izinto ziyohamba kahle njalo/ngaso sonke
isikhathi.

2.5 IMISINDO

2.5.1 Ukuxhumana
Ukuxhumana kusho ukufana kwamagama, umsuka noma iziqu emgqeni elandelanayo.
Lokhu kuvamise ukuba umbhali wenkondlo akusebenzisele ukugcizelela noma
ukugqamisa okuthile okungahambisana nokushiwo yinkondlo noma umoya wenkondlo.
Ukuxhumana kusetshenziselwa ukugcizelela okuthile enkondlweni kuleyo migqa
enokuxhumana.

Ukuxhumana okusekugcineni

Isb.

1. Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe;


2. Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe;

Ukuxhumana okusekuqaleni

Isb.
6. Ngamehlwan’ amhlophe luthi cwayicwayi;
7. Ngamehlwan’ amsulwa luthi phayiphayi;

2.5.2 IMVUMELWANO
Ukuvumelana kusho ukufana kwamalunga emigqeni elandelanayo. Ngasekuqaleni
kwegama unkamisa angaba yilunga kanti ngeke akwazi ukuba yilunga ngasekugcineni
kwegama. Imvumelwano isetshenziselwa ukuletha umugqumo omnandi ogcizelela
okuthile emigqeni etholakala enkondlweni.

Imvumelwano siqalo

Isb.
3. Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe;
4. Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe

Imvumelwano maphakathi
Isb.

6. Ngamehlwan’ amhlophe luthi cwayicwayi;


50
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
7. Ngamehlwan’ amsulwa luthi phayiphayi;

Imvumelwano sigcino
Isb.
12. Ungaluphatha gadalala luyogqashuka,
13. Ubuhlalu buyoba yisanhlaka senhlakanhlaka,

2.7 Imifanekisomqondo/ IZITHOMBE MAGAMA

Imifanekisomqondo kuba ngamagama athile asetshenziswe yimbongi enkondlweni


ukugqamisa umqondo othile. Akha isithombe esithile njengokusebenza kwawo
enkondlweni. Abuye abizwe ngezithombe magama. Imifanekiso mqondo ingahlukaniswa
ngezigaba ezahlukene.

 Imifanekisomqondo/ izithombe magama kuzala izinzwa: inzwa


yokubonakalayo, inzwa yokuzwakalayo, inzwa yokuthintekayo,
yokunambithekayo kanye nenzwa yokuhogelekayo.
 Izifengqo ezithile isibonelo ukwenzasamuntu, ukwenzasasilwane,
isingathekiso, isifaniso, indida, yi-okzimoroni njl.
 Izimo zokukhuluma okungaba izaga, izisho, izifengqo
 Ulimi olunothile/ amagama anothile/ acebile,

Isb.

Ukuphatha gadalala- kusho ukuphatha budlabha

51
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

SANKOMOTA
I-Sankomota iqembu lomculo elasungulwa ngonyaka we-1976, ezweni lase-Lesotho. Leli qembu
laqala labizwa ngokuthi uhuru. Leli qembu lalinamalunga afana no-Frank Leepa, uMoss Nkofo,
uBlack Jesus, uMoruti Selate, uTsepo Tshola, uPitso Sera kanye namanye amalunga.

Umphathi waleli owaliphatha kwaba unyaka we-1979 u-Peter Schneider. Ngenxa yedumela
leqembu elalibizwa ngokuthi i-black uhuru yase-Caribbean, kwaphoqeleka ukuba bashintshe igama
labo. Bazibiza ngokuthi isankomota (okuchaza iqhawekazi laseLesotho). Isankomota kwaba
iqembu lokuqala ukuqopha icwecwe (LP). baqoshwa u-Lloyd Ross kanye noWarrick Sony weShifty
records mhla ziyi-11 kuNovemba1983. Leli recodi lokuqala balibizwa ngokuthi Sankomota,
linamaculo ayisi-9

Zingqwele ze-Afrika – Imbongi Ayaziwa

9. 1. Umhlaba uzolile,
2. Uhloniph’ izingqwele,
3. Zidl’ ubhedu lwengoma,
4. Oludonsel’ ezinzulwini zomphefumulo,
5. Nenhliziy’ edabukil’ ithinteke,
6. AbaNdumalo baboph’ imithwalo’
7. Bashaye bashantshule.
8. Ningamuki Zingqwele ze-Afrika,
9. Khuphulani lolo ngqambothi!
10. Umhlab’ uzohloba ngengubo yothando,
11. Kukikizwe kuchwaze,
12. Khuphulani leyo nhlokomo!
13. Ehlokoma namahlokohlok’ ehlobo,
14. Kuhlakul’ ubuhle bomhlaba.
15. Ningaphezi badli bobhedu!
16. Ngizw’ amaphimb’ avuma kamnandi
17. Amagod’ okuzibamb’ agqabuka,
18. Ngahlokoma nezingqwele zobhedu,
19. Umzwangedwa wangival’ isamuku!
20. Umphefumulo wami washwibashwiba,
21. Ngaphil’ ezwen’ elingenamngcele.
22. Nazo sezikhophozel’ izingqwele,
23. Zasholo phansi kamnandi,
24. Zahlekis’ umhlab’ ongahleki,
25. Kwavunguz’ umoya wothando,
26. AbakwaNzondo bashaya bachitha!
27. Umlilo wothando wadlondlobala’
28. Iphunga lothando lagcwal’ umhlaba.

52
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

UKUCHAZWA KWAMAGAMA

AMAGAMA IZINCAZELO ZAMAGAMA

1. Ukuzola Ukuthula/ ukucwatha kwezulu libe lihle lingabi namoya.


2. Izingqwele Umuntu ophumelela ahlule bonke abantu
3. Ukudla ubhedu Ukuphuma phambili uvelele kulokhu okwenzayo
4. Ukudonsela ezinzulwini Ukudepha ushone phansi entweni osuke uyenza. Umculo othinta
ekujuleni
5. Ukudabuka Ukuzwa ubuhlungu enhlizweni
6. Isamuku- Ukuthula ungakhulumi
7. Ukubopha imithwalo Ukuqoqa konke okungokwakho uhambe
8. Ukushaya ushantshule Ukuhamba
9. Ungqambothi Umculo omnandi
10. Ukuhloba Ukugqoka ngendlela ekhangayo/ Ukuvunula.
11. Ukumuka Ukuhamba unomphele/ ukuhamba endaweni ungaphinde ubuye
12. Ukuchwaza Ukwenza umsindo
13. Ukuhlaluka Ukucaca kwento
14. Ukupheza Ukuyeka/ Ukukhawula/ ukugcina
15. Ubhedu- Inyama enonile ehambisana nephaphu edliwa amaqhawe
16. Amagoda Intambo / utshani obelukwe kwaba amanqakajana.
17. Umzwangedwa- Ubuhlungu umuntu abuzwa yedwa obungaphakathi enhliziyweni
18. Ukushwibashwiba Ukubophana/ ukuphonseka le nale / ukujikoza
19. Umngcele- umklamo lapho into iphela khona
20. Ukukhophozela ukubhekisa ikhanda phansi ukhombise ukuba namahloni
21. Ukushaya uchithe- kusho ukuhamba
22. Ukudlondlobala Ukukhula ngokushesha

2. UKUHLUZWA KWENKONDLO

2.1 INDIKIMBA

Indikimba iphendula umbuzo wokuthi imbongi ikhuluma ngani. Indikimba ingumongo


wenkondlo yonke kusuka ebinzeni lokuqala kuze kuyofika ebinzeni lokugcina. Indikimba yale
nkondlo ubuqhawe. Imbongi ikhuluma ngeqembu lomculo elibizwa ngokuthi, iSankomota.
Imbongi ibalula ubungqwele baleli qembu ngoba selaziwa umhlaba wonke ngomculo omtoti.

2.2 UMQONDO WENKONDLO


Imbongi ikhuluma ngeqembu lomculo wesintu iSankomota ukuba liqhubeke nokucula umculo
walo omnandi. Ibeka ukuthi umculo walo uthokozisa abantu abaningi zinkalo zonke. Yingakho

53
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
nje imbongi ithi leli qembu ilibizwa ngokuthi liyizingqwele zase-Afrika. Umculo waleli qembu
uwungqambothi.

2.3 UMOYA WENKONDLO


Umoya otholakala kule nkondlo owokuncoma. Imbongi incoma igalelo leqembu iSankomota
ekusethuleleni umculo omnandi. Umculo waleli qembu wenza ukuba abantu abaningi bazizwe
bejabulile uma belalele umculo walo.

2.4 ITHONI
Le nkondlo iqukethe ithoni yokuhalalisa / ukutusa umculo omnandi odlalwa yiqembu
leSankomota.Umculo waleli qembu ujabulisa bonke abantu ngisho nabadabukileyo.
Yingakho imbongi ibabiza ngamaqhawe ase-Afrika ngoba umculo wabo uthandwa yibo bonke
abantu.

2.5 IMIGQA
Imigqa eyakhe le nkondlo yehlukene. Kukhona imigqa emide kanye nemifushane.
Isb. Umugqa omfushane
1. Umhlaba uzolile,
Isb. Umugqa omude
10. Uzohloba ngengubo yothando.
2.6 AMABINZA
Le nkondlo inamabinza amane:
Ibinza lokuqala inemigqa eyi-7
Ibinza lesibili linemigqa eyi-7
Ibinza lesithathu linemigqa eyi-7
Ibinza lesine linemigqa eyi-7
Ngenxa yokuhleleka kwenani lale migqa, kugqama ukuthi le nkondlo ikhuluma ngento enhle.
Imbongi itusa iqembu lomculo iSankomota ecula umculo omnandi ojabulisa abantu abaningi.

2.7 I-enjambamenti
Lolu hlobo lobuciko lwethula umugqa ovulekile kanye novalekile. Lokhu kuvamise
ukugqamisa ukuthi umqondo uphelela emgqeni olandelayo.
Isb.
16. Ngizw’ amaphimb’ avuma kamnandi
17. Amagod’ okuzibamb’ agqabuka,

54
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

2.8 IMISINDO

2.8.1 Ukuxhumana
Ukuxhumana kusho ukufana kwamagama, umsuka noma iziqu emigqeni elandelanayo.
Lokhu kuvamise ukuba umbhali wenkondlo akusebenzisele ukugcizelela noma ukugqamisa
okuthile okungahambisana nokushiwo yinkondlo noma umoya wenkondlo.

Izinhlobo zokuxhumana

Isb.

 Ukuxhumana okutshekile
9.Khuphulani leyo nhlokomo!
10.Ehlokoma namahlokohlok’ ehlobo,

2.8.2 IMVUMELWANO
Ukuvumelana kusho ukufana kwamalunga emigqeni elandelanayo. Ngasekuqaleni
kwegama unkamisa angaba yilunga kanti ngeke akwazi ukuba yilunga ngasekugcineni
kwegama.

Isb.
 Imvumelwano siqalo
10.Umhlaba uzolile,
11.Uhloniph’ izingqwele,
Isb.
Umzwangedwa wangival’ isamuku!
Umphefumulo wami washwibashwiba,
Isb.
23. Zasholo phansi kamnandi,
24.Zahlekis’ umhlab’ ongahleki,
 Imvumelwano maphakathi

Isb.
4. Oludonsel’ ezinzulwini zomphefumulo,
5. Nenhliziy’ edabukil’ ithinteke,
Isb.
19. Umzwangedwa wangival’ isamuku!
20. Umphefumulo wami washwibashwiba,
Isb.
24. Zahlekis’ umhlab’ ongahleki,
25. Kwavunguz’ umoya wothando,
55
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

 Imvumelwano sigcino

Isb.
1. Umhlaba uzolile,
2. Uhloniph’ izingqwele,

2.9 IMISINDO
2.9.1 Ifanamsindo

Ifanamsindo lisho ukufana komsindo okutholakala emugqeni. Ifanamsindo lingaba


ifanangwaqa noma ifanankamisa.

2.9.1.1 Ifanangwaqa
Isb.
11. Kukikizwe kuchwaze, [k]
2.9.1.2 Ifanangwaqa
Isb.
13. Ehlokoma namahlokohlok’ ehlobo, [o]
2.10 Imifanekisomqondo/ IZITHOMBE MAGAMA
Imifanekisomqondo kuba yilawo magama asetshenziswe imbongi enkondlweni ukwakha
umfanekiso emqondweni. La magama abanye bawabiza ngezithombemagama.
Imifanekisomqondo ingahlukaniswa izigaba ezahlukene:
● Imifanekisomqondo/izithombemagama kungazala izinzwa (inzwa yokubonakalayo,
yokuthintintekayo, yokunambithekayo, yokulalelekayo kanye neyokuhogelekayo)
● Izifenqo ezithile, isibonelo: ukwenzasamuntu, ukwenzasasilwane, isingathekiso,
isifaniso, indida, yi-okzimoroni, njl.
● Izimo zokukhuluma okungaba izaga nezisho ezithile kanye
● Nolimi olunothile- amagama acebile/anothile

Umfanekisomqondo wokuthintekayo

Isb.
5. Nenhliziy’ edabukil’ ithinteke,

Lapha imbongi isebenzise umfanekisomqondo wokuthintekayo. Kepha ibhekise ekuthintekeni


kwenhliziyo ngenxa yomculo omnandi osuke uculwa yileli qembu leSankomota.

 Umfanekisomqondo wokubonakalayo

Isb.
10. Umhlab’ uzohloba ngengubo yothando,

Lapha imbongi igqamisa ukuthi umhlaba uzoba muhle kangakanani uma abantu sebelalele
lolu ngqambothi lomculo bese kwakheka uthando. Uthando luzohlobisa umhlaba ube muhle.

56
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

Kwakheka umfanekiso womhlaba omuhle onokuthula ngenxa yothando oluzobe lulethwe


umculo waleli qembu iSankomota.

 Umfanekisomqondo wokuzwakalayo

Isb.

11. Kukikizwe kuchwaze,

Kuzozwakala umsindo wokuhalalisa ngenxa yomculo owethulwa yileli qembu leSankomota.


Abantu abaningi bazojabula uma bezwa umculo oculwa yilezi zingqwele zase-Afrika.
Isb.
16. Ngizw’ amaphimb’ avuma kamnandi
Lapha kukhona umfanekisomqondo wokuzwakalayo lapho kuzwakala umculo owethulwa
iqembu iSankomota. Akuwona nje umculo noma yimuphi kepha wuhlobo lomculo omnandi
oculwa yileli qembu.
Isb.
23. Zasholo phansi kamnandi,

Kusho ukuculela phansi kungamenyezwa kepha lolu ngqambothi lube luzwakala kamnandi.

 Umfanekisomqondo wokubonakalayo

Isb.
22. Nazo sezikhophozel’ izingqwele,
Umfanekisomqondo wokubonakalayo lapho kubonakala leli qembu licula lidlisela esiteji
abantu bebukela.

 Umfanekisomqondo wokuhogelekalayo

Isb.

Iphunga lothando lagcwal’ umhlaba.

Iphunga elimnandi libhekiswe kumculo omnandi ofaniswa nephunga elimnandi eseligcwele


umhlaba wonke. Lokhu okusho ukuthi umculo wabo omnandi ususabalele umhlaba wonke.

 Isisho
Isb.
7. Bashaye bashantshule.

Lesi sisho sichaza ukuhamba ungabe usabheka emuva. Kubhekiswe kulabo abanomona
abangathandi ukuhalalisela leli qembu lomculo njengoba lenza kahle futhi lithandwa umhlaba
wonke.

57
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

We Sinximfi Ndini! M.S.S Gcumisa

10. 1. Qhumuk’ uhleke


2. We Sinximfi ndini!
3. Uyisigqila somona,
4. Umon’ ongumthakathi.

5. Yithi klibhi klolo


6. We Sichwensi ndini!
7. Ayisengangamlomo
8. Bakubonil’ abanamehlo.

9. Nximfa unximfile
10. We sinximfi ndini!
11. Uyozuf’ usongizandla’
12. Uyozuf’ ungahlabananga.

13. Ngifel’ umona


14. We Sifamona
15. Wen’ ophila ngokwethekela
16. Abanye bephila ngezithukuthuku.

17. Cekeful’ uzidelise


18. We Sicekefuli ndini!
19. Wen’ obon’ olwam’ ugongolo’
20. Ucashelw’ olwakh’ usibi.

21. Gubhela kwesakho


22. We Gubhela ndini!
23. Kuhlafun’ owakh’ umhlathi
24. Eyabany’ ingahlafuni.

25. Ngibamb’ emehlweni


26. We Qili ndini!
27. Uthi lala lulaza
28. Bayokwengul’ abakwengulayo.

29. Ngikhohlikhohlise
30. We Sikhohlisani!
31. Uthi kulele ngakunye
32. Kanti kulele ngakubili,

33. Ngiluth’ ungithonye


34. We Sithonyi ndini!
35. Abant’ abayi nganxanye
36. Bengamanz’ egobhoza.

37. Ngenzel’ ugomolophonjwana


38. We Liphixiphixi ndini!
39. Bangiwezil’ abangangifeli mona,
40. Sengize ngahlabana sengikhohliwe.
58
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

1. UKUCHAZWA KWAMAGAMA

AMAGAMA INCAZELO YAMAGAMA

1. Sinximfi Umuntu onganeliswa ohlale ekhononda njalo


2. Ungithonya Ukuthambisa/ ukudambisa/ ukwehlisa ulaka
3. Ugomolophonjwana- Ukugomonqa/ ukuphenduphenduka emoyeni
4. Liphixiphixi Umxabanisi/ Umuntu ozishaya phambili aphinde azishaye emuva

5. Sicekefuli Umuntu othanda ukukhuluma kabi ngabanye


6. Lala lulaza Umuntu uveza ukulibala bazofika abazokuhlakaniphela/ abazokuvusa
bayokwengula
7. Bayokubona Umuntu owenza ubuqili kwabanye uyoze abathole abahlakaniphe
abanamehlo ukwedlula yena bamgile naye.
8. Ukuhlabana Ukuphumelela/ ukunqoba
9. Ukwethekela Ukucela/ ukwenana/ ukunxiba
10. Izithukuthuku Umjuluko/ amandla
11. Ugongolo Ukungcola okutholakala emehlweni/ ubhici
12. Usibi Ukungcola okutholakala emehlweni/ ubhici
13. Ukulutha- Ukukhohlisa/ ukuwaka
14. Abantu abayi Abantu ababoni izinto ngokufanayo
nganxanye
bengamanzi

2. UKUHLUZWA KWENKONDLO

2.1 INDIKIMBA
Indikimba iphendula umbuzo wokuthi imbongi ikhuluma ngani. Yikuphi lokhu okuthinte imbongi
yaze yafisa ukubhala ngakho? Indikimba ingumongo wenkondlo yonke ukusuka ebinzeni
lokuqala kuze kuyofika ebinzeni lokugcina.

Le nkondlo iqukethe indikimba yomona. Imbongi ikhuluma ngomuntu ofuna abanye abantu
bangaphumeleli. Uma kwenzeka kukhona ophumelelayo abese eyanximfa ngoba ekhombisa
umona.

2.2 UMQONDO WENKONDLO

Le nkondlo ikhuluma ngabantu abanomona, abangafuni ukubona abanye abantu bephumelela.


Bagxeka yonke into. Ithi lolu hlobo lwabantu aluvamisile ukuphumelela ngoba alukhuthalele
ukwenza kepha luhlale begoqe izandla. Lolu hlobo lwabantu luze lufe lungenalutho ngoba
esikhundleni sokuthi lwenze noma luzame lona lulibala ukunaka abanye abantu lubagxeke
kepha lona lube lungenzi lutho. Ikhuluma ngabantu abafisa kube yibona kuphela abazuzayo/
noma abaphumelelayo empilweni nakuba bengenzanga lutho. Baze benze nezinto ezibamba
impumelelo yabanye kepha kuba khona labo abelekelelayo abazama ukuthi imbongi
iphumelele empilweni.

59
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
2.3 UMOYA WENKONDLO
Le nkondlo iqukethe umoya wokugxeka/wokukloloda. Imbongi igxeka izenzo zalaba bantu
abanomona ngokubukela phansi imisebenzi yabanye abantu. Iyabanxusa laba bantu
abangafuni ukubona abanye bephumelela ukuba nabo abaphenduke benze okuhle
bengalokhu bebheke okubi kodwa.
2.4 ITHONI
Le nkondlo iqukethe ithoni yokunengwa. Imbongi inengwa yizenzo zalaba bantu abangafuni
ukubona abanye bephumelela, abangogombela kwesabo. Bafisa ukuba kuzuze bona bodwa
empilweni nakuba bengakuthandi ukusebenza.
2.5 I-enjambamenti

Lolu hlobo lobuciko lwethula umugqa ovulekile kanye novalekile. Lokhu kuvamise ukugqamisa
ukuthi umqondo uphelela emgqeni olandelayo/ongezansi.
Isb.
1. Qhumuk’ uhleke
2. We Sinximfi ndini!
Isb.
1. Ngifel’ umona
2. We Sifamona
3. Wen’ ophila ngokwethekela
4. Abanye bephila ngezithukuthuku.

2.6 IMIGQA
2.6.1 Amabinza
Le nkondlo inamabinza ayi-10. Ibinza ngalinye linemigqa emine. Le migqa ikhandwe amagama
angamabili noma angamathathu kumugqa.
2.7 IMISINDO
2.7.1 Ukuxhumana
Ukuxhumana kusho ukufana kwamagama, umsuka noma iziqu emigqeni elandelanayo. Lokhu
kuvamise ukuba umbhali wenkondlo akusebenzisele ukugcizelela noma ukugqamisa okuthile
okungahambisana nokushiwo yinkondlo noma umoya wenkondlo.

Isb.

Ukuxhumana okusekuqaleni
11. Uyozuf’ usongizandla’
12. Uyozuf’ ungahlabananga.

Imbongi igcizelela ukuthi uyoze adlule emhlabeni engazange enze lutho


olozokuphumelelisa ngenxa yomona.

Isb.

Ukuxhumana okusekugcineni

13. Ngifel’ umona


14. We Sifamona

60
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

Isb.

Ukuxhumana okumaphakathi

31. Uthi kulele ngakunye


32. Kanti kulele ngakubili,
Isb.

Ukuxhumana okutshekile

3. Uyisigqila somona,
4. Umon’ ongumthakathi.

2.7.2 Imvumelwano
Ukuvumelana kusho ukufana kwamalunga emigqeni elandelanayo. Ngasekuqaleni kwegama
unkamisa angaba yilunga kanti ngeke akwazi ukuba yilunga ngasekugcineni kwegama.

Isb.

Imvumelwano siqalo

14. We Sifamona
15. Wen’ ophila ngokwethekela
Isb.

Imvumelwano maphakathi

19. Wen’ obon’ olwam’ ugongolo’


20. Ucashelw’ olwakh’ usibi.

2.7.3 Ifanamsindo
Ifanamsindo lisho ukufana komsindo okutholakala emgqeni. Ifanamsindo lingaba ifanangwaqa
noma ifanankamisa.

Isb.

2.7.4 Ifanankamisa

38. We liphixiphixi ndini! [i]

61
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

Ithala lobunzulu – E.J. Mhlanga

11. 1. MntakaNdul’ emnyama,


2. Umthomb’ odlondlobale
3. Abasezitheni bewugqiba ngezixhokolo
4. Zamatsh’ asezinkelekethen’ ezingenazala;
5. Ithala seligez’ incokazi,
6. Enezimpik’ ingandiza iyophuza
7. Kuleya nzulu yomthomb’ ochich’ uju
8. Lwenzulu yobuchopho.
9. Mntaka-Afrika kulukhun’ ezweni lakobelungu,
10. Elanamuhla selibukwa ngobhaqa,
11. Izimbaq’ eziqhazake ethala
12. Zilokhu zishabasheka zifukula
13. Uquqaba lwakweth’ olusagudluz’
14. Ugqinsi lwenkung’ ebuchosheni.
15. Inkundla ngeyakho bhaqa lwangomuso,
16. Kayiphons’ izikhal’ ephanda,
17. Idlondlobale ngenzulu yobuchopho,
18. Nangosib’ oluxox’ imibono,
19. Elihle kakhulu libuyiswe ngobuchopho,
20. Sicosh’ imvuthuluka sibumbe
21. Isizwe somlando wezonwele olude.

1. UKUCHAZWA KWAMAGAMA

AMAGAMA INCAZELO YAMAGAMA

1. Izixhokolo Isixhobo/ iqoqo elikhulu lamatshe


2. Izinkelekethe Indawo eyiwa eme yabheka phezulu/ Iwa noma indawo embi eme
yashona phansi ibanga elide.
3. Izala Indawo engasekupheleni kwegceke lapho kulahlwa khona izibi/ umlotha.
4. Ukugeza ngencokazi Isimo sezulu sisuke sisihle ilanga liphumile labalela kungenamafu.
5. Ukuchicha ukugcwala/ ukuchichima
6. Ubhaqa isibani/ utshani obuqinile/ uqunga
7. Ithala/ Ephanda indawo ephezulu endlini yesizulu lapho kubekwa khona imikhonto
8. Ugqinsi Ubungako bento ngokusinda kwayo
9. Uquqaba iningi/ abantu abaningi
10. Imvuthuluka imvuthu/ okusele
11. Unwele olude impilo ende/ ukufisel’ ukuphila isikhathi eside

62
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

2. UKUHLUZWA KWENKONDLO

2.1 INDIKIMBA

Indikimba iphendula umbuzo wokuthi imbongi ikhuluma ngani. Yikuphi lokhu okuthinte
imbongi yaze yafisa ukubhala ngakho? Indikimba ingumongo wenkondlo yonke ukusuka
ebinzeni lokuqala kuze kuyofika ebinzeni lokugcina. Le nkondlo iqukethe indikimba yemfundo
(ephakeme)

2.2 UMQONDO WENKONDLO

Imbongi ikhuluma ngemfundo. Kule nkondlo, imfundo ifaniswa nobhaqa noma isibani esisiza
ukukhanyisela abantu bonke. Igcizelela ukuthi esikhathini samanje izimo zempilo eziningi
sezincike ekutheni uphetheni esandleni okuhambisana nokufunda. Imbongi ifanisa imfundo
njengomthombo okuphuza kuwo bonke abantu. Imbongi ithi imfundo isusa inkungu ehaqe
izingqondo zabantu bese bebona izinto ngelinye ihlo.

2.3 UMOYA WENKONDLO

Kule nkondlo kutholakala umoya wokunxusa. Imbongi inxusa abantu ukuba bazi ukuthi
esikhathini samanje sekumele kugxilwe emfundweni. Iveza ukuthi akukho ukuphumelela
ongakuthola uma ungazange wabekezelela imfundo.
2.4 ITHONI
Le nkondlo iqukethe ithoni yokunxenxa. Imbongi inxenxa bonke abantu ukuthi mabagxile
emfundweni. Imfundo yisona sikhali abangasisebenzisa ukuphila kulesi sikhathi samanje.
2.5 IMIGQA
2.5.1 Amabinza
Le nkondlo inebinza elilodwa
2.5.2 Imigqa
Le nkondlo inemigqa engama-21. Kule migqa kukhona emifishane kanye nemide.
Isb. umugqa omfushane
1. MntakaNdul’ emnyama
Isb. umugqa omude
3. Abasezitheni bewugqiba ngezixhokolo

2.6 I-enjambamenti
Lolu hlobo lobuciko lwethula umugqa ovulekile kanye novalekile. Lokhu kuvamise
ukugqamisa ukuthi umqondo uphelela emugqeni olandelayo.
Isb.
2. Umthomb’ odlondlobale
63
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
3. Abasezitheni bewugqiba ngezixhokolo
4. Zamatsh’ asezinkelekethen’ ezingenazala;

2.7 IMISINDO

2.7.1 Ukuxhumana
Ukuxhumana kusho ukufana kwamagama, umsuka noma iziqu emigqeni elandelanayo.
Lokhu kuvamise ukuba umbhali wenkondlo akusebenzisele ukugcizelela noma ukugqamisa
okuthile okungahambisana nokushiwo yinkondlo noma umoya wenkondlo.

Isb. ukuxhumana okutshekile


10. Elanamuhla selibikwa ngobhaqa,
11. Izimbaq’ eziqhakaze ethala
Lokhu kuxhumana kuletha ukugcizelela ukubaluleka kokukhanya okuyimfundo esikhathini
samanje.

2.7.2 Imvumelwano
Ukuvumelana kusho ukufana kwamalunga emigqeni elandelanayo. Ngasekuqaleni kwegama
unkamisa angaba yilunga kanti ngeke akwazi ukuba yilunga ngasekugcineni kwegama.

Imvumelwano siqalo

Isb.

13. Uquqaba lwakweth’ olusagudluz’


14. Ugqinsi lwenkung’ ebuchosheni.

2.8 IMFANEKISOMQONDO/ IZITHOMBE MAGAMA

Izimo zokukhuluma
1. Izaga
2. Izisho
3. Izifenqo
Isb.
5. Ithala seligez’ incokazi
Lesi simo sokukhuluma sibhekise ekutheni izinto zisuke zizinhle noma kuhamba kahle.
Kususelwa enkomazini ebombu ngebala yabe isiba namabala athe bhadubhadu ngamabala
amhlophe ezinhlangothi noma emhlane.

Umfanekiso-mqondo wokuthintekayo
Isb.

64
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
20.Sicosh’ imvuthuluka sibumbe
Kusho ukuthatha lokhu okuncane okusele bese uyakusebenzisa.

Umfanekiso-mqondo wokubonakalayo
Isb.
11.Izimbhaq’ eziqhakaze ethala
Lapha kusetshenziswe umfanekiso wobonakalayo ngoba imbongi ikhuluma ngezimbhaqa
okunguhlobo lotshani olusetshenziswa njengesibani ukukhanyisa. lukhanyisa kuze
kubonakale nale ndawo esemsamo ebizwa ngokuthi kusethala lapho kugcinwa khona
imikhonto noma izinto ezithile ezibalulekile neziyigugu.

ISITHOMBE ESIHAMBISANA NENKONDLO


Imvelo - KNN Gcumisa

12. 1. Uma ngiphakamis’ amehlo ami


2.Kuwo womane amagumb’ omhlaba,
3. Ngizw’ amehl’ ami ehungeka,
4. Ehungwa uthando lwemvelo
5. Imvelo eyadalwa nguMdali.

6. Lapho ngiphakamisela amehlo esibhakabhakeni


7. Ngibon’ izinyoni zemvelo zijabule.
8. Lapho ngehlisel’ amehlo ami emhlabeni,
9. Ngibona imihlambi ehlane iklabile,
10. Izimila zihuba ingoma yenjabulo.
11. Ngiluzwe uthando lwemvelo lwenyuka.
12.Ngiqalaze ngibon’ ubuhle bezintaba zezwe,
13. Namanz’ apholile agelez’ emifuleni,
14. Ngiluzwe uthando lwemvelo lufukuka
15. Ngitshakadule njengenkonyan’ ibon’ unina,
16. Ngibone kuyifanele imvelo ukuba
17. Siyiphe lonke uthando njengokway’ ukusithanda.

18. Uthando lwemvelo yezwe


19. Lwenz’ umzimba wam’ uthuthumele,
20. Lapho ngibona abonakalisi bemvelo
21. Bebhubhisa ubuhle bezwe bengezwa,
22. Bengezwa kwabumnandi bokubusiseka,
25. Bengazi nanyaka ngokungehla
26. Uma ingabhujisw’ iqothulwe imvelo.

65
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

1. UKUCHAZWA KWAMAGAMA

AMAGAMA INCAZELO YAMAGAMA

1. Ukuhungwa Ukukhohliswa/ ukuluthwa


2. Ukuklaba Ukwenaba kwemfuyo edlelweni
3. Izimila Okuzimilelayo enhlabathini
4. Ukufukuka Ukuphakama/ ukukhukhumala/ Ukukhula
5. Ukutshakadula Ukugxumagxuma kwenkonyane
6. Ukuthuthumela Ukwesaba/ Ukuba novalo
7. Ukubhubhisa Ukuqothula/ Ukushabalalisa/ Ukuqeda

2. UKUHLUZWA KWENKONDLO
2.1 INDIKIMBA
Indikimba iphendula umbuzo wokuthi imbongi ikhuluma ngani. Indikimba ingumongo
wenkondlo yonke ukusuka ebinzeni lokuqala kuze kuyofika ebinzeni lokugcina. Indikimba
ingaba igama elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo imayelana
nemvelo.
2.2 UMQONDO WENKONDLO

Imbongi ikhuluma ngobuhle bemvelo obutholakala emhlabeni wonke. Ikhombisa


ukuthatheka yilobu buhle bemvelo ebubonayo. Ibala izidalwa ezahlukahlukene zemvelo
ezitholakala kuwo wonke amagumbi omhlaba:
● Esibhakabhakeni kutholakala izinyoni
● Imihlambi yezinkomo
● Izitshalo zemvelo ezitholakala emhlabeni
● Indalo okungaba izintaba, imifula

Iphetha ngokugxeka abantu abanukubeza imvelo ngoba bengabazi ubumnandi bemvelo.

2.3 UMOYA WENKONDLO

Umoya wale nkondlo uxubile. Ngasekuqaleni kwale nkondlo kukhona umoya wokuncoma
kanti ngasekugcineni khona umoya wokugxeka. Imbongi incoma ubuhle bemvelo
obutholakala kuwo wonke amagumbi omhlaba. Incoma ubuhle obutholakala
esibhakabhakeni, ubuhle bemvelo obutholakala emhlabeni. Ebinzeni lokugcina imbongi
igxeka abantu abangayinakekeli imvelo. Laba bantu bayicekela phansi, bangakhombisi
nembeza.

2.4 ITHONI

Inkondlo iqukethe ithoni yokuhalalisa. Amagama asetshenziswe yimbongi aveza ukubabaza


ubuhle bemvelo ngokwenzeka esibhakabhakeni nasemhlabeni. Igagula izilwane izimila
kanye nokunye okuhambisana nemvelo bese ibuye ingakujabuleli ukubona abantu
bengayinakekeli.

66
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

2.5 IMFANEKISOMQONDO/ IZITHOMBEMAGAMA

Imifanekisomqondo kuba yilawo magama asetshenziswe imbongi enkondlweni ukwakha


umfanekiso emqondweni njengokusebenza kwawo enkondlweni. La magama abanye
bawabiza ngezithombemagama. Imifanekisomqondo ingahlukaniswa kathathu:
● Imifanekisomqondo/izithombemagama kungazala izinzwa (inzwa yokubonakalayo,
yokuthintekayo, yokunambithekayo, yokulalelekayo kanye neyokuhogelekayo)
● Izifenqo ezithile, isibonelo: ukwenzasamuntu, ukwenzasasilwane, isingathekiso,
isifaniso, indida, yi-okzimoroni, njl.
● Izimo zokukhuluma okungaba izaga nezisho ezithile kanye
● Nolimi olunothile- amagama acebile/anothile

Izifengqo

Ukwenzasasilwane
15. Ngitshakadule njengenkonya’ ibona unina,
Isifaniso
15. Ngitshakadule njengenkonyan’ libona unina,

2.6 IMISINDO

2.6.1 UKUXHUMANA

Ukuxhumana kusho ukufana kwamagama, umsuka noma iziqu emigqeni elandelanayo.


Lokhu kuvamise ukuba umbhali wenkondlo akusebenzisele ukugcizelela noma ukugqamisa
okuthile okungahambisana nokushiwo yinkondlo noma umoya wenkondlo.

Isb. Ukuxhumana okutshekele esandleni sobunxele


3. Ngizw’ amehl’ ami ehungeka,
4. Ehungwa uthando lwemvelo

Isb.

4. Ehungwa uthando lwemvelo


5. Imvelo eyadalwa nguMdali.

2.6.2 Imvumelwano
Ukuvumelana kusho ukufana kwamalunga emigqeni elandelanayo. Ngasekuqaleni
kwegama unkamisa angaba yilunga kanti ngeke akwazi ukuba yilunga ngasekugcineni
kwegama.

Imvumelwano siqalo

67
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

Isb.
11. Ngiluzwe uthando lwemvelo lwenyuka.
12.Ngiqalaze ngibon’ ubuhle bezintaba zezwe,
Isb.
20. Bebhubhisa ubuhle bezwe bengezwa,
21. Bengezwa kwabumnandi bokubusiseka,
23. Bengazi nanyaka ngokungehla

Imvumelwano maphakathi
Isb.

1. Uma ngiphakamis’ amehlo ami


2. Kuwo womane amagumb’ omhlaba,
3. Ngizw’ amehl’ ami ehungeka,

Amagama anothile
Imbongi isebenzisa amagama athile esuke iwakhethile ukukhanda umfanekiso noma
ukugcizelela okuthile esuke ikusho enkondlweni.

Isb.

19.Lwenz’ umzimba wami uthuthumele,

Lapha imbongi izama ukugqamisa ukuthi uthando enalo ngemvelo lukhulu kakhulu.
Yingakho isebenzisa igama lokuthi umzimba wayo uyathuthumela /uba nokwesaba uma
ibona kukhona abantu abacekela phansi imvelo.

Umfanekisomqondo wokubonakalayo

Isb.
6. Ngibon’ izinyoni zemvelo zijabule.

Isb.
9. Ngibona imihlambi ehlane iklabile,

Umfanekisomqondo wokulalelekayo
Isb.
10. Izimila zihuba ingoma yenjabulo.

68
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

ISAHLUKO 3

1. Izingxabo zomnyezane – E.J Mhlanga


UMSEBENZI 1

1. Gagula indikimba etholakala kule nkondlo. Sekela ngokucaphuna umugqa (2)


owodwa ofakazela lokho.

2. Xoxa kafushane ngokukhethwa kwegama elibhalwe ngokugqamile (2)


elitholakala ebinzeni loku-1

3. Chaza ukuthi ukuxhumana okutholakala emgqeni we-9 kuya kowe-10 (2)


imbongi ukusebenzise leni.

4. Hlaziya umqondo oqukethwe umugqa wama-20. (2)

5. Phawula ngomoya otholakala kule nkondlo (2)

IZIMPENDULO

1. Indikimba yale nkondlo imayelana nemfundo.


Isibonelo: Kuyingcebo yomhlaba nezulu, (2)

2. Imbongi ikhethe igama leminyezane ngoba ifanisa imfundo nesihlahla esiba


nezimpande ezisabalele ngasosebeni lo mfula. Lokhu kudala ukuthi lesi
sihlahla singabuni. (2)

3. Imbongi isebenzise ukuxhumana okusekuqaleni ukugcizelela umqondo


wokuhlala kahle unethezeke ungahlushwa yilutho
Ngizinz’ ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo,
Ngizinz’ ekuthuleni ngijabul’ unomphela,
(2)
Emva kokuthola lolu lwazi lwemfundo imbongi izobe isiphumelele empilweni.

4. ‘Ngigiye ngiqephuze ngosiba lwakwaNgqondonkulu,’ lo mugqa ugqamisa


umuzwa wenjabulo lapho imbongi izosebenzisa ulwazi eluthole
esikhungweni semfundo ephakeme, kwaNgqondonkulu. (2)

69
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5. Umoya wale nkondlo owenjabulo. Kule nkondlo kukhona ukujabula


okutholakala emva kokuba usuzuze ulwazi lwakwaNgqondonkulu. Yingakho
imbongi ijabulule ngoba ulwazi esilutholile izolisebenzisa empilweni. (2)

UMSEBENZI 2

1. Chaza umqondo otholakala kule nkondlo ethi, ‘Izingxabo zomnyezane (2)

2. Fingqa ukubaluleka kokusetshenziswa ngokuphindaphinda igama ‘kwenjulo’ (2)


kule nkondlo.

3. Ngabe kungani imbongi isebenzise i-enjambamenti ebinzeni lesi-2? Sekela (2)


impendulo yakho.

4. Ngokucabanga kwakho ngabe imbongi iwakhetheleni la magama atholakala (2)


kumugqa wama-20.

5. Ake uncome ikhono lembongi lokuphetha ngomugqa oqukethe isimo (2)


sokukhuluma.

IZIMPENDULO

1. Umqondo uqhakambisa izifiso zembongi zokuphuza emthonjeni oyimfundo.


Imbongi ifisa ukuphuza ingaphinde yome. Ithi ulwazi eyoluthola ngokufunda
lungeqhathaniswe nalutho ngoba alupheli. (2)

2. Imbongi isebenzisa ngokuphindaphinda igama ‘lwenjulo’ ngoba izama


ukugqamisa ukudepha noma ukuba nolwazi oluningi. Lolu lwazi uma umuntu
esenalo akube lusaphuma kuye ngoba lusuke ludephile. (2)

3. Imbongi isebenzise i-enjambamenti emgqeni we-13 kuya kowe-14


Ngizwe imvunge yemvelo ivungama
Ingoma kaqinadolo nethemb’ elizayo.
Ukugqamisa ukuthi kumele kubekezelwe noma kunzima uma ufuna ukuzuza
lolu lwazi lwakaNgqondonkulu. (2)

4. Imbongi izama ukugqamisa ukuthi uma uthola ulwazi lwemfundo ubuchopho


bugcina sebuvuniliswa noma bugqokiswa ngohlaza olumele amaqabunga
aluhlaza esihlahla somnyezane okukhomba ukuthi usufundile (2)

70
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5. Imbongi ikwazile ukusebenzisa isimo sokukhuluma esiyisisho emugqeni


wokugcina. Ukufinya ngendololwane kusho ukubusa uma kusuke
kuhlatshiwe. Kanjalo nalapha ekhaya kuzobuswa kudliwe kudele ngoba (2)
imfundo isiyenze ukuba lapha ekhaya kubuswe.

UMSEBENZI 3

1. Yisho ukuthi hlobo luni lwenkondlo lolu. Sekela impendulo yakho. (2)

2. Chaza kafushane ukusetshenziswa kokuxhumana emugqeni wesi-9 (2)


nowe-10

3 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa ifanamsindo likankamisa ‘a’ (2)


emugqeni we-18?

4 Ingabe umugqa wama-20 nowama- 21 ukwelekelele kanjani ekuqondeni (2)


kwakho indikimba yale nkondlo?

5. Hlaziya isigqi esitholakala ebinzeni lokugcina. (2)

IZIMPENDULO

1. Uhlobo lwale nkondlo yilirikhi ngoba imbongi yethula imizwa yayo. (2)
Inkondlo eyilirikhi isebenzisa u’ngi’ okuyisiqalo sobunye.

2. Ukuxhumana okusesitanzeni sesibili kusetshenziselwe ukugqamisa


umqondo wokuthi imbongi ifisa ukuhlala emfundweni igxile lokho
kuyokwenza umphefumulo wayo uhlale uthokozile impilo yayo (2)
yonke.

3 Inhloso yembongi yokusebenzisa ifanamsindo likankamisa ‘a’ emugqeni


we-18 ukugqamisa umqondo wokuthi uma isifundile iyokwethweshwa
umyezane okuwuphawu lokunqoba.

Lwamaqabung’ ayongingwambis’ okweqhawe. (2)

4 Imigqqa yama-20 neyama- 21 ingekelele ngokuthi ngiqonde indikimba


yale nkondlo okuyimfundo imbongi ithi izimisele ngokufunda ize igogode
ukuze ikwazi ukuphila kancono ngomuso. (2)

71
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5. Isigqi esitholakala ebinzeni lokugcina isigqi esinensayo. Leli binza lakhiwe


imigqa emide, eyakhiwe ngamagama asukela kwamathathu kuye
kwayisihlanu futhi yonke le migqa ivalekile. (2)

2. Isiziba senhlakanipho- E.J Mhlanga


UMSEBENZI 1

1. Tomula igama elitholakala ebinzeni lokuqala elichaza ukuthi kusekuseni (1)


kakhulu.

2. Fingqa kafushane umqondo oqukethwe yile nkondlo (3)

3. Chaza ukuthi kungani imbongi ikhethe leli gama elibhalwe ngokugqamile (2)
emgqeni we-12.

4. Ngabe imbongi iyisebenzise leni i-enjambamenti etholakala emugqeni we- (2)


17 kuya kowe-18.

5. Ngokucabanga kwakho ngabe imbongi iphumelele yini ukudlulisa umoya (2)


kule nkondlo? Sekela impendul yakho.

IZIMPENDULO

1. Kusempondozankomo (1)

2. Umqondo wale nkondlo umayelana nokuncoma umsebenzi owenziwa


imfundo. Imbongi iveza ukuthi ihambe ibanga elide izama ukuyothola le
Mfundo. Ayifuni nje ukufunda imfundo esezingeni kepha ifisa ukuthola
izaqheqhe zemfundo ukuze ibe nolwazi oludephile. Uma isilutholile lolu ju (3)
imbongi iyothokoza.

3. Imbongi ichaza ukuthi imfundo le ekhuluma ngayo iyadida ingakho iyibiza


ngokuthi iyimpambankwici. Akekho umuntu ongathi unolwazi oluphelele
ngemfundo. (2)

4. Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuqedela umqondo oqale emgqeni


ongenhla waphelela ngezansi. Imbongi igcizelela ukuthi lokhu kujula
kwemfundo sekwenze ukuba igcine isinyamanambana kozakwabo. (2)

72
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5. Imbongi iphumelele ukudlulisa umoya wokulangazelela imfundo kule (2)


nkondlo. Ifisa ukuba sengathi ingathola ulwazi olubanzi ukuze izozigqaja
ngalo.

UMSEBENZI 2

1. Tomula imvumelwano esesitanzeni sokuqala uyigagule. (2)

2. Chaza kafushane umoya oqukethwe ngumugqa we-15 nowe-16 (2)

3 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa umbuzo mbumbulu osemugqeni (2)


wama-23 nowama-24?

4 Chaza ukukhethwa kwamagama abhalwe ngokugqamile akulekele (2)


kanjani ekuqondeni kwakho leli binza?

5. Phawula ngekhono lembongi ekugqamiseni indikimba emigqeni yama-25 (1)


kuya kweyama-30.

Izimpendulo
1. Ngiyoncel’ amanzi ngobhaqa;
Ngisuthisa wena Nzibase.

Imvumelwano siqalo. (2)

2. Umoya oqukethwe ngumugqa we-15 ne-16 umoya wethemba. Imbongi


yethemba ukuthi ngesikhathi isifunde yagogoda iyohlala iphumule
inethezeke ngoba iyobe isinqobile,isidla izithelo zemfundo (2)

3 Inhloso yembongi yokusebenzisa umbuzombumbulu ukugqamisa


umqondo uwokuthi angeke ikuthole ukuphumula izolokhu ifunde njalo
ukuze izuze ulwazi olusezingeni eliphezulu olunzulu noludephile. (2)

4 Amagama abhalwe ngokugqamile athi ‘impambankwici noNjulase (2)


angelekelele ngokuqonda ukuthi imbongi ibiza imfundo ngento eyindida
futhi ewulwazi olujulile/ enikeza ulwazi olujulile.

73
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5. Imbongi iphumelele kahle ukugqamisa umqondo wemfundo kule migqa


ngoba ibiza imfundo ngesizinda sayo sokuphephela. Imbongi ayiyiboni
enye into engayisiza ngaphandle kwemfundo. Ichaza imfundo njengento
engachazeki ithi hleze iyobe ingasekho ngale nkathi sekuchazwa noma
sekunamagama ayokwazi ukuchaza ukuthi ngempela kuyini ukujula (1)
kwemfundo.

3. Ukuthula - B.W Vilakazi


UMSEBENZI 1

1. Nikeza umoya otholakala kule nkondlo. Sekela impendulo yakho. (2)

2. Xoxa kafushane ngokusetshenziswa kwe-enjambamenti emgqeni wesi-7 (2)


kuya kowesi-8.

3. Ngabe ibaphi laba abantu ekhuluma ngabo imbongi emgqeni wesi-9 kuya (2)
kowe-10

4. Ucabanga ukuthi kungani imbongi isebenzise imvumelwano maphakathi (2)


emgqeni we-12 kuya kowe-13? Sekela impendulo yakho.

5. Phawula ngomqondo oqukethwe umugqa we-17 kule nkondlo. (2)

IZIMPENDULO

1. Umoya wale nkondlo owemfihlakalo yemvelo / ukuthula. Imbongi ikhuluma


ngale mfihlakalo yemvelo eyibona uma isosebeni lolwandle kanye nakho
konke okwenzeka khona. (2)

2. Le enjambamenti etholakal kule migqa owesi-7 kuya kowesi-8 ichaza


okwenzeka kule ndawo engasosebeni lolwandle. Akuyona noma iyiphi
indawo kepha kuyindawo engcwele lapho kukuningi okwenzeka khona. (2)

3. Imbongi ikhuluma ngabantu abafika lapha ngoba befuna ukwenza okuthile


okuqondene nezimo zabo zempilo. Kukhona nalabo abasuke
bezozintwezela kulo ulwandle. Abanye abantu okukhulunywa ngabo yilabo
abangamadlozi okuxhunywana nabo kulo ulwandle. (2)

74
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

4. Imbongi isebenzise imvumelwano maphakathi u’ba’ ukunikeza umgqumo


omnandi osamculo kofunda inkondlo. Lokhu kugcizelela ukuthi imbongi
ikhuluma ngabantu abaningi. (2)

5. Imbongi ikhuluma ngabantu abatholakala kule ndawo abangabasolwandle


ukuthi iyabathanda. Ithanda abaphilayo kanye nabangaphili futhi nabo
bayayithanda. (2)

UMSEBENZI 2
Hlaziya ikhono le mbongi lokukhetha amagama ukugqamisa umoya wenkondlo.
Impendulo yakho mayibe i-eseyi ewubude obungamagama ayi-190 kuya
kwangama-240.

IMPENDULO

ISINGENISO
Umoya wenkondlo isimo imbongi esuke ikuso ngesikhathi ibhala inkondlo. Kule
nkondlo, ingongi iveza umoya wokulangazelela noma wokufisa. Imbongi iveza isifiso
sokwazi kabanzi ngale mfihlo yemvelo. Isikubonile okuningi okwenzeka emanzini
kodwa ingaqondi. Abanye bahamba emanzini ngezinyawo abanye bentanta phezulu.
Kubuye kuzwakale namaphimbo akhulumela phansi. Konke lokhu kwenzeka laphaya
emanzini. Okuningi kwakho ayikuqondi ukuthi kwenzelwani. Yingakho imbongi ifisa
ukwazi kabanzi.

UMZIMBA
La magama alandelayo akhethwe yimbongi ukugqamisa umoya wenkondlo
emayelana nokufisa / ukulangazelela.
Sicambalale- Ukubeka umzimba phansi ube sesimeni sokulala kodwa ungalali
ubuthongo.
Ugu / usebe-Kulapho okuphela khona umfula, ulwandle, ihlathi.
Ufasimbe- Inkungwana ehambisana namazolo eba khona ekuseni kodwa uma
sekuqala libalela limbuleke.

Usikisiki- Ilukuluku elisuswa yisimo esithile/ Ugqozi/ Usinga

Izindwani- Izibi/ Izimila eziba sosebeni lomfula ezivamise ukukhukhulwa amanzi


uma umfula ugcwele (Uma umfula ugcwele kuyaye kuthiwe udla izindwani).
Ukuphasa- Ukusekela okuthile ukuba kungawi
75
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

Amahlengethwa- (idolfini) isilwane esikhulu sasolwandle esifana nenhlanzi.

ISIPHETHO
Imbongi iphumelele kahle ukusebenzisa ikhono lokukhethwa kwamagama
ukugqamisa umoya wenkondlo omayelana nokulangazelela noma wokufisa.

4. Impi- S. R. C Shongwe
UMSEBENZI 1

1. Tomula ubuye ugagule ukuxhumana okutholakala ebinzeni loku-1. (2)

2. Xoxa kafushane ukusetshenziswa kwemvumelwano sigcino etholakala (2)


ebinzeni lesi-2.

3. Ngabe isimo sokukhuluma esitholakala emugqeni we-12 imbongi (2)


isisebenziseleni. Sekela impendulo yakho.

4. Ngokucabanga kwakho ngabe imbongi iphumelele ukwethula umyalezo (2)


ebinzeni lesi-4? Sekela impendulo yakho.

5. Phawula ngomqondo ocashile oqukethwe yile nkondlo (2)

IZIMPENDULO

1. Ukuxhumana okusekuqaleni
3. Amaviyo nezingeqiwa ntwala,
4. Amaviyo namanxebakazi,
5. Amaviyo nemikhontshwana. (2)

2. Imvumelwano sigcino etholakala emgqeni wesi-9 kuya kowe-10


isetshenziselwe ukukhomba ubuncane bento. Ulwazi imbongi esuke inalo
ngesikhathi isanda kufika esikhungweni semfundo. Konke kusuke
kusekuncane ngoba ulwazi lwemfundo lusuke luseluncane. (2)

3. Imbongi isebenzise isisho. ‘amavak’ amba ambulule’ okusho ukubaleka


ungabheki emuva. Imbongii isebenzise lesi sisho ukugqamisa ukuthi abantu
abangamagwala abakwazi ukubekezela. Bayabaleka ngoba behluleka
ukubekezela.
9.Ngimi nowami umkhontshwana, (2)
10.Ngimi nesam’ isihlangwana,

76
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

4. Imbongi iphumelele ukwedlulisa umyalezo wokubekezela. Ibeka ukuthi (2)


noma ngabe kulikhuni kangakanani kepha kumele ubekezele. Ize iphawule
ukuthi nayo kwakunzima kepha yabekezela yagcina iphumelele.

5. Imbongi ikhuluma ngempi eyimfundo kule nkondlo, okuyiwona mqondo


ojulile. Ibeka ukuthi uma ubhekene nemfundo kufana nokuthi ubhekene
nempi okufanele uzimisele ukuthi uzolwa kuze kube sekugcineni. Ukunqoba
kwakho futhi kulele ekubekezeleni ngesikhathi ubhekene nemfundo. (2)

UMSEBENZI 2

1. Shono ukuthi ithini indikimba yale nkondlo. (1)

2. Xoxa kafushane ngomqondo oqukethwe yile nkondlo. (3)

3. Chaza ukuthi ukusetshenziswa kwegama elibhalwe ngokugqamile (2)


kukulekelele kanjani ukuqonda indikimba yale nkondlo

4. Qhathanisa umqondo oqukethwe ibinza loku-1 kanye nebinza lesi-3. (2)

5. Phawula ngekhono lembongi lokusebenzisa ukuxhumana okutholakala (2)


ebinzeni lokugcina.

IZIMPENDULO

1. Indikimba yale nkondlo imayelana nemvelo. (1)

2. Imbongi kule nkondlo ikhuluma ngempi okungesiyona eyamagwala. Le


idinga umuntu okwazi ukubekezela ngoba kuliwa ubusuku nemini. Le mpi
imbongi ekhuluma ngayo imfundo. Abanye abangamagwala babona
kunzima bavele bashiye phansi babaleke ngoba bengakwazi ukumelana
nobunzima. Abagcina ngokubaleka bangabhekani ngqo nempi, bagcina
ngokuzisola. (3)

3. Imbongi isebenzise igama eyamanyamfokwe ukuchaza amagwala athuswa


ubala. Lapha imbongi ibhekise kulabo bantu okuthi kuyiwa empini
eyimfundo, bona bebe bebaleka. Leli gama liyahambisana nendikimba
yenkondlo eyimfundo ngoba ayifuni abantu abangamagwala. (2)

77
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

4. Ibinza lokuqala likhuluma ngeningi labantu abasempini okungaba yimfundo.


Laba bantu sebedlule ebunzimeni obukhulu kepha basaphokophelele
phambili.
Ibinza lesi-3 likhuluma ngamagwala athe uma ebona ukuthi kunzima
amanye aqoma ukubaleka. Lokhu kwesaba kwabo sebenakho ukuzisola (2)
kodwa akusekho ukubuyela emuva.

5. Imbongi isebenzise ukuxhumana okusekuqaleni ukugqamisa noma


ukugcizelela ukubaluleka kokubekezela. Imbongi iveza ukuthi abantu
kumele babekezele noma ngabe kube khona lapho beqhuzuke khona kepha
abaphokophelele phambili. (2)

4. Idwala likaShaka- J.M Sikakane


UMSEBENZI 1

1. Nikeza indikimba equkethwe yile nkondlo. (1)

2. Xoxa kafushane ngomqondo otholakala kule nkondlo. (3)

3. Ngabe imbongi iyisebenziseleni imvumelwano etholakala ebinzeni le-4? (2)


Sekela impendulo yakho.

4. Ngokucabanga kwakho uthini umqondo oqukethwe umugqa we-17 kuya (2)


kowe-18? Sekela impendulo yakho.

5. Ake uncome isigqi esitholakala kule nkondlo. (2)

IZIMPENDULO

1. Indikimba yale nkondlo eyomlando. (1)

2. Le nkondlo ikhuluma ngedwala elabe litholakala ngasesiBubulungu


eduze komuzi weNkosi uShaka. Le ndawo noma umuzi wawuqamba
ngokuthi kukwaKhangela amankengane ngoba wabe ebonisiwe ukuthi
olwandle kuzoqhamuka izinyoni zezulu (abeLungu).
Leli dwala iNkosi uShaka yabe ihlala kulo ngesikhathi ibuka amabutho (3)
ayo.

78
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

3. Ngabe imbongi iyisebenziseleni imvumelwano etholakala ebinzeni lesi-


4? Sekela impendulo yakho.
Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo:
Elalibuk’ amabutho
Ezam’ ukwenz’ ufutho /
Imbongi isebenzise imvumelwano sigcino:
Elalibuk’ amabutho
Ezam’ ukwenz’ ufutho
Izama ukwakha umgqumo omnandi osamculo ukugqamisa isenzo
senkosi uShaka ngesikhathi ebuka amabutho akhe. (2)

4. Le migqa iqukethe umqondo wokuthi leli dwala inkosi uShaka ayehlala


kulo ngasesiBubulungu selenganywe ulwandle. Alisekho osebeni
lolwandle kepha seliphakathi olwandle. Yingakho ithi leli dwala ligezwa
amagagasi olwandle. (2)

5. Imbongi iphumelele kahle ukugqamisa isigqi esisheshayo kule nkondlo.


Lokhu kufakazelwa ukuthi imigqa etholakala kule nkondlo mifishane.
Isb. Umugqa
22. Eliseyisisekelo
23. LiseyisiZekelo
Iphinde isebenzise kakhulu imigqa evulekile egcina isisethulela i-
enjambamenti.
Isb.

1. Yidwala likaShaka
2. Eligezw’ amagagasi
3. Won’ adl’ aMaqaqasi
4. Ejutshwa yiLembe. (2)

UMSEBENZI 2
IMIBUZO

1. Tomula ubuye ugagule uhlobo lwemvumelwano etholakala ebinzeni (2)


lokuqala.

2. Fingqa umqondo oqukethwe ibinza lesi-2. (2)

79
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

3. Ucabanga ukuthi kungani imbongi isebenzise impindwa etholakala kule (2)


nkondlo? Sekela impendulo yakho.

4. Ngokwakho ukubona ngabe imbongi isisebenziseleni isimo (2)


sokukhuluma esitholakala ebinzeni lesi-3? Sekela impendulo yakho.

5. Phawula ngomoya otholakala kule nkondlo. (2)

IZIMPENDULO

1. ● Imvumelwano siqalo
2. EliseSibubulungu,
3. Elahlul’ abelungu

● Imvumelwano sigcino
2. EliseSibubulungu,
(2)
3. Elahlul’ abelungu

2. Umqondo otholakala kuleli binza uchaza ukuthi idwala likaShaka


okukhulunywa ngalo kule nkondlo limi phezu kolwandle kube sengathi
lilubukela phansi. (2)

3. Imbongi isebenzise impindwa, ‘Yidwala likaShaka’ njengomugqa


odamane ulokhu uphindeka ibinza nebinza. Lokhu kukhomba
ukugcizelela noma ukugqamisa ukuthi imbongi ikhuluma ngokubaluleka (2)
kwaleli dwala inkosi uShaka eyayihlala kulo uma ibuka amabutho ayo.

4. Imbongi isebenzise isimo sokukhuluma esiyisifaniso ukuqhathanisa


okwakwenziwa idwala likaShaka kanye nokwakwenziwa inkosi uShaka
ngesikhathi ebuka amabutho empi yakhe. (2)

5. Le nkondlo iqukethe umoya wokuncoma. Imbongi incoma idwala


likaShaka eliyigugu lesizwe elitholakala eSibubulungu (Bluff) lapho
kwakuhlala khona inkosi uShaka uma ibuka amabutho ayo. (2)

6. Musani! - M.S.S Gcumisa


UMSEBENZI 1
IMIBUZO

1. Yisho ukuthi hlobo luni lwenkondlo lolu. Sekela impendulo yakho. (2)

80
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

2. Chaza kafushane ukusetshenziswa kombuzombumbulu okutholakala (2)


emgqeni wesi-6 kuya kowe-10.

3. Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa ukuxhumana okusekugcineni (2)


emgqeni wesi-9 kuya kowe-10?

4. Uyavumelana yini nomyalezo odluliswa imbongi kule nkondlo? Sekela (2)


impendulo yakho.

5. Phawula ngokukhethwa kwamagama abhalwe ngokugqamile atholakala (2)


emgqeni we-13 kuya kowe-14.

IZIMPENDULO

1. Le nkondlo iyisonethi ngoba inemigqa eyi-14. (2)

2. Imbongi ikhombisa ukudideka njengoba laba ekhuluma nabo bekhalela


othandiweyo wabo osedlulile emhlabeni. Iveza ukuthi abantu akumele
bakhale ngoba uma umuntu edlula emhlabeni usuke engayena owethu
kepha unomnikazi wakhe. (2)

3. Imbongi isebenzise ukuxhumana sigcino (ekhaya) ukugcizelela


ukubaluleka kwaleli khaya okuya kulo abantu uma sebedlula emhlabeni.
Igqamisa ukuthi lapha emhlabeni akusilo ikhaya kepha ikhaya yileli esiya (2)
kulo uma sesidlule emhlabeni.

4. Ngiyavumelana nomyalezo owethulwa imbongi ngoba sonke lapha


emhlabeni sizodlula siye ekhaya likaBaba. Ngakho-ke akumele sikhale
uma kukhona osedlulile lapha emhlabeni ngoba usuke egodukile waya
kuBaba.
NOMA
Angivumelani nomyalezo wembongi wokuthi akumele sikhale uma
kukhona osedlulile emhlabeni / ukudlula komuntu. Ukushiywa umuntu
othandiweyo noma osendelene naye kwenza lowo osele aphatheke (2)
kabi ngoba kuba khona isikhala kulabo abasele emuva.

5. Imbongi ikwazile ukukhetha amagama anokuxhumana okusekugcineni


(…yena) ukugcizelela ukuthi lo muntu osedlulile emhlabeni
okukhulunywa ngaye usephindele kuMdali wakhe okunguye (2)
owamdalayo.

81
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

UMSEBENZI 2
IMIBUZO

1. Tomula ukunkondloza okutholakala emgqeni woku-1 nowesi-2, ubuye (2)


ukugagule.

2. Xoxa kafushane ngomqondo otholakala kule nkondlo. (2)

3. Chaza umoya otholakala kule nkondlo. (2)

4. Hlaziya ukukhethwa kwamagama okuhlonipha atholakala emgqeni we- (2)


11 nowe-12.

5. Phawula ngekhono le mbongi ukwethula isigqi sale nkondlo (2)

IZIMPENDULO

1. ● Ukuxhumana siqalo
1. Musani ukukhala,
2. Musani ukubibitheka, /
● Impindamqondo
3. Musani ukukhala,
4. Musani ukubibitheka,
● Imvumelwano maphakathi
5. Musani ukukhala, (2)
6. Musani ukubibitheka,

2. Umqondo wale nkondlo umayelana nabantu abakhalayo ngenxa


yokudlulelwa othandiweyo wabo. Kepha imbongi iyababuza ukuba
bakhalelani ngoba akumele bakhale uma kukhona odlulile emhlabeni.
Lo odlulile emhlabeni usuke esebuyela ekhaya kuMdali wakhe. (2)

3. Kule nkondlo kutholakala umoya wosizi ngoba kukhona abantu


abakhalayo bekhalela osedlulile emhlabeni. Imbongi izama
ukubaduduza ngoba ithi kubo asikho isidingo sokuba bakhale ngoba (2)
odlulayo emhlabeni usuke eya kuMdali.

4. Imbongi isebenzise amagama okuhlonipha ukufa, ‘usebiziwe’ kanye


nelithi, ‘ngosebiziwe’. La magama ahlonipha umuntu osuke esedlulile
emhlabeni bechaza ukuthi usuke esebizwe nguMvelingqangi. (2)

82
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5. Imbongi iphumelele kahle ukwethula isigqi sale nkondlo. Isigqi sale


nkondlo siyanensa ngoba imigqa yonke yale nkondlo ivalekile. Okunye
okwenza isigqi sale nkondlo sinense ukuthi le nkondlo ikhuluma ngokufa. (2)

7.Uthunywe Ngubani – K.N.N. Gcumisa


UMSEBENZI 1

1. Chaza isizathu somoya oqukethwe yile nkondlo? (2)

2. Chaza kafushane ukusetshenziswa kokuxhumana okutholakala emgqeni (2)


wesi-4 kuya kowesi-5.

3. Kungani imbongi isebenzise i-enjambamenti emugqeni wesi-6 kuya kowesi- (2)


8? Sekela impendulo yakho.

4. Ucabanga ukuthi imbongii iwasebenziseleni la magama ezihlahla atholakala (2)


emugqeni wesi-8? Sekela impendulo yakho.

5. Ngokucabanga kwakho kungani imbongi ikhethe la magama abhalwe (2)


ngokugqamile emugqeni we-13 kuya we-14.

IZIMPENDULO

1. Le nkondlo iqukethe umoya wokudangala ngoba imbongi ikhuluma ngokufa (2)


okunamandla okufika kuzobulala izihlahla ezisengamaklume / ezisencane.

2. Imbongi isebenzise ukuxhumana okusekugcineni:


3.Nguban’ okuph’ amandlakazi
4.Angangawamabuth’ akwaMandlakazi?
Ukugcizelela ukuthi lo msebenzi owenziwa ukufa kufanele ube namandla
ukuze uzokwazi ukwenza umsebenzi wawo wokubulala. (2)

3. Imbongi isebenzise i-enjambament kule migqa ukuze umqondo oqala


emgqeni wesi-6 kuya kowesi-8 uzophelela. Yingakho kugqama imisebenzi
eyenziwa ukufa ukubulala abantu abanhlonhlobo kepha imbongi ebafanisa
nezihlahla. (2)

83
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

4. Imbongi isebenzise la magama ukugqamisa ukuthi ukufa lokhu kunamandla


okuphoqoza lezi zihlahla eziqinile kangaka.
Umthombothi - uhlobo lomuthi onesiqu esilukhuni osetshenziswa ekwakheni
izinqola neminye imibazo ethile.
Umsimbithi – isihlahla esikhula sibe phakathi nendawo singabi sikhulu
kakhulu esivamise ezinkangala naseduze kwamaxhaphozi
kanti siqine kakhulu sikhipha izinduku ezingaphuki kalula.
1. Umthathe – isihlahla esikhula sibe yisizemazema esiqine ngendlela
yokuthi asidliwa ngisho nawumuhlwa sinamaqabunga
Nguban’ okuph’ amandlakazi
2. Angangawamabuth’ akwaMandlakazi?
okwamadlebe embuzi. (2)

5. La magama imbongi iwasebenzise ngoba inokudideka noma ukuqonda


ukuthi kungabe ukufa lokhu osekuqeda abantu kwafika nobani. Kungabe
kwafika noSathane noma noNkulunkulu? (2)

UMSEBENZI 2
Phawula ngekhono lembongi lokucikoza ukugqamisa isigqi sale nkondlo. Impendulo
yakho mayibe ubude obuyi-190 kuya emagameni angama-240.

IMPENDULO
ISINGENISO
Ukucikoza kusho ukusetshenziswa kolimi ngesisoka kuhambisane nenkondlo. Isigqi
umgqumo omnandi wenkondlo olethwa umoya wenkondlo, umqondo wenkondlo,
ukuhleleka kwemisindo namagama, ubude bemigqa kanye nezimpawu zokuloba.
Isigqi singashesha noma sinense. Izibonelo: Inkondlo yesililo inesigqi esinensayo
ngoba kuyalilwa. Inkondlo eveza imizwa yenjabulo inesigqi esisheshayo ngoba
kujatshulwe.
Le nkondlo inesigqi esinensayo ngoba ikhuluma ngokufa.

UMZIMBA
Isigqi enkondlweni singabhekwa ngaphansi kwalezi zimpawu ezilandelayo: imigqa,
izimpawu zokuloba, umqondo kanye nomoya. Lezi zimpawu ezilandelayo zigqamisa
isigqi sale nkondlo ethi Uthunywe Ngubani?

Imigqa nezimpawu zokuloba

84
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
Imigqa mifishane ngoba inamagama asukela kwamabili kuye kwamathathu
okuhambisana nomqondo wenkondlo omayelana nokufa. Isigqi sale nkondlo
siyanensa. Nakuba inkondlo imayelana nokufa imigqa yale nkondlo ixubile
kunemigqa evalekile kanye nevulekile. Isb.

7. Izithomb, ezingamahlume
8. Omthathe, omsimbithi nomthombothi?
9. AbakwaMthombothi bangavuma.

Umqondo
Imbongi igqamisa umqondo wokuthi uma ukufa sekufikile akukhethi kuthatha abadala
nabancane. Imbongi isebenzise igama amaklume elichaza abantu abasha.
Yasebenzisa amagama ezihlahla imithombothi, umthathe nomsimbithi okuyizihlahla
eziqile nezinkulu ukumela abantu abantu abadala. Imbongi ifisa ukwazi ukuthi kahle
hle ukufa kuthunywe nguSathane noma uMdali. Ifisa ukwazi ukuthi ngempela ubani
lo okunika amandla nesibindi esingaka.

4.Nguban’ okuph’ amandlakazi


5.Angangawamabuth’ akwaMandlakazi?
6.Owephul’ uphoqoze ngawo
7.Izithomb, ezingamahlume
8. Omthathe, omsimbithi nomthombothi?
9. AbakwaMthombothi bangavuma.

Emigqeni emibili yokugcina imbongi iphetha ngombuzo mbumbulu ukugqamisa


ukudideka kwayo ngokufa ize ibuze ukuthi ngabe kuthunywe uSathane noma
uNkulunkulu njengoba kuqeda abantu nje?
13.Kungabe uyisithunywa sikaSathane
14.Noma uthunywe ngoMkhulukhulu?

Umoya
Le nkondlo iqukethe umoya wokukhathazeka/ wokudumala. Imbongi
ikhathazwa/idunyazwa yindlela abantu abafa ngayo. Ukufa kuthatha abadala
nabancane ngezindlela ezahlukahlukene.

6. Owephul’ uphoqoze ngawo

85
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
7. Izithomb, ezingamahlume
8. Omthathe, omsimbithi nomthombothi?
9. AbakwaMthombothi bangavuma.

ISIPHETHO
Imbongi iphumelele kahle ukusebenzisa ikhono lokucikozisa ekugqamiseni isigqi
sale nkondlo.

8.Ucu Olumhlophe – C.T. Msimang


UMSEBENZI 1

1. Hlobo luni lwenkondlo lolu? Sekela impendulo yakho. (2)

2. Chaza kafushane ukuthi kungani imbongi isebenzise isifengqo esiyi- (2)


okzimoroni emgqenii wesi-4.

3. Kungani imbongi isebenzise impindamqondo etholakala emgqeni wesi-6 (2)


kuya kowesi-7.

4. Chaza ukuthi kungani imbongi isebenzise imvumelwano siqalo emgqeni (2)


wesi-8 kuya kowe-10.

5. Phawula ngomqondo oqukethwe ibinza lokugcina kule nkondlo. (2)

IZIMPENDULO

1. Le nkondlo iyisonethi ngoba inemigqa eyi-14. (2)

2. Imbongi isebenzise i-okzimoroni ukugqamisa ukuthi uma ucu seluphelele


akubonakali ukuthi luqalaphi futhi lugcinaphi. Othandweni akubi khona
siqalo nasiphetho
(2)
Luny’ uhlamvu lwesiqalo nolwesiphetho,

3. Imbongi isebenzise le migqa njengempindamqondo ukugqamisa umqondo (2)


wokuthi uthando lumsulwa alunachashazi. Lufana nengilosi yona emsulwa.

86
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

4. Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo ukwakha umgqumo omnandi ,u‘Lu-


‘ ukugqamisa umsebenzi owenziwa uthando emva kokuba umuntu
eselutholile. (2)

5. Imbongi kuleli binza izama ukudlulisa isexwayiso ukuba abantu uthando lolu
kumele baluphathise okwezikhali zamantungwa. Imbongi iyala abantu ukuthi
baluphathe kahle lolu cu ngoba uma luke lwagqashuka alube lusabuyela (2)
esimweni salo.

UMSEBENZI 2
Ake uncome ikhono lembongi lokukhetha amagama ukugqamisa umoya
otholakala kule nkondlo.

Impendulo yakho mayibe ubude obungamagama ayi-190 kuya kumagama angama-


240. Impendulo yakho mayibe i-eseyi.

IMPENDULO

Isingeniso

Ukukhethwa kwamagama kusho amagama asetshenziswe yimbongi ekugqamiseni


umoya wenkondlo. Umoya wenkondlo isimo imbongi eyabe ikuso ngesikhathi ibhala
inkondlo. Uma ngabe yayisesimweni sokujabula kuye kuthiwe umoya wokujabula njl.
Le nkondlo iqukethe umoya wothando.

Umzimba

Ibinza loku-1
Uzi-Intambo elukwe ngenxoza noma ngotshani okutshutshwa ngayo/ngabo ubuhlalu
uma kukhandwa ucu. Kule nkondlo imbongi inikeza umqondo wokusetshenzisiswe
ngesikhathi kwakhiwa lolu cu./imbongi isitshela ukuthi lolu cu lwakhiwe ngani. Lolu zi
luxhumanisa izithandani okuveza isimo sokubambana kwabantu abasothandweni
okwenza kube nobudlelwane obuhle phakathi kwabo.
Iminjunju yothando- imbongi igcizelela umoya wothando olukhulu futhi
olungenamkhawulo olwalukhona ngesikhathi kuthungwa ucu.
Kutshutshwa -Ukuthunga usebenzise intambo eyelukwe ngotshani uyifake
ebuhlalwini. Imbongi igqamisa umoya wokuzinikela ngothando othandweni eluzwa
ngaphakathi.

87
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

Ibinza lesi-2
Umhlanganisi nomxhumanisi- Ukuletha ubumbano phakathi kwabantu
abathandayo okuveza ubunye nomoya wothando.
Isibopho sezifungo-isivumelwano esingenakunqamuka kalula esiqinisekisa
ukuzibophezela kulabo abasenzile. Lokhu kukhuthaza umoya wothando
olungenamkhawulo phakathi kwalabo abathandanayo.
Isizinda sezinhliziyo-Umsuka wento/ umongo. Kule nkondlo imbongi igqamisa
umsuka womoya wothando lwababili. Lolu thando lusuka ekujuleni kwezinhliziyo
zabathandanayo/zabo.
Ibinza lesi-3
Ukuphatha gadalala-Ukuphatha ngokunganaki/ Ukuphatha budlabha. Imbongi
ichaza ukuthi uma abantu ababili sebethandana kumele baluphathe kahle uthando
lwabo futhi baluhloniphe.
Inhlakanhlaka -Okuhlakazekile okungamile ngononina/ okungaqoqekile.
Othandweni kulindekeke ukunakekelana nokwazisana. Kusivezela umoya
wothando okhomba ukwazisa okuyigugu kuwe.
Ukuchitheka kophoko-ukonakala kwezinto kade kuthiwa sezilungile. Imbongi
igcizelela ukuziphatha kahle othandweni ngoba uma ungaziphethe kahle ungaliwa.
Isiphetho
Imbongi iphumelele kahle ekukhetheni amagama agqamisa umoya wale nkondlo
okuwuthando.

9. Zingqwele ze-Afrika – Imbongi Ayaziwa

UMSEBENZI 1

1. Tomula ukunkondloza okutholakala emgqeni woku-1 nowesi-2, ubuye (2)


ukugagule.

2. Xoxa kafushane ngomqondo otholakala kule nkondlo. (2)

3. Chaza umoya otholakala kule nkondlo. (2)

4. Hlaziya inhloso ukusetshenziswa kwefanamsindo elitholakala emgqeni we- (2)


13 nowe-14.

5. Phawula ngokhono le mbongi ukwethula isigqi sale nkondlo (2)

88
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

IZIMPENDULO

1 Imvumelwano siqalo
. 1.Umhlaba uzolile,
2. Uhloniph’ izingqwele, (2)
Imvumelwano sgcino
1. Umhlaba uzolile,
2. Uhloniph’ izingqwele,

2. Imbongi ikhuluma ngeqembu lomculo wesintu iSankomota ukuba liqhubeke


nokucula umculo walo omnandi. Ibeka ukuthi umculo waleli qembu
uthokozisa abantu abaningi zinkalo zonke. Yingakho nje imbongi leli qembu (2)
ilibiza ngokuthi liyizingqwele zase-Afrika. Umculo waleli qembu
uwungqambothi.

3. Umoya otholakala kule nkondlo owokuncoma. Imbongi incoma igalelo


leqembu iSankomota ekusethuleleni umculo omnandi. Umculo waleli
qembu wenza ukuba abantu abaningi bazizwe bejabulile uma belalele (2)
umculo walo.

4. Inhloso yembongi yokusebenzisa ifanamsindo likangwaqa ‘hl’ ukugqamisa


ukunconywa komsebenzi weSankomote ukuthi asiqhubeke sicule umculo
omnandi ohlokoma njengomculo wamahlokohloko ehlobo. (2)
13.Ehlokoma namahlokohlok’ ehlobo,
14.Kuhlakul’ ubuhle bomhlaba.

5. Imbongi iphumelele kahle ukwethula isigqi sale nkondlo. Isigqi sale nkondlo
siyashesha ngoba inkondlo inomoya wenjabulo futhi le nkondlo inyancoma,
incoma umsebenzi omuhle weqembu lesaNkomota. (2)

UMSEBENZI 1

Ake uncome ikhono lembongi lokusebenzisa imifanekisomqondo ukugqamisa


indikimba yale nkondlo. Impendulo yakho kumele ibe namagama ayi-190 kuya [10]
kwengama-240.

ISINGENISO
Imifanekisomqondo kuba yilawo magama asetshenziswe imbongi enkondlweni
ukwakha umfanekiso emqondweni njengokusebenza kwawo enkondlweni. La
magama abanye bawabiza ngezithombemagama. Imifanekisomqondo
ingahlukaniswa kathathu:
● Imifanekisomqondo/izithombemagama kungazala izinzwa (inzwa
yokubonakalayo, yokuthintintekayo, yokunambithekayo, yokulalelekayo
kanye neyokuhogelekayo)
● Izifenqo ezithile, isibonelo: ukwenzasamuntu, ukwenzasasilwane,
isingathekiso, isifaniso, indida, yi-okzimoroni, njl.
89
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
● Izimo zokukhuluma okungaba izaga nezisho ezithile kanye
● Nolimi olunothile- amagama acebile/anothile.
Indikimba yale nkondlo ubuqhawe.

UMZIMBA

o Umfanekisomqondo wokuthintekayo

5.Nenhliziy’ edabukil’ ithinteke,

Lapha imbongi isebenzise umfanekisomqondo wokuthintekayo. Kepha ibhekise


ekuthintekeni kwenhliziyo ngenxa yomculo omnandi osuke uculwa yileli qembu
leSankomota.

o Umfanekisomqondo wokubonakalayo

10.Umhlab’ uzohloba ngengubo yothando,


Lapha imbongi igqamisa ukuthi umhlaba uzoba muhle kangakanani uma abantu
sebelalele lolu ngqambothi lomculo bese kwakheka uthando. Uthando luzohlobisa
umhlaba ube muhle. Kwakheka umfanekiso womhlaba omuhle onokuthula ngenxa
yothando oluzobe lulethwe umculo waleli qembu iSankomota.

o Umfanekisomqondo wokuzwakalayo

11.Kukikizwe kuchwaze,
Kuzozwakala umsindo wokuhalalisa ngenxa yomculo owethulwa yileli qembu
leSankomota. Abantu abaningi bazojabula uma bezwa umculo oculwa yilezi
zingqwele zase-Afrika.

16.Ngizw’ amaphimb’ avuma kamnandi

Lapha kukhona umfanekisomqondo wokuzwakalayo lapho kuzwakala umculo


owethulwa iqembu iSankomota. Akuwona nje umculo noma yimuphi kepha wuhlobo
lomculo omnandi oculwa yileli qembu.

Isb: Zasholo phansi kamnandi,

Kusho ukuculela phansi kungamenyezwa kepha lolu ngqambothi lube luzwakala


kamnandi.

o Umfanekisomqondo wokubonakalayo
22.Nazo sezikhophozel’ izingqwele,

Umfanekisomqondo wokubonakalayo lapho kubonakala leli qembu licula lidlisela


esiteji abantu bebukela.

o Umfanekisomqondo wokuhogelekalayo
28. Iphunga lothando lagcwal’ umhlaba.

Iphunga elimnandi libhekiswe kumculo omnandi ofaniswa nephunga elimnandi


eseligcwele umhlaba wonke. Lokhu okusho ukuthi umculo wabo omnandi
ususabalele umhlaba wonke.
90
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
Yonke le mifanekisomqondo etholakala kule nkondlo ikwazile ukugqamisa
indikimba yala maqhawe eqembu lomculo iSankomota

ISIPHETHO
Imbongi iphumelele kahle ukuveza imifanekiso-mqondo egqamisa indikimba
yenkondlo ethi amaqhawe. [10]

10.We Sinximfi Ndini! - M.S.S Gcumisa


UMSEBENZI 1

1. Tomula ubuye ugagule uhlobo lwemvumelwano etholakala ebinzeni loku-1. (2)

2. Fingqa umqondo oqukethwe yile nkondlo. (2)

3. Chaza umoya oqukethwe yile nkondlo. (2)

4. Ngabe uthini umyalezo odluliswa imbongi kule nkondlo. (2)

5. Ngokucabanga kwakho kungani imbongi isebenzise isimo sokukhuluma (2)


esitholakala emgqeni wama-35 kuya kowama-36? Sekela impendulo yakho.

IZIMPENDULO

1. 3. Uyisigqila somona,
4. Umon’ ongumthakathi.
Imvumelwano siqalo (2)

2. Imbongi kule nkondlo ikhuluma ngabantu abanomona. Imbongi iyabagxeka


laba bantu ngoba akukho bona abakwenzayo. Bayahlala nje bagxeke
okwenziwa abanye abantu. Luze lufe lungenalutho ngoba esikhundleni
sokuthi lwenze noma lulibala ukunaka okwenziwa abanye abantu. (2)

3. Le nkondlo iqukethe umoya wokugxeka. Imbongi igxeka umona owenziwa


yilo muntu embiza ngesinximfi. Iveza ngokusobala ukuthi lo muntu akafuni
ukubona abanye abantu bephumelela. Kanti yena uhlezi nje uthe dekle (2)
akenzi lutho.

4. Imbongi idlulisa umyalezo wokuthi abantu akumele bahlale basonge izandla


bengenzi lutho. Lokho kubenza balibale ukugxeka izinto noma imizamo
eyenziwa ngabanye abantu. (2)

91
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5. Imbongi isebenzise isimo sokukhuluma esithi, abantu abayi nganxanye


bengamanzi. Lokhu kuchaza ukuthi abantu bayakwazi ukuba bahluke
ngokwemibono. Kanjalo nala enkondlweni akubona bonke abantu
abayohambisana nalo muntu olibele ukugxeka abanye abantu. Yena ebe (2)
ehleli phansi engenzi lutho.

UMSEBENZI 2
Ake uncome ikhono lembongi lokusebenzisa ubuciko bokubumba isakhiwo
sangaphandle sale nkondlo. Impendulo yakho mayibe ubude bamagama ayi-190
kuya kwangama-240. Impendulo yakho mayibhalwe njenge-eseyi.

IMPENDULO
ISINGENISO
Isakhiwo sangaphandle siwukubumbeka kwenkondlo ngokwamabinza, imigqa,
izimpawu zokuloba, ukuxhumana, imvumelwano, isizura, impindwa,
ukuphindaphinda, i-Enjambanenti kanye nefanamsindo. Konke lokhu okubalulwe
ngenxa kusetshenziswa ngenhloso yokuphumelelisa umqondo.

UMZIMBA
Le nkondlo inamabinza ayi-10. Ibinza ngalinye linemigqa emi-4. Kule nkondlo
kusetshenziswe izimpawu zokuloba eziveza imigqa eminingi evalekile kanye
nembalwa evulekile.
Isb.
1. Qhumuk’ uhleke
2. We Sinximfi ndini!
3. Uyisigqila somona,
4. Umon’ ongumthakathi.

UKUXHUMANA
Ukuxhumana okusekuqaleni kuyatholakala emugqeni we-11 nowe-12.
Isib.
11. Uyozuf’ usongizandla’
12. Uyozuf’ ungahlabananga.

Ukuxhumana okusekuqaleni kuyatholakala emugqeni wama-31 nowama-32


Isib.

92
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
31. Uthi kulele ngakunye
32. Kanti kulele ngakubili,

IMVUMELWANO
Imvumelwano siqalo iyatholakala emugqeni wesi-3 nowesi-4
Isb.
3. Uyisigqila somona,
4. Umon’ ongumthakathi.

Imvumelwano maphakathi iyatholakala emugqeni wesi-3 nowesi-4


Isb.
19. Wen’ obon’ olwam’ ugongolo’
20. Ucashelw’ olwakh’ usibi.

I-enjambamenti
Itholakala emgqeni wama-27 kuya kowama-28
Isb.
27. Uthi lala lulaza
28. Bayokwengul’ abakwengulayo.

Ifanamsindo
Sithola ifanankamisa emugqeni wama-38
Isib.
38. We Liphixiphixi ndini!

ISIPHETHO
Imbongi iphumelele kahle ukusebenzisa ikhono lobuciko ukuveza ukubumbeka
kwesakhiwo sangaphandle sale nkondlo. Amasu angenhla yiwona asibumbele
isakhiwo sangaphandle.

93
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

11.Ithala Lobunzulu- E.J Mhlanga


UMSEBENZI 1

1. Nikeza indikimba etholakala kule nkondlo. (1)

2. Xoxa kafushane ngomqondo oqukethwe yile nkondlo. (3)

3. Qhathanisa umqondo oqukethwe umugqa we-16 kuya kowe-17 kanye (2)


nendikimba yale nkondlo.

4. Chaza ukusetshenziswa kwe-enjambamenti etholakala emgqeni wesi-6 (2)


kuya kowesi-8 sisetshenziswe leni.

5. Phawula ngomqondo oqukethwe umugqa wama-20 kuya kowe-21. (2)

IZIMPENDULO

1. Le nkondlo iqukethe indikimba yemfundo. (1)

2. Kule nkondlo yakha ubudlelwano obukhona phakathi kwemfundo kanye


nesibani esibiza ngobhaqa. Iphawula ukuthi lolu bhaqa yilona olukhanyisela
isizwe. Isikhathi sokulwa kusetshenziswe imikhonto sesiphelile,
sekudingeka ulwazi olutholakala emfundweni. Le Mfundo ifaniswa (3)
nomthombo ongavimbeki.

3. Umqondo oqukethwe umugqa we-16 kuya kowe-17 owokugqugquzela


abantu ukuba bayeke ukulwa besebenzise izikhali ngoba isikhathi sakho
sesiphelile. Esikhathini samanje sekumele abantu bagxile emfundweni
ngoba sekuyisona sikhali sanamuhla okuyoqotshwa ngaso. (2)

4. Le enjambamenti imbongi iyisebenzise ukugqamisa ukuthi lowo onesifiso


sokuyothola ulwazi ezikhungweni zemfundo ephakeme usengakwazi
ukukwenza lokho. Igcizelela nokuthi kulezi zikhungo zemfundo ephakeme
abantu bafike bathole ulwazi oluzobenza bahlakaniphe. (2)

5. Imbongi ikhuluma ngokuthola ulwazi olusele lwemfundo ukuze kuzokwazi


ukuba kusizakale isizwe. Uma abantu sebefundile bayokwazi ukuba baphile
isikhathi eside ngenxa yokuthi kuzoba sekukhona okungabasiza ukukwazi (2)
ukuba baphile.

94
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

UMSEBENZI 2
Ngabe imbongi ikwazile yini ukukhetha amagama agqamisa indikimba yale
nkondlo? Impendulo yakho mayibe ubude bamagama ayi-190 kuya kwangama-240.
Impendulo yakho mayibhalwe njenge-eseyi.

ISINGENISO
Ukukhethwa kwamagama kusho amagama asetshenziswe yimbongi angajwayele
ukusetshenziswa esimeni senkulumo yemihla ngemihla. Indikimba ingumongo
noma umgogodla wenkondlo. Indikimba yale nkondlo imayelana nemfundo
(emazingeni aphakeme).

UMZIMBA
La magama alandelayo akhethwe yimbongi agqamisa indikimba emayelana
nemfundo.

Izixhokolo- Isixhobo/ iqoqo elikhulu lamatshe. Imbongi igqamisa izinkinga


ohlangabezana nazo emfundweni ezikuvimbela inqubekela phambili.

Izinkelekethe- Iwa noma indawo embi eme yashona phansi ibanga elide. imbongi i
Izinkinga ezingavezi ukuthi zizophela nini kuloyo osuke efunda. Konke kubukeka
kunzima kanjalo nebanga okusamele alihambe emfundweni lilide.

Ukugeza ngencokazi- Isimo sezulu sisuke sisihle ilanga liphumile labalele


kungenamafu. Isimo sezulu esihle esikhombisa ukubuya kwethemba kanye
nempumelelo kuloyo ofundayo.

Ukuchicha- ukugcwala/ ukuchichima. Imbongi iveza ukuba nolwazi oluningi osuke


uluthole esikhungweni semfundo ephakeme.

Ubhaqa- isibani/ utshani obuqinile/ uqunga. Imbongi iveza ukukhanya nokubuya


kwethemba okugqamisa ukubaluleka kokucabangela ingomuso ukuze uzoba
nekusasa eliqhakazile.

95
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

Ithala/ Ephanda- indawo ephezulu endlini yesizulu lapho kubekwa khona


imikhonto.
Ugqinsi Ubungako bento ngokusinda kwayo. Imbongi isivezela indlela
ebengenalwazi ngayo lo ofundayo. Bekugcwele inkungu engazi lutho.

Uquqaba- iningi/ abantu abaningi. Imbongi ibhekise kubantu noma abefundisi


abayisizayo ukususa ukungazi okugcwele egqondweni yayo.

Unwele olude- impilo ende/ ukufisel’ ukuphila isikhathi eside

ISIPHETHO
Imbongi iphumelele kahle ukukhetha amagama agqamisa indikimba yale nkondlo.
Amagama asetshenzisiwe ayayigqamisa indikimba emayelana nemfundo.

12.Imvelo – K.N.N Gcumisa


UMSEBENZI 1

1. Tomula ukuxhumana okutholakala ebinzeni loku-1 (2)

2. Chaza kafushane ukuthi kungani imbongi isebenzise imvumelwano siqalo (2)


etholakala emgqeni we-11 kuya kowe-12.

3. Chaza umoya oqukethwe yile nkondlo. (2)

4. Ucabanga ukuthi kungani imbongi isebenzise isimo sokukhuluma (2)


esitholakala emgqeni we-15.

5. Phawula ngethoni equkethwe umugqa we-18 kuya kowama-22. (2)

96
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

IZIMPENDULO

1. Ukuxhumana okutshekile
3.Ngizw’ amehl’ ami ehungeka,
4.Ehungwa uthando lwemvelo
Ukuxhumana okutshekile
4.Ehungwa uthando lwemvelo (2)
5.Imvelo eyadalwa nguMdali.

2. Imbongi isebenzise le mvumelwano siqalo ukugqamisa ukuthi ikhuluma


ngayo, hhayi omunye umuntu. Isebenziseisiqalo u-‘Ngi…’ ukugcizelela
uthando enalo ngemvelo futhi seluthanda ukukhula. (2)

3. Umoya otholakala kule nkondlo uxubile. Kuqala kuvele umoya wokuncoma


noma ukujabula lapho imbongi income ubuhle bemvelo. Ikhuluma
ngezilwane ezitholakala esibhakabhakeni, izimila kanye nemvelo efana
nezintaba.
Iphinde iphatheke kabi uma ibona kukhona abantu abanukubeza imvelo. (2)
Ibona sengathi lobu buhle buzoshabalala.

4. Imbongi isebenzise ukwenzasamuntu, ‘ukutshakadulu.’ lokhu okukhomba


ukujabula uma imbongi ibona imvelo iyinhle. Ijatshuliswa ukubona ubuhle
obukhonjiswa yimvelo. (2)

5. Imbongi isebenzise ithoni yokunengwa. Inengwa abantu abacekela phansi


imvelo, bengabukuboni ukubaluleka kwayo. Lokhu yikhona okwenza
umzimba wayo imbongi thuthumele. (2)

UMSEBENZI 2
Xoxa ngokuphumelela kwembongi ngekhono lokusebenzisa ubuciko ukugqamisa isigqi
sale nkondlo. Impendulo yakho mayibe ubude bamagama ayi-190 kuya kwangama-240.
Impendulo yakho mayibhalwe njenge-eseyi.

Isigqi

Umgqumo othile wenkondlo olethwa umoya wenkondlo, ukuhleleka kwemisindo


namagama, ubude bemigqa nezimpawu zokuloba kanye isakhiwo senkondlo, Isigqi
singashesha noma sinense. Izibonelo: Inkondlo yesililo inesigqi esinensayo ngoba
kuyalilwa. Inkondlo eveza imizwa yenjabulo inesigqi esisheshayo ngoba kujatshulwe

97
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
Isigqi sale nkondlo siyanensa ngoba imigqa yakhona mide futhi ivalekile nakuba imbongi
incoma ubuhle bemvelo obutholakala emhlabeni wonke. Ikhombisa ukuthatheka yilobu
buhle bemvelo ebubonayo. Ibala izidalwa ezahlukahlukene zemvelo ezitholakala kuwo
wonke amagumbi imhlaba:
Isb.
● Esibhakabhakeni kutholakala izinyoni
● Imihlambi yezinkomo
IMIGQA

Le nkondlo yakhiwe yimigqa enamagama amathathu, amane kanye namahlanu.

● Imigqa eyakhiwe ngamagama amane

Isib.

1. Uma ngiphakamis’ amehlo ami


2. Kuwo womane amagumb’ omhlaba,
● Imigqa eyakhiwe ngamagama amathathu

Isib.

4.Ehungwa uthando lwemvelo


5. Imvelo eyadalwa nguMdali.

Umugqa owakhiwe ngamagama amahlanu

Isb.
2. Lapho ngehlisel’ amehlo ami emhlabeni,

UMOYA WENKONDLO
Umoya wale nkondlo uxubile. Ngasekuqaleni kwale nkondlo kukhona umoya
wokuncoma. Imbongi incoma ubuhle bemvelo obutholakala kuwo wonke amagumbi
omhlaba. Incoma ubuhle obutholakala esibhakabhakeni, ubuhle bemvelo obutholakala
emhlabeni.

Ebinzeni lokugcina imbongi igxeka abantu abangayinakekeli imvelo. Laba bantu


bayicekela phansi, bangakhombisi nembeza.

98
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

ISAKHIWO SANGAPHANDLE

● Ukuxhumana
Ukuxhumana kusho ukufana kwamagama, umsuka noma iziqu emigqeni elandelanayo.
Lokhu kuvamise ukuba umbhali wenkondlo akusebenzisele ukugcizelela noma
ukugqamisa okuthile okungahambisana nokushiwo yinkondlo noma umoya wenkondlo.

● Izinhlobo zokuxhumana
o Ukuxhumana okutshekile
Ngizw’ amehl’ ami ehungeka,

Ehungwa uthando lwemvelo

Lokhu kuxhumana kuqgamisa umqondo wokuthatheka kwembongi ikhangwa imvelo

o Ukuxhumana okutshekile
Ehungwa uthando lwemvelo

Imvelo eyadalwa nguMdali.

Lokhu kuxhumana kuqgamisa umqondo wokuthatheka kwembongi ikhangwa imvelo

IMVUMELWANO

Ukuvumelana kusho ukufana kwamalunga emigqeni elandelanayo. Ngasekuqaleni


kwegama unkamisa angaba yilunga kanti ngeke akwazi ukuba yilunga ngasekugcineni
kwegama.
o Imvumelwano siqalo
Isb.

11.Ngiluzwe uthando lwemvelo lwenyuka.


12.Ngiqalaze ngibon’ ubuhlebeizintaba zezwe,
Le mvumelwane igqamisa ukwenyuka kothando lwemvelo.
Isb.

21.Bebhubhisa ubuhle bezwe bengezwa,


22.Bengezwa kwabumnandi bokubusiseka,

99
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
23.Bengazi nanyaka ngokungehla
Le mvumelwano kule migqa iveza imizwa yokudinwa / yokunengwa kwembongi yindlela
abantu ababhubhisa ngayo imvelo.

IMVUMELWANO MAPHAKATHI

Isb.

1. Uma ngiphakamis’ amehlo ami


2. Kuwo womane amagumb’ omhlaba,
3. Ngizw’ amehl’ ami ehungeka,
Le mvumelwano maphakathi iletha umqondo wokuthatheka kwembongi ithi uma ibheka
kuwo wonke amagumbi omhlaba ichazwa ubuhle bemvelo.

I- ENJAMBAMENTI
I-enjambament iso lobuciko lapho kuba khona umugqa ovulekile kanye novalekile.
Imvamisa kudalwa ukuba umqondo womungqa uphelela emgqeni olandelayo ovalekile.
Isb.
1. Uma ngiphakamis’ amehlo ami
2. Kuwo womane amagumb’ omhlaba,
Le enjambamenti iletha umqondo wokuthatheka kwembongi ithi uma ibheka kuwo
wonke amagumbi omhlaba ichazwa ubuhle bemvelo.

Isb.
Ngiluzwe uthando lwemvelo lufukuka
Ngitshakadule njengenkonyan’ ibon’ unina,
Le enjambamenti igqamisa indlela imbongi ezizwa ngayo uma ibona imvelo itshakadula
njengenkonyane.

100
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5. Izingxabo zomnyezane – E.J Mhlanga

UMSEBENZI 1

1. Gagula indikimba etholakala kule nkondlo. Sekela ngokucaphuna umugqa (2)


owodwa ofakazela lokho.

2. Xoxa kafushane ukukhethwa kwegama elibhalwe ngokugqamile elitholakala (2)


ebinzeni loku-1

3. Chaza ukuthi ukuxhumana okutholakala emgqeni wesi-9 kuya kowe-10 imbongi (2)
ukusebenziseleni.

4. Hlaziya umqondo oqukethwe umugqa wama-20. (2)

5. Phawula ngomoya otholakala kule nkondlo (2)

IZIMPENDULO

1. Indikimba yale nkondlo imayelana nemfundo.


Isibonelo: Kuyingcebo yomhlaba nezulu, (2)

2. Imbongi ikhethe igama leminyezane ngoba ifanisa imfundo nesihlahla esiba


nezimpande ezisabalele ngasosebeni lo mfula. Lokhu kudala ukuba lesi sihlahla
ukuba singabuni. (2)

3. Imbongi isebenzise ukuxhumana okusekuqaleni ukugcizelela ukuhlala kahle


unethezeke ungahlushwa yilutho
9.Ngizinz’ ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo,
10.Ngizinz’ ekuthuleni ngijabul’ unomphela,
(2)
Emva kokuthola lolu lwazi lwemfundo imbongi izobe isiphumelele empilweni.

4. ‘Ngigiye ngiqephuze ngosiba lwakwaNgqondonkulu,’ lo mugqa ugqamisa


umuzwa wenjabulo lapho imbongi izosebenzisa ulwazi eluthole esikhungweni
semfundo ephakeme, kwaNgqondonkulu. (2)

101
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5. Umoya wale nkondlo owokujabula/wenjabulo. Kule nkondlo kukhona ukujabula


okutholakala emva kokuba usuzuze ulwazi lwakwaNgqondonkulu. Yingakho
imbongi ijabulule ngoba ulwazi esilutholile izolisebenzisa empilweni. (2)

UMSEBENZI 2

1. Chaza umqondo otholakala kule nkondlo ethi, ‘Izingxabo zomnyezane (2)

2. Fingqa ukubaluleka kokusetshenziswa ngokuphindaphinda igama ‘kwenjulo’ (2)


kule nkondlo.

3. Ngabe kungani imbongi isebenzise i-enjambamenti ebinzeni lesi-2? Sekela (2)


impendulo yakho.

4. Ngokucabanga kwakho ngabe imbongi iwakhetheleni la magama atholakala (2)


kumugqa wama-20.

5. Ake uncome ikhono lembongi lokuphetha ngomugqa oqukethe isimo (2)


sokukhuluma.

IZIMPENDULO

1. Umqondo iqhakambisa izifiso zembongi zokuphuza emthonjeni oyimfundo.


Imbongi ifisa ukuphuza ingaphinde yome. Ithi ulwazi eyoluthola ngokufunda
lungeqhathaniswe nalutho ngoba alupheli. (2)

2. Imbongi isebenzisa ngokuphindaphinda igama lwenjulo ngoba izama


ukugqamisa ukudepha noma ukuba nolwazi oluningi. Lolu lwazi uma umuntu
esenalo akube lusaphuma kuye ngoba lusuke ludephile. (2)

3. Imbongi isebenzise i-enjambamenti emgqeni we-13 kuya kowe-14


13.Ngizwe imvunge yemvelo ivungama
14.Ingoma kaqinadolo nethemb’ elizayo.
Ukugqamisa ukuthi kumele kubekezelwe noma kunzima uma ufuna ukuzuza
lolu lwazi lwakwaNgqondonkulu. (2)

4. Imbongi izama ukugqamisa ukuthi uma uthola ulwazi lwemfundo ubuchopho


bugcina sebuvuniliswa noma bugqokiswa ngohlaza olumele amaqabunga
aluhlaza esihlahla somnyezane okukhomba ukuthi usufundile (2)

102
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
5. Imbongi ikwazile ukusebenzisa isimo sokukhuluma esiyisisho emgqeni
wokugcina. Ukufinya ngendololwane kusho ukubusa uma kusuke kuhlatshiwe.
Kanjalo nalapha ekhaya kuzobuswa kudliwe kudele ngoba imfundo isiyenze (2)
ukuba lapha ekhaya kubuswe.

UMSEBENZI 3
1. Yisho ukuthi hlobo luni lwenkondlo lolu. Sekela impendulo yakho. (2)

2. Chaza kafushane ukusetshenziswa kokuxhumana emugqeni wesi-9 nowe-10 (2)

3 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa ifanamsindo likankamisa ‘a’ emugqeni we- (2)
18?

4 Ingabe umugqa wama-20 nowama- 21 ukwelekelele kanjani ekuqondeni (2)


kwakho indikimba yale nkondlo?

5. Hlaziya isigqi esitholakala ebinzeni lokugcina. (2)

Izimpendulo
1. Uhlobo lwale nkondlo yilirikhi ngoba imbongi yethula imizwa yayo (2)
ngokulangazelela ukuphuza emthonjeni oyimfundo. Inkondlo eyilirikhi
isebenzisa u’ngi’ okuyisiqalo sobunye.

2. Ukuxhumana okusesitanzeni sesibili kusetshenziselwe ukugqamisa (2)


umqondo wokuthi imbongi ifisa ukuhlala emfundweni igxile, lokho
kuyokwenza umphefumulo wayo uhlale uthokozile impilo yayo yonke.

3 Inhloso yembongi yokusebenzisa ifanamsindo likankamisa ‘a’ emugqeni (2)


we-18 ukugqamisa umqondo wokuthi uma isifundile iyokwethweshwa
umyezane okuwuphawu lokunqoba.

18.Lwamaqabung’ ayongingwambis’ okweqhawe.

4 Imigqqa yama-20 neyama- 21 ingekelele ngokuthi ngiqonde indikimba


yale nkondlo okuyimfundo imbongi ithi izimisele ngokufunda ize igogode
ukuze ikwazi ukuphila kancono ngomuso. (2)

103
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5. Isigqi esitholakala ebinzeni lokugcina isigqi esinensayo. Leli binza lakhiwe


imigqa emide, eyakhiwe ngamagama asukela kwamathathu kuye
kwayisihlanu futhi yonke le migqa ivalekile. (2)

2.Isiziba senhlakanipho- E.J Mhlanga


UMSEBENZI 1

1. Tomula igama elitholakala ebinzeni lokuqala elichaza ukuthi kusekuseni (1)


kakhulu.

2. Fingqa kafushane umqondo oqukethwe yile nkondlo (3)

3. Chaza ukuthi kungani imbongi ikhethe leli gama elibhalwe ngokugqamile (2)
emgqeni we-12.

4. Ngabe imbongi iyisebenziseleni i-enjambamenti etholakala emgqeni we-17 kuya (2)


kowe-18.

5. Ngokucabanga kwakho ngabe imbongi iphumelele yini ukudlulisa umoya kule (2)
nkondlo? Sekela impendulo yakho.

IZIMPENDULO

1. Kusempondozankomo (1)

2. Umqondo wale nkondlo umayelana nokuncoma umsebenzi owenziwa imfundo.


Imbongi iveza ukuthi ihambe ibanga elide izama ukuyothola le Mfundo. Ayifuni
nje ukufunda imfundo esezingeni kepha ifisa ukuba ithole izaqheqhe zemfundo
ukuze ibe nolwazi oludephile. Uma isilutholile lolu ju iyokwaneliseka. Leli gama
elikhethiwe lemfundo likhombisa ukuthi kulahleka abantu ebikade isondelene
nabo. (3)

3. Imbongi ichaza ukuthi imfundo le ekhuluma ngayo iyadida ingakho iyibiza


ngokuthi iyimpambankwici. Akekho umuntu ongathi unolwazi oluphelele
ngemfundo. (2)

4. Imbongi isebenzise i-enjambamenti etholakala emgqeni we-17 kuya kowe- 18


ukuqedela umqondo oqale emgqeni ongenhla waphelela ngezansi. Imbongi
igcizelela ukuthi lokhu kujula kwemfundo sekwenze ukuba igcine (2)
isInyamanambana kozakwabo.

104
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5. Imbongi iphumelele ukudlulisa umoya wokulangazelela imfundo kule nkondlo. (2)


Ifisa ukuba sengathi ingathola ulwazi olubanzi ukuze izozigqaja ngalo.

UMSEBENZI 2
1. Tomula imvumelwano esesitanzeni sokuqala bese uyayigagula. (2)

2. Chaza kafushane umoya oqukethwe ngumugqa we-15 nowe-16 (2)

3 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa umbuzo mbumbulu osemugqeni wama- (2)


23 nowama-24?

4 Chaza ukukhethwa kwamagama abhalwe ngokugqamile ukuthi akwelekelele (2)


kanjani ekuqondeni kwakho leli binza?

5. Phawula ngekhono lembongi ekugqamiseni indikimba emigqeni yama-25 kuya (1)


kweyama-30.

Izimpendulo

1. 6.Ngiyoncel’ amanzi ngobhaqa;


7.Ngisuthisa wena Nzibase.
(2)
Imvumelwano siqalo.

2. Umoya oqukethwe ngumugqa we-15 nowe-16 umoya wethemba. Imbongi


yethemba ukuthi ngesikhathi isifunde yagogoda iyohlala iphumule inethezeke
ngoba iyobe isinqobile,isidla izithelo zemfundo (2)

3 Inhloso yembongi yokusebenzisa umbuzo mbumbulu ukugqamisa umqondo


uwokuthi angeke ikuthole ukuphumula izolokhu ifunde njalo ukuze izuze ulwazi
olusezingeni eliphezulu olunzulu noludephile. (2)

4 Amagama abhalwe ngokugqamile athi ‘impambankwici noNjulase angelele


ngokuqonda ukuthi imbongi ibiza imfundo ngento eyindida futhi ewulwazi
olujulile/ enikeza ulwazi olujulile. (2)

105
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5. Imbongi iphumelel kahle ukugqamisa umqondo wemfundo kule migqa ngoba


ibiza imfundo ngesizinda sayo sokuphephela. Imbongi ayiyiboni enye into
engayisiza ngaphandle kwemfundo. Ichaza imfundo njengento engachazeki ithi
hleze iyobe ingasekho ngale nkathi sekuchazwa noma sekunamagama ayokwazi
ukuchaza ukuthi ngempela kuyini ukujula kwemfundo.
(1)

3. Ukuthula - B.W Vilakazi


UMSEBENZI 1

1. Nikeza umoya otholakala kule nkondlo. Sekela impendulo yakho. (2)

2. Xoxa kafushane ngokusetshenziswa kwe-enjambamenti emgqeni wesi-7 kuya (2)


kowesi-8.

3. Ngabe ibaphi laba bantu ekhuluma ngabo imbongi emgqeni wesi-9 kuya kowe- (2)
10

4. Ucabanga ukuthi kungani imbongi isebenzise imvumelwano maphakathi (2)


emgqeni we-12 kuya kowe-13? Sekela impendulo yakho.

5. Phawula ngomqondo oqukethwe umugqa we-17 kule nkondlo. (2)

IZIMPENDULO

1. Umoya wale nkondlo owemfihlakalo yemvelo / ukuthula. Imbongi ikhuluma ngale


mfihlakalo yemvelo eyibona uma isosebeni lolwandle kanye nakho konke
okwenzeka khona. (2)

2. Le enjambamenti etholakala kule migqa owesi-7 kuya kowesi-8 ichaza


okwenzeka kule ndawo engasosebeni lolwandle. Akuyona noma iyiphi indawo
kepha kuyindawo engcwele lapho kukuningi okwenzeka khona. (2)

3. Imbongi ikhuluma ngabantu abafika lapha ngoba befuna ukwenza okuthile


okuqonde nezimo zabo zempilo. Kukhona nalabo abasuke bezozintwezela kulo
ulwandle. Abanye abantu okukhulunywa ngabo yilabo abangamadlozi
okuxhunywana nabo kulo ulwandle. (2)

106
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

4. Imbongi isebenzise imvumelwano maphakathi u’ba’ ukunikeza umculo omnandi


kofunda inkondlo. Lokhu kugcizelela ukuthi imbongi ikhuluma ngabantu
abaningi. (2)

5. Imbongi ikhuluma ngabantu abatholakala kule ndawo abangasolwandle ukuthi


iyabathanda. Ithanda abaphilayo kanye nabangaphili futhi nabo bayamthanda.
(2)

UMSEBENZI 2

Hlaziya ikhono le mbongi lokukhetha amagama ukugqamisa umoya wenkondlo.


Impendulo yakho mayibe i-eseyi ewubude obungamagama ayi-190 kuya kwangama-
240.

IMPENDULO

ISINGENISO

Umoya wenkondlo isimo imbongi esuke ikuso ngesikhathi ibhala inkondlo. Kule nkondlo,
imbongi iveza umoya wokulangazelela noma wokufisa. Imbongi iveza isifiso sokwazi
kabanzi ngale mfihlo yemvelo. Isikubonile okuningi okwenzeka emanzini kodwa
ingaqondi. Abanye bahamba emanzini ngezinyawo abanye bantanta phezulu. Kubuye
kuzwakale namaphimbo akhulumela phansi. Konke lokhu kwenzeka laphaya emanzini.
Okuningi kwakho ayikuqondi ukuthi kwenzelwani. Yingakho imbongi ifisa ukwazi kabanzi.

UMZIMBA

La magama alandelayo akhethwe yimbongi ukugqamisa umoya wenkondlo emayelana


nokufisa / ukulangazelela.

Sicambalale- Ukubeka umzimba phansi ube sesimeni sokulala kodwa ungalali


ubuthongo.

Ugu / usebe- Kulapho okuphela khona umfula, ulwandle, ihlathi.

Ufasimbe- Inkungwana ehambisana namazolo eba khona ekuseni kodwa uma


sekuqala libalela limbuleke.

107
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

Usikisiki- Ilukuluku elisuswa yisimo esithile/ Ugqozi/ Usinga

Izindwani- Izibi/ Izimila eziba sosebeni lomfula ezivamise ukukhukhulwa amanzi uma
umfula ugcwele (Uma umfula ugcwele kuyaye kuthiwe udla izindwani).

Ukuphasa- Ukusekela okuthile ukuba kungawi

Amahlengethwa- (idolfini) isilwane esikhulu sasolwandle esifana nenhlanzi.

ISIPHETHO

Imbongi iphumelele kahle ukusebenzisa ikhono lokukhethwa kwamagama ukugqamisa


umoya wenkondlo omayelana nokulangazelela noma wokufisa.

4. Impi- S. R. C Shongwe

UMSEBENZI 1

1. Tomula ubuye ugagule ukuxhumana okutholakala ebinzeni loku-1. (2)

2. Xoxa kafushane ukusetshenziswa kwemvumelwano sigcino etholakala ebinzeni (2)


lesi-2.

3. Ngabe isimo sokukhuluma esitholakala emugqeni we-12 imbongi (2)


isisebenziseleni. Sekela impendulo yakho.

4. Ngokucabanga kwakho ngabe imbongi iphumelele ukwethula umyalezo (2)


ebinzeni lesi-4? Sekela impendulo yakho.

5. Phawula ngomqondo ocashile oqukethwe yile nkondlo (2)

IZIMPENDULO

1. Ukuxhumana okuseqaleni
3. Amaviyo nezingeqiwa ntwala,
4. Amaviyo namanxebakazi,
5. Amaviyo nemikhontshwana. (2)

108
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

2. Imvumelwano sigcino etholakala emgqeni wesi-9 kuya kowe-10 isetshenziselwe (2)


ukukhomba ubuncane bento ulwazi oluncane imbongi esuke inalo ngesikhathi
isanda kufika esikhungweni semfundo. Konke kusuke kusekuncane ngoba
ulwazi lwemfundo lusuke luseluncane.

3. Imbongi isebenzise isisho. ‘Amavak’ amba ambulule’ okusho ukubaleka


ungabheki emuva. Imbongi isebenzise lesi sisho ukugqamisa ukuthi abantu
abangamagwala abakwazi ukubekezela. Bayabaleka ngoba behluleka
ukubekezela.
9.Ngimi nowami umkhontshwana, (2)
10.Ngimi nesam’ isihlangwana,

4. Imbongi iphumelele ukwedlulisa umyalezo wokubekezela. Ibeka ukuthi noma (2)


ngabe kulikhuni kangakanani kepha kumele ubekezele. Ize iphawule ukuthi
nayo kwakunzima kepha yabekezela yagcina iphumelele.

5. Imbongi ikhuluma ngempi eyimfundo kule nkondlo, okuyiwona mqondo ojulile.


Ibeka ukuthi uma ubhekene nemfundo kufana nokuthi ubheke nempi okufanele
uzimisele ukuthi uzolwa kuze kube sekugcineni. Ukunqoba kwakho futhi kulele
ekubekezeleleni ngesikhathi ubhekene nemfundo. (2)

UMSEBENZI 2

1. Shono ukuthi ithini indikimba yale nkondlo. (1)

2. Xoxa kafushane ngomqondo oqukethwe yile nkondlo. (3)

3. Chaza ukuthi ukusetshenziswa kwegama elibhalwe ngokugqamile kukulekelele (2)


kanjani ukuqonda indikimba yale nkondlo

4. Qhathanisa umqondo oqukethwe ibinza loku-1 kanye nebinza lesi-3. (2)

5. Phawula ngekhono lembongi lokusebenzisa ukuxhumana okutholakala ebinzeni (2)


lokugcina.

109
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

IZIMPENDULO

1. Indikimba yale nkondlo imayelana nemfundo. (1)

2. Imbongi kule nkondlo ikhuluma ngempi okungasiyona eyamagwala. Le mpi


idinga umuntu okwazi ukubekezela ngoba kuliwa ubusuku nemini. Le mpi
imbongi ekhuluma ngayo kungaba imfundo. Abanye abangamagwala babona
kunzima bavele bashiye phansi babaleke ngoba bengakwazi ukumelana
nobunzima. Abagcina ngokubaleka bangabhekani ngqo nempi, bagcina
ngokuzisola. (3)

3. Imbongi isebenzise igama eyamanyamfokwe ukuchaza abantu abangmagwala


athuswa ubala. Lapha imbongi ibhekise kulabo bantu okuthi kuyiwa empini
eyimfundo, bona bebe bebaleka. Leli gama liyahambisana nendikimba
yenkondlo eyimfundo ngoba ayifuni abantu abangamagwala. (2)

4. Ibinza lokuqala likhuluma ngeningi labantu abasempini okungaba yimfundo.


Laba bantu badlule ebunzimeni obukhulu kepha basaphokophelele phambili.
Ibinza lesi-3 likhuluma ngamagwala athe uma ebona ukuthi kunzima amane
aqoma ukubaleka. Lokhu kwesaba kwabo sebenakho ukuzisola kodwa
akusekho ukubuyela emuva. (2)

5. Imbongi isebenzise ukuxhumana okusekuqaleni ukugqamisa noma


ukugcizelela ukubaluleka kokubekezela. Imbongi iveza ukuthi abantu kumele
babekezele noma ngabe kube khona lapho beqhuzuke khona kepha
abaphokophelele phambili. (2)

5. Idwala likaShaka- J.M Sikakane


UMSEBENZI 1

1. Nikeza indikimba equkethwe yile nkondlo. (1)

2. Xoxa kafushane ngomqondo otholakala kule nkondlo. (3)

3. Ngabe imbongi iyisebenziseleni imvumelwano etholakala ebinzeni lesi-4? (2)


Sekela impendulo yakho.

4. Humusha umqondo oqukethwe umugqa we-17 kuya kowe-18? Sekela (2)


impendulo yakho.

110
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5. Ake uncome ikhono lembongo lokugqamisa isigqi esitholakala kule nkondlo. (2)

IZIMPENDULO

1. Indikimba yale nkondlo eyomlando. (1)

2. Le nkondlo ikhuluma ngedwala elabe litholakala ngaseSibubulungu eduze


komuzi weNkosi uShaka (KwaKhangela Amankengane). Le ndawo noma umuzi
wawuqamba ngokuthi kukaKhangela amankengane ngoba wabe ebonisiwe
ukuthi olwandle kuzoqhamuka izinyoni zezulu (abeLungu).
Leli dwala iNkosi uShaka yabe ihlala kulo ngesikhathi ibuka amabutho ayo. (3)

3. Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo:


14.Elalibuk’ amabutho
15.Ezam’ ukwenz’ ufutho /

Imbongi isebenzise imvumelwano sigcino:


14.Elalibuk’ amabutho
15.Ezam’ ukwenz’ ufutho
Izama ukwakha umgqumo omnandi osamculo ukugqamisa isenzo senkosi (2)
uShaka ngesikhathi ibuka amabutho ayo.

4. Le migqa iqukethe umqondo wokuthi leli dwala inkosi uShaka ayehlala kulo (2)
ngasesiBubulungu selenganywe ulwandle. Alikho osebeni lolwandle kepha
limaphakathi nalo ulwandle. Yingakho ithi leli dwala ligezwa amagagasi
olwandle.

111
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
5. Imbongi iphumelele kahle ukugqamisa isigqi kule nkondlo. Le nkondlo iqukethe
isigqi esisheshayo. Lokhu kufakazelwa ukuthi imigqa etholakala kule nkondlo
mifushane.
Isb. Umugqa wama-22 kuya kowama-23
22. Eliseyisisekelo
23. LiseyisiZekelo
Iphinde isebenzise kakhulu imigqa evulekile egcina isisethulela i-enjambament.
Isb.

5. Yidwala likaShaka
6. Eligezw’ amagagasi
7. Won’ adl’ aMaqaqasi
(2)
8. Ejutshwa yiLembe.

UMSEBENZI 2
IMIBUZO

1. Tomula ubuye ugagule uhlobo lwemvumelwano etholakala ebinzeni lokuqala. (2)

2. Fingqa umqondo oqukethwe ibinza lesi-2. (2)

3. Ucabanga ukuthi kungani imbongi isebenzise impindwa etholakala kule (2)


nkondlo? Sekela impendulo yakho.

4. Ngokwakho ukubona ngabe imbongi isisebenziseleni isimo sokukhuluma (2)


esitholakala ebinzeni lesi-3? Sekela impendulo yakho.

5. Phawuala ngomoya otholakala kule nkondlo. (2)

IZIMPENDULO

1. ● Imvumelwano siqalo

Umugqa wesi-2 kuya kowesi-3


2. EliseSibubulungu,
3. Elahlul’ abelungu
(2)
● Imvumelwano sigcino

Umugqa wesi-2 kuya kowesi-3


112
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
2. EliseSibubulungu,
3. Elahlul’ abelungu

2. Umqondo otholakala kuleli binza uchaza ukuthi idwala likaShaka okukhulunywa (2)
ngalo kule nkondlo limi lengame ulwandle kube sengathi lilubukela phansi.

3. Imbongi isebenzise impindwa, ‘Yidwala likaShaka’ njengomugqa odamane


ulokhu uphindeka ekuqaleni kwebinza nebinza. Lokhu kukhomba ukugcizelela
noma ukugqamisa ukuthi imbongi ikhuluma ngokubaluleka kwaleli dwala lenkosi
uShaka eyayihlala kulo uma ibuka amabutho ayo. (2)

4. Imbongi isebenzise isimo sokukhuluma esiyisifaniso ukuqhathanisa


okwakwenziwa idwala likaShaka kanye nokwakwenziwa inkosi uShaka
ngesikhathi ebuka amabutho empi yakhe. (2)

5. Le nkondlo iqukethe umoya wokuncoma. Imbongi incoma idwala likaShaka


eliyigugu lesizwe elitholakala eSibubulungu (e-Bluff) lapho kwakuhlala khona
inkosi uShaka uma ibuka amabutho ayo, nalapho yafikelwa khona isibonakaliso
sokuthi olwandle kuzoqhamuka izinyoni zezulu. (2)

6.Musani! - M.S.S Gcumisa


UMSEBENZI 1
IMIBUZO

1. Yisho ukuthi hlobo luni lwenkondlo lolu. Sekela impendulo yakho. (2)

2. Chaza kafushane ukusetshenziswa kombuzombumbulu otholakala emugqeni (2)


wesi-6 kuya kowe-10.

3. Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa ukuxhumana okusekugcineni emgqeni


wesi-9 kuya kowe-10? Sekela impendulo yakho.
(2)

4. Uyavumelana yini nomyalezo odluliswa imbongi kule nkondlo? Sekela (2)


impendulo yakho.

5. Phawula ngokukhethwa kwamagama abhalwe ngokugqamile atholakala (2)


emgqeni we-13 kuya kowe-14.

113
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

IZIMPENDULO

1. Le nkondlo iyisonethi. Ngoba inemigqa eyi-14 equkethe umgqumo osamculo (2)


ohambisana nothando.

2. Imbongi ikhombisa ukudideka njengoba laba ekhuluma nabo bekhalela


othandiweyo wabo osedlulile emhlabeni. Iveza ukuthi abantu akumele bakhale
ngoba uma umuntu edlula emhlabeni usuke engayena owethu kepha (2)
unomnikazi wakhe.

3. Imbongi isebenzise ukuxhumana sigcino (ekhaya) ukugcizelela ukubaluleka


kwaleli khaya okuya kulo abantu uma sebedlula emhlabeni. Igqamisa ukuthi
lapha emhlabeni akusilo ikhaya kepha yileli esiya kulo uma sesidlule emhlabeni.
(2)

4. Ngiyavumelana nomyalezo owethulwa imbongi ngoba sonke lapha emhlabeni


sizodlula siye ekhaya likaBaba. Ngakho-ke akumele sikhale uma kukhona
osedlulile lapha emhlabeni ngoba usuke egodukile waya kuBaba.
NOMA
Angivumelani nomyalezo wembongi wokuthi akumele sikhale uma kukhona
osedlule emhlabeni / ukudlula komuntu. Ukushiywa umuntu othandiweyo noma
osendelene naye kwenza lowo osele aphatheke kabi ngoba kuba khona
isikhala kulabo abasele emuva. (2)

5. Imbongi ikwazile ukukhetha amagama anokuxhumana okusekugcineni (…yena)


ukugcizelela ukuthi lo muntu osedlulile emhlabeni okukhulunywa ngaye
usephindele kuMdali wakhe okuNguye owamdalayo. (2)

UMSEBENZI 2
IMIBUZO

1. Tomula ubuciko bokunkondloza okutholakala emgqeni woku-1 nowesi-2, ubuye (2)


ukugagule.

2. Xoxa kafushane ngomqondo otholakala kule nkondlo. (2)

3. Chaza umoya oqukethwe kule nkondlo. (2)

4. Hlaziya ukukhethwa kwamagama okuhlonipha atholakala emgqeni we-11 nowe-


12.
(2)

114
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5. Phawula ngokhono le mbongi ukwethula isigqi sale nkondlo. (2)

IZIMPENDULO

1. ● Ukuxhumana siqalo

Umugqa we-10 nowe-11


10. Musani ukukhala,
11. Musani ukubibitheka, /

● Impindamqondo

Umugqa we-12 kuya kowe-13


12. Musani ukukhala,
13. Musani ukubibitheka,

● Imvumelwano maphakathi

Umugqa we-14 kuya kowe-15


14. Musani ukukhala,
15. Musani ukubibitheka, (2)

2. Umqondo wale nkondlo umayelana nabantu abakhalayo ngenxa yokudlulelwa


othandiweyo wabo. Kepha imbongi iyababuza ukuba bakhalelani ngoba
akumele bakhale uma kukhona odlulile emhlabeni. Lo odlulile emhlabeni usuke
esebuyela ekhaya kuMdali wakhe. (2)

3. Kule nkondlo kutholakala umoya wosizi ngoba kukhona abantu abakhalayo


bekhalela osedlulile emhlabeni. Imbongi izama ukubaduduza ngoba ithi kubo
asikho isidingo sokuba bakhale ngoba odlulayo emhlabeni usuke eya kuMdali.
(2)

4. Imbongi isebenzise amagama okuhlonipha ukufa, ‘usebiziwe’ kanye nelithi,


‘ngosebiziwe’. La magama ahlonipha umuntu osuke esedlulile emhlabeni
bechaza ukuthi usuke esebizwe nguMvelingqangi. (2)

5. Imbongi iphumelele kahle ukwethula isigqi sale nkondlo. Isigqi sale nkondlo
siyanensa ngoba imigqa yonke yale nkondlo ivalekile. Okunye okwenza isigqi
sale nkondlo sinense ukuthi le nkondlo ikhuluma ngokufa. (2)

115
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

7. Uthunywe Ngubani – K.N.N. Gcumisa

UMSEBENZI 1

1. Nikeza isizathu somoya oqukethwe yile nkondlo. (2)

2. Chaza kafushane ukusetshenziswa kokuxhumana okutholakala emgqeni wesi- (2)


4 kuya kowesi-5.

3. Kungani imbongi isebenzise i-enjambamenti emgqeni wesi-6 kuya kowe-8? (2)


Sekela impendulo yakho.

4. Ucabanga ukuthi imbongi iwasebenziseli la magama ezihlahla atholakala (2)


emgqeni wesi-8? Sekela impendulo yakho.

5. Ngokucabanga kwakho kungani imbongi ikhethe la magama abhalwe (2)


ngokugqamile emugqeni we-13 kuya kowe-14.

IZIMPENDULO

1. Le nkondlo iqukethe umoya wokudangala ngoba imbongi ikhuluma ngokufa


okunamandla okufika kuzobulala izihlahla ezisengamaklume / ezisencane.
(2)

2. Imbongi isebenzise ukuxhumana okusekugcineni:


3. Nguban’ okuph’ amandlakazi
4. Angangawamabuth’ akwaMandlakazi?
Ukugcizelela ukuthi lo msebenzi owenziwa ukufa kufanele ube namandla ukuze
uzokwazi ukwenza umsebenzi wawo wokubulala. (2)

3. Imbongi isebenzise i-enjambament kule migqa ukuze umqondo oqala emgqeni


wesi-6 kuya kowesi-8 uzophelela. Yingakho kugqama imisebenzi eyenziwa
ukufa ukubulala abantu abanhlonhlobo kepha imbongi ebafanisa nezihlahla. (2)

4 Imbongi isebenzise la magama ukugqamisa ukuthi ukufa lokhu kunamandla


. okuphoqoza lezi zihlahla eziqinile kangaka.
Umthombothi - uhlobo lomuthi onesiqu esilukhuni osetshenziswa ekwakheni
izinqola neminye imibazo ethile.

116
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
Umsimbithi – isihlahla esikhula sibe phakathi nendawo singabi sikhulu
kakhulu esivamise ezinkangala naseduze kwamaxhaphozi kanti siqine
kakhulu sikhipha izinduku ezingaphuki kalula.
Umthathe – isihlahla esikhula sibe yisizemazema esiqine ngendlela yokuthi asidliwa
ngisho nawumuhlwa esinamaqabunga amisise
Nguban’ okuph’ amandlakazi
Angangawamabuth’ akwaMandlakazi?
okwamadlebe embuzi.
(2)

5. La magama imbongi iwasebenzise ngoba inokudideka noma ukuqonda ukuthi


kungabe ukufa lokhu osekuqeda abantu kwafika nobani. Kungabe kwafika
noSathane noma noMkhulukhulu? (2)

UMSEBENZI 2
Phawula ngekhono lembongi lokucikozisa ukugqamisa isigqi sale nkondlo. Impendulo
yakho mayibe ubude obuyi-190 kuya emagameni angama-240.

IMPENDULO

ISINGENISO
Ukucikoza kusho ukusetshenziswa kolimi ngesisoka nangobuciko kuhambisane
nenkondlo. Isigqi umgqumo omnandi wenkondlo olethwa umoya wenkondlo, umqondo
wenkondlo, ukuhleleka kwemisindo namagama, ubude bemigqa kanye nezimpawu
zokuloba. Isigqi singashesha noma sinense. Le nkondlo inesigqi esinensayo ngoba
ikhuluma ngokufa.

UMZIMBA
Isigqi enkondlweni singabhekwa ngaphansi kwalezi zimpawu ezilandelayo: imigqa,
izimpawu zokuloba, umqondo kanye nomoya. Lezi zimpawu ezilandelayo zigqamisa isigqi
sale nkondlo ethi, Uthunywe Ngubani?

● Imigqa nezimpawu zokuloba

Imigqa mifishane ngoba inamagama asukela kwamabili kuye kwamathathu okuhambisana


nomqondo wenkondlo omayelana nokufa. Isigqi sale nkondlo siyanensa. Nakuba inkondlo
imayelana nokufa imigqa yale nkondlo ixubile kunemigqa evalekile kanye nevulekile.

117
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
Isb.

16. Izithomb, ezingamahlume


17. Omthathe, omsimbithi nomthombothi?
18. AbakwaMthombothi bangavuma.

● Umqondo
Imbongi igqamisa umqondo wokuthi uma ukufa sekufikile akukhethi kuthatha abadala
nabancane. Imbongi isebenzise igama amaklume elichaza abantu abasha. Yasebenzisa
amagama ezihlahla imithombothi, umthathe nomsimbithi okuyizihlahla eziqinile nezinkulu
ukumela abantu abadala. Imbongi ifisa ukwazi ukuthi kahle hle ukufa kuthunywe
nguSathane noma uMdali. Ifisa ukwazi ukuthi ngempela ubani lo okunika amandla
nesibindi esingaka.

4.Nguban’ okuph’ amandlakazi


5.Angangawamabuth’ akwaMandlakazi?
6.Owephul’ uphoqoze ngawo
7.Izithomb, ezingamahlume
8. Omthathe, omsimbithi nomthombothi?
9. AbakwaMthombothi bangavuma.

Emigqeni emibili yokugcina imbongi iphetha ngombuzo mbumbulu ukugqamisa


ukudideka kwayo ngokufa ize ibuze ukuthi ngabe kuthunywe uSathane noma
uNkulunkulu njengoba kuqeda abantu nje?

13.Kungabe uyisithunywa sikaSathane


14.Noma uthunywe ngoMkhulukhulu?

● Umoya
Le nkondlo iqukethe umoya wokukhathazeka/ wokudumala. Imbongi
ikhathazwa/idunyazwa yindlela abantu abafa ngayo. Ukufa kuthatha abadala nabancane
ngezindlela ezahlukahlukene.

6. Owephul’ uphoqoze ngawo


9. Izithomb, ezingamahlume

118
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
10. Omthathe, omsimbithi nomthombothi?
11. AbakwaMthombothi bangavuma.

ISIPHETHO
Imbongi iphumelele kahle ukusebenzisa ikhono lokucikozisa ekugqamiseni isigqi sale
nkondlo.

8.Ucu Olumhlophe – C.T. Msimang


UMSEBENZI 1

1. Hlobo luni lwenkondlo lolu? Sekela impendulo yakho. (2)

2. Chaza kafushane ukuthi kungani imbongi isebenzise isifengqo esiyi-okzimoroni (2)


esitholakala emgqeni wesi-4.

3. Kungani imbongi isebenzise impindamqondo etholakala emgqeni wesi-6 kuya (2)


kowesi-7.

4. Chaza ukuthi kungani imbongi isebenzise imvumelwano siqalo emgqeni wesi-8 (2)
kuya kowe-10.

5. Phawula ngomqondo oqukethwe ibinza lokugcina kule nkondlo. (2)

IZIMPENDULO

1. Le nkondlo iyisonethi ngoba inemigqa eyi-14. (2)

2. Imbongi isebenzise i-okzimoroni ukugqamisa ukuthi uma ucu seluphelele


akubonakali ukuthi luqalaphi futhi lugcinaphi. Othandweni akubi khona siqalo
nasiphetho
(2)
Luny’ uhlamvu lwesiqalo nolwesiphetho,

3. Imbongi isebenzise le migqa njengempindamqondo ukugqamisa umqondo (2)


wokuthi uthando lumsulwa alunachashazi. Lufana nengilosi yona emsulwa.

4. Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo ukwakha umgqumo omnandi ,u‘Lu-‘


ukugqamisa umsebenzi owenziwa uthando emva kokuba umuntu eselutholile.
(2)

119
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5. Imbongi kule migqa izama ukudlulisa isexwayiso ukuba abantu uthando lolu
kumele baluphathise okwezikhali zamantungwa. Imbongi iyala abantu ukuba
baluphathe kahle lolu cu ngoba uma luke lwagqashuka alube lusabuyela esimeni (2)
salo.

UMSEBENZI 2
Ake uncome ikhono lembongi lokukhetha amagama ukugqamisa umoya otholakala kule
nkondlo.
Impendulo yakho mayibe ubude obungamagama ayi-190 kuya kumagama angama-240.
Impendulo yakho mayibe i-eseyi.

IMPENDULO
Isingeniso
Ukukhethwa kwamagama kusho amagama asetshenziswe yimbongi ekugqamiseni umoya
wenkondlo. Umoya wenkondlo isimo imbongi eyabe ikuso ngesikhathi ibhala inkondlo.
Uma ngabe yayisesimweni sokujabula kuye kuthiwe umoya wokujabula njl. Le nkondlo
iqukethe umoya wothando
Umzimba.
Ibinza loku-1
Uzi-Intambo noma usinga olulukwe ngenxoza noma ngotshani okutshutshwa ngayo/ngabo
ubuhlalu uma kukhandwa ucu. Kule nkondlo imbongi inikeza umqondo wokusetshenzisiswe
ngesikhathi kwakhiwa lolu cu./imbongi isitshela ukuthi lolu cu lwakhiwe ngani. Lolu zi
luxhumanisa izithandani okuveza isimo sokubambana kwabantu abasothandweni okwenza
kube nobudlelwane obuhle phakathi kwabo.
Iminjunju yothando- imbongi igcizelela umoya wothando olukhulu futhi
olungenamkhawulo olwalukhona ngesikhathi kuthungwa ucu.
Kutshutshwa -Ukuthunga usebenzise intambo eyelukwe ngotshani uyifake ebuhlalwini.
Imbongi igqamisa umoya wokuzinikela ngothando othandweni eluzwa ngaphakathi.
Ibinza lesi-2
Umhlanganisi nomxhumanisi- Ukuletha ubumbano phakathi kwabantu abathandayo
okuveza ubunye nomoya wothando.
Isibopho sezifungo-isivumelwano esingenakunqamuka kalula esiqinisekisa
ukuzibophezela kulabo abasenzile. Lokhu kukhuthaza umoya wothando
olungenamkhawulo phakathi kwalabo abathandanayo.

120
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
Isizinda sezinhliziyo-Umsuka wento/ umongo. Kule nkondlo imbongi igqamisa umsuka
womoya wothando lwababili. Lolu thando lusuka ekujuleni kwezinhliziyo
zabathandanayo/zabo.

Ibinza lesi-3
Ukuphatha gadalala-Ukuphatha ngokunganaki/ Ukuphatha budlabha. Imbongi ichaza
ukuthi uma abantu ababili sebethandana kumele baluphathe kahle uthando lwabo futhi
baluhloniphe.
Inhlakanhlaka -Okuhlakazekile okungamile ngononina/ okungaqoqekile. Othandweni
kulindekeke ukunakekelana nokwazisana. Kusivezela umoya wothando okhomba
ukwazisa okuyigugu kuwe.
Ukuchitheka kophoko-ukonakala kwezinto kade kuthiwa sezilungile. Imbongi igcizelela
ukuziphatha kahle othandweni ngoba uma ungaziphethe kahle ungaliwa.

Isiphetho
Imbongi iphumelele kahle ekukhetheni amagama agqamisa umoya wale nkondlo
okuwuthando.

9. Zingqwele ze-Afrika – Imbongi Ayaziwa

UMSEBENZI 1
1. Tomula ubuye ugagule ukunkondloza okutholakala emgqeni woku-1 nowesi-2. (2)

2. Xoxa kafushane ngomqondo oqukethwe yile nkondlo. (2)

3. Chaza umoya otholakala kule nkondlo. (2)

4. Hlaziya inhloso yokusetshenziswa kwefanamsindo elitholakala emgqeni we-13 (2)


kanye nakowe-14 .

5. Phawula ngokhono le mbongi ukwethula isigqi sale nkondlo (2)

121
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

IZIMPENDULO
1. ● Imvumelwano siqalo
3. Umhlaba uzolile,
4. Uhloniph’ izingqwele,

Imvumelwano sgcino
3. Umhlaba uzolile, (2)
4. Uhloniph’ izingqwele,

2. Imbongi ikhuluma ngezingqwele ze-Afrika ukuyiqembu lomculo wesintu


iSankomota ukuba liqhubeke nokucula umculo walo omnandi. Ibeka ukuthi umculo
walo uthokozisa abantu abaningi zinkalo zonke. Yingakho nje imbongi leli ilibiza
ngokuthi liyizingqwele zase-Afrika. Umculo waleli qembu uwungqambothi. (2)

3. Umoya otholakala kule nkondlo owokuncoma. Imbongi income igalelo leqembu


iSankomota ekusethuleleni umculo omnandi. Umculo waleli qembu wenza ukuba
abantu abaningi bazizwe bejabulile uma belalele umculo walo. (2)

4. Inhloso yembongi yokusebenzisa ifanamsindo likangwaqa ‘hl’ ukugqamisa


ukunconywa komsebenzi weSankomota ukuthi asiqhubeke sicule umculo omnandi
ohlokoma njengomculo wamahlokohloko ehlobo.

13. Ehlokoma namahlokohlok’ ehlobo, (2)

14. Kuhlakul’ ubuhle bomhlaba.

5. Imbongi iphumelele kahle ukwethula isigqi sale nkondlo. Isigqi sale nkondlo
siyashesha ngoba inkondlo inomoya wenjabulo futhi le nkondlo inyancoma incoma
umsebenzi omuhle weqembu leSankomota. (2)

122
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

UMSEBENZI 1

Ake uncome ikhono lembongi lokusebenzisa imifanekisomqondo ukugqamisa indikimba


yale nkondlo. Impendulo yakho kumele ibe phakathi kwamagama ayi-190 kuya kwengama-
240. [10]

IMPENDULO
ISINGENISO
Imifanekisomqondo kuba yilawo magama asetshenziswe imbongi enkondlweni ukwakha
umfanekiso emqondweni njengokusebenza kwawo enkondlweni. La magama abanye
bawabiza ngezithombemagama. Imifanekisomqondo ingahlukaniswa kathathu:
● Imifanekisomqondo/izithombemagama kungazala izinzwa (inzwa yokubonakalayo,
yokuthintintekayoa yokunambithekayo, yokulalelelekayo kanye neyokuhogelekayo)
● Izifenqo ezithile, isibonelo: ukwenzasamuntu, ukwenzasasilwane, isingathekiso,
isifaniso, indida, okzimoroni, njl.
● Izimo zokukhuluma okungaba izaga nezisho ezithile kanye
● Nolimi olunothile- amagama acebile/anothile.
Indikimba yale nkondlo amaqhawe.

UMZIMBA

o Umfanekisomqondo wokuthintekayo

5.Nenhliziy’ edabukil’ ithinteke,

Lapha imbongi isebenzise umfanekisomqondo wokuthintekayo. Kepha ibhekise


ekuthintekeni kwenhliziyo ngenxa yomculo omnandi osuke uculwa yileli qembu
leSankomota.

o Umfanekisomqondo wokubonakalayo

10.Umhlab’ uzohloba ngengubo yothando,

Lapha imbongi igqamisa ukuthi umhlaba uzoba muhle kangakanani uma abantu sebelalele
lolu ngqambothi lomculo bese kwakheka uthando. Uthando luzohlobisa umhlaba ube muhle.
Kwakheka umfanekiso womhlaba omuhle onokuthula ngenxa yothando oluzobe lulethwe
umculo waleli qembu iSankomota.

o Umfanekisomqondo wokuzwakalayo

11.Kukikizwe kuchwaze,

Kuzozwakala umsindo wokuhalalisa ngenxa yomculo owethulwa yileli qembu leSankomota.


Abantu abaningi bazojabula uma bezwa umculo oculwa yilezi zingqwele zase-Afrika.

123
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

16.Ngizw’ amaphimb’ avuma kamnandi


Lapha kukhona umfanekisomqondo wokuzwakalayo lapho kuzwakala umculo owethulwa
iqembu iSankomota. Akuwona nje umculo noma yimuphi kepha wuhlobo lomculo omnandi
oculwa yileli qembu.
Isb.
23. Zasholo phansi kamnandi,
Kusho ukuculela phansi kungamemezwa kepha lolu ngqambothi lube luzwakala kamnandi.

o Umfanekisomqondo wokubonakalayo

22. Nazo sezikhophozel’ izingqwele,


Umfanekisomqondo wokubonakalayo lapho kubonakala leli qembu licula lidlisela esiteji
abantu bebukela.

o Umfanekisomqondo wokuhogelekalayo

28. Iphunga lothando lagcwal’ umhlaba.


Iphunga elimnandi libhekiswe kumculo omnandi ofaniswa nephunga elimnandi eseligcwele
umhlaba wonke. Lokhu okusho ukuthi umculo wabo omnandi ususabalele umhlaba wonke.
Yonke le mifanekisomqondo etholakala kule nkondlo ikwazile ukugqamisa indikimba
bala maqhawe eqembu lomculo iSankomota
ISIPHETHO
[10]
Imbongi iphumelele kahle ukuveza imfanekisomqondo egqamisa indikimba
yenkondlo ethi amaqhawe.

10.We Sinximfi Ndini! - M.S.S Gcumisa


UMSEBENZI 1

1. Tomula ubuye ugagule uhlobo lwemvumelwano etholakala ebinzeni loku-1. (2)

2. Fingqa umqondo oqukethwe yile nkondlo. (2)

3. Chaza umoya otholakala kule nkondlo. (2)

4. Ngabe uthini umyalezo odluliswa imbongi kule nkondlo? Sekela impendulo yakho. (2)

124
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5. Ngokucabanga kwakho kungani imbongi isebenzise isimo sokukhuluma


esitholakala emugqeni wama-35 kuya kowama-36? Sekela impendulo yakho.
(2)

IZIMPENDULO

1. 3. Uyisigqila somona,
4. Umon’ ongumthakathi.
Imvumelwano siqalo (2)

2. Imbongi kule nkondlo ikhuluma ngabantu abanomona. Imbongi iyabagxeka laba


bantu ngoba akukho bona abakwenzayo. Bayahlala nje bagxeke okwenziwa
abanye abantu. Luze lufe lungenalutho ngoba esikhundleni sokuthi lwenze noma
lulibala ukunaka okwenziwa abanye abantu. (2)

3. Le nkondlo iqukethe umoya wokugxeka. Imbongi igxeka umona owenziwa yilo


muntu embiza ngesinximfi. Iveza ngokusobala ukuthi lo muntu akafuni ukubona
abanye abantu bephumelela. Kanti yena uhlezi nje uthe dekle akenzi lutho. (2)

4. Imbongi idlulisa umyalezo wokuthi abantu akumele bahlale basonge izandla


bengenzi lutho. Lokho kubenza balibale ukugxeka izinto noma imizamo eyenziwa
ngabanye abantu. (2)

5. Imbongi isebenzise isimo sokukhuluma esithi, abantu abayi nganxanye


bengemanzi. Lokhu kuchaza ukuthi abantu bayakwazi ukuba bahluke
ngokwemibono. Kanjalo nala enkondlweni akubona bonke abantu
abayohambisana nalo muntu olibele ukugxeka abanye abantu. Yena ebe ehleli (2)
phansi engenzi lutho.

UMSEBENZI 2
Ake uncome ikhono lembongi lokusebenzisa ubuciko bokubumba isakhiwo sangaphandle
sale nkondlo. Impendulo yakho mayibe ubude bamagama ayi-190 kuya kwangama-240.
Impendulo yakho mayibhalwe njenge-eseyi.

IMPENDULO
ISINGENISO
Isakhiwo sangaphandle siwukubumbeka kwenkondlo ngokwamabinza, imigqa, izimpawu
zokuloba, ukuxhumana, imvumelwano, isizura, impindwa, ukuphindaphinda, i-enjambanenti
kanye nefanamsindo. Konke lokhu okubalulwe ngenxa kusetshenziswe ngenhloso
yokuphumelelisa umqondo.

125
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

UMZIMBA
Le nkondlo inamabinza ayi-10. Ibinza ngalinye linemigqa emi-4. Kule nkondlo
kusetshenziswe izimpawu zokuloba eziveza imigqa eminingi evalekile kanye nembalwa
evulekile okugqamisa umqondo wenkondlo
Isb.
1. Qhumuk’ uhleke
2. We Sinximfi ndini!
3. Uyisigqila somona,
4. Umon’ ongumthakathi.

UKUXHUMANA
Ukuxhumana okusekuqaleni kuyatholakala emgqeni we-11 nowe-12
Isib.
11.Uyozuf’ usong’izandla’
12.Uyozuf’ ungahlabananga.

Ukuxhumana okusekuqaleni kuyatholakala emgqeni wama-31 nowama-32


Isib.
31.Uthi kulele ngakunye
32.Kanti kulele ngakubili,

IMVUMELWANO
Imvumelwano siqalo iyatholakala emgqeni wesi-3 nowesi-4
Isb.
3. Uyisigqila somona,
4. Umon’ ongumthakathi.

Imvumelwano maphakathi iyatholakala emgqeni wesi-3 nowesi-4


Isb.
19. Wen’ obon’ olwam’ ugongolo’
20. Ucashelw’ olwakh’ usibi.

126
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

I-Enjambamenti
Itholakala emgqeni wama-27 kuya kowama-28
Isb.
27. Uthi lala lulaza
28. Bayokwengul’ abakwengulayo.

Ifanamsindo
Sithola ifanankamisa emugqeni wama-38
Isib.
38. We Liphixiphixi ndini!

ISIPHETHO [10]
Imbongi iphumelele kahle ukusebenzisa ikhono loubuciko ukuveza ukubumbeka
kwesakhiwo sangaphandle sale nkondlo. Amasu angenhla yiwona asibumbele isakhiwo
sangaphandle.

11. Ithala Lobunzulu- E.J Mhlanga


UMSEBENZI 1

1. Nikeza indikimba etholakala kule nkondlo. (1)

2. Xoxa kafushane umqondo oqukethwe yile nkondlo. (3)

3. Qhathanisa umqondo oqukethwe umugqa we-16 kuya kowe-17 kanye nendikimba (2)
yale nkondlo.

4. Chaza ukusetshenziswa kwe-enjambamenti etholakala emgqeni wesi-6 kuya (2)


kowesi-8..

5. Phawula ngomqondo oqukethwe umugqa wama-20 kuya kowe-21. (2)

127
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

IZIMPENDULO

1. Le nkondlo iqukethe indikimba yemfundo. (1)

2. Kule nkondlo imbongi yakha ubudlelwano obukhona phakathi kwemfundo kanye


nesibani esibiza ngobhaqa. Iphawula ukuthi lolu bhaqa yilona olukhanyisela isizwe.
Isikhathi sokulwa kusetshenziswe imikhonto sesiphelile, sekudingeka ulwazi (3)
olutholakala emfundweni. Le Mfundo ifaniswa nomthombo ongavimbeki.

3. Umqondo oqukethwe umugqa we-16 kuya kowe-17 owokugqugquzela abantu


ukuba bayeke ukulwa besebenzise izikhali ngoba isikhathi sakho sesiphelile.
Esikhathini samanje sekumele abantu bagxile emfundweni ngoba sekuyisona
sikhali sanamuhla okuyoqotshwa ngaso. (2)

4. Le enjambamenti imbongi iyisebenzise ukugqamisa ukuthi lowo onesifiso


sokuyothola ulwazi ezikhungweni zemfundo ephakeme usengakwazi ukukwenza
lokho. Igcizelela nokuthi kulezi zikhungo zemfundo ephakeme abantu bafike
bathole ulwazi oluzobenza bahlakaniphe. (2)

5. Imbongi ikhuluma ngokuthola ulwazi olusele lwemfundo ukuze kuzokwazi ukuba


kusizakale isizwe. Uma abantu sebefundile bayokwazi ukuba baphile isikhathi
eside ngenxa yokuthi kuzoba sekukhona okungabasiza ukukwazi ukuba baphile. (2)

UMSEBENZI 2
Phawula ngekhono le mbongi ekukhetheni amagama agqamisa indikimba yale nkondlo.
Impendulo yakho mayibe ubude bamagama ayi-190 kuya kwangama-240. Impendulo yakho
mayibhalwe njenge-eseyi.

ISINGENISO
Ukukhethwa kwamagama kusho amagama asetshenziswe yimbongi angajwayele
ukusetshenziswa esimeni senkulumo yemihla ngemihla. Indikimba ingumongo noma
umgogodla wenkondlo. Indikimba yale nkondlo imayelana nemfundo (emazingeni
aphakeme).

UMZIMBA
La magama alandelayo akhethwe yimbongi agqamisa indikimba emayelana nemfundo.

Izixhokolo- Isixhobo/ iqoqo elikhulu lamatshe. Imbongi igqamisa izinkinga ohlangabezana


nazo emfundweni ezikuvimbela inqubekela phambili.

128
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

Izinkelekethe- Indawo eyiwa eme yabheka phezulu/ Iwa noma indawo embi eme yashona
phansi ibanga elide. Izinkinga ezingavezi ukuthi zizophela nini kuloyo osuke efunda. Konke
kubukeka kunzima kanjalo nebanga okusamele alihambe emfundweni lilide.

Ukugeza ngencokazi- Isimo sezulu sisuke sisihle ilanga liphumile labalele kungenamafu.
Isimo sezulu esihle esikhombisa ukubuya kwethemba kanye nempumelelo kuloyo ofundayo.

Ukuchicha- ukugcwala/ ukuchichima. Imbongi iveza ukuba nolwazi oluningi osuke uluthole
esikhungweni semfundo ephakeme.

Ubhaqa- isibani/ utshani obuqinile/ uqunga. Imbongi iveza ukukhanya nokubuya


kwethemba okugqamisa ukubaluleka kokucabangela ingomuso ukuze uzoba nekusasa
eliqhakazile.

Ithala/ Ephanda- indawo ephezulu endlini yesizulu lapho kubekwa khona imikhonto.
Imikhonto eminingi ecitshwe kanyekanye.
Ugqinsi Ubungako bento ngokusinda kwayo. Imbongi isivezela indlela ebengenalwazi
ngayo lo ofundayo. Bekugcwele inkungu ingazi lutho.

Uquqaba- iningi/ abantu abaningi. Imbongi ibhekise kubantu noma abafundisi abayisizayo
ukususa ukungazi okugcwele egqondweni yayo.

Unwele olude- impilo ende/ ukufisel’ ukuphila isikhathi eside

ISIPHETHO
Imbongi iphumelele kahle ukukhetha amagama agqamisa indikimba yale nkondlo.
Amagqama asetshenzisiwe ayayigqamisa indikimba emayelana nemfundo.

129
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

12. Imvelo – K.N.N Gcumisa

UMSEBENZI 1

1. Tomula ukuxhumana okutholakala ebinzeni loku-1. (2)

2. Chaza kafushane ukuthi kungani imbongi isebenzise imvumelwano siqalo (2)


etholakala emugqeni we-11 kuya kowe-12.

3. Chaza umoya oqukethwe yile nkondlo. (2)

4. Ucabanga ukuthi kungani imbongi isebenzise isimo sokukhuluma esitholakala (2)


emugqeni we-15.

5. Phawula ngethoni equkethwe umugqa we-18 kuya kowama-22. (2)

IZIMPENDULO

1. Ukuxhumana okutshekile
3.Ngizw’ amehl’ ami ehungeka,
4.Ehungwa uthando lwemvelo
Ukuxhumana okutshekile
4.Ehungwa uthando lwemvelo (2)
5. Imvelo eyadalwa nguMdali.

2. Imbongi isebenzise le mvumelwano siqalo ukugqamisa ukuthi ikhuluma ngayo,


hhayi omunye umuntu. Isebenzise isiqalo u ‘Ngi…’ ukugcizelela uthando enalo
ngemvelo futhi seluthanda ukukhula . (2)

3. Umoya otholakala kule nkondlo uxubile. Kuqala kuvele umoya wokuncoma noma
ukujabula lapho imbongi income ubuhle bemvelo. Ikhuluma ngezilwane
ezitholakala esibhakabhakeni, izimila kanye nemvelo efana nezintaba.
Iphinde iphatheke kabi uma ibona kukhona abantu abanukubeza imvelo. Ibona
sengathi lobu buhle buzoshabalala. (2)

4. Imbongi isebenzise ukwenzasamuntu, ‘ukutshakadula.’ lokhu okukhomba


ukujabula uma imbongi ibona imvelo iyinhle. Ijatshuliswa ukubona ubuhle
obukhonjiswa yimvelo. (2)

130
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5. Imbongi isebenzise ithoni yokunengwa. Inengwa abantu abacekela phansi imvelo,


bengabukuboni ukubaluleka kwayo. Lokhu yikona okwenza umzimba wayo
imbongi ithuthumele. (2)

UMSEBENZI 2
Xoxa ngokuphumelela kwembongi ngekhono lokusebenzisa ubuciko ukugqamisa isigqi sale
nkondlo. Impendulo yakho mayibe ubude bamagama aphakakathi kwayi-190 kuya
kwangama-240. Impendulo yakho mayibhalwe njenge-eseyi.

Isigqi

Umgqumo othile wenkondlo olethwa umoya wenkondlo, ukuhleleka kwemisindo


namagama, ubude bemigqa nezimpawu zokuloba kanye isakhiwo senkondlo, Isigqi
singashesha noma sinense. Izibonelo: Inkondlo yesililo inesigqi esinensayo ngoba
kuyalilwa. Inkondlo eveza imizwa yenjabulo inesigqi esisheshayo ngoba kujatshulwe

Isigqi sale nkondlo siyanensa ngoba imigqa yakhona mide futhi ivalekile nakuba imbongi
incoma ubuhle bemvelo obutholakala emhlabeni wonke. Ikhombisa ukuthatheka yilobu
buhle bemvelo ebubonayo. Ibala izidalwa ezahlukahlukene zemvelo ezitholakala kuwo
wonke amagumbi imhlaba:
Isb.
● Esibhakabhakeni kutholakala izinyoni
● Imihlambi yezinkomo

IMIGQA

Le nkondlo yakhiwe yimigqa enamagama amathathu, amane kanye namahlanu.

● Imigqa eyakhiwe ngamagama amane

Isib.

3. Uma ngiphakamis’ amehlo ami


4. Kuwo womane amagumb’ omhlaba,
● Imigqa eyakhiwe ngamagama amathathu

Isib.

131
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

4. Ehungwa uthando lwemvelo


5. Imvelo eyadalwa nguMdali.

Umugqa owakhiwe ngamagama amahlanu

Isb.
8. Lapho ngehlisel’ amehlo ami emhlabeni,

UMOYA WENKONDLO
Umoya wale nkondlo uxubile. Ngasekuqaleni kwale nkondlo kukhona umoya wokuncoma.
Imbongi incoma ubuhle bemvelo obutholakala kuwo wonke amagumbi omhlaba. Incoma
ubuhle obutholakala esibhakabhakeni, ubuhle bemvelo obutholakala emhlabeni.

Ebinzeni lokugcina imbongi igxeka abantu abangayinakekeli imvelo. Laba bantu bayicekela
phansi, bangakhombisi nembeza.

ISAKHIWO SANGAPHANDLE

● UKUXHUMANA
Ukuxhumana kusho ukufana kwamagama, umsuka noma iziqu emigqeni elandelanayo.
Lokhu kuvamise ukuba umbhali wenkondlo akusebenzisele ukugcizelela noma ukugqamisa
okuthile okungahambisana nokushiwo yinkondlo noma umoya wenkondlo.

● Izinhlobo zokuxhumana
o UKUXHUMANA OKUTSHEKILE
3. Ngizw’ amehl’ ami ehungeka,
4. Ehungwa uthando lwemvelo

Lokhu kuxhumana kuqgamisa umqondo wokuthatheka kwembongi ikhangwa imvelo

o UKUXHUMANA OKUTSHEKILE
4. Ehungwa uthando lwemvelo
5. Imvelo eyadalwa nguMdali.

Lokhu kuxhumana kuqgamisa umqondo wokuthatheka kwembongi ikhangwa imvelo

132
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

IMVUMELWANO

Ukuvumelana kusho ukufana kwamalunga emigqeni elandelanayo. Ngasekuqaleni


kwegama unkamisa angaba yilunga kanti ngeke akwazi ukuba yilunga ngasekugcineni
kwegama.

o Imvumelwano siqalo
Isb:

11. Ngiluzwe uthando lwemvelo lwenyuka.


12. Ngiqalaze ngibon’ ubuhle bezintaba zezwe,

Le mvumelwane igqamisa ukwenyuka kothando lwemvelo.


Isb:

21. Bebhubhisa ubuhle bezwe bengezwa,


22. Bengezwa kwabumnandi bokubusiseka,
23. Bengazi nanyaka ngokungehla

Le mvumelwano kule migqa iveza imizwa yokudinwa kwembongi yindlela abantu


ababhubhisa ngayo imvelo.

IMVUMELWANO MAPHAKATHI

Isb:

4. Uma ngiphakamis’ amehlo ami


5. Kuwo womane amagumb’ omhlaba,
6. Ngizw’ amehl’ ami ehungeka,
Le mvumelwano maphakathi iletha umqondo wokuthatheka kwembongi ithi uma ibheka
kuwo wonke amagumbi omhlaba ichazwa ubuhle bemvelo.

133
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

I-ENJAMBAMENTI
I-enjambamenti iso lobuciko lapho kuba khona umugqa ovulekile kanye novalekile.
Imvamisa kudalwa ukuba umqondo womungqa uphelela emgqeni olandelayo ovalekile.
Isb:
3. Uma ngiphakamis’ amehlo ami
4. Kuwo womane amagumb’ omhlaba,
Le enjambamenti iletha umqondo wokuthatheka kwembongi ithi uma ibheka kuwo
wonke amagumbi omhlaba ichazwa ubuhle bemvelo.

Isb.
11. Ngiluzwe uthando lwemvelo lufukuka
12. Ngitshakadule njengenkonyan’ ibon’ unina,

Le enjambamenti igqamisa indlela imbongi ezizwa ngayo uma ibona imvelo itshakadula
njengenkonyane.

134
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

ISAHLUKO SESI-5

INKONDLO ENGAMISELWE

UMSEBENZI 1

UMZUZWANA OWODWA – EJ Mhlanga

Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.

UMBUZO 5: UMBUZO OMFUSHANE

1. Nkosi ngisize, ngiqinise,


2. Ngiph' umzuzwana owodwa
3. Nje, Nom' umzuzwana kuwena
4. Uyiminyakanyak' engabalwa,
5. Ngenyule kuleli fokozana
6. Elifuswa yisisi senzondo,
7. Ngiqinis' ungiph' amandla
8. Nanxa sebengivukel' abakwethu,
9. Bengigenca ngezimbemba zomona,
10. Bengisunduzel' eweni lokufa:
11. Ngifez' owangijubela khona,
12. Lokh' umngenandlini
13. Uyafuneka,
14. Sengibhekene nesihlalo sakho.

UMBUZO OMFUSHANE

5.1 Nikeza ukuxhumana okutholakala emigqeni emi-4 yokuqala yale nkondlo (2)
bese usho uhlobo lwakho.

5.2 Chaza kafushane umoya otholakala emgqeni wesi-5 kuya kowesi-6. (2)

135
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5.3 Ngabe ukusetshenziswa kwe-enjambamenti emgqeni wesi-7 kuya kowesi-8 (2)


kukwelekelele kanjani ukuqonda le migqa?

5.4 Chaza ukusetshenziswa kwemvumelwano emgqeni wesi-9 kuya kowe-10. (2)

5.5 Xoxa ngempumelelo yembongi ekugqamiseni indikimba yale nkondlo. (2)

[10]

IZIMPENDULO ZOMBUZO OMFUSHANE

UMZUZWANA OWODWA – EJ Mhlanga

5.1 2.Ngiph' umzuzwana owodwa nje,


3.Nom' umzuzwana kuwena
Ukuxhumana-maphakathi
(2)
[Nikeza amamaki amabili uma enikeze ukuxhumana washo nohlobo lwakho]

5.2 Le migqa igqamise umoya wokucela/wokunxusa. Imbongi inxusa iNkosi ukuthi


yelekeleleke iphume ezinkingeni ekuzo zokungathandeki.
(2)
[Nikeza amamaki amabili uma ewuchazile kafushane umoya]

Ukusetshenziswa kwe-injambamenti kukhombise ukuthi umqondo womugqa


wesi-7 uphelele emgqeni wesi-8. Le migqa ingelekelele ukuba ngiqonde ukuthi
5.3
imbongi ifisa ukunikwa amandla ukuze ikwazi ukubhekana nezinkinga
eziyikhungethe njengoba ingalutholi usizo kwabakubo/emndenini wayo.
[Nikeza amamaki amabili uma evezile ukuthi ukusetshenziswa kwe-enjambamenti (2)
kwelekelele kanjani ukuqonda imigqa]

5.4 Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo u 'be' ukuletha umgqumo nomculo


omnandi nokugcizelela ukuhlushwa kwembongi ngumndeni wayo/izihlobo
ziyidicilela phansi imbongi/zifisa nokuthi ife.

(2)
[Nikeza amamaki amabili uma echaze umsebenzi wemvumelwano]

5.5 Imbongi iphumelele kahle ukugqamisa indikimba yenkolo/yomthandazo. Imbongi


ifisa ukuthi iNkosi iyinike isikhashana sokufeza imisebenzi ebekelwe yona yize
136
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO
kunobunzima endleleni yayo kuze kufike usuku lokuhamba emhlabeni ikwazi (2)
ukubhekana neNkosi uma eseyibizile nekwenzile isaphila.
[10]
[Nikeza amamaki amabili uma exoxile ngempumelelo yembongi ekugqamiseni
indikimba yenkondlo]

UMSEBENZI 2

UMBUZO OMFUSHANE

Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.

NAMHLANJE USUBUYA NGEBHOKISI – ASM Zuma

1 Ngangikutshela mntanami,
2 Ngikuqeqesha ngazo zonk ' izindlela;
3 Ngikucongisa kuyo yonk' imiqansa;
4 Ngikuhlomisa ngazo zonk' izikhali;
5 Ngikuweza ngawo wonk' amazibuko:
6 Ngiyihawu lakho lensimbi
7 Kwinsunguz' emnyama,
8 Ngicongis' isibusiso sam' esivel' ezulwini:

9 Ngangingasoze mntanami ngikulahle


10 Ngoba nanini ngiyakuzala;
11 Kulo mhlaba, ukhona ngami;
12 Uyigazi nenyama namathambo ami-

13 Kepha ngakulwa ngahluleka,


14 Waputshuk' ezandleni zami.
15 Kwathi ngoba waphuma
16 Wazididiyela nemihlambi yakozalusile,
17 Yabhuntsha eyam' imizamo nezeluleko –

18 Namhlanje usubuya ngebhokisi;


19 Usuyingcuba emehlweni ezulu
20 Elingadli mjwaqu.

21 Noma bengikuthanda mntanami.


22 Bengingekweseke kokunje.

[Icashunwe encwadini ethi, Usinga 1– NS Ntuli]

137
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

UMBUZO OMFUSHANE

5.1 Gagula isifengqo esitholakala emgqeni wesi-3, bese unika nencazelo yaso (2)
ngokwale nkondlo.

5.2 Chaza kafushane umoya oqukethwe ibinza lesi-3. (2)

5.3 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwano siqalo etholakala emgqeni (2)
wesi-2 ukuya kowesi-5?

5.4 Chaza ngokusetshenziswa kokuxhumana okutholakala ebinzeni lesi-2? (2)

5.5 Hlaziya ngokuhlolisisa ikhono lembongi lokusebenzisa amagama abhalwe (2)


ngokwehlukile ukwethula umqondo otholakala ebinzeni lokugcina.

[10]

IZIMPENDULO ZOMBUZO OMFUSHANE

5.1 Isingathekiso. √ Imbongi ingathekise ubunzima nezinkinga ngemiqansa. Imbongi


ichaza ukuthi umtanayo yayimelekelela kubo bonke ubunzima owayebhekana
(2)
nabo. √

5.2 Umoya wokubalisa/ khathazeka. √ Imbongi iyabalisa ngezenzo ezimbi ezazenziwa


ngumntwana wayo. Ithi konke eyayikwenza kwakungenxa yokuthi yayimthanda
njengomntwana wayo. Yayingeke imyekelele/ imbukelele kwakufanele imyale futhi
imqondise. √ (2)

5.3 Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo ‘Ngi’ ukuletha umgqumo omnandi/


osamculo. √ Imbongi ihlose ukugcizelela ukuthi ikhulkuma ngayo uqobo. /
igcizelela ukuthi yazama ngazo zonke izindlela ukufundusa ingane yayo indlela
yokuziphatha nokuyelekelela lapho ibhekene nobunzima. √ (2)

5.4 Imbongi isebenzise ukuxhumana okusekugcineni kwegama ‘ngami/ ami’ √ ukuletha


umgqumo omnandi ogcizelela ukuthi ikhuluma ngomntwana wayo ngqo hhayi
noma ngumuphi umntwana. √ (2)

138
MIND THE GAP- ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA IZINKONDLO UJU LWEZINKONDLO

5.5 Imbongi iphumelele ukusebenzisa amagama abhalwe ngokutshekile/


angumalukeke ukugqamisa isenzo esingesihle esenziwe ngumtwana wayo
nesiholele ekufeni kwakhe. Izenzo zomntwana bezingaqondile yingakho zibe
nomvuzo ongemuhle. √√ (2)

139
RUBHRIKHI YOLIMI LWASEKHAYA
ISIQEPHU A: IRUBHRIKHI YOKUHLOLA UMBUZO OMUDE WENKONDLO [AMAMAKI AYI-10]
Izinkomba Kuhle kakhulu Kuhle Kuyagculisa Akugculisi Akugculisi nhlobo
kahle
OKUQUKETHWE 5–6 4 3 2 0–1
-Ukuhunyushwa -Ukhombisa -Isihloko usihlaziye -Ukuhunyushwa -Akanalo nhlobo ulwazi
Ukuhunyush kwesihloko ulwazi ngesihloko ngokugculisayo kwesihloko akugculisi lwesihloko
wa okunzulu futhi usihumushe -Akhona amaphuzu kahle -Akukho nhlobo
kwesihloko -Amaphuzu amahle kahle amahle asekela isihloko -Kuthukela kuvela okuhambisana nenkondlo
Amaphuzu kakhulu ahlukene -Impendulo echaza -Amanye amaphuzu amaphuzu asekela -Ohlolwayo akanalo nhlobo
anobunzulu, ukusekela asekelwe kabanzi ngokwenelisayo asekeliwe kodwa isihloko ulwazi lwenkondlo.
kanye nokuqonda kubhekiswe enkondlweni -Amanye amaphuzu ubufakazi bubuye -Ulwazi
kabanzi ithekisthi. -Ulwazi oluhle anembayo kodwa bungagculisi kwenye lwenkondlo
kakhulu lwenkondlo. awasekeliwe onke inkathi alugculisi kahle.
6 AMAMAKI ngendlela elindelekile -Ulwazi lwenkondlo
-Ulwazi olugculisayo.
lwenkondlo luhle.
ISAKHIWO 4 3 2 1 0–1
KANYE NOLIMI -Isakhiwo esihleleke -Isakhiwo esihleleke -Kukhona nokho -Isakhiwo sikhombisa -Isakhiwo asihlelekile kahle
kahle kakhulu kahle futhi amaphuzu ukuhleleka kwesakhiwo amaphutha ezingeni neze
Isakhiwo, -Amaphuzu ahleleke ageleza ngokulandelana -Amaphuzu awagelezi lokuhleleka -Ulimi lunamaphutha amaningi
ukugeleza kahle kakhulu futhi kahle futhi awahlelekile -Amaphuzu awahlelekile kanye nesitayela esingagculisi
okuhlelekile athungelana kahle -Ukugeleza -Amaphutha olimi ngokugculisayo neze.
kwamaphuzu kakhulu kwamaphuzu ayingcosana, ithoni -Ulimi lunamaphutha
kanye nokwethula -Ulimi, ithoni kanye kuyalandeleka kanye nesitayela amaningi
Ulimi, ithoni nesitayela kukhombisa -Ulimi, ithoni kusetshenziswe -Ithoni nesitayela
kanye nesitayela ukuvuthwa komqondo, kanye nesitayela ngokugculisayo. akugculisi kahle.
esisetshenzisiwe kuyaheha futhi kushaya kuhle.
embuzweni emhlolweni
omude. -Ulimi, ukupelwa
kwamagama kanye
4 AMAMAKI nezimpawu zokuloba
akunamaphutha nhlobo.
ISAHLUKO SESI-5

UMLANDO WABABHALI KAFUSHANE

UMLANDOMPILO kaMhlonishwa Elphus Jaha Mhlanga


OkaKhabayo wazalelwa endaweni eyaziwa ngokuthi yiseMorgenzon ejwayeleke ngegama
laseMahasoni ephakathi kwe-Ermelo kanye neStanderton eMpumalanga. Le mbongi yabona
ilanga ziyi -13 kuSeptemba 1958. Ufunde eMagalelagase, eLisabe Primary eWattville, eEtwatwa
Secondary eWattville nase-Elukhanyisweni High eWitbank. Wathwasela ubuthisha eMgwenya
College of Education. Ufundise esikoleni seseLigugu High eDundonald kanye nase Etwatwa High
eWartville eBenoni.
Uthe angabeka phansi izintambo zokufundisa wasebenza njengekhansela kuMasipala wase-
Ekurhuleni kanti sikhuluma nje usenkampanini yakwa-Medupi Solutions eCrystal Park.
Usebhale izincwadi eziningi kakhulu ezinye zazo yilezi: Izingcula Zezimbongi, Izingcazi Zogqozi,
Izinduku zomsimbithi, Umqhele Wembeleko, Izinhlangu Zohlanga, Amadwala Ezimpophoma,
Ubulawu Bamathwasa, Inkondlo Yamanqamu nezinye. Kanti uhlele amaqoqo ezinkondlo
anjengalawa: Imithombo Egobhozayo, Uphondo Lwemikhosi, Unyatheliso, Izingqungqulu Zosiba,
Kusindwe ngobethole, Ziqubuka Olwandle. Ezinye zezinkondlo zisezincwadini ezihlelwe
ngabanye ezinye zazo yilezi: Intwasahlobo, Iminduze, Ihluzo 1,2,3, Izimbongi zohlanga 1,2,3;
Imvubelo, Izintaba Zokhahlamba, Ilembe Eleq’Amanye. Kamuva ubhale incwadi ethi: Ithemba
Lezizwe- Ibanga 9 kuya ku- 12.

UMLANDOMPILO kaDokotela B W Vilakazi


Udokotela Vilakazi wazalelwa endaweni ebizwa ngokuthi iGroutvile eNyakatho nesiFundazwe
sakwaZulu Natali. Wazalwa mhla ziyisi-6 enyangeni kaMasingana ngonyaka we-1906. Waziwa
njengengqalabutho ngoba nguye owaba nesibindi sokuzinikela emfundweni acabe indlela
eyayingakaze ihanjwe muntu omnyama phambilini. Yena waba nesibindi wagcina ephumelele.
UDokotela uVilakazi wabhala izincwadi nezinkondlo ngolimi lwesiZulu. Waba ngumfundisi wolimi
lwesiZulu ezikhungweni zemfundo ephakeme. Phakathi kwezikhungo ake afundisa kuzo
singabala ne-UNISA. Wadlula emhlabeni mhla zingama-26 ku-Okthoba ngonyaka we-1949.
Washiya eyibekile induku ebandla ngemisebenzi yakhe encomekayo esadla umhlanganiso
namanje.

UMLANDOMPILO kamhlonishwa J.M. Sikakane yingwazi esiyibekile induku ebandla


ngemisebenzi yayo emihle. Phakathi kwamagalelo ayo singabala,’ Ikhwezi likaZulu
nesichazamazwi asibhala ngokuhlanganyela nezinye izihlabani phakathi kwazo okukhona
noDoke CM.

UMLANDOMPILO ka Dokotela uSolwazi C. T. Msimang


USolwazi C.T. Msimang wafunda eThaleni B.C. School, waqhuba izifundo zakhe eMbizwe
Secondary School, wadlulela eTrans Africa College lapho aphothula khona izifundo
zikamatikuletsheni wase edlulela e - UNISA.
USolwazi Msimang wasebenza ezikhungweni ezahlukene zemfundo ephakeme okubalwa kuzo i
- UNISA ne University of Cape Town, imisebenzi yakhe ihlonishwa kakhulu. Ufunde wagogoda,
wacwaninga, washicilela nemibhalo eminingi ngolimi lwesiZulu. Imisebenzi yakhe ayenzile miningi
kakhulu kodwa singatomula “Akuyiwe Emhlahlweni” ngomunye wezihlabani eMzansi Afrika
oziqhenyayo ngazo. Ufunde wagogoda, wacwaninga, washicilela nemibhalo eminingi ngolimi
lwesiZulu. Wazalwa mhla zingama- 25 ku-Okthoba ngonyaka ka-1944. Wazalelwa eThaleni
Mission eNkandla.

UMLANDOMPILO kaMhlonishwa uMlindeli S.S. Gcumisa


UMlindeli Gcumusa wazalwa zingama-21 kuJuni 1943 kwaSwayimane esifundeni saseMshwathi
(New Hanover); uganwe nguMaGumede, banabantwana abathathu bamantombazane nomfana
oyedwa.
Izimpawu zokukhaliphela incwadi wazikhombisa esemncana ngoba esikoleni wayephephetheka
nje okungangoba yathi iphela iminyaka emihlanu engenile ezikoleni wayesephase uStd 6.
Ngemuva kweminyaka emibili engene eSecondary waphasa U-J.C. Isipho esingavamile leso.
Izinkondlo zikaMlindeli kazikhombisi ikhono lakhe lokusebenzisa ulimi lwesiZulu kuphela,
zikhombisa nokujula komqondo wokwazisa isizwe sikaZulu nesizwe sabamnyama jikelele.
Ngonyaka we-1981 kwashicilelwa ibhuku eliyiqoqo lezinkondlo zakhe ezingama-35 encwadini
esihloko sithi: Isilulu Semicabango. Kukhona izinkondlo ezinjengo:
● Ma-Afrika Amahle’;
● Kwelami Lenkaba’

Noma uNgwazi (abakwaGcumisa) angahaya inkondlo ethi:


● ‘Unobhutshuzwayo’
● ‘Bakuliphi Izwe’;
● Sihamba Sihlezi Ngiyinto Yokufika;
● Ngiyinto Edlulayo’,

Ingqikithi yale ncwadi yezinkondlo izwakala kungumthandazo wokukhipha umuntu omnyama


ekuhluphekeni. Kugqama kahle lokhu nxashana ufunda. Ezinkondlweni ezilandelayo ezithi:
● ‘Emapulazini’,
● ‘Khalima Nkomo Zulu’,
● Lowo-ke Ngumholi Weqiniso’,
● ‘Siphe Nathi Nkosi’.

Siyabonga-ke le nduku ayibeke ebandla engaqali; angithi waloba


● ‘Inkatha Yabaphansi’-Umdlalo
● Ezinye izinkondlo encwadini’Inkwazi’, Prof A.C Nkabinde
● Ezinye izinkondlo encwadini’Ugqozi 2’, Prof D.B.Z Ntuli

Sithi phambili Ngwazi! Silindele okukhulu ngawe.

You might also like