Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 11

Inkulumo

elungiselelwe
IBANGA-10
22 KUMANDULO 2022
Imiphumela yesifundo

Uma kuphela lesi sifundo, kulindeleke ukuba


wazi:

• Ukuchaza ukuthi iyini inkulumo elungiselelwe.


• Izinyathelo ezithathwayo uma ulungiselela
inkulumo nokubaluleka kwazo.
• Umthelela wokungazilungiseleli ngokwanele.
Yini inkulumo elungiselelwe?

 Lolu uhlobo lwenkulumo lapho umuntu enikezwa


khona isihloko esithile kumbe azikhethele yena
isihloko esithile, alungise inkulumo azoyeyethula
ngaso ngosuku oluthile, endaweni ethile phambi
kwezethameli.
Izinyathelo zokulungiselela inkulumo:

1. Ukwenza amalungiselelo.

• Hlaziya/uhumushe isihloko.
• Qoqa amaphuzu ngesihloko.
• Wabhale phansi, uwahlaziye, ukhethe lawo
asemqoka ozowethula.
• Hlanganisa inkulumo yakho ephelele
uyilandelanise ngokwezihlokwana.
2. Ukuzilolonga.

• Kubalulekile ukuzilolonga ngaphambi kokuba


wethule inkulumo ukuze kugwemeke
amaphutha.
• Ifunde ngokuyiqondisisa inkulumo yakho.
• Bhala emakhadini amancane amagama
ozozikhumbuza ngawo.
Ake sikhulume…

Ucabanga ukuthi yini engakwehlela uma


ungazilolonganga ngokwanele?
3. Ukwethula.

• Yazi ukuthi uzokhuluma isikhathi esingakanani


ukuze ungeluli kakhulu noma ungabi mfishane
kakhulu.
• Inkulumo yakho mayihlukaniseke ngezigaba
ezintathu; isingeniso, umzimba, nesiphetho.
 Isingeniso.

 Ukubingelela.
 Uma ubingelela, ubingelela izethameli zonke
ngokwezigaba zazo.
 Zichaze ukuthi ungubani, uzokwethula
inkulumo emayelana nani.
 Bonga ithuba lokuthola ithuba lokwethula
inkulumo
 Umzimba.

 Ukwethula inkulumo.
 Isihloko osikhethile asihambisane nendikimba
yenkulumo.
 Yethula amaphuzu akho ngokulandelana ungawaxovi.
 Kumele ukhombise ukuzethemba ngoba lokhu
okwethulayo ukulungiselele.
 Amehlo akho kumele abheke ngqo izethameli.
 Sebenzisa ulimi olufanele oluhambisana nezethameli.
 Isiphetho.

 Phetha inkulumo yakho ngendlela efanelekile.


 Ushiye isifundo noma isiyalo.
 Ungasebenzisa izimo zokukhuluma
ezinjengezaga noma izisho.
 Bese ubonga ithuba.
Zinqunywa amakhanda ziyekwe!

You might also like