Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 54

UKUKHETHWA KWAMAGAMA 1.

IZINGXABO ZOMNYEZANE

Ukukhethwa kwamagama kuchaza ubuhlakani bembongi ekusebenziseni amagama athile


anobuchule azogqamisa futhi alekele lokho efuna ukukuveza ngenkondlo yayo. Kule
nkondlo imbongi ikhuluma ngendikimba yemfundo, ngakho ke sibheka amagama ekhehthe
ukuwasebenzisa ukugqamisa ubuhle nokubaluleka kwemfundo.

Izingxabo - Leli gama lisho izimpande zesihlahla. Lisetshenziselwe ukugqamisa imfundo


ejulile nolwazi olusabalele olufiswa/olulangazelelwa ukuzuzwa yimbongi.

Ukudepha kwelenjulo – Ukudepha kusho ukujula ushone phansi. Imbongi igqamisa ukufisa
kwayo ukufinyelela emfundweni ejulile, yekhethelo.

Utatalambu -Isiziba esishonayo. Imbongi ifisa ukufunda ize ifinyelele ekucebeni ngemfundo
yekhethelo nenzul, ibe nolwazi olusabalele.

Kuyingcebo yomhlaba nezulu - Isingathekiso Igqamisa ukuthi uma unemfundo usuke


usunothile ngolwazi lokho okuyokwenza ukwazi nokumelana nezimo zonke
ongahlangabezana nazo emiplweni.

Kuyisiyalu -Isingathekiso. Isiyalu yilapho kusuka/ kuqala khona umthombo

Igqamisa ukuthi impilo enethezekile iphelela uma unemfundo ngoba imfundo iyisiqalo
nesisekelo sempilo emnandi. Imbongi ingathekisa izikhungo zemfundo nesiyalu bese
umthombo sekuwulwazi oluyohlala njalo lukusiza impilo yakho yonke.

Ompompoza - Ukugeleza komfula. Imbongi igqamisa ukuthi ulwazi ludluliselwe kwabanye


nokuthi uma usunalo uyohlale unalo alupheli.

Ngilubalubela - Isifiso esikushisa ngaphakathi nesikuqhubela ukuthi uqhubeke nento ofisa


ukuyenza uze uyizuze. Imbongi igcizelela intshisekelo yayo ekuqhubekeni ifune imfundo
enzulu neyekhethelo ingaphazanyiswa yilutho esifisweni sayo.

Ukugxila - Ukuhlala unganyakaziswa yilutho. Imbongi iveza isifiso enaso sokubhekana


nemfundo kuphela ingaphazanyiswa yilutho, inamathele kuyo.

Ukuzinza -Ukunethezeka, ungahlushwa lutho. Leli gama lisinika umqondo wokufuna/


wokufisa ukuhlala, igxile, inethezeke emfundweni ingaphazanyiswa yilutho.

Ngijabul’ unomphela - Lisinika umqondo wokuthi imfundo iyoyinika/ iyoletha injabulo


empilweni yayo yonke.

Ukudons’ amanz’ ezinkalweni - Imbongi isebenzise isisho ukugqamisa ukumunca/


ukuthekela imfundo nasezindaweni ezikude (okuyizikhungo zemfundo) ezikude
nezahlukahlukene.

Ngikhephuzel’ uhlaza - Ukuqhakaza nobuhle bamaqabunga nezimbali. Asetshenziselwe


ukuveza ukuthi usefunde wagogoda, useyayikazela ngeziquzuqu ngenxa yokufunda azuze
ulwazi olunzulu.

1
Ubusika nohlobo - Izikhathi zokushintshashintsha zonyaka. Imbongi izisebenzisele
ukugqamisa ukuthi noma ngabe ibhekana nasiphi isimo empilweni( esimnandi nesinzima)
ngemfundo eyizuzile iyokwazi ukuphila.

Imvunge yemvelo - Inzwa yokulalela/ yokuzwa. – Ukwenanela kwemvelo.

Imbongi igqamisa umuzwa wenjabulo oba khona uma kuwumkhosi wokwethweswa kweziqu
benanela ukuzuza impumelelo.

Ingoma kaqinadolo - Umkhosi wokuqala ukudla okusha. Imbongi isivezela ukuthi ukuzuza/
ukwethweswa iziqu unika ithemba lekusasa eliqhakazile elilethwa impumelelo emva
kokufunda.

Imingamanzi - Ukumunca amanzi. Imbongi ilisebenzisele ukunikeza umqondo wokuncela/


wokwethekela ulwazi / imfundo.

Ngigcule - Lisho ukujabula, futhi lisho ukweneliseka komphefumulo uma usuzuze into
obekade uyilangazelela isikhathi eside Leli gama liqukethe umqondo wenjabulo ngokufunda
igogode, izuze impumelelo ngokuthola ulwazi/ imfundo eyanelisayo ebikade iyilangazelela.

Ngivunilis’ubuchopho ngohlaza.- Isenzasamuntu. Lesi sifenqo imbongi isisebenzisele


ukusivezela ukuthi iyohloba, inothe ngolwazi nangemfundo entsha eyincelayo ekujuleni
nengeyekhethelo.

Ayonginqwambis’ okweqhawe.- Isifaniso. Ukunqwamba kusho ukwembeswa. Imbongi


iveza umnqondo wokuthi iqhawe umuntu onqobile waphumelele, wahlabana. Kanjalo
nalapha kuvela umqondo wokuphumelela emfundweni, uthweswe iziqu ngokuhlabana
ngemfundo.

Imithombo yeziziba – Yilapho okuqala khona umfula/isiziba. Imbongi isivezela umqondo


wokuthi ulwazi/ imfundo eyincela/eyithekela emithonjeni okuyizikhungo zemfundo
iyoyisebenzisa impilo yayo yonke ingabe isahlupheka noma isaswela.

Ngigiye ngiqephuze ngosiba – Igama ‘usiba’ lisho ‘ipeni’. Imbongi isebenzise usiba lwaba
uphawu lwemfundo Imbongi igqamisa umqondo wokujabula ngemfundo yekhethelo
ebiyilangazelela, yayizuza nokuthi lolo lwazi nemfundo iyoba usizo kuyo.

Ukuqoth’ uphoko nokhothe – Lokhu kusho ukugaya ummbila noma amabele awomisiwe.
Lokhu kwakwenzelwau kuthi ahlale isikhathi eside angonakali, abe umphako wendlela
Imbongi igqamisa umqondo wokuthi imfundo/ ulwazi eluzuzile luyoba ngumphako wendlela
oluyoyisiza ukucijela izimo zempilo.

Nabazukulu badle kuchitheke inyongo - Imbongi iveza ukuthi le mfundo angeke isize
noma isebenzele yona nje kuphela kodwa kuyohlomula ngisho nesizukulwane esizayo.

Kuchitheke inyongo – Kusho ukudla kakhulu uze utshokoze-Isisho lesi esisho ukuhlala
ngokunethezeka. Imbongi igqamisa impilo engcono nemnandi eyolethwa ukuba nemfundo
eyokwenza nesizukulwane esizayo sinethezeke, sijabule futhi sibuse.

Bafinye ngendololwane -Isisho esichaza ukubusa. Ngalesi sisho imbongi isigqamisela


impilo emnandi, yokubusa negcwele injabulo ngenxa yemfundo.

Imbongi iphumelele kahle ukukhetha amagama agqamisa indikimba yemfundo yale nkondlo
ethi,” Izingxabo Zomnyezane”njengoba eveziwe kwabuye kwesekelwa ngenhla.

2
AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi ithi ilangazelela futhi inentshisekelo yokuphuza emthonjeni ojulile oyimfundo. Ithi
izuze imfundo ezoba usizo empilweni yayo yonke ikwazi nokuyilekelela ukumelana nezimo
zonke ehlangabezana nazo, ezimnandi nezinzima. Imbongi iphinde ithi ifisa ukuthi ngalolu
lwazi iklonyeliswe ngokuthweswa iziqu, iyijabulele imfundo eyizuzile. Ithi le mfundo iyoba
umphako wendlela okuyisinkwa sayo sokuphila esiyozuzwa nayisizukulwane siphile kahle,
sinethezeke.

Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ihaya inkondlo.
Le nkondlo inomoya wokulangazelela nokujabula. Imbongi ilangazelela ukujula ngemfundo,
ithole/ izuze ulwazi olujulile lwekhethelo oluzoyisiza ezimweni ehlangabezana nazo.
Ilangazelela ukufunda igogode, yethweswe iziqu/iminyezane njengesifundiswa, ijabulele
imfundo eyizuze kwaNgqondonkulu.

Indikimba
Indikimba ummongo/ ingikithi yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo imfundo.

Umyalezo
Kubalulekile ukuzinikela ngokuphelele ungaphazanyiswa yilutho emfundweni yakho, ufunde
uze ugogode ukuze uphile impilo engcono nezonethezekisa nesizukulwane, sidle kuchitheke
inyongo.

Isigqi
Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokulangazelela nenjabulo. Nakuba ziziningi izimpawu
zokuloba kodwa lokho akusenzi sinense. Ukusetshenziswa kophawu lwe- Apostrofi;
ukweqiwa konkamisa kuningi nakho kuyasenza sisheshe isigqi.

Ithoni
Ithoni iveza ukufisa nokujabulela imfundo enzulu nolwazi olusabalele, isebenzise la
magama, “Ngilubalubal’ ukugxila kwelenjulo,”

Imifanekiso mqondo.

3
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma ( izifengqo, izaga nezisho) Kanye
namagama acebile.

Ukukhephuzela - inzwa yokubonakalayo.


‘Ukukhephuzela’ kusho ubuhle uma kukhulaikhala lommbila emasimini. Lisuke seluluhlza
kahle sekuzophuma nomsekuvela izikhwebu ezincane zommbila
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuhloba ngolwazi/ ukunotha ngemfundo. Iphinde
igqamise ukuthweswa/ukuyikazela ngeziqu ngenxa yempumelelo oyizuzile
Ukumpompoza-Kusho amanzi agelezayo. Inzwa yokuzwakalayo/yokulalelwayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi imfundo ayipheli uma usuyitholile iyogeleza
ngokuthi idluliselwe ezizukulwaneni nezizukulwane ezizayo.
Ukuqotha uphoko nokhothe –(ukugaya ummbila namabele awomisiwe): Inzwa
yokuthintwayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi imfundo iyokwazi ukucijela izimo ehlangabezana.

Izifenqo
Umugqa wesi -18, isifaniso
Lwamaqabung’ ayonginqwambis’ okweqhawe;
Imbongi izifanisa neqhawe ngokunqoba/ngokuhlabana emfundweni lapho isifunde yagogoda
isithweswa iziqu/ iminyezana ngokuphumelela kwayo emfundweni.
Umugqa wesi -4…..isingathekiso
‘’Kuyingcebo yomhlaba nezulu’’- Ingathekisa imfundo nengcebo, ukuthi uma unemfundo
unothile, usuke unakho konke okuyisidingo sokuphila.
Umugqa we – 13…Isenzasamuntu
Ngizwe imvunge yemvelo ivungama
Imbongi igqamisa umsindo owenziwa imvelo nomsindo ozwakala uma kuwumkhosi

Izisho

Ukuchitheka kwenyongo ; umugqa we-22

Ukuhlala ngokwenethezeka. Lesi sisho imbongi isisebenze kahle ukugqamisa ukuthi


ngemfundo ezuzwe imbongi nezizukulwane nazo ziyophila kahle nangokunethezeka.
Ukugiya uqephuze ngosiba; umugqa we 20
Imbongi isebenzise usiba lwaba uphawu lwemfundo. Imbongi isigqamisela injabulo eyoba
nayo ngemfundo eyizuzile esikhungweni semfundo nokuthi iyoyisebenzisela ukusiza
nabanye.
Ukufinya ngendololwane; umugqa we23
Ngalesi sisho imbongi isivezela ubumnandi bempilo nempilo enethezekile eyoba khona
ngenxa yemfundo, nezizukulwane ziphile kahle, zibuse.

Enjambamenti
Umugqa we - 13 kuya kowe -14.
Umqondo uqala emgqeni wesi-13 uphelela emgqeni we -14
Imbongi isebenzise umsindo wokuvungama kwemvelo ukusigqamisela umsindo omnandi

4
womculo olethwa ukujabula kwabantu ngenxa yeziqu abazizuzile nethemba lekusasa
eliqhakazile.

Impindwa
Ngilangazelel’ ukudepha kwelenjulo/Ngilubalubela ukugxila kwenjulo
Le mpindwa iqukethe umqondo wokugcizelela ukufisa nentshisekelo yembongi ukuthola
imfundo nolwazi olunzulu nolusabalele.

Imvumelwano siqalo
Umugqa wama -20 kuya kowama -21
Ngigiye ngiqephuze ngosiba lwakwaNgqondonkulu,
Ngiqoth’ uphoko nokhothe lwendlela,
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi
ikhuluma ngayo uqobo. Imbongi iveza injabulo ngokuzuza impumelelo emva kokufunda
iphinde ithi imfundo iyoyilekelela, ibe wusizo empilweni yayo yonke.

Umugqa we-11 kuya ku-13


Ngifunde ukudonsa amanzi ezinkalweni,
Ngikhephuzel’uhlaza ubusika nehlobo,
Ngizwe imvunge yemvelo ivungama
Imbongi isebenzise futhi imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo
omnandi ukugqamisa ubumnandi bemfundo

Imvumelwano
sigcino
Umugqa we-15 nowe-16
Ngilangazelel’ukudeph’okujulile
Kulezo zimpande zemingamanzi ngigcule
Le mvumelwano sigcino ilethe umgqumo omnandi,umqondo
ogcizelekayo yiwo wokulangazelela imfundo ejulile

Ukuxhumanasiqalo
Umugqa we-9 nowe-10
Ngizinz’ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo,
Ngizinz’ekuthuleni ngijabule unomphelo,
Ngalokhu kuxhumana imbongi igcizelela ukufisa kwayo ukujula ngemfundo ze ithole injabo
nokwaneliseka, futhi igcizelela umqondo wokuthi ifuna ukuhla emfundweni unomphela
ingabe isasuka

5
2.ISIZIBA SENHLAKANIPHO
UKUKHETHWA KWAMAGAMA

Ukukhethwa kwamagama kuba Amagama asetshenziswe imbongi enkondlweni ngenhloso


yokugqamisa okuthile.

Kusempondozankomo- Kusuke kusayisikhathi sasekuseni kakhulu kusemnyama imibala


yezinkomo ingabonakala, kepha zisabonakala ngokumisa kwezimpondo zazo kuphela.
Imbongi lapha igqamisa ukuthi abafundi bayavuka ngalesi sikhathi bazilungiselele ukuya
esikhungweni semfundo beyothola ulwazi.

Amaqele- izindawo ezingakhele imizi yabantu kumbe ezinganayo imizi yabantu ezibizwa
ngokuthi izinkalo/ izinkangala/ amadlelo. Imbongi lapha igqamisa ukuthi umfundi
uyahamba endaweni yangakubo eyofuna imfundo kwezinye izindawo ezikude nekhaya
lakhe.

Impambankwici- indaba emxakayo noma emdidayo oyilalele uma ixoxwa kumbe


engakholakali. Imbongi lapha igqamisa ukuthi abafundi luyabadida abanye ulwazi abaluthola
esikhungweni semfundo, lokhu okwenza ukuthi bangaphumeleli kwezinye izifundo. Imbongi
iphinde futhi igqamisa ukuthi imfundo iyadida ngoba akukho lapho umuntu angathi usefunde
ngokwanele usazi yonke into.

Impicabadala- indaba emxakayo noma emdidayo oyilalele uma ixoxwa kumbe


engakholakali. Imbongi igqamisa ukuthi imfundo iyinkinga kubantu abancane nakwabadala
ngoba ngisho noma ufundisiwe, kepha luyakhohleka ulwazi olufundile. Imbongi inethemba
lokuthi noma seyidlulile emhlabeni abasele bayokwazi ukuthola iqiniso ngokujula
kwemfundo.

Ngobhaqa- uhlobo oluthile lotshani oluqinile. Emandulo abantu abampisholo balusebenzisa


lolu hlobo lotshani njengesibani ukukhaniyisa endlini. Imbongi isebenzise leli gama
njengophawu olukhombisa ukukhanya empilweni yomuntu okwenza akwazi ukuhlela kahle
impilo kanye nekusasa lakhe.

Osebeni- kulapho kuqala noma kuphela khona umfula kumbe ulwandle. Imbongi igqamisa
ukuthi owabo bashiya ukufunda ngasekuqaleni, kepha yona imbongi yaqhubeka nokufunda.
Lokhu imbongi ithi kugcina sekuyixabanisa nowabo uma sebeyibona seyifundile kube
sengathi izibona seyingcono kakhulu kunowabo.

6
Umhlandla- indawo ebizwa ngokuthi umhlane ingemuva emzimbeni womuntu. Imbongi
iyabalisa ukuthi iyokuthola nini ukuphumula komzimba ngoba usuyazwela ukukhathala
ngokuba ihlezi ihleli ifunda njalo.

Imfumbe- into eyinkinga/ eyindida/ exakayo. Imbongi inethemba lokuthi noma seyashona
abasele bayoqhubeka bafunde baze balithole iqiniso noma ulwazi ngale ndida eyimfundo.

Nzibase- ulwazi olubanzi. Imbongi ifuna ukuzanelisa ngolwazi eluthola esikhungweni


semfundo.

Njulase- ulwazi olujulile. Imbongi isebenzise isenzasamuntu ukugqamisa ukuthi ulwazi


oludephile olutholakala esikhungweni semfundo.

Isiziba- indawo enamanzi amaningi emfuleni edephile noma ejulie / okushona phansi

kakhulu kuyona. Imbongi ibuka isikhungo semfundo njengendawo enolwazi oludephile.

Izihlabathi- uhlobo lwenhlabathi okuvame ukuthi kungamili izitshalo ezidliwayo kuyo.


Imbongi isebenzise isihlonipho ‘izihlabathi’ ngenhloso yokugqamisa ukuthi umfundi ufika
esikhungweni semfundo engenalo ulwazi olwanele.

Amanzi- uketshezi esiluthola emuva kokuna kwemvula. Luletha impilo ephelele


ezitshalweni, kubantu nasezilwaneni. Imbongi isebenzise amanzi ukukhombisa ukubaluleka
kolwazi oluzuzwa umuntu ngemfundo.

Ngobuqhawe- yilapho umuntu ehlabene kokuthile abekwenza. Imbongi lapha isebenzise


igama ‘ngobuqhawe’ ukugqamisa ukuphumelela komfundi ezifundweni abezenza.

Yokudepha- indawo ebanzi ejulile. Imbongi isebenzise leli gama ngenhloso yokugqamisa
ubukhulu bolwazi oluzuzwa abafundi ngemfundo.

Ugobhoza- ukuhamba sakugijima koketshezi. Lapha imbongi iqhathanisa ukugeleza


kwamanzi okunganqamukiyo njenganolwazi olutholakala emfundweni mihla namalanga.

AMASU OKUHLUZA INKONDLO

Umqondo

Kuba yilokho inkondlo ekhuluma ngakho. Umqondo wale nkondlo uhlukene kabili kukhona
umqondo osobala kanye nomqondo ocashile okuyiwona esithola kuwo indikimba
yenkondlo. Umqondo wale nkondlo imbongi iveza ilaka layo lokulangazelela ukufunda
kanye nokucoma iqhaza lemfundo ekuzithuthukiseni ngolwazi. Imbongi iphinde
ibenethemba lokuthi noma ingadlula emhlabeni abasele bayokwazi ukuqhubeka
nokufunda baze balithole iqiniso ngokujula kolwazi lwemfundo.

Umoya

Kuba umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso ngesikhathi iqamba noma ihaya inkondlo.
Umoya wale nkondlo uxubile inomoya wokulangazelela kanye nowokukhathazeka.
Imbongi ithi ivuka ekuseni kakhulu ngovivi izilungiselela ukuyofunda ngoba ilangazelela
ukuthola ulwazi lwemfundo okuyilona oluyoyisiza ukuzakhela ikusasa eliqhakazile.
Imbongi iphinde iveze ukukhathazeka ngenxa yokuthi ayazi ukuthi kunini lapho iyothola
khona ukwaneliseka ngolwazi eluthola emfundweni ngoba kade kwasa ifunda, kepha

7
ayikakutholi ukwaneliseka ngolwazi esalutholile. Lokhu kugcina sekuyinika ithemba lokuthi
hleze abayosala emva kokuba seyashona bayosala balithole iqiniso lokujula kolwazi
lwemfundo

Indikimba

Kuba umomgo wenkondlo/ inhliziyo yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho


ngegama elilodwa noma ibinzana lagama. Indikimba yale nkondlo imfundo.

Umyalezo

Kubalulekile ukuthi uma uqala into uzimisele ngayo, uyifune uze uyithole.

Isigqi

Kuba ukuhleleka nokubumbeka kwemigqa kanye namabinza enkondlo. Isigqi sale nkondlo
siyashesha nakuba imigqa eminingi ivalekile ngenxa yomoya wokulangazelela.

Ithoni

Iveza ukufisa nokulangazelela ukuthola ulwazi oludephile lwemfundo. “Ngithungathana


nenjabulo yokudepha”

Imifanekiso mqondo

Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso


emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo, inzwa yokuhogelekayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta) Izimo zokukhuluma (izifengqo,izaga nezisho) Kanye
namagama acebile.

Izinzwa

Ngithwele izihlabathi -izinzwa ethintekayo—Imbongi isivezela ukuthi yaphuma ekhaya


iya esikhungweni semfundo ingenalo ulwazi olwanele.

Ngiyoncela manzi ngobhaqa – ethintekayo/enambithekayo—Imbongi ibhekise


ekutholeni ulwazi esikhungweni semfundo ephakeme

Engisigeza ngamanzomfula –inzwa ethintekayo—Imbongi igqamisa ukuthi namanje


isaqhubeka noma ayikaqedi ukuhlela lolu lwazi.

Olokhu kwasa ugeleza –inzwa ebonakalayo – Imbongi igqamisa ukuthola ulwazi lwento
eqhubekayo ehlala yenzeka.

Besizodobela inhlanzi ngodobo –inzwa ebonakalayo/ethintekayo ---Imbongi iveza


ukuthi abangani bayo basheshe bayeka noma bakhathala

Komzimba osufok’ umhlandla --inzwa eboakalayo---Imbongi iveza ukukhandleka


komzimba ikakhuklukazi umhlane wona ozimela ngawo uma uhleli ufunda

Izifengqo

8
Isenzasamuntu

Sizib’ esijulile Njulase

Ngisuthisa wena kwakho Nzibase Nzulase

Imbongi ibhekise emazigeni aphakeme ize iyibize ngamagama njengomuntu.

Isingathekiso

Uyimpambankwici we Njulase

Ngoba namuhla uyimpicabadala—Imbongi igqamisa imfundo ngalamagama adidayo


ukuveza ukuthi imfundo inamandla kangakanani.

Enjambamenti

Umugqa wesi-14 kuya kowe- 15

Umqondo uqala emgqeni we-14 uphele emqeni we-15. Imbongi ibuza ukuthi kunini lapho
iyofika khona ekugcineni/ noma yaneliseke ngemfundo.

Imvumelwano

Imvumelwano siqalo

Umugqa wesi-6 kuya kowesi -7

Ngiyoncelamanzi ngobhaqa

Ngisuthisa wena Nzibase

Impinda lapha iletha umgqumo omnandi osamculo ogqamisa ukuthi imbongi iyothola
ulwazi esikhungweni semfundo ephakeme.

Imvumelwano maphakathi

Umugqa woku -1 kuya kowesi -2

Siziba esijulile Njulase

Ngiphum’ emzini kababa

Imvumelwano maphakathi lapha iletha umgqumo omnandi osamculo ukugqamisa


ukuzilungiselela kwembongi isuka ekhaya iya esikhungweni semfundo ephakeme.

9
3.UKUTHULA
UKUKHETHWA KWAMAGAMA

Sicambhalale- Ukulala ngokungenhloso yokuzumeka. Lapha imbongi isivezela ukuthi ifisa


ukuziphumulela ingcebeleke nesithandwa sayo ,ilale ibheke phezulu ezihlabathini
zolwandle.

Ufasimbe- Into eyinkungu eba semehlweni/ kube ulwelwesi olwenza ubuke lufifi. Lapha
imbongi igcizelela ukuthi lendawo efisa ukuthi bahlale kuyo kuba nenkungu edala bangaboni
ukuqala nokuphela kwezinto.

Ngiqumbelane- Ukugcwala umoya esiswini okwenza ungakhululeki. Lana imbongi


igcizelela ukuthi uma ikule ndawo ithola ukujabula okuphelele.

Usikisiki- Ugqozi/intsisekelo. Imbongi ithi izizwa yenelekisekile ngokuchitha isikhathi sayo


lapha olwandle.

Inhlokomo- Umsindo omkhulu ongethusi okhomba ukujabula. Olwandle kulapho


kunomsindo wamgagasi owenza imbongi ibe nokujabula okukholu enhliziyweni yayo

Amazwana- Umsind wabantu bekhuluma. Imbongi iveza ukuthi uma iziphumelele icimezile
iyaye izwele kude abantu bekhuluma sengathi iyaphupha.

Ukuhamba ngezinyawo- Ukuhamba phansi ungagibeli lutho olunamasonto. Imbongi ithi


abanye abantu kule ndawo behla benyuka abangeni emanzini

Ukuhamba ngomoya- Ukuhamba ngamabhodi abaphakamisa emanzini / akwazi ukwenza


badade/babhukude. Imbongi iveza ukuthi abanye abantu bazibhukudela emanzini begibela
izikembe ezenza baduduleke phakathi olwandle.

Ukukhohlisa- Ukwenza into engesilo iqiniso. Imbongi iveza ukuthi abantu abakule ndawo
benza izinto ezahlukene njnegoba kukhona nalaba abtshuzayo olwandle/emanzini sengathi
ngamahlengwethwa.

Imithi- izihlahla ezisetshenziselwa ukugwedla emanzini. Imbongi iveza okuhle okwenziwa


ngabanye abantu abagwedlayo izikebhe abahamba ngazo emanzini/olwandle.

Izindwani eziluhlaza- Imbewu yotshani. Imbongi iveza ukuthi bagwedla beqhelukisa utshani
ubugwinywe imifula yabududulela olwandle

10
Umoya- Into ongeke wayibamba kodwa enamandla.. Lapha imbongi iveza ukuthi lokhu
kusetshenziswa kwesigwedlo kwenza usikebhe silokhu siqhubekezela phambili ngenxa
yamandla abawafakayo.

Ngiyabezwa- Ukulalela into. Lapha imbongi incoma ukuthi noma ngabe iziphumulela lapha
kodwa ikuzwa konke okuhle okwenzeka kule ndawo yingakho imema isithandwa sayo ukuba
ingcebeleke naso.

Ngiyabathanda- Ukwenza into ekujabulisayo. Lapha imbongi iqinisekisa isithandwa sayo


ukuthi okwenziwa yilabantu iyakujabulela kakhulu , nabantu abakulendawo abayihlukumezi /
abayiphazamisa ekungcebelekeni kwayo ,bayiphatha kahle yingakho ithi asize naso
azojabula kanye nayo.

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi iveza ubuhle bokuthula obulethwa imvelo emphefumulweni yayo.

Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ihaya inkondlo.
Le nkondlo inomoya wokulangazelela nowokuncoma njengoba ifisa ukuthola ithuba lokuhla
nothandiweyo wakhe bajabule ndawonye behlezi olwandlwe..

Indikimba
Indikimba ummongo/ inhliziyo yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo imvelo/ ukuthula okulethwa
imvelo.

Umyalezo
Kubalulekile ukuthi ube nesikhathi sokukhombisana uthando ngokuvakashela endaweni
ejabulisayo nenokuthula.

Isigqi
Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokulangazelela nokuncoma . Nakuba ziziningi izimpawu
zokuloba kodwa lokho akusenzi sinense. Ukusetshenziswa kophawu lwe- Apostrofi;
ukweqiwa konkamisa kuningi nakho kuyasenza sisheshe isigqi.

Ithoni
Ithoni iveza ukufisa nokujabulela ukwenzeka kwezinto olwandlwe okwenza imbongi ibe
nokujabula.

Imifanekiso mqondo.
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma (izifengqo, izaga nezisho) Kanye
namagama acebile.

11
Izinzwa
Sicambalale - inzwa yokubonakalayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi ifisa ukuphumula nesithandwa sayo olwandlwe..
Le ndaw’ egcwel’ inhlokomo- Inzwa yokuzwakalayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi kule ndawo kuno msindo omnandi ewuzwayo.
Kuyona ngizw’ amazwan’ abantu bekhuluma,- Inzwa yokuzwakalayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi konke okwenzeka kule ndawo ikuzwa kancane
ngenxa yokuthi isuke ingakunakile okukhulunywa abantu abalapha.
Abant’ abahamba ngezinyawo nangomoya- Inzwa yokubonakalayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi abanye abnatu bakule ndawo abahlali phansi
balokhu bezihambela esihlabathini solwanlwe.
Abanye bentanta nangaphezulu kwamanzi- Inzwa yokubonakalayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi abanye balabantu bayazibhukudela nje abanake
lutho.
Abanye balokhu benyakazisana nemithi- Inzwa yokuthintekayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi abanye abnatu bahamba ngezikebhe
besesbenzisa izigqedlo ukubhukuda/ukuqhuba izikebhe abahamba ngazo.
Ngiyabezwa bekhuluma, woza ungizwise- Inzwa yokuzwakalayo..
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi uma ikule ndawo iziphumulele iyaye izwe abantu
bezikhulumela benganake lutho okwenziwa abanye yingakho ifisa ukuthi lo muntu
emthandayo naye engeza kule ndawo engenakho ukuxabana nomunye umuntu.

Enjambamenti
Umugqa wesi-7 kuya kowesi-8
Le ndaw’ egcwel’ inhlokomo, kuyo kubuthene
Konk’ okuhle nokuphas’ umphefumulo wami.
Umqondo uqala emgqeni wesi-7 uphelela emgqeni we -8
Imbongi ithi uma ihlezi lapha olwandlwe ibona konke okwenzieka khona ithola ukuthokoza
ngaphakathi enhliziyweni yayo.

Imvumelwano
Imvumelwano siqalo
Umugqa we -10 kuya kowe -11
Abant’ abahamba ngezinyawo nangomoya,
Abanye bentanta nangaphezulu kwamanzi.
Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo ukuletha umgqumo osamculo nokugcizelela ukuthi
kunabantu abenza izinto ezahlukene kule ndawo njnegoba abnaye bengangenile emanzini
abnaye bezibhukudela..

Umugqa wama -16 kuya kowama -17


Ngiyabezwa bekhuluma, woza ungizwise.
Ngiyabathanda, bayangithanda, woz’ uzizwele.
Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo ukuletha umgqumo osamculo nokugcizelela ukuthi
ikhuluma ngayo uqobo njengoba ingagxilisi igqondo yayo konkwenzekayo kule ndawo futhi
nabantu abakule ndawo abanandaba nokwenziwa ngomunye umuntu yingakho Ibiza
isithandwa sayo ukuze ithokoze naso.

12
Ukuxhumana okuekugcineni
Umugqa wama -16 kuya kowama -17
Ngiyabezwa bekhuluma, woza ungizwise.
Ngiyabathanda, bayangithanda, woz’ uzizwele.
Imbongi isebenzise ukuxhumana siqalo ukugqamisa ukuthi ikhuluma ngayo uqobo
njengoba ingagxilisi igqondo yayo konkwenzekayo kule ndawo futhi nabantu abakule
ndawo abanandaba nokwenziwa ngomunye umuntu yingakho Ibiza isithandwa sayo ukuze
ithokoze naso.

4.IMVELO
UKUKHETHWA KWAMAGAMA

Ehungeka - Eheheka / efikelwa umuzwa wokuthanda/ethatheka.Imbongi ifikelwa umuzwa


wokuthanda imvelo.

Amagumb’ omhlaba - Izingxenye zonke zomhlabaImbongi ibona imvelo isabalele kuwo


wonke umhlaba.

Iklabile - Ukukhululeka kwezilwane ehlane.Imbongi ibona izilwane eziyimvelo zikhululekile


ehlane nalo eliyimvelo.

Izimila - Okuzimilelayo enhlabathiniImbongi izwa sengathi konke okuzimilela emhlabathini


kuyahlabelela kamnandi.

Lufukuka - Luphakama / lukukhulaImbongi izwa uthando lwemvelo lukhula ngamadla.

Ngitshakadule - Ukugxumagxuma kwenkonyane ngenxa yenjabuloImbongi ijabulela ubuhle


bemvelo ize yehluleke ukuzibamba.

Ukuthuthumela - Ukwesaba okukhulu/ ukuba novalo olukhuluImbongi izizwa inokwesaba


okukhulu uma ibona labo abacekela phansi imvelo.

Bebhubhisa - Beqothula / beshabalalisa/beqedaImbongi ikhathazwa yilabo abashabalalisa /


abaqeda imvelongokushesha bengashiyi lutho.

Imihlambi - Izilwane eziningi ezindawonye. Imbongi ithokoziswa ukubona izilwane


ngokwehlukana kwazo zikhululekile futhi zithokozile.

Bengazi nanyaka - Benganandaba nomonakalo odalekayo. Imbongi ikhathazwa yilabo


abacekela phansi imvelo bangabi nandaba nomonakalo odalwa ukwenza kwabo.

Iqothulwe - Iqedwe kungasali lutho Imbongi ikhathazwa ukuthi imvelo izophela nya
kungasali lutho.

13
AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo

Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbong ikhuluma ngobuhle bemvelo obutholakala emhlabeni wonke.

Umoya

Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ihaya inkondlo.
Umoya wale nkondlo uxubile. Ngasekuqaleni kwale nkondlo kukhona umoya wokuncoma
kanti ngasekugcineni kukhona umoya wokugxeka. Imbongi incoma ubuhle bemvelo
obutholakala kuwo wonke amagumbi omhlaba. Incoma ubuhle obutholakala
esibhakabhakeni, ubuhle bemvelo obutholakala emhlabeni. Ebinzeni lokugcina imbongi
igxeka abantu abangayinakekeli imvelo. Laba bantu bayicekela phansi, bangakhombisi
nembeza.

Indikimba

Indikimba iphendula umbuzo wokuthi imbongi ikhuluma ngani. Indikimba ingumongo


wenkondlo yonke ukusuka ebinzeni lokuqala kuze kuyofika ebinzeni lokugcina. Indikimba
ingaba igama elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo imayelana
nemvelo.

Umyalezo

Kubalulekile ukuthanda nokunakekela imvelo ngokwahlukana kwayo.

Isigqi

Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokuthanda imvelo. Nakuba ziziningi izimpawu zokuloba
kodwa lokho akusenzi sinense isigqi. Ukusetshenziswa kophawu lwe- apostrofi; ukweqiwa
konkamisa kuningi, nakho kuyasenza sisheshe isigqi.

Isigqi siphine sinense ngenxa yomoya wokukhathazeka. Imbongi ikhathazwa ukubona


abantu abangayinakekeli imvelo lokho okungayenza iphele bese kuphazamiseka nokuphila
kwabantu.

14
Ithoni

Inkondlo iqukethe ithoni yokuhalalisa kanye neyokukhathazeka. Amagama asetshenziswe


yimbongi aveza ukubabaza ubuhle bemvelo ngokwenzeka esibhakabhakeni nasemhlabeni.
Igagula izilwane izimila kanye nokunye okuhambisana nemvelo bese iphinde ikhathazeke
ukubona abantu bengayinakekeli imvelo.

Imifanekiso mqondo.

Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso


emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa yokubonakalayo, inzwa yokuzwakalayo/ yokulalelekayo, inzwa
yokuhogelekayo, inzwa yokunambithekayo nenzwa yokuthintekayo), izimo zokukhuluma
(izifengqo, izaga nezisho) Kanye namagama acebile.

Izinzwa

10. Izimila zihuba ingoma yenjabulo – Inzwa yokuzwakalayo. Imbongi iyisebenzisele


ukugqamisa ubuhle bemvelo ezwakala kamnandi sakuhuba ingoma.

15. Ngitshakadule njengenkonyan’ ibona unina -Inzwa yokubonakalayo.

Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa injabulo enayo eyenza igxumagxume okwesilwane


kwasona esiyimvelo.

21. Bebhubhisa ubuhle bezwe bengezwa – Inzwa yokubonakalayo.Imbongi iyisebenzisele


ukugqamisa ukukhathazeka enako uma ibona abantu beqeda imvelo.

Izifenqo

Umugqa we-10: IsenzasamuntuIzimila zihuba ingoma yenjabulo –Imbongi igqamisa


ubuhle bemvelo.

Umugqa we-15, isenzasasilwane Ngitshakadule njengenkonyan’ ibona unina -

Imbongi ijabule kakhulu yehluleka nokuzibamba uma ibuka imvelo.

Izisho

Uma ngiphakamisa’ amehlo ami : umugqa woku-1Imbongi iyajabula uma ibuka imvelo kuba
sengathi kukhona okuyidonsayo.

Enjambamenti

Umugqa wesi- 6 kuya kowesi – 7

6. Lapho ngiphakamisel’ amehlo esibhakabhakeni,

7. Ngibon’ izinyoni zemvelo zijabule.

Uma imbongi ibuka emkhathini, ibona imvelo okuyizinyoni ezithokozile.

Loku kuthokoza kwezinyoni kuseyibo ubuhle bemvelo.

15
Ukuphindaphinda

Ukuphindaphinda igama uthando ngenhloso yokugcizelela uthando imbongi enalo ngemvelo


nesifiso enaso sokuba abantu bayithande imvelo njengayo.

Imvumelwano siqalo

Umugqa we -11 kuya kowe -12

Ngiluzwe uthando lwemvelo lwenyuka.

Ngiqalaze ngibon’ ubuhle bezintaba zezwe

Imbongi isebenzise imvumelwano ukuletha umgqumo omnandi osamculo ogqamisa ukuthi


ikhuluma ngayo uqobo. Imbongi iveza umuzwa ewuzwayo wokuthanda imvelo.

Umugqa wama-21 kuya kowama-23

Bebhubhisa ubuhle bezwe bebgezwa,

Bengezwa kwabumnandi bokubusiseka,

Bengazi nanyaka ngokungehla

Imbongi isebenzise imvumelwano ukuletha umgqumo omnandi osamculo nokugcizelela.


Imbongi igcizelela ukwenza kwabantu abashabalalisa imvelo, okuyenza yesabe kakhulu.

Ukuxhumana okutshekile

Umugqa wesi-3 kuya kowesi- 4

Ngizw’ amehlo ami ehungeka,

Ehungwa uthando lwemvelo

Ngalokhu kuxhumana imbongi igcizelela ukuthatheka kwayo ngenxa yokuthanda imvelo.

Umugqa wama-21 nowama - 22

Bebhubhisa ubuhle bezwe bengezwa,

Bengezwa kwabumnandi bokubusiseka,

Imbongi igcizelela ukungabi nandaba kwabantu abashabalalisa imvelo.

16
5.MUSANI
UKUKHETHWA KWAMAGAMA

Musani-Ukutshela abantu ukuba angakwenzi okuthile/bapheze/bakuyeke. Lapha kule


nkondlo imbongi icela abantu ukuba bayeke ukukhala.

Ukukhala-ukuphuma izinyembezi emehlweni ngenxa yokungaphatheki kahle. Okunye


ukukhala ngento ethile eyenzeke kuwena. Imbongi icela bangamkhaleli othandiweyo noma
umama njengoba esedlulile emhlabeni.

Ukubibitheka-ukuphuma izinyembezi emehlweni noma ukukhala izwi lingaphumi. Imbongi


ifisa ukuthi bangabe besakhala.

Ukulila-Ukukhala ngokumemeza noma ukukhala Imbongi ifuna bangakhali kakhulu kodwa


babe nethemba ngalo obashiyile.

Kanazi–ukuchaza ukungabi nalwazi mayelana nento ethile. Imbongi ibabuza ukuthi


abanalwazi yini ukuthi othandiweyo/umama wayo uye kuyiphi indawo nokuthi ungokabani.

Ukuthuthumela-ukwesaba into ethile. Lapha imbongi iduduza abasabayo ngenxa


yokuhamba kukamama wayo.

Kanazi yini ukuth’ ungokabani na? umbuzombumbulu-Lapha imbongi ibuza umbuzo


enempendulo yayo ukuthi umama ungowoMdali.

Eseyekhaya-indawo lapho umuntu ehlala khona. Imbongi isebenzise igama elinothile


ukugqamisa ukuthi isho ekhaya eZulwini.

Usebiziwe-Ukuza lapho uyalelwa khona. Imbongi igqamisa ukuthi umama ubengeke


esawuziba umyalelo woMdali.

Vulani izinhliziyo zenu kuyena (isenzasamuntu)-Imbongi ifuna abantu mabavule izinhliyo


zabo kuMdali.

17
AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo

Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi ililela uma osedlule emhlabeni. Iyabakhuza ukuthi bangamukhaleli uma kodwa
bajabule ngoba ungowoMdali futhi useyeKhaya. Icela abakhalayo baduduzwe kanye
nabasabayo ukuba bavume ukuthi ubesebiziwe bese bevula izinhliziyo zabo bazivulele
intando kaNkulunkulu.

Umoya

Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ibhala/ihaya
inkondlo. Le nkondlo inomoya nowosizi. Imbongi ikhathazekile ngenxa yabantu abakhalela
uma ibona bengenathemba bengazi nokuthi ubizwe uMdali futhi useseKhaya.

Indikimba

Indikimba ummongo/ inhliziyo yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama


elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo ukufa.

Umyalezo

Kubalulekile ukuthi uzilungiselele indlela yakho usaphila ukuze nabasele bangabi naxhala.
Kungaba neminye imiyalezo engaba khona kodwa makusekelwe ngokusenkondlweni.

Isigqi

Uma kukhulunywa ngesigqi kubhekwa umgqumo wenkondlo ukuthi ngabe inkondlo


iyashesha noma iyanensa. Kuye kubhekwe ukuvuleka nokuvaleka kwemigqa, kubhekwa
ubude nobufishane bemigqa, ubude nobufishane bamagama, ukweqiwa konkamisa kanye
nezimpawu zokuloba. Konke lokhu kuhambisana nomoya okungaba umoya wokujabula,
wosizi, wokukhathazeka njalonjalo. Isigqi sale nkondlo siyanensa nakuba ziningi izimpawu
zokuloba ekugcineni kwemigqa kanye nemigqa emifushane ngenxa yomoya wale nkondlo
wosizi noma wokukhathazeka kwenza isigqi sinense. Umqondo wenkondlo nawo wenza

18
isigqi sinense ngoba ikhuluma ngokufa.

Ithoni

Ithoni ivezwa amagama asetshenzisiwe enkondlweni kube yithina esiyifundayo ukuthi ngabe
aveza ukukhathazeke, ukudideka, ukudinwa njalonjalo. Le nkondlo iqukethe ithoni
yokukhathazeka/yosizi. Imbongi icela ukuba bangakhali isebenzise la magama,
‘ukubibitheka, ukulila” njalonjalo. Ibuye ibe nethoni yokududuza/yokunikeza ithemba
njengokusebenza kwamagama “ kwamagama “ey’ ekhaya, ubizwe nguyena”.

Imifanekiso mqondo.

Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso


emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma (izifengqo, izaga nezisho) kanye
namagama acebile.

Izinzwa

Musani ukukhala-inzwa yokulalela /yokubona. Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi


laba abasele abangamkhaleli ongasekho ngoba ubiziwe nguMdali.

Thulani-inzwa kulalela. Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi esikhundleni sokuba


bakhalele othandiweyo wabo kodwa kufanele bamjabulele ngoba usebizwe uMdali.
Ukuthuthumela-inzwa yokubona. Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi abangesabi
kodwa baduduzeke ngobizwe uMdali.

Izifenqo

Umugqa wesi-5 umbuzombumbulu. Kanazi yini ukuthi uyephi na? Ibuza umbuzo
enempendulo yayo. Yazi kahle ukuthi uma
uye ekhaya lakhe.

Umugqa wesi-7 umbuzombumbulu


Kanazi yini ukuth’ ungokabani na? Ibuza umbuzo enempendulo yayo. Yazi kahle ukuthi
umama ungowoMdali.

Umugqa we-11 isihlonipho


Usebiziwe- lapha imbongi isebenzise igama lokuhlonipha

esikhundleni segama usefile ukugqamisa ukuthi kufanele


bamjabulele othandiweyo njengoba esebiziwe.

Isisho

Ukuthuthumela-Lesi sisho imbongi isisebenze kahle ukweluleka abasabayo ukuthi kufanele


bangabi navalo ngosehambile ngoba uye ekhaya.

Enjambamenti

Umugqa we-11 kuya kowe-12.

19
Umqondo uqala emgqeni we-11 uphelela emgqeni we-12

Imbongi inxusa/icela ukuba abathandiwe bathokoze kuthi nabasabayo nabo bathuliswe


ngomama osebiziwe.

Umugqa we-13 kuya kowe-14.

Umqondo uqala emgqeni we-13 uphelela emgqeni we-14

Imbongi ithi abavume ukuthi ubesebiziwe bese bevula izinhliziyo zabo bazivulele intando
kaNkulunkulu.

Imvumelwano siqalo

Umugqa wesi-7 nowesi-8.


Kanazi yini ukuth’ ungokabani na?

Kaniqondi yini ukuth’ akuwenu na?


Imbongi isebenzise imvumelwano ukuletha umgqumo osamculo ukugqamisa/ukugcizelela
ukuthi othandiweyo bekungeyena owabo kodwa ubengowoMdali/uNkulunkulu.

Ukuxhumana okusekuqaleni

Umugqa woku-1 nowesi-2.

Musani ukukhala.

Musani ukubibitheka.

Imbongi isebenzise ukuxhumana okusekuqaleni ukugqamisa/ ukugcizelela ukuthi


bangamkhaleli umama njengoba esebiziwe waya ekhaya noma usebizwe uMdali.

Ukuxhumana okusekugci-
neni

Umugqa wesi-9 kuya kowe-10.

Pho nihlushwa yini um’ esey’ ekhaya?


Pho anithokozi ngani um’ ey’ ekhaya? .
Imbongi isebenzise ukuxhumana okusekugcineni ukugqamisa/ ukugcizelela ukuthi
bangahlushwa lutho kodwa bajabule ngoba umama usesekhaya lakhe.

20
6.IMPI
UKUKHETHWA KWAMAGAMA

Ngamaviyiviyo - Izigaba ezakha amabutho. Lapha imbongi igcizelela abafundi abaphuma


ezindaweni ezahlukahlukene abenza izifundo ezahlukene.

Kudedangendlale wenkundla – Indawo enkulu, evulekile. Imbongi igcizelela ukuthi lesi


khungo semfundo sikhulu kakhulu, sikwazi ukuthatha isibalo esikhulu sabafundi.

Nezingeqiwa ntwala – Izingozi ezinkulu ezivulekile ekhanda. Lokhu kugqamisa izinkinga


ezinkulu/ezijulile futhi ezahlukene abafundi abafika nazo.

Namanxebakazi – Ingozi yokugwazwa eba semzimbeni. Imbongi igqamisa ukukhandleka


kwemizimba yabafundi ngenxa yezinkinga abafika zibakhungethe.

Nemikhontshwana – Imikhonto emincane. Lokhu kugqamisa ulwazi oluncane abafika nalo


ngenkathi bezoqala ukufunda kulesi sikhungo.

Lopha – Ukuvuza kwegazi. Lapha imbongi igqamisa ubuhlungu obuzwiwa abafundi


ngabodwana, omunye umuntu ongakwazi ukububona ngenxa yokuthi bayaziqinisa.

Uwonke – Wonke umuntu. Lapho imbongi igcizelela ukuthi akekho ongafisi


ukufunda/uyayifisa imfundo.

Eyamanyamfokwe – Amavila. Imbongi igcizelela ukuthi uma uyivila awudingeki ngoba


uzohluleka.

Isihlangwana – Ihawu elincane lokuvika. Imbongi igcizelela ukuthi nakuba


isafunda/isekhona kulesi sikhungo yingenxa yokuphumelela ngengciciyela kwayo.

21
Sesiyigwaza bukhoma – Ukugwazana nibhekene. Imbongi igcizelela isikhathi esinzima
lapho isuke isibhala izivivinyo ezilukhuni.

Amavak’amb’ambulula – Ukubaleka kwamagwala. Imbongi igcizelela ukuthi labo


abahluleka ukubekezela bayeka ukufunda.

Kubusa ukuzisola – Ukuzibona unecala. Imbongi igcizelela ukuthi sebeyazisola ukuthi


ababekezelanga ngani ezifundweni zabo, bayazisola ukuthi baphikelani nobuvila.

Ukugadla – Ukushaya/ukulwa. Imbongi igcizelela ukuzisola kwabo ngokungafundi


ngokuzikhandla.

Ungebizelwe muntu - Akekho okuphoqayo. Imbongi igcizelela ukuthi akekho ozokulandela


ngemuva/ozokuphoqa ukuba ufunde, uzibonela wena isidingo sakho.

Ngayilwa – Ukubhekana nempi. Igcizelela ukuthi nayo yafunda ngokuzikhandla yagcina


iphumelele.

Imini nobusuku – Zikhathi zonke. Imbongi igcizelela ukunxusa kwayo abafundi ukuthi
abafunde ngaso sonke isikhathi, bengaphumuli.

Izikhali zikusinda – Into elimazayo uma ulwa empini. Imbongi igcizelela ukunxusa kwayo
kubafundi ukuba babekezele bafunde noma sekungaphezu kwamandla.

Yimiyocu – Izibazi eziba semzimbeni. Imbongi igcizelela ukuthi bengabunaki ubunzima


abahlangabezana nabo ezifundweni zabo, baqhubekele phambili.

Udumo – Ukwaziwa abantu abaningi, kuyo yonke indawo. Imbongi igcizelela ukunxusa
kwayo ukuba abafundi bagxile ezifundweni zabo bangalibali ukwenza izinto ezijabulisa
abanye abantu kodwa ezingeke zibasize ngalutho bona. Uma benze njalo bayophumelela.

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo

Umqondo yilokho okushiwo yimbongi enkondlweni yayo.Kule nkondlo imbongi ingathekisa


imfundo ngempi. Imbongi inxusa abafundi ukuthi bafunde ngokuzimisela, babekezele uma
behlangabezana nezinkinga ekufundeni kwabo. Ukuze bezophumelela.

Umoya

Umoya wemkondlo isimo imbongi esuke ikuso ngenkathi ihaya/iqamba inkondlo yayo. Le
nkondlo inomoya wokunxusa. Imbongi inxusa abafundi ukuba bafunde ngokuzimisela futhi
babekezele noma behlangabezana nezinkinga ukuze bezophumelela.

22
Indikimba

Indikimba ingumongo noma yingqikithi yenkondlo. Iphendula umbuzo othi ikhuluma ngani
inkondlo. Ingaba igama elilodwa noma amabili. Indikimba yale nkondlo imfundo.

Umyalezo

Kubalulekile ukuthi uma wenza into uyenze ngokuzimisela nangokwethembeka,


ungadikibali noma kunzima.

Isigqi

Siyanensa ngenxa yomoya wokunxusa futhi nemigqa eminingi ivalekile. Nakuba kukhona
ukweqiwa konkamisa okuningi kepha ngenxa yomoya wokunxusa siyanensa. Imbongi
inxusa ukuba abafundi bafunde ngokuzimisela futhi babekezele noma behlangabezana
nezinkinga ukuze bezophumelela.

Ithoni

Ithoni yokunxusa. Imbongi inxusa abafundi ukuthi bazimisele futhi babekezele ekufundeni
kwabo. Ukuze baphumelele.

Imifanekisomqondo

Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha isithombe


emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa yokubona, inzwa yokuzwa/yokulalela, inzwa yokuhogela, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma (izifengqo, izaga nezisho) Kanye
namagama acebile.

Izinzwa

Umfanekisomqondo wokubonakalayo ngamaviyoviyo - Imbongi igcizelela abafundi


abaphuma ezindaweni ezahlukahlukene abenza izifundo ezahlukene.

Kudedangendlale wenkundla – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igqamisa


ubukhulu balesi khungo semfundo nokuthi sikwazi ukuthatha isibalo esikhulu sabafundi.

Namanxebakazi – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igqamisa


ukukhandleka kwemizimba nezinhliziyo zabafundi ngenxa yezinkinga abanazo.

Nemikhontshwana – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igqamisa ulwazi


oluncane abafundi abafika benalo ngenkathi bezoqala ukufunda kulesi khungo.

Lopha – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igqamisa ubuhlungu obuzwiwa


abafundi ngabodwana/omunye umuntu ongakwazi ukububona ngenxa yokuthi

23
bayaziqinisa.

Isihlangwana - Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igqamisa ukuthi nakuba


isafunda/isekhona kulesi sikhungo yingenxa yokuphumelela ngengciciyela kwayo
ezifundweni.

Seyigwaza bukhona – Umfanekisomqondo wokubonakalayo (isisho) Imbongi igcizelela


isikhathi esinzima lapho isuke isibhala izivivinyo ezilukhuni/ezinzima.

Amavak’amb’ambulula – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igcizelela


ukuthi labo abanga mavila / abahlulwa ukubekezela bayeka phansi ukufunda.

Ukugadla – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igcizelela ukuzisola kwabo


ngokungafundi ngokuzikhandla.

Izikhali zikusinda – Umfanekisomqondo wokubonakalayo/ wokuthintekayo. Imbongi


igcizelela ukunxusa kwayo kubafundi ukuba babekezele bafunde noma
sebehlangabezana nobunzima.

Yimiyocu – Umfanekisomqondo wokubonakalayo. Imbongi igcizela ukuthi bengabunaki


ubunzima abahlangabezane nabo ekufundeni, baqhubeke bafunde.

Imvumelwano

Emgqeni wesi – 9 kuya kowe – 10

Ngimi nowami umkhontshwana

Ngimi nesam’isihlangwana

Imbongi isebenzise imvumelwano sigcino ukuletha umgqumo osamculo omnandi


nokugcizelela ukuthi nakuba isafunda yingenxa yokuphumelela ezifundweni zayo
ngengciciyela.

Emgqeni we – 12 kuya kowe – 13

Amavak’amb’ambulula

Kunamuhla kubus’ukuzisola

Imbongi isebenzise imvumelwano sigcino ukuletha umgqumo osamculo omnandi


nokugcizelela ukuthi lapho abahluleka ukubekezela bayeka ukufunda sebeyazisola.

Emgqeni we – 19 kuya kowama – 20

Yilw’imini nobusuku

Nom’izikhali zikusinda

Imbongi isebenzise imvumelwano maphakathi ukuletha umgqumo osamculo omnandi


nokugcizelela ukunxusa kwayo ukuthi babekezele bafunde zikhathi zonke noma

24
behlangabezana nezinkinga.

Ukuxhumana

Emgqeni wesi – 3 kuya kowesi – 5

Amaviyo nezingeqiwa ntwala

Amaviyo namanxebakazi

Amaviyo nemikhontshwana

Imbongi isebenzise ukuxhumana siqalo ukugqamisa ukuthi la bafundi bafika


bekhandlekile emzimbeni nasezinhliziyweni zabo ngenxa yezinkinga abanazo.

Emgqeni we – 14 kuya kowe – 15

Ngokwesab’ukugadla kule mpi

Ungebizelwe muntu kule mpi

Mfowethu yilwa le mpi

Imbongi isebenzise ukuxhumana sigcino ukugqamisa ukunxusa kwayo abafundi ukuthi


abazimisele bafunde ngokuzikhandla ngoba akekho ozobalandela ngemuva.

Emgqeni wama – 22 kuya kowama – 23

Khohlwa yimiyocu

Khohlw’udumo

Imbongi isebenzise ukuxhumana siqalo ukugcizelela ukuthi abafundi bengabe


besabunaka/besagxila ubunzima asebedlule kubo futhi bengenzi izinto ezingeke zibasize
ngalutho ngoba befuna ukujabulisa abanye. Ithi abafunde.

Ifanankamisa

Emgqeni we – 12

Amavak’amb’ambulula

Imbongi isebenzise ifanankamisa ukuletha umgqumo osamculo omnandi njengoba ithi


abafundi abehlulwa ukubekezela bashiya phansi ukufunda

Ifanangwaqa

Emgqeni we – 13

Kunamuhla kubus’ukuzisola

Imbongi isebenzise ifanangwaqa ukuletha umgqumo osamculo omnandi njengoba ithi


sebeyazisola/sebeyazigxeka ukuthi aba baphikelani nobuvila.

25
UKUKHETHWA KWAMAGAMA 7. WE SINXIMFI NDINI

Imbongi isebenzise amagama anothile ukugqamisa indikimba yomona kule nkondlo.

Qhumuk ‘uhleke- imbongi isebenzise igama ‘Qhumuk’ uhleke’ ukugqamisa ukuthi


abantu abanomona bahleka sakubhuqa uma bebona abantu abaphumelelayo.
Ukuqhumuka ukuhleka kakhulu. Imbongi ibonakala ibhuqa sakukhuthaza lo ohlekayo
ukuthi ahleke kakhulu, angazibambi. Uma uqhumuka usuke uhleka kungalindelwe,
uphubuka.
‘Sinximfi ndini’ - Lapha imbongi igqamisa ukuthi abantu abanomona bahlala
benganeliseki ngakho konke okwenzeka kubantu abaphumelelayo, bayakhononda
benximfe ukukhombisa ukubabukela phansi.Imbongi ikhuluma naso ngqo isinximfi.
Uyisigqila somona- Isigqila umuntu osebenza komunye umuntu ngaphandle
kwenkokhelo. Imbongi ibona lo muntu ethwele kanzima.Umona umenzisa izinto
ezingalungile ufukuziswa umona.
Klibhi klolo- lokhu kushiwo uma ubabaza ukhombisa ukucasuka nokubhinqa. Imbongi
igqamisa umona , bayakloloda. Imbongi iyabagxeka ukuthi bayakloloda njalo uma bebona
umuntu ophumelelayo.
Sichwensi- Imbongi isibiza lo muntu ngesichwensi.Isichwensi umuntu owenza izinto
noma yikanjani angacabangeli imizwa yabanye abantu; isideleli noma isigcwaneki.
Ayisengangamlomo- Lesi isaga esisho ukukhulumela futhi.umlomo nje kuphela ayikho
indaba.Akunjengokukhuluma kwakhe.
Bakubonile abanamehlo- Lesi saga sichaza ukuthi ngoba wenza mina kanje boze
bakuthole abakwazi ukwenza njengawe.(Kwashiwo uGcugcwa esefa elaliswe esangweni
kuphuma izinkomo zimgxoba ngoba kwakuyisijeziso sokweba izinkomo,Wayezikhokhela
ngazo izinkomo ngoba iLembe alisigcinanga isethembiso sokubakhokhela sebenze
izikhali.Wathi:’ ubulala mina kanje? nawe bayokubona abanamehlo’ )
Lokhu okubi akwenze kubantu, kukhona asebekwenzile nakuye.Sebeze bamthola naye.
Nximfa unximfile: Ukunximfa ukwenza umsindo okhombisa ukucasuka.Imbongi ithi

26
akenze akujwayele ukunximfa. Imbongi isawugqamisa umona kubantu uma ethi
bayanximfa uma umuntu ephumelela bekhombise ukungamjabuleli ‘Nximfa unximfile’.
Ebese esho ukuthi bangamavila benjalo nje abanalutho bona abazenzela lona.
Uyozuf’ usongizandla- Akukho akwenzayo okumusa empumelelweni. Uyoze afe
engezanga lutho.
Uyozuf’ ungahlabananga- Uyoze afe engaphumelelanga. Uyoze afe engenalutho,
engazuzanga lutho.
Ngifel’ umona- Akamjabuleli ngempumelelo yakhe.
Sifamona - imbongi ikhethe igama ‘Sifamona ‘ eligqamisa ukuthi umona abanawo uba
mkhulu kakhulu ngalabo abazisebenzelayo. Umuntu njengoba enomona uyinto ephila
ngokucela ukudla kubangani nasezihlotsheni ngoba uswele kwabanye.‘ophila
ngokwethekela’
Cekeful’uzidelise- imbongi ikhethe ukusebenzisa amagama ‘Cekeful’ uzidelise’ lapha
igqamisa ukuthi lomuntu onomona uthanda ukukhuluma kabi (ukuhleba) ngabanye abantu
abaphumelelayo. Yena akaziboni ukwehluleka kwakhe.
Ubon olwami ugongolo- Imbongi igqamisa lokhu ngokukhetha amagama athi ‘olwami
ugogolo’ ubona ububi kwabanye yena akaziboni.
Gubhela kwesakho -Imbongi ikhethe amagama athi ‘Gubhela kwesakho’ ukugqamisa
ukuthi umuntu onomona ufuna ukuthi konke kube ngokwakhe abanye bangabi nalutho.
Konke ufuna kuze kuyena yedwa.
Liphixiphixi -Imbongi ikhethe igama ‘Liphixiphixi’ ukugqamisa ukuthi umuntu onomona
uyishaya emuva ayishaye phambili. Uze enze sengathi uyabathanda abaphumelelayo
kanti uyabakhohlisa. Uyabakhohlisa nabo baze bamethembe.
Ngibamb’ emehlweni- Usho ukuthi ngikhohlise , kulungile.
Lala lulaza - isaga esisho umuntu othanda ukwenza abanye abantu izilima ngokuthatha
izinto zabo ngoba ethi balibele.
Bayokwengul’ abakwengulayo- bayoze bamthole.
Sikhohlisani- Imbongi igqamisa ukuba namanga komuntu ohlale egxeka
Uthi kulele kunye- ucabanga ukuthi imbongi iyisilima. Kanti ihlakaniphile ‘kulele ngakubili’
Ngiluthe ungithonye- Imbongi igqamisa ukuthi umuntu ogxekayo uyakwazi ukukhohlisa
abantu bakholwe yilokho akushoyo.
Abant’ abayi nganxanye- lesi saga sisho ukuthi akusibo bonke abantu abakujabulelayo
akwenzayo.
Ugomolophonjwana- Ukugomonqa/ ukuphenduphenduka emoyeni. Imbongi igqamisa
ukuphendukelwa yilo muntu onomona,
Liphixiphixi- umuntu ongumxabanisi. Imbongi igqamisa umqondo wokuthi umuntu
onomona uphinde abe ngumxabanisi.
Bangiwezil’abangifeli mona- kukhona abagcine beyisizile imbongi yaphumelela.

27
AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo

Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi ikhuluma ngabantu abanomona, abafuni ukubona abanye abantu bephumelela.
Bagxeka yonke into. Ithi lolu hlobo lwabantu aluvamisile ukuphumelela ngoba
alukhuthalele ukwenza kepha lihlale isonge izandla. Lolu hlobo lwabantu luze lufe
lungenalutho ngoba esikhundleni sokuthi lwenze noma luzame lona lulibala ukunaka
abanye abantu. Lubagxeke kepha lona lube lungenzi lutho.

Umoya

Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ihaya inkondlo.
Le nkondlo iqukethe indikimba yomona ngakho-ke umoya owokugxeka. Le nkondlo
iqukethe umoya wokugxeka. Imbongi igxeka izenzo zalaba bantu abanomona ngoba
babukela phansi imisebenzi yabanye abantu. Iyabanxusa laba bantu abangafuni ukubona
abanye bephumelela ukuba nabo abaphenduke benze okuhle bengalokhu bebheke okubi
kodwa.

Indikimba

Indikimba ummongo/ ingqikithi yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama


elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba iphendula umbuzo wokuthi imbongi
ikhuluma ngani. Yikuphi lokhu okuthinte imbongi yaze yafisa ukubhala ngakho? Indikimba
ingumongo wenkondlo yonke ukusuka ebinzeni lokuqala kuze kuyofika ebinzeni lokugcina.

Indikimba yale nkondlo umona.

Umyalezo

28
Kubalulekile ukuthi uma ungumuntu ungabi nomona uma ubona omunye umuntu
ephumelela empilweni noma enezinto ongenazo wena. Funda ukubongela omunye
umuntu uma izinto zimhambela kakhe ungamfeli umona, umjabulele.

Isigqi

Isigqi siyanensa ngenxa yomoya wokugxeka. Nakuba i-enjambamenti iningi futhi


kunonkamisa abaningi abeqiwe kule nkondlo lokho akusenzi isigqi senkondlo sisheshe.
Namagama amafishane awasenzi isigqi sisheshe.

Ithoni

Ithoni yokucasuka – imbongi igxeka izenzo zomuntu onomona ovele anximfe ngaso sonke
isikhathi uma ebona izinto zihambela kahle abanye abantu.

Imifanekiso mqondo.

Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso


emqondweni wofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama. Sikhuluma
ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo, inzwa
yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma ( Izifengqo, izaga nezisho) Kanye
namagama acebile.

Izinzwa
Ukucekefula - inzwa yokuzwakalayo. Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukukhulumela
safuthi komuntu onomona ngenxa yokubona abanye abantu bephumelela.
Izisho

Ukubamba emehlweni umugqa wama-25

Ukukhohlisa – Lesi sisho sisho ukulkhohlisa umuntu ngoba nakhu ufuna izinto zihambele
wena kahle, Ngalesi sisho imbongi igqamisa umqondo wokuthi umuntu onomona uvele
akukhohlise kube sengathi uyakucoma athi angabheka eceleni bese eyamximfa.

Ukuhlabana; umugqa wama 40

Ukunqoba empini. Lesi sisho imbongi isisebenze kahle ukugqamisa ukuthi nayo isize
yaphumelela kade beyifela ymona isize yakhohlwa.
Izaga

Emgqeni wama -27 kuya kowama-38

Lala lulaza bayokwengula.

Sisho ukuthi uma ulibele bazofika abahlakaniphile bakuhlaniphele. Imbongi igqamisa


umqondo wokuthi lo muntu akaqhubeke nje amhlakaniphele ngoba vele unomona ngaye
kodwa bakhona abazoqhamuka bamzwele.

Emgqeni wama- 327 kuya kowama-38

Kulele kunye ukube kubili ngabe kuyavusana. Lesi saga sishiwo lapho khona umuntu
ebekeka enza izinto eziwubuwula.

29
Imbongi iveza ukuthi lo obethi kulele kunye usithwe yisithupha ngoba sekulele kubili
okusho ukuthi izinto azenzayo seziqala ukukhombisa ubuhlakani.

Emgqeni wama- 36 kuya kowama -37. Abantu abayi nganxanye bengemanzi

Lesi saga sisho ukuthi abantu ababoni ngeso elilodwa into bayibona ngezindlela
ezingefani. Imbongi igqamisa umqondo wokuthi bakhona abantu abantu abangeke babe
nomona ngezinto ezenzayo, abangeke bafane nalesi sinximfi.
Enjambamenti
Umqondo uqala emgqeni woku-1 uphelela emgqeni nowesi -2. Imbongi isebenzise
umqondlo wokuklodela lo muntu onomona wokuthi akaqhubeke ahleke njengoba ejwalele
ukunximfa.
Umqondo uqala emgqeni wesi- 15 uphelela emgqeni we – 16. Imbongi igqamisa umqondo
wokuthi lo muntu onomona akanalutho enjalo nje uphila ngokucela kubantu. Abanye
abantu baphila ngamandla abo kodwa yena uyethekela’
Imvumelwano
Umugqa wesi-3 kuya kowe -4 Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha
umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi ikhuluma ngomuntu onomona.

Imvumelwano siqalo

Uyisigqila somona
Umon’ongumthakathi
Umugqa we-11 kuya kowe-12 Imbongi isebenzise imvumelwano maphakathi ukuletha
umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi ikhuluma ngomuntu onomona ohlezi, engenzi
lutho.Lo muntu uyoze afe engazuzanga lutho.

Imvumelwano maphakathi
Uyozuf’ usongizandla
Uyozuf’ ungahlabananga
Ukuxhumana

Emugqeni we- 3 nowesi – 4 sithola Ukuxhumana okutshekile.

Uyisigqila somona,
Umon’ ongumthakathi.

Imbongi igqamisa ukuthi umuntu onomona uphenduka isigqila sawo ufana nse nomuntu
othakathayo.

Emugqeni we-11 nowe-12 sithola ukuxhumana okusekuqaleni

Uyozuf’ usongizandla’

Uyozuf’ ungahlabananga.

30
Imbongi igqamisa ukuthi umuntu onomona uze afe engenalutho ngenxa yomona.

Emugqeni we-13 kuya kowe-14 sithola

Ukuxhumana okusekugcineni

Ngifel’ umona

We Sifamona

Imbongi igqamisa ukuthi umuntu onomona uhlale enomona njalo uze abizwe ngesifamona
ngenxa yobunjalo bakhe,

Emugqeni wama-31 kuya kowama-32 sithola ukuxhumana okumaphakathi.

Uthi kulele ngakunye


Kanti kulele ngakubili,
Imbongi igqamisa ukuthi umuntu onomona ucabanga ukuthi ulubele kanti akusenjalo
useze wabona ukuthi bamfela umona.

8. IDWALA LIKASHAKA
UKUKHETHWA KWAMAGAMA

Ukukhethwa kwamagama kuchaza ubuhlakani bembongi ekusebenziseni amagama athile


anobuchule azogqamisa futhi alekele lokho efuna ukukuveza ngenkondlo yayo. Kule
nkondlo imbongi ikhuluma ngedwala likaShaka ayehlala kulo na ebheke ngalapho
kuzoqhamuka khona abelungu, nangempela baqhamukela kuyena olwandle
lwaseSibubulungu( eThekwini)

Idwala - Leli gama lisho itshe elikhulu elingagudluzeki futhi elingahlukaniseki kalula..
Imbongi ithi iNkosi uShaka wayehlala kuleli tshe.
Elahlula - Leli gama lisho ukungaphumelelei ukwenza into. Imbongi ithi abelungu bahluleka
ukuligaya/ukulibulala.
Elengamele- Ukwengamela kusho ukubheka/ukubhekwa kwento. Imbongi ithi ekupheleni
kolwanlde kukhona leli tshe elikhulu.
Kuhle kwenkosi- isifaniso- imbongi ifanisa inkosi ibhekene nezimpi zezinye izizwe.
Imikosi- Leli gama lisho imibungazo ebea khona. Imbongi iifanisa leli dwala nezimpi
ezahlekene ezaziliwa uShaka.
Elabikezela- Leli gama lisho ukumemezela into ethile ezokwenzeka. Imbongi ithi iNkosi
uShaka yayimi kuleli dwala ngenkathi imemezela ukuthi abalungu bayoqhamuka kule
ndawo.
Lungu –isenzukuthi. Leli gama lisho ukuvele kuvele into esikhaleni ingalindelwe muntu.
Imbongi ithi okwakumenyezelwe yinkosi uShaka kwafezeka ngokuthi baqhamuke abelungu
baengalindelwe.

31
Elalibuka- Leli gama lisho ukubakhona abantu uma benza into ethile. Imbongi ithi iNkosi
uShaka wayema kulo leli dwala abheke amabutho akhe elungiselela/ eziqeqeshela impi
engaqhamuka.
Ukwenza ifutho- Leli gama ifutho lisho ukuba nomdlandla wokwenza okuthile. Imbongi ithi
iNkosi uShaka wayebuka umdlandla owawukhonjiswa amabautho khona olwandle.
Eligezw’amagagasi- la magama asho ukuthi amanzi olwandle ayebuye alimboze leli dwala
uma eza ngamandla emaningi. Imbongi ithi kwakwenzeka amanzi eze ngamandla afike ale
mboze leli tshe.
…adl’ aMaqaqasi- Amaqaqasi kwakungelinye lamabutho eNkosi uShaka. Lapha imbongi
ithi amagagasi afika athatha amukisa amabutho ayeseduze naleli dwala.
Ejutshwe- Leli gama lisho ukuthunywa ukwenza into ethile. Imbongi ithi kukhona amabutho
ayelapha osebeni lolwandle ayekade ethunywe iNkosi uShaka ashona.
Eliseyisisekelo- Leli gama lisho ukuqala kwezinto. Imbongi ithi abelungu bafika kuleli zwe
ngokuqhamuka emanzini/olwandle.
Liseyisisekelo- Leli gama lisho into okusaxoxwa ngayo. Imbongi ithi iNkosi uShaka
usahlonishwa ngoba kusaxoxwa ngayo nokubusa kwayo okwahlula abelungu bezama
ukuqeda umbuzo wakhe.
lwandle luamabutho

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule nkondlo
imbongi ithi iNkosi uShaka wayehlala kule ndawo yaseSibubulungu osebenzi lolwandle
alinde ukubhekana nokufika kwabelungu namabutho akhe okwakungaMaqaqasi..

Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/ ihaya inkondlo.
Le nkondlo inomoya wokuncoma nowokukhathazeka. Imbongi incoma ubuhlakani beNkosi
uShaka ngokungabayekeli abelungu ukuthi bavele bazifikile ezweni ngaphandle kokudlula
kuyena. Iphinde ibe nnomoya wokubalisa njnegoba imbongi ithi nakuba kwakuhle ukulinda
olwandle kepha kunamabutho emuka ethathwa ngamagagasi olwandle.Ekugcineni inkondlo
iphinde inomoya wokutusa ubuqhawe beNkosi uShaka okusakhulunywa ngakho.

Indikimba
Indikimba ummongo/ ingikithi yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho ngegama
elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo ubuqhawe/umlando/ukudabuka
kwezinto njnegoba iNkosi uShaka wakwazi ukuvikela isizwe sayo ihale ilindele phakathi
nolwandle ukufika kwabelungu.

Umyalezo

32
Umyalezo yilokho imbongi efisa ukukudlulisa ngokuhaya/ngokubhala inkondlo. Kubalulekile
ukuzinikela uma wenza into njnegoba iNkosi uShaka yazinikela , yaba yiNkosi ekwaziyo
ukubhekana nabelungu ukuze bangazenzile endaweni yayo.

Isigqi
Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokuncoma nakuba kukhonyana nowokubalisa. Imigqa
mifishane inamagma amabili , namabinza ayalingana ayi-kwadrinenti futhi iminingi
inezimpawu zokuloba kodwa lokho akusenzi isigqi sinense ngenxa yomoya wokuncoma.
Ithoni
Ithoni iveza ukujabula indlela iNkosi uShaka azinikela ngayo namabutho egade ukufika
kwabelungu okusaxoxwa ngakho nanamuhla.

Imifanekiso mqondo.
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni walowo ofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi izithombe magama.
Sikhuluma ngezinzwa (inzwa ebonakalayo, inzwa ezwakalayo/ elalelayo, inzwa ehogelayo,
inzwa yokunambitha nenzwa yokuthinta), izimo zokukhuluma (izifengqo, izaga nezisho)
Kanye namagama acebile.

Izinzwa
Ukuliqhephula - inzwa yokuthintekayo.
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi akekho owakwazi ukuhlukanisa itshe /umbuso
elalihlala iNkosi uShaka.
Elengamele - Inzwa yokubonakalayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi kukuleli dwala lapho amabutho ayehlala eduze
kwalo azungeze/agade iNkosi uShaka.
Elebikezela - Inzwa yokuzwakalayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi iNkosi uShaka yayikule ndawo ngenkathi itshela
abantu bayo ukuthi kuzofika abelungu beqhamuka khona lapha olwandle.
Elalibuka - Inzwa yokubonakalayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi iNkosi uShaka wayehlala kulo abuke amabutho
akhe uma ezilungiselela ngokuhlabelela ukubhekana nempi.
Elaligezwa - Inzwa yokubonakalayo/yokuthintekayo
Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi leli dwala laliphakathi nolwandlwe, amagagasi
aphakama athatha ibutho leNkosi uShaka.iNkosi uShaka.

Izifenqo
Umugqa wesi -7,isifaniso
‘Kuhle kwenkos’ imele…’
Imbongi ifanisa leli tshe nokuma kweNkosi uma ime phambi kwamabutho eya empini.
Umugqa wama-23…..isingathekiso
‘Liseyisizekelo’- Ingathekisa idwala nendaba exoxwayo ingapheli.

Enjambamenti
Umugqa woku-1 kuya kowesi-2.
Umqondo uqala emgqeni woku-1 uphelela emgqeni woku-2
Imbongi isebenzise le enjambamenti ukuveza ukuthi leli tshe likuyiphi indawo nolwandle.

33
Impindwa
Yidwala likaShaka
Le mpindwa iqukethe umqondo wokugcizelela umlando omkhulu wokufika kwabelungu
befikela eNkosini uShaka owayevikela isizwe samaZulu.

Imvumelwano
Umugqa wesi-2 kuya kowesi-3
EliseSibubulungu,
Elahlul’ abelungu
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi
leli tshe likuyiphi indawo nokuthi abaphumelelanga abelungu ukulisusa.

Umugqa wesi-2 kuya kowesi-3


EliseSibubulungu,
Elahlul’ abelungu
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi
leli tshe likuyiphi indawo nokuthi abaphumelelanga abelungu ukulisusa.

Umugqa we-10 kuya kowe-11


Elabikezel’ umLungu,
Nempela wathi lungu
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela ukuthi
lokwakumenyezelwe yiNkosi uShaka ngokufika kwabelungu kwenzeka ngoba bavele
baqhamuka njengoba base belindiwe.

Umugqa we-14 kuya kowe-15


Elalibuk’ amabutho
Ezam’ ukwenz’ ufutho
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela
nokuthi iiNkosi uShaka wayehlala abukele amabutho ezilungiselela ukulwa/ukuvikela
umbuso wakhe.

Umugqa we-14 kuya kowe-15


Elalibuk’ amabutho
Ezam’ ukwenz’ ufutho
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela nokuthi
iiNkosi uShaka wayehlala abukele amabutho ezilungiselela ukulwa/ukuvikela umbuso
wakhe.

Umugqa we-18 kuya kowe-19


Eligezw’ amagagasi,
Won’ adl’ aMaqaqasi
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo ukugcizelela
nokuthi ukuzilungiselela kwamabutho phakathi nolwandlwe kwaba nobungozi bokuthi
amanye agwinye yilo ulwandle ngenza yokuthathwa ngamagagasi.

34
Umugqa wama-22 kuya kowama-23
Eliseyisisekelo.
Liseyisizekelo
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo nokugcizelela
umlando wokufika kwabelungu nobuqhawe obakhonnjiswa yiNkosi uShaka izinike yavikela
umbuso wayo kubelungu.

9. UTHUNYWE NGUBANI?
UKUKHETHWA KWAMAGAMA
Ukukhethwa kwamagama kuchaza ubuhlakani bembongi ekusebenziseni amagama athile
anobuchule azogqamisa futhi alekele lokho efuna ukukuveza ngenkondlo yayo. Kule
nkondlo imbongi ikhuluma ngemisebenzi yokufa okufikela wonke umuntu kuyo yonke imizi.
Imbongi ize izibuze ukuthi phakathi kukaSathane noNkulunkulu ubani ovuma ukuthi abantu
bafe.

We kufa –(umbizi) Imbongi ikhuluma nako ngqo ukufa loku ekubizayo


Ungihlebele – igama elinembayo elichaza ukuthi utshela umuntu into ethile ongafisi ukuthi
omunye ayizwe.Imbongi njengoba ibuza ayifisi ukuthi impendulo ezoyithola yayizwe abanye
abantu.
Uthunywe ngubani?(umbuzombumbulu) Imbongi iyazibuza umbuzo ongenampendulo.
Imbongi ibuza khona ukufa ngqo ukuthi ngubani kanti lona okuthumile ukuba
kuzosihlukumeza kusibangele nosizi.
Uzosibangel’ usizi- igama elinembayo. Okusho ukwenza into kumuntu ezomenza
angaphatheki kahle. Imbongi iveza ukuthi ukufa uma sekufikile abantu abaphatheki kahle.
Okuph’amandlakazi- igama elinembayo. Lichaza ukuba namandla amakhulu njengoba
imbongi ibuza ukufa ukuth la mandla angaka okunqoba kuwathathaphi ukufa.
Angangawamabutho akwaMandlakazi.- (Isifaniso) Ufanisa amandla. Ukufa uma kufika
kuqeda amandla. Uphelelwa indlela yokwenza awunawo amandla okukuphikisa uma
sekufikile,

35
Uphoqoze – isenzasamuntu esishosho ukuphula noma ukuqhephula into ethile. Imbongi
igqamisa ukuthi ukufa yiko okubulalayo noma okuthatha imiphefumulo yabantu.
Izithomb’ ezingamaklume – igama elinembayo elichaza umbila osemncane osemusha
osengamachefe. Imbongi ithi loku kufa ekhuluma ngakho kuthatha ngisho izingane
ezincane.
Omthathe, omsimbithi nomthombothi – isingathekiso Izinhlobo ezithile zezihlahla.
Lapha imbongi ithi ukufa akukhethi kuthatha abantu abasemazingeni ahlukahlukene ,
okungabantu abasakhula, asebekhulile nabadala.
Umsimbithi-Isihlahla esingaphuki kalula olwenza izinduku .
Umthombothi-Isihlahla esiqinile esisetshenziselwa ukubaza.
AbakwaMthombothi,abakwaMsimbithi kanye nabakwaMthathe – (isenzasamuntu)
Imbongi ithi uthi nabo bangafakaza ukuthi ukufa sekuke kwafika nakubona.
AbakwaMthombothi bangavuma-Kuthatha noma umuntu esingacabanga ukuthi
akanankinga empilweni, kodwa ukufa kufike kumthathe.
AbakwaMsimbithi bangavuma-NabakwaMthathe bavume-Kusho ukuthi wonke umuntu
akekho okwazi ukunqaba ukufa.
Usuke wabenzakalisa-Akekho umuntu ongeke afakaze ngesimo esisike sabavelela.
Wonke umuntu kuba nento ayishoyo ngokufa ukuthi sonke sike sadlula kulesi simo.
Bayafakaza ngokufa ukuthi nabo kwake kwafika kubona.
Uthunywe ngoMkhulukhulu? – (umbuzombumbulu) Ubuza umbuzo ongenampendulo
njengoba ebuza ukuthi ukufa kungabe kuthunywe uSathane noma uNkulunkulu yini?

AMASU ANHLOBONHLOBO OKUHLUZA

Umqondo
Umqondo yiloko okushiwo / okwethulwa yimbongi enkondlweni.

Kungaba umqondo osobala noma kube umqondo ocashile. Le nkondlo inomqondo osobala
lapho imbongi ikhuluma ngqo nokufa efisa ukuba kumnyenyezele ngokuthi njengoba kukhona
kuthunywe ngubani.

Imbongi iphinde iveze ukuthi ukufa uma sekufikile kwenza abantu baphatheke kabi Imbongi
ikhuluma ngabantu abashonelwayo ezigabeni ezahlukene. Ikhuluma ngesimo esifikayo singabi
sihle lapho kushone khona abantu abehlukahlukene, yingakho ifuna ukwazi ukuthi lesi simo
sidalwa ubani. Ubani lona odala isimo esaziwa yibona bonke abantu. Ubani odala lesi simo
esingabi sihle emakhaya sokwedlula kwabantu abehlukahlukene ngokwezigaba zabo. Imbongi
iyabuza ukuthi ngabe imvume kaSathane noma uNkulunkulu na njengoba bonke abantu
sebedlule kusona.

Indikimba
Indikimba yale nkondlo ukufa. Imbongi ithi ukufa kufika kubulale abantwana abancane,
abasakhula nabadala.. Ibuka ukufa kuphiwe amandla amakhulu okunqoba emhlabeni.

Umoya
Umoya wokukhathazeka. Imbongi ibheka izinto ezenziwa ukufa okuthi uma kufikile kuthathe

36
izingane, kuthathe abantu ngokwezigaba zabo. Imbongi ikhathazwa nawukuthi akukho futhi
ukufa lapho kungafikanga khona sekufike yonke indawo, sekuthathe abantu abehlukene
yingakho bevuma kufike yonke indawo. Kuyayikhathaza ukuthi ukufa akukhethi. Ubani lona
owathi akufike. Yingakho igcina ngokuzibuza ukuthi kungabe uSathane noma uNkulunkulu na?

Isigqi
Isigqi sale nkondlo esinensayo ngenxa yomoya yokukhathazeka. Imbongi ikhathazwa ukufa
okunamandla amakhulu njengoba kuthatha lonke uhlobo lwabantu. Imigqa eminingi ivalekile
nezimpawu zombuzo nakuba kunokweqiwa konkamisa kweminye imigqa ngenxa yomoya
wokukhathazeka isigqi siyanensa.

Ithoni
Ithoni evela kule nkondlo ithoni yokudideka njengoba imbongi ididwa ukuthi ayazi ukuthi ukufa
kuthunywe ubani? Iphinde ididwe nawukuthi akukhethi uma sekufikile kuthatha omncane
nomdala. Imbongi ifisa ukwazi ukuthi lesi simo singanqotshwa kanjani sidalwa yini.

Umyalezo
Kumele sihlale silindile ngaso sonke isikhathi ngoba ukufa kukhona futhi kufika kunoma ubani,
akekho ongeke adlule emhlabeni noma ongeke aphunyule.

Imifanekisomqondo
Owephula uphoqoze- wokuthintekayo/wokubonakalayo

Ukugqamisa umqondo wokuthi ukufa kufika kuhlukanise umzimba nomphefumulo kubantu.

Imvumelwano

Imvumelwanosiqalo

Uthunywa ngubani wena?


Ukuba’uzosibangel’ usizI?

Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo “U” ukuletha umgqumo osamculo omnandi


nokugcizelela umbuzo-mbumbulu obuzwa imbongi ukuthi ngabe lokhu kufa ubani owathi akuze
kuzosihlukumeza, abantu baphatheke kabi bangahlali kahle.

Imvumelwanosigcino

Ukuba uzosibangel’usizi
Nguban’ okuph’ amndlakazi

Iletha umgqumo osamculo omnandi ngenhloso yokugcizelela ukuthi njengoba ukufa kusiphatha
kabi kangaka ngabe kuwathathaphi amandla angaka okunqoba.

Kungabe uyisithunywa sikaSathane


Noma uthunywe ngoMkhulukhulu

Imvumelwanomaphakathi

Iletha umgqumo osamculo omnandi ngenhloso yokugciselela ukuthi ikhuluma nako ukufa ibuza
ukuthi ngabe ithunywe uSathane noma uNkulunkulu.

37
Ukuxhumana

Nguban’ okuph’amandlakazi
Angangawamabuth’ akwaMandlakazi

Ukuxhumana okusekugcineni

Ukugcizelela umqondo wamandla amakhulu ukufa okunawo.

AbakwaMsimbithi bangavuma
NabakwaMthathe bavume

Imvumelwanosigcino egcizelela ukuthi lezi zizwe zingafakaza nazo ukuthi ukufa kwafika
nakuzona.

Izifengqo

Umbizi - We kufa

Imbongi ikhuluma nakho ngqo ukufa icela ukuba kumtshele ukuthi kuthunywe ngubani?

Isenzamuntu – Owephul’ uphoqoze ngawo

Imbongi ithatha ukufa wakunika izimpawu zomuntu ophilayo yathi kuphula kuphoqoze
ukudlulisa umqondo wokuthi yiko ukufa okuhlukanisa umzimba kanye nomphefumulo.

AbakwaMsimbithi bangavuma

Imbongi inikeza into engaphili izimpawu zomuntu ophilayo njengoba ithi izihlahla zingafakaza
okusho ukuthi zingakhuluma zisho ukuthi nazo zike zathinteka.

Isifaniso – Angangawamabutho akwaMandlakazi, lapha ufanisa amandla amakhulu ukufa


okunawo njengoba ewafanisa namandla amabutho akwaMandlakazi.

Isingathekiso – Omthathe, omsimbithi nomthombothi.

Imbongi Ibiza abantu abasemazingeni ahlukahlukene

abanqotshwa ukufa ngezihlahla ezahlukahlukene.

Umbuzombumbulu – Uthunywa ngubani wena?

Imbongi ibuza umbuzo engeke iyithole impendulo yawo njengoba ibuza ukufa okungakhulumi
ukuthi kuthunywa ngubani?

Ifanamsindo

Ifanankamisa – Omthathe, omsimbithi nomthombothi?

Imbongi iletha umgqumo osamculo omnandi ukugcizelela ukubiza abantu abasemazingeni


ahlukahlukene njengoba ebabiza ngezihlahla ezinhlobonhobo.

Ifanangwaqa – Omthathe, omsimbithi nomthombothi?

Imbongi iletha umgqumo osamculo omnandi ukugcizelela ukubiza abantu abasemazingeni


ahlukahlukeni njengoba ebabiza ngezihlanhla ezinhlobonhlobo.

38
Umugqa wesi-6

I-enjambamenti

Owephul’ uphoqoze ngawo

Izithomb’ ezingamaklume

Omthathe, omsimbithi nomthombothi?

Imbongi iqedela umqondo oqale emggeni wesi – 6 waphelela emgqeni wesi – 8 ukuveza ukuthi
ukufa kubulala abantu abancane nabasezigabeni ezehlukahlukeni.

UKUKHETHWA KWAMAGAMA 10. ZINGQWELE ZE-AFRIKA (SANKOMOTA)

Ukukhethwa kwamagama kuchaza ubuhlakani bembongi ekusebenziseni amagama


anembayo noma acebile, izinzwa, izaga izisho nezifenqo. Kule nkondlo imbongi ikhuluma
ngokuphatheka kabi komhlaba ngenxa yokushona kweqembu lomculo iSankomota ukuthi
lingapheli amandla liqhubeke njalo likhule lithokozise abathandi bomculo. Imbongi ilibiza
ngezingqwele, imisebenzi yalo emihle elibeka phambili ngomculo walo.

Umhlaba zolile - Ukuba nokuthula- Igama elinothile ukugqamisa ukuthi umhlaba (abantu)
uphatheke kabi, uthule, uzilile uhlonipha leli qembu lomculo.
Izingqwele – Umfana obehlula bonke ekwaluseni. Imbongi isichazela ngokuthi leli qembu
liyahlonishwa ngoba lehlula onke amanye amaqembu omculo. Leli gama lisho abantu
abaphumelele/abahlonishwayo/abaziwayo.Imbongi ithi abantu bazilele leli qembu
eliseqopheleni eliphezulu.
Zidl’ ubhedu lwengoma– Isisho esisho Inyama enonile ehamba nephaphu nenhliziyo
edliwa izingqwele. Imbongi igqamisa ukuthi leli qembu licula umculo wekhethelo. Uhlobo
lomculo eliwuculayo awuculwa yinoma ubani. Imbongi ithi leli qembu lihlala liphumelela
ngomculo walo.
Oludonsel’ ezinzulwini zomphefumulo – Ekujuleni kwenhliziyo. Imbongi ichaza ukuthi
izingoma eziculwa yile liqembu zithintha ekujuleni komphefumulo.Imbongi ithi eli qembu
belithi uma licula kuthinteke phakathi ezinhlizweni zabantu .

39
Nenhliziy’ edabukil’ ithinteke – Kusho ukuthi ukuphatheka kabi. Umculo wabo ubuthinta
nomuntu obephatheke kabi/aduduzeke.
AbakwaNdumalo baboph’imithwalo – Abantu abebenesimo esingesihle bedumele, izinto
ebezibaphatha kabi ziphele. Imbongi ithi uma umuntu elalele lo mculo bekuphela zonke
izinkinga ebezimphethe kabi.
Baboph’ imithwalo –Ukuthatha okungokwakho uhambe. Imbongi ithi izingoma eziculwa ileli
qembu ziqeda ukukhathazeka.
Bashaye bashantshule – Isisho esisho ukuhamba ungabheki emumva. Imbongi ithi uma
leli qembu selicula kuphela konke okubuhlungu, liqeda nezinsizi zihambe unomphele.
Imbongi ithi laba bantu balalela lo mculo baphile, kuphele ukudumala.
Ningamuki zingqwele ze-Afrika –Ukuhamba ongaphinde ubuye.I mbongi ithi umculo walo
awuhlale udlalwa njalo ungayekwa.
Khuphulani lolo nqqambothi – Imvunge yomculo emnandi onjengomculo wamakhwaya
odinga uwulalele ukuze uzwe ubumnandi. Imbongi igqamisa ubumnandi bohlobo lomculo
oculwa yileli qembu yingakho ithi abantu abaqhubeke nokudlala lo mculo bangayeki,
baqhubeke nezingoma yomculo omnandi.
Umhlaba uzohloba ngengubo yothando – ukuvunula/ukugqoka kahle. Imbongi ithi ukuba
khona kwaleli qembu kuzokwenza abantu abasele baqhubeke babe nothando kuqhubeke
nokuzwana.
Kukukizwe kuchwazwe – umsindo owenziwa izihlwele okhombisa ukuthakasela into enhle
eziyibonayo. Imbongi igqamisa ukuthi abalaleli/ abadlali bomculo baleli qembu bohlala
bebanga umsindo wenjabulo behalalisa uma umculo udlalwa.
Khuphulani leyo nhlokomo – umsindo wobumnandi. Imbongi igqugquzela ukuthi
akuqhutshekwe nomculo omnandi, udlalwe ungayekwa.
Namahlokohloko-Inyoni enombala ompofu, ingaphansana kwejuba ngobukhulu yakhela
isidleleke emagatsheni alengayo, isidleke sakhiwa ngobukhulu ubunono futhi kunzima
ukufinyelela esidlekeni. Imbongi igqamisa ukuthi leli qembu lakhiwe ngamalunga eqophelo
eliphezulu futhi akulula ukuphinde kube neqembu elifana naleli.
Kuhlaluk’ ubuhle bomhlaba - Ukuvela obala kwento. Imbongi iqgamisa ukuthi umculo
oculwa yileli qembu uveza ukuthi kulo mhlaba kunezinto ezinhle. Kuhlale kunokuthula,
kuhlale kunokuzwana, kuhlale kumnandi njalo emhlabeni
Ningaphezi badli bobhedu! – Isisho esisho ukuthi ningadinwa/ ningayeki/ ningakhathali.
Imbongi igqugquzela lomculo ukuthi ungayekwa ukulalelwa ngoba iSankomota iyohlala njalo
iseqhopheleni eliphezulu.
Amagoda-
Ngizw’ amaphimb’ avuma kamnandi – Umculo omnandi. Imbongi ithi ilalelaamaphimbo
amnandi aculayo.
Amagoda okuzibamb’ agqabuka – Uhlobo lokweluka izinwela izibophe uzenze ingqathu
bese uyazishutheka ukuze zingaqaqeki. Imbongi igqamisa ukuthi iyahluleka ukuzibamba
uma leli qembu selicula ivele nayo icule ngoba obekuyizingqinamba kuyaphela uma ulalela
lo mculo.
Ngahlokoma nezingqwele zobhedu – Uma ezwa lo mculo becula naye uyacula
Umzwangedwa wangival’ isamuku! – Uma imbongi ihleli yodwa ayibe isabona ukuthi ihleli
yodwa.
Umphefumulo wami washwibashwiba –Ukunyakaza uye le nale ngesivinini esikhulu.
Imbongi ingqamisa ukuthi uma elalele leli qembu lomculo inhliziyo yakhe ithola ukujabula
okukhulu.Uma edlala lezi ngoma umphefumulo wakhe uyajabula.

40
Ngaphila ezweni elingenamngcele –Izwe elikhululekile. Imbongi ingqamisa ukuthi leli
qembu uma licula liletha inkululeko/Imbongi uma icula lo mculo izizwa ikhululekile
Nazo sezikhophozel’ izingqwele – Ukubuka ngokwesaba. Imbongi igqamisa indlela leli
qembu elicula ngayo phambi kwezibukeli, uma seliculela phansi okungathi liyesaba ukucula.
Imbongi ijeqeza emuva indlela abebecula ngayo becula bebheke phansi behlonipha.
Zasholo phansi kamnandi – Ziculela phansi zihlesi amaphimbo.
Zahlekis’ umhlab’ ongahleki – Abantu babe nokujabula, kube mnandi emhlabeni
okungemnandi ukuphila kuwo.
Kwavunguza umoya wothando – Kube nobumnandi emhlabeni.
AbakwaNzondo bashaya bachitha! – Isisho esichaza ukuhamba ungaphinde ubuye.
Imbongi ingqamisa ukuthi leli qembu liletha uthando liqede ukungezwani/ Isisho esisho
ukuthi uma kade kukhona okungemnandi noma okuphethe kabi abantu, kuyaphela.
Umlilo wothando wadlondlobala – Ukukhula kwento ngamandla amakhulu/ngesivinini.
Imbongi igqamisa ukuthi uthando luyakhula ngenxa yaleli qembu. Kukhula ukuzwana
nobumnandi
Iphunga lothando lagcwala umhlaba – Ukunuka kuzwakale. Abantu bahlala ngokuzwana
kube mnandi kuyo yonke indawo.

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo

Umqondo wenkondlo yilokho okushiwo imbongi enkondleni. Kule nkondlo imbongi ithi
umhlaba uphatheke kabi ngokushona kweqembu lomculo iSankomota. Ithi leli qembu
lingawuyeki lo mculo omnandi oqeda isizungu ulaphe nomphefumulo, kujabule abantu
umhlaba wonke
Umoya
Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma ihaya inkondlo. Le
nkondlo inomoya oxubile. Kunomoya wokukhathazeka kanye nomoya wokunxusa. Imbongi
ikhathazekile ngokushona kwamalunga eqembu iSankomota. Iphinde inxuse ukuthi leli
qembu lingayeki ukucula umculo omnandi nabantu bawulalele ngoba uyaphilisa.

Indikimba
Indikimba umongo/ ingikithi yenkondlo. Indikimba yale nkondlo umculo.

Umyalezo
Uma wenza into, kumele wenze into abantu abazothola isifundo kuyona/ Ubokwenza into
enhle oyohlale ukhunjulwa ngayo.
Isigqi

41
Isigqi sale nkondlo siyanensa ngenxa yomoya wokunxusa nokukhathazeka/wokubalisa.
Nakuba ….???

Ithoni
Eyokugqugquzela abantu abasele.

Imifanekiso mqondo.
Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso
emqondweni wofunda inkondlo.

Izifenqo
Umugqa wesi-3 isisho
Zidl’ubhedu lwengoma
Imbongi igqamisa ukuphumelela kweqembu iSankomota emculweni.

Umugqa wesi-7 Isisho


Bashaye bashantshule
Kusho ukuhamba ungabheki emuva. Imbongi igqamisa ukuphela kwesimo esingesihle
kubantu akade bedumele.

Umugqa we-10 Isenzasamuntu


Umhlab’ uzohloba ngengubo yothando
Imbongi igqugquzela abanta abaphilayo ukuba baqhubeke bathandane bazwane bajabule
ngalo mculo omnandi.

Umugqa we-15 Isisho


Ningaphezi badli bobhedu
Imbongi igqamisa ukuphumelela kweqembu lomculo iSankomota okuseqopheleni
obuphezulu
Umugqa wama-26 Isisho
AbakwaNzondo bashaya bachitha
Imbongi igqamisa ukuthi uma kade kukhona okuphethe kabi abantu, kuyaphela kugcwale
umoya wothando nokuzwana.
Ufanamsindo
Umugqa wesi-13
Ehlokoma namahlokohlok’ ehlobo – “o”
Imbongi igqamisa umsindo omnandi olethwa umculo omnandi waleli qembu.
Imvumelwano siqalo
Umugga woku-1 nowesi-2
Umhlaba uzolile,
Uhloniph’ izingqwele
Le mvumelwano siqalo iletha umgqumo omnandi okusamculo. Ugqamisa ukuthula
nokuphatheka kabi kwabantu ngenxa yalama qhawe omculo aphumele emculweni.
Umugqa wama-23 nowama-24
Zasholo phansi kamnandi
Zahlekis’ umhlab’ ongahleki

42
Le mvumelwano siqalo iletha umgqumo omnandi. Imbongi igqamisa ukuphela kwesimo
esingesihle abantu baba nokujabula emhlabeni obekungemnandi ukuphila kuwo
Imvumelwano maphakathi
Umugqa we-19 nowama-20
Umzwangedwa wangival’ isamuku
Umphefumulo wami washwibashwiba
Le mvumelwano maphakathi iletha umgqumo omnandi. Imbongi igqamisa ukuthi lo mculo
uletha injabulo nobumnandi ingabe isazibona noma ihlezi yodwa.

Imvumelwano sigcino
Umugqa woku-1 nowesi-2
Umhlaba uzolile
Uhloniph’ izingqwele
Le mvumelwano sigcino iletha umgqumo omnandi okusamculo. Ugqamisa ukuthula
okulethwa isimo esingemnandi sokuhlonishwa iqembu eliphumelele

Ukuxhumana maphakathi
Umugqa wama-27 nowama-28
Umlilo wothando wadlondlobala
Iphunga lothando lagcwal’ umhlaba
Lokhu kuxhumana maphakathi imbongi ikusebenzela ukugcizelela isimo sokukhula
kokuzwana kuwo wonke umuntu kube mnandi yonke indawo.

11. UCU OLUMHLOPHE


UKUKHETHWA KWAMGAMA

Ucu - lwakhiwa ngamaqhosha noma ngamaqanda ngoba yilobu buhlalu obukhudlwana


kunalobu obujwayelekile. Ucu lusetshenziswe njengophawu lothando.lwakhiwa ngokuthi
kuthathwe intambo kufakwe ubuhlalu obumhlophe kuboshwe njengomgexo. Esikhathini
esiningi intombi isuke iyoqoma ngalo. Uma yeshelwa yinsizwa ayisho ukuthi iyayithanda
kodwa ivele ikhiphe lolu cu inike insizwa. Kwezinye izindawo intombi inikeza iqhikiza kube
yilona elihambisa kwisesheli okukhombisa ukuthi intombi isivumile. / Ucu olumhlophe
umgenxo oweziwa ngobuhlalu obumhlophe kuphela obugqokwa intombazane
eyintombi nto(itshitshi). Uma intombi isithathwe uthando lwensizwa ethile ibe
isibikela iqhikiza layo okuyilona iqhikiza elihambisa ucu enzisweni njengophawu
lokuthi isiyaqoma/ luyiphawu lokwazisa inziswa ukutha uthando lwayo selumhlulile
(umungqa we-11, uzi oluhlanganise la maqanda wolwaziso)
Uzi – intambo eyakhiwe ngamagxolo esetshenziswa ukwakha ucu. Uzi utshani obuqinile
obuyaye bulukwe bube yintambo encane bese kutshutshwa kubo ubuhlalu obumhlophe
ukwakha ucu. Ucu luyisibonakaliso sentombi lapho isizinekela othandweni nembongi.
Ikhipha lolu cu ilunike insizwa. Kwesinye isikhathi akubi yiyona intombi eluhambisayo ucu,
luhanjiswa yiqhikiza kulesi sesheli ukukhombisa ukuthi intombi isivumile. Ucu lwakhiwe
ngobuhlalu obumhlophe/lwakhiwa

43
Obugabis ubumhlophe – ukukhombisa ubuhle balolu cu, okuwuthando oluhle nolumnandi.
Ucu ukuze lube luhle kufanele lube mhlophe, hhayi noma yiluphi. Umbala omhlophe
ezintombini umele ubumsulwa.
Iminjunju – Ubuhlungu obusenhliziyweni. Imbongi iveza ubuhlungu obukhulu
obusenhliziyweni yayo ngenxa yothanda enalo ngensizwa. Ngaphandle kokuthi usuke
ubuhlungu bokuthanda insizwa kodwa usuke enokujabula ngaphakathi uthando asuke
eseluzwa.
Kutshutshwa – Ukuchusheleza kwenaliti kuthungwa imbongi ekuqhathanisa neminjunju
yothando enalo. Ngenkathi elwenza ucu usuke esenqumile ukuthi uyayikhetha lensizwa.
Akusibo ubuhlungu bento embi kodwa obothando.

Alunasiqalo alunasiphetho –(i-okzimoroni) imbongi iveza ukuthi lujule kanjani uthando


lwayo kulo ecela kuye uthando. Igqamisa ukuthi uthando ekulona alusoze lwaqedwa muntu
luyinto ehlangane. Kulolu cu, akukho la kuvela khona ukuthi yilona luphi uhlamvu oluqalayo
nala lugcina khona. Uma selwakhiwe ucu, uthando, akasakwazi ukubona ukuthi beluqalephi
nokuthi luphela kuphi. Uthando yinto ongakwazi ukuyibona la luqala khona nala luphela
khona.

Cwayicwayi/Phayiphayi (isenzukuthi) - Imbongi iveza ukubukana ngamehlo agcwele


uthando kulowo ezincengela kuye ukuba bathandane. Imbongi igqamisa ubuhle bothando
olungenasici phakathi kwababili. Iba namahloni okubheka insizwa; indlela ebuka ngayo uma
igcwele uthando. Ayikhulumi, kodwa amehlo ayo yiwona akhulumayo ngothando olukuyo.

Lungumhlanganisi lungumxhumanisi –imbongi isebenzise isenzasamuntu ukugqamisa


ukuthi uthando lungumanqoba ngoba luhlanganisa abantu abasuke bezinikele ngezinhliziyo
zabo komunye nomye. Uma intombi isuke isinika insizwa ucu, lokhu kuwuphawu
oluhlanganisa insizwa nentombi.
Isibopho – Ukuthembisana. Imbongi iveza ukuthi uma selukhulile uthando abathandanayo
balandela isigaba sokuqala esiholela ekutheni babophe ifindo lomshado. Intombi
isiyazibophezela kule nsizwa ngokukhipha kwayo lolu cu. Bobabili bayazibophezela omunye
komunye.
Luyisizinda – Lolu cu seluwumzekelo, isibonelo sokuthi uthando lwabo luqale kuphi.
La maqanda (isingathekiso)- imbongi ngathekisa izithandani ngamaqanda lapha iveza
ukubaluleka kokuhloniphana phakathi kwabantu asebezinikele othandweni. Uthando
oluhlanganise lezi zithandani kumele luphathwe kwahle, luhlonishwe.
Gadalala (isenzukuthi) - imbongi iveza ukuthi uma lolu thando lungaphathwa kahle
luyaphela nya kube ngathi alikaze laba khona. Lolu thando olumelwe ucu, uma
lungahlonishwa, luzophela.
Isanhlaka senhlakanhlaka – Ukuchitheka kwento kabuhlungu. Imbongi iveza ukuthi
luyophela kabuhlungu kungakholakali uthando uma kungekho ukuphathana kahle kwababili
abasuke bethandana. Kuyoba lukhuni ukuthi luphinde lube khona lolu thando.
Kochitheka uphoko (isisho) – ukonakala kwezinto. Uphoko umphako owakhiwe
ngommbila/ngamabele agayiwe. Luchitheka luhlakazeke uphoko ngoba lomile. Uphoko uma
seluchithekile alubutheki phansi ngoba lusuke seluhlakazekile lugcwele nomhlabathi.
Imbongi iveza ukuthi uma kungekho ukuhloniphana nokuthembana kulolu thando
kuyokonakala izinto ngenxa yokwephula izifungo laba abasuke bekade bethandana. Luyobe
seluphela nya uthando lwale ntombi (lwakwamfazi!) kule nsizwa uma ingaluhloniphanga
njengoba ibilunikiwe.

44
AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo
Umqondo wenkondlo ilokho okusuke kusemqondweni wembongi ngenkathi ibhala/ihaya
inkondlo. Umqondo wehlukaniswe kabili; umqondo osobala kanye nomqondo ocashile. Le
nkondlo inomqondo ocashile nomqondo osobala. Uma siyifunda nje ikhuluma ngocu kodwa
lolu cu ngenxa yezifenqo ezisetshenzisiwe imbongi ibuye ilwenze umuntu, okungumqondo
ocashile.
Le nkondlo ikhuluma ngocu. Ucu okuwuphawu lothando. Imbongi iveza ukuthi lowo
olukhiphayo unikela ngenhliziyo yakhe kulowo asuke ecela kuye uthando. Luyisigaba
sokuqala esiholela ekuboshweni kwefindo lomshado.
Le nkondlo ikhuluma ngentombi ezinikela ensizweni, evuma uthando lwensizwa esuke
iyeshela.

Umoya wenkondlo
Umoya wenkondlo kubhekwa isimo imbongi eyayikuso ngesikhathi ibhala inkondlo. Inkondlo
ingaba nomoya wothando, wokujabula wokunxusa, wokukhathazeka njalo njalo
Le nkondlo inomoya oxubile; wothando nowokuxwayisa. Amabinza amabili okuqala
agqamisa umoya wothando bese kuthi leli lokugcina linomoya wokuxwayisa ukuthi uthando
lwabo kumele balunakekele uma kungenjalo luyophela kabuhlungu.

45
Indikimba
Indikimba umongo noma ingqikithi yenkondlo. Indikimba ingaba igama elilodwa noma
isigejana samagama.
Indikimba yale nkondlo uthando. Imbongi kunothile emncengayo ukuthi aluphathe kahle
uthando lwabo ngoba uma kungenjalo lophela kabi.

Imifanekisomqondo
Uma kukhulunywa ngemifanekisomqondo kubhekwa amagama asetshenzisiwe/amasu
obuciko asetshenziswe yimbongi ukwakha isithombe esithile engqondweni ngokusebenzisa
izinzwa, okuyinzwa yokubonakalayo, yokuhogelekayo, yokuthintekayo, yokuzwakalayo
kanye neyokunambithekayo, izisho, izaga Kanye nezifengqo.

Isigqi
Uma kukhulunywa ngesigqi kubhekwa umgqumo wenkondlo ukuthi ngabe inkondlo
iyashesha noma iyanensa. Kuye kubhekwe ukuvuleka nokuvaleka kwemigqa, kubhekwa
ubude nobufishane bemigqa, ubude nobufishane bamagama, ukweqiwa konkamisa kanye
nezimpawu zokuloba. Konke lokhu kuhambisana nomoya okungaba umoya wokujabula,
wosizi, wokukhathazeka njalo njalo.

Isigqi siyanensa ngenxa yomoya wokuxwayisa, imigqa eminingi evalekile, namagama


amade nakuba kunomoya wothando kanye nokweqiwa konkamisa kweminye imigqa.
Ithoni
Ithoni yokuncoma, imbongi incoma indlela uthando olwakhiwa ngayo.

Umyalezo
Kumele uma umphathe kahle umuntu omthandayo.
Imvumelwanosiqalo
Umugqa woku-1 nowesi-2
Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe;
Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe;
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo omnandi ukugqamisa
okwenziwayo mayelana nokwakhiwa kothando

Umugqa wesi-8 kuya kowe-10


Lungumhlanganisi kanye nomxhumanisi,
Luyisibopho sezifungo isibili;
Luyisizinda sezinhliziy’ ezimbili.
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo omnandi ukugqamisa
okwenziwa uthando ukuthi lungumanqoba oluhlanganisa izinhliziyo zabantu ababili
bazinikele omunye komunye.

Umugqa we-11 kuya kowe-13


Uzi oluhlanganise la maqanda wolwazisa,
Ungaluphatha gadalala luyogqashuka,
Ubuhlalu koba yisanhlaka senhlakanhlaka,
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo omnandi ukugqamisa

46
ukuthi kulukhuni ukuthi lolu thando luphinde lube khona uma ungaluphathi kahle.
Imvumelwanomaphakathi
Umugqa woku-1 nowesi-2
Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe;
Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe;
Imbongi isebenzise imvumelwano-maphakathi ukuletha umgqumo omnandi
ukugqamisa okusetshenziswayo uma kuqala uthando.

Imvumelwanosigcino
Umugqa we-12 nowe-13

Ungaluphatha gadalala luyogqashuka,


Ubuhlalu koba yisanhlaka senhlakanhlaka,
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo omnandi ukugqamisa
ukugqamisa ukuthi kulukhuni ukuthi lolu thando luphinde lube khona uma
ungaluphathi kahle.

Ukuxhumanasigcino
Umugqa woku-1 nowesi-2
Kwakhethw’ uzi oluwusinga lobumhlophe;
Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe;
Imbongi isebenzise ukuxhumanasigcino okugqamisa ubuhle nobumsulwa bentombi
esuke izwa lolu thando ngaphakathi./ Imbongi isebenzise ukuxhumanasigcino
ukugqamisa umqondo wokuthi ubuhlalu obuwumbala omhlophe yiwona kuphela
obusetshenziswayo matshitshi.

Umugqa wesi-4 nowesi-5


Luny’ uhlamvu lwesiqalo nolwesiphetho,
Lolu cu alunasiqalo nasiphetho.
Imbongi isebenzise ukuxhumana sigcino okugqamisa ukuthi uthando alubonakali
ukuthi luqalaphi lugcinephi.

Luyisibopho sesifungo isibili;


Luyisizinda senhliziyo’ ezimbili.
Imbongi ithi ngempela uyafunga uyagomela/umqondo wokuthi akekho umuntu
ongamuphikisa/uqinisile uma ithi ucu luyisethembiso sothando ngoba izinhliziyo
ezimbili zihlanganiswa yilona ucu.

Ukuxhumanasiqalo/ ukuxhumanamaphakathi
Umugqa wesi-6 nowesi-7
Ngamehlwana amhlophe luthi cwayicwayi;
Ngamehlwana amsulwa luthi phayiphayi;

47
Lokhu kuxhumana kugqamisa okwenziwa yintombi ngamehlo ayo agcwele uthando
ngenkathi ibuka insizwa, ize ibe namahloni ingayibuki emehlweni ngqo. Imbongi
ingcizelela umqondo wokuthi amehlo etshitshi asuke egcwele uthando.
Imbongi isebenzise ukuxhumana maphakathi luthi ukugcizelela ukuthi ukhuluma
ngothando. Imbongi ithi uthando olusuke lugabhe itshitshi lubonakala emehlweni.

Ifanangwaqa
Umugqa wesi-2
Kwaqokw’ ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe
Imbongi isebenzise ifanangwaqa ukuletha umgqumo omnandi ukugqamisa ubunjalo
bobumsulwa bothando.

Impindamqondo
Umugqa wesi-6 nowesi-7
Ngamehlwana amhlophe luthi cwayicwayi;
Ngamehlwana amsulwa luthi phayiphayi;

Le mpindamqondo iqukethe umqondo wokuthi le ntombi isibhekene ngqo nensizwa futhi


indlela eyibuka ngayo igcwele uthando oluyenza ingayibuki emehlweni ibe namahloni.

Isenzukuthi
Umugqa wesi-6 nowesi-7
Ngamehlwana amhlophe luthi cwayicwayi;
Ngamehlwana amsulwa luthi phayiphayi;

Lesi senzukuthi zigqamisa ubumsulwa bamehlo entombi esuke ibuka ngawo insizwa esuke
isizinikela othandweni lwayo, iyacwayiza ngamehlo akhombisa uthando.

Umugqa we-12
Ungaluphatha gadalala luyogqashuka,
Lesi senzukuthi sigqamisa ukuxwayisa kwembongi mayelana nothando ukuthi uma
uluphatha budlabha luyaphela.

Inzwa ethintekayo- yeka leyo minjunju yothando kutshutshwa,(umugqa wesi-3)


imbongi igqamisa umqondo wokuthi uma itshitshi selakha icu lwalo, lisuke
sekukhona othathe inhliziyo. Inhliziyo yetshitshi isuke igxumagxuma isigajwe
uthando ngesikhathi itshutsha ubuhlalu entanjeni. Yize ukutshutsha ubuhlalu
entanjeni kungumsebenzi okhathazayo kepha itshitshi alikuzwa ukukhathala ngoba
lisuke
Inzwa yokubonakalayo-Lolu cu alunasiqalo nasiphetho ( umugqa wesi-5)-
Kuchaza ukuthi lolo cu luyindilinga, imbongo ingqamisa umqondo wokuthi akekho
umuntu ongakwazi ukungena phakathi kwabantu abathandanayo.
Ngamehlwana amsulwa luthi phayiphayi- Ukubuka umuntu ngamehlo agcwele
uthando. Imbongi igqamisa ukuthi itshitshi lisuke lingakaze lithande muntu phambili,
ukuthanda kuye kusuke kuyinto ezobe eqala ukuyenza, kanjalo uma ebuka uthando

48
ungena kulo ecabanga ukuthi lumsulwa (alunazinkinga) .
Ubuhlalu koba yisanhlaka senhlakanhlaka (umugqa we-13). Ukuchitheka kwento
engamaqandanjana /eyindilingana iginqike ihlakazeke ingcwale phansi ingabutheki.
Imbongi igqamisa umqondo wokuphela kothando ngendlela yokuthi abantu
bangaphinde bakwazi ukuxolelana.
uthando .Lisuke selijahe ukunika othandiweyo walo ucu.
Inzwa ethintekayo- Ungaluphatha gadalala luyagqashuka (umugqa we-12)-
Ukuhlukani kanzima kwento ekade ibopheke yaqina. Imbongi ingqamisa ukuthi
ngisho ngabe uthanda lukhulu kangakanani kodwa abathandanayo uma
bengaphathene kahle, uthando luyaphela bese kuba buhlungu.
Uphawu
Ubumhlophe- Umugqa wesi-2. Leli gama liwuphawu koluhlanzeka/ ubungcwele/
ukungabi nachashazi (pure,purity) imbongi ilisebenzise ukungqamisa umqondo
wokuthi amatshitshi agqoka ubuhlalu obumhlophe ngoba asuke engakonakali.

49
UKUKHETHWA KWAMAGAMA 12. ITHALA LOBUNZULU

Ithala:-indawo ephakeme endlini yesZulu lapho kubekwa khona imikhonto


lobunzulu:-ukudepha komqondo ujule/ukuzika kwamanzi ashone phansi kakhulu
Isihloko siveza ukujula kwendaba yokulwa kwabantu abamnyama befuna imfundo.
MtakaNdul’ emnyama – ‘mtaka’ iveze isiphongozo sokuthi izingane /umtwana womuntu
omnyama.
Induli:- utshani bokwenza amacansi obumile ngasemfuleni endaweni enesihlabathi.
Imbongi ithi abantu abamnyama babe yisizwe esidelelekile esibukelwa phansi, senziwe
umata wokunyathelwa ngabelungu.
Umthombo –umfula ogelezayo okuchaza ulwazi olungapheli.
Odlondlobale –ukuthuthuka kwento. Imbongi ithi umuntu omnyama wathola ulwazi wakhula
ngokomqondo.
Abasezitheni bawugqiba ngezixhokolo –abasezitheni abantu bezinye izinhlanga
ababandlulula abantu abamnyama.
Ngezixhokolo – amatshe amakhulu ayiqoqo. Imbongi ithi abelungu bazamile ukucindezela
abantu abamnyama bevinjelwa ukuba bathuthuke kwezemfundo.
Zamatshe asezinkeleketheni ezingenazala –
asezinkeleketheni – iwa noma amatshe amakhulu ayiwa .
Ezingenazala – izala- indawo lapho kulahlwa khona izibi ekhaya, ivamise ukuvunda .
Imbongi ithi lezi zizwe zicindezela umuntu omnyama ukuthi angabi nakusasa nantuthuko
empilweni.
Ithala seligezi incokazi – Ithala imikhonto eminingi ndawonye lokho okugudlisela imfundo
njengeskhali sempumelelo.
Incokazi - inkomazi exube amabala abomvu namhlophe umzimba wonke. Imbongi ithi isimo
singcono , abantu sebengafunda yona imfundo efike nabelungu.
Enezimpiko iyandiza iyophuza –enezimpiko- ukuba namandla okwenza okuthile. Imbongi
iveza ukuthi wonke umuntu usekhululekile ukwenza noma yini ayifisayo ngesikhali sakhe
esiyimfundo ukuthola ulwazi olujulile.
Kuleya nzulu yomthombo ochich’ uju – inzulu ulwazi olujulile-
ochich’ uju –ukugcwala injabulo. Imbongi ithi emveni kokuthola ulwazi olujulile kulethe
injabulo nezinguquko ezikhomba ukukhanya ezimpilweni zabantu.
Lwenzulu yobuchopho – iyobuchopho ukuhlakanipha –Imbongi ithi imfundo ilethe
ukuhlakanipha esizweni esinsundu
Mntaka afrika kulukhuni ezweni lakobelungu – imbongi ijeqeza emuva lapho ikhumbula
umuntu omnyama esacindezelekile nenkululeko engenayo.
Zilokhu zishabasheka zifukula – ukushabasheka kusho ukukhwishizela ungapheli
amandla uze uzuze lokho okufunayo.
Zifukula – ukuqukula/ ukuphakamisa into/,ukulekelela noma ukusiza umuntu ukuze athole
ulwazi. Imbongi ithi izifundiswa zakithi azikhathali ukunikezela ulwazi kulabo abasakhula.
Uquqaba lwakwethu olwagudluzwa ugqinsi lwenkungu ebuchosheni –
Uquqaba - abantu abaningi abangagqame ngalutho.
Ugqinsi lwenkungu – into eyakhele ndawonye okungaba umbala. Iyasebenzisa uma isuswa
/ ukungabi nalwazi lwezinto ezithize. Imbongi ithi izifundiswa zakithi azikhathali zifundisa
abantu abamnyama abangazi lutho ukuze nabo bathuthuke ngolwazi bayilangazelele
imfundo.
Inkundla ngeyakho bhaqa lwangomusa –

50
inkundla – indawo evulekile.
Ubhaqa- utshani obuqinile obusetshenziswa ukukhanyisa. Imbongi isebenzise uphawu
lokukhanya , ithi selifikile ithuba lokuba usebenzise isikhali sakho esiyimfundo
ukuhlangabezana nazo zonke izimo empilweni ukulungiselela ikusasa.
Kayiphons’ izikhali ephanda – igama ephanda - indawo ephezulu yokugaxa izikhali
endlini yesintu. Imbongi ithi abantu abayeke ukulwa basebenzisa isikhali sabo esiyimfundo
ukubhekana nezinqinamba zempilo.
Nangosib’ oluxoxa imibono -usiba into esetshenziselwa ukubhala indaba. Imbongi ithi
izifundiswa ziyokwazi ukubhala izincwadi zixoxa ngomlando wesintu ngokuhlukahlukana.
Elihle kakhulu libanjwa ngobuchopho libuyiswe ngobuchopho - imbongi ithi izwe
liphathwa ngabantu abafundile abazolibuyisela kubantu abamnyama ngemfundo.
Usicoshe imvuthuluka sibumbe isizwe somlando wezonwele olude- imvuthuluka into
eningi eyezinsalela zokuthize noma izinto eziwiselwe phansi. Imbongi ithi ngemfundo
encane abayitholile bakwaze ukuxoxa ngomlando (wokucindezelwa) wabelungu.

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo
Imbongi ithi abantu abamnyama babe yisizwe esidelelekile esibukelwa phansi, senziwe
umata wokunyathelwa ngabelungu. Imbongi ithi abelungu bazamile ukucindezela
nokuvimbela ukuba bathuthuke kwezemfundo kepha umuntu omnyama wakwazi ukuthola
ulwazi wakhula ngokomqondo. Imbongi ithi akubanga lula ukubhekana nabelungu
abacindezeli bomuntu omnyama ukuthi angabi nakusasa nantuthuko empilweni. Imbongi ithi
abantu bathe bangafunda yona le mfundo efike nabelungu isimo sezinto saba ngcono.
Yingakho imbongi iveza ukuthi wonke umuntu usekhululekile ,akuqhutshekwe kufunde
ngakho lokhu okuncane esikutholayo.
Umoya
Le nkondlo inomoya oxubile ,owokukhathazeka nowokuncoma . Imbongi ikhathazwe
ukubona ubunzima obubhekene nabantu abamnyama becindezelwa ngabelungu. Iti kuyona
leyo ncindezelwe umuntu omnyama ugcine ekwazile ukuthola imfundo yingakho incoma .

Indikimba
Indikimba yalenkondlo imfundo

Umyalezo
Umlayezo oqukethwe yile nkondlo ukubaluleka kwemfundo nokusetshenziswa
kwemithombo eyahlukene ukuthuthukisa ulwazi nakuba kuwulwazi olungaphelele kodwa
alubunjwe kwakhiwe isizwe esingenakuphela / Kubalulekile uma wenza into uzimisele noma
ngabe isimo sinzima kangakanani ngoba ugcina uphumelele empilweni.

Isigqi
Isigqi sale nkondlo sixubile siyanensa sibuye sisheshe ngoba inkondlo inomoya
wokukhathazeka nowokuncoma. Nakuba kunokweqiwa konkamisa kwamnaye amagama.

Ithoni
Kule nkodlo sithola ithoni yokukhathazeka/yokudumala. Imbongi ikhathazwa ukuthi abantu
abamnyama baphiliswa kanzima abelungu , bathola ulwazi kanzima becindezelwe..

51
Imifanekisomqondo
‘Enezimpik’ ingandiza iyophuza’: (ukwenzasasilwane/ umfanekisomqondo
wokunambithekayo) – imbongi inxusa abantu ukuba baye kofunda ukuze kuguqulwe isimo
sabo somqondo.
‘ ‘selibukwa ngobhaqa’: (okubonakalayo/isingathekiso) --- imbongi ifanisa imfundo
nobhaqa lokukhanyisa, ithi abantu abafunde ngoba amathuba emisebenzi bayowathola
ngoba befundile.
‘Ugqinsi lwenkungu’: (ihaba) imbongi igqugquzela bonke abantu ukuba baye kofunda
ukuze kuzosuswa inkungu yokungazi bese kufakwa ulwazi.

‘Nangosib’ oluxox’ imibono’: (ukwenzasamuntu/ okuzwakalayo) – manje sekumele


bahlome izikhali zemfundo ( amapeni, izincwadi) bayeke imikhonto babhale izincwadi
ukugcina umlando.
‘Sicosh’ imvuthuluka sibumbe’: (okuthintekayo) – noma esikutholayo kubukeka
kuyinsalela kepha singahlanganisa sakhe izwe lethu.

Izinzwa
ochich’ uju: (yokunambithekayo) – ithi abaye kofunda ukuze bezothola ulwazi oluningi.
‘uquqaba: (yokubonakalayo) – abantu bonke mabafunde bahlome ngezikhali zemfundo
uma befuna impilo engcono.
Kayiphons’ izikhali ephanda’: (yokubonakalayo) imbongi inxusa abantu ukuba babeke
phansi izikhali manje kepha balwe ngemfundo.

52
IZINGXABO ZOMYEZANE

IMIBUZO (UMBUZO 1) IZIMPENDULO (UMBUZO 1)

1 Tomula isifenqo esitholakala ebinzeni 1 Lwamaqabunga ayonginqwambis’


lesi-3 bese unikeza nohlobo lwaso. (2) okweqhawe; - Isifaniso.. (2)
2 Chaza kafushane isigqi esitholakala (2) 2 Isigqi umgqigqo nomgqumo otholakala (2)
kule nkondlo. enkondlweni. Isigqi sale nkondlo
3 Ngabe umfanekiso mqondo oqukethwe siyashesha ngenxa yomoya
umugqa we -18 ukwelekelela kanjani wokulangazelela. Ukweqiwa konkamisa
ukuqonda indikimba yale nkondlo. ngokusetshenziswa kophawu i-Aphostrofi
Sekela impendulo yakho? (2) kuyasenza nakho ukuthi sisheshe, nakuba
4 Iyini inhloso yembongi iminingi imigqa evalekile lokho akusenzi
yokusebenzisa i-enjambament isigqi sinense
emgqeni we-13 kuya kowe -14? (2) 3 Umfanekiso mnqondo oqukethwe umugqa
5 Phawula ngempumelelo yembongi wesi -18 ungilekela ukuthi ngiqonde (2)
yokusebenzisa impindwa kule nkondlo (2) indikimba yemfundo nokugqamisa ukuthi
[10] imbongi isiphumelele, yahlabana manje
isithweswa iziqu/ imiyezana ngemfundo
eyizuzile.
4 Inhloso yembongi yokusebenzisa
i-enjambamenti ukwethula (2)
umqondo oqalisa emgqeni we –
13 uyopheleliswa emgqeni we –
IZIMPENDULO (UMBUO 2)
14. Imbongi igqamisa umsindo
1 Le nkondlo ilirikhi ngoba imbongi wenjabulo obakhona uma
izwakalisa imizwa yayo ngothando. (2) kwethweswa iziqu okunikeza
2 Imbongi ifisa ukuzuza imfundo/ulwazi (2) ithemba lekusasa eliqhakazile.
olunzulu nolusabalele. Lolu lwazi 5 Imbongi iphumelele kahle ukusebenzisa
liyokwenza ukuthi luyelekelele ukuze impindwa ethi, “Ngilangazelela ukudepha (2)
iphile impilo eyoyithokozisa impilo yayo okujulile” ukugcizelela ukufisa kwembongi
yonke ukujula ifune imfundo enzulu nolwazi
3 Isimo sokukhuluma esithi, “ Bafinye olusabalele.
ngendololwane,”siyisisho esichaza (2) [10]
ukubusa. Lesi sisho singelekeleke
ekuqondeni ukuthi le mfundo imbongi
eyizuzile ayizukusiza yona nje kuphela IMIBUZO (UMBUZO 2)
kodwa nezizukulwane ezizayo ziyobusa,
zinethezeke. 1 Hlobo luni lwenkondlo lolu? Sekela
4 Ukusetshenziswa kokuxhumana siqalo impendulo yakho? (2)
emgqeni -9 kuya ku -10 kugcizelela (2) 2 Fingqa ngamaphuzu amabili umqondo (2)
ukufisa kwembongi ukuhlala inamathele oqukethwe ibinza lokuqala
emfundweni ingaphazanyiswa yilutho, 3 Chaza ukuthi isimo sokukhuluma
ijabulele ukuzuza imfundo eyoyisiza esiqukhethwe umugqa wama -23
impilo yayo yonke ngayo ikwazi sikwelekele kanjani ekuqondeni leli
ukubhekana nazo zonke izimo binza. (2)
ehlangabezana nazo. 4 Ngabe ukusetshenziswa kokuxhumana
5 Kule migqa imbongi igqamisa ukuthi ngale okusemgqeni we -9 kuya kowe-10
mfundo eyitholile iyoyisebenzisa ibe (2) kunamsebenzi muni kule nkondlo? (2)
umphako wendlela empilweni, ize lolu 5 Hlolisisa okushiwo yimbongi emgqeni
lwazi ilwedlulisele ezizukulwaneni nazo wama -20 kuya kowama -21 (2)
zisizakale, zibuse, zijabulele ubumnandi ukugqamisa umqondo wale nkondlo
bempilo.olusabalele.
[10]
[10]
53
54

You might also like