Professional Documents
Culture Documents
2023 Siyahluza Siyaqeqesha 1
2023 Siyahluza Siyaqeqesha 1
IBANGA 12
2023
SIYAHLUZA-SIQEQESHE
UMHLAHLANDLELA WOKUHLUZA
ISETHULO
4. Imvelo K N N Gcumisa
5. Musani M S S Gcumisa
6. Impi S R C Shongwe
7. We Sinximfi Ndini M S S Gcumisa
8. Idwala likaShaka J M Sikakane
9. Uthunywe ngubani? K N N Gcumisa
10. Zinqwele ze-Afrika Imbongi Ayaziwa
11. Ucu Olumhlophe C T Msimang
12. Ithala Lobunzulu E J Mhlanga
Ingoma kaqinadolo - Umkhosi wokuqala ukudla okusha. Imbongi isivezela ukuthi ukuzuza/
ukwethweswa iziqu unika ithemba lekusasa eliqhakazile elilethwa impumelelo emva
kokufunda.
Imingamanzi - Ukumunca amanzi. Imbongi ilisebenzisele ukunikeza umqondo wokuncela/
wokwethekela ulwazi / imfundo.
Ngigcule - Lisho ukujabula, futhi lisho ukweneliseka komphefumulo uma usuzuze into
obekade uyilangazelela isikhathi eside Leli gama liqukethe umqondo wenjabulo ngokufunda
igogode, izuze impumelelo ngokuthola ulwazi/ imfundo eyanelisayo ebikade iyilangazelela.
Ngivunilis’ubuchopho ngohlaza.- Isenzasamuntu. Lesi sifenqo imbongi isisebenzisele
ukusivezela ukuthi iyohloba, inothe ngolwazi nangemfundo entsha eyincelayo ekujuleni
nengeyekhethelo.
Ayonginqwambis’ okweqhawe.- Isifaniso. Ukunqwamba kusho ukwembeswa. Imbongi
iveza umnqondo wokuthi iqhawe umuntu onqobile waphumelele, wahlabana. Kanjalo
nalapha kuvela umqondo wokuphumelela emfundweni, uthweswe iziqu ngokuhlabana
ngemfundo.
Imithombo yeziziba – Yilapho okuqala khona umfula/isiziba. Imbongi isivezela umqondo
wokuthi ulwazi/ imfundo eyincela/eyithekela emithonjeni okuyizikhungo zemfundo
iyoyisebenzisa impilo yayo yonke ingabe isahlupheka noma isaswela.
Ngigiye ngiqephuze ngosiba – Igama ‘usiba’ lisho ‘ipeni’. Imbongi isebenzise usiba lwaba
uphawu lwemfundo Imbongi igqamisa umqondo wokujabula ngemfundo yekhethelo
ebiyilangazelela, yayizuza nokuthi lolo lwazi nemfundo iyoba usizo kuyo.
Ukuqoth’ uphoko nokhothe – Lokhu kusho ukugaya ummbila noma amabele awomisiwe.
Lokhu kwakwenzelwau kuthi ahlale isikhathi eside angonakali, abe umphako wendlela
Imbongi igqamisa umqondo wokuthi imfundo/ ulwazi eluzuzile luyoba ngumphako wendlela
oluyoyisiza ukucijela izimo zempilo.
Nabazukulu badle kuchitheke inyongo - Imbongi iveza ukuthi le mfundo angeke isize
noma isebenzele yona nje kuphela kodwa kuyohlomula ngisho nesizukulwane esizayo.
Kuchitheke inyongo – Kusho ukudla kakhulu uze utshokoze-Isisho lesi esisho ukuhlala
ngokunethezeka. Imbongi igqamisa impilo engcono nemnandi eyolethwa ukuba nemfundo
eyokwenza nesizukulwane esizayo sinethezeke, sijabule futhi sibuse.
Bafinye ngendololwane -Isisho esichaza ukubusa. Ngalesi sisho imbongi isigqamisela
impilo emnandi, yokubusa negcwele injabulo ngenxa yemfundo.
Imbongi iphumelele kahle ukukhetha amagama agqamisa indikimba yemfundo yale nkondlo
ethi,” Izingxabo Zomnyezane”njengoba eveziwe kwabuye kwesekelwa ngenhla.
AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO
Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi ithi ilangazelela futhi inentshisekelo yokuphuza emthonjeni ojulile oyimfundo. Ithi
izuze imfundo ezoba usizo empilweni yayo yonke ikwazi nokuyilekelela ukumelana nezimo
zonke ehlangabezana nazo, ezimnandi nezinzima. Imbongi iphinde ithi ifisa ukuthi ngalolu
lwazi iklonyeliswe ngokuthweswa iziqu, iyijabulele imfundo eyizuzile. Ithi le mfundo iyoba
umphako wendlela okuyisinkwa sayo sokuphila esiyozuzwa nayisizukulwane siphile kahle,
sinethezeke.
Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ihaya inkondlo.
Indikimba
Indikimba ummongo/ ingikithi yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo imfundo.
Umyalezo
Kubalulekile ukuzinikela ngokuphelele ungaphazanyiswa yilutho emfundweni yakho, ufunde
uze ugogode ukuze uphile impilo engcono nezonethezekisa nesizukulwane, sidle kuchitheke
inyongo.
Isigqi
Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokulangazelela nenjabulo. Nakuba ziziningi izimpawu
zokuloba kodwa lokho akusenzi sinense. Ukusetshenziswa kophawu lwe- Apostrofi;
ukweqiwa konkamisa kuningi nakho kuyasenza sisheshe isigqi.
Ithoni
Ithoni iveza ukufisa nokujabulela imfundo enzulu nolwazi olusabalele, isebenzise la
magama, “Ngilubalubal’ ukugxila kwelenjulo,”
Imifanekiso mqondo.
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma ( izifengqo, izaga nezisho) Kanye
namagama acebile.
Izifenqo
Umugqa wesi -18, isifaniso
Lwamaqabung’ ayonginqwambis’ okweqhawe;
Imbongi izifanisa neqhawe ngokunqoba/ngokuhlabana emfundweni lapho isifunde yagogoda
isithweswa iziqu/ iminyezana ngokuphumelela kwayo emfundweni.
Umugqa wesi -4…..isingathekiso
‘’Kuyingcebo yomhlaba nezulu’’- Ingathekisa imfundo nengcebo, ukuthi uma unemfundo
unothile, usuke unakho konke okuyisidingo sokuphila.
Umugqa we – 13…Isenzasamuntu
Ngizwe imvunge yemvelo ivungama
Imbongi igqamisa umsindo owenziwa imvelo nomsindo ozwakala uma kuwumkhosi
Izisho
Enjambamenti
Umugqa we - 13 kuya kowe -14.
Umqondo uqala emgqeni wesi-13 uphelela emgqeni we -14
Imbongi isebenzise umsindo wokuvungama kwemvelo ukusigqamisela umsindo omnandi
womculo olethwa ukujabula kwabantu ngenxa yeziqu abazizuzile nethemba lekusasa
eliqhakazile.
Impindwa
Ngilangazelel’ ukudepha kwelenjulo/Ngilubalubela ukugxila kwenjulo
Le mpindwa iqukethe umqondo wokugcizelela ukufisa nentshisekelo yembongi ukuthola
imfundo nolwazi olunzulu nolusabalele.
Imvumelwano siqalo
Umugqa wama -20 kuya kowama -21
Ngigiye ngiqephuze ngosiba lwakwaNgqondonkulu,
Ngiqoth’ uphoko nokhothe lwendlela,
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi
ikhuluma ngayo uqobo. Imbongi iveza injabulo ngokuzuza impumelelo emva kokufunda
iphinde ithi imfundo iyoyilekelela, ibe wusizo empilweni yayo yonke.
Imvumelwano
sigcino
Umugqa we-15 nowe-16
Ngilangazelel’ukudeph’okujulile
Kulezo zimpande zemingamanzi ngigcule
Le mvumelwano sigcino ilethe umgqumo omnandi,umqondo
ogcizelekayo yiwo wokulangazelela imfundo ejulile
Ukuxhumanasiqalo
Umugqa we-9 nowe-10
Ngizinz’ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo,
Ngizinz’ekuthuleni ngijabule unomphelo,
Ngalokhu kuxhumana imbongi igcizelela ukufisa kwayo ukujula ngemfundo ze ithole injabo
nokwaneliseka, futhi igcizelela umqondo wokuthi ifuna ukuhla emfundweni unomphela
ingabe isasuka
IZIMPENDULO
1 Ukuxhumana okusekuqaleniü
Ngizinz’ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo,
Ngizinz’ekuthuleni ngijabul’unomphela, ü (2)
2 Isigqi sale nkondlo siyashesha ngenxa yomoya wokulangazelela ükanye
nokweqiwa okuningi konkamisa nakuba imigqa yale nkondlo ivalekile.
Imbongi ilangazelela ukuthola ulwazi olubanzi. ü (2)
[10]
2.ISIZIBA SENHLAKANIPHO
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Ukukhethwa kwamagama kuba Amagama asetshenziswe imbongi enkondlweni ngenhloso
yokugqamisa okuthile.
Kusempondozankomo- Kusuke kusayisikhathi sasekuseni kakhulu kusemnyama imibala
yezinkomo ingabonakala, kepha zisabonakala ngokumisa kwezimpondo zazo kuphela.
Imbongi lapha igqamisa ukuthi abafundi bayavuka ngalesi sikhathi bazilungiselele ukuya
esikhungweni semfundo beyothola ulwazi.
Amaqele- izindawo ezingakhele imizi yabantu kumbe ezinganayo imizi yabantu ezibizwa
ngokuthi izinkalo/ izinkangala/ amadlelo. Imbongi lapha igqamisa ukuthi umfundi
uyahamba endaweni yangakubo eyofuna imfundo kwezinye izindawo ezikude nekhaya
lakhe.
Impambankwici- indaba emxakayo noma emdidayo oyilalele uma ixoxwa kumbe
engakholakali. Imbongi lapha igqamisa ukuthi abafundi luyabadida abanye ulwazi abaluthola
esikhungweni semfundo, lokhu okwenza ukuthi bangaphumeleli kwezinye izifundo. Imbongi
iphinde futhi igqamisa ukuthi imfundo iyadida ngoba akukho lapho umuntu angathi usefunde
ngokwanele usazi yonke into.
Impicabadala- indaba emxakayo noma emdidayo oyilalele uma ixoxwa kumbe
engakholakali. Imbongi igqamisa ukuthi imfundo iyinkinga kubantu abancane nakwabadala
ngoba ngisho noma ufundisiwe, kepha luyakhohleka ulwazi olufundile. Imbongi inethemba
lokuthi noma seyidlulile emhlabeni abasele bayokwazi ukuthola iqiniso ngokujula
kwemfundo.
Ngobhaqa- uhlobo oluthile lotshani oluqinile. Emandulo abantu abampisholo balusebenzisa
lolu hlobo lotshani njengesibani ukukhaniyisa endlini. Imbongi isebenzise leli gama
njengophawu olukhombisa ukukhanya empilweni yomuntu okwenza akwazi ukuhlela kahle
impilo kanye nekusasa lakhe.
Osebeni- kulapho kuqala noma kuphela khona umfula kumbe ulwandle. Imbongi igqamisa
ukuthi owabo bashiya ukufunda ngasekuqaleni, kepha yona imbongi yaqhubeka nokufunda.
Lokhu imbongi ithi kugcina sekuyixabanisa nowabo uma sebeyibona seyifundile kube
sengathi izibona seyingcono kakhulu kunowabo.
Umhlandla- indawo ebizwa ngokuthi umhlane ingemuva emzimbeni womuntu. Imbongi
iyabalisa ukuthi iyokuthola nini ukuphumula komzimba ngoba usuyazwela ukukhathala
ngokuba ihlezi ihleli ifunda njalo.
Imfumbe- into eyinkinga/ eyindida/ exakayo. Imbongi inethemba lokuthi noma seyashona
abasele bayoqhubeka bafunde baze balithole iqiniso noma ulwazi ngale ndida eyimfundo.
Nzibase- ulwazi olubanzi. Imbongi ifuna ukuzanelisa ngolwazi eluthola esikhungweni
semfundo.
Njulase- ulwazi olujulile. Imbongi isebenzise isenzasamuntu ukugqamisa ukuthi ulwazi
oludephile olutholakala esikhungweni semfundo.
Isiziba- indawo enamanzi amaningi emfuleni edephile noma ejulie / okushona phansi
kakhulu kuyona. Imbongi ibuka isikhungo semfundo njengendawo enolwazi oludephile.
Izihlabathi- uhlobo lwenhlabathi okuvame ukuthi kungamili izitshalo ezidliwayo kuyo.
Imbongi isebenzise isihlonipho ‘izihlabathi’ ngenhloso yokugqamisa ukuthi umfundi ufika
esikhungweni semfundo engenalo ulwazi olwanele.
Isigqi
Kuba ukuhleleka nokubumbeka kwemigqa kanye namabinza enkondlo. Isigqi sale nkondlo
siyashesha nakuba imigqa eminingi ivalekile ngenxa yomoya wokulangazelela.
Ithoni
Iveza ukufisa nokulangazelela ukuthola ulwazi oludephile lwemfundo. “Ngithungathana
nenjabulo yokudepha”
Imifanekiso mqondo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
Izifengqo
Isenzasamuntu
Sizib’ esijulile Njulase
Ngisuthisa wena kwakho Nzibase Nzulase
Imbongi ibhekise emazigeni aphakeme ize iyibize ngamagama njengomuntu.
Isingathekiso
Uyimpambankwici we Njulase
Ngoba namuhla uyimpicabadala—Imbongi igqamisa imfundo ngalamagama adidayo
ukuveza ukuthi imfundo inamandla kangakanani.
Enjambamenti
Umugqa wesi-14 kuya kowe- 15
Umqondo uqala emgqeni we-14 uphele emqeni we-15. Imbongi ibuza ukuthi kunini lapho
iyofika khona ekugcineni/ noma yaneliseke ngemfundo.
Imvumelwano
Imvumelwano siqalo
Umugqa wesi-6 kuya kowesi -7
Ngiyoncelamanzi ngobhaqa
Ngisuthisa wena Nzibase
Impinda lapha iletha umgqumo omnandi osamculo ogqamisa ukuthi imbongi iyothola
10
IZIMPEBDULO
1. Nezinhlupheko zingihlupha,
Nempilo seyaba lugwadule, ü (2)
Ayikho incazelo
2. Umqondo oqukethwe umugqa wesi-7 kuya kowesi-9 ukuveza
ukuphatheka kabi kwembongi ngenxa yokungaphumeleli kwemizamo yayo
yokuthi ibuyisane nesithandwa sayo. üü
(2)
3. Inhloso yembongi yokusebenzisa isizura emgqeni we-14 ukuphumula ü ukuze
kugqamise isimo sokudideka ukuthi ayisazi okumele ikwenze ukuzama
ukubuyisa isithandwa sayo. ü (2)
[10]
11
UMBUZO 2
1 Tomula imvumelwano ebinzeni lokuqala bese uyayigagula. (2)
2 Chaza kafushane umqondo oqukethwe ibinza loku -1 (2)
3 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwano emgqeni
wesi- 6 kuya kowesi -7? (2)
4 Ngabe imbongi iyisebenziseleni i-enjambamenti etholakala
emgqeni we-17 kuya kowe–18? (2)
5 Phawula ngempumelelo yembongi ekugqamiseni indikimba
yenkondlo emigqeni wama-25 kuya kowama-26? (2)
IZIMPENDULO
1 Ngiyoncelamanzi ngobhaqa
Ngisuthisa wena Nzibaseü
Imvumelwano ekuqaleni (2)
2 Umqondo oqukethwe ibinza loku-1 umqondo wokulangazelela ukuthola imfundo
ngoba imbongi iveza ukuzimisela kwayo ngemfundo. Ithi ishiya umuzi wakubo
ukuze iyothola ulwazi olwanele esikhungweni semfundo. ü (2)
UMBUZO 3
1 Nikeza isimo sokukhuluma esitholakala ebinzeni loku-1 bese uyasigagula. (2)
2 Xoxa kafushane ngomoya otholakala emgqeni wesi-6 (2)
3 Kungani imbongi ithi yaxabana nowabo emgqeni we-18? (2)
4 Hlolisisa isu lembongi lokusebenzisa i-enjambamenti emgqeni we-14 nowe- 15. (2)
5 Ake uncome ikhono lembongi lokusebenzisa imifanekisomqondo otholakala
emgqeni wama-26 ngenhloso yokugqamisa ndikimba yale nkondlo.
(2)
12
IZIMPENDULO
1 Sizib’ esijulile njulaseü
Umbizi (ngoba ukhuluma naso ngqo)ü (2)
2 Umoya otholakala emgqeni wesi-6 umoya wokubalisaü ngoba
imbongi ikhalaza ngokuthi ihamba ekhaya kubantu ebaziyo
iye ezindaweni (ezikhungweni) ezikude kubantu engabazi (2)
iyofuna imfundo. ü
3 Imbongi ithi yaxabana nowabo ngoba bona bayeka ukufunda
kepha yona yaqhubeka yaphikelela nokufunda, manje lokhu bayibona
sengathi izenza ngcono kunabo njengoba seyiphumelele
ngokwemfundo. üü (2)
13
3.UKUTHULA
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Sicambhalale- Ukulala ngokungenhloso yokuzumeka. Lapha imbongi isivezela ukuthi ifisa
ukuziphumulela ingcebeleke nesithandwa sayo ,ilale ibheke phezulu ezihlabathini
zolwandle.
Ufasimbe- Into eyinkungu eba semehlweni/ kube ulwelwesi olwenza ubuke lufifi. Lapha
imbongi igcizelela ukuthi lendawo efisa ukuthi bahlale kuyo kuba nenkungu edala bangaboni
ukuqala nokuphela kwezinto.
Ngiqumbelane- Ukugcwala umoya esiswini okwenza ungakhululeki. Lana imbongi
igcizelela ukuthi uma ikule ndawo ithola ukujabula okuphelele.
Usikisiki- Ugqozi/intsisekelo. Imbongi ithi izizwa yenelekisekile ngokuchitha isikhathi sayo
lapha olwandle.
Inhlokomo- Umsindo omkhulu ongethusi okhomba ukujabula. Olwandle kulapho
kunomsindo wamgagasi owenza imbongi ibe nokujabula okukholu enhliziyweni yayo
Amazwana- Umsind wabantu bekhuluma. Imbongi iveza ukuthi uma iziphumelele icimezile
iyaye izwele kude abantu bekhuluma sengathi iyaphupha.
Ukuhamba ngezinyawo- Ukuhamba phansi ungagibeli lutho olunamasonto. Imbongi ithi
abanye abantu kule ndawo behla benyuka abangeni emanzini
Ukuhamba ngomoya- Ukuhamba ngamabhodi abaphakamisa emanzini / akwazi ukwenza
badade/babhukude. Imbongi iveza ukuthi abanye abantu bazibhukudela emanzini begibela
izikembe ezenza baduduleke phakathi olwandle.
Ukukhohlisa- Ukwenza into engesilo iqiniso. Imbongi iveza ukuthi abantu abakule ndawo
benza izinto ezahlukene njnegoba kukhona nalaba abtshuzayo olwandle/emanzini sengathi
ngamahlengwethwa.
Imithi- izihlahla ezisetshenziselwa ukugwedla emanzini. Imbongi iveza okuhle okwenziwa
ngabanye abantu abagwedlayo izikebhe abahamba ngazo emanzini/olwandle.
Izindwani eziluhlaza- Imbewu yotshani. Imbongi iveza ukuthi bagwedla beqhelukisa utshani
ubugwinywe imifula yabududulela olwandle
Umoya- Into ongeke wayibamba kodwa enamandla.. Lapha imbongi iveza ukuthi lokhu
kusetshenziswa kwesigwedlo kwenza usikebhe silokhu siqhubekezela phambili ngenxa
yamandla abawafakayo.
Ngiyabezwa- Ukulalela into. Lapha imbongi incoma ukuthi noma ngabe iziphumulela lapha
kodwa ikuzwa konke okuhle okwenzeka kule ndawo yingakho imema isithandwa sayo ukuba
ingcebeleke naso.
Ngiyabathanda- Ukwenza into ekujabulisayo. Lapha imbongi iqinisekisa isithandwa sayo
ukuthi okwenziwa yilabantu iyakujabulela kakhulu , nabantu abakulendawo abayihlukumezi /
abayiphazamisa ekungcebelekeni kwayo ,bayiphatha kahle yingakho ithi asize naso
azojabula kanye nayo.
14
Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ihaya inkondlo.
Le nkondlo inomoya wokulangazelela nowokuncoma njengoba ifisa ukuthola ithuba lokuhla
nothandiweyo wakhe bajabule ndawonye behlezi olwandlwe..
Indikimba
Indikimba ummongo/ inhliziyo yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo imvelo/ ukuthula okulethwa
imvelo.
Umyalezo
Kubalulekile ukuthi ube nesikhathi sokukhombisana uthando ngokuvakashela endaweni
ejabulisayo nenokuthula.
Isigqi
Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokulangazelela nokuncoma . Nakuba ziziningi izimpawu
zokuloba kodwa lokho akusenzi sinense. Ukusetshenziswa kophawu lwe- Apostrofi;
ukweqiwa konkamisa kuningi nakho kuyasenza sisheshe isigqi.
Ithoni
Ithoni iveza ukufisa nokujabulela ukwenzeka kwezinto olwandlwe okwenza imbongi ibe
nokujabula.
Imifanekiso mqondo.
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma (izifengqo, izaga nezisho) Kanye
namagama acebile.
Izinzwa
Sicambalale - inzwa yokubonakalayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi ifisa ukuphumula nesithandwa sayo olwandlwe..
Le ndaw’ egcwel’ inhlokomo- Inzwa yokuzwakalayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi kule ndawo kuno msindo omnandi ewuzwayo.
Kuyona ngizw’ amazwan’ abantu bekhuluma,- Inzwa yokuzwakalayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi konke okwenzeka kule ndawo ikuzwa kancane
ngenxa yokuthi isuke ingakunakile okukhulunywa abantu abalapha.
Abant’ abahamba ngezinyawo nangomoya- Inzwa yokubonakalayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi abanye abnatu bakule ndawo abahlali phansi
balokhu bezihambela esihlabathini solwanlwe.
Abanye bentanta nangaphezulu kwamanzi- Inzwa yokubonakalayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi abanye balabantu bayazibhukudela nje abanake
lutho.
Abanye balokhu benyakazisana nemithi- Inzwa yokuthintekayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi abanye abnatu bahamba ngezikebhe
besesbenzisa izigqedlo ukubhukuda/ukuqhuba izikebhe abahamba ngazo.
Ngiyabezwa bekhuluma, woza ungizwise- Inzwa yokuzwakalayo..
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi uma ikule ndawo iziphumulele iyaye izwe abantu
15
Enjambamenti
Umugqa wesi-7 kuya kowesi-8
Le ndaw’ egcwel’ inhlokomo, kuyo kubuthene
Konk’ okuhle nokuphas’ umphefumulo wami.
Umqondo uqala emgqeni wesi-7 uphelela emgqeni we -8
Imbongi ithi uma ihlezi lapha olwandlwe ibona konke okwenzieka khona ithola ukuthokoza
ngaphakathi enhliziyweni yayo.
Imvumelwano
Imvumelwano siqalo
Umugqa we -10 kuya kowe -11
Abant’ abahamba ngezinyawo nangomoya,
Abanye bentanta nangaphezulu kwamanzi.
Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo ukuletha umgqumo osamculo nokugcizelela ukuthi
kunabantu abenza izinto ezahlukene kule ndawo njnegoba abnaye bengangenile emanzini
abnaye bezibhukudela..
Ukuxhumana okuekugcineni
Umugqa wama -16 kuya kowama -17
Ngiyabezwa bekhuluma, woza ungizwise.
Ngiyabathanda, bayangithanda, woz’ uzizwele.
Imbongi isebenzise ukuxhumana siqalo ukugqamisa ukuthi ikhuluma ngayo uqobo
njengoba ingagxilisi igqondo yayo konkwenzekayo kule ndawo futhi nabantu abakule
ndawo abanandaba nokwenziwa ngomunye umuntu yingakho Ibiza isithandwa sayo ukuze
ithokoze naso.
16
IZIMPENDULO
1 Ehlabathin’ elimhlophe eligcwel’ ufasimbe, ü
Ifanankamisa ü (2)
2 Ukusetshenziswa kwe-enjambamenti emigqeni wesi-4 kuya kowe-6
ukuxhumanisa umqondo osemgqeni wesi-4 ophelela emgqeni wesi-6.ü
Imbongi iveza ukuthi yiyo le ndawo eyilethela injabulo, ukuthula kanye
nokweneliseka komphefumulo wayo. ü
(2)
3 Ukusetshenziswa komfanekisomqondo wokuzwakalayo “Ngizwa amazwana
‘ü kungelekelele ukuthi ngiqonde ukuthi kule ndawo kunabantu abahamba
ngezinyawo bekhulumela phansi ngoba abawubangi umsindo noma
bekhuluma. ü (2)
17
4.IMVELO
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Ehungeka - Eheheka / efikelwa umuzwa wokuthanda/ethatheka.Imbongi ifikelwa umuzwa
wokuthanda imvelo.
Amagumb’ omhlaba - Izingxenye zonke zomhlabaImbongi ibona imvelo isabalele kuwo
wonke umhlaba.
Iklabile - Ukukhululeka kwezilwane ehlane.Imbongi ibona izilwane eziyimvelo zikhululekile
ehlane nalo eliyimvelo.
Izimila - Okuzimilelayo enhlabathiniImbongi izwa sengathi konke okuzimilela emhlabathini
kuyahlabelela kamnandi.
Lufukuka - Luphakama / lukukhulaImbongi izwa uthando lwemvelo lukhula ngamadla.
Ngitshakadule - Ukugxumagxuma kwenkonyane ngenxa yenjabuloImbongi ijabulela ubuhle
bemvelo ize yehluleke ukuzibamba.
Ukuthuthumela - Ukwesaba okukhulu/ ukuba novalo olukhuluImbongi izizwa inokwesaba
okukhulu uma ibona labo abacekela phansi imvelo.
Bebhubhisa - Beqothula / beshabalalisa/beqedaImbongi ikhathazwa yilabo abashabalalisa /
abaqeda imvelongokushesha bengashiyi lutho.
Imihlambi - Izilwane eziningi ezindawonye. Imbongi ithokoziswa ukubona izilwane
ngokwehlukana kwazo zikhululekile futhi zithokozile.
Bengazi nanyaka - Benganandaba nomonakalo odalekayo. Imbongi ikhathazwa yilabo
abacekela phansi imvelo bangabi nandaba nomonakalo odalwa ukwenza kwabo.
Iqothulwe - Iqedwe kungasali lutho Imbongi ikhathazwa ukuthi imvelo izophela nya
kungasali lutho.
18
Izinzwa
10. Izimila zihuba ingoma yenjabulo – Inzwa yokuzwakalayo. Imbongi iyisebenzisele
ukugqamisa ubuhle bemvelo ezwakala kamnandi sakuhuba ingoma.
11. Ngiluzwe uthando lwemvelo lwenyuka.- Inzwa yokuzwakalayo. Imbongi iyisebenzisele
ukugqamisa ukukhula komuzwa ewuzwayo wokuthanda imvelo.
15. Ngitshakadule njengenkonyan’ ibona unina -Inzwa yokubonakalayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa injabulo enayo eyenza igxumagxume okwesilwane
kwasona esiyimvelo.
21. Bebhubhisa ubuhle bezwe bengezwa – Inzwa yokubonakalayo.Imbongi iyisebenzisele
ukugqamisa ukukhathazeka enako uma ibona abantu beqeda imvelo.
Izifenqo
Umugqa we-10: Isenzasamuntu Izimila zihuba ingoma yenjabulo –Imbongi igqamisa
ubuhle bemvelo.
Umugqa we-15, isenzasasilwane Ngitshakadule njengenkonyan’ ibona unina -
Imbongi ijabule kakhulu yehluleka nokuzibamba uma ibuka imvelo.
Umugqa we-15, Isifaniso Ngitshakadule njengenkonyan’ ibona unina
Imbongi ijabule kakhulu yehluleka nokuzibamba uma ibuka imvelo.
Izisho
19
Uma ngiphakamisa’ amehlo ami : umugqa woku-1Imbongi iyajabula uma ibuka imvelo kuba
sengathi kukhona okuyidonsayo.
Enjambamenti
Umugqa we - 16 kuya kowe – 17
16. Ngibone kuyifanele imvelo ukuba
17. Siyiphe lonke uthando njengokway’ ukusithanda.
I- enjambamenti yilapho umqondo womugqa ongenhla uphelela emugqeni olandelayo.
Imbongi iphosa inselelo yokuba siyithande imvelo ngoba nayo uqobo imvelo iyasithanda.
Ukuphindaphinda
Ukuphindaphinda igama uthando ngenhloso yokugcizelela uthando imbongi enalo ngemvelo
nesifiso enaso sokuba abantu bayithande imvelo njengayo.
Imvumelwano siqalo
Umugqa we -11 kuya kowe -12
Ngiluzwe uthando lwemvelo lwenyuka.
Ngiqalaze ngibon’ ubuhle bezintaba zezwe
Imbongi isebenzise imvumelwano ukuletha umgqumo omnandi osamculo ogqamisa ukuthi
ikhuluma ngayo uqobo. Imbongi iveza umuzwa ewuzwayo wokuthanda imvelo.
Umugqa wama-21 kuya kowama-23
Bebhubhisa ubuhle bezwe bengezwa,
Bengezwa kwabumnandi bokubusiseka,
Bengazi nanyaka ngokungehla
Imbongi isebenzise imvumelwano ukuletha umgqumo omnandi osamculo nokugcizelela.
Imbongi igcizelela ukwenza kwabantu abashabalalisa imvelo, okuyenza yesabe kakhulu.
Ukuxhumana okutshekile
Umugqa wesi-3 kuya kowesi- 4
Ngizw’ amehlo ami ehungeka,
Ehungwa uthando lwemvelo
Ngalokhu kuxhumana imbongi igcizelela ukuthatheka kwayo ngenxa yokuthanda imvelo.
Umugqa wama-21 nowama - 22
Bebhubhisa ubuhle bezwe bengezwa,
Bengezwa kwabumnandi bokubusiseka,
Imbongi igcizelela ukungabi nandaba kwabantu abashabalalisa imvelo.
20
21
UMBUZO 2
1 Nikeza isizathu sokweqiwa konkamisa emgqeni woku-1 kuya kowesi-2. (2)
2 Chaza kafushane ukiuthi kungani imbongi isebenzise ukuxhumana (2)
emgqeni wesi-3 kuya kowesi-4 kule nkondlo.
3 Iyini inhloso yembongi ekusebenziseni i-enjambamenti emgqeni wesi-6
kuya kowesi-7 kule nkondlo?
(2)
4 Chaza umoya otholakala ebinzeni lesi-2. (2)
5 Phawula ngethoni equkethwe umugqa we-18 kuya kowama-22. (2)
IZIMPENDULO
1 Isizathu sokweqiwa konkamisa emgqeni woku-1 kuya kowesi-2
ukukhombisa isigqi e sisheshayo ngenxa yomoya wokujabula. üImbongi
ijatshuliswa ukubona ubuhle bemvelo. ü (2)
22
5.MUSANI
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Musani-Ukutshela abantu ukuba angakwenzi okuthile/bapheze/bakuyeke. Lapha kule
nkondlo imbongi icela abantu ukuba bayeke ukukhala.
Ukukhala-ukuphuma izinyembezi emehlweni ngenxa yokungaphatheki kahle. Okunye
ukukhala ngento ethile eyenzeke kuwena. Imbongi icela bangamkhaleli othandiweyo noma
umama njengoba esedlulile emhlabeni.
Ukubibitheka-ukuphuma izinyembezi emehlweni noma ukukhala izwi lingaphumi. Imbongi
ifisa ukuthi bangabe besakhala.
Ukulila-Ukukhala ngokumemeza noma ukukhala Imbongi ifuna bangakhali kakhulu kodwa
babe nethemba ngalo obashiyile.
Kanazi–ukuchaza ukungabi nalwazi mayelana nento ethile. Imbongi ibabuza ukuthi
abanalwazi yini ukuthi othandiweyo/umama wayo uye kuyiphi indawo nokuthi ungokabani.
Ukuthuthumela-ukwesaba into ethile. Lapha imbongi iduduza abasabayo ngenxa
yokuhamba kukamama wayo.
Kanazi yini ukuth’ ungokabani na? umbuzombumbulu-Lapha imbongi ibuza umbuzo
enempendulo yayo ukuthi umama ungowoMdali.
Eseyekhaya-indawo lapho umuntu ehlala khona. Imbongi isebenzise igama elinothile
ukugqamisa ukuthi isho ekhaya eZulwini.
Usebiziwe-Ukuza lapho uyalelwa khona. Imbongi igqamisa ukuthi umama ubengeke
esawuziba umyalelo woMdali.
Vulani izinhliziyo zenu kuyena (isenzasamuntu)-Imbongi ifuna abantu mabavule izinhliyo
zabo kuMdali.
Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi ililela uma osedlule emhlabeni. Iyabakhuza ukuthi bangamukhaleli uma kodwa
bajabule ngoba ungowoMdali futhi useyeKhaya. Icela abakhalayo baduduzwe kanye
nabasabayo ukuba bavume ukuthi ubesebiziwe bese bevula izinhliziyo zabo bazivulele
intando kaNkulunkulu.
Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ibhala/ihaya
inkondlo. Le nkondlo inomoya nowosizi. Imbongi ikhathazekile ngenxa yabantu abakhalela
uma ibona bengenathemba bengazi nokuthi ubizwe uMdali futhi useseKhaya.
Indikimba
Indikimba ummongo/ inhliziyo yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo ukufa.
Umyalezo
Kubalulekile ukuthi uzilungiselele indlela yakho usaphila ukuze nabasele bangabi naxhala.
23
24
Enjambamenti
Umugqa we-11 kuya kowe-12.
Umqondo uqala emgqeni we-11 uphelela emgqeni we-12
Imbongi inxusa/icela ukuba abathandiwe bathokoze kuthi nabasabayo nabo bathuliswe
ngomama osebiziwe.
Umugqa we-13 kuya kowe-14.
Umqondo uqala emgqeni we-13 uphelela emgqeni we-14
Imbongi ithi abavume ukuthi ubesebiziwe bese bevula izinhliziyo zabo bazivulele intando
kaNkulunkulu.
Imvumelwano siqalo
Umugqa wesi-7 nowesi-8.
Kanazi yini ukuth’ ungokabani na?
Kaniqondi yini ukuth’ akuwenu na?
Imbongi isebenzise imvumelwano ukuletha umgqumo osamculo ukugqamisa/ukugcizelela
ukuthi othandiweyo bekungeyena owabo kodwa ubengowoMdali/uNkulunkulu.
Ukuxhumana okusekuqaleni
Umugqa woku-1 nowesi-2.
Musani ukukhala.
Musani ukubibitheka.
Imbongi isebenzise ukuxhumana okusekuqaleni ukugqamisa/ ukugcizelela ukuthi
bangamkhaleli umama njengoba esebiziwe waya ekhaya noma usebizwe uMdali.
Ukuxhumana okusekugcineni
Umugqa wesi-9 kuya kowe-10.
Pho nihlushwa yini um’ esey’ ekhaya?
Pho anithokozi ngani um’ ey’ ekhaya? .
Imbongi isebenzise ukuxhumana okusekugcineni ukugqamisa/ ukugcizelela ukuthi
bangahlushwa lutho kodwa bajabule ngoba umama usesekhaya lakhe.
25
[10]
26
UMBUZO 2
1 Fingqa ngamaphuzu amabili umqondo oqukethwe ibinza lokuqala. (2)
2 Tomula bese ugagula isimo sokukhuluma esitholakala ebinzeni lesi-2. (2)
3 Chaza ukuthi isimo sokukhuluma esiqukhethwe umugqa wama -23 sikwelekele
kanjani ekuqondeni leli binza.
(2)
4 Ngabe ukuxhumana okusemgqeni we -9 kuya kowe-10 kusetshenziselweni
kule nkondlo?
(2)
5 Phawula ngempumelelo yembongi ekukhetheni amagama adwetshetshelwe
emgqeni wama-21.
(2)
IZIMPENDULO
1 Ibinza lokuqala liqukethe umqondo wokuthi imbongi ifisa ukuzuza
imfundo/ulwazi olunzulu nolusabalele. ü Lolu lwazi liyoyilekelela ukuthi ihlale
ngokunethezeka impilo yayo yonke. ü (2)
27
UMBUZO 2
1. Tomula ukuxhumana okutholakala emgqeni woku-1 kuya kowesi-3, ubuye
ukugagule.
(2)
2. Xoxa kafushane umqondo otholakala kule nkondlo. (2)
3. Chaza umoya otholakala kule nkondlo. (2)
4. Hlaziya ukukhethwa kwamagama okuhlonipha atholakala emgqeni we-11 nowe- 12. (2)
5. Phawula ngekhono le mbongi ukwethula isigqi sale nkondlo. (2)
IZIMPENDULO
1 Musani ukukhala,
Musani ukubibitheka.
Musani ukulila
Dwebela okutonyuliwe (2)
Ukuxhumanasiqalo.
2 Umqondo wale nkondlo umayelana nabantu abakhalayo ngenxa yokudlulelwa
othandiweyo wabo. üImbongi iyababuza ukuba bakhalelani ngoba akumele bakhale
uma kukhona odlulile emhlabeni. Lo odlulile emhlabeni usuke esebyela ekhaya
kuMdali wakhe. ü (2)
3 Umoya otholakala kule nkondlo umoya wosizi üngoba kukhona abantu abakhalayo
bekhalela osedlulile emhlabeni. Imbongi izama ukubaduduza ngoba ithi kubo asikho
isidingo sokuba bakhale ngoba odlulayo emhlabeni usuke eya kuMdali. ü
(2)
4 Imbongi isebenzise amagama okuhlonipha ukufa ‘usebiziwe’ nelithi, ‘ngosebiziwe’.
üLa magama ahlonipha umuntu osuke esemdala oshonile obesekungalindeleka
ukuthi angashona. ü (2)
5 Imbongi iphumelele kahle ukwethula isigqi sale nkondlo. isigqi sale nkondlo siyanensa
ngenxa yomoya wokukhathazeka futhi imigqa yonke yale nkondlo ivalekile. üOkunye
okwenza isigqi sale nkondlo sinense ukuthi le nkondlo ikhuluma ngokufa. ü (2)
[10]
28
6.IMPI
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
29
Imini nobusuku – Zikhathi zonke. Imbongi igcizelela ukunxusa kwayo abafundi ukuthi
abafunde ngaso sonke isikhathi, bengaphumuli/ Imbongi ithi uma ufuna ukunqoba njengayo
ukuthi kumele ukwazi ukubhekana nempi ngezikhathi zonke.
Izikhali zikusinda – Into elimazayo uma ulwa empini. Imbongi igcizelela ukunxusa kwayo
kubafundi ukuba babekezele bafunde noma sekungaphezu kwamandla/ Imbongi ithi uma
usempini ungabo khala ngobunzima kodwa kumele uqhubeke nokulwa.
Udumo – Ukwaziwa abantu abaningi, kuyo yonke indawo. Imbongi igcizelela ukunxusa
kwayo ukuba abafundi bagxile ezifundweni zabo bangalibali ukwenza izinto ezijabulisa
abanye abantu kodwa ezingeke zibasize ngalutho bona. Uma benze njalo bayophumelela/
Imbongi ithi uma usempini ungabolwa ngoba ufuna ubuqhawe nokuhlonishwa.
Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho okushiwo yimbongi enkondlweni yayo. iLe nkondlo inomqondo osobala
nocashile. Imbongi ithi abafundi abafunde ngokuzimisela, babekezele uma
behlangabezana nezinkinga ekufundeni kwabo. Ukuze bezophumelela./ Imbongi ithi
amabutho akazinikele empini noma ngabe kunzima kangakanani ukuze anqobe.
Umoya
Umoya wemkondlo isimo imbongi esuke ikuso ngenkathi ihaya/iqamba inkondlo yayo. Le
nkondlo inomoya wokunxusa. Imbongi inxusa abafundi ukuba bafunde ngokuzimisela futhi
babekezele noma behlangabezana nezinkinga ukuze bezophumelela.
Indikimba
Indikimba ingumongo noma yingqikithi yenkondlo.. Ingaba igama elilodwa noma amabili.
Indikimba yale nkondlo imfundo./ impi
Umyalezo
Kubalulekile ukuthi uma wenza into uyenze ngokuzimisela nangokwethembeka,
ungadikibali noma kunzima.
30
Isigqi
Siyanensa ngenxa yomoya wokunxusa futhi nemigqa eminingi ivalekile. Nakuba kukhona
ukweqiwa konkamisa okuningi kepha ngenxa yomoya wokunxusa siyanensa. Imbongi
inxusa ukuba abafundi bafunde ngokuzimisela futhi babekezele noma behlangabezana
nezinkinga ukuze bezophumelela.
Ithoni
Ithoni yokunxusa. Imbongi inxusa abafundi ukuthi bazimisele futhi babekezele ekufundeni
kwabo. Ukuze baphumelele.
Imifanekisomqondo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha isithombe
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa yokubonakalayo, inzwa yokuzwakalayo/yokulalelekayo, inzwa
yokuhogelekayo, inzwa yokunambithekayo nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma
(izifengqo, izaga nezisho) namagama acebile.
Izinzwa
Umfanekisomqondo wokubonakalayo ngamaviyoviyo - Imbongi ithi abafundi
abaphuma ezindaweni ezahlukahlukene abenza izifundo ezahlukene.(Sekela nangempi)
31
Imvumelwano
Emgqeni wesi – 9 kuya kowe – 10
Ngimi nesam’isihlangwana
Amavak’amb’ambulula
Kunamuhla kubus’ukuzisola
Yilw’imini nobusuku
Nom’izikhali zikusinda
Amaviyo namanxebakazi
Amaviyo nemikhontshwana
32
Khohlwa yimiyocu
Khohlw’udumo
Amavak’amb’ambulula
Kunamuhla kubus’ukuzisola
IZIMPENDULO
1. Amaviyo nezingeqiwa ntwala,
Amaviyo namanxebakazi,
Amaviyo nemikhontshwana. ü
33
2. Isigqi sale libinza lsiyanensa ngenxa yomoya yokukhathazeka nemigqa yaleli binza
ivalekile. ü Imbongi iphatheke kabi/ikhathazekile ngegazi elophela ngaphakathi
iphinde incenge abantu ukuthi abangasabeli kude kodwa abayilwe le mpi. ü (2)
34
35
Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi ikhuluma ngabantu abanomona, abafuni ukubona abanye abantu bephumelela.
Bagxeka yonke into. Ithi lolu hlobo lwabantu aluvamisile ukuphumelela ngoba
alukhuthalele ukwenza kepha luhlale lusonge izandla. Lolu hlobo lwabantu luze lufe
lungenalutho ngoba esikhundleni sokuthi lwenze noma luzame lona lulibala ukunaka
abanye abantu. Lubagxeke kepha lona lube lungenzi lutho.
Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iibhala/ ihaya inkondlo.
Le nkondlo iqukethe umoya wokugxeka. Imbongi igxeka izenzo zalaba bantu abanomona
ngoba babukela phansi imisebenzi yabanye abantu. Iyabanxusa laba bantu abangafuni
ukubona abanye bephumelela ukuba nabo abaphenduke benze okuhle bengalokhu
bebheke okubi kodwa.
Indikimba
Indikimba ummongo/ ingqikithi yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo umona.
Umyalezo
Kubalulekile ukuthi uma ungumuntu ungabi nomona uma ubona omunye umuntu
ephumelela empilweni noma enezinto ongenazo wena. Kuhle ukubongela omunye umuntu
uma izinto zimhambela kahhe ungamfeli umona, umjabulele.
Isigqi
Isigqi siyanensa ngenxa yomoya wokugxeka. Nakuba i-enjambamenti iningi futhi
kunonkamisa abaningi abeqiwe kule nkondlo lokho akusenzi isigqi senkondlo sisheshe.
Namagama amafishane awasenzi isigqi sisheshe ngenxa yomoya wokugxeka.
Ithoni
Ithoni yokucasuka – imbongi igxeka izenzo zomuntu onomona ovele anximfe ngaso sonke
isikhathi uma ebona izinto zihambela kahle abanye abantu.
Imifanekiso mqondo.
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
36
Ukukhohlisa – Lesi sisho sisho ukulkhohlisa umuntu ngoba nakhu ufuna izinto zihambele
wena kahle, Ngalesi sisho imbongi igqamisa umqondo wokuthi umuntu onomona uvele
akukhohlise kube sengathi uyakucoma athi angabheka eceleni bese eyamximfa.
Ukunqoba empini. Imbongi ithi nayo isize yaphumelela kade beyifela ymona isize
yakhohlwa.
Izaga
Kulele kunye ukube kubili ngabe kuyavusana. Lesi saga sishiwo lapho khona umuntu
ebekeka enza izinto eziwubuwula. Imbongi iveza ukuthi lo obethi kulele kunye usithwe
yisithupha ngoba sekulele kubili okusho ukuthi izinto azenzayo seziqala ukukhombisa
ubuhlakani.
Emgqeni wama- 36 kuya kowama -37. Abantu abayi nganxanye bengemanzi. Imbongi
igqamisa umqondo wokuthi bakhona abantu abangeke babe nomona ngezinto ezenzayo,
abangeke bafane nalesi sinximfi.
Enjambamenti
Umqondo uqala emgqeni woku-1 uphelela emgqeni nowesi -2.
Imbongi isebenzise umqondlo wokuklodela lo muntu onomona wokuthi akaqhubeke ahleke
njengoba ejwalele ukunximfa.
Umqondo uqala emgqeni wesi- 15 uphelela emgqeni we – 16.
Imbongi igqamisa umqondo wokuthi lo muntu onomona akanalutho enjalo nje uphila
ngokucela kubantu. Abanye abantu baphila ngamandla abo kodwa yena uhlala
ngokucela/ngokunana.
Imvumelwano
Umugqa wesi-3 kuya kowe -4 Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha
umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi ikhuluma ngomuntu onomona.
37
Imvumelwano siqalo
Uyisigqila somona
Umon’ongumthakathi
Umugqa we-11 kuya kowe-12 Imbongi isebenzise imvumelwano maphakathi ukuletha
umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi ikhuluma ngomuntu onomona ohlezi, engenzi
lutho.Lo muntu uyoze afe engazuzanga lutho.
Imvumelwano maphakathi
Uyozuf’ usongizandla
Uyozuf’ ungahlabananga
Ukuxhumana
Uyisigqila somona,
Umon’ ongumthakathi.
Imbongi igqamisa ukuthi umuntu onomona uphenduka isigqila sawo ufana nse nomuntu
othakathayo.
Uyozuf’ usongizandla’
Uyozuf’ ungahlabananga.
Imbongi igqamisa ukuthi umuntu onomona uze afe engenalutho ngenxa yomona.
Ukuxhumana okusekugcineni
Ngifel’ umona
We Sifamona
Imbongi igqamisa ukuthi umuntu onomona uhlale enomona njalo uze abizwe ngesifamona
ngenxa yobunjalo bakhe,
38
39
ivalekile ngoba imbongi igxeka izenzo zomuntu onomona . ithi akahleke phela ngoba
vele ugcwele uyisigqila somona umona ongumthakathi. √√
2. Emugqeni we-19 nowama-20 imbongi igqamisa umqondo wokuthi umuntu onomona (2)
uhlale ebona awabanye abantu amaphutha akhohlwe ukuthi naye unawakhe. √√
3. Umugwa we-17 uyigqamisa kahle indikimba yomona imbongi isenzo somuntu (2)
onomona ngokucekefula noma ngokukhuluma kabi ngabanye abantu √√
4. Imbongi isebenzise I-enjambamenti emugqeni wama-23 kuya kowama-24 (2)
ukugqamisa umqondo wokuthi umuntu onomona ufuna ukuthi zonke nizinto ezinhle
zenzeke kuyena kuphela abanye abantu bangatholi lutho. √√
5. Imbongi iphumelele kahle ekusebenziseni isimo sokukhuluma okuyisaga. ‘Lala lulaza (2)
bakwengule abengulanayo’ Imbongi igqamisa umqondo wokuthi umutnu onomona
uhlale ekhohlisa abantu ebenzela ubuqilingoba ezitshela ukuthi balibele. √√
UMBUZO 3
1 Tomula isimo sokukhuluma esisetshenziswe emgqeni wesi-7 bese usho uhlobo (2)
lwaso.
2 Xoxa kafushane ngomqondo otholakala ebinzeni lesi-4 (2)
IZIMPENDULO
1 Ayingangamlomo. √ (2)
Isisho. √
2 Kuleli binza imbongi igqamisa ukuthi umuntu onomona uphila ngokucela kwabanye (2)
abantu ukuze akwazi ukuphila akadli izithukuthuku zakhe kepha udla ezabanye
ngoba akanaso isikhathi sokusebenzela okwakhe.√√
3 Imbongi isebenzise izimpawu zokuloba kule nkondlo ngoba ihlose ukugqamisa isigqi (2)
esinensayo. Inkondlo inomoya wokugxeka. Imbongi igxeka isenzo somuntu
onomona ngezenzo nangokubukela phansi abanye abantu. √√
4 Umoya oqukethwe umugqa wama-40 umoya wenjabulo ngoban imbongi 9jabuliswa (2)
ukuthi nayo isize yaphumelela osekuyenza yakhohlwa yikho konke obekwenziwa
kuyo ngumuntu onomona engafuni ukuthi izinto ziyihambele kahle. √√
5 mbongi iphumelele kahle ekusebenziseni isimo sokukhuluma esiyisaga esithi abantu
abayi nganxanye bengemanzi. Okusho ukuthi noma ngabe lo muntu onomona
ubekhuluma kabi ngembongi bakhona abasho izinto ezinhle ngayo. √√ (2)
40
8. IDWALA LIKASHAKA
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Ukukhethwa kwamagama kuchaza ubuhlakani bembongi ekusebenziseni amagama athile
anobuchule azogqamisa futhi alekele lokho efuna ukukuveza ngenkondlo yayo. Kule
nkondlo imbongi ikhuluma ngedwala likaShaka ayehlala kulo na ebheke ngalapho
kuzoqhamuka khona abelungu, nangempela baqhamukela kuyena olwandle
lwaseSibubulungu( eThekwini)
Idwala - Leli gama lisho itshe elikhulu elingagudluzeki futhi elingahlukaniseki kalula..
Imbongi ithi iNkosi uShaka wayehlala kuleli tshe.
Elahlula - Leli gama lisho ukungaphumelelei ukwenza into. Imbongi ithi abelungu bahluleka
ukuligaya/ukulibulala.
Elengamele- Ukwengamela kusho ukubheka/ukubhekwa kwento. Imbongi ithi ekupheleni
kolwanlde kukhona leli tshe elikhulu.
Kuhle kwenkosi- isifaniso- imbongi ifanisa inkosi ibhekene nezimpi zezinye izizwe.
Imikosi- Leli gama lisho imibungazo ebea khona. Imbongi iifanisa leli dwala nezimpi
ezahlekene ezaziliwa uShaka.
Elabikezela- Leli gama lisho ukumemezela into ethile ezokwenzeka. Imbongi ithi iNkosi
uShaka yayimi kuleli dwala ngenkathi imemezela ukuthi abalungu bayoqhamuka kule
ndawo.
Lungu –isenzukuthi. Leli gama lisho ukuvele kuvele into esikhaleni ingalindelwe muntu.
Imbongi ithi okwakumenyezelwe yinkosi uShaka kwafezeka ngokuthi baqhamuke abelungu
baengalindelwe.
Elalibuka- Leli gama lisho ukubakhona abantu uma benza into ethile. Imbongi ithi iNkosi
uShaka wayema kulo leli dwala abheke amabutho akhe elungiselela/ eziqeqeshela impi
engaqhamuka.
Ukwenza ifutho- Leli gama ifutho lisho ukuba nomdlandla wokwenza okuthile. Imbongi ithi
iNkosi uShaka wayebuka umdlandla owawukhonjiswa amabautho khona olwandle.
Eligezw’amagagasi- la magama asho ukuthi amanzi olwandle ayebuye alimboze leli dwala
uma eza ngamandla emaningi. Imbongi ithi kwakwenzeka amanzi eze ngamandla afike ale
mboze leli tshe.
…adl’ aMaqaqasi- Amaqaqasi kwakungelinye lamabutho eNkosi uShaka. Lapha imbongi
ithi amagagasi afika athatha amukisa amabutho ayeseduze naleli dwala.
Ejutshwe- Leli gama lisho ukuthunywa ukwenza into ethile. Imbongi ithi kukhona amabutho
ayelapha osebeni lolwandle ayekade ethunywe iNkosi uShaka ashona.
Eliseyisisekelo- Leli gama lisho ukuqala kwezinto. Imbongi ithi abelungu bafika kuleli zwe
ngokuqhamuka emanzini/olwandle.
Liseyisisekelo- Leli gama lisho into okusaxoxwa ngayo. Imbongi ithi iNkosi uShaka
usahlonishwa ngoba kusaxoxwa ngayo nokubusa kwayo okwahlula abelungu bezama
ukuqeda umbuzo wakhe.
lwandle luamabutho
41
Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi ithi iNkosi uShaka wayehlala kule ndawo yaseSibubulungu osebenzi lolwandle
alinde ukubhekana nokufika kwabelungu namabutho akhe okwakungaMaqaqasi..
Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ihaya inkondlo.
Le nkondlo inomoya wokuncoma nowokukhathazeka. Imbongi incoma ubuhlakani beNkosi
uShaka ngokungabayekeli abelungu ukuthi bavele bazifikile ezweni ngaphandle kokudlula
kuyena. Iphinde ibe nnomoya wokubalisa njengoba imbongi ithi nakuba kwakuhle ukulinda
olwandle kepha kunamabutho emuka ethathwa ngamagagasi olwandle. Ekugcineni inkondlo
iphinde inomoya wokutusa ubuqhawe beNkosi uShaka okusakhulunywa ngakho.
Indikimba
Indikimba ummongo/ ingikithi yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo ubuqhawe/umlando/ukudabuka
kwezinto njengoba iNkosi uShaka wakwazi ukuvikela isizwe sayo ihlale ilindele phakathi
nolwandle ukufika kwabelungu.
Umyalezo
Umyalezo yilokho imbongi efisa ukukudlulisa ngokuhaya/ngokubhala inkondlo. Kubalulekile
ukuzinikela uma wenza into njengoba iNkosi uShaka yazinikela , yaba yiNkosi ekwaziyo
ukubhekana nabelungu ukuze bangazenzile endaweni yayo.
Isigqi
Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokuncoma nakuba kukhonyana nowokubalisa. Imigqa
mifishane inamagma amabili , namabinza ayalingana eminingi inezimpawu zokuloba kodwa
lokho akusenzi isigqi sinense ngenxa yomoya wokuncoma.
Ithoni
Ithoni iveza ukujabula indlela iNkosi uShaka azinikela ngayo namabutho egade ukufika
kwabelungu okusaxoxwa ngakho nanamuhla.
Imifanekiso mqondo.
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni walowo ofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama.
Sikhuluma ngezinzwa (inzwa yokubonakalayo, inzwa yokuzwakalayo/ yokulalelekayo, inzwa
yokuhogelayo, inzwa yokunambithekayo nenzwa yokuthintekayo), izimo zokukhuluma
(izifengqo, izaga nezisho) namagama acebile.
Izinzwa
Ukuliqhephula - inzwa yokuthintekayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi akekho owakwazi ukuhlukanisa itshe /umbuso
elalihlala iNkosi uShaka.
Elengamele - Inzwa yokubonakalayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi kukuleli dwala lapho amabutho ayehlala eduze
kwalo azungeze/agade iNkosi uShaka.
Elebikezela - Inzwa yokuzwakalayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi iNkosi uShaka yayikule ndawo ngenkathi itshela
abantu bayo ukuthi kuzofika abelungu beqhamuka khona lapha olwandle.
Elalibuka - Inzwa yokubonakalayo
42
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi iNkosi uShaka wayehlala kulo abuke amabutho
akhe uma ezilungiselela ngokuhlabelela ukubhekana nempi.
Elaligezwa - Inzwa yokubonakalayo/yokuthintekayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi leli dwala laliphakathi nolwandlwe, amagagasi
aphakama athatha ibutho leNkosi uShaka.iNkosi uShaka.
Izifenqo
Umugqa wesi -7,isifaniso
‘Kuhle kwenkos’ imele…’
Imbongi ifanisa leli tshe nokuma kweNkosi uma ime phambi kwamabutho eya empini.
Umugqa wama-23…..isingathekiso
‘Liseyisizekelo’- Ingathekisa idwala nendaba exoxwayo ingapheli.
…lungu…isenzukuthi
Enjambamenti
Umugqa woku-1 kuya kowesi-2.
Umqondo uqala emgqeni woku-1 uphelela emgqeni wesi-2
Imbongi isebenzise le enjambamenti ukuveza ukuthi leli tshe likuyiphi indawo nolwandle.
Impindwa
Yidwala likaShaka
Le mpindwa iqukethe umqondo wokugcizelela umlando omkhulu wokufika kwabelungu
befikela eNkosini uShaka owayevikela isizwe samaZulu.
Imvumelwano
Umugqa wesi-2 kuya kowesi-3
EliseSibubulungu,
Elahlul’ abelungu
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi
leli tshe likuyiphi indawo nokuthi abaphumelelanga abelungu ukulihlukanisa/ ukuliphihliza
43
IZIMPENDULO
1 EliseSibubulungu
Elahlul' abelungu ü
Imvumelwano siqalo ü (2)
2 Umqondo webinza lesi-2 ugqamisa ukuphakama kwedwala likaShaka. Elisho
ukuphakama kombuso weNkosi uShaka. ü Umugqa wesi-7 isebenzise
umfanekisomqondo wokubonakalayo ‘Elengamel’ ulwandle’ ‘Kuhle kwenkosi imele
imikhosi yempi’, imbongi ifanisa leli litshe likaShaka neNkosi esuke yengamele (2)
zonke izinhlobo zemikhosi yakwaZulu. ü
3 Imbongi isebenzise umfanekisomqondo obonakalayo oyisenzasamuntu ‘Elalibuk’
amabutho’ üukugqamisa ukuthi inkosi uShaka yayiqapha amabutho ihleli kulo leli
dwala ngenkathi ezilolonga olwandle. (2)
4 Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuqedela umqondo osuka emgqeni wama-21
kuya kowama-22 igqamisa ukuthi konke okuyisisekelo sobukhosi benkosi uShaka
eyayikwenza yayikwenza ihlezi kulo leli dwala, ngakho-ke. ü (2)
44
UMBUZO 2
1 Nikeza umfanekisomqondo otholakala ebinzeni loku-1. (1)
2 Chaza kafushane ngokusetshenziswa kwe enjambamenti etholakala emgqeni we-11
nowe-12.
(3)
3 Ngabe ukusetshenziswa kwempindwa kunamthelela muni ekuqondeni kwakho
le nkondlo. (2)
4 Yini inhloso yembongi ukusebenzisa imvumelwano emgqeni we-14
nowe-15. (2)
IZIMPENDULO
1 Umfanekisomqondo wokuthintekayo. ü (1)
2 Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuxhumanisa umqondo oqale emgqeni we-11
uphelele emgqeni we-12ü. Imbongi iveza ukuthi uShaka wayekulo lelidwala la atshela
khona abantu bakhe ukuthi kuzofika abelungu ünangempela baqhamuka khona
olwandle. ü (3)
3 Ukusetshenziswa kwempindwa ‘Yidwala likaShaka’ ü ukugcizelela ubuqhawe
bukaShaka nesibindi ayenaso sokuvikela umbuso wakhe ngokusebenzisa leli dwala
kanye nokuqonda umlando omkhulu wokufika kwabelungu. ü
(2)
4 Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo u ‘e’, ngenhloso yokuletha umgqumo
omnandi osamculoü nokugcizelela ukuthi iNkosi uShaka wayehlala abuke amabutho
ezilolonga olwandle elindele ukuvikela isizwe sikaZulu. ü
(2)
5 Imbongi iphumelela kahle ukusebenzisa isenzukuthi ‘lungu’ üukugqamisa ukuthi
abelungu bavela baqhamuka kuleso sikhashana bengaziwa muntu ukuthi (2)
bazokwenzani. ü
45
9. UTHUNYWE NGUBANI?
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Ukukhethwa kwamagama kuchaza ubuhlakani
bembongi ekusebenziseni amagama athile anobuchule azogqamisa futhi alekele lokho
efuna ukukuveza ngenkondlo yayo. Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngemisebenzi yokufa
okufikela wonke umuntu kuyo yonke imizi. Imbongi ize izibuze ukuthi phakathi kukaSathane
noNkulunkulu ubani ovuma ukuthi abantu bafe.
We kufa –(umbizi) Imbongi ikhuluma nako ngqo ukufa loku ekubizayo
Ungihlebele – igama elinembayo elichaza ukuthi utshela umuntu into ethile ongafisi ukuthi
omunye ayizwe.Imbongi njengoba ibuza ayifisi ukuthi impendulo ezoyithola yayizwe abanye
abantu.
Uthunywe ngubani?(umbuzombumbulu) Imbongi iyazibuza umbuzo ongenampendulo.
Imbongi ibuza khona ukufa ngqo ukuthi ngubani kanti lona okuthumile ukuba
kuzosihlukumeza kusibangele nosizi.
Uzosibangel’ usizi- igama elinembayo. Okusho ukwenza into kumuntu ezomenza
angaphatheki kahle. Imbongi iveza ukuthi ukufa uma sekufikile abantu abaphatheki kahle.
Okuph’amandlakazi- igama elinembayo. Lichaza ukuba namandla amakhulu njengoba
imbongi ibuza ukufa ukuth la mandla angaka okunqoba kuwathathaphi ukufa.
Angangawamabutho akwaMandlakazi.- (Isifaniso) Ufanisa amandla. Ukufa uma kufika
kuqeda amandla. Uphelelwa indlela yokwenza awunawo amandla okukuphikisa uma
sekufikile,
Uphoqoze – isenzasamuntu esishosho ukuphula noma ukuqhephula into ethile. Imbongi
igqamisa ukuthi ukufa yiko okubulalayo noma okuthatha imiphefumulo yabantu.
Izithomb’ ezingamaklume – igama elinembayo elichaza umbila osemncane osemusha
osengamachefe. Imbongi ithi loku kufa ekhuluma ngakho kuthatha ngisho izingane
ezincane.
Omthathe, omsimbithi nomthombothi – isingathekiso Izinhlobo ezithile zezihlahla.
Lapha imbongi ithi ukufa akukhethi kuthatha abantu abasemazingeni ahlukahlukene ,
okungabantu abasakhula, asebekhulile nabadala.
Umsimbithi-Isihlahla esingaphuki kalula olwenza izinduku .
Umthombothi-Isihlahla esiqinile esisetshenziselwa ukubaza.
AbakwaMthombothi,abakwaMsimbithi kanye nabakwaMthathe – (isenzasamuntu)
Imbongi ithi uthi nabo bangafakaza ukuthi ukufa sekuke kwafika nakubona.
AbakwaMthombothi bangavuma-Kuthatha noma umuntu esingacabanga ukuthi
akanankinga empilweni, kodwa ukufa kufike kumthathe.
AbakwaMsimbithi bangavuma-NabakwaMthathe bavume-Kusho ukuthi wonke umuntu
akekho okwazi ukunqaba ukufa.
Usuke wabenzakalisa-Akekho umuntu ongeke afakaze ngesimo esisike sabavelela.
Wonke umuntu kuba nento ayishoyo ngokufa ukuthi sonke sike sadlula kulesi simo.
Bayafakaza ngokufa ukuthi nabo kwake kwafika kubona.
Uthunywe ngoMkhulukhulu? – (umbuzombumbulu) Ubuza umbuzo ongenampendulo
njengoba ebuza ukuthi ukufa kungabe kuthunywe uSathane noma uNkulunkulu yini?
Umqondo
Umqondo yiloko okushiwo / okwethulwa yimbongi enkondlweni.
Kungaba umqondo osobala noma kube umqondo ocashile. Le nkondlo inomqondo osobala
lapho imbongi ikhuluma ngqo nokufa efisa ukuba kumnyenyezele ngokuthi njengoba kukhona
kuthunywe ngubani.
Imbongi iphinde iveze ukuthi ukufa uma sekufikile kwenza abantu baphatheke kabi Imbongi
ikhuluma ngabantu abashonelwayo ezigabeni ezahlukene. Ikhuluma ngesimo esifikayo singabi
46
sihle lapho kushone khona abantu abehlukahlukene, yingakho ifuna ukwazi ukuthi lesi simo
sidalwa ubani. Ubani lona odala isimo esaziwa yibona bonke abantu. Ubani odala lesi simo
esingabi sihle emakhaya sokwedlula kwabantu abehlukahlukene ngokwezigaba zabo. Imbongi
iyabuza ukuthi ngabe imvume kaSathane noma uNkulunkulu na njengoba bonke abantu
sebedlule kusona.
Indikimba
Indikimba yale nkondlo ukufa. Imbongi ithi ukufa kufika kubulale abantwana abancane,
abasakhula nabadala.. Ibuka ukufa kuphiwe amandla amakhulu okunqoba emhlabeni.
Umoya
Umoya wokukhathazeka. Imbongi ibheka izinto ezenziwa ukufa okuthi uma kufikile kuthathe
izingane, kuthathe abantu ngokwezigaba zabo. Imbongi ikhathazwa nawukuthi akukho futhi
ukufa lapho kungafikanga khona sekufike yonke indawo, sekuthathe abantu abehlukene
yingakho bevuma kufike yonke indawo. Kuyayikhathaza ukuthi ukufa akukhethi. Ubani lona
owathi akufike. Yingakho igcina ngokuzibuza ukuthi kungabe uSathane noma uNkulunkulu na?
Isigqi
Isigqi sale nkondlo esinensayo ngenxa yomoya yokukhathazeka. Imbongi ikhathazwa ukufa
okunamandla amakhulu njengoba kuthatha lonke uhlobo lwabantu. Imigqa eminingi ivalekile
nezimpawu zombuzo nakuba kunokweqiwa konkamisa kweminye imigqa ngenxa yomoya
wokukhathazeka isigqi siyanensa.
Ithoni
Ithoni evela kule nkondlo ithoni yokudideka njengoba imbongi ididwa ukuthi ayazi ukuthi ukufa
kuthunywe ubani? Iphinde ididwe nawukuthi akukhethi uma sekufikile kuthatha omncane
nomdala. Imbongi ifisa ukwazi ukuthi lesi simo singanqotshwa kanjani sidalwa yini.
Umyalezo
Kumele sihlale silindile ngaso sonke isikhathi ngoba ukufa kukhona futhi kufika kunoma ubani,
akekho ongeke adlule emhlabeni noma ongeke aphunyule.
Imvumelwano
Imvumelwanosiqalo
Uthunywa ngubani wena?
Ukuba’uzosibangel’ usizI?
Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo “U” ukuletha umgqumo osamculo omnandi
nokugcizelela umbuzo-mbumbulu obuzwa imbongi ukuthi ngabe lokhu kufa ubani owathi akuze
kuzosihlukumeza, abantu baphatheke kabi bangahlali kahle.
Imvumelwanosigcino
Ukuba uzosibangel’usizi
Nguban’ okuph’ amndlakazi
Iletha umgqumo osamculo omnandi ngenhloso yokugcizelela ukuthi njengoba ukufa kusiphatha
kabi kangaka ngabe kuwathathaphi amandla angaka okunqoba.
Kungabe uyisithunywa sikaSathane
Noma uthunywe ngoMkhulukhulu
Imvumelwanomaphakathi
Iletha umgqumo osamculo omnandi ngenhloso yokugciselela ukuthi ikhuluma nako ukufa ibuza
ukuthi ngabe ithunywe uSathane noma uNkulunkulu.
47
Ukuxhumana
Nguban’ okuph’amandlakazi
Angangawamabuth’ akwaMandlakazi
Ukuxhumana okusekugcineni
Ukugqamisa umqondo wamandla amakhulu ukufa okunawo.
AbakwaMsimbithi bangavuma
NabakwaMthathe bavume
Ukuxhumana okusekugcineni. Imbongi igqamisa ukuthi lezi zizwe zingafakaza nazo ukuthi
ukufa kwafika nakuzona.
Ukuxhumana maphakathi
Kungabe uyisithunywa sikaSathane
Noma uthunywe ngoMkhulukhulu
Imifanekisomqondo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso emqondweni
walowo ofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma ngezinzwa
(inzwa yokubonakalayo, inzwa yokuzwakalayo/ yokulalelekayo, inzwa yokuhogelayo, inzwa
yokunambithekayo nenzwa yokuthintekayo), izimo zokukhuluma (izifengqo, izaga nezisho)
namagama acebile.
48
Ifanamsindo
Ifanankamisa – Omthathe, omsimbithi nomthombothi?
Imbongi iletha umgqumo osamculo omnandi ukugcizelela ukuthi abantu abasemazingeni
ahlukahlukene njengoba ebabiza asebake bashonelwa.
Ifanangwaqa – Omthathe, omsimbithi nomthombothi?
Imbongi iletha umgqumo osamculo omnandi ukugcizelela ukubiza abantu abasemazingeni
ahlukahlukeni njengoba ebabiza ngezihlanhla ezinhlobonhlobo.
Umugqa wesi-6 kuya kowesi-8
I-enjambamenti
Owephul’ uphoqoze ngawo
Izithomb’ ezingamaklume
Omthathe, omsimbithi nomthombothi?
Imbongi iqedela umqondo oqale emggeni wesi – 6 waphelela emgqeni wesi – 8 ukuveza ukuthi
ukufa kubulala abantu abancane nabasezigabeni ezehlukahlukeni.
49
50
Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Le nkondlo
ikhuluma ngeqembu lomculo iSankomota. Imbongi ithi leli qembu lomculo ngendlela elicula
ngayo likhothanyelwa umhlaba wonke. Leli qembu lehlula amanye amaqembu omculo.
Umcula oculwa ileli qembu uthinta ingaphakathi lomphefumulo. Uma leli qembu selicula
kuphela usizi nokudumala.
Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ihaya inkondlo.
Imbongi iveza umoya wokuncoma nokunxenxa. Imbongi incoma leli qembu licula kamnandi
futhi liwehlula onke amanye amaqembu omculo ngendlela elicula ngayo. Imbongi iphinde
inxenxe ukuthi leli qembu licula umculo wekhethelo ukuthi maliqhubeke njalo nomculo walo
omnandi lingawuyeki.
Indikimba
Indikimba umongo/ ingqikithi yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo umculo ngoba imbongi ikhuluma
ngomculo omnandi oculwa iqembu lomculo iSankomota.
Umyalezo
Into enhle iyanconywa, imbongi ikhuthaza abafundi bale nkondlo ukuthi bafunde ukuncoma
uma kukhona okuhle okwenziwa abanye abantu ukuze labo abenza okuhle
bezogqugquzeleka ukuthi bangayeki, baqhubeke nokwenza into enhle.
Isigqi
Isigqi sale nkondlo sixubile. Isigqi sale nkondlo siyashesha sibuye sinense ngenxa yalezi
zizathu. Umugqa wesi-2, wesi-3, we-10, we-14, we-16,wama-23, wama-24, wama-25 kanye
nama-26 imbongi isebenzise isigqgi esisheshayo ngoba iyancoma. Ibuye imbongi
isebenzise isigqi esisheshayo ngoba iyaphoqa kule migqa: we-12 kanye nowe-18. Uphawu
lombabazi emgqeni wesi-9, we-12, we-15, we-16 kanye nomugqa wama-26 wenza ukuthi
isigqi sale nkondlo sisheshe. Imbongi ibuye isebenzise isigqi esinensayo uma isincenga
ukuthi leli qembu lingapheli emgqeni wesi-8 kanye nowe-15.
Ithoni
Ithoni iveza ukuncoma kanye nokuncenga ngoba imbongi incoma iqembu leSankomota
indlela elicula kahle ngayo ibuye incenge leli qembu ukuthi lingayeki ukucula.
51
Imifanekiso mqondo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma ( Izifengqo, izaga nezisho) Kanye
namagama acebile.
Izinzwa
Zidl’ ubhedu lwengoma, umugqa wesi-3. Imbongi isebenzise inzwa yokunambithekayo
ngoba ifuna ukusivezela ukuthi leli qembu isankomota licula umculo oseqopheleni eliphezulu
futhi ongaculwa yinona ubani.
Nenhliziy’ edabukil’ ithinteke, umugqa wesi-5. Imbongi isebenzise inzwa yokuthintekayo
ngoba ufuna ukusivezela ukuthi umcula omculwa ileli qembu leSankomota uqenda inhliziyo
ebuhlungu. Imbongi iphinde yayisebenzisa futhi inzwa yokuthintekayo emgqeni wesi-6 uma
ithi abakwaNdumalo baboph’ imithwalo. Imbongi igqamisa ukuthi umculo oculwa
iSankomota uqeda ukudumala.
Emgqeni wesi-7 imbongi isebenzise inzwa yokubonakalayo uma ithi: Bashaye
bashantshule. Imbongi igqamisa umqondo wokuthi ukukhathazeka kuyashabalala uma
iqembu leSankomota licula. Imbongi iyaphinda futhi isebenzisa inzwa yokubona emgqeni
we-10 uma ithi: Umhlab’ uzohloba ngengubo yothando. Isagqamisa umqondo wokuthi
umhlaba uba muhle ngoba abantu baba nothando ngenxa yomculo weSankomota.
Emgqeni we-11 imbongi isebenzise inzwa yokulalelekayo uma ithi: Kukikizwe kuchwaze.
Imbongi iqgamisa ukuthi uma abantu bezobukela iqembu leSankomota licula, izihlwele
ziyakikizela kuze kube nomsindo omkhulu ngoba zisuke zijabulela umculo.
Emgqei wama-28 imbongi ithi iphunga lothando lagcwal’ umhlaba. Isebenzise inzwa
yokuhogelekayo ukuze kugqame ukuthi umculo oculwa iqembi iSankomota uletha uthando
emhlabeni wonke.
Izifenqo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma ( izifengqo, izaga nezisho) Kanye
namagama acebile
Isisho- Zidl’ ubhedu lwengoma, Isisho amagama enkulumo anothile angesiwona umusho
ophelele. Imbongi isebenzise lesi sisho esichaza into noma umuntu ovelele ukugqamisa
ukuthi leli qembu lomculo ngelekhethelo.
Ukwenzasamuntu -AbakwaNdumalo baboph’ imithwalo, Ukubopha imithwala kusho
ukuqoqa konke okungokwakhe uhambe. Imbongi igqamisa ukuthi leli qembu lomculo liletha
induduzo enhliziyweni
Ukwenzasamuntu- Umhlab’ uzohloba ngengubo yothando, into engaphili inikwa
umsebenzi owenziwa into ophilayo. Inhloso yembongi ukugqamisa ukuthi leli qembu lenza
ukuthi abantu bathandane.
Ukwenzasasilwane- Khuphulani leyo nhlokomo!- Isifengqo lapho into engesisona
isilwane inikwa isenzo sesilwane. Ukuhlokoma umsindo owenziwa izinyoni amahlokohloko.
Imbongi isebenzise lesi sifengqo ukugqamisa ukuthi leli qembu lomculo lithi imalicula
lizwakale kamnandi ezindlebeni zabantu abalalele.
Izisho
52
Impindwamqondo
AbakwaNdumalo babophe’ imithwalo.
Bashaye bashatshule,
Le mpindwamqondo iqukethe umqondo wokugcizelela ukuthi leli qembu lomculo liqeda
ukukhathazeka.
Ufanamsindo
Umugqa wesi-13
Ehlokoma namahlokohlok’ ehlobo – “o”
Imbongi igqamisa umsindo omnandi olethwa umculo omnandi waleli qembu.
Imvumelwano Siqalo
Umzwangedwa wangival’ samuku!
Umphefumulo wami washwibashwiba,
Le mvumelwano siqalo ilethe umgqumo osamculo omnandi, kanye nokugcizelela ukuthi
imbongi izizwa injani ngaphathi enhliziyweni uma leli qembu lomculo licula.
Zasholo phansi kamnandi,
Zahlekis’ umhlab’ ongahleki,
Le mvumelwano siqalo ilethe umgqumo osamculo omnandi nokungcizelela ukuthi leli qembu
lomculo linamalungu abaculi abangabantu besilisa kuphela nanokuthi babuye behlise
amaphimbo abo uma becula futhi baletha ukujabula emhlabeni.
Imvumelwano siqalo
Umugga woku-1 nowesi-2
Umhlaba uzolile,
Uhloniph’ izingqwele
Le mvumelwano siqalo iletha umgqumo omnandi okusamculo. Ugqamisa ukuthula
nokuphatheka kabi kwabantu ngenxa yalama qhawe omculo aphumele emculweni.
Imvumelwano maphakathi
Umugqa we-19 nowama-20
Umzwangedwa wangival’ isamuku
Umphefumulo wami washwibashwiba
Le mvumelwano maphakathi iletha umgqumo omnandi. Imbongi igqamisa ukuthi lo mculo
uletha injabulo nobumnandi ingabe isazibona noma ihlezi yodwa.
53
Ukuxhumana maphakathi
Umugqa wama-27 nowama-28
Umlilo wothando wadlondlobala
Iphunga lothando lagcwal’ umhlaba
Lokhu kuxhumana maphakathi imbongi ikusebenzela ukugcizelela isimo sokukhula
kokuzwana kuwo wonke umuntu kube mnandi yonke indawo.
IZIMPENDULO
1 Indikimba etholakala kule nkondlo yindikimba yomculo. ü (1)
2 Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo u’za’
Zasholo phansi kamnandi,
Zahlekis’ umhlab’ ongahleki, ü
Ukuletha umgqumo osamculo omnandi nokugcizelela√ ukuthi leli qembu
lomculo libuye lehlise amaphimbo ngendlela emnandi uma licula futhi liletha
ukujabula emhlabeni onosizi. ü (2)
54
UMBUZO 2
1 Gagula uhlobo lwesifengqo esitholakala emgqeni wama-20 (1)
2 Chaza kafushane okushiwo imbongi emgqeni wama-26 (2)
3 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa uphawu oluwumbabazi emgqeni we-12? (2)
4 Ngabe umfanekisomqondo obhalwe ngokugqamile emgqeni we-19 ukwelekelele (3)
kanjani ukuqonda umqondo waleli binza?
55
Obugabisa – ukuhalisa noma ukununusela ngobuhle bothando. Ucu ukuze lube luhle
kufanele lube mhlophe. Umbala omhlophe ezintombini umele ubumsulwa.
56
Gadalala (isenzukuthi) - imbongi iveza ukuthi uma lolu thando lungaphathwa kahle
luyaphela nya kube ngathi alikaze laba khona. Lolu thando olumelwe ucu, uma
lungahlonishwa, luzophela.
Umqondo wenkondlo
Umqondo wenkondlo ilokho okusuke kusemqondweni wembongi ngenkathi ibhala/ihaya
inkondlo. Umqondo wehlukaniswe kabili; umqondo osobala kanye nomqondo ocashile. Le
nkondlo inomqondo osobala.
Le nkondlo ikhuluma ngocu. Ucu okuwuphawu lothando. Imbongi iveza ukuthi lowo
olukhiphayo unikela ngenhliziyo yakhe kulowo asuke ecela kuye uthando.
Le nkondlo ikhuluma ngentombi ezinikela ensizweni, evuma uthando lwensizwa esuke
iyeshela.
Umoya wenkondlo
Umoya wenkondlo kubhekwa isimo imbongi eyayikuso ngesikhathi ibhala inkondlo. Inkondlo
ingaba nomoya wothando, wokujabula wokunxusa, wokukhathazeka njalo njalo
Le nkondlo inomoya oxubile; wothando nowokuxwayisa. Amabinza amabili okuqala
agqamisa umoya wothando bese kuthi leli lokugcina linomoya wokuxwayisa ukuthi uthando
lwabo kumele balunakekele uma kungenjalo luyophela kabuhlungu.
Indikimba
Indikimba umongo noma ingqikithi yenkondlo. Indikimba ingaba igama elilodwa noma
isigejana samagama.
Indikimba yale nkondlo uthando. Imbongi kunomuntu othile emncengayo ukuthi aluphathe
kahle uthando lwabo ngoba uma kungenjalo lophela kabi.
Imifanekisomqondo
Uma kukhulunywa ngemifanekisomqondo kubhekwa amagama asetshenzisiwe/amasu
obuciko asetshenziswe yimbongi ukwakha isithombe esithile engqondweni ngokusebenzisa
izinzwa; okuyinzwa yokubonakalayo, yokuhogelekayo, yokuthintekayo, yokuzwakalayo
kanye neyokunambithekayo, izisho, izaga nezifengqo.
Inzwa ethintekayo: yeka leyo minjunju yothando kutshutshwa, (umugqa wesi-3) imbongi
igqamisa umqondo wokuthi uma itshitshi selakha ucu, kusuke sekukhona othathe inhliziyo
yalo. Inhliziyo yetshitshi isuke isigxumagxuma isigajwe uthando ngesikhathi itshutsha
ubuhlalu entanjeni. Yize ukutshutsha ubuhlalu entanjeni kungumsebenzi okhathazayo kepha
itshitshi alikuzwa ukukhathala ngoba lisuke lisothandweni.
57
Isigqi
Uma kukhulunywa ngesigqi kubhekwa umgqumo wenkondlo ukuthi ngabe inkondlo
iyashesha noma iyanensa. Kuye kubhekwe ukuvuleka nokuvaleka kwemigqa, kubhekwa
ubude nobufishane bemigqa, ubude nobufishane bamagama, ukweqiwa konkamisa kanye
nezimpawu zokuloba. Konke lokhu kuhambisana nomoya okungaba umoya wokujabula,
wosizi, wokukhathazeka njalo njalo.
Ithoni
Ithoni yokuncoma, imbongi incoma ubuhle bothando phakathi kwababili.
Umyalezo
Kumele umphathe kahle umuntu omthandayo.
Imvumelwanosiqalo
Umugqa woku-1 nowesi-2
Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe;
Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe;
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo omnandi
ukugcizelela okwenziwayo mayelana nokwakhiwa kothando
58
Imvumelwanomaphakathi
Umugqa woku-1 nowesi-2
Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe;
Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe;
Imbongi isebenzise imvumelwano-maphakathi ukuletha umgqumo omnandi ukugqamisa
okusetshenziswayo uma kuqala uthando.
Imvumelwanosigcino
Umugqa we-12 nowe-13
Ungaluphatha gadalala luyogqashuka,
Ubuhlalu koba yisanhlaka senhlakanhlaka,
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo omnandi ukugqamisa
ukugqamisa ukuthi kulukhuni ukuthi lolu thando luphinde lube khona uma ungaluphathi
kahle.
Ukuxhumanasigcino
Umugqa woku-1 nowesi-2
Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe;
Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe;
Imbongi isebenzise ukuxhumanasigcino okugqamisa ubuhle nobumsulwa bentombi esuke
izwa lolu thando ngaphakathi. Imbongi isebenzise ukuxhumanasigcino ukugqamisa
umqondo wokuthi ubuhlalu obuwumbala omhlophe yibo kuphela obusetshenziswa
ngamatshitshi..
Umugqa wesi-4 nowesi-5
Luny’ uhlamvu lwesiqalo nolwesiphetho,
Lolu cu alunasiqalo nasiphetho.
Imbongi isebenzise ukuxhumana sigcino okugqamisa ukuthi uthando alubonakali ukuthi
luqalaphi lugcinephi.
Ifanangwaqa
Umugqa wesi-2
Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe
Imbongi isebenzise ifanangwaqa ukuletha umgqumo omnandi ukugqamisa ubunjalo
bobumsulwa bothando.
59
Impindamqondo
Umugqa wesi-6 nowesi-7
Ngamehlwana amhlophe luthi cwayicwayi;
Ngamehlwana amsulwa luthi phayiphayi;
Isenzukuthi
Umugqa wesi-6 nowesi-7
Ngamehlwana amhlophe luthi cwayicwayi;
Ngamehlwana amsulwa luthi phayiphayi;
Lesi senzukuthi zigqamisa ubumsulwa bamehlo entombi esuke ibuka ngawo insizwa esuke
isizinikela othandweni lwayo, iyacwayiza ngamehlo akhombisa uthando.
Umugqa we-12
Ungaluphatha gadalala luyogqashuka,
Lesi senzukuthi sigqamisa ukuxwayisa kwembongi mayelana nothando ukuthi uma
uluphatha budlabha luyaphela.
Uphawu
Ubumhlophe- Umugqa wesi-2. Leli gama liwuphawu koluhlanzeka/ ubungcwele/ ukungabi
nachashazi/ ubumsulwa. Imbongi ilisebenzise ukugqamisa umqondo wokuthi amatshitshi
agqoka ubuhlalu obumhlophe ngoba asuke engakonakali.
60
UMBUZO 2
1 Tomula ugagule ukuxhumana okutholakala ebinzeni lokuqala. (2)
2 Chaza kafushane ngokusetshenziswa kwesiqhathaniso emgqeni (2)
wesi-6.
3 Fingqa ngamaphuzu amabili okushiwo ibinza lokugcina kule nkondlo. (2)
4 Chaza ngokusetshenziswa kwemvumelwano emgqeni wesi-8 kuya kowe 10. (2)
5 Phawula ngempumelelo yembongi ekukhetheni amagama abhalwe (2)
ngokugqamile ebinzeni lokugcina kule nkondlo.
[10]
IZIMPENDULO
1 Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe,
Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabisa ubumhlophe, ü (2)
Ukuxhumanasigcino. ü
2 Imbongi isebenzise isiqhathaniso ‘…….sisho la’ukugqamisa ukuthi othandweni (2)
akubonakali ukuthi uthando luqalaphi luphinde lugcinephi.
3 Uthando kumele uliphathe kahle uma ungaluphethe kahle uthando luyaphela (2)
lube nezinkinga. üü
4 Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo ‘Lu…..u’ükuletha umgqumo osamculo
omnandi kule nkondlo nokugcizelela uthando ilona elihlanganisa abantu (2)
abathandanayo . ü
5 Imbongi iwakhethe kahle lama gama ‘kuchitheka uphoko’ ukugqamisa ukuthi (2)
uma uthando lungaphethwe kahle kuba nezinkinga luphele. üü
[10]
61
62
Umqondo wenkondlo
Imbongi ithi abantu abamnyama babe yisizwe esidelelekile esibukelwa phansi, senziwe
umata wokunyathelwa ngabelungu. Imbongi ithi abelungu bazamile ukucindezela
nokuvimbela ukuba bathuthuke kwezemfundo kepha umuntu omnyama wakwazi ukuthola
ulwazi wakhula ngokomqondo. Imbongi ithi akubanga lula ukubhekana nabelungu
abacindezeli bomuntu omnyama ukuthi angabi nakusasa nantuthuko empilweni. Imbongi ithi
abantu bathe bangafunda yona le mfundo efike nabelungu isimo sezinto saba ngcono.
Yingakho imbongi iveza ukuthi wonke umuntu usekhululekile ,akuqhutshekwe kufunde
ngakho lokhu okuncane esikutholayo.
Umoya
Le nkondlo inomoya oxubile ,owokukhathazeka nowokuncoma . Imbongi ikhathazwe
ukubona ubunzima obubhekene nabantu abamnyama becindezelwa ngabelungu. Ithi
kuyona leyo ncindezelo umuntu omnyama ugcine ekwazile ukuthola imfundo yingakho
incoma .
Indikimba
Indikimba yalenkondlo imfundo.
Umyalezo
Umlayezo oqukethwe yile nkondlo ukubaluleka kwemfundo nokusetshenziswa
kwemithombo eyahlukene ukuthuthukisa ulwazi nakuba kuwulwazi olungaphelele kodwa
alubunjwe kwakhiwe isizwe esingenakuphela / Kubalulekile uma wenza into uzimisele noma
ngabe isimo sinzima kangakanani ngoba ugcina uphumelele empilweni.
Isigqi
Isigqi sale nkondlo sixubile siyanensa sibuye sisheshe ngoba inkondlo inomoya
wokukhathazeka nowokuncoma. Nakuba kunokweqiwa konkamisa kwamanye amagama.
Ithoni
Kule nkodlo sithola ithoni yokukhathazeka/yokudumala. Imbongi ikhathazwa ukuthi abantu
abamnyama baphiliswa kanzima abelungu , bathola ulwazi kanzima becindezelwe..
Imifanekisomqondo
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni walowo ofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama.
Sikhuluma ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo,
inzwa yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma (izifengqo, izaga nezisho)
kanye namagama acebile.
Izinzwa
63
Izinzwa
ochich’ uju: (yokunambithekayo) – ithi abaye kofunda ukuze bezothola ulwazi oluningi.
‘uquqaba: (yokubonakalayo) – abantu bonke mabafunde bahlome ngezikhali zemfundo
uma befuna impilo engcono.
Kayiphons’ izikhali ephanda’: (yokubonakalayo) imbongi inxusa abantu ukuba babeke
phansi izikhali manje kepha balwe ngemfundo.
UMBUZO 1
1 Gagula isifengqo esidwetshelwe emgqeni wesi-2 bese unikeza incazelo yaso. (2)
2 Chaza kafushane ngamaphuzu amabili umqondo oqukethwe umugqa wesi-5 (2)
kuya kowesi-8
3 Chaza ukusetshenziswa kwe-enjambamenti etholakala emgqeni wesi-2 kuya (2)
kowesi-4
4 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa ukuxhumana okutholakala emgqeni we- (2)
10 kuya emgqeni we-11.
5 Phawula ngempumelelo yembongi ekusebenziseni
umfanekisomqondo otholakala emgqeni wama-20. (2)
[10]
IZIMPENDULO
1 Isingathekisoü
Nikeza incazelo (2)
2 Umqondo oqukethwe yile migqa ukuthi:
likhona ithemba lempumelelo
ozimisele ngokufunda akaye kofunda akavinjwa muntu ukuze eothola ulwazi
oluningi ezikhungeni zemfundo ephakeme.üü
BHALA NGOKUGCWELE (2)
3 Imbongi isebenzise i-enjambamenti ethi: ‘Umthombo odlondlobale Abasezitheni
64
UMBUZO 2
1 Nikeza isimo sokukhuluma esitholakala emgqeni wesi-5. (1)
2 Chaza kafushane umoya oqukethwe umugqa we-19 kuya emgqeni wama-21. (2)
3 Qhathanisa okuqukethwe umugqa we-11 kuya emgqeni we-14 nendikimba yale (3)
nkondlo.
4 Chaza ukusetshenziswa kwemvumelwano etholakala emgqeni we-13 kuya (2)
emgqeni we-14.
5 Phawula ngokusetshenziswa kwefanamsindo elitholakala emgqeni we-4. (2)
[10]
IZIMPENDULO
1 Ithala seligez’ incokazi (1)
Isishoü
2 Umoya oqukethwe umugqa we-19 kuya kowama-21 umoya wethemba lokuthi
izwe lethu siyokwazi ukulibuyisa ngemfundo noma esikutholayo kubukeka
kuyizinsalela kodwa siyohlanganisa sakhe izwe lethu.üü (2)
65
UMBUZO 3
1 Gagula uhlobo lomfanekisomqondo otholakala emgqeni woku-1 (2)
2 Chaza kafushane umoya ooqukethwe umugqa wesi-7 kuya emgqeni wesi-8. (2)
3 Amagama abhalwe ngokugqamile akwelekelele kanjani ukuqonda indikimba yale (2)
nkondlo.
4 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa isimo sokukhuluma esitholakala emgqeni (2)
wesi—6.
5 Hlolisisa okushiwo yimbongi emgqeni wesi-9 kuya emgqeni we-10. (2)
[10]
IZIMPENDULO
1 Umfanekisomqondo obonakalayoüü (2)
2 Umoya otholakala emgqeni wesi-7 kuya kowesi-8 umoya wokuncoma ulwazi (2)
oluningi umuntu alutholayo uma efund ezikhungweni zemfundo ephakeme.üü
3 Amagama athi: ‘Nangosib oluxox’ imibono, angelekelela kahle ukuqonda
indikimba yemfundo ukugcizelela ukuthi akuhlonywe izikhali zemfundo manje
kuliwe ngazoüü (2)
[10]
66
ISIQEPHU B INOVELI
UMBUZO 1: UMBUZO OMUDE
BENGITHI LIZOKUNA – NG Sibiya
‘Indaba yombhali yakhelwa ibe sendaweni ethile, ngenkathi/isikhathi esikholekayo
ngokuveza isimo senhlalo phakathi kwabalingiswa nomphakathi endabeni’. Xoxa ngamasu
asetshenziswe umbhali ukufakazela lesi sitatimende esingenhla usekele ngezingxenye
ezikule noveli ethi ‘Bengithi Lizokuna.’
Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama–340 kuya kwangama-
390. Impendulo mayibhekiswe kulokhu okulandelayo:
(Impendulo mayihlelwe njenge-eseyi, hhayi ngokwamaphuzu.) [25]
Isingeniso
Isizinda yilapho indaba izinze khona nezigameko eziningi zenzeka khona ize ifike
kuvuthondaba. Isizinda sakhiwe izingxenye ezintathu; inkathi, indawo kanye nesimo
senhlalo. Le ndaba yenzeka enkathini yamanje. Indawo lapho le ndaba yenzeka khona
kusemakhaya eGcilima kanye nasedolobheni eThekwini. Isimo senhlalo siyaguquguquka ,
siqala sisihle eThekwini nasemakhaya.
Umzimba
Inkathi
Le ndaba yenzeka enkathini yamanje. UMhlengi usuka efulethini lakhe uya efulethini
likaNontobeko, umtshele ukuthi abahlukane akamtsheli isizathu. UMhlengi usuka efulethini
uya eGcilima kubaba wakhe uNgidi. Ufika uNgidi emhlinzeke ngekhekhe alithandayo
uMhlengi i‘Black Forest’ alithenga kwa ‘Woolworths’. UNgidi uhamba noMhlengi banqamula
emasimini omoba. UNgidi uyokhombisa uMhlengi isipho sepulazi amthengele lona.
UMhlengi utshela uNgidi ukuthi usekhethe impilo yokuba ‘gay’. UNgidi wathukuthela
wayixosha indodana yakhe wayithembisa nokuyidubula. UMhlengi ubuyela eThekwini ufike
adayise zonke izimpahla zakhe abese abhekise amabombo eKapa lapho ayezobonana
khona nodokotela abamguqula ubulili bakhe. Waphinde waya kwaNdabazababtu
eyoshintsha igama kumazisi waba uMahlengi. Wabuyela eThekwini wafike waqala ibhizinisi
lokucwala izinwele okuyilona elamenza wagcina esehlangene noXolani. UXolani noMahlengi
bahlangana emhlanganweni wokucija ngamakhono osomabhizinisi abasafufusa abanyama
njengoba kwakuzokuba nemidlalo yendebe yoMhlaba wezi-2010 eNingizimu Afrika. Ufika
emzini wakhe ebusuku enuka iphunga lesiqholo sabantu besifazane i’Red Door’.
Indawo
Le ndaba yenzeka ezindaweni ezahlukene. UNontobeko emva kokwaliwa uMhlengi
waphuma eflethini lakhe kuduma ikhanda engazi naye ukuthi uyaphi. Washayiswa imoto
yaNkululeko ehamba kuVictoria Embarkment. UNontobeko washiya umshado ayezokuba
nawo noNkululeko walibangisa eGcilima ngenhloso yokuyothungatha uMhlengi. UNdumiso
walibangisa eGcilima ngenhloso yokuyobamba uNgidi inkunzi. Wayexoxelwe umngani uSbu
ukuthi intombi yakhe yathi uNgidi unesisefo semali esihlala endlini. UNdumiso wabuyela
eThekwini emva kokuphumelela kwakhe ukubamba uNgidi inkunzi. UXolani ufika ekuseni
emzini wakhe kuphithiza abantu kunezimoto zezicimamlilo uthola ukuthi umuzi wakhe ushe
waphela nezingane zashona.
67
Isimo senhlalo
Asisihle neze isimo phakathi kwabalingiswa. UMhlengi udalela uNontobeko inkinga uyamala
ngaphandle kokumtshela isizathu. UMhlengi ushabalalisa amathemba kaNgidi wokuba
nomzukulu ngesikhathi emtshela ukuthi usekhethe ukuphila impilo yokuba ‘’gay’. UNgidi
uthukuthela umthembisa ukumdubula uMhlengi futhi uyamxosha ekhaya. UXolani uphula
inhliziyo yomkakhe uLungile ngenxa yokudidwa uMahlengi. UNdumiso ushaya uXolani
ngesikhathi emfica ngaseflethini laMahlengi. UNdumiso wadubula uNyambose ngoba
ezitshela ukuthi ugijima nje uzomvimba esangweni. Intombi kaSbu ibikela amaphoyisa
ukuthi uNdumiso obambe uNgidi inkunzi wabe eseyaboshwa. UNgidi uphula inhliziyo
kaNomalanga owabe esemthembise ukuthi uzothumela abakhongi kubo. UXolani washiya
izingane zodwa wahamba waya kuMahlengi ebusuku, umuzi wasala washa. UNgidi
benoNontobeko baphatheka kabi ngesikhathi bethola ukuthi uMhlengi usazishintsha ubulili.
UXolani wakhala ephethwe kabi ukuthi sonke lesi sikhathi ubethandana nomuntu wesilisa.
Isiphetho
Wonke la maphuzu ayizibonelo ezibalwe ngenhla akhombisa ukuxhumana
phakathi, k w e nkathi, indawo kanye nesimo senhlalo. Ngakho-ke isizinda sale
noveli sihleleke kahle. Lokhu kwenza indaba ilandeleke.
Indikimba ingumongo wendaba jikelele kusukela ekuqaleni kuze kuyofika ekugcineni. Ingaba
igama elilodwa noma isigejana samagama. Indikimba yale noveli imayelana nothando.
Endabeni sithola uNgidi eveza uthando ngendodana yakhe uMhlengi enguzinyobulala,
uthatha isinqumo sokuthi angaganwa emva kokushona kwenkosikazi yakhe kade iyobeletha
uMhlengi kodwa ukhetha ukuzikhulisela ngokwakhe. Waze wathenga odedangendlale
bamasimu wabhalisa uMhlengi njengendlalifa okuyindlela ayekhombisa ngayo uthando.
Emva kokufika kukaNontobeko uNgidi uthatha isinqumo sokuthi kuthungathwe uMhlengi
yize ayesemdubile lokhu kugqamisa indikimba yothando uNgidi ayenalo ngendodana yakhe.
UMhlengi uthandana noNontobeko kodwa uhlulwa isimo sokuba nothando lwabantu
abanobulili obufana nobakhe. Lesi simo simphoqa ukuba agcine ecela uNontobeko ukuthi
abahlukane kodwa akamniki isizathu sokuhlukana kwabo.
Indlela ayemthanda ngayo uMhlengi uNontobeko uyehluleka ukwamukela ukuphela
kothando lwakhe noMhlengi. Uphuma efulethini edidekile edunyelwa yikhanda uze
ushayiswa yimto kaNkululeko aye kolala esibhedlela.
Emva kokuphuma esibhedlela wazama ukuqhubeka nempilo uNontobeko, wathandana
noNkululeko. Ngenxa yothando ayenalo ngoMhlengi uNontobeko wadela ukushada,
washiya uNkululeko ngosuku olwandulela umshado wayofuna uMhlengi eGcilima.
UNkululeko uyehluleka ukwamukela ukwaliwa uNontobeko uyazibulala. Lokhu kugqamisa
indikimba yothando.
Sithola indikimba yothando lapho uNdumiso isoka likaMahlengi eba nesikhwele ngoba esola
ukuthi ngathi uthando lwabo seluyantengantenga. Uthando lwakhe ngoMahlengi lumenza
68
Isingeniso
Udweshu ukuphikisana okuba khona kumlingiswa oyedwa noma abalingiswa ababili
nabangaphezulu. Udweshu luhlukene kabili, kukhona udweshu lwangaphakathi kanye
nodweshu lwangaphandle. Udweshu lwangaphakathi kuba ukungqubuzana
kwemicabango kumlingiswa ngayedwana agcine engaphumanga nesisombululo
enkingeni abhekene nayo. Udweshu lwangaphandle ukushayisana kwemibono
yabalingiswa ababili noma nangaphezulu okungagcina bebambana ngezandla.
Umzimba
uMhlengi
Ucabanga ngesinqumo asesithathile sokuthi kumele ahambe aye eKapa ukuyozishintsha
ubulili bakhe kanye nokuthi kumele ahambe ayotshela ubaba wakhe uNgidi ngempilo
aseyikhethile. Uxabana noyise uNgidi uma emtshela ukuthi u- ‘gay’/ unemizwa yabantu
bobulili obufana nobakhe. Uyokwala uNtobeko ngaphandle kwesizathu. UNtobeko uma
embuza akamtsheli. Ukuvakashelana kwaMhlengi noXolani kwenza isoka lakhe
uNdumiso asole ukuthi kukhona okushashaya amanzi. Uyabalisa, ubuyekeza
obekwenzeka ngenkathi behleli kamnandi noXolani. Uthi ehleli nesoka lakhe uNdumiso
kodwa inqgondo yakhe ibe iphithene ngokucabanga uXolani okwakumshayisa ngovalo.
Ushaywa uvalo ecabanga imihlola abeyitshelwa isoka lakhe uNdumiso yokuya eSouth
Coast kodwa engasho ukuthi uyokwenzani. Uzizwa esephelelwa uthando lukaNdumiso
enhliziyweni yakhe ngenxa yothando oselumgabha lukaXolani. UMahlengi wethuka
waquleka ngesikhathi kufika uNgidi, uNontobeko noNomalanga eflethini lakhe emva
69
Isingeniso
Umbhali usebenzisa amakhono ahlukahlukene ukuveza abalingiswa ngobunjalo babo.
Umbhali abalingiswa angabaveza ngokubachaza ngezenzo zabo, asebenzise abanye
abalingiswa ukuveza abanye abalingiswa.
Umzimba
UMahlengi uvezwe njengomlingiswa ozithandayo. Phambi kokuba aphume ukuya
70
71
UMBUZO 6: UMYALEZO
Kuyenzeka ukuti abalingiswa bathathe izinqumo ngempilo yabo ezingaba nemiphumela
engemihle empilweni yabo nakwabanye abantu/abalingiswa . Uyazwelana noma
awuzwelani nabalingiswa ngokubhekisa kulesi sitatimende. Sekela impendulo yakho
ngokubhekisisa ezingxenyeni ezithile zale noveli ethi ‘Bengithi Lizokuna’ Impendulo
yakho mayibe yi- eseyi ehleleke kahle ngokwezigaba ze-eseyi ibe namagama angama-
340 kuya kwangama-390. [25]
IMPENDULO
Isingeniso
Ngiyazwelana nabalingiswa abakule noveli mayelana nezinqumo abazithathayo ezigcina
kwesinye isikhathi. Lokhu kudlulisa umyalezo kubo bonke abathandi nabafundi bale
ncwadi othi izinqumo abazithathayo zibafake enkingeni njnegoba umyalezo wale noveli
umayelana nokuthi izinqumo esizithathayo ngempilo yethu zingaba nemiphumela
engemihle kwabanye abantu nakithina uqobo.
Umzimba
72
UMBUZO 7-ISAKHIWO
Umbhali usungula indaba elandela isakhiwo esinesingeniso sendaba, ukubhebhetheka
kodweshu, uvuthondaba nesiphetho. Xoxa ngekhono lo mbhalo ekusebenziseni leli khono
lokusungula indaba kule noveli ethi ‘Bengithi Lizokuna.’
Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya
kwangama-390. Ulindeleke ukuba uphendule lo mbuzo njenge-eseyi. [25]
ISAKHIWO
Isingeniso se-eseyi
Umbhali usungule le ndaba wayibumba kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni. Lesi
sakhiwo sihlukaniswe amazinga amathathu isingeniso,umzimba nesiphetho.
Isingeniso yilapho kwethulwa lapho sethulelwa khona umlingiswa osemqoka, inkinga
akabhekene nayo eba isisusa sodweshu kanye nesizinda ikakhulukazi indawo.
Isethulo
Umlingiswa osemqoka uyethulwa onguMhlengi nenkinga abhekene nayo okuyisisusa
sodweshu, inkinga yakhe ukuthi unemizwa yokuthanda abantu abanobulili obufana
nobakhe.Lokhu kumenze wathatha isinqumo sokuya koshintsha ubulili abe
ngowesifazane.Umbhali usivezele indawo yaseThekwini lapho indaba igxile khona,iqala
khona futhi iphela khona.
Umzimba
Indaba iyakhula/ ukubhetheka kodweshu, isixakaxaka, kanye novuthondaba kanye namasu
asetshenziswa umbhali.
Ukubhebhetheka Kodweshu
UMhlengi utshela uNgidi ukuthi u-gay, lokhu kwenza uNgidi ajeqeze emuva lapho
ecabanga usuku azalwa ngalo uMhlengi. Ukukhumbula konke kangangoba kumvusela
izilonda ngoba emva kokuzalwa kuka Mhlengi unina kaMhlengi wadlula emhlabeni, uNgidi
wathatha isinqumo sokuthi azikhulisele yena angaganwa akhele akhele amafa. UMhlengi
ubuye utshela intombi yakhe uNontobeko ukuthi abahlukane kodwa akamtsheli isizathu
emva kwalokho uyahamba uya eKapa uyoguqula ubululili ubuya esengowesifazane
uMahlengi.
UMahlengi ushelwa uXolani Mpanza ngemva kokubonana kwabo emhlanganweni
73
wosomabhizinisi abasafufusa.
Isixakaxaka
UMahlengi uvumela uXolani ukuthi amvakashele efulethini lakhe ebe enesoka lakhe elingu
Ndumiso kanti noXolani uganiwe uLungile. ULungile umkaXolani uxabana noXolani uma
eseqala ebona ukuthi kukhona okungahambi kahle kumyeni wakhe, usebuya ebusuku
enuka amakha abesifazane usebuyele nasotshwaleni. UNdumiso isoka likaMahlengi liyasola
ukuthi uMahlengi usenomunye umuntu athandana naye. UNdumiso uqhutshwa isikhwele
uze ugcina eseshaya uXolani. UNontobeko uyehluleka ukwamukela ukwehlukana kwakhe
noMhlengi uziphonsa emotweni kaNkululeko. UNontobeko uthandana noNkululeko kodwa
inhliziyo yakhe isasele kuMhlengi. Umbhali usebenzisa isu lokubikezela lapho uNontobeko
ebuza uNkululeko ngaphambi kokuba amqome ukuthi ngabe uyokwamukela yini uma
ehluleka endleleni kanti ngempela bazohlukana ngosuku olwandulela olomgcagco
uNontobeko uyeqa uyothungatha uMhlengi eGcilima.UNkululeko uyazibulala.
UNgidi uthola umseshi uShezi uyamthungatha uyamthola. Sithola isakhiwana lapho
uNdumiso ehlela itulo lokuyobamba inkunzi uNgidi ukuze athole imali yokuyolobola
uMahlengi, uyakwenza lokhu kuze kudubuleka noNyambose.
Izingane zikaXolani zisha nendlu ngenkathi uXolani evakashele uMahlengi ngoba
wazikhiyela endlini.
Uvuthondaba
Le ndaba iphetha kuvuthondaba lapho uNgidi, uNontobeko, uNomalanga noXolani befika
efulethini lapho kuhlala khona uMhlengi. Bathola izindaba ezethusayo ngoMhlengi ukuthi
useziguqule waba ngumuntu wesifazane. UXolani ushiya uLungile emva kokusha
kwezingane nendlu uya kuMahlengi useficana nale nsumansumane yokuthi uMahlengi
wakhe ubengumuntu wesilisa.
Isiphetho
Umbhali uyiphethe kahle indaba yakhe ngovuthondaba. Lapha umfundi usala nemibuzo
eminingi engqondweni ukuthi kazi uNgidi, uNontobeko, uXolani kanye noMhlengi/Mahlengi
benze njani ngemva kwalesi sigameko.
74
IMPENDULO
Isingeniso
Isizinda yilapho indaba isizinze khona nezigameko eziningi. Isizinda sakhiwe izingxenye
ezintathu; inkathi, indawo kanye nesimo senhlalo. Le ndaba yenzeka enkathini
yamanje. Indawo kusemakhaya eMpaphala kanye nasedolobheni. Isimo senhlalo
asisihle edolobheni kanti sihle emakhaya.
Umzimba
Inkathi
Le ndaba yenzeka enkathini yamanje. UCele ufika emzini kaBafana eMlazi ngenhloso
yokumzocela ukuba athathe izingane zikadadewabo uLinono. UBafana utshela uCele
ukuthi bekumele amazise ngaphambi kokuba afike. UCele waqaphela ukuthi umuzi
kaBafana wakhiwe isilungu. UCele walala kwamngani wakhe uMadonsela
owayengunogada esitolo. UBafana utshela uCele ukuthi imoto yakhe ithatha abantu
abahlanu kanti nendlu yakhe inamagumbi amathathu. UBafana utshela uBen Martin
ukuthi yena akasonti nabantu abamnyama usonto nabelungu eSt Andrews Church.
UPoppie uxoxela ozakwabo emsebenzini ukuthi bebevakashelwe umalume uCele.
Umethiloni Mngadi wathi yena uyozibutha zonke izingane zomyeni wakhe. UPoppie
wayengenaso isikhathi zezingane zakhe ngoba wayematasatasa nezincwadi ze-PhD.
UMelody waba nenkinga yokubikela umama wakhe ukuthi usethandana noPrince
owayengumfana womlungu.
Indawo
Le ndaba yenzeka ezindaweni ezahlukahlukene. UCele usuka eMpaphala uya emzini
kaBafana eMlazi uyomcela ukuthi amukele uHlanganisani no-Uzithelile. UCele
esebuyela eMpaphala wabona u-Uzithelile beshayana noKhanjana ngesikhathi
bephuma ediphini. UBafana wathenga umuzi eLa Lucia wasuka eMlazi. U-Ethenesia
wantshontsha imoto yathisha wakhe uMiss Hawkins wahamba ngayo waya KwaMashu.
UBafana wahamba emzini wakhe eLa Lucia waya eNewcastle eMadadeni wathola
umasihlalisane okunguMaMthunzi. UBafana wabuyela eThekwini emva kokungaboni
ngaso linye nomfowabo kaPrisca uMgwazeni, wayohlala KwaMashu eThekwini
kaMhlolithwasa lapho wafika waba isimba mgodi sakhona.
Isimo senhlalo
Asisihle neze isimo phakathi kwabalingiswa kule ndaba. UBafana uvalela ngaphandle
umalume wakhe uCele ngoba ekhala ngokuthi akatshelanga ukuthi uyeza. UCele
wayengamthandi uPoppie ngoba wayengaziphathisi okukamakoti, wayenganqwazi futhi
ezifakela amabhulukwe. UMadonsela utshela uCele ukuthi abantu basedolobheni
abanandaba nomunye umuntu, kepha umuntu nomuntu uzibheka yena. UPoppie
utshela ozakwabo emsebenzini ukuthi akazifuni izingane zikaLinono. ULinono ushiya
izingane zihlupheka uyogana. UCele ubhekene nenkinga yokukhulisa izingane
zikaLinono ngoba uBafana akafuni ukuzithatha. Abazali bakaPrince abafuni indodana
yabo ithandane noMelody ngaleyo ndlela umshiya nengane. UPoppie akafuni uMelody
athandane noMandla ukhala ngokuthi uyahlupheka akafuni indodakazi yakhe ibe
sekuhluphekeni. U-Euthenesia untshontsha imali yaMaXakushe ayithumelela izingane
zakhe eMzimkhulu.
U-Euthenesia untshotsha imoto yathisha wakhe uMiss Hawkins uya KwaMashu
ngenhloso yokuyobona impilo ephilwa abantu abamnyama. UPoppie uthengela
izingane zakhe imoto ngaphandle kokubonisana noBafana. UBafana uyathukuthela
uduba ikhaya lakhe elise La Lucia uyahamba uyokipita noMaMthunzi eMadadeni.
UBafana ufuna ukufaka uPrisca icala lokuthi wantshona ukhiye wemoto yakhe.
75
76
Isingeniso
Udweshu ukuphikisana okuba khona kumlingiswa eyedwana noma abalingiswa ababili
noma abangaphezulu. Udweshu luhlukene kabili, kukhona udweshu lwangaphakathi kanye
nodweshu lwangaphandle. Udweshu lwangaphakathi kuba ukugqubuzana kwemicabango
kumlingiswa ngayedwana agcine engaphumanga nesisombululo enkingeni abhekene nayo.
Udweshu lwangaphandle ukushayisana kwemibono yabalingiswa ababili noma
nangaphezulu okungagcina bebambana ngezandla.
Umzimba
Udweshu Lwangaphakathi
UNjini Cele umalume kaBafana Ngubane akaqondi ukuthi kungani indodana kadadewabo
ingamamukeli emzini wayo aze ayozama indawo yokufihla ikhanda kumkhaya wakhe
uMadonsela owayesebenza njengonogada esitolo. Kuyamdida ukuthi kungani engavumi
ukwamukela izingane zikadadewabo uLinono. uBafana wamtshela ukuthi yena uyahlela
kanti yena uCele wabakhulisa bona oBafana noLinono bebancane. Kuwo lowo mzuzu
uCele uzithola esephonsa amehlo endlini kaBafana lapho abona khona ubukhazikhazi
bendlu kodwa okwamphatha kabi uCele ukuthi uBafana akamngenisanga ngaphakathi
endlini. Esesendleleni ebheke ekhaya eMpaphala uNjini Cele ucabanga ebona u-Uzithelile
elwa noKhajana, kuyammangaza ukuthi umzukulu wakhe unolaka olungaka. UBafana
ujubalala ngemicabango esendleleni evela kwadokotela wezokweluleka ngemindeni
uMdlalose emva kokuzwa ukuthi U-Euthenesia indodana yakhe untshontshe imoto ka-Miss
Hawkins esikoleni. UBafana kwamphatha kabi ukuthi u-Euthenesia ubentshontsha imali
kaMaXakushe umsizi wasendlini. Uhlala esitadi uyaninga ngalolu daba. Ucabanga aze
akhumbule impilo ababeyiphila eMpaphala besakhula eyiqhathanisa neziphithiphithi
zakwakhe. Ucabanga ngakho konke akutshelwe udokotela Mdlalose. Esesemsebenzini
ucabanga ngezincwadi azinikwe uBen Martin ezishiswe uPoppie. Okunye okumdidayo
uBafana ukuthi kungani uPoppie ashiya ibhayibheli eMlazi alinikwa umama wakhe
uMaMbhele mhlazane beshada. Uyahluleka uBafana ukuhlala yedwa eMlazi untunta aze
ayofika kwaMaMthunzi eMadadaeni. Nakhona akuhlaleki kahle ngoba uPrisca nesoka lakhe
bantshontsha imoto yakhe, iLexus kanti izogingqika. Usecabanga ukuphindela eThekwini.
Ufikela kwaMaMsibi umhlolithwasa nakhona ukhohlwa ukufaka amabhuleki esandla
yanyenya imoto yaze yayoshayisa yakwamakhelwane uZabalaza, okwasuka
esinamathambo. UMaMsibi wamtshela ukuthi kabuyele ekhaya eMpaphala. Esesendleleni
ucabanga ukoziphosa olwandle, wanqandwa owoMdabu waseNdiya.
Udweshu Lwangaphandle
Kwabakhona ukuhilizisana phakathi kukaBafana nomalume wakhe uNjini Cele ngokufika
77
Isingeniso
Umyalezo ilokho umbhali asexwayisa noma aseluleka ngakho enovelini. Umfundi
nomfundi kumele azibuze ukuthji yini ayizuzile ngokufunda inoveli. Umyalezo wale noveli
uthi “ukungawazisi umndeni kuza nemiphumela engemihle”.
Umzimba
UBafana
Sizobheka ubudlelwano phakathi kwalo myalezo nokwenzeka kule noveli. Lapha sithola
ukufunda kukaBafana nomkakhe uPoppie kungasizi ngalutho ngoba kubenza babukele
phansi abanye abantu. uNjini ufika kuBafana ezocelela izingane zikaLinono ngoba ekhala
ngokuthi zibulawa yindlala eMphaphala. UBafana uyala ukuthatha izingane utshela
umalume wakhe ukuthi yena ubhekelele izinja kuphela lapha ekhaya. Obhekelele izngane
nokunye umkakhe. UBafana utshela uninalume ukuthi yena wazihlelela ezakhe izingane
kanti nemoto abanayo ekhaya ilingene lezi zingane abanazo. UBafana emveni kokuba
exoshe uninalume uyaqala ufulathelwa abaphansi. Kuba khona ukungaboni ngaso linye
phakathi kwakhe benomkakhe. Sebefika ngobumnyama ekhaya uma bephuma
emsebenzini. UBafana udlula azilibalele kubangani bakhe azidlele amankwebevu.
UPoppie uzifikela ngobumnyama ngenxa yokuthi uyafunda nabanye abahlengikazi.
Izingane zabo ziphenduka imidlwembe. UMelody uyamdinga unina ukuthi amfundise
ngokuziphatha kwentombazane kulowo mzuzu uPoppie akanasikhathi. u-Euthanasia
untshontsha imoto kathisha esikoleni uMiss Hawkins. Unina uyamvuna kulelo cala
ayelenzile u-Euthanasia uze umthengela eyakhe imoto. Lokho kwamdina kakhulu
uBafana ngoba ekholelwa ukuthi kuwukuvuna ingane lokhu okenziwa umkakhe, wabe
78
eselishiya ikhaya elise Lalucia waphindela eMlazi. UBafana ufika eMlazi uqhubeka
nomsebenzi wakhe. Inkinga iqala lapho abelungu bakhe sebethi akafunde. UPoppie ufika
lapho kusebenza khona uBafana uthatha izincwadi zikaBafana ngethemba lokuthi
uzobuyela ekhaya.uBafana wacasuka washiya umsebenzi wakhe. UBafana ugcina
esehlala nomasihlalisane uMaMthunzi ozishiyelwe yindoda. Ugcina esemelekelela
ekufundiseni ingane yakhe uPrisca. Ngebhadi uPrisca akhulelwe esesekolishi axoshwe.
UPrisca uhlohlwa yisoka lakhe uNkebelele ukuthi akantshontshe ukhiye wemoto kaBafana
iLexus nangempela wagcina ewuntshontshile. Ngebhadi bagcina ngokuba sengozini.
UMgwazeni uyala ukuba kuboshiswe uPrisca. UBafana wabona isengozini impilo yakhe
wabaleka waya KwaMashu. KwaMashu uba yisimba mgodi sethwasa uMaMsibi.
UMaMsibi wakhala ngokuthi ithunzi elimnyama lika Bafana liyamsinda kwenza avukwe
amakhosi. Leli thunzi elimnyama libangwa ukuthi sebemfulathele abaphansi uBafana
ngenxa yokungawazisi umndeni wakhe. UMaMsibi ugcina ngokumcela uBafana ukuthi
ake ayolungisa izinto zakhe. UBafana ugcina ngokuphindela kwelakubo eMpaphala
kuninalume uCele. UCele uyamamukela ngezandla ezimhlophe.
UPoppie
UPoppie unqaba ukwamukela izingane zikaLinono u-Uzithelile kanye noHlanganisani
kwala noma ozakwabo bemncenga bethi akazithathe kodwa wanqaba. UHlanganisani
ushayela ucingo uPoppie efuna ukumazisa ngo Euthanasia, uPoppie akamamukeli
njengelunga lomndeni. UPoppie uba nomona uma ebona izingane zikaLinono zikhombisa
ikhono eliphezulu emqhudelwaneni wokugijima. Ucabanga ukuzithakatha lezi zingane.
Lokho kuwumphumela wokungawazisi umndeni. UPoppie uyawa ugcina esehamba
ngodondolo engasahambeli phezulu,okungenzeka ukuthi washawa abaphansi ngoba
engazamukelanga izingane zika Linono ekubeni ewumakoti kwaNgubane.
Isiphetho (uvo lwami)
Umbhali uphumelele ukwedlulisa umyalezo wokuthi ukungawazisi umndeni kuza
nemiphumela engemihle. Nathi sifundile ukuthi ukuziphakamisa kukaBafana noPoppie
nokungawuthandi umndeni kungaba nomphumela ongemuhle ezimpilweni zethu kanye
nabanye abantu.
79
Isingeniso
Abalingiswa abantu ababamba iqhaza elibalulekile endabeni ngoba badlulisa imibono
yombhali .Umbhali uyaye asebenzise amasu ahlukahlukene ukuveza ubunjalo
babalingiswa endabeni. Umbhali angabaveza abalingiswa ukuthi bangabantu abanjani
ngezenzo zabo endabeni.
Umzimba
uBafana
Akanabo ubuntu. Uxosha uCele emzini wakhe ephuma eMpaphala ethi akekho ohlelweni
lakhe lweviki. Uyamxosha yize azi ukuthi akanayo indawo yokuhlala. Wala ukuthatha
izingane zikadadewabo uLinono ngoba ethi uLinono uma eya kogana kwakufa. Akazwani
nomakhelwane bakhe eMlazi. Akasonti nabantu abamnyama, ugxeka amasonto abo
ngoba ethi awasigcini isikhathi. Uyedelela ubiza u Williamson ngomadala ngenxa yokuthi
unesikhundla esiphezulu kunesakhe.
Unobugwala kwazise uyazibalekela izinkinga zakhe.Ubaleka emzini wakhe ngenxa
yokuthi uPoppie akamhloniphi. UPoppie uqhubeka nokuyofunda yize uBafana emnqabela.
Uduba ashiye ikhaya ngenxa yokuthi uPoppie uthengele izingane imoto engavumanga.
Uyesula emsebenzini emva kokuba uPoppie ethathe izincwadi zakhe zokuthuthukisa
ulwazi, okuluphawu lobugwala.Ubaleka kwaMaMthunzi ngoba esaba uMgwazeni
omethembise ukumbulala uma engabophisa udadewabo uPrisca. Uthatha isinqumo
sokuzibulala ngokuyoziphonsa olwandle.
uCELE
Unobuntu. Ukhulisa izingane zikadadewabo uQophitshe. Lezi zingane wazikhulisa
okwagcina ngokuthi uBafana aqhubeke nezifundo zakhe aze agogode. Wamukela u-
Euthanasia amfake isiphandla amphathise nomphako ngesikhathi esebuyela e La Lucia.
Ukhulisa izingane zika Melody oZaneqiniso noZanele ukuze uMelody aqhubeke
nokufunda. Uyikholwa. Wathandazela u- Euthanasia kwanqamuka isifuba esasicinene
ngesikhathi esemzini kaNgubane. Ukufika kukaBafana eMpaphala emva kokubhunguka,
uCele wakubeka kwacaca ukuthi lokhu ubekulindele. Ubenolwazi lokuthi uzobuya ngoba
uyakholelwa kuNkulunkulu. Uyamxolela uBafana ngokuthi amamukele ngenkathi efika
eMphaphala eseshaywe umhlaba. Wemukela uMaMthimkhulu emzini wakhe yize azi
ukuthi ubengabafuni abantu baseMpaphala.
uPoppie
Akanabo ubuntu. Akazamukelanga izingane zikaLinono kwala ngisho sebemncenga
ozakwabo emsebenzini. UPoppie simthola efikelwa wumcabango wokudlisa u-Uzithelile
noHlanganisani ushevu ngenxa yokuthi ubona bengase baphume phambili kwezemidlalo
badlule izingane zakhe u Melody no -Euthanasia.
Uxosha uMaxakushe engenacala nakuba esenolwazi lokuthi u Euthanasia uyeba.
Uyaziphakamisa. Ubiza uHlanganisani no Uzithelile ngezinto zasemafamu ezingazi lutho.
Akamhloniphi umyeni wakhe uBafana,ukhuluma noma ikanjani naye akamniki indawo
80
yakhe njengobaba wekhaya. Uhambela phezulu njengoba yena nomyeni wakhe befundile.
Akamazi omunye umuntu, wathi uma engathola ithuba angabakhokhisa amathikithi
abantu abagqoka kabi uma ebabona emgwaqeni. Ubiza abantu baseMpaphala
ngamaqaba.
U-Euthanasia
Unobuqili. Akayihambisi yonke imali kaMaxakushe uma eyithumela ekhaya
likaMaxakushe. Ufunda into engekho ebhalwe encwadini evela emndenini kaMaXakushe.
Uphika ukuthi uyazana noFarook ephika nokuthi izingubo ezibizayo wazithenga ethi
waziphiwa ngumngani wakhe. Akalaleli. Uya eMpaphala ngaphandle kwemvume yabazali
bakhe. Uthatha imoto ka Miss Hawkins ahambe ayobheka impilo ephilwa emalokishini
kwaMashu nakoLindelani, uma embuza ubaba wakhe ngalolu daba akazisoli neze
okunalokho uphukula umlomo. Akaxolisi uma uBafana emkhombisa izingubo angazazi
ezikuwodilophu wakhe uyaphika noma embuza ngemali ka Maxakushe
Isiphetho
Umbhali uphumelele ukusivezela ubunjalo babalingiswa esebenzisa izenzo zabo /izinto
abazenzayo endabeni.
ISAKHIWO
Isakhiwo ukubumbeka kwendaba kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni. Isakhiwo
sihlukaniswe amazinga amathathu isingeniso, umzimba nesiphetho.
Isingeniso sithola isethulo lapho sethulelwa khona umlingiswa osemqoka, inkinga
akabhekene nayo eba isisusa sodweshu kanye nesizinda ikakhulukazi indawo.
Isingeniso
Isethulo
Kule noveli sethulelwa umlingiswa osemqoka uBafana Mbhabhadisi Ngubane esemzini
wakhe kOBA eMlazi. Isisusa sodweshu ukwenqaba isicelo sikamalume wakhe uNjini Cele
ukuba amukele bese ekhulisa izingane zikadadewabo uLinono.
Umzimba
Emzimbeni sibheka ukubhebhetheka kodweshu, isixakaxaka, kanye novuthondaba kanye
namasu asetshenziswa umbhali.
Ukubhebhetheka kodweshu
Emva kokunqaba kukaBafana ukuthatha izingane zikaLinono, uCele ugcina ebuyela ekhaya
eMpaphala engasizakalanga lokhu kumenza ajeqeze emuva ecabanga ukuthi yena wakwazi
ukunakekela abasha bakhe kodwa uBafana akafuni ukwamukela lokhu. UPoppie uxabana
noBafana ngoba engafuni ukumtshela ukuthi umalume wakhe ubethini. UBafana
81
82
Indikimba ingumongo wendaba jikelele kusukela ekuqaleni kuze kuyofika ekugcineni. Ingaba
igama elilodwa noma isigejana samagama. Indikimba yale noveli imayelana nobuntu .
UBafana ukhombisa ukungabi nabo ubuntu uma exosha umalume wakhe uNjini okwenja
futhi enqaba ukuthatha izingane zikaLinono oHlanganisani no-Uzithelile. Utshela umalume
wakhe ukuthi owakhe umndeni uhleliwe abanaso isikhala sezingane zikaLinono. UBafana
wayengenabo ubuntu kwasesikoleni, wayethi oThathezakhe baletha izimbungulu ekolishi
engafuni nokudla nabanye abafundi. Uphinda uveza ukungabi nabuntu ngesikhathi enqaba
ukusiza uBen Martin owayefuna ukuba amxhumanise nezikole, amasonto, nezinhlangano
zabantu abamnyama ngenhloso yokuzisiza, uthi yena usonta nabelungu. UBafana
akabakhathalele omakhelwane ngoba ezibona engcono kunabo. U-Euthenasia ukhombisa
ukungabi nabo ubuntu uma entshontsha imali kagogo uMaXakushe ekubeni engaswele
lutho. UMathiloni Dladla naye akanabo ubuntu ngoba uvumelana noPoppie ukuthi
angabathathi abashana bakhe. UPoppie uveza ukungabi nabo ubuntu ngesikhathi
engazibingeleli izingane zikaLinono ngesikhathi kunomncintiswano wokugijima uphinde
ufikelwa umqondo wokudlisa izingane zikaLinono.
Indikimba iyagqama ngesikhathi uNjini ekhombisa ubuntu ethatha isinqumo sokukhulisa
izingane zikaQophitshe uyise eseshaye utshani. Uphinde esuke emakhaya ezocelela
izingane zikaLinono okunguHlanganisani kanye no-Uzithelile indawo yokuhlala emzini
kaBafana ngoba bona bengasenawo amandla okuzikhulisa. UMadonsela ukhombisa ubuntu
uma epha uNjini indawo yokufihla ikhanda ngenkathi exoshwe nguBafana emzini wakhe
umupha nezeluleko zokuba aqonde impilo yasedolobheni. UNjini ukhulekela u-Euthanasia
ngesikhathi evukwa isifuba somoya yize wayengamukelwanga kahle emzini kaBafana.
UMathiloni Mngadi ukhombisa ukuba nobuntu uma ethi uPoppie akazithathe izingane
zikadadewabo womyeni wakhe, lokho kuyinto elungile futhi efanele ukuba ayenze. UBen
Martin ukhombisa ubuntu ngoba ufisa ukuyosiza imiphakathi yabantu abamnyama
emalokishini kodwa uhlangana nembibizane lapho uBafana ala ukumxhumanisa nabo.
UNjini uphinde akhombise ubuntu ngesikhathi ethatha izingane zikaMelody zagcina
sezihlala naye uNjini eMpaphala uma emukela kahle uBafana ngesikhathi efika eMpaphala
eseshaywe umhlaba, ukhombisa ukungambambeli amagqubu. Uze axolele ngisho
noPoppie.UHlanganisani ukhombisa ubuntu uma eshayela uPoppie ucingo emazisa ukuthi
u-Euthenasia ukhona eMpaphala. UHlanganisani ukhombisa ubuntu uma elekelela izingane
zakwabo oMelody noVikizitha ukuba babuyele esikoleni uphinde ahlale nazo. Uyalela
uVikizitha ukuba alande unina e-La-Lucia.Ukhombisa ukungabi nawo amagqubu. Bamukela
kahle oBafana noPoppie uma bebuyela eMpaphala. U-Uzithelile ukhombisa ukuba nobuntu
ngokuzamela uMelody umuntu ozomgada ngoba ebhale incwadi yokuzibulala. Uphinde
uyeka ukusebenza umsebenzi awufundele uyosiza umphakathi wangakubo ukuqeda
ububha kanye nokucindezelwa kwabantu besimame.
Umbhali ukwazile ukugqamisa indikimba yobuntu evela ngezenzo zabalingiswa abehlukene
abanye babo abavela bengenabo ubuntu futhi kusifundisa ukuthi singadikibali ukwenza
ubuntu njengoba umndeni waseMpaphala wenza.
83
ISIQEPHU C UMDLALO
UMBUZO 1: UMBUZO OMFUSHANE
KUDELA OWAZIYO – B P MAPHUMULO
Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo
ISIQESHANA A
84
3 Amazwi adwetshelwe achaza ukuthi uChivenga uphuce uMdaluli umsbenzi wakhe (2)
akaphila ngawo. √√
4 Amazwi kaMdaluli amveza njengomlingiswa ongumthakathi ngoba kade emzama
ukumthakatha ngomuthi uChivenga kodwa imizamo yakhe ingaphumeleli. √√√
(3)
5 Bobalili bavezwe njengabalingiswa abanezinkolelo zamaphupho. UMemela
uhlaselwa yiphupho ubusuku bonke uze uxoxela umngani wakhe uMbhebhezeli
ngalo naye aze amcebise ukuthi uthole ungqeqe wamaphupho ongacacisa leli
phupho lakhe. Bese ephinde elichaza ukuthi likhomba izinhlupheko ezizayo (3)
azobhekana nazo empilweni yakhe. √√√
6 ¥ UMdaluli wayefune indabandaba kuMaMlanduli ngenkani wathi uma
enqaba wamshaya. √
¥ ULondiwe wabiza amaphoyisa waboshwa uMdaluli, weza necebo lokuthi
uMaMlanduli ancenge uLondiwe ukuthi asule icala. √ (3)
¥ UMdaluli uyaphuma ejele ukhumbuza uLondiwe ukuthi izinkunzi ezimbili
azibusi esibayeni esisodwa. √
7 Inhloso yombhali ukugqamisa ukuthi udlame lwanoma yiluphi uhlobo (2)
alwamukelekile ekhaya nasemphakathini. √√
8 Ngicabanga ukuthi uMdaluli wayezoqhubeka ashaye uMaMlanduli lokhu
kwakungaholela ekutheni alimale noma afe njengoba wayengafuni ukuvula icala.
√√√ (3)
85
ISIQESHANA B
Esangweni lomuzi kaMdaluli, umsindo wemoto esondelayo ize ime. Kuvuleke izicabha ehle
amaphoyisa athathe amagxathu ambalwa esengena emnyango ongemuva lapho esawavulele
khona u Londiwe. Angene endlini maqedene afike ame emhubheni wekamelo lezidumo.
Umdaluli usalokhu emshaya umkakhe, uzwakala ekhuluma enhlinhliza.
MAMLANDULI: (ngezwi elidabukisayo, uzwkala engaphakathi, ukhuluma enhlinhliza)
Kulungile baba wekhaya, qhubeka nje wena nalokhu kungihlukumeza
kwakho kodwa ngithi nje mina bayoze bakubone abanamehlo. Unesandla
esilula wena lapha kimina ngoba nje ngiwumuntu wesifazane kodwa ukuba
ngiwumuntu wesilisa, ngabe kade uwukhwicile umsila.
MDALULI: Ehhe! Ngikudendebulela wona njalo lamaganyana akho ayiziswana. Yimina
njalo lona ongabe usekhwice umsila? Ngabe uyazizwa kodwa ukuthi
usuyangedelela-ke manje? Bengingabe sengikwice umsila nje ngiyinja yini?
(kuwo lowo mnyama kuzwakale umsindo wokungqongqoza okunesankahlu
lapha esicabheni.)
MDALULI: ( uzwakala engaphakathi, emangele)
Ubani-ke lona osezongiphazamisa lapha emzini wami ngisazincokolela
kamnandi kangaka nomfazi wami? Bahlupha kabi laba bantu abalunywa
izimbungulu nobutumushe emizini yabo ngoba ubafica sengqubuleka nje
bengena bephuma emizini yabantu ungazi nokuthi bamenywe ngubani,
kungahlatshiwe futhi kunjalo nje.
ZAYEKA: (uzwakala engaphandle ngezwi elinesankahlu)
Yithina singamaphoyisa. Sisebenzela ophikweni olumelene nodlame
lwasekhaya lapha eSundumbili. Sivulele wenabo! Vula!
MDALULI: (uzwakala engaphakathi ngezwi elinokweyisa)
Uqambe ushilo phoyisa ndini. Lutho olubaziwe! Angivuli mina! Kukwami
phela lapha. Yihlazo phela leli olikhulumayo wena lokuthi ufuna ukungena
ngo “dli”
Ijazi lephoyisa ngibe ngazi kahle kamhlophe ukuthin uzoba yisiphazamiso
esikhulu lapha ebudlelwaneni bami nomkami nokwenza ngisemshikashikeni
omnandi kangaka nomkami?
86
UMBUZO
1 NIkeza isizinda ngokwendawo kulesi siqeshana. (1)
2 Shono isizathu sodweshu phakathi kukaMaMlanduli noMdaluli. (2)
3 Chaza isizathu esaholela ekutheni uLondiwe ashayele imbokodo ebomvu (3)
ucingo.
4 Yini inhloso kaMdaluli ngokuqamba amanga emaphoyiseni ngokukhala (3)
kukamaMlanduli?
5 Yisiphi isizathu esaholela ekutheni uLondiwe ashayele amaphoyisa ucingo. (2)
6 Chaza kabanzi ngesizathu esaholela ekutheni uMdaluli azonde uChivenga. (3)
87
IZIMPENDULO
88
ISIQESHANA D
(Kusihlwa, elawunji lendlu kaMdaluli, uMdaluli uhlezi kusofa ubhekene nomndeni wakhe nawo
othinsike kusofa omude. Bayaxoxa.)
MAMLANDULI: (ngezwi eliphakeme) Hhayi bo! Nansi indaba icishe isala lapha:
Sesizixoxe zonke kodwa yona kungathi iyalibaleka kanti kubaluleke kabi ukuba isheshe
ifinyelele ezindlebeni zikababa … 5
MDALULI: (umangele) Ngabe ndabani leyo okhuluma ngayo? Woza nazo mkami.
MAMLANDULI: Yinhle indaba uma ngabe izwakala ngomnikaziwayo. Lingakadekwa nje
netafula lesidlo sakusihlwa, ake uqhube lolu daba lwasemini Londiwe mntanami ebengithena
ake ulubambe usuyoze uluxoxe ngokwenaba nalo ekufikeni kukababa wekhaya.
10
LONDIWE: Hho! (esebambe isilevu) Ngifike neheheba lephepha lapha ekhaya baba eliphethe
yonke imininingwane ephathelene nemali engiyikweletayo eKolishi lezobuChwepheshe
sekubalwa konke nerenti yendawo yokuhlala.
MDALULI: (uyabalisa) Wo hhe! Yaqala-ke inkathazo bantabakababa.Uthi kusazokwehla
ngamphimbo munye nje lokho kudla uma sengifuhlelwa ngamacala ezimali engizikweletayo?
15
Yini ngisole nje sengathi kuzokwehla ngomgogodla?
MDALULI: (Uphefumulela phezulu) Yehla imbila emsengeni madoda. Kodwa yini lena
engiyizwayo ngezindlebe zami? Sengathi luzongizimukisa ikhanda isibili –ke lolu daba
ongifikela nalo ndodakazi. Okusho
ukuthi phela ngiyehlukana nayo yonke le mali engiphume nayo efemini ngosuku esagcina
ngalo. 30
MAMLANDULI: Mhlawumbe njalo ebengeze waba kulesi simo sokwethuka akuso njengamanje
ubaba ukuba uvele wayolilanda leli heheba lephepha mntanami ukuze azibonele.
35
(Nembala asuke ngawo lowo mzuzu uLondiwe esephuthuma ukuyolilanda iheheba lephepha
eliyisitatimende semali ayikweletayo, maqedane aledlulisele kuyise. Uyise avule ikokosi ahoshe
izibuko azixhobele emehlweni maqedane aqale afifiyele esebuka okubhaliwe)
40
89
IMIBUZO
1.1 Shono ukuthi yini ephazamisa isimo senhlalo kulo mndeni kaMemela
ngokwalesi siqeshana. (2)
1.2 Chaza okwenzeka enkundleni yokudlalela kulesi siqeshana ubhekise
kumlingiswa onguMdaluli. (2)
1.3 Fingqa ngamaphuzu amathathu inkulumo yomlingiswa onguLondiwe
mayelana namazwi kamqoqi zimali njengoba ebuye neheheba lephepha
lesikweletu. (3)
1.4 Qhathanisa isimo phakathi komlingiswa onguMdaluli kanye nomlingiswa
onguManqina mayelana nesigameko sokulahlekelwa ngumsebenzi. (3)
IZIMPENDULO
1.1 Okuphazamise isimo senhlalo kulo mndeni ukuveza
kukaMaMlanduli ukuthi kunodaba asebecishe balukhohlwa
ukulidlulisela kubaba kaLondiwe onguMdaluli nanokuthi lolu
daba kumele lwethulwe ngumninilo onguLondiwe.√√ (2)
1.2 Okwenzeka enkundleni yokudlalela ukuthi uMdaluli
unokumangala ukuzwa ngodaba azoluthulelwa uLondiwe√.
Lumenza abalise, aphefumulele phezulu, ashaye nekhwela
ngenxa yokukhathazeka.√ (2)
1.3 Kumele kukhokhwe imali yesikole kungaze kushaye usuku
lwangoLwesihlanu lokuphela kwenyanga.√ Akekho umfundi
oyovumeleka ukuhlalela izivivinyo zokuphela konyaka√ kanti uma
ikhokhwe yangaphelela, imiphumela iyogodlwa√ (3)
1.4 Isimo phakathi komlingiswa onguMdaluli noManqina ukuthi uMdaluli
ukhathazeka kakhulu kunoManqina ngenxa yesimo sabo
esingefani.√ UMdaluli wayenomndeni ayewa evuka nawo nezikweletu
ezazidalwa ukufundisa izingane,√ kanti uManqina yena wayeyimpohlo
engenazo izikweletu zokondla umndeni nokukhokhela izingane
esikoleni.√ (3)
1.5 Umbhali uhlose ukusivezela ukuthi kumele kube ngumama
oletha ukuthula noxolo ekhaya, afundise nezingane inhlonipho
kubaba wekhaya.√ UMamlanduli ngaso sonke isikhathi uma
90
NOMA
Angivumelani ngoba kwenze lo mdlalo waba nezixazululo
ebesingeke sazi ukuthi zaxazululeka kanjani. √ Ukufika
kukaZenyezile kwaMdaluli kwenze lo mndeni waba sethembeni
lokuthi uma kwenzeka ubaba wekhaya ebalwa nabafile
(2)
babezoqhubeka kanjani nempilo ikakhulukazi uLondiwe
okwakunguye omdala ezinganeni. √
[25]
91
92
93
IZIMPENDULO
1 Umoya otholakala enkulumeni kaNkululeko owokudinwa ngoba uPhindisiwe
engamtshelanga ukuthi ebhange kunamakhamera ebe ewazi uPhindisiwe. √√
(2)
2 Isizinda ngokwenkathi kulesi siqeshana yinkathi yamanje ngoba sekunamabhange
okubanjwa kuwo imali, amakhamera ebhange, isbhamu esasiphethwe uNkululeko
Kanye ne-ATM yokukhipha imali. √√√ (3)
94
95
IMIBUZO
1 Nikeza isizinda ngokwendawo kulesi siqeshana (1)
2 Yini imbangela yodweshu kuThamsanqa ekuqaleni kwalesi siqeshana (2)
3 Ngabe amazwi abhalwe ngokugqamile amveza njengomlingiswa onjani (2)
uMathonsi? Nikeza isizathu sempendula yakho
4 Chaza kafushane ngokuxhumana kwenkulumo-mpendulwana nesenzeko (3)
phakathi kukaThamsanqa noNkululeko ngenkathi beficana kwaMathonsi.
5 Yamanisa ubudlelwano bomlingiswa owuSarah nokubanjwa kwenkunzi (3)
ebhange
6 Chaza isizathu sokusetshenziswa kwesu lokubikezela ephusheni (2)
likaMaMhlongo
7 Qhathanisa izenzo zabalingiswa okuwuKholekile noNkumbulo kubangani (3)
babo.
8 Uyavumela nokuthi uPhindisiwe usudalile isixakaxaka empilweni (3)
kaThamsanqa? Sekela impendulo yakho
9 Ngokucabanga kwakho kwakufanele yini uNkumbulo amfihlele uThamsanqa (3)
ukuthi wayazi ngobudlelwano bukaPhindisiwe noNkululeko? Sekela
impendulo yakho
10 Phawula ngempumelelo yombhali ekwethuleni isiphetho salo mdlalo? (3)
[AMAMAKI ESEWONKE : 25]
96
IZIMPENDULO
1 Kusemsebenzini ehhovisi likaThamsanqa. √ (1)
2 UThamsanqa unodweshu lwangaphakathi ehlezi ehhovisi lakhe ecabanga
indlela uPhindisiwe akaseyiyo emva kocingo olungene ebusuku emzini wabo.
UPhindisiwe ukhombise ukuthi uyamazi lo muntu obeshaya ucingo maye (2)
uyamfihlela uThamsanqa. √√
3 Amveza njengobaba oqotho/onothando ngoba kuyabonakala ukuthi indodana (2)
yakhe uyayinika izeluleko zokuthi ikhule ibe yindoda eqotho. √√
4 Inkulumo-mpendulwano eyaba phakathi kukaNkululeko noThamsanqa
ngenkathi bebanga ukuthi uNkululeko wabiza uPhindisiwe ngomkhuhlane
womfazi lokho kwaholela kwisenzeko sokuthi uNkululeko agcine ekhiphele (3)
uThamsanqa
isibhamu. √√√
5 Umlingiswa owuSarah uyena izikhiye zebhange iForum ezazihlala kuye,
uPhindisiwe wasebenzisa yena ukuyalela oNkululeko behamba naye ukuba
beyosabisa uSarah ukuze kutholakale izikhiye zebhange. √√√ (3)
97
MATHONSI: Ake ngibuze ngale ndlela ndodana, ngiyazi kungumbuzo oxakayo futhi
ongavusa uhlevane kepha-ke kayikho indlela engingaluqala ngayo lolu
daba. Okwesibili usuyindoda manje. Kayikho indoda eyake yakhela enye 10
umuzi. Ngokusho kanjena ngiqonde ukuthi kungesize ngalutho ukuletha
uqhekeko nengxabano emzini wakho.
Ngixolele ngokubuza ngale ndlela ndoda. Umethemba kangakanani
umkakho? (Amjolozele ezinhlamvini zamehlo.)
98
1 Nikeza ithoni etholakala enkulumweni yomlingiswa onguMathonsi kulesi siqeshana bese (2)
unika isizathu sempendulo yakho.
2 Nikeza isizathu sokuba isimo senhlalo singabi sihle ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2)
3 Chaza kafushane ngamaphuzu AMATHATHU ukuthi imibuzo ebuzwa (3)
nguMathonsi kuThamsanqa kulesi siqeshana iyithuthukise kanjani indikimba yalo mdlalo.
99
IZIMPENDULO
1 Ithoni etholakala enkulumweni yomlingiswa onguMathonsi iveza ithoni
yothando/yokuyala njengoba elokhu ebiza uThamsanqa ngendodana
yakhe njalo umaekhuluma naye.UMathonsi uyamyala nangokwakhiwa (2)
komuzi. √√
2 Isizathu sokuthi isimo senhlalo singabi sihle kulesi siqeshana ukuthi uMathonsi
noMaMhlongo abaphathekile kahle ngenxa yokufika kwensizwa abangayazi
njengoba bechazela uThamsanqa osebonakala kumcasula ukuzwa ngale nsizwa. (2)
√√
3 Imibuzo ebuzwa uMathonsi kulesi siqeshana iyithuthukise kahle indikimba
yobugebengu emuva kwemibuzo ebibuzwa nguMathonsi, ebuza
uThamsanqa ngoPhindisiwe ukuthi umazi kangakanani, uThamsanqa
uthola ukuthi uPhindisiwe ubethandana noNkululeko engazi. UMathonsi
noMaMhlongo bathola ukuthiuPhindisiwe unezingane abangazazi.
UPhindisiwe uhlangana noNkululeko nabangani bakhe ukwenza itulo
lokubulala uThamsanqa kanye nokubamba inkunzi ebhange i-Forum. √√√ (3)
100
101
THAMSANQA Iqiniso linye nje ukuthi ngigaya izibozi ngaphakathi noma ngazi
ukuthi kungenzeka lendaba ingabi yilona iqiniso. Okubalulekile nje
kukhona okushaya amanzi.
102
IZIMPENDULO
6.1 UMathonsi usho ukuthi uThamsanqa uzibonele lesigebengu (2)
esiwuNkululeko nodaba esiza nalo. √√
6.2 Umbhali ngegama lehumusha uqunde ukuthi bayizigebengu noma (2)
bayaqolana. √√
6.3 UThamsanqa waya kwaMathonsi ngoba wayashayelwe ubaba wakhe
ucingo ukuthi akadlule ekhaya uma esebuya emsebenzini. Lokhu
kwakungoba kunodaba uyise ayefuna balukhulume. √√√ (3)
103
104
105
1 Ivezani ithoni etholakala kulesi siqeshana? Sekela impendulo yakho ubhekise kumlingiswa 2
onguThamsanqa
2 Nikeza isizathu esenza uMakhangela afune ukuxosha uThamsanqa emzini wakhe 2
3 Chaza kafushane izenzo zikaMakhangela ezikhombisa ukuthi ungumlingiswa ongathembekile 2
kuThamsanqa.
4 Chaza isizinda ngokwesimo senhlalo kulesi siqeshana. 3
5 Fingqa ngamaphuzu AMABILI okwenzeka enkundleni yokudlalela esingenisweni salesi 2
siqeshana.
6 Qhathanisa ukuvezwa komlingiswa onguMathonsi nomlingiswa onguNkumbulo ngezenzo zabo 3
kulolu ndaba.
7 Chaza imbangela yokuthi umlingiswa onguPhindisiwe abhalele uThamsanqa inkondlo. 3
8 Iyini inhloso yombhali ngokusebenzisa umlingiswa onguKholekile kulo mdlalo? 3
9 Ucabanga ukuthi lwaluyoba njani udweshu phakathi kukaThamsanqa noMakhangela ukuba
uThamsanqa akazange akhethe ukuhamba? Sekela impendulo yakho
2
10 Ake uncome ikhono lombhali mayelana nesiphetho salo mdlalo 3
(25)
IZIMPENDULO
1 Ithoni iveza intukuthelo eyayikhonjiswa nguThamsanqa. uThamsanqa wayeze kwaMakhunga 2
ukuzolanda uPhindisiwe nengane yakhe njengoba babehambile emzini wabo.
2 UMaKhangela wayefuna ukuxosha uThamsanqa emzini wakhe ngoba kade eshaye 2
uPhindisiwe ubusuku bonke, uPhindisiwe wabaleka waya ekhaya kubo,kunina manje
uThamsanqa uthi uzomlanda.
3 UMaKhangela ungumlingiswa ongathembekile kuThamsanqa ngoba wafihlela uThamsanqa 2
ukuthi kunoNkululeko endlini.
4 Isimo senhlalo kulesi siqeshana asisihle phakathi kukaThamsanqa noMaKhangela, bebanga
ukuthi uThamsanqa ufike wama ngezinyawo phezu kokuba eshaye uPhindisiwe,ubiza
nezingane zakhe ngemikhovu okuyinto angayithandanga uMaKhangela. (nezinye izimpendulo 3
ziyokwamukeleka.)
106
7 UPhindisiwe wabhalela uThamsanqa inkondlo ecela uxolo ngesenzo sakhe futhi emkhumbuza
nangothando analo ngaye kanjalo nangezifungo abazenza emshadweni
3
wabo.
8 Inhloso yombhali ukusixwayisa/ ukusibonisa ukuthi kukhona abantu abeza kumuntu benze
ubungani ngenhloso ethile. uKholekile wayengumngani noPhindisiwe futhi ethandana
noNkululeko, kwaba lula ukuthola ulwazi olwaludingwa nguNkululeko kuPhindisiwe. 3
10 Umbhali walo mdlalo uyiphethe kahle indaba yakhe. Le ndaba iphethe ngepholavuthondaba ,
uPhindisiwe, uNkululeko nabangani bakhe, oSikela noMaqoma bagcina bebanjwe baboshwa
baphinde bagwetshwa ngoba alikho iqili elazikhotha emhlane 3
107
THAMSANQA:
[Inkundla Yesi-2,
IsigcawuSesi-3]
IMIBUZO
5.1 Nikeza ithoni etholakala enkulumweni yomlingiswa onguMathonsi kulesi siqeshana bese
unika isizathu sempendulo yakho
(2)
5.2 Nikeza isizathu sokuba isimo senhlalo singabi sihle ekuqaleni kwalesi siqeshana.
(2)
5.3 Chaza kafushane ngamaphuzu AMATHATHU ukuthi imibuzo ebuzwa
108
nguMathonsi kuThamsanqa kulesi siqeshana iyithuthukise kanjani indikimba yalo mdlalo (3)
5.4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU iphupho likaMaMhlongo
(3)
5.5 Yini inhloso yombhali yokwethula umlingiswa onguNkumbulo kulo mdlalo?
(2)
5.6 Qhathanisa izenzo zomlingiswa onguMakhangela unina kaPhindisiwe Kanye nomlingiswa
onguMaMhlongo unina kaThamsanqa ekukhuliseni izingane. Sekela impendulo yakho.
(3)
109
110