Download as docx, pdf, or txt
Download as docx, pdf, or txt
You are on page 1of 5

Igama :

Ukubhala Okuhlelekile
Thaskhi-3 Themu -1
Okuhlolwayo : Ukufundela Ukuqondisisa ( Umbhalo Ofundwayo)
Isamba : 40
Usuku: Ndasa 2024

Funda Lendaba Engezansi Ngokuqondisisa Bese Uphendule Imibuzo

Umngani othembekile.
“ Hhayi bo! Waba yinkomo edla yodwa nje Nompumelelo , kwenzenjani ? “ kubuza
uMakhosi kumfundi ayefunda naye Ibanga lesihlanu eSibomvini Primary School.
Wayexakwa ukuthi wayemazi uNompumelelo ukuthi wayengumngani omkhulu ka- Thulisile
njengoba wayesembona edabukisa nje , noThulisile wayesehambela kude naye.
“ Eyi , kulukhuni Makhosi . Ungibona ngihleli ngedwa nje angazi ukuthi ngizokwenzenjani
ngoba umngani wami ebengimthembile ungijikele” kubalisa uNompumelelpo amehlo ecweba
izinyembezi.
“ Ingabe nixatshwaniswe yini ngempela?
“ Uye wangihleba kwabanye abafundi ukuthi ngondliwa nguyena lapha esikoleni njengoba
abazali bami bengasebenzi. Lokho kungizwise ubuhlungu obukhulu ngase nginquma ukuba
siyeke ukuba abangani”.
Athule uMakhosi abuke le ntombazanyana esanda kufika lapha esikoleni azizwe eyidabukela.
Athi esuka abe ethi , “ Ungathanda ukuba ngumngani wami Nompumelelo?”
“Kona ngiyamdinga umngani kodwa sengiyesaba.” Khululeka Nompumelelo. Mina
ngakhuliswa kahle ekhaya. Ngafundiswa inhlonipho nokunakekela abantu. Ngizokhuluma
nomama ukuba angenzele imiphako emibili ukuze omunye kube ngowakho. Umama
unguSonhlalakahle , usiza abantu. Angawusiza umndeni wakini”
“ Ngiyabonga Makhosi. Ngempela ungumngani weqiniso”.

Imibuzo
1. Sithini isihloko salendaba?
(1)

2. Ngubani umlingiswa osemqoka kulendaba?


(1)
3. Ikhuluma ngani lendaba?
________________________________________________ (2)

4. Bekungubani umngani kaNompumelelo?


_________________________________________________ (1)

5. Uxatshaniswa yini nomngani wakhe?


__________________________________________________(2)

6. Ungazizwakanjani wena uma mngani wakho ehleba ngawe?


_____________________________________________________(2)
7. Ngabe isihloko siyahambisana yebo noma cha sekela impendulo yakho
_______________________________________________________________(2)

8. Nika incazelo yalezizimo zokukhuluma:


8.1.Ukuba yinkomo edla yodwa
______________________________________________________________(2)
8.2.Ukuba hlwempu
______________________________________________________________(2)

UMBHALO OBUKWAYO

Buka lesisithombe esingezansi bese uphendula imibuzo


Imibuzo
1. Nika lesisithombe isihloko.

____________________________________________________(1)
2. Bangaki abantu abasesithombeni?

______________________________________________(1)

3. Benzani?
___________________________________________________(2)

4. Hloboluni lwesidakamizwa abasiphuzayo?

_____________________________________________________(1)

5. Ngabe uyathanda yini ukuba nabangani abayiloluhlobo, yebo noma cha? Sekela
impendulo yakho.

_____________________________________________________________(2)

6. Ngokucabanga kwakho bakuphi laba abasesithombeni (esikoleni, ebhodlelasitolo,


ethaveni, esontweni)

_________________________________________________(1)

7. Kubalulekile ngani ukuzenqaba izidakamizwa?

__________________________________________________________________(2)

Izakhiwo Zolimu

Umbuzo 1
Khipha ibizo elijwayekile nebizoqho kulesi sigatshana:
“Eyi, kulukhuni Makhosi. Ungibona ngihleli ngedwa nje angazi ukuthi
ngizokwenzenjani”, kubalisa uNompumelelo amehlo ecweba izinyembezi.
a) Ibizo elijwayekekile: ________________________________ (1)
b) Ibizoqho: __________________________________________ (1)

Umbuzo2

Dwebela izenzo kulemisho elandelayo.


a) UMakhosi ufunda eSibomvini. (1)
b) UNompumelelo udinga umngani. (1)

Umbuzo3

Guqula lomusho ube senkathini edlule nezayo.

UThulisile uhleba uNompumelelo

a) _______________________________________________________________(2)

b) _______________________________________________________________(2)

Umbuzo 4

Fakela izimpawu zokuloba kulomusho ongezansi

“Hhayi bo! Waba yinkomo edla yodwa nje Nompumelelo, kwenzenjani”? (2)

Umbuzo 5
Nikeza incazelo yalesi sisho
a. Ukuba yinkomo edla yodwa.

_____________________________________________________ (2)
Umbuzo 6

Hlanganisa lemisho engezansi ngesihlanganiso osinikiwe ibe umusho owodwa.


a. Umama kaMakhosi ungusohlalakahle. Usiza abantu. (ngakho)

__________________________________________________________

_________________________________________________________ (2)

Umbuzo7

Bhala igama elimqondofana naleli:

a. ohlwempu- _________________________________ (1)

You might also like