Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 2

Ukuvezwa kwabalingiswa

Isingeniso.
Kule iseyi ngizobhala ngichaze ukuthi kuyini ukuvezwa kwabalingiswa, ngizobe sengiqhubeka sengiveza indlela
abavezwe ngayo kule noveli bese ngiphetha ngokuveza uvo lwami ngendlela umbhali abaveze ngayo
abalingiswa.
Abalingiswa bangavezwa ngezindlela ezahlukene endabeni, bengavezwa ngumlandi, engaziveza yena,
engavezwa abanye, engavezwa ngenkulumo-mpendulwane, engavezwa nangendlela akhuluma ngayo noma
ngezenzo zakhe. Kule iseyi ngizoveza indlela umbhali aveze ngayo laba balingiswa abalandelayo:
1. UMhlengi/Mahlengi
Umlandi umveze njengensizwa eyiqhathanzipho, insizwa ezithandayo egqoka ixube kahle imibala, uphinde
amveze ngobunjalo bakhe uthi uyakhanya ngokwebala, unesikhumba esithambile esibushelelezi, nobuso
obungenalo nelokubika ichashazi elibangelwa zinduna. Unguzinyobulala kaNgidi futhi ungusomabhizinisi
unebhizinisi leB&B nelokucwala izinwele. Uyisifundiswa, uNgidi umveze njengomuntu owafunda
eVukuzakhe naseML Sultan futhi uma ekhuluma uxuba izilimi. Unesibindi simthola etshela uyise onolaka
ukuthi uyigay. Unethemba umlandi umveze ethatha isinqumo sokuyoziguqula ubulili ngethemba lokuthi
uzophila impilo okade kwasa eyilangazelela. Akanazwelo uzicabangela yena yedwa simthola ala uNontobeko
ngale kokumazisa isizathu, aphinde atshele uyise osehlale iminyaka engaganwa ngoba esabela ukuthi hleze
aganwe umuntu ozohlukumeza indodana yakhe. Unemali, umlandi usilandisa ukuthi wayiqongobezela ukuze
akhokhele isibhedlela saseKapa esimba eqolo, futhi wayehlala eLodge ehamba ngemoto ayeyiqashe kwa-
Avis ngesikhathi esaseKapa. Akathembekile umlandi umveze egwazela umabhalane wakwaHome Affairs
ukuba amlungisele konke.
Ukwenezela kokungenhla umlandi usivezela uMahlengi njengomlingiswa ongenasimilo uthi eqala nje
ukubona uXolani azizwe emthanda uze afise nokuthatha imoto aye kwakhe, ngaphezu kwalokho uze
akhohlwe yisoka lakhe uNdumiso. Unamanga simthola efihlela isoka lakhe ukuthi kade evakashelwe uXolani
efulethini lakhe. Unobuntu, ubuza uXolani ukuthi izingane uzishiye nobaningesikhathi beqhethile. Uyingane
eneqiniso simthola eziveza kubazali bakhe noNontobeko ngesikhathi kade bemfica efulethini
sebengasamboni.
UNontobeko
Uvezwe umlandi njengentombi kaMhlengi. Umlandi uphinde amveze njengentokazi enhle isimanga. Uthi
nangesikhathi esalele esibhedlela kwakucaca ukuthi uphumalanga sikothe wentokazi le. Unothando
lweqiniso, simthola ehluleka ukuphila ngaphandle kukaMhlengi uzama ukuzibulala emuva kokwaliwa
uMhlengi. Uyisaliwakazi umlandi umveze aliwa uMhlengi ngale kokumnika isizathu. Uphinde avezwe
njengengoduso kaNkululeko. Akanazwelo umlandi usivezela yena ala uNkululeko ngosuku olwandulela
umshado. Unesibindi futhi unethemba simthola eya kothungatha isoka lakhe elinguMhlengi kubo.
Uneqiniso uyehluleka ukuhlala emshadweni wamanga.
UXolani
Uvezwe umlandi njengomyeni kaLungile ubaba wezingane ezimbili. Ungusomabhizinisi osafufusa
weThabekhulu Courier Services umlandi umveze ehambela umhlangano wosomabhizinisi abasafufusa.
Unguthathekile/ akanasimilo naye uthi eqala ukubona uMahlengi azizwe esemthanda yize eshadelwe uze
anxaphe azisole ngokusheshe aganwe. Unamanga simthola eqamba amanga kumkakhe ethi akamazi
uMahlengi lo ambiza ephusheni, iphupho lingamawongowongo nje. Akathembekile uyehluleka ukugcina
isethembiso asenze ezinganeni nakunkosikazi wakhe sokubayisa emcimbini. Ungumlingiswa oguqukayo
nongakwazi ukumela isinqumo asithathile, simthola esephuza utshwala ekubeni wayefunge wagomela
ukuthi akasophinde abulokothe. Uyigwala simthola eshawa nguNdumiso ngoba emsola ukuthi umthathela
intombi yakhe. Akanandaba nezingane zakhe umlandi umveza eshiya izingane ayoqhetha noMahlengi
zisale zishe zife kanye nendlu. Akanazwelo ushiya uLungile emakhandleleni ngemuva kokushonelwa
izingane uyahamba uya kuMhlengi/Mahlengi. Uyazisola, simthola ekhala ebalisa ngoMahlengi uma esethole
iqiniso ukuthi uMaHlengi kwakungumuntu wesilisa waziguqula ubulili waba ngowesifazane.
Umbhali uphumelele kahle ukusivezela abalingiswa kule novel esebenzisa izindlela ezahlukene ezibalulwe
esingenisweni se-iseyi.
Inani lamagama 374
Umsebenzi wasekhaya.
Veza indllela umbhali aveze ngayo laba balingiswa abalandelayo
ULkululeko
UNdumiso
ULungile

You might also like