Download as docx, pdf, or txt
Download as docx, pdf, or txt
You are on page 1of 1

1. Kwesinye isikhathi izinkinga esiba nazo empilweni zisuke zidalwa yithina uqobo.

Hlaziya
ngokuhlolisisa lokhu ukubhekise kumlingiswa onguBafana.
2. Ukukhula uhlupheka akusho ukuthi ngeke uphumelele empilweni. Fakazela lesi sitatimende
ubhekise encwadini eniyifundayo.
3. Imfundo ingaba nomthelela omubi uma ingahambisani nemfundiso.
4. Amalungelo nokulingana kwabantu ngokobulili kungaba nemiphumela engemuhle
emndenini.
5. Emhlabeni kunabantu abafundile abaye babukele phansi abantu abaqhamuka emakhaya.
Fakazela lesi sitatimende ubhekise encwadini eniyifundile.
6. Izingane ezikhuliswa emzini onokuthula azifani nezingane ezikhuliswa emzini onokuxokozela.
7. Kunabantu emhlabeni abenza izinto ezigcina ngokubakhinyabeza bona uqobo. Fakazela lesi
sitatimende ubhekise encwadini eniyifundayo.
8. Impilo yasemakhaya inothile ngokomphefumulo nangokomnotho kuneyasemadolobheni.
Fakazela lesi sitatimende ubhekise kwiNoveli oyifundile.
9. Ukuba nezimfihlo akumphumelelisi umuntu empilweni. Izimfihlo zinendlela yazo yokuvela.
Phawula ngokuhlolisisa lesi sitetimente ubhekise kumdlalo eniwufundile.
10. Ukuphila emakhaya nokuphila emadolobheni kuba nemiphumela eyahlukahlukene.
11. Imfundo ingaba nemiphumela emibi uma uzokhohlwa imvelaphi yakho.

You might also like