Download as doc, pdf, or txt
Download as doc, pdf, or txt
You are on page 1of 7

1

USUKU LOKULETHA UMSEBENZI : 8 APRIL 2024


IGAMA LEMOJULI : IsiZulu Education 3

IKHODI YEMOJULE : EDZU240

UMFUNDISI : Dr N. Ngcobo

IMODARETHA (UMHLELEMBI) : Dr S. Nsele

I-Asayimenti 1

Isihloko : Umfundi uzozikhethela isihloko


azobhala ngaso

Wenziwa ngubani : Umsebenzi womuntu ngayedwana

Amamaki : 100

IMIYALELO:
 Khetha umbuzo owodwa kule elandelayo bese ubhala indaba yakho eyi-iseyi,
enezihlokwana.
Umbuzo 1 Umbuzo 2
Iziguquguquli Zezenhlalo Ukuxoxa Indaba Okuxubile
Nezombusazwe Kule filimu iJerusalema sivezelwa
Kule filimu iJerusalema sivezelwa iziwombe ezahlukahlukene kepha
izigameko ezehlela abalingisi ngendlela eziholela ekukhanyiseni indikimba
ehlobene nokwenzeka ezimpilweni Zethu yefilimu.
ngamunye ngamunye. Ake uchaze ukuthi kuvela mifanekiso
Ake uchaze ukuthi le filimu ibasebenzise mini kulezi ziwombe eziphicene
kanjani abalingisi ekuvezeni isithombe zeJerusalema futhi lokhu kukuveza
2

njengoba sinjalo samazinga angxube kanjani ukubaluleka okujulile


ngokwezimo zenhlalo kanye kweziguquguquli enhlalweni yabantu
nezombusazwe edolobheni laseGoli? bakuleli dolobhakazi?

 Funda ama-athikhili ahlukene abhalwe ngabacwaningi emkhakheni wezemfundo


(academic articles) aphathelene namafilimu kanye naleli ofunda ngalo bese
usebenzisa ulwazi olutholile ukusekela impendulo yakho.
 Umsebenzi wakho kumele uveze lezi zihlokwana ezilandelayo:
1. Isingeniso:
Veza inhloso yalo msebenzi futhi uchaze ukuthi yini okubalulekile
okuzokhulunywa ngako kulo msebenzi. ½ ikhasi

2. Umzimba
2.1 Hlela umsebenzi wakho ngezihlokwana ukuveza ulwazi olutholile
ukuphendula umbuzo wakho. Uma uphendule umbuzo 1 izihlokwana
kungaba abalingisi okhuluma ngabo, uma uphendule umbuzo 2
izihlokwana kungaba yiziwombe. 3 amakhasi
2.2 Chaza kabanzi ngokukholakala kokwenzeka kuleli filimu ubhekise
kakhulu embuzweni owuphendulile. Chaza ukuthi okwenzekayo
efilimini kuyahambisana yini nenhlalo yangempela yaseNiningizimu
Afrika. 1 ikhasi

Qhakambisa lonke ulwazi olutholile, kubalwa nalolo oluthathe


emanothini, ngemithombo efanele usebenzise i-APA 7 th referencing
style futhi ngendlela efanele.

5. Isiphetho – songa ngamaphuzu ambalwa konke okubhalwe kulo


msebenzi usuwonke – ½ ikhasi.
3

Umthombo wolwazi – Nikeza uhlu lwemithombo yolwazi ekugcineni


futhi lubhalwe kulandelwe indlela ye-APA 7 th
referencing style.

 Bhala amakhasi ayisihlanu (5 wamakhasi) (ngeke kumakwe okweqe emakhasini


ayisihlanu, ungabalwa umthombo wolwazi; uhlakasikwele lokumaka; ikhasi
elimbozile; nekhasi lesifungo)
 Sebenzisa imithombo eyahlukene ukuhlanganisa ulwazi oluzokusiza ukubhala le
ndaba yakho eyi-eseyi.
 Ungakhohlwa ekugcineni ukuveza yonke imithombo yolwazi oyisebenzisile.
 Lo msebenzi kumele ubhalwe ngekhompuyutha bese ulethwa kuMfundisi uprintiwe.
 Ningakhohlwa yikhasi eliyikhava, isifungo ngobumnini bomsebenzi, uhlakasikwele
lokumaka, nokunye.
 Sebenzisani i-Arial, usayizi 12 ukubhala umsebenzi.
 Olayini nibahlukanise babe ngu-1.5.
 Kuphoqelekile ukuthi abafundi bafake ama-in-text reference, balandele indlela
ye-APA 7th referencing style njengoba kuveziwe emanothini enu.

 Funda idokhumenti efakwe kuMoodle/Learn 2024 ukuze ubheke ukuthi i-APA 7 th


referencing style isebenza kanjani.
 Abafundi abangawafakanga ama-in-text reference bayothola amamaki
amancane kakhulu noma iqanda.

 Onke amakhasi mawabe nezinombolo zamakhasi (page numbers). Ungayifaka


nenombolo yobufundi kulelo nalelo khasi lomsebenzi wakho ngenhla noma
ngezansi.

 Kuphoqelekile ukuba umsebenzi wakho uphelekezelwe wuhlakasikwele


lokumaka (rubric).

UHLAKASIKWELE LOKUMAKA UMBUZO1/ UMBUZO 2


4

Faka ekugcineni komsebenzi wakho leli khasi. Umsebenzi ongenalo


uhlakasikwele lokumaka ngeke umakwe.

Isingeniso Umfundi ukwazile ukuveza inhloso yalo msebenzi/assignment (10)


futhi uchazile ukuthi yini okubalulekile okukhulunywe ngako
kulo msebenzi.
Uhhafu wekhasi kuphela
Ukuvezwa Umfundi ukwazile ukuchaza ukuthi umqondisi ubasebenzise (40)
kwabalingisi noma kanjani abalingisi ekuvezeni isithombe njengoba sinjalo
iziwombe efilimini samazinga angxube ngokwezimo zenhlalo kanye
nezombusazwe edolobheni laseGoli.

Umfundi ukwazile ukuchaza ukuthi kuvela mifanekiso mini


kulezi ziwombe eziphicene zeJerusalema futhi lokhu
kukuveza kanjani ukubaluleka okujulile kweziguquguquli
enhlalweni yabantu bakuleli dolobhakazi.

Kuyacaca ukuthi umfundi uzinikezile isikhathi wafunda


kabanzi imithombo yolwazi ngombuzo awuphendulayo.

Umfundi ukwazile ukuqhakambisa lonke ulwazi


alusebenzisile, kubalwa nalolo aluthathe emanothini,
ngemithombo efanele wasebenzisa i-APA 7th referencing style
futhi ngendlela efanele.

Amakhasi amathathu kuphela

Ukukholakala Umfundi ukwazile ukuchaza ukuthi okwenzekayo efilimini (30)


kokwenzekayo kuyakholakala futhi kuyahambisana nenhlalo yangempela
efilimini. yaseNingizimu Afrika.
Umfundi ukwazile ukusekela ngemithombo yolwazi impendulo
yakhe.

Umfundi ukwazile ukuqhakambisa lonke ulwazi


alusebenzisile, kubalwa nalolo aluthathe emanothini,
ngemithombo efanele wasebenzisa i-APA 7th referencing style
futhi ngendlela efanele.

Ikhasi elilodwa kuphela


5

Isiphetho sihle futhi sisonga ngamaphuzu ambalwa konke


okubhalwe kulo msebenzi usuwonke.
Isiphetho (5)
Uhhafu wekhasi kuphela

Izihlokwana Umfundi uzisebenzisile izihlokwana. /4/ (10)


zikhona;
Umfundi ubhale ngolimi oluhle olungenamaphutha kanye

Uhlaka; nohlelo lolimi okuyilona. Ukwazile nokusebenzisa ulimi


olunonile olunezimo zokukhuluma. /6/
Ulimi;

Okunye Ikhasi eliyikhava likhona. Kumele libe nayo yonke (5)


imininingwane ngesifundo kanye namagama nezinombolo
zokufunda zabafundi nesihloko somsebenzi /1/.

Likhona ikhasi lokufunga futhi lisayiniwe. Alihlanganiswanga


nekhasi eliyikhava. /1/

Uhlu lwemithombo yolwazi lukhona ekugcineni futhi lubhalwe


kwalandelwa indlela ye-APA 7th referencing style. /3/

ISAMBA: 100
6

ISIFUNGO NGOBUMNINI BOMSEBENZI

ISIFUNGO

Mina_________________________________________ (Igama nesibongo) ngiyafunga


ngiyaqinisa ukuthi lo msebenzi wenziwe yimina, ngiziqalele wona mina ngqotho zami,
futhi, angikaze ngiwuhambise noma yikuphi kwenye indawo eNyuvesi yaKwaZulu-Natali
noma kwesinye isikhungo seMfundo ngenjongo yokuthola umklomelo ngawo. Imibono
yonke equkethwe kulo msebenzi ingeyami ngedwa; lapho ngisebenzise khona imibono
yabanye abantu, ngikucacisile lokho ngendlela eyamukelekile nevumelekile.

Ukusayina: __________________________ Usuku: ______________________

(Wonke umsebenzi mawubhalwe ngekhompuyutha, ngisho nakho ukusayina. Uma


ungenayo i-electronic signature, yenze. Uma ungakwazi bhala ama-initial nesibongo.

Ikhasi eliyikhava ye-asayimenti (alibe sekuqaleni komsebenzi)


7

SCHOOL OF EDUCATION

Edgewood Campus

BACHELOR OF EDUCATION

IsiZulu Education Method 1 for SP- HL (EDZU213)

2024

Igama lomfundi nenombolo


yakhe yobufundi:_____________________________ _________________

Isihloko se-asayimenti:
___________________________________________________________________
___________________________________________________________________
_______________________________________________________

Igama lomfundisi: DR N Ngcobo

Wonke umsebenzi mawubhalwe ngekhompuyutha.

You might also like