Download as docx, pdf, or txt
Download as docx, pdf, or txt
You are on page 1of 7

UMDLALO -UKUFA KUKASHAKA

AMABANGA ESAKHIWO SOMDLALO

ISETHULO
Lapha sethulelwa umlingiswa oyiqhawe noma ummeleli nenkinga abhekene
nayo, isizinda, isisusa sodweshu kanye nabanye abalingiswa abaqavile ababambe
amaqhaza ahlukahlukene.
 Sethulelwa umlingiswa oyiqhawe/ ummeleli iNkosi uShaka elawini layo kade
ivakashelwe omunye wabafowabo uDingane.
 Inkinga yayo icabanga ngamazwi ashiwo uDingane athi “umbango usuka
emlotheni”.
Okungukuthi nakuba engenankosana bakhona abayodla ifa lakhe nabangahle
bamgudluze. Nabafowabo base bekhombisa ukungabi mnandi.
 Isisusa sodweshu ukuthi uMkabayi wayezoshwelezela uNonkenkeza
owayesolwa ngokuthakatha. INkosi uShaka ayifunanga ukumxolela
izithethelela ngokuthi umthakathi akaphili kwelakhe. UMkabayi umtshengisa
indlela uShaka abusa ngayo nokuthi akufanele abantu bayisabe futhi
babulawe ngesihluku.
 Sethulelwa nabanye abalingiswa abaqavile okunguMkabayi, uJeqe kanye
noDingane.
 Le ndaba yenzeka ngesikhathi sasemandulo noma sakudala izizwe
zisabuswa amakhosi.
 Ukuhlaselana yimpilo yemihlangemihla kwandiswa nokuvikelwa kwemibuso
yamakhosi.
UMZIMBA:
UKUBHEBHETHEKA KODWESHU
Lapha-ke umlingiswa oyiqhawe simthola ewa evuka nokuxazulula inkinga yakhe.
 Kulo mdlalo amazwi ashiwo uDingane kuShaka afika ashiwo uMkabayi emva
kwengxoxo yabo.
 UShaka kumphatha kabi ukusongelwa uMkabayi, kodwa wafunga wagomela
ukuthi uzowumisa umbuso kaZulu esongelwa enjalo.
 Udweshu luyabhebhetheka manje uShaka ubatshela ngobubi babo
osebubonwa yiwo wonke umuntu ngezinye izindlela wayefuna ukubatshela
ukuthi uyazi ukuthi kukhona abafuna ukukwenza.
 UShaka ubatshela ngazimisele ukukwenza ukunqoba ezinye izizwe ukuze
akhe umbuso kaZulu omkhulu.
 UMhlangana, UDingane noMbopha bayaphikisana nokushiwo uShaka. Munye
kuphela umuntu owayevumelana noShaka kwakunguJeqe kaSompisi.
 UShaka ubathumela kohlasela uMjojeni Ngcobo ufuna babesekhaleni lempi.
 Akubaphathanga kahle okwenziwa uShaka ukuthi bayolwa nengwazi
enjengoMjojeni babona efuna bafe.
 UMkabayi simthola ephindela kuShaka ngalokhu ayeyomxwayisa ngakho.
 UMkabayi utshela uShaka ukuthi uma engakuqikeleli lokhu akushoyo umbuso
wakhe uwubona uhlakazeka futhi ubona izizwe ziphindela ebumnyameni
ekade ezephule kubo.
 UShaka umtshela nokuthi oMkabayi bambona ebusa ngesihluku uma yena
Shaka ebulala amasela nabathakathi.
 UShaka utshela uMkabayi ukuthi yena ukholelwa ukuthi umuntu uma enze
okungalungile kufanele kuphele ngaye.
 UMkabayi uvakashela uDingane umtshela ngokufanele akwenze njengoba
uShaka efuna ukumbulala nje.
 UMkabayi uvezela uDingane ingozi abhekene nayo uze asho ukuthi
abaphansi basambhekile kodwa uma engenzi mzamo wokuzisindisa nabo
bayohlanza ngedela.
Uze afanekise ngezinkomo ukuthi ziyakuzwa ukufa uma kuza.
 UDingane ugcina evumelana noMkabayi naye uveza ukuthi ingozi alengela
kuyona uyayibona.
 UMkabayi ufuna kube uDingane othatha ubukhosi bukaShaka. Umcebisa
ngokuthi akakhulume noMhlangana kanye noMbopha ukuze benze itulo
lokubulala uShaka.
 UDingane simthola ekhuluma yedwa emva kokuba esehambile uMkabayi.
Uvalo luyamshaya kodwa itulo wazitshela ukuthi uzolakha. Kusenjalo
esacabanga ezwe izwi limtshela “Nampo ubukhosi Dingane, bucoshe”.
UKUJEQEZA EMUVA
 Ukufika kukaMkabayi ezotshela uShaka ukuthi uNonkenkeza umthumele
ukuba azoshweleza kuShaka.
 UShaka simthola esesele yedwa ecabanga amazwi afike ashiwo uMkabayi
kanti noDingane wayekade ewasho ngaphambilini athi “umbango usuka
emlotheni”. Umbhali usivezela ukuthi akuwona amazwi okuqala lawa ashiwo
uMkabayi nezinye izibonelo.
ISU LOKUBIKEZELA
 Sithola uShaka exoxa noJeqe ngenkathi emthuma ukuthi ambizele oDingane
ukuze abatshele ngesinqumo sakhe sokuthi baye kohlasela uSoshangane.
Uma sebehlukana UShaka uthi kuJeqe elokufa alitsheli.
 Sibuye sithole ngenkathi ekhuluma nenyanga yakhe UShaka uzwa umzimba
wakhe utubekile sengathi ubenza umsebenzi onzima noma omkhulu. UShaka
wayebikezela ngokufa kwakhe nezinye izibonelo.
ISIXAKAXAKA
 UShaka ubikelwa ngohambo ababe nalo kade ebathume ukuba bayohlasela
uMjojeni.
 Isu likaShaka aliphumelelanga lokuthi bafele empini. Babika ukuthi uMjojeni
akazange abalwise uvese wazishwelezela.
 UShaka ubatshela ukuthi sekufanele bayohlasela uSoshangane, kodwa ufuna
bahambe bodwa.
 Ugqayinyanga ukhuluma nenceku ngakuzwile ngenkathi uMkabayi ebiza
uDingane ngenkosi futhi sengathi uMkabayi useke wahilana noShaka.
 Ugqayinyanga ufuna ukutshela uMbopha noma uJeqe le ndaba ezwe owabo
umoya kodwa inceku ibona kuyindaba yomndeni lena.
 UDingane uhambela uMbopha umtshela ngenkululeko eza nayo.
 UDingane ubuye amtshele ngetulo okufanele balenze ukuze uShaka afe.
 UMhlangana ungena ngenkathi uDingane ekhuluma noMbopha.
 UDingane ubachazela ngobubi bukaShaka nezinto azenzile njengokubulala
abantu bengenzanga lutho.
 UDingane ubuye abatshele ukuthi lokhu akucebayo kuvunywa ngisho
abaphansi. Uze abavezele ukuthi nabo bayefana noShaka abahluke ngalutho
kuyena futhi kukhona lana eshoda khona kunabo.
 UDingane uveza ukuthi uShaka kufanele adedele uMhlangana, kodwa
uMhlangana uyazihlangula kulokho.
 UDingane ubavezela nomonakalo asewenzile uShaka njengokuphendula
amanxuluma abe amanxiwa, abafazi nezingane kugcwele izintaba, abanye
bayazibulala ngenxa yakhe uShaka.
 Simthola ebavezela nokuthi uShaka ulala ubuthongo ebusuku bona
bamgadele izimpi zezitha ahambe ezenza yena.
 UMhlangana kanye noMbopha balivuma itulo lokubulala uShaka.
 UJeqe uxoxela ugqayinyanga iphupho lakhe aliphuphile lapho ebona inkosi
iqingqilizile, yopha abone iziphundu zalabo abayigwazile seziyosithela.
 Ugqayinyanga utshela uJeqe ukuthi uMkabayi akasasuki elawini likaDingane
kanti uDingane akasasuki kwelikaMhlangana.
 UJeqe ukhuluma noShaka mayelana nokuthi kubizwe uDingane, uMbopha
kanye noMhlangana mayelana nokuhlasela kwaSoshangane.
 UShaka utshela uJeqe akufisayo ukuba kwande ubukhosi bakhe.
 Umbiko kaShaka wedluliselwa koDingane uJeqe.
 Sithola oDingane befika kuShaka abatshele ukuthi kufanele bahlasele
uSoshangane.
 Wabatshela ukuthi uJeqe wayemthumile benoNongo.
 UDingane, uMhlangana kanye noMbopha basephethelweni letulo labo.
 UDingane ubatshela ukuthi kufanele uShaka afe lingakafiki elakusasa
njengoba efuna bahlasele kwaSoshangane.
 UMkabayi ufika kuxoxa oDingane.
 UMkabayi uyabathethisa usho nokuthi ukufa kwathi kuqhobozela isizwe
babukela nje.
 UMkabayi ubabuza umbuzo wokuthi bona ukufa ngeke yini kwababulala.
 UMkabayi ubatshela ukuthi ufuna baphelezele uDingane uma eseyobulala
uShaka.
 Ubatshela nokuthi uShaka ufuna ukubabulala njengoba ethi abaye
kwaSoshangane.
 UDingane utshela uMkabayi ubunzima abanabo ngoba uJeqe usebuyile itulo
labo ngeke lifezeke kahle.
 UMkabayi utshela uDingane ukuthi uJeqe ngeke angene esibayeni nenkosi
njengoba efika ebusuku inkosi iyovuka nenyanga yayo kuphela.
 Uze amtshele ukuthi kufanele bayobhaca emva kwesibaya bangangeni kuze
kube inyanga iyachela. Uma iqeda ukuchela kufanele babande ngezimpundu
zesango uMbopha bese egwaza kuqala.
ISIGAMEKO ESIFIHLELWE UMLINGISWA OTHILE
 UShaka ufihlelwe nguMkabayi noDingane ukuthi bakha itulo lokumbulala.
 UShaka ufihlela abafowabo ukuthi ufuna ukubabulala njengoba efuna baye
kohlasela kwaSoshangane.

UVUTHONDABA/UVUTHWANDABA
 Kulo mdlalo sithola uShaka eselawini lakhe kanye nenyanga yakhe.
 UShaka ukhala ngokutubeka komzimba enyangeni yakhe. Ngenkathi inyanga
noShaka beselawini uDingane, uMhlangana noMbopha bona benza njengoba
ayeshilo uMkabayi bacashile.
 Inyanga iphindela emuva kade iyochela oDingane, uMbopha noMhlangana
bangena bagwaza uShaka.
 UMbopha umgwaza kuqala bayalandela nabanye.
 UShaka ukhala ngokubulawela ubukhosi.
 Ubaqalekisa ngezinyoni zolwandle azibhekile. Bayabaleka emva kokubulala
uShaka.
ISIPHETHO
 Kulo mdlalo sithola esiphethweni uJeqe ethatha isidumbu sikaShaka.
 UJeqe ubona kuwukufa kwesizwe ukufa kukaShaka.
 UJeqe ucabanga izinto ezinhle ezenziwe uShaka njengokumisa umthetho,
inhlonipho nokuzithanda, yize ayenolaka, engathetheleli kanye
nokungancengi.
 Emva kokuphuma kukaJeqe esibayeni kwangena uDingane, uMbopha
noMhlangana basusa isidumbu basifihla emgodini wamabele khona
esibayeni.

UMYALEZO
Umyalezo yilokho umbhali ahlose ukukwedlulisela kubafundi noma emphakathini

ngombhalo wakhe. Kungaba ukuqwashisa, ukukhuthaza, ukuvula amehlo kubantu


ngesimo esithile nokunye. Lokhu kuvama ukwethulwa ngomusho ophelele.
Imiyalezo ingehlukahlukana okubalulekile ukuthi umfundi asekele akushoyo
ngokusencwadini.
 Umyalezo walo mdlalo kungaba okunye kwalokhu:
 Kubalulekile ukulalela uma uvuswa. (UShaka simthola engafuni ukulalela
uMkabayi) .
noma
 Umbango usuka endlini. (UShaka wabulawa asondelene nabo kakhulu).
Sithola bembangisa ubukhosi bakhe okungabafowabo okunguDingane,
uMhlangana kanye nobabekazi wakhe uMkabayi.
INDIKIMBA
Indikimba yona-ke ngumqondo jikelele noma yilokho indaba ekhuluma ngakho
ngegama elilodwa kumbe ngebinzana nje lamagama.
 Indikimba yalo mdlalo ukufa noma umbango: ngoba phela indaba yonke
ikhuluma ngokubusa kukaShaka kanye nokufa kwakhe. UShaka ngenkathi
ebusa kukhona abangahambisani nakho njengoMkabayi uze ayonxenxa
uDingane ugcina akhe itulo lokuba agudluzwe.

UDWESHU
Udweshu lwangaphakathi
Imicabango yomlingiswa ejulile ngenkinga noma ngesimo
esithile okudingeka agcine ethathe isinqumo esithile ngaso.
 UShaka uhlezi yedwa elawini lakhe ujulile ucabanga ngamazwi ashiwo
uDingane ukuthi umbango usuka emlotheni. Ucabanga ukuthi kusho ukuthi
kukhona abazomgudluza nezinye izibonelo ezinembayo.
 Luningi olunye udweshu lwangaphakathi umfundi okufanele azitholele lona.
Udweshu lwangaphandle
Ukushayisana noma ukuphikisana kwemibono okubandakanya
abalingiswa ababili noma ngaphezulu.
 UShaka noMkabayi abazwani ngenkulumo ngenkathi uMkabayi
ezoshwelezela uNonkenkeza.
 UShaka wayefuna abulawe uNonkenkeza kanti uMkabayi wayefuna
angabulawa.
 UMkabayi uthethisa uDingane ngokungaboni inkinga abhekene nayo
okuyinkosi uShaka.
 Luningi olunye udweshu lwangaphandle umfundi okufanele azitholele lona.

IZIGAMEKO/IZEHLAKALO/IZIGIGABA
Lapha sibheka izigigaba ezikhona emdlalweni ezinyusa indaba iye kuvuthondaba.
 UMkabayi abezwani nenkosi uShaka kubangwa indaba kaNonkenkeza.
 UDingane abezwani nomfowabo inkosi uShaka uze athi umbango usuka
emlotheni
 Inkosi uShaka ibulawa abafowabo kanye noMbopha bayigwaza esibayeni
ngemikhonto ize ife.
 Zikhona nezinye izigigaba umfundi angazitholela kulo mdlalo.
ABALINGISWA
 Abalingiswa ababalulekile neqhaza abalibambile ngamunye endabeni:
Inkosi uShaka – Inkosi yesizwe samaZulu indodana kaSenzangakhona
noNandi
UMkabayi kaJama– Ubabekazi wenkosi uShaka, udadewabo
kaSenzangakhona
UDingane- Umfowabo kaShaka
UMhlangana– Umfowabo wenkosi uShaka ozalwa ngomunye umama
esithenjini
UMbopha kaSithayi – Iqhawe elingumngani omkhulu wenkosi uShaka
UJeqe – Insila kaShaka.
 Abalingiswa abangabalulekile:
UHlambamanzi-Inceku eyeza nabelumbi
UGqayinyanga – umqaphi wasebukhosini
Inceku – Isikhonzi sasesigodlweni
Isigijimi- Isigijimi sasesigodlweni esithwala imiyalezo ebalulekile
 Umlingiswa oyiqhawe/ummeleli: uShaka ngoba:
Indaba yonke yakhelwe phezu kwakhe, zonke izigameko zendaba zithinta
yena.
Uyena esimthola esenkingeni ngenkathi ecabanga ngamazwi ashiwo
uDingane athi “umbango usuka emlotheni” futhi la mazwi ayekade eshiwo
uMkabayi ngaphambili. Okungukuthi nakuba engenankosana bakhona
abayodla ifa lakhe nabangahle bamgudluze.
 Imbangi
Lona umlingiswa noma umdlali obangisa noma olwisana nokuphumelela
kommeleli emdlalweni. Uyaye enze izinto ezizodala ukuthi iqhawe lomdlalo
lingaphumeleli. Kulo mdlalo imbangi uDingane ngoba uyena ofuna ubukhosi
bukaShaka.
 Umqhathi
Lona ngumdlali/umlingiswa ongena phakathi kwabalingiswa ababili
abangenhla. Lo mdlali uyena oqhatha ummeleli kanye nembangi, Abanye
ababhali abasebenzisi umdlali ongumuntu ophilayo kodwa basebenzise isimo
esithile esizovela emdlalweni. Kulo mdlalo umqhathi umbuso lo obangwayo.
UMkabayi akayena umqhathi kodwa ubhebhezela isimo esikhona.
UKUVEZWA KWABALINGISWA:

 Iningi labalingiswa kulo mdlalo. Baziveza bona ngezenzo zabo kanje:


 UShaka - Uvezwe njengomuntu obambelelayo kulokho akholelwa kukhona,
ononya, ongaxoli, obusa ngegazi okholelwa ezinyangeni njll.
 UMkabayi – Uvezwe njengomuntu oyishinga, odelelayo, onolaka, oyiqili
onenhliziyo embi njll.
 UDingane – Ungumuntu oyigwala, oyiqili, onenhliziyo embi okholelwa
kwabaphansi njll.

ISIZINDA:
Lokhu kusho indawo, isikhathi nesimo senhlalo (okwenzekayo endabeni)
emdlalweni/ enovelini.
Indawo
Mayelana nendawo sibheka ukuthi umdlalo wenzeka kuphi? Kungaba indawo
yasemakhaya noma eyasedolobheni njll.

Inkathi
Mayelana nenkathi sibheka ukuthi ngabe indaba yethu yenzeka esikhathini sakudala
noma sanamuhla. Lokhu kuthinta izinto ezisetshenziswayo njll.

Isimo senhlalo
Mayelana nesimo senhlalo sibheka ukuthi kuhlaliswene kanjani noma indlela
okuhlaliswene ngayo okungaba imindeni, omakhelwane njll.
Isizinda salo mdlalo singachazeka ngale ndlela:

 Indawo: Kusemakhaya. Sithola uMkabayi eselawini likaShaka. Inkosi uShaka


ibulawela esibayeni bese isidumbu sayo sifihlwa emgodini wamabele.
UShaka uthumela impi kwaSoshangane, ukuthethwa kwamacala esigcawini,
ukubusa kwamakhosi njll.

 Inkathi: Le ndaba yenzeka esikhathini sakudala noma ngesikhathi


sasemandulo izizwe zisabuswa ngamakhosi ngokuphelele. Ukwandiswa
kwemibuso kwakuyiyona mpilo futhi kugwazwana ngemikhonto njll.

 Isimo senhlalo: Simuncu kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.


UMkabayi uvezela uDingane ububi bukaShaka. Ngakolunye uhlangothi
uShaka uzama amasu okubulala abafowabo ngokuthi afune bayolwa izimpi,
kodwa awaphumeleli amasu ache. Itulo likaMkabayi ligcina liphumelela njll.

ISAKHIWANA
Lokhu kusho isigameko esakha indatshana eba nesakhiwana esincane esiba
ngumxhantela
wesakhiwo esikhulu sendaba. Inhloso yesakhiwana ukunikeza imininingwane ethile
ngomlingiswa othile endabeni nokubambezela ukukhula ngokushesha kwesakhiwo
sendaba ukuze ingasheshi iphele. Isakhiwana siba nomlingiswa oyiqhawe othile
nesigameko esakhelwe phezu kwaso kanye nala mabanga atholakala esakhiweni
esikhulu: isingeniso, umzimba nesiphetho.
 Isigameko lapho uDingane eya kuMbopha eyomtshela ngenkululeko
amphathele yona kuze kufike noMhlangana abajoyine. UDingane ubatshela
ngokufanele kwenzeke kungaze konakale njll.

ITHONI
Ithoni indlela inkulumo ebekeka ngayo. Kubhekwa amagama asetshenzisiwe, isimo
asetshenziswe kuso kanye nendlela asetshenziswe ngayo.
 UJeqe ekhuluma nenkosi uShaka – ithoni yokuhlonipha
 UMkabayi ekhuluma nenkosi uShaka ithoni yokudelela
IMIBUZO EMIDE YOMDLALO
1.Phawula ngodweshu kulo mdlalo /Xoxa ngodweshu kulo mdlalo /Hlaziya udweshu
kulo mdlalo /Hlolisisa udweshu kulo mdlalo.
2.Phawula ngokuvezwa komlingiswa ongummeleli emdlalweni othi, Ukufa
kukaShaka.
3.Phawula ngokuvezwa kwabalingiswa abalandelayo kulo mdlalo:
4.Xoxa/Phawula ngesakhiwo salo mdlalo “Ukufa kukaShaka”
5.Xoxa/Hlolisisa/Phawula ngesizinda salo mdlalo, “Ukufa kukaShaka”
6.Xoxa/Phawula ngempulelelo yombhali ekudluliseni umyalezo othi: “Umbango
usuka emndenini” ubhekise kulaba balingiswa: UMkabayi, uDingane, uMhlangana,
uShaka noMbopha kulo mdlalo “Ukufa kukaShaka”.

You might also like