Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 55

UBUCIKO BOMLOMO - IZINKONDLO

Isingeniso

Ziningi kakhulu izinhlobo zezinkondlo zomdabu eseziqanjiw e nezikho-


na, singeke sakwazi ukuzibala nokuzithinta zonke lapha. Singaphaw ula
nje ukuthi lezi zinkondlo zobuciko bom lom o kudala zaqanjwa kanga-
ngoba eziningi zazo azisaziwa ukuthi zaqanjwa obani, nini. Esahlukw eni
esedlule siphaw ulile ngobunjalo bobuciko bom lom o obeyeme ekuqa-
njw eni nasekudlulisw eni kw ezinto ngomlomo. Ziyaguquka futhi zikhule
ngandlela thize izinto zalo m khakha.

Em andulo kw akuhayw a izingoma, kukhuzw a izaga, kubongw a wena


m untu, am akhosi, izihlabani, izinsizw a, abafana abelusayo ngisho
nezilw ane imbala. Ubuciko obunobunkondlo bungabandakanya okunye
kw alokhu: imilolozelo, izilandelo, izihasho, iziqubulo, amahubo, imilozi,
izangelo, izithakazelo nezibongo ezinhlobonhlobo. O kusem qoka ngalobu
b u n k o n d lo ngum notho om k h u lu nam agugu akw aZ ulu esiw uthola
kubona. Am agugu kanye nom lando w am akhosi oselw a akw aZ ulu
utholakala ezibongw eni zawo. Kanti nezinkondlo eziningi zethu zesi-
manje zibunjw e zahlelwa ngendlela esuselw a ezinkondlw eni zomdabu.
Uma sesibhekisisa nakuzo izithakazelo zabantu abehlukene sihlangana
nem ilando kanye nokhulukhulw ane bazo. Kuthi nalapho sihlolisisa
am ahubo athile ezimpi sithole amagama am abutho nokunye.

45
O kuningi kobuciko bomlomo okufana nezinkondlo akwaziw a ukuthi
kw aqanjw a ngubani. Akum angalisi-ke ukuthi uthola izinhlobonhlobo
zo k u k w eth u la lokhu nak h u k u d lu lisw a ngom lom o okuthi kufika
kum untu w esibili now esithathu kube sekuguqukile. O kubalulekile
ngalezi zinkondlo zomdabu ukusebenzisa amagama ngendlela eletha
isigqi csim nandi nokusebenzisa im ifanekisom qondo enembayo.

Imilolozelo nezilandelo

Zozimbili lezi zinkondlo zomdabu zisetshenzisw a ukulolozela noma


ukuthunduzela um ntw ana. Umlolozelo uyisosha sokuthunduzela um-
ntw ana uma ekhala ukuthi athule noma kufunw a ukuthi alale. Ngakho
sivamise ukuba sifushanyana, siphindaphinde amagama noma izinhla-
mvu ezithile okuletha um gqum o w obunkondlo om nandi kanjena:

Thula-thula

Thula m ntw ana, thula thula.


Umama uyakubuya
EthweTumcaba!
Thula thula m ntw ana.
Thula thula ngan'encane!

Isilandelo sike sisetshenzisw e ukuthunduzela, um sebenzi ofanayo no-


wemilolozelo. Siye sehluke ngokuba ngum dlalo, odlalw a nangabantw a-
na asebethe xaxa lapho bezijabulisa, bechitha nesizungu. Sivamise
ukuhayw a yizingane ezim bili noma am aqem bu amabili enikezelana,
om unye ebuza abanye bephendula. Lokhu kuphendulana kuham bisana
nezwi eliguqukayo bese liletha isigqi esim nandi sobunkondlo ngoba
kube sengathi ngum culo. Kanti lapha sibuye sibone nokusetshenzisw a
kw em ifanekisom qondo. Indlela okudlalw a ngayo isilandelo sisidlulisela
esakhiw eni esinom buzo nem pendulo njengalezi njena:

Yeyi we mfana
Yeyi we mfana

46
Yeyi aph'am athole?
Yeyi akonina.
Yey'azodlani?
Yeyi um gqushum ba
Yeyi uw ubekephi?
Yeyi endlini kaGasa
Yey'uGasa athini?
Hhayi suka nje
Uvemvane luyavakasha,
Emagangeni imbuzikazi
Ithw el'um qheke
Omekle! Omekle!

Iziqubulo

Iziqubulo izinhlobo zezinkondlo zom dabu zihlanganisw e ndaw onye


ngoba omunye wem isebenzi yazo uyafana em phakathini. Angithi kuthi
lapho zihashw a zivuse am adlingozi enza ukubam bisana ngobunye.
Iziqubulo zisetshenzisw a ukuvusa ilukuluku lokubam bisana ngobunye
lapho kw enziw a um sebenzi othile. Kw esinye isikhathi ungelam ela
abantu bequkula ujantshi w esitim ela kungathi baphakam isa iphepha,
lokhu kw enziw a yisiqubulo abasihayayo. N akudala zazihaywa iziqubulo
lezi ubone am abutho equkula inyathi eyidephula kalula nje. Ubuciko
bolim i buhlala obala lapho zihashw a ngamazwi okungathi ayacula,
kanye namazwi anezifengqo kuw ona njengoba sibona kulezi ziqubulo
ezilandelayo.

Qubula zasha

Qubula! Zasha!
Ngithi: Q ubula bo!
Zasha! Zasha! Zavutha bo!
Insim bi kayigobi gobi bo!
Insim bi kayivumi!
Yithel'amanzi bo!

47
Hhawu suka mntanomliingu!
Um hlan'uyagoba! Insim b'ayigobi!
Phinde! Phinde! M lungu!
Qubula! Zasha!
Lagqwal'ithusi! Ngafa mina!
Qubula! Zasha!

Amaculo

K ukhona izinhlobonhlobo zamaculo om dabu okungaxoxw a ngawo


ngaphansi kobuciko bomlomo. Nala maculo angase abizwe ngamagama
ehlukene, kokunye kuye nangezigodi Iapho okukh u lu n y w a khona
ngawo.

K ukhona okuvam e ukubizw a ngam ahubo. A m ahubo la ahayelw a


ukuvusa usinga namadlingozi ahlukene. Amanye am ahubo adum e ngoba
aham belana nam akhosi oselwa athile. Elenkosi uShaka nje lithi:

UNdaba angazidla izw e lonke

UNdab' angazidl' izwe lonke


Izinkomo zamadoda
Um' engahle asiphake
O .. . h h o ...
K hethan' amagwala,
UNdab' an am ahele...

K ukhona am ahubo aculelw a im isebenzi eyehlukene. Ezinhlotsheni


ezikhona singaphaw ula am ahubo empi naw esizw e aculwa lapho ku-
phakw a impi iyohlasela, kukhona aw okuphum a inqina kanti amanye
awem cimbi ethile yesizwe efana noN om khubulw ane nje. Ake sibheke
am ahubo empi lana okuthi lapho ehayw a kuvuke usinga em abuthw eni,
azibone esem unye, esemele isizwe nem indeni yonke yaso. Izinsizwa
ezincane nezindala zibonakale nje ukuthi sezishiselwa yigazi, zigxuma
zibheka phezulu, zisikaza, zivika ubala. Kwesinye isikhathi am ahubo

48
aphelezelwa yizigubhu, konke lokhu kuvusa imizwa yobunye ema-
buthw eni, azizwe sekushisa igazi nakhu asefisa ukuthi ngabe aseba-
m bene ngezinqotho nezitha zawo. U buciko o b u k h u lu em ahubeni
b u lethw a yisilesi sigqi esilethw a u k u p h in d ap h in d w a kw am agam a
namazwi athile. Nazi izibonelo zamahubo empi lapho kuhlaselw a kanye
nahutshw a lapho impi seyibuya inqobile.

Ihubo Iokuphakw a kw em p i

W aqedaqed'izizwe,
Uyakuhlaselaphi na?
E! Uyakuhlaselaphi na?
E! - E! - E! - E!-
Uhlaselaphi na?
W ahlul'am akhosi,
Izwe ngelesil'indlovu
W anqoba amakhosi!
Ozizwayo kabuye,
A phinde kw aZulu
W aw el'uSuthu,
W awel'uM khom azi,
W awel'iM buluza!

Ihubo lem pi enqobile

Sayidudul' impi yethu!


Sayidudula, eyaya ye!
Impi! Eyaya ye! Eyaye!
Sayidudula le mpi, eyaye!
Impi eyaye! Sayidudula, eyaye!
Impi sayidudula, sayidudula bo!
Sayidudula! Dudu! Sayilahl' ethala!
Sayidudul' impi! Sayidudula bo!
Sayidudula nans' iyoshona ngale!

Nazi-ke izibonelo zam ahubo a h u tsh w a lapho k u p h u n y w a inqina,


kuyozingelwa. Ukuzingela lokhu kw akungum sebenzi om khulu em andu-
lo. Angithi amakhosi oselwa uqobo ayaye aphum e nam abutho ayozinge-

49
la. Yingakho-ke kw akuba nezingoma zakhona ezazenzelwa ukuvusa
usinga nesibindi em abuthw eni, kuthi lapho ephum a asukele phezulu.
Nakhona lapha akunabunkondlo obutheni ngale kw esigqi sokuphindw a
kw am azw i laphaya nalaphaya.

Iphum' inqina

Iyeya ye, e, iyeya ye!


Isivunguvungu sabovula,
Badedele bahambe;
Bemuka nazo, babuya nayo!
Thina sihlab'evukayo,
Siyek'enabile neleleyo!
Ayike, ayike! Eyaye!

Inyam azane

Inyam azan' ilele kuphi na?


Ngale kw entaba, em ahlathini!
Ngithi kuphi na m abutho?
Ngal' ehlathin' elimnyama!
A siqonde khona! Asiqonde khona!
N ant' ihlahla lenel' em hlane wayo!
Sayihlab' um hlane! Um hlan' obanzi!
Sadia! Sadia! Sadia bo!

Am ahubo esizwe aye ahayw e ngabantu bonke em icim bini yamasiko


ethile yesizwe. Amasiko emicimbi yesizwe ahlonishw a yiwo w onke
um untu ahlanganisa ukufezw a kw em icim bi eyenzelwa okunye kwalo-
khu: ukubonga, ukushw eleza kanye nokucela okuye kuxhum ane nga-
ndlela thize nabadala abangasekho em hlabeni. KwaZulu kusetshenzisw a
igama lamadlozi. Amadlozi angabantu abadala abahlonishw a kakhulu
lapho kw enziw a imicim bi yezenkolelo yesizwe, nakhu aze ahlatshelw e
nokuhlatshelw a. Kanti kw esinye isikhathi uthola kuhutshw a am ahubo
lapho intom bi iphum a em gonqw eni, iphum a iphelekezelw a ngontanga
bam antom bazane nabafana. Ihubo elithi alifane naleli lijw ayelekile
em icim bini yalolu hlobo:

50
Ubende w uthango

Ubende w uthango Iwabafazi,


Hheya! Hheya! Hheya! Ye!
Ubende w uthango Iwabafazi,
Intaba ngamehlo kam buki,
Hheya! Hheya! hheya! Ye!
Ayikho inyoka kw aM chunu
Hheya! Hheya! Hheya! Ye!

Kw aZulu k w ak u k h o lelw a eNkosazaneni yezulu uN om khubulw ana.


N gokw abadala le nkosazana ngekaM velinqangi, ekwazi ukupha abantu
inala, isivuno esin h le. Uma kugcinw a um cim bi w ale nkosazana,
kw akuphum a amakhosikazi onke esigodi enze ilima, ukuhlanganyela
insim u elinywayo. Kule nsim u kw akutshalw a ingxubevange yezitshalo,
ezazingahlakulelw a futhi ingavunw a lapho seyivuthiw e. K w akuphisw a
notshw ala bedili buthi bungavuthw a buyisw e khona ensim ini leyo.
Kukhona ihubo elalihutshw a lapho kulelo lima, esilibona njengobuciko
bom lom o nalo ngoba lalilokhu lidluliselw a ezizukulw aneni ngomlomo.
Nali-ke lelo hubo:

Nang' uMagejana

Nang'uM agejana nango!


Sibiz'am abele awomame!
Wo hhaye! Buyani madoda,
Niz'ekhaya! Wo Hhaye hhaye!

U-D.B.K. M hlongo (Iziko 1987:66) ubuye abhekise ezinhlotsheni


ezim bili zomculo: um vum o nom chwayo. Umvumo lo uhutshw a yizinsi-
zwa ejadw ini, njengalona nje:

Wenduna

W enduna
K w aqhum 'isibham u
W enduna
Esavutha

51
W enduna
Uyaw abon' amaBhele
Ehloma kancane
Afun' ukw enzani?

Kanti um chwayo ungenziw a yizintom bi lapho sezingena esigcawini nxa


kunejadu, njengalona:

M zungezi

M zungez' uzokhalelani?
A nibom bheka.
Uzokhalelani?
A nibom bheka
Uzokhalel' ubani?
M zungez' uzokhalelani?

Amaculo okungakhulunyw a ngawo lapha aze edlulele kulaw o avela


em inyakeni yanganeno, lapho sekukhona nokuphaw ula ngokuthile
kwezom busazwe. Nanto nje iculo elavela ngo-1956 abesifazane bebhi-
kishela um buso:

U thint' abafazi

U thint' abafazi
U thint' imbokodo
Uzokufa.

Encw adini kaM aphum ulo ethi Unqam bothi (1993:49) kukhona athi
kuyisiqubulo esiqondene nem pi, okusobala ukuthi leli culo lisuselw a
kuso. Sithi:

W athinta thina
W athinta im bokode
Uzokufa.

K ukhona abaqoqi bobuciko bom lom o asebefaka nam aculo avame


ukuzw akala em ishadw eni yesimanje. U-L.Z.M. Khumalo encw adini ethi

52
U zw athi LwabeNguni (1993:52), la maculo uw abiza ngokuthi 'Im i-
chwayo yemigcagco'. Elinye lalawo ejw ayelekile ngelithi:

Aniboyigcina
Aniboyigcina
Aniboyigcina
Aniboyigcin' intandane
Ngoba kusasa nizoth' uyeba
N ith' uyathakatha
N ith' ud l' am aqand' umakoti.

Kusobala ukuthi ngaphansi kw alo m khakha wam aculo kungena izi-


nhlobo ezahlukene. U phaw u olusem qoka ukuthi lolu hlobo lweculo
lizwakala selisem phakathini nje kangangoba akube kusaziw a ukuthi
ngubani ngem pela um qam bi walo.

Imilozi

Imilozi izihum usho zemisindo okanye um culo wezinyoni. KwaZulu


kunenkolo yokuthi um a inyoni ibanga um sindo othile isuke ixoxa
indaba. K ukhona nabacw aningi abathi ukuyilalela le m isindo bathola
izihum usho zayo zinobuciko nezim paw u zobunkondlo ezithile. Singathi
nje kukhona im ifanekisom qondo ethile efikela laba bantu abahum usha le
m isindo yezinyoni. Nakhona lapha sihlangana nem isindo exoxa izindaba
ezehlukene njengobuningi bezinyoni ezikhona. Nokho thina sizothi nje
qaphuqaphu ngeziboniso ezim balwa ezitshengisa ubunkondlo boku-
phindaphinda okuletha isigqi nokunye nje.

Insingizi
Insikazi: Ngiyahamba-ngiyahamba,
Ngiya kw abakithi.
Induna: Hamba ham ba kad'usho.
Insikazi: Ngiyahamba ngiyahamba!
Ngiyakwabakithi!
Induna: Ngithi ukusutha konke lokho!

53
Insw em pe

'Swem pe! Swempe! Swempe!


Swempe! Khona ngigodola!
Khona ngigodola koba nani?

Ingede

Mame M am ndengede,
Ngafike kwezinoju,
K w aM aphath'azishiye,
Nom tsheketshe, bapha
K ukhul'um ondli w ezintandane,
Edla izintandan'eziham bayo!

Emilozini sivame ukuthola ukuphindaphindw a kwam agam a okuletha


isigqi sobunkondlo. Sike sithole nomculo onothe ngezifengqo. Lena
yengede nje ibonisa ubuciko bokusetshenzisw a kw esenzam untu. Koku-
nye siye sithole kunam azw i aham bisana nokuhaya okusazibongo.
Ubuciko bom lom o buhlala obala-ke kule nhlobo yezinkondlo zomdabu
ngokuthathw a kom culo wezinyoni unikezw e amazwi anothe ngezifengqo
nokunye kobunkondlo.

Babe khona abanye abacubunguli bemilozi, njengoGule nabanye (Gule


1991:62) ababona ukuthi lapha kungafakw a ngisho 'u k u k h ala' kwezi-
lwane noma ezinye izinto ezingaphili. Imbongolo nje ithi uma ikhala ithi:

Ngiyasebenza
K odw ' angitholi napen', pen', pen'.
Ibhande nsi, nsi, nsi,
Unduku bho, bho, bho.

Kanti isitim ela sona siye sithi:

N othw ethw eshe


Gez' ukham ba
Seng' lambile.

54
Kungaba khona-ke ukuphikisana ngokuthi igama lomlozi liyifanela
kanjani im isindo engew ona ngem pela 'am akhw ela' njengalaw o enziwa
yizinyoni.

Izangelo

U m untu owazi izangelo nom sebenzi wazo angathanda ukungabaza


kancane lapho ethola lokhu kuhlela kw ethu. Angithi phela um a uzifunda
izangelo lezi ufumana ukuthi ziyizidlaliso eziqanjwa ngunina w om ntw a-
na. Ukuziqamba kw akhe usuke ekuqondise ekum thunduzeleni noma
ekum thuliseni lapho ekhala noma efuna ukum lalisa. Manje uma izangelo
zingum dlalo w okududuza um ntw ana kungani zidingidw a ngaphansi
kw ezibongo na? Sesishilo u k uthi izangelo lezi ziqanjw a ngunina
w om ntw ana, eziqambela lowo m ntw ana w akhe kuphela zingeke zise-
tshenziselw e noma ubani njengomlolozelo othi: Thula! Thula! Kanti
futhi uma ufunda lo mlolozelo uthola kubongw a lowo m ntw ana kanjalo
kw ethulw a nom lando kafushane.

Ezangelweni singase sihlangane namazwi kanina w om ntw ana abalisa


ngesimo sokukhulelw a aze abelethe kokunye lokhu kw enzeke kanzima.
Angase aphaw ule ngenjabulo ayalethw a ukufika kw alo m ntw ana. Ezinye
uzithola sezipikla ngisho ukupikla lokhu, ikakhulukazi uma lo mame
endele esithenjini. Phela lapho usepiklela ozakwabo m hlaw um be kade
bem dlisa imbuya ngothi, ngesizathu esithize. Nasi isibonelo sesangelo
esigqam isa isigqi ekuhlelw eni kw am agam a akhetheke kahle kanye
nezifengqo ezigqamisa ubunkondlo lapha nalaphaya.

EzikaM ziw ensizwa N xum alo

Zinsizwa! Zinsizwa Muzi!


Ngagana ngim uhle, Muzi!
Ngakhulelw a, ngaphenduka,
Bangengama ngesithunzi,
Ngabathe, ngiyathe Muzi!
Phind'ukuvum 'am aN dw andw e,

55
P hind'ukukhul'um ntw ana.
Zinsizwa! Zinsizwa Muzi!
W aqham uka m adlis'um ona ngokusa!
M adabul'ubum nyam 'odlisa ngenkani!
O zakw eth'izinsizw a ziphelel'eG udunkom o!
Bayokhulum 'ezingosini M adlisangenkani,
Bayoze baphum el'obala, Nkonjan'em nyam a ngenkani!
B adw enguluke bangqazuluke bayivuma:
'Ziphelel'izinsizw a kaM khatshw a!'

Kw elaseM antobelo sake sahlangana noBafunani M hlongo owayesho


izangelo zengane yakhe uT ham sanqa. Sithola uk u th i zihlanganisa
umlolozeio bese zedlulela kokusazibongo okubhekisa ikakhulu ekugu-
leni okubi kw ale nsizwa isencane:

Thula mfana wami


Thula nto yami ngazitholela
Sigaxana m abhande
Bayokushiya bekubona
Nsizwa ziham ba ziy'esokeni
M avusw a yi-am bulense yaseM antobela
M abuy ' um belethe njengojosaka
Ngithum ela w ena mfana wami pham bili
Angisoze ngathum ela lutho ngemuva
N gibalethela w ena
Thula baba!
Owa, owa, owa owa
Hamba mfana wami
Bayokuzwa ngephupho napham bili
NangePhasika bayobe bebiza wena
Beth' usufile kanti awukafi
M avusw a yilam bu
Izinsuk' ezin' ulele phansi
Ungasaphefum uli
Kodwa nam hlanj' uyaphefum ula
Silw an' esibom vu esingabonw a m untu
Sibonwa njengenkum ' iham ba phans' esikhunini.

56
Zikhona nezinye izinhlobo zezangelo ezingase zibe zinde, kubuye
kudinge ukuba um untu achazelwe okuthile okwenzekayo ukuze aqonde
kahle ukuthi zisho ukuthini ngempela.

Izithakazelo

Izithakazelo lezi olunye uhlobo lwezibongo, abanye abacw aningi naba-


cubunguli abazibiza ngokuthi izithopho. Zivamise ukubizw a ngaleli
gama ngenxa yomsebenzi wazo w okubalekela isibongo som untu lowo
um a ebongw a ngezenzo ezinhle azenzile. Ungase u thole u m untu
w akw aN dlovu kukhulunyw a naye kuthiw a: Gatsheni! Boya benyathi!
N dlovu zadl'ekhaya n gok w esw ela abalusi! Kokunye abantu base-
benzisa izithakazelo lapho b ek huleka em zini w om num zane, nom a
kuhlonishw a nje.

Ziningi kakhulu izincazelo esezethulw a abacw aningi nabacubunguli


ngezithakazelo, cishe zonke zinokuhlangana okuthile ngom suka nobu-
njalo bazo. E qinisw eni zonke izincazelo ziqhakam bisa iphuzu lom lando
kanye namagama okhokho nokhulukhulw ane besibongo esithile. Kanti
azigcini lapho kuphela, zibuye zethule nenzalabantu yaleso sibongo
kanye nezibongo ezibonisa ukuhlabana kw ayo nokokhokho abathile.
Nokho siyabuthola nobunkondlo obuthile nakuzo izithakazelo lezi.
Sihlangana nakho endleleni ekubhalw e kw abuye kw ahlelw a ngayo
elandela eyezinkondlo, siqonde im vum elwano, ukuxhum ana, okubonisa
ubuciko boku p h in d ap h in d a, kokunye nom notho w okusetshenzisw a
kwezifengqo. Bheka nje lapha kulesi sithakazelo sakw aN dlovu, ku-
ngathekisw a oGatsheni kuthiw e bangoBoya benyathi. O kubalulekile
ngalobu bunkondlo esakhiw eni ukuthi sasungulw a ikhono nobuciko
bezimbongi ngale kokuphoqelelw a yim ithetho yesimanje. Ake sizibhe-
kele-ke nathi ukuthi ngabe kuyavela nje lokhu esikuthinte ngasenhla
kulezi zibonelo ezilandelayo:

G um ede

Phakathwayo!

57
M nguni! Qwabe!
M nguni kaYeyeye.
Osidlabehlezi!
BakoPhakathwayo kaKhondlo,
Abathi bedla, um untu bamyenge
Ngendaba bathi: 'Dluya kubeyethw e.
Kanti bahlinz'im buz'enonile.
B ath'um lobokaz'ubeyethe kayikhuni.
Bathi badikida yoyo daba yobukhuni!
Bakhom b'intaba yakhal'izinyem bezi,
Babhonga bathi: 'UNgoye yoyuya!
Phakathw ayo kaK hondlo kaM ncinci,
KaLifutha, kaSim am ane w aw oSidinane,
Izinyane likaNonjiya kaMlomo,
W awoSongem ane kaQw abe, kaM alandela!
N gokulandel'izinkom o zamadoda,
Yen'ezalwa nguLufulwenja,
Inkonyane kaNtombela, kaM ahlobo!
Amazala-nkosi lana
OM pangazitha! Bantwana benkosi
Nina bakwaNtokela!
Ndabezitha! M aqhaw 'am akhulu!

M asiphaw ule-ke nangokw ethulw a nokubhalw a kw ezithakazelo lezi


ukuthi njengoba zidluliselw a ezizukulw aneni ngemilomo eyahlukenc
futhi ngezikhathi ezingafani kuyapham bana nokungaphakathi kuzona.
Ngakho-ke ungase uhlangane nokuhlela okuthe ceze kulokho okwaziyo,
inqobo nje ukw ethulw a kokhokho kanye nenzalabantu yaleso sithaka-
zelo.

Z ibalulekile izithakazelo em landw ini nasem asikw eni esizwe, kanti


nethonya lazo lisalokhu libelesele. Bhekani nje ngonyaka ka-1977
um num zane u-D.M. Mzolo w ahlala phansi w acubugula ukw ethulw a,
ubunjalo, okuqukethw e kanye nomsebenzi wezithakazelo ezifundweni
zakhe zika-M.A. enyuvesi yaseNatali. Isihloko somsebenzi w akhe sithi: A
Study o f Nguni Clan Praises in Natal and Zululand. Kanti seziningana
nezinye izincwadi esezishicilelw e ezidingida zona izithakazelo lezi.

58
Izibongo

Uma sikhulum a ngezibongo sivamise ukubhekisa ezinkondlw eni ezino-


kubonga nokutusa um untu othile, zibuye zithinte okuthile em pilw eni
yakhe, ziphaw ule ngom lando nangozalo lw akhe ngandlela thize. Uma
sekungenw a ezibongw eni zamakhosi oselwa am adala akw aZulu sithola
kuthintw a ukubusa kw enkosi leyo kuze kuyophaw ulw a nangobunjalo
bayo. O kuningi ngawo amakhosi Iawa sizokuphaw ula lapho sesidingida
izibongo zawo uqobo. Imvam isa yabaqam bi bezinkondlo zom dabu
ezinokubonga phakathi iningi labo liyaziwa.

Izibongo zazingabhalw a zihlelw e ngesakhiw o esesilandelw a kulezi


zinsuku. Imbongi yayithatheka impongoloze ngale kokucabanga noku-
hlala phansi ihlele izibongo ngokobunkondlo b o k u p h in d ap h in d w a
kwam agam a okuletha isigqi okanye ukusetshenzisw a kw ezifengqo.
Isigqi sasilethw a noma sasisekeiw a yisimo salapho somcimbi lowo
udinga ukuthi kubongw e, nakhu imbongi isebenzisa izwi eliham bisana
naleso simo. W awungathola izibongo ziletha isigqi esisheshayo emici-
m bini ethile kanti zona futhi lezi zibongo zingahaywa ngokunensa zilethe
isigqi esiham bisana nomcimbi lowo.

Ziningana nokho izinhlobo zezibongo esizithola ngaphansi kw alo


m khakha ngaphandle kw ezam akhosi ohlanga esivam e ukukhulum a
ngazo.

(a) Izibongo zezilwane nokunye

Lezi zibongo zisuke zitusa okuthile kw esilw ane noma okunye okubo-
ngwayo. Nakhona lapha ezibongw eni zezilwane asiw utholi um lando
nozalo Iwazo. Nokho sithola ezinye ziphaw ula ngamagama, zibuye
zinikeze nezenzo ezithile ezinhle zazo. Singake silinganise nje nganazi
izibongo zenkunzi:

59
Izibongo zenkunzi

UNomalevu kaNomalekethe!
Unkobe zaphekw 'em thini zanyanta,
Zakhwezelwa yim paka nesikhova,
U bhukuda kw esinezingw enya.
Utolotolo, isizib'esizw iw a
Ngobhoko olubuthuntu,
Uklevuklevu w ezihlabathi
Umahlaba phans'abuye nodaka.
Um phandela nkunzana.
K uchanas'im ithantazana.
U Jam lud'obom vu njengentolw ane,
Inkunz'ekhony'izibaya ngezibaya,
Umakhonya kunyakaz'iziziba!
Ugxamalaza kuphum 'ijongozi,
Inkunz' em idw ayidw a kad' izidwangula!

B ukhulu ubunkondlo esibutholayo uma sifunda lezi zibongo. Ngale


kom gqum o olethw a u k u p h in d ap h in d w a kw am agam a athile, lapha
sinqw am ana nobuciko bokusetshenzisw a kwezifengqo ezifana nesi-
ngathekiso kanye nesifaniso ngendlela enembayo.

Uma silahlela iso kafushane kulezi zibongo sinqw am ana nekhono


elinem bayo lokuchaza Ie nkunzi ngezifengqo ezifana nesifaniso, isenza-
m untu nesingathekiso. Bheka le m igqa ecashuniwe:

Isifaniso: UJam lud'obom vu njengentolw ane.


Isingathekiso: Unkobe zaphekw a yim paka nesikhova, Utolotol'isi-
ziba esiziwa ngobhoko olubuthuntu!

Zikhona nezinye izibongo zezilwane zasekhaya ezisabonisa bona lo


buciko nobunkondlo. Lezi zaqanjelwa izilw ane ezithile ezinamagama
azo. ULawrence Molefe w aqoqela ndaw onye izibongo zalolu hiobo,
wazicw aningela izifundo zakhe zika-M.A. ngonyaka ka-1992, ngaphansi
kw esihloko esithi: An Analysis o f the Praises o f Domestic Animals.

60
Kanti ngaphandle kw ezilw ane kuningi okunye okunezibongo, njenge-
zinduku, kam uva sekubongw a nam abhasi nezitim ela. Bheka ngoba
nezindaw o ezithile njengeGoli nje, zike zibe nezibongo.

(b) Izihasho

Bakhona abacw aningi bobuciko bomlomo ababona kungcono ukuba


izibongo zabantu abejw ayelekile nje, abangew ona am aqhaw e esizwe
noma amakhosi, kuxoxw e ngazo ngaphansi kwegam a lezihasho. Siyabu-
bona ubucayi bokuzam a ukuluchaza kahle lolu hlobo ngoba nom untu
'phaqa' angabongwa, kam uva abe yiqhaw e, kokunye agcine eseyinkosi.
Nokho elezihasho libhekisw e ikakhulu ezibongw eni ezithanda ukuba
mfushane, okungaba ngezabesilisa noma abesifazane. Kw ejw ayelekile
nje ukuba um untu azibonge yena ngalezi zibongo. Sithola izibonelo
eziningi zazo encw adini kaLiz Gunner noM afika Gwala ethi M usho
(1991). Nangu nje uM aJele w akw aM adondo ezibonga ethi:

N ginguD abul' isiqiw u


E singadatshulw a intom bi
N guSibindigidi
Ogidela abathakathi
Uphikelela n g e n k a n i.. .

UKhekhe Ngcobo waseNanda wazibonga wathi:

NginguKhekhe kaSigibhi,
USigibhi kaDube
Umcaphuni w ezinkob' ezishisayo
Umqaqi wefindo ebeliboshiw e amadoda.

(c) Izigiyo

Zikhona izibongo ezike zizwakale ikakhulu lapho kubusw a nje, kokunye


kade sekudliw a ndaw onye. Lapho esephum ela eshashalazini um untu,
esezogiya, uthi ukusho am azw ana am balw a nje, bese bew enanela

61
abanye. Emva kw alokho usengagiya aqephuze, baqale futhi bam hashe,
kokunye sebefaka nokuthathw a ezobongweni zakhe ezaziwayo. Lokhu
angase akusho engakagiyi kuvam e ukuqukatha lokho yena athi uyikho
noma uyakwenza, bese benanela abanye bem vum ela kulokho akushoyo
ngaye, njengokuthi:

Ogiyayayo: Ngiyamshaya,
Ngiyamshaya um thakathi lo!
Abenanelayo: Uyamshaya,
Uyamshaya um thakathi Io!

Lapho labo abenanelayo bephinda okushiw o ngogiyayo, bazothi ukusi-


guqula isigqi sokukhulum a, belule ezinye izinhlam vu.

Noma ngubani angaba nazo izigiyo lezi kusukela kum untu nje, kuze
kufike enkosini imbala.

(d) Izibongo zamaqhawe athile

Izibongo lezi ziyingxenye yobuciko nobugagu lapho obongayo, esimbiza


ngem bongi ephim isela khona imizwa, imicabango, izifiso nokunye
ngom untu okanye isimo esithile njengoba ezinye sesizithintile. Uma
im bongi isikhankasile, isisukw e ugqozi, yehla yenyuka ibongela kusuka
kuvuke amadlingozi nosinga kobongw ayo nabalalele. Kuvam isile ukuthi
uma kusendaw eni ehlanganise isizwe esisodw a sikaZulu uzwe sebena-
nela bethi: 'M usho! M usho bo!' Ingxoxo yethu ngezibongo izogxila noma
izokw ethula kakhulu izibongo zamakhosi oselw a akw aZulu ngoba cishe
zithathw a njengom thom bo nesisekelo sobum bongi nobunkondlo bom-
Zulu. Nokho m asikubeke obala ukuthi izibongo lezi zazingasetshenziswa
ekubongeni am akhosi kuphela, lokhu sesike sathi jw aphu ngakho
engxoxw eni engapham bili. Kanti futhi naw o ayebusa ngokusizana
nabanye abantu njengoba nathi sazi ukuthi inkosi yinkosi ngabantu,
napham bilini-ke zazikhona izihlabani.

M iningi im ibhalo eseyibhaliw e ngeqhaza elabanjw a yizinduna nama-


butho athile ebukhosini bakw aZuIu. Uma sifunda ibhuku likaTrevor

62
Cope elithi Izibongo, elicubungula izibongo nobunjalo bazo, liphaw ula
ngezibongo zamakhosi, izinduna, am abutho athile, abesifazane ababam ba
iqhaza ekuphum eleliseni um buso w akw aZ ulu esingababiza sithi ngo-
M afungw ase besizwe. Akagcini ngezihlabani ezinsundu uze anikeze
nezibongo zabelungu ababephila ngalezi zikhathi imbala. Lo m cubunguli
kanye nabacubunguli abangapham bi kw akhe nabam landelayo balibeka
obala iphuzu lokuthi izibongo zazisetshenziswa ngisho nangabantu nje.

O kunye okuphaw ulw ayo engxoxweni ngezibongo ukuthi zinobuciko


obungahlangene nem ibhalo yaseN tshonalanga. A bantu babefanisw a
nezilw ane nezinto ezithile ezichaza ububona. Sisho u k ukhethw a kw a-
magama afana nam abhubesi, imililo, izilo, izivunguvungu lapho kucha-
zwa im izw a yolaka, am andla n entukuthelo. Leli khono litshengisa
ukusetshenzisw a kw em ifanekisom qondo okw achazw a ngabaseN tshona-
langa lapho sekufika im fundo nokuloba ngosiba.

Ezibongweni zam aqhaw e kw akusuke kuthoshw a noma kuhayw a i-


qhaw e nom a induna ethile ebam be iqhaza elivelele ekubuseni, ezim pini
nokunye ngezikhathi zakudala. Lapha sizokw ethula izibongo zelinye
lam aqhaw e adum ile em landw eni wam aZulu.

UNozishada kaM aqhoboza w akw aN zuza

UM aziqomela njengesilw ane.


U nqam ul'abant'aqam bi.
Ugebhuz'izulu!
Ungogo zabantu nezezinkomo;
U m ahlungulu-ngodw eni!
Umali w endim a, kant'uyazalela.
Usehla ngandaw ana yakhe yedw ana.
Umgwazi weziqananazana.
Unyawo lungangendlu yakw abo,
KwamaSicazana, oM anqe bathi:
'A dlani ngalapha kwaleziya ntaba?'
A dl'abantu bakaN ozishada kaM aqhoboza.
Uchakide ozikhohlokhohlw ana.
U ntak'oduke nam ihlam bi,

63
N gob'iduke nezawoM zilikazi.
U nophandam thom bo wezisele.
Untamo kayidinw a yiziqu,
Njengabo bonke zibadinile.
U behlangabez'uZulu eM aqongqo,
Kwaze kw abuz'uN dlela,
Wathi: 'Uzoyibamba iphi na?
Mfana kaM aqhoboza ngiyabuza?'
W athi-ke: 'N ans'eyam i,
Engizoyibam ba kuyo!'
W ayesethi-ke yena: 'K epha ngiyakhala,
Ngoba ngibona nje, inkos'isithele
Abafana, angibabon'engizakulw a nabo,
Ngibona abafana bodw a.'

Iphuzu elisem qoka kulezi zibongo ukugcinw a kom lando ngendlela


egqam isa ikhono lobunkondlo. Lapha sihlangana nokusetshenzisw a
kwezifengqo, ikakhulukazi izifaniso nezingathekiso. Uma kuhlolisisw a
nokuhlelw a kw em igqa nezibongo nje lapho uzifunda uthola isigqi
esithile. Singalinganisa ukusetshenzisw a kw ezifengqo - lapha kungathe-
kisw a uNozishada kuthiw a: U chakide ozik h oh lok h oh lw an a.

Yilobu bunkondlo bezinkondlo zomdabu obandlalela izinkondlo zethu


zesimanje. K ukhona nokunye okungaphaw ulw a ngesim o nesakhiw o
salezi zibongo nokho asizowageqa am agula okwam anje.

(e) Omafungwase bakwaZulu

Isizwe nesizwe, um ndeni nom ndeni ubunjw a ubukhona bukam am e


ekhaya. Umame Iona kum ele abeqotho futhi abe ngelinye iso likababa
w asekhaya. K ukhona um bono ovamise ukuqham uka lapho kuxoxwa
ngabantu besifazane obekeka kube sengathi isifazane asibam bi qhaza
kangako ekubunjw eni nasekuphathw eni kw esizw e. Lapha esizweni
sakw aZulu kunabesifazane ababili, esineqholo ukubabiza ngoM afu-
ngw ase ngenxa yem isebenzi yabo. Muva nje sesike sihlangane nezisho
zabaseN tshonalanga eziqhakam bisa ukuthi em pum elelw eni yom untu

64
wesilisa kukhona umame owa evuka nemizamo yokum gqugquzela. Kanti
lapha kwaZulu kudala isimame sama njengom gogodla em busw eni futhi
lokhu bakw enza ngem pum elelo. Kungakho kungasim angalisi ukuthola
laba besifazane bem dibi m unye nam aqhaw e kanye nam akhosi oselwa.

UM afungwase ow aqala ukudla ubhedu kulo m khakha nguM kabayi


kaJam a, uyisekazi kaShaka. Izincw adi zom lando kanye nezibongo
ezaqanjwa ngalezo zikhathi zikubeka obala ukubaluleka kukaM kabayi
ekubum beni um buso kaZuIu. Kafushane nje um lando uthi uM kabayi
wayezalwa nguJam a eyiw ele elincane. Iwele lakhe elidala kw akungu-
Mama. Kw akufanele agingisw e igabade ngoba ngalezo zikhathi am aw ele
ayengem ukelw a esizweni. UJama wala w aphetha ukulandela lelo siko
lokuthi angabulala um ntw ana w akhe. Ubuqotho nobuhlakani buka-
M kabayi babonakala lapho sekushone unina, ngokufaka isandla ekuga-
nw eni kukayise, uJam a yinkosikazi eyazala uSenzangakhona. Wala
w ap h eth a ukugana efuna u k u b o n a im pum elelo yom buso kaZulu.
U buqili, nobuqotho, n o k u h lak an ip h a kw ak h e kw agqam a k ak h u lu
ngokuba ngum gogodla em busw eni kayise uJam a, uSenzangakhona,
uShaka, uD ingane kwaze kwayofika kuM pande. Konke lokhu kuvela
ngobuciko nobunkondlo obukhulu ezibongw eni zakhe ezilandelayo:

Izibongo zikaM kabayi kaJama

USoqili!
Iqili lakwaHoshoza
E lidl' um untu lim yenga ngendaba.
Lidl' uBhedu ngasezinyangeni,
Ladl' uM khongiyana ngaseM angadini,
Ladl' uBheje ngasezanuseni.
UBhuku lukaM anzi,
O lubam b' abantu lw abenela,
Ngoba lubam be kw anyam alala
Inkom 'ekhal' eSangonyana,
Yakhal' umlomo wayo w abhoboz' izulu.
Iye yezwiwa nguM agw abalanda
Ezalwa nguM ndaba w akw aK hum alo.
Intom b' ethom be yom' umlomo,

65
Zase ziyihlab' im ithant' ezawonina.
UM thobela bant' izinyoni,
Bayazibamb' usezibuka ngamehlo.
UV ula-bangene-ngaw ' onk'am asango,
Abanikazi muzi bangene ngezintuba.
UM ncindela kaNobiya,
U M hlathuz' uzaw ugcw al' emini.
Im bibakaz 'eyaqam b' im igqa kw aM alandela,
Yathi ngabakw aM alandela,
Ithi yikhona bezoqananaza ngazo zonk' izindlela.

Lobu bunkondlo bokukhetha izifengqo ezinembayo okukulezi ziboniso


ezilandelayo k u siphoqelele u k ucaphuna izibongo zaleli qhaw ekazi
likaZuIu. A w uzwe nje lapho kw cthulw a ubuhlakani bakhe:

'USoqili!
Iqili lakwaHoshoza
E lidl'um untu lim yenga ngendaba.'

Ubuqotho nam andla kaM kabayi kw ethulw a ngobukhulu ubuciko nobu-


gagu bokusebenzisa izifengqo. Nangu uM kabayi esengathekisw a nenko-
mo enam andla okubhonga ibhoboze izulu:

'Inkom 'ekhal'eSangonyana,
Yakhal'um lom o wayo w abhoboz'izulu.'

Umlando kaM kabayi ngisho nokunqaba kw akhe ukugana kubekw e


ngobueiko khona lapha ezibongw eni zakhe. Kuhlala obala ukubaluleka
kukaM kabayi ebukhosini bakw aZulu, um untu wesifazane owabam ba
iqhaza em ibusw eni yam akhosi angaka.

Izibongo zikaN andi unina kaShaka

USomnqeni.
UMathanga kaw ahlangani,
Ahlangana ngokubon' um yeni.
UGedegede Iw asenhla nenkundla.
Uphoko-phalala kuM aqhw akazi,

66
A ngibonang' uphoko ukuphalala.
Umboni w am abhungez' uSontanti.
USontanti onjengow akwaGw azana.
USontanti kayidl' inkom ' ensizwazana,
Udl' ubisi lw enkom ' enezim pondo
U kw esab' abayisengayo.
Intom bi kaM bengi weNguga
KaSoyengwase kaM aqam ede.
UXebe woM hlathuze.
Mfaz' ontongande zingamadoda.
Uyishaye yanyus' iSabiza.
Obcngabafana baseNguga,
Abeza beluhayizana!

UNandi kaM bengi ngom unye wom ame abam qoka em landw ini w akw a-
Zulu. UNandi kw akungunina kaShaka, um bum bi nom hlanganisi we-
sizwe samaZulu. Udum o lukaN andi aluqham uki ekuzaleni kw akhe
inkosi uShaka kuphela, lubuye luvela nasebuntw ini nasekuziphatheni
kw akhe. Lokhu kuqondisw e ekuzim iseleni kw akhe ukuhlangana, aze
agcine ebonene noSenzangakhona uyise kaShaka, okw ethulw a ngobu-
nkondlo ezibongw eni zakhe:

USomnqeni.
UM athanga kaw ahlangani,
Ahlangana ngokubon' um yeni.

Khona futhi kuzona izibongo iezi sibuye sethulelw e ubunjalo bakhe


bokuba nokubekezela nolaka okw am enza w akw azi ukuham ba ewa
evuka noShaka eyinkosikazi yedwa, emuva kokuxoshw a kukaShaka
eSiklebheni. Awuzwe nje lapho bemhaya bethi:

Mfaz' ontongande zingamadoda.


Uyishaye yanyus' iSabiza.

UShaka w akw azisa njalo u k u h lu p h ek a k u k an in a ew a evuka naye


ekukhuleni kw akhe. Phela kuthiw a ngunina uN andi kuphela ow abonisa
uthando kuShaka ekukhuleni kw akhe. Yingakho-ke nje uShaka wama-

67
zisa futhi w am phatha kahle njalo uNandi waze w adlula em hiabeni.
Uthando alutshengisa indodana yakhe lwenza ukuthi ikhule iqotho futhi
izimisele ukuba yinkosi yokuqala yakw aZulu enam andla yize kukhona
ababengakukholw a lokhu. Singasho kugcwale ukuthi lokhu kuhlupheka
nobuqotho bukaN andi nabo baba nesandla esibalulekile ekubunjw eni
kom buso w akw aZulu.

(f) Izibongo zamakhosi

Izibongo zam akhosi zithathw a njengencw adi yom lom o nyom lando
w am akhosi kanye nobunjw a kobukhosi bakw aZulu. Lokhu kugqam isa
ukuthi azizona izinkondlo eziqhakam bisa ukucikoza ngam akhosi nje
kuphela kodw a ziyibhuku lom lando kaZulu. UZulu w ayengenalo ulwazi
lokuloba phansi kodw a lokho akuzange kum vim bele ukugcina um lando
ngendlela yezibongo. Njengoba besithe jw aphu esingenisw eni ngobu-
njalo bezibongo, phela zisitshela ngenkosi. Nakhu ziqala ngozalo lwayo,
zithinte ukukhula nezimpi eyazilwayo. Ezinye zibalise njalo ziphaw ule
ngokuthatha kwayo ubukhosi, zithinte imizi, am abutho, ukuhlabana
kwayo kuze kuyofika ekukhotham eni kwayo.

K ubalulekile ukuthi lapho sidingida udaba lwezibongo zamakhosi sike


sithi jw aphu ngezim bongi. Inkosi yayingabongw a nje yinoma ubani.
W onke am akhosi oselw a ayenezim bongi ezaziwayo ezabe zenza lo
msebenzi obukhuni kangaka. Izimbongi ezaziwa kakhulu em landw eni
w akw aZulu nguM agolw ana Jiyane noM shongw eni. URycroft (1974:61-
62) ucaphuna amazwi kaJam es Stuart athi:

.. . imbongi yamaZulu ephakem e, eyedlula zonke, nguM agolw ana,


indodana kaM khathini, w akw aJiyane. Kw akuyim bongi yango-
kom thetho kaM pande, kanti yayike yambonga noDingane. UMa-
golw ana w ayephakem e kak h u lu kunoM shongw eni (im bongi
kaShaka) ... noM ahlangeni w akw aK hum alo (imbongi esem qoka
kaCetshw ayo) ...u S e h la kaNdengezi kaM anzini (imbongi kaDi-
nuzulu); noHhoye kaSoxhalase w akw aN dlela (imbongi kaSolo-
mon. (Hum.)

68
Elokuphakam a kw em bongi libhekise ekhonw eni layo elingejw ayelekile.
Kungenzeka abanye babe nem inye im ibono ngokulandelana kwalezi
zimbongi.

N asem akhosini alandela uSolom on, sisho ingonyam a uB hekuzulu,


nengonyam a uZ w elithini lidum ile igama lem bongi uN sukuzenkosi
Dlamini.

Yini edala ukuthi lo m sebenzi wem bongi siw uthathe njengom sebenzi
onzima na? Izimbongi lezi zazinelungelo elingandile lokusho izinto
okanye imizwa ngokuham ba kw ezinto noma zizinhle kokunye ngisho
zinganam bitheki kahle enkosini. Uma um untu ow ayengenalo leli lungelo
w ayengalinga abeke im ibono yokusola inkosi ngobunjalo bayo, wayobe
usegcinile ukudla anhlavana. Im bongi-ke yayithathw a njengom lom o
wesizwe, ivunyelw e ukusola inkosi nangezinto ezingayiphathi kahle.
Lapha kulezi zibongo ezingezansi sethule nezim bongi zamakhosi athile,
lapho sikw azile ukuzithola khona.

Khona lapha ezibongw eni zamakhosi sibuye sithola izibongo zamakhosi


am abili noma ngaphezulu ziphaw ula ngephuzu elifanayo. Kuvam ile futhi
ukuthola zibongo zikayise sezinikw a indodana, lapho uhlangana nezi-
bongo ziqala phansi enkosini yakudala, zilandelisw a njalo kuze kufike
kuleyo nkosi ebongwayo. Uma sifunda izibongo zala m akhosi alandelayo
sihlangana nenzalabantu ilokhu iphindiw e kanje: U Jam a k aN d ab a;
kanti lapho kuyiw a kuSenzangakhona kuthiw a: U M jokane k aN d ab a;
uShaka - n g u D lu n g w a n e k aN d ab a. UDingane bathi: Izib u k o lik aN d a-
ba; uM pande - Inzingelezi kaN d ab a; UCetshwayo - im p u n z i k a N d a b a
bese egcina ethintiw e nalaphaya kuD inizulu - u k h o z i lu k aN d a b a. Leli
phuzu libanga intsha yanam uhla igcine id id ek ile n g okulandelana
kw am akhosi akwaZulu kusuka em andulo kuze kufike engonyam eni
ebusa kule minyaka.

Iningi lezizw e nabantu lazi inkosi uShaka njengenkosi yokuqala


yakwaZulu ngoba nakhu w ahlanganisa isizwe sonke. Yebo yiqiniso
ukuthi w ahlanganisa isizwe sikaZulu w aba yinkosi yaso enam andla.
Phambi kokubusa kw akhe kw akukhona amakhosi ahlukene ayebusa
izindaw o ezincane ayefana noD in g isw ay o o w ay eb u sa isizw e sa-

69
kw aM thethw a, oM acingwane wesizwe sakw aM chunu, oPhungashe wa-
kwaButhelezi, uSenzangakhona w akw aZulu, uZw ide w akw aN dw andw e
njalonjalo. K w athi lapho uShaka esethatha ubukhosi w aw ahlasela
w onke la m akhosi, w abe esehlanganisa ndaw onye zonke lezi zizwc
ezincane zaba ngum buso ow odw a.

Im ilando eyaqoqwayo lapho sekusetshenzisw a usiba netholw a kuzona


izibongo lezi ibeka ithi inzalabantu kw abe kunguM alandela ow alandela
izinkomo zamadoda w azikhipha ezibayeni. Yena wazala uQ w abe noZulu.
K ungakho-ke nje uke uhlangane nezithakazelo zikaQ wabe sezibeka zithi
'Ngam azalankosi law a'. UZulu nom new abo uQ w abe baxabana, w athutha
uZulu wayozinza eM khum bane phezu kweM folozi. Yiso-ke isizinda
esaziwayo ngisho nanam uhla sabohlanga IukaZulu.

UZulu wazala am aw ele uPhunga noM ageba. W aqhubeka um libo ngo-


M ageba owazala uNdaba, owayaziw a njengenkosi eyayikwazi ukubiza
izulu. UNdaba wazala uJam a, uJam a wazala uSenzangakhona. USenza­
ngakhona wazala am adodana am athathu uShaka, noDingane kanye
noM pande. W onke lam akhosi abusa kodw a um libo w aq h u tsh w a
nguM pande owazala uCetshwayo, uCetshw ayo wazala uDinizulu. UDi-
nizulu wazala uSolomoni, yena wazala uBhekuzulu. Kwathi uBhekuzulu
yena wazala isilo sam abandla onke uZw elithini. Cishe yikho lokhu
kubusa kw am akhosi okw asigcinela um lando kaZulu kusuka ngeminya-
ka yawo-1600 kuze kufike ku-1884 lapho kw akhotham a khona inkosi
uCetshwayo.

Emuva kokw edlula kukaC etshw ayo ehla am andla kaZulu, kw aqala
u k u b u sa am andla abelungu, izinyoni zezulu ezabonw a nguShaka
w aziham bela. W onke am akhosi alandela uC etshw ayo ayesebekw a
ngabelungu, futhi um lungu w asew atshela n okuthi abuse kanjani,
esenqunyelw e nezindaw o ayezibusa. U kuqoqw a kwezibongo kw aqalw a
ngenkosi uNdaba.

Lapha sizolinganisa nje ngokuthatha izingxenye zezibongo zamakhosi


am abili, uShaka noCetshwayo. Sithi izingxenye ngoba izibongo zala
m akhosi zinde kakhulu kunalokhu esikufake lapha.

70
Izibongo zenkosi uShaka

UNodumehlezi kaMenzi!
Ilem b' eleqa amanye amalem be ngokukhalipha
USishaka kashayeki!
UShaka ngiyesaba uk u th ' uShaka,
UShaka kw akuyinkosi yaseM ashobeni.
Odabule kuN dim a noMgovu,
Im ikhubulo bayishiy' izinqindi,
Abafaz' abanendeni baphuluza;
Im bew u bayishiy' em anxiweni.
Odabule kuBhuzane phezulu,
W akhethelw a udw endw e lwamaza,
W adabula kuM combo zigoduka.
Umlilo w othathe kaM jokwane;
Umlilo w othath' ubuhanguhangu;
Oshise izikhova eziseDlebe,
Kwaze kw asha neziseM abedlana.
Uteku lwabafazi bakwaNom gabhi,
Betekula behlez' emlovini,
Beth'uShaka kakubusa kakuba nkosi,
K ant' unyakan' uShaka ezakunethezeka.
Inkom ' ekhal' eM thonjaneni,
Izizwe zonke ziyizwil' ukulila,
Izwiwe uD unjw a waseluYengeni,
Yezwiwa uM ancengeza w akw aK hali.
O ndlela bazibuza kuDunjwa,
Athi bangayibuza kuM bozane,
O ndulel' ukuya kuNomagaga,
Lafik' iqhude lamvimbela.
Uzulu lizayo, khw ezan' abantw ana,
Ngabadala bodw ' abazozibalekela,
UDunjwa yedw a lim khandanisile.
Oyew akha am axhib' oThukela,
Lapha kucushw ' isilo ngom w ow ane,
Weza noKhungw ayo noGobizembe.
O ndande ngokhal' olude;

71
W adabul' em athanjeni
AbantakaThayi beya kuM acingwane, eNgonyameni.
OZihlandlo kaGcwabe, ngibasolile, abasocoki;
Inkos' abayitshelanga izibuko,
Bayiweze ngelisacons' amathe,
E belisandukuw ez' uN tuba wakaM ajoIa.
Inyath' ejame ngom khonto phezu koM zim vubu,
A m aM pond' ayesaba nokuyehlela;
'Nani boGam bushe, nani boFaku!
Nize ningayihlabi, niyothi ningayihlaba
Kobe senihlab' uPhunga nahlab' uM ageba/
Obesixokolo singam atsh' aseNkandla,
A bephephel' izindlovu nxa liphendule.
Izulu elidum ' emuva komuzi eKuqobekeni,
Laduma lazithatha izihlangu zamamaPhela.
W am udl' uN om hlanjana ezalwa uZwide!
W am udl' uM phepha ezalwa uZwide!
W am udl' uD ayingubo ezalwa uZwide!
W am udl' uNom bengula ezalwa uZwide!
W am udl' uM pondophum elela kw ezinde eM apheleni;
W am udl' uM ntim ona ezalwa uGaqa eM apheleni!
W am udl' uM dandazi ezalwa uGaqa eM apheleni!
W am udl' uN om akhw ela kaGaqa;
W am udl' uNoziga kaThatho!
W amudla uN kayishana eCwecweni.
Umxoshi w om unt' amxoshele futhi,
Ngim thanda exosha uZwide,
Ezalwa nguLanga.
Ulusiba gojela ngalaphaya kw eN kandla,
Lugojela njalo, lu d l' amadoda.
Ubeyoz' afike kuNom angci phezulu,
E yakunqum el' um bango w akw aN yusw a,
K w akungabangw a lutho nakw aN yusw a,
K w akubangw ' izinhlakuva em anxiweni,
Bethi: 'N tekenteke zilinden' amajuba!'
UD londlwane ludlondlobele

72
Luyadla lubek' isihlang' em adolweni,
Isidlukuladlw edlw e
Uhlany' olusem ehlw en' amadoda:
O th' esadl' ezinye w adl' ezinye,
W ath' esadl' ezinye w adi' ezinye!
Wena kaZulu, naw oJam a kaM alandela!

Izibongo zenkosi uC etshw ayo

Uzulu ladum a obala!


Lapho kungem unga kungem tholo.
Unhlamvana b h u l' umlilo;
Ubaswe uM atshonga benoG qelem ana
Inzima lemnyama,
Ibiqhutshw a uM seleni benoNongalaza;
Beth' ifanele ukuyosikw a izihlangu eM khw eyantaba.
Bathi: 'Iyekeni ubunyam a bayo buyesabeka;
Ifanel' ukuyocela im vula kw aN kosinkulu.
Tham bekeka, w en' owaliwayo;
Tham bekeka, w ew us' iNtam anana nangezinyembezi,
M hla eyakudabula ngakwaNgxangaza;
Abafazi bakwaNgxangaza
Bazolal' esibayeni njengam athole,
Kaz' am athol' azolalaphi?
Uye w adabula kuM laba,
Obezalwa nguK hw ani;
Wafika w am nik' inyanda yem ikhonto;
Wathi: 'M ntakaNdaba!
Oz' ubahlabe nasem ehlw eni/
Inyathi kaNdaba!
Em pondo zim akhenkenene;
Bayivimbele ngam aphand' em ikhonto,
Beth' uM hlathuze kayikuw uw ela;
Uth' esew uw ela,
W ayesewuwela ngam akhand' amadoda.
W ashikizel' uM ashikizel' omnyama,
Edondolozela ngenhlendla yakhe, ebim atata,

73
Impi yakhe eyakuyibuthis' eDliwayini,
W azihlaba kanye nam athol' azo;
Kwathiwa; 'Ziyeke lezo, m ntakaNdaba,
Ngezikanyokom khulu, ngezikaLangazana.'
W ashikizel' uM ashikizel' omnyama,
Edondolozela ngenhlendla yakhe;
Eyoshona ngesikhala
SikaM pehlela noM aqhwakazi;
Eya ngoNotadu, obezalwa uM sweli,

INKOSI UCETSHWAYO

U yaw ukhokh' um nyatheliso.


Iqabi lakw abo lezinkabi, elim punga.
Uya ngoM phepha, obezalwa uDengezi,
U yalikhokh' iqabi lakwabo,
Elimnyama, lezinkabi.
UyangoGwazi, obezalwa uSilw ana,
U yaw ukhokh' um nyatheliso,
Iqabi lakw abo elinkone, lezinkabi.
W ashikizel' uM ashikizel' omnyama,
Edondozela ngenhlendla yakhe;

74
Eyoshona ngesikhala sam ahlath' amabili,
TShowe kanye neDlinza;
Eya ngoSikhonyana, obezalwa uN gqungqulu.
U yaw ukhokh' um nyatheliso,
Iqabi lakw abo, elixub' imibala.
Ukhw ani liyasikw a liyahluma;
Ngengxenye linguPhunga
Kwenye ingxenye linguM ageba.
A m akhubal' adliw a nguyena kw abakaM pande.
W adi' uN tshonkw eni obezalwa nguM pande,
A m akhubal' adliw a nguCetshw ayo kw abakaM pande.
W am udl' uM antantashiya obezalwa uM pande,
A m akhubal' adliw a uCetshw ayo kw abakaM pande.
W am udl' uSom xhaw ana obezalwa uM pande,
A m akhubal' adliw a uCetshwayo kw abakaM pande.
W am udl' uM dum ba obezalwa uM pande!
A m akhubal' adliw a uyena kw abakaM pande.
Nonzila kudla kw am agw ala,
Am agwal' adl, ububende.
ULanga-phum ' endlebeni yendlovu,
Nyakambe liyophum a kweyengonyam a.
Impunzi kaNdaba!

Izibongo zamakhosi sezicw aningw e kabanzi. Singakedluli kuzo singasale


sesithinta eminye im ibono asebaphaw ula ngayo abanye abacubunguli.
Ingani uCope no-R.M. Kunene baze bangene ekuthini izibongo zinaziphi
izimpawu eziham bisana nokuthi zaqanjwa nini. Bakhulum a ngezibongo
ezingapham bi kokubusa kukaShaka, kulandele ezezikhathi zikaShaka
kuze kufike kuCetshwayo, bese kugcina ezangemuva kw ala m akhosi.

Noma sizolandela lokhu kuhlela nathi sizozibekela eyethu im ibono


efikile lapho sizibukisisa izibongo lezi. O kunye kuthi akufane okunye
kw ehluke kancane kokushiw o ngabacw aningi abanye.

75
(i) Izib o n g o e z e n d u le la u m b u s o k a S h a k a

Uma sixoxa ngezibongo zalezi zikhathi sizoqondisa ezibongw eni zama-


khosi am athathu uN daba, uJam a noSenzangakhona. K uthiw a lezi
zibongo zazingenabo ubunkondlo kangako, ngoba zazibhalwa sengathi
ziyingxoxo nje eyayigqanyisw a ukuph in d ap h in d w a kwam agam a athile,
engenazifengqo ezitheni ezinembayo. Uma sibheka izibongo zikaJama
sithola kutusw a, kuhayw a izinto ezifana nezenzo nesim o senkosi.
Izim bongi lapha zazisebenzisa lezi zinto ukuze zakhele leyo nkosi
isithunzi, ugazi nokuhlonipheka. Lolu hlobo oluqhakam bisa lokhu
silufanisa nohlobo lw ezinkondlo olubizw a ngabezinye izinhlanga zama-
nye amazwe nge-yuloji. UJama w ayethanda ukuzingela, lokhu kuhayw a
njengokuhlabana okukhulu okw akuphakam isa ubuqotho bakhe, nokho
okuchazw a ngezifengqo ezilulana kuthiw e:

Ozingel' am ahlath' azavungama,


Az' athi: 'Nhiya nhi!'
Nam uhla kakunyam azana
Az' am lobolele ngentshontsho lem punzikazi.
Obeyakulala wangangem ifula,
O beyakuvuka wangangezintaba,

UJama bam tusa ukw akheka kw akhe ngamazwi alulana. U kuhlakanipha


kw akhe kufanisw a nesilw anyana sezinganekw ane. K ungaphaw ulw a
nangezifengqo ezizwakala sengathi zitikitelw e nje, ngisho nokuphinda-
p h in d w a kw am agam a akunikezi m qondo ogcw ele. A sibheke lezi
ziboniso ezilandelayo:

UJama kaNdaba,
UJama kaluthw ana kangakanani
N asenhlam vini yom khont' angenela,
Nasegatsheni angaphathelela.
UM abopha w akithi kw aZw angendaba
O ngibophe zaluk' inhlazane nem fuduluko.
O babis' inhlaba elikuM ahogo;
O thabis' idukum bane elikuNgcingci.

76
O w ahlafun' um lom ' ongadli lutho,
W angokaLuhlafu waw oNogeqwa.

Izimbongi zangcmuva kokubusa kw ala m akhosi amabili angenhla zaqala


ukubonisa inguquko encane lapho sezibonga uSenzangakhona. Lapha
kancane kancane sek w eth u lw a im ibono yesizw e. Nokho im bongi
isakugqam isa ukuphaw ula kabanzi ngesim o nobunjalo benkosi, lapho
ize yethule imizwa ebonisa inkosi engagqam ile njengeqhaw e. Lokhu
k u p h aw u la ngobunjalo benkosi sekugqam isa okuthile okufanisw a
nohlobo Iw esibili Iw ezinkondlo olubizw a ngokuthi i-odi. Lapha i-
mbongi iqhakam bisa, ituse izenzo zenkosi ezifana nobusoka nokunye
kanye nobunjalo bayo o k u q o n d ise ek u b u k e k en i n asek w ak h ek en i
kwayo.

Inyath' iham b' isengam ' amazibuko;


Unjengomzingeli kwaM am fekana.
Ilang' eliphum e linsizw a
Lithe liphezulu lansasa,
Lothiwa yimizim bazimba

Ubunjalo ngokubukeka nokw akheka kukaSenzangakhona okubekw e


ngamazwi angadle ngazifengqo, kodw a kugqam e u k u p hindaphindw a
kwam agam a aletha isigqi sobum bongi kanje:

Obemzimba m uhle, nangendlal' enkulu;


Obebuso, bungenandaw o yokusolw a;
Obemehlo, angenandaw o yokusolwa;
Obemlomo, ungenandaw o yokusolw a;
Obezandla, zingenandaw o yokusolwa;
Obezinyawo, zingenandaw o yokusolw a;
Obezitho, zingenandaw o yokusolwa;
O besiphundu, singenandaw o yokusolw a.

Kuyagqam a kulezi zibongo u k uthi inkosi beyibongw a ngobuyona


ingahlatshw a noma isolw e ngezenzo zayo. Izimpi nokubusw a kw ezw e
nabantu jikelele akungenw a kukho kangako. Sizobhekisisa-ke emakho-

77
sini elama lawa noma asengxenyeni yesibili ukuthi wona ayebongwa
kanjani.

(ii) E z e z ik h a th i z a w o S h a k a , u D in g a n e , u M p a n d e n o C e tsh w a y o

Ingxoxo yethu yalezi zikhathi ihlanganisa amakhosi kusukela kuShaka


kuze kuyofika enkosini uCetshwayo. Yaba nkulu inguquko eyabonakala
ezibongw eni zala m akhosi. Lokhu kw abangw a izizathu ezim balw a
ezifana nokuguquka kom buso kaZulu, izimpi nezikhali ezazisetshenzi-
swh. Izim bongi nazo zaqala zaqham uka nokuhlela okuqhakam bisa
ubunkondlo nesakhiw o esehluke kakhulu kunesangapham bili, lokhu
kw abelesela njalo kwaze kw ayothanda ukushabalala emuva kokubusa
kw enkosi uCetshwayo. U kubukeka kw enkosi kw ase kw ethulw a ku-
xubane nezenzo ezinhle nezim bi zayo.

Izimbongi zalezi zikhathi zaqala ukw ethula imizwa ebonisa ukuguquka


kokubusw a kw abantu nokuhlabana kw enkosi uqobo. Akum angalisi
lokhu ngoba uShaka phela nguyena ow aqala ukubum ba isizwe sama-
Zulu saba yinto eyodwa ebusw a inkosi eyodwa. Uma kubongw a sesithola
kuth in tw a ukukhula kw enkosi, singathi nje isimo jikelele esigqugquze-
la, sivuse ugqozi nam adlingozi obunkondlo ezim bongini. Bheka nje
lapho ukusetshenzisw a kw esingathekiso ukuthi kw ehluke kanjani uma
kuqhathanisw a izibongo zikaSenzangakhona nezikaShaka ngesilw ane
inyathi; uSenzangakhona w ethulw a kungagqanyisw a buqhaw e lapho
bethi: "Inyathi eham ba isingam a am azib u k o/ Kanti kuShaka ku-
ngathekisw a ubuqhaw e bakhe kuthiw e: 'Inyath' ejam e ngom khon to
phezu k oM zim vubu /

Izibongo zalezi zikhathi zisebenzisa izifengqo eziqatha, ezinembayo


ngencazelo nangobunkondlo, bheka nje uma kuchazw a ukuhlakanipha
nobukhali bukaShaka kuthiw a: Y ilem be eleq' am anye am alem be
ngokukhalipha. Uma siqhathanisa nokuhlakanipha kukaJam a lapho
ebizw a khona ngochakijana, buhlala obala ubulula bazifengqo zezi-
khathi zawoJama lapho ubuqhathanisa nezawoShaka. Ulaka Iwamakhosi
alezi zikhathi luchazwa uze uzibonele Iona ngamehlo engqondo, awuzwe
nje lapho kuchazwa olukaShaka:

78
Umlilo w othathe kaM jokane;
Umlilo w othath' ubuhanguhangu;
Oshise izikhova eziseDlebe,
Kwaze kw asha neziseM abedlana.

Kanti futhi siyakuthola iokhu kujula kw ezifengqo nasezibongw eni


zenkosi uDingane lapho kuchazw a ubunjalo bakhe, siqondise ekuqhu-
beni izinto zom shoshaphansi noM kabayi nabanye, obufanisw a nesiziba
sona oze usibone ngokugw iliza kom untu ukuthi sidephile.

Isiziba esim avivane Dingane;


Isiziba esinzonzo sinzonzobele
Siminzise um unt' ethi uyageza,
Waze w ashona nangesicoco.

Zaqhubeka njalo izifengqo ezinembayo eziham bisa nesim o nesikhathi


esibusa leyo nkosi. Ngezikhathi zawoM pande sebefike qathatha aba-
ndlebezikhanyilanga izimbongi zaqala zasebenzisa izifengqo eziqhaka-
m bisa ufuduko: izinkonjane nezinkozi. Inkani, ukubukeka nobunjalo
benkosi eyabekw a isizwe okokugcina kw aZulu uCetshwayo, kuyagqam a
ezibongw eni zayo lapho kuthiw a: 'Uzulu ladum a obala'. Siyazi ukuthi
izulu liyabuyisa abantu babone ukuthi kukhulu kuyeza, kodw a uma
kubhekisw a kuyena leli zulu lalingabikezeli, kw akuzw akala selidum a
nje. Inkani kaCetshw ayo yayingavinjw a njengoba lesi sigaba sibeka:

Inyathi kaNdaba
Em pondo zim akhenkenene;
Bayivimbele ngam aphand' em ikhonto,
Beth' uM hlathuze kayikuw uw ela;
Uth' esew uw ela,
W ayesewuwela ngam akhand' amadoda.

Kulezi zibongo zalezi zikhathi sihlangana nezim bongi seziphaw ula


kabanzi ngom lando othinta okuningi okw enzeka ngezikhathi kubusa
amakhosi abongwayo. Lokhu kuphaw ula ngom lando kw ezibongo kufa-
nisw a nohlobo lw ezinkondlo okungum qukuthu odingidw a yizinkondlo
zomlando ezibizwa ngokuthi yi-ephiki. Kuzona kucaciswa, kuchazw e

79
kabanzi ngokunqoba izimpi nokuhlabana kw enkosi noma ngabe kune-
chilo njengokw ehluleka ekw enzeni okuthile okanyc ukw ehlulw a em pini
kuyavezwa. Sibuye sitshelw e ngesim o la m akhosi ayebusa phakathi
kw aso njengokuthi kukhona ababejivaza behleka uShaka usulu bethi
ngeke abe lutho:

Uteku lwabafazi bakw aN om gabhi,


Betekula behlez' emlovini,
Beth' uShaka kakubusa kakuba nkosi,
Kant' unyakan' uShaka ezakunethezeka.

Kanti nalapho sekubongw a uM pande sithola sekuvela ukuthi w am buka


w aw elela phesheya kuThukela:

Isikhukhulane sikaN daba


E sakhukhul' omame sabetshatha;
Saye sabalahla ezinkwazini;
Ezinkwazini zemifula
Ezinkwazini zoThukela.

Uma sifundisisa lesi sigatshana esilandelayo sithola kuvezwa ukuhlabana


ngesinyenyela kukaD ingane lapho abelungu befuna ukum thathela izwe
nezinkomo. Lapha uD ingane ubizw a ngezibuko elim adw ala abushelelezi
kanje:

Izibuko likaNdaba
Elim adw al' abushelelezi;
Lashelel' uPiti nendodana.
Lam udl' uPiti kum aBhunu,
W amudla w am tshobotshela.
Wena kaNdaba!

O bunye ubunkondlo obuhlala obala futhi obaze babanethonya elinge-


phikisw e ezinkondlw eni zanam uhla obesakhiw o sezibongo. Isakhiw o
esibonisa ikhono lembongi lokukw azi ukw ethula ukuhlabana kw enkosi
ngokuphindaphinda izinhlam vu noma amagama kokunye imisho ethile
ezibongw eni ze kugqam e isigqi. Lesi sakhiw o sasingatikitelw a nje

80
kodw a im bongi yayisilandela ngem pum elelo nayo phela ingazenzi,
isivukw e ugqozi. Lapho usuyobona nabantu abalalele sebekw elinye
izinga nenkosi ebongw ayo sebeyibona ngam anye am ehlo bavukw e
am adlingozi kube njeyaya. A w uzw e nje lapho kubongw a uShaka
noCetshwayo kulezi zigaba ezilandelayo:

Izulu elidum ' emva kom uzi eKuqobekeni,


Laduma lazithatha izihlangu zamamaPhela.
W am udl' uNom hlanjana ezalwa uZwide!
W am udl' uM phepha ezalwa uZwide!
W am udl' uD ayingubo ezalwa uZwide!
W am udl' uN om bengula ezalwa uZwide!
W am udl' uM pondophum elela kw ezinde eM apheleni;
W am udl' uM ntim ona ezalwa uGaqa eM apheleni!
W am udl' uM dandazi ezalwa uGaqa eM apheleni!
W am udl' uN om akhw ela kaGaqa;
W am udl' uNoziga kaThatho!
W amudla uN kayishana eCwecweni.
Umxoshi w om unt' amxoshele futhi,
Ngim thanda exosha uZwide,
Ezalwa nguLanga.

UCetshwayo:

Ukhw ani liyasikw a liyahluma;


Ngengxenye linguPhunga
Kwenye ingxenye linguM ageba.
A m akhubal' adliw a nguyena kw abakaM pande.
W adi' uN tshonkw eni obezalwa nguM pande,
A m akhubal'adliw a nguCetshw ayo kw abakaM pande.
W am udl' uM antantashiya obezalwa uM pande,
A m akhubal' adliw a uCetshwayo kw abakaM pande.
W am udl' uSom xhaw ana obezalwa uM pande,
A m akhubal' adliw a uCetshw ayo kw abakaM pande.
W am udl' uM dum ba obezalwa uM pande!
A m akhubal' adliw a uyena kw abakaM pande.

81
Nonzila kudla kwam agwala,
Am agwal' adl' ububende.

Kulezi zigaba sithola isakhiw o sokuphindaphinda amagama asekuqaleni,


phakathi nasekugcineni, esikubiza ngokuthi ukuxhum ana. O kunye njalo
ikakhulu esigabeni sesibili lokhu kuxhum ana okweqanayo. Kweminye
imigqa kuxhum ana igama elilodw a, kokunye amabili noma um ugqa
w onke uphindw e.

Uma sibhekisisa ezibonisw eni ezingaphezulu sithola esinye isakhiw o


esihlaba um xhw ele ngokubum bana kw ezindim a. Leyo naleyo yethule
um qondo okanye ibe ngum qukuthu ophelele. Lapha sithola khona
um ugqa w okuqala w ethula ingqikithi yendim a, um ugqa w esibili,
w esithathu, noma w esine le ngqikithi yelulwe, ikhulisw e, inw etshw e
bese iphetha ngokusongw a em gqeni w okugcina. Leli khono lokuhlela
nom a lokulandela lesi sakhiw o ezindim eni zezibongo ngale ndlela, laqala
ukucutshungulw a nguCope, naye ekususela ezibongw eni ezaziqoqwe
nguJam es Stuart ngem inyaka yawo-1920. Nazi izibonelo zezindim a
ezihlelw e zagqamisa lesi sakhiw o zisuselw a emigqeni em ithathu kuya
kw em ihlanu:

Um ashw abada kaM aqanda noNsele; (ingqikithi)


O shw abadel' izindlubu zakomfowabo; (incazelo)
W ashw abadel' izindlubu zikaM udli nam akhasi. (iya- khulisw a)

Umlilo w othathe kaM jokane; (ingqikithi)


Umlilo w othath' ubuhanguhangu; (iyelulwa)
Oshise izikhova eziseDlebe, (incazelo)
Kwaze kw asha neziseM abedlana. (iyaphethw a)

Uvemvane lukaPhunga noM ageba, (ingqikithi)


Uvemvan' olum abala azibhadu; (iyelulwa)
Engibe ngiyaluthinta lw ahw aqabala! (incazelo)
LunjengoPhunga w aseBulaw ini; (isanw etshw a)
LunjengoVuma kubangom a. (iyaphethw a)

82
(iii) E z e zik h a th i z a m a k h o si o D in iz u lu , S o lo m o n i, B h e k u z u lu no-
Z w e lith in i

Nakuzo Iezi zibongo kuningi esikudingide ezingxenyeni ezingenhla


esikuthola kuzo. Sibhekise ephuzw ini lokutusw a, izimbongi, izifengqo
kanye nesakhiw o. Isakhiw o esigqam isa uk u h lab an a ezim pini siya
ngokuya sivinjelw a yim ithetho kahulum eni okunguyena osephethe.
Ekucw aningeni kw ethu sithole ukuthi inguquko isigqam e kakhulu
ezibongw eni zam akhosi akam uva. Singathi lokhu kudalw a ukuthi
ukubekw a nokubusa kw am akhosi ohlanga sekunesandla sabam hlophe
phakathi. Cishe nokuqedw a kokuhlaselana nezimpi kw abam ba iqhaza
elinqala ekuthintekeni kwezinga lobum bongi.

Izibongo eziningi zalesi sikhathi sezibonisa imizwa yokulangazelela


um buso ow aw uqotho um uhle wayizolo nakuthangi lapho zibonga
amakhosi oseiwa. Ake sicaphune laphaya ezibongw eni zikaD inizulu
ukubonisa leli phuzu lokulangazelela: Lalela lo m unt' om em ezayo,
Ungath' uyalila. Inkosi yensizw a! Kami lokhu kulangaza kuyavela
nalaphaya ezibongw eni zikaZw elithini: 'Sengathi uyakhala, uyalila,
Uthi: 'Igula likaJam a lichith ek ile. Lichithw a ingqw el' endala. Kanti
futhi kuzo lezi zibongo sihlangana nabantu bezizwe, inkolelo yabo kanye
nezikhali okanye izinto zokufika nabelungu. Nokho asikubeke ukuthi
abelungu laba baqala ukuvela ezibongw eni zikaDingane: Lam udl'uPiti
kum aB hunu, kodw a lapha babengatusw a neze abelungu njengoba
ubeka lo m ugqa. Uma sifundisisa izibongo zikaBhekuzulu sithola le
migqa em hlanganisa nezenkolo : W akhethelw a yizingane, saseK hatho-
lika, eM alom eni. Izibongo eziningi zalezi zikhathi ziqhakam bisa ukuba
khona nesandla esifakwa ngabam hlophe em busw eni w akw aZ ulu. Lokhu
kungase kube ukubekw a kw enkosi noma ukuqophisana kw enkosi
nem ibono yabelungu abathile. K w abona laba abam hlophe bagcine
sebebongw a yizo izimbongi lezi. Lokhu kuyagqam a nje kulesi sigaba
esicashunw e ezibongw eni zeSilo uZw elithini:

UBhejan' odl' abakayise


Phum ' esiqiw ini kade bekuvalele.
Ungalw' ende kaGabela,
Ayingangeyaw oyis' ingqunsw ana.

83
Ngisho bethi bayakwelula;
K uphelel' enqulw ini eyakhiw e yande,
Yashaya kuFosta ePitoli.
Kwaye kwazamazam'u-M .C. Bhota
Indlov' enebatha, um b h u d ' ubom v' ubheke.

O kunye esizokuthinta lapha yilokho okubonisa ukw ehluka kancane


lapha ezibongw eni zezikhathi zokubusa okw andulela lokhu. Kulezi
zikhathi ukubusa nokuphathw a kw abantu sekulaw ulw a ngondlebezi-
khanyilanga. Inkosi kulezi zikhathi ayisabekw a isizwe futhi nam andla
ayo asafocoka. Izimpi nokuviva kuhlaselw e amanye am akhosana nezizwe
sekuthathw a njengecala elikhulu eligcina likubizele ezakw adalaw ane.
Uma sibheka le m igqa elandelayo siyasithola isandla sabam hlophe
ekubekw eni kw am akhosi athile. Lezi zigamu ezim bili ezilandelayo
zibonisa ukubekw a kw enkosi uD inizulu noSolomoni:

U Sihhaw uhhaw u siyinkondlo,


Sivunyw ' abam hlophe,
W akw ethw es' isigqoko,
K w ath' isigqoko sakufanela
UPhongol' olum anz' abomvu
Inkos' efungelw e abam hlophe
K w ath' iBhunu uPotolozi
Bath' ayisabekw a koSenzangakhona!

Kuzona futhi lezi zibongo sithola kusalokhu kuqham ukile ukuxhum ani-
sa am akhosi oselwa nokhulukhulw ana bawo. Kuvamisile ukuthi njalo
nje kude kucashunw a ezibongw eni zaw oShaka nam anye am akhosi
am landelayo kuqhakanjisw a iphuzu lobuhlobo kanye nokuthi lezi
yizizukulw ane zikaM alandela kanje:

Uqaqelwa izinyoni.
Umkhonto kaShaka noDingane.
Wena nkonyane kaPhunga noM ageba.
Inkunz' ebom vu kaShaka,
Bebeth' iyahlaba
Kant' ithibela im ihlam bi yamadoda!

84
Ukuphetha le ngxoxo yethu yalezi zikhathi singathi jw aphu laphaya
ephuzw ini lekhono lokukhethw a kwezifengqo zamakhosi atuswayo.
Ekuqaleni bekuthi lapho kuhayw a inkosi kuchum e izifenqo zezilwane
nezinto ezesabekayo njengezezikhathi zawoShaka ezifana nezindlovu,
obhejane, izingwenya izimamba nezulu, m uva nje sekuvam e nezifenqo
zezinto ezifana nezintulo, amankonyane, im ikhonto, amatshe, ongcede,
onogwaja, izincuncu ngisho izim vukuzane uqobo. Kanti nezingathekiso
zamagama abam hlophe asethe chithi saka, yizw a nje lapho inkosi
uBhekuzulu esefanisw a kuthiw a: 'U bhushu ubhushe am adoda'. Yizwa
ukuthi inkosi uSolomoni ingathekisw a ngokweyayo kuthiw eni:

Ungcede onyonkel' isife, singaw i.


Unogwaj' oshiy' izinja zasoN dini/

Nakhu sikuthola nalaphaya ezibongw eni zenkosi uBhekuzulu lapho


imbongi ithathe ithi:

Itshe elehle phezulu kub'eN engw eni


Isinam bathi abasibonde basishiy' iphini,

N gakolunye uhlangothi ingonyam a uZ w elithini nayo ingathekisw a


ngesilw anyana esiham ba ngaphansi kom hlabathi nesiyim pum puthe
uqobo, kuthiw e:

Im vukuzan' evukuz' ubusuku


lye yabon' umame w asem aN debeleni.

Kuningi um untu obhekisisayo angakusho ngokuqokw a kwezifengqo,


Kodw a-ke ngeke sigeqe magula.

(g) Umaskandi

K ukhona uhlobo lwezibongo oluke lutholakale luthakw e nom culo,


kokunye nanengxoxo imbala. Izibongo zom askandi uhlobo lw ezinkondlo
eziyizibongo oluqham uke kam uva nje. Singathi zithe ukuhluka kancane
kw ezasendulo nakhu phela zona ziham bisana nom culo nezinsim bi. Lezi

85
zibongo zaqala lapho ikakhulu izinsizwa zidlala um culo ngezimfijoli,
isigingci noma inkositini. Insizwa yayizwakala ihlabelela ishaya imfijoli
yayo, iyasuka lapho isiyazibonga, ichazela abantu ukuthi ingubani,
w akw abani, onjani, owenzeni. Kamuva, ngaphandle kokucula nokubo-
nga sekuzw akala nokuxoxa, okungaba yindaba noma ukuphaw ula
ngokuthile. Kamuva futhi sekuze kube samdlalo nje im pela ngoba kuke
kuzw akale nabantu abaphendulanayo. Kulolu hlobo-ke kungase kutho-
Iakale um untu eshaya isigingci sakhe bese ezibonga, angaxoxi. Kokunyc
kungene konke, ukucula, ukuxoxa kanye nokuzibonga.

Umculo oham bisana nezinsim bi Iona yinto entsha esingathi ixhumana


nokufika kwabezizw e kuleli lakw aZulu. Kancane kancane Iwaya ngo-
kuya lw anda lolu hlobo, nabantu baluthanda kakhulu. Kumanje nje
ezinye zazo seziham bisana nam abhendi uqobo. Ukw anda kwalo kwagci-
na sekuze kw aqoshw a kw enziw a am arekhodi amaningi, amanye awo aze
agcine edle ubhedu kwezom culo w esintu, esungulw a em incintisw aneni
yasem adolobheni yabadlali bezimfijoli okanye izinsim bi.

Ake siphendule um buzo othi, kungani lo mculo oham bisana nezibongo


ubizw a ngegama elisuselw a kw elesiB hunu elithi 'm usikant' na? Uma
kubhekisisw a umculo w om dabu wam aBhunu ungathola ukuthi uku-
dlalw a kw enkosintini kuyisisekelo esibalulekile kuw ona. Lolu hlobo
Iwezibongo zom askandi lubonisa ukulum bana kw am asiko obum bongi
bamaZulu nomculo w esilungu, lokhu singakubuka futhi sikuthathe
njengokuthuthuka kolim i nam asiko okuham bisana nezikhathi nezimo
eziguqukayo jikelele. Kanti okunye nje ukubonisa ukuthi sekukhona
lapho izinhlanga zixubana khona kuleli lakithi, kanjalo nam asiko
asethanda ukw eqelana. Kamuva nje sekunezinhlelo ezike zidlale lo
mculo wezibongo zom askandi laphaya kom abonw akude nasem sakazwe-
ni wesiZulu. Lokhu kubonisa ukw am ukelw a kw aw o lo mculo njenge-
ngxenye yesiko elikhulayo esizweni.

Bese sishilo sathi lolu uhlobo olusha Iwezibongo eziham bisana nomculo
nezimfijoli. K uningana-ke okuhlukile kulolu hlobo lobuciko ngaphandle
kokucula nokusetshenzisw a kwezimfijoli.

86
Singaqala ngokubhekisa em culweni w okw eshelana. Lapha sihlangana
nezibongo eziqham uka lapho insizwa ishela intom bi, okuham bisana
nengxoxo nomculo othile ozibikayo. Lapha sithola kuxubene ingxoxo,
umculo kanye nezibongo kanje:

Inhliziyo yam i ibuhlungu


(M zikayifani Ntuli)

ICULO:
Intombi: Inhliziyo yam' ibuhlungu!

BAYAPHENDULANA:
Insizwa: Dudlu, zal' abantu ziy' ebantw ini,
A kukho ntombi yagan' inyamazane sikhona;
Awu ngasho ngaqham uka m ina mfo kaNtuli.
Intombi: Angizelanga wena la m ina, ngizel' ukuzokh' ama-
nzi.
Insizwa: Nkosazan' em hlophe efana nezihlabathi zolwa-
n d le .. .
yim ina ngizele w ena ngoba ngiyakuthanda.
Intombi: Ngoba uzwe kuthiw a ngithanda bonke laba bafo-
kazana?
Insizwa: A ngikhulum el' om uny' u m u n tu . . . futhi ngize
nenkom ' efile, nenkom ' ephilayo.
Intombi: Uzwe ekhaya bethi bafuna inkom ' efileyo na?
A w usuke lapha pham bi kw am i.
(Icula) Inhliziyo y a m 'ib u h lu n g u ...

IZIBONGO:
Insizwa: K hulum a nazo hlale bem zond' abafazi nam adoda,
Bethi uyofa nini m fokaNtuli.
Khona kw aZulu eN kandla laph' engizalwa khona,
Phansi koM ndunduzel' intab' engiyakheleyo,
Umful' engiw uphuzayo ngiphuz' iMevane phakathi
nayo.
Khona kw esikaM akat' uShifu engim akhele,

87
Khona kw esikaC hom okuzithelay' isigod' engiku-
sona
A w uzw e-k' ukuthi ithini?
Ingunguluzane kade kw asa beyigunguluza
K huphuka Mageba,
Hhayi ungab' usakhuphuka kuyehlela.
Ithin' ingudlam ahlathi?
Bhal' ufo lapho w ena Richard.
Bathathe Sgidi.
Yiz' uvalo.
Awu, yehheni w ebantu.
Wobuza ma un g ay ith o li...

BAYAPHENDULANA:
Insizwa: Sengibuye ngabuya nkosazan' em hlophe
efana nezihlabathi zolw andle. Ush' ukuthi
into yami engangiyikhulum a kuw e namanje awu-
kayizw a?
Intom bi: Cha, amade anginawo.
Ngicel' ungilinde ngiyotshel' odadew ethu.
(Icula) Uyithemba lami,
Uyithemba lami we-e-e.

IZIBONGO:
Insizwa: Awu, ngadla m ina mfo kaNtuli ngingasaqali ma-
doda.
Awu, ngayishaya m ina mfo kaNtuli,
Awu, ngadla m ina mfo k aB h asik id i...
Awu, ngangazi nginjena-ke,
Awu, ngayithatha m adod' im bal' enhle,
A w u ...
Awu, wazibam ba uBonginkosi, madoda!
W azibamba umfo kaSikhakhane omnyama nge-
nkani.
Sazibamba isihosha sikaM aZibani,
Sazibamba benyela abangizondayo,
Bahalalisa abangithandayo.

88
Ngazibamba mina ngunguluzane
O kukade kw asa beyingunguluza
Abezibaya ngezibaya.
Wazibamba ugogo lo oyisimomoloti,
Ngingazange ngim bone ugogo oyisimomoloti.
Ngazibamba mina bukhazikhazi,
Ubuhle bam abhodlela.
Ngazibamba mina sihlephuhlephu,
O phuhle phansi njengekhow e.
Bayangazi abaningi,
Umfula engiw uphuzayo
N giphuz' aMevane,
Khona kw esikaK hanyile isifunda.
Induna engiphethe nguM thethw a.
K hon' eThalaneni, kw aZulu eNkandla.
Usesho phezulu ezitezi mfo kaSigidla,
Unkomo zakhe zisesisw ini
Ezabanye zisezibayeni.
Ubaba-ke ongizalayo lowo.
Ngizibambe naye umfo kaM zimela,
Khona phesheya kw eN dikw e,
Khona kw aZulu eNkandla.
K huphuka M nguni om uhle,
Ikhona laph'ingom a.
Hhawu! ngazibam ba benyela ngem pela
Ingunguluzane okukade beyigunguluza!

Lokhu esikucaphune ngenhla, sithola kuxoxw a indaba ngekhono


lobunkondlo nom culo. Im bongi lapha izibike entom bini, izibonge
ngokusethulela ukuthi ingubani, w akw abani kuyiphi indaw o, izibale
zonke izinto ize igcine ngom fula ew uphuzayo. Izibongo zomaskandi
zinobunkondlo nazo ngoba kuningi esihlangana nako ezibongw eni
esikutholayo nakuzona. Nakulezi zibongo siyazithola izim paw u zobu-
nkondlo obufana nezifengqo. Nangu esezibiza ngengungulazane, u n k o ­
m o zakhe zisesisw ini. Kanti nasesakhiw eni sithola u k u phindaphinda
okuletha um gqum o om nandi ik ak h u lu k azi lapho sew uphelezelw a

89
yizinsim bi. U kuphindw a kwam azwi lokhu kuqhakam bisa izinto ezifana
nem vum elw ano nokuxhum ana njengoba sibonisa ngezansi. Lapha sibuye
sithole imbongi izibonga ngokuqonyw a kw ayo igqam isa ukuxhum ana
ngalezi ziqalo: Awu n g a d la ..., Awu ngayishaya. . . , kanjalo nalapho
eseyizethula ithi:

W azibamba umfo kaSikhakhane om nyam a ngenkani.


Sazibamba isihosha sikaM azibani,
Sazibamba benyela abangizondayo,
Ngazibamba mina ngunguluzane

Lokhu kuxhum ana esikubona kule m igqa ecashuniw e kubonisa isakhi-


wo esihlangane naso laphaya ezibongw eni zamakhosi, lapho kugqanyi-
swa ukuhlabana ezim pini sekuthiw a: W a d l'... W a m u d l'... Khona futhi
kulesi siboniso sihlangana nenkulum o-m pendulw ano nomculo. Iphuzu
elisha leli lokuxoxisana, ngoba lalingekho ezibongw eni zakudala.

Uma sibheka futhi kwezinye izibongo ezikuw o lo m khakha w okushela


sibuye sithole ukuhlela okw ehlukene kunalokhu okungaphezulu kanje.
Insizwa iyacula ibuye izibonge:

K hetha N tom bi
(Thikazisa M anqele)

ICULO: W onke la m asoka ayaziphekela


Ngayithatha bengafuni
Sebeyithw ai' abakwaBiyela
Intom b' ikheth' om thandayo
Wena ntom b' ikheth' om thandayo
W okheth' om thandayo

IZIBONGO: Zibambe Thikazisa ntom b' iyesokeni


Nangumfo kaM anqele la esekhona
K hulum a n a z o ...
U bab' ongizalay' ukw aZulu kw aH labisa
La ngiqham uka khona.
Intab' engiyakhele ngakhel' iM pem ba kaM anyana.

90
Umful' engiw uphuzayo ngiphuz' iKhuz' eli-
m hlophe.
Ehhe, ngibacabanga ngay' inkonyane kaJakaja
ziyijubile
Umfo kaShandu khon' M elmoth
Phansi kw eN undu la ngim thathe khona
U thin' um nakw ethu, uthini umfo kaSocijile?
Ha, eM elm oth kw elakithi la ebuya khona.
Awuzwe ukuthi ngibaqungqutha ngani;
Hhayi sengibaqungqutha ngozigi zeqhude ezehlu-
P um thakathi,
Sengiphum el' obala w ethu kw abha,
K w angced' om hlophe

ICULO: W onke la m aso k a...

Uma ubheka ngokunganakisisi ungathatha uthi labo m askandi bayafana


kanti phinde. Ngakho-ke kuhle sibabhekisise kahle lapho sesicw aninga
ukuze sithole um ehluko. Empeleni lesi sakhiw o nokuhlela kuvam isile
kom askandi abathinta ezokushela nokuqom ana.

Singabuye singene em khakheni lapho sithola kw ethulw a khona uku-


khononda okuthile. Lapha sihlangana nezibongo nom culo lapho imbongi
icula khona ibe iqonde ukuhlaba isimo esithile esigodini sakubo noma
ezweni jikelele. Ungathola ukuthi lapha iqala ngokundlalela ngokuzisho
u kuthi iqham ukaphi, ingubani, izalwa ngubani yena lowo ezalwa
ngubani. Yikhona lapho sithola khona izithakazelo esixoxe ngazo
ngapham bili. Selihlala obala manje ithonya lezithakazelo nezihasho.
Kuyothi lapho iqeda khona ukuzibonga bese icula, iculo lakhona lethula
imizwa yayo ngalesi simo esingam ukeleki. Kanti abanye om askandi
bandlalela ngengxoxo eyethula imizwa, bese kulandela um culo ngaleso
simo. Konke njalo lokhu akw ehlukene kangako nokuhlatshw a nokutu-
swa okutholakala ezibongw eni. Kule siboniso esilandelayo sihlangana
nokukhala kukaM gqashiyo Ndlovu cngom eni yakhe ehlaba isenzo
zezinduna, yona ebizwa ngokuthi:

91
We nduna
(M gqashiyo N dlovu)

INGXOXO YEZINSIZWA EZIMBILI:


Eyokuqala: Hhawu, mfo kaNdlovu ngizw ' isimanga,
U kuth' izinsizwa zilwa 1' emakhaya,
Zibulalana zodwa.
Kodwa inking' engiyitholayo,
Ngithol' ukuthi kunenduna phakathi.
Ngabe kuyiqiniso elinjani lelo ngempela?
Eyesibili: Awu, mfo kaNxum alo nami ngiyakhala.
N gikhala ngaz' izinduna lezi, ngoba
Nami !e nto m angiyizwa ngizwa
K uthiw a induna ikhona phakathi
Kule n king' eyenzekayo ngakho
Nami ngikhala ngaz' izinduna.
Izinduna lezi yizon' eziqhatha abantu,
Ngoba kuthi kw enzeka konke lokhu
Isuke isikw az' induna.
Ngikhala ngazo izinduna lezi bakithi.
Baphelile abantu bakithi!

UMCULO WESIGINGCI
Igosa: Wena N duna w en' uqhatha bantu!
Amaganyana aziswana,
Engani w abaleka, engani wabaleka!
Kunzima kuliw a.
Awu wena nduna w en' uqhatha bantu!
Abaculi: U kukhulum a am aganyan' aziswana
Engani w abaleka, engani wabaleka!
Kunzima kuliw a.
Awu w ena nduna w en' uqhatha bantu!

ISIGINGCI NENKOSITINI NEKHWELO


IZIBONGO: Awu, zisho njalo ma seziphum a zizinikela
Ezakithi madoda! Mhi! E!
K w aSibhulu kwaNongom a la ngiqham uka khona,

92
Phans' emgodini kwaN ongom a la ngizalwa khona.
Umful' engiw uphuzayo . . .
Nguy' uM gqashiyo um fokaNdlovu Iona nje!
Ufun' ukuthini?
N gizokubek' usim ende em ahlom be ungesabi.
Zithinte m akhulu wcnto,
Uthinte ubhasikidi womfo kaZulu mani!

Kamuva nje sekuphum a izingoma zom askandi ezicula zibeke imizwa


ebuhlungu ngesim o esingagculisi sabaphathi. Lokhu siyakuthola lapho
sifunda izibongo zamakhosi kodw a khona imizwa yesizwe yayingethu-
lwa noma ubani nje, kw akuba yim bongi kuphela. U kuguquka kwezi-
khathi nesim o ezweni sesinikeza noma ubani ilungelo lokubeka im ibono
ngokungam gculisi em phakathini. Izikhalo zihlala obala eculw eni, na-
khona kukhona ukuzethula kom culi lowo njengoba sikuthola nje lokhu
kuleli rekhodi likaPhuzikhem isi noK hethani elithi:

Imbizo

ISIGINGCI
Igosa: Lo m hlaba uyathengw a, ngabon' isu elikhona.
Abaculi: Lo m hlaba uyathengw a, sabon' isu elikhona.
Njalo ngonyaka sikhokh' imali yam asim ' enduneni;
Njalo ngonyaka sikhokh' imali yam asim ' enduneni.
Abaculi: Lo m hlaba uyathengw a, ngabon' isu elikhona!
Igosa: Awu, njalo njena khon' imbizo;
Awu, njalo njena khon' imbizo.
Sebesibiz' emakhosini!
Sebesibiza phezulu!
Sebesifun' esikoleni!
Bath' ikhon' imbizo.

KUKHALA ISIGINGCI NEZINYE IZINSIMBI


Abaculi: Ungaboni siphila kulo m hlaba siyaw ukhokhela.
Igosa: Awu, njalo njena khon' imbizo;
Abaculi: Ungaboni siphila kulo m hlaba siyaw ukhokhela.
Igosa: Awu njalo-njena khon' imbizo;

93
Abaculi: Ungaboni siphila kulo m hlaba siyaw ukhokhela.
Igosa: Sebesibiz' emakhosini!
Abaculi: Ungaboni siphila kulo m hlaba siyaw ukhokhela,
Igosa: Sebesibiza phezulu!
Abaculi: Ungaboni siphila kulo m hlaba siyaw ukhokhela.
Igosa: Sebesibiz' emakhosini!
Abaculi: Ungaboni siphila kulo m hlaba siyaw ukhokhela.
Igosa: Bathi kukhon' imbizo.
Abaculi: Ungaboni siphila kulo m hlaba siyaw ukhokhela.

UMCULO WESIGINGCI
IZIBONGO: Awu, bazihlaba ngempela
Bon' oPhuzekhem isi noK hethani, madoda!
Mfo kaM ajazane omnyama,
K hon' eM khomazi phansi lapho sibuya khona,
Khona phansi kwaDum isa.
Umful' esiw uphuzayo siphuz' uM akhw elakade.
Hhayi, ngabatshela mfo kababa Khethani ngathi:
N iboyithinti im am b' isem godini,
Ngathi: Hhayi bafana iyonilimaza m eke yaphum a.
Ubobhasobha nsizwa ungami ngezansi,
Isigxabhane lesi esizayo siw is' amatshe, wu!

UMCULO WESIGINGCI
Igosa: Awu, njalo njena kukhon' imbizo,
Awu, njalo njena khon' imbizo.
Sebesibiz' am akhosini,
Sebesibiza phezulu.
Nithi siyithathaphi imali?
Nithi siyithathaphi imali?
K ukhon' imbizo.
Abaculi: Ungaboni siphila kulo m hlaba siyaw ukhokhela.
Igosa: Awu, njalo njena khona' imbizo.
Abaculi: Ungaboni siphila kulo m hlaba siyaw ukhokhela.
Igosa: Awu, njalo njena khon' imbizo.
Abaculi: Ungaboni siphila kulo m hlaba siyaw ukhokhela.
Igosa: Sebesibiz' emakhosini!

94
Abaculi: Ungaboni siphila kulo m hlaba siyaw ukhokhela.
Igosa: Sebesiza phezulu!
Abaculi: Ungaboni siphila kulo m hlaba siyaw ukhokhela.
Igosa: Sebesibiz' ezinduneni!
Abaculi: Ungaboni siphila kulo m hlaba siyaw ukhokhela.
Igosa: Sebesifuna kaM tholi!
Abaculi: Ungaboni siphila kulo m hlaba siyaw ukhokhela.
Igosa: Nithi siyithathaphi imali?
Nithi siyithathaphi imali?
K ukhon' imbizo.

UJOHNSTON ZIBOKWAKHE MNYANDU (UPHUZEKHEMISI)

Kw esinye isikhathi sithola um culi osam bongi ebeka imizwa yakhe


ehlaba indlela abathile beziphethe ngayo, yena ayibona ingem ukeleki
neze e m p h ak ath in i. N ansi njena le nsizw a ikhala n g o k u ziphatha
komunye:

UM hlongo
(David Ngcobo)

UMCULO WESIGINGCI
Igosa: We, nangu noM hlongo ezenz' inkosi

95
Abaculi: Ukhwela phezu kw endlu
Igosa: We N jom ane...
We, nangu noM hlongo uzenz' u s h ifu ...
IZIBONGO: Awu, khulum a nazo ngem pela phela mfo k a ...
Zulu mottos,
Jika bajikile
Piki nefosholo
Zibambe black cat madoda
Ikat' elingenam sila
Ngob' ukuba linom sila ngabe balixosh' ekhaya
madoda
Kodwa njengoba alinaw o nje umsila,
Ngeke balixoshe.

Kamuva nje ithonya lezibongo selitholakala kom askandi abaphelezelwa


yizigubhu lapho becula amaculo ethula izimo zanamhlanje. Lapha umculi
akasazibongi kangako w ethula isimo nje, Uqala acule: um culo namazwi
okulandelayo kuhlanganisa izilimi, kube nesibhinqo nem buqo kube
njeya.

Eziningi izibongo zom askandi zinabo ubunk o n d lo obuzixhum anisa


nezibongo, izithakazelo, izihasho nokunye. M asilituse ithonya lobuciko
bomlomo elisalokhu libonakala njalo ekuthuthukeni kolimi lwakwaZu-
lu. U kuthuthuka kolim i njengazo zonke izinto kuham bisana nezikhathi
eziguqukayo. Kumanje nje sithola nam asiko nem iculo yezinye izizwe
seyibam ba iqhaza okanye ibonakala ezinguqukw eni zolimi lwesiZulu.

Izimbongi nosiba

Besilokhu sibhekisa kw esikuthola kulesi sahluko njengobuciko bom lo­


mo. Asikusho nokho ukuthi kukhona lapho kuham ba kuham be sithole
ubuciko bom lom o sebuham bisana nesim anje nom a usiba. Kuyenzeka
sithole um untu okungathi noma zikhona izibongo zakhe 'zom dabu',
kokunye eziqanjw e yim bongi engasebenzisi lusiba, abuye abe nezinye
aziqanjw a yizim bongi eziqala ngokubhala phansi. Om unye onalezi

96
zinhlobo zezibongo nguM ntw ana w akw aPhindangene, iNkosi uM ango-
suthu Buthelezi. Bheka nje ngoba encw adini kaLiz G unner noM afika
Gwala (1991:88-96) size zithole beba babili ababonga uShenge ngezi-
bongo ezahlukene. Om unye nguH ezekiah Buthelezi, kanti om unye
nguPhum asilw e M yeni. Izibongo zikaShenge eziqanjw e nguM yeni
zezwakala zihaywa nguye uM yeni ngo-1976 m hla kuhalaliselw a le nkosi
ngokuhlonishw a ngeziqu zobudokotela yiYunivesithi yakwaZulu. Kanti
ziyatholakala futhi ezinesihloko esithi 'U M angosuthu' eqoqw eni lakhe
uM yeni lezinkondlo zezimanje elithi Hayani MaZulu (1969). Izibongo
ezaqoshwa uM yeni ezihaya ngo-1976 azifani nezibhalw e phansi ezashi-
cilelw a ngo-1969. Singakuphaw ula nokuthi seziziningi ngem pela izi-
mbongi ezisebenzisa usiba esezaqamba izibongo ngoM ntw ana w akw a
Phindangene. Akuyona into entsha ukuba um untu oyedwa abongwe
ngabantu abaningi. Ingani ngaphandle kukaM ahlangeni w akw aK hum a-
lo owayeyimbongi kaCetshw ayo, le nkosi yayinenye imbongi, uM anxele
wakw aButhelezi (Rycroft 1974: 61).

Nokho asikubeke ukuthi ithonya lezibongo lisalokhu libelesele emi-


bhalw eni yethu ngoba liyabonakala ngisho nasezibongw eni ezintsha
zakamuva nje esisazozidingida kw esinye sezehluko.

M asisonge le ngxoxo ngezibongo ngokuphaw ula ngethonya lezibongo


eselokhu libelesele njalo ezim pilw eni nasem ibhalw eni yethu. Bese
sithintile ukuthi izibongo lezi zithathw a njengom lom o oyiqiniso wo-
m lando w akw aZ ulu, nakhu ziphaw ula ngobunjalo benkosi, izimpi
ezihlanganisa ukuhlabana ngisho nokuhlulw a kw aleyo nkosi, ukuthi-
ntw a nokubusa kokunye nabathile ababephila nayo. Kanti nasem ibha­
lweni ngisho em iculw eni im bala liyabonakala leli thonya. Sesiphaw ulile
ngezibongo zikam askandi ezixutshanisw e nezimfijoli nem iculo yasesi-
lungw ini.

Siyalithola futhi ithonya lezibongo em ibhalw eni ethinta ezemilando,


efana namanoveli, amadram a ngisho nezinkondlo imbala. Lapha sithola
kucashunw a izibongo zenkosi okuxoxw a ngayo ukufakazelisa ubunjalo
bom lando lowo, kokunye ukuxhum anisa okususelw a em qondw eni
w om bhali nom lando.

97
Uma sifunda izinkondlo zanam uhla sithola kunokucashunw a kwem igqa
cthile yezibongo kuzona. Yikho lokhu okw aze kw abonw a ngu-R.
Kunene, kw ase kuthi ngonyaka ka-1961, w acubungula izibongo kanye
nethonya lazo ezinkondlw eni zanam uhla. K ulokhu kucubungula kw akhe
w athola kukhona ubudlelw ane obukhulu ezintw eni ezifana nesakhiw o,
ukuhlelw a kwam agam a nokusetshenzisw a kwezifengqo. Omunye um-
cw aningo ogxila kuleli thonya oka-B.D. Ntuli othi Imitation in Zulu
Poetry (1974).

Asikugcilele lapha ukuthi ukutholakala kw ethonya lezibongo ezinko­


ndlw eni zom bhali akulona ichilo. Okuye kubaluleke ukuthi um bhali
yini okungokw akhe nje akw enzile ngalokho akuthathe ezibongw eni.

Elokusonga

Uma siphetha le ngxenye ephathelene nobuciko bom lom o jikelele


sizophinda futhi sigcizelele ukubaluleka kw abo em ibhalw eni jikelele.
N gaphandle kw alesi sendlalelo okanye um thom bo, kuncane kakhulu
esingabe siyakw azi ngobuthina, ikakhulu izim pande zokusungulw a
kw esiZulu ngoba ngezikhathi zasem andulo izinto zazingabhalwa phansi.
Lokhu kuhlatshw a noma ukutusw a kwezenzo zomuntu okanye isimo
esithile yinto endala eyayenziwa nasem andulo. Intom bi eyayinesici noma
yenza into engavunyelw e em phakathini kw akuculw a ngayo, kw enziw e
ihlaya kube njeya.

Siyalitusa ikhono nobugagu balobu buciko obaqala buqukethw e futhi


bugcinw a em ilonyeni kw athuthuka njalo kwaze kw atshuza ngomlomo
wosiba, kunam hlanje sekw ethulw a ngam arekhodi omculo kanye ne-
zithw ebuli zamavidiyo nom abonakude. Sethem ba ukuthi ngem inyaka
ezayo kuyobe sekukhule kw adlondlobala kube sekulandela izindlela
ezintsha eziyobe sezisetshenzisw a lapho kucutshungulw a ngalezo zi-
khathi.

M asiliphinde futhi iphuzu lokuba sem qoka nokubaluleka kobuciko


bom lom o kamuva, ikakhulukazi kw ezem fundo. Kamuva uM nyango

98
W ezemfundo w abuyisa ukufundw a kwezobuciko bom lom o ezikoleni.
Kumanje nje sebufundw a kuze kuyofika nasem ayunivesi. Lokhu kubu-
nika isikhundla esifanele nesithunzi lobu buciko. Kufanele lokhu ngoba
eminingi im ibhalo yesimanje yeyeme kubo.

99

You might also like