Download as docx, pdf, or txt
Download as docx, pdf, or txt
You are on page 1of 2

Uvuthondaba: Lesi yisigameko esikhulu kunazo zonke indaba isesichongweni, noyifundayo

akasavumi ayibeke phansi incwadi ,noma ngabe ubesozela akuvumi ayiyeke lapha ufuna
ukuzwa ukuthi engabe iyozala nkomoni kuvela amaqiniso odwa.

Uvuthondaba luqala lapho uPhindile ehlangana noThulani lapho ayeme khona ekhoneni lika
Stanger no Vitoria Street Embankment elindele abadlula ngeyimoto ukuze bame bathenge.
Nebala ke uThulani wathatheka kuPhindile akazange ayingene indaba yokuthenga kuqhubeke
izinsuku sekubona nengane encane ukuthi laba bantu bayathandana, yize kwaqala kwaba
nzima kuPhindile ukuvuma ukuthi bethandane. Sithola sebezwana ngendlela engathi kade
bazana,sithola uSbonelo umngani kaThulani eganwe unwanu ngendaba ka Thulani ukuthi
usethanda umahhosha uyeka intombi yakhe akade athandana nayo uMabusi ,lapho akezwa
mshini uThulani ngentombi yakhe ayitholile.Sithola uMabusi ezifikela mathupha ehhovisi
likaThulani ezokhuluma ngaloludaba aluzwile ukuthi indoda yakhe seyithanda umqwayizi
waseThekwini,uthi akakhethe phakathi kwakhe nalo mqwayizi akafuni ukubhanqwa nezibi
zeTheku yena ,nakhu lapho izinto sezigaya ngomunye umhlathi ’Ngikhetha zona izibi
zeTheku lezo kusho uThulani evula iscabha ephuma emshiya kanjalo.Sithola uMabusi
eyokhalela umngani wakhe ngesehlakalo esimehlele ngendoda yakhe evele yamshiya
engazelele ,ngaso leso skhathi sithola uThulani eqonde ko Stanger street eseyolanda
isthandwa sakhe esesicela ukuba siqoqe izimpahla ukuba bezohlala ndawonye.

Siyabathola sehlezi ndawonye bexoxa ngekusasa labo ukuba uPhindile kumele abuyele
eskoleni ngoMasingana, nakhu futhi uThulani eseyoveza isthandwa sakhe ekhaya kubo,
noma kwaqala kwabanzima kodwa kwaya ngokuya, ngoba nezintombi zakubo ka Thulani
ebezingayingeni indaba ka Phindile zagcina sezinganankinga. Sekungunyaka omusha sithola
uPhindile ujabule ubuyele esikoleni eyoqedela ukufunda kwakhe okuyilapho ahlangana
khona nomfana wangakubo okunguVusi owatshela ukuthi ekhaya kubo kade sekushone
ubaba wakhe omdala kusenjalo wamutshela ngodaba lukaBongiwe owayevamise ukuyosiza
uChris ngemisebenzi njengoba umaXaba wayesegoli. Kuzwakala ukuthi Chris wamnukubeza
naye uBongiwe kuchaza uVusi ethi kubo kaBongiwe bafuna ozoba ngufakazi siyathola
sebehlangene uPhindile no Bongiwe beduduzana ngokuhlukumezeka siyathola ukuthi icala
laqulelwa enkantolo kamantshi emgungundlovu oluyilapho uZwane walahlwa yiwowonke
amacala okuhlukumeza ngokocansi wavalelwa ejele.

You might also like