Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 45

Amanothi ezinkondlo zebanga 11

2024
UKUHLUZWA KWEZINKONDLO Zonyaka wezi-2024 (Hon. Msani:reasoma
secondary school)
28 KUNHLABA 2024 (hon. Msani)
IKHONO: UKUFUNDA NOKUBHALA
ISIHLOKO: UKUHLUZWA KWEziNKONDLO zonyaka wezi-2024
UMYALELO OBALULEKILE!
Hon. msani
Lo somqulu wokuhluzwa kwezinkondlo zebanga le-11 zangonyaka we-2024 ubhalwe waphinde
wadidiyelwa uHon. S.E. Msani ofundisa eReasoma Secondary School. Imibono nokuhlaziywa
kwezinkondlo okuqukethwe kuyimibono yomdidiyeli hhayi umnyango wezemfundo okanye isikole
asisebenzelayo. Lo somqulu udidiyelwe ngolwazi oluyisisekelo. Ngakho-ke abafundi nothisha
bayagqugquzelwa ukuzakhela ucwaningo olwengeziwe ngezinkondlo eziqukethwe bangathembeli kulo
somqulu kuphela.
NJENGOMNTWANA OKHULISWE EMNDENINI WAMANAZARETHA, EKHAYA KITHI SAFUNDISWA
UKUKHOLELWA KAKHULU ESIBUSISWENI KUNEMALI. NGAKHO-KE LO SOMQULU AWUDAYISI. WONKE
OKHOLELWA KUWO ANGAWUSEBENZISA APHINDE AWUDLULISELE KWABANYE MAHHALA. INHLOSO
YAWO UKULEKELELA OTHISHA ABASEBASHA EMKHAKHENI NOKUQHAKAMBISA UBUKHULU
BUKANKULUNKULU KASHEMBE NGOKONDLA ABANTWANA BAKHE NGOLWAZI.
INKOSI INIBUSISE!
IZINKONDLO EZITHOLAKALAYO:
hon. msani
Incwadi: Imvunge Yokusa
1. Ma Ngificwa Ukufa
2. Udondolo
3. Ngikuthandile Ungithandile
4. Ngijulise Nkosi
5. Baba Wabantabami
6. Kuyoze Kube Nini?
7. Ize Ikuphuzise Amanzi
8. Okwami Nawe
OKUQUKETHWE:
hon.msani
1. Uhlobo lwenkondlo ngayinye.
2. Umqondo wenkondlo ngayinye.
3. Indikimba yenkondlo ngayinye.
4. Umoya wenkondlo ngayinye.
5. Isigqi senkondlo ngayinye.
6. Ithoni yenkondlo ngayinye.
7. Eminye yemifanekisomqondo etholakala enkondlweni ngayinye.
8. Imibuzo yokuzihlola ehambisana nenkondlo ngayinye.
9. Izimpendulo zemibuzo yokuzihlola.
1. Ma ngificwa ukufa (PG.22)
UHLOBO LWENKONDLO, UMQONDO, NENDIKIMBA
(Hon. Msani)
Le nkondlo iwuhlobo lwe-eleji. Lokhu kufakazelwa indikimba yokufa
etholakala kule nkondlo.
Kule nkondlo imbongi yethula imizwa yayo ngezifisela ukuthi
kwenziwe/kwenzeke uma sekufike usuku lwayo lokugcina. Yize
kungajwayelekile okwenziwa imbongi kepha kule nkondlo izikhandela
isithombe sosuku lwayo lokufa isaphila. Ezinye zezinto ezicelela zona
ukungcwatshwa eduze nezihlahla zomnyezane, eduze namadamu,
eduze kwezindlela ezihamba abafundi besikole naseduze kotshani.
Okuqaphelekayo ukuthi imbongi ifuna indlu yayo yokugcina izungezwe
imvelo uphinde umoya wayo ududuzwe ubumsulwa bamaphimbo
abantwana. Uma kwenzeke njalo, imbongi ikholelwa ekutheni iyolala
ngokuthula.
UMOYA, ISIGQI, ITHONI
HON. MSANI
Le nkondlo inomoya wosizi. Lo moya uholela ekutheni isigqi senkondlo
sicothoze. Ngokunjalo nephimbo imbongi ehaya ngalo le nkondlo
(ithoni) ligcwele usizi. Lokhu kufakazelwa amagama aqukethe usizi
ambandakanya athi ‘ngimbeleni, ngifel’ezindleleni,yimithwalo
ebengisindwa yiyo, zenkathazo, ukulal’okuphakade’. Nakuba imbongi
iyibhala le nkondlo ibikezela imini ezayo kepha lamagama ayalugqamisa
usizi ebhekene nalo kumanje ekholelwa ekutheni iyoduduzeka kulo
mhla seyandulela eliphakade inqobo nje uma iyofihlwa ngendlela
eyalele ngayo.
IMIFANEKISOMQONDO
HON. MSANI
Nansi eminye yemifanekisomqondo etholakala kule nkondlo. Umfundi uyagqugquzelwa ukuba
azitholele eyakhe engachaziwe ngezansi.
Umfanekisomqondo wokuzwakalayo: ‘Ngozwa nami ngilele ngaphansi’: Imbongi ichaza ukuthi
noma iyobe ingasekho emhlabeni kepha uma iyongcwatsha yembeswe ngamagatsha omnyezane
ikholelwa ekutheni iyoba nawo umuzwa wokufezeka kwesicelo sayo.
Ukwenzasamuntu: ‘Utshani ngaphezulu buhleba:’-Lapha imbongi ithathe utshani yabunika
izimpawu zomuntu. Imbongi ikholelwa ekutheni uma iyongcwatshwa eduze kotshani ikholelwa
ekutheni iyonanela induduzo eyobe iqukethwe imvelo.
Isisho: ’Elel’ukulal’okuphakade.’-Imbongi iqonde ukuthi uma isidlulile emhlabeni ifisa ukufihlwa
endaweni enemisindo okungaba eyemvelo noma emsulwa kuhle kweyabantwana abamsulwa
kwazise yiyo ekholelwa ekutheni iletha induduzo kwabangasekho.
Umfanekisomqondo wokuzwakalayo: ‘Uma wen’ofunda le migqana’-Imbongi iqonde ukubeka
inselelo kuwo wonke umuntu ofunda le nkondlo yayo ukuthi uma kwenzeka enqwamana nesidumbu
sayo akuqinisekise ukulandelelwa kwezifiso zayo nendlela efisa ukungcwatshwa ngayo.
Imibuzo yokuzivivinya
Hon. msani
1. Ngakube le nkondlo iwuhlobo luni lwenkondlo? Sekela impendulo
yakho. (2)
2. Tomula imvumelwano etholakala ebinzeni lokuqala bese usho
nohlobo lwayo. (2)
3. Shono ukuthi ukuphindaphindwa kwegama ‘ngimbeleni’
kukwelekelela kanjani ekuqondeni umqondo wale nkondlo? (2)
4. Phawula ngomoya oqukethwe umugqa we-17 nowe-18. (2)
5. Ncoma okanye ugxeke imbongi ngokubhala inkondlo ewulolu hlobo.
Impendulo yakho mayibhekiswe kumyalezo. (2)
AMAMAKI: [10]
Izimpendulo
hon. msani
1. I-eleji. √ Ngoba inendikimba yokufa. √ (2)
2. Lapho amagatsh’eyongembesa
Ngamaqabung’agcwel’ubuhlaza. √
-Imvumelwano maphakathi. √ (2)
3. Imbongi iphandiphinde igama ‘ngimbeleni’ ngenhloso yokugcizelela okuthize. √ Imbongi
igcizelela uhlobo lwendawo efisa ukungcwatshwa kuyo uma ingasekho emhlabeni. √ (2)
4. Le migqa iqukethe umoya wokubalisa/wokukhathazeka. √ Imbongi ibalisa/ikhathazwe
izinkinga ebhekene nazo kumanje ekholelwa ekutheni iyophunyuzwa kuzo ngosuku
lwayo lokugcina. √ (2)
5. Imbongi yenze kahle ngokubhala lolu hlobo lwenkondlo enomyalezo wezifisela ukuba
kwenziwe uma isishonile ukuze umndeni wayo ungenzi okuphambene nentando yayo
uma isishonile. √√ OKANYE, imbongi ifanelwe ukugxekwa ngalesi senzo kwazise incisha
abomndeni wayo ithuba lokuyifihla ngendlela enesithunzi nabafisa ngayo eyoduduza
imiphefumulo yabo uma ingasekho. √√ (2)
2. Udondolo (pg.68) hon. Msani
UHLOBO, UMQONDO, INDIKIMBA
Le nkondlo kaSibalukhulu iyisonethi. Ngale kwalokho singayifaka ngaphansi
kohlu lwezinkondlo ezilandayo.
Lokhu kufakazelwa umyalezo oqukethwe lapho imbongi isilandisa ngokholo
lwayo eluyamanisa nodondolo. Sizokhumbula ukuthi udondolo
lusandukwana evame ukusetshenziswa izaguga noma abakhubazekile
ukuzimelelela ngayo. Lokhu kusho ukuthi ngaphandle kodondolo isaguga
nophila nokukhubazeka angeke akwazi ukuma okanye ukuhamba afinyelele
lapho efisa ukuya khona. Ngokunjalo nalolu kholo lwembongi lubukeka lugila
izimanga empilweni yayo lunqunda amandla zonke izinkinga luphinde
luqinise imbongi kubo bonke ububi obubhekiswe kuyo.
Ngakho-ke le nkondlo inendikimba yezenkolo.
Umoya, isigqi, nethoni
hon. msani
Le nkondlo inomoya wokuncoma/wokutusa. Lo moya uholela ekutheni
isigqi sale nkondlo sisheshe. Imbongi ihaya le nkondlo isebenzisa
iphimbo (ithoni) yokukholwa. Imbongi incoma/itusa amandla
kaNkulunkulu ancike ekukholweni nguye. Ngokholo lwembongi ikwazi
ukwenza obekungalindelekile okwenza abanye abantu bazibuze ukuthi
ikwenze kanjani. Imbongi iyaveza kule nkondlo ukuthi ukukholwa
akusho ukuthi izinkinga azizi kuyo. Ziyeza zilekana kepha ukholo,
eluyamanisa nodondolo luyayiqinisa luyiphe ukuzimelela okuhle
okwenza ukuthi ime njalo noma sihlasela isiphepho somubi.
IMIFANEKISOMQONDO
HON. MSANI
Eminye yemifanekisomqondo etholakala kule nkondlo ichaziwe ngezansi.
Umfundi uyagqugquzelwa ukuba azitholele eminye engachazwanga.
Umfanekisomqondo wokubonakalayo: ‘Ubukeka upholile nje uzothile’-Imbongi
isigqamisela ukudideka kwabantu ngesimo sayo sokuthi ihlezi ime njalo
ngokukhululeka nakuba izinkinga zomhlaba zigadla ngapha nangapha.
Umfanekisomqondo wokuzwakalayo: ‘Thina sikhaliswa ikhoza nje’-Ikhoza umlilo
omkhulu osha ubuhanguhangu. Imbongi iyamanisa izinkinga ezinkulu ezihlasele
abantu ezingabahlalisile kahle nomlilo omkhulu.
Umfanekisomqondo wokubonakalayo: ‘Siyalubona udondolo lwakho’-Imbongi
iqonde ukuthi abantu bayaluqonda futhi bayaluhalalisa ukholo lwayo.
Umfanekisomqondo wokuthintekayo: ‘Yilo lolu dondolo osula ngalo izinyembezi’-
Imbongi iqonde ukuthi ngalolu kholo lwayo ikwazi ukuxazulula izinkinga ezinkulu
ezihambisana nosizi.
IMIBUZO YOKUZIVIVINYA
HON. MSANI
1. Ngakube le nkondlo iwuhlobo luni? Sekela impendulo yakho. (2)
2. Nikeza igama elimqondofana nelithi ‘iqubula’ elitholakala
enkondlweni. (1)
3. Chaza ukuthi isigqi sikwelekelela kanjani ekuqondeni umoya wale
nkondlo. (2)
4. Phawula ngethoni equkethwe umugqa wesi-8 nowesi-9. (2)
5. Ncoma amandla alolu dondolo lwembongi ubhekise ebinzeni lesi-3.
(3)
AMAMAKI: [10]
IZIMPENDULO
HON. MSANI
1. Isonethi √, ngoba inemigqa eyi-14. √ (2)
2. Ikhoza. √ (1)
3. Le nkondlo inesigqi esisheshayo. √ Lokhu kufakazelwa umoya
wokuncoma/wokutusa otholakala enkondlweni. Imbongi incoma ukholo
lwayo oluyisindisa luphinde luyinqobise izinkinga ezinkulu. √ (2)
4. Ithoni yokuhalalisa/yokuncoma. √ Imbongi ihalalisa amandla okholo
lwayo olunconywa ngabantu ngokuyivikela ezimweni ezinzima. √ (2)
5. Amandla alolu dondolo (ukholo) lwembongi makhulu ngokumangalisayo
akwazi ukunqunda amandla emisebenzi kaSathane ebhekiswe kuyo√,
ayiduduze kuzo zonke izibhelu eziyehlelayo, √ aphinde ayivikele kukho
konke okubi. √ (3)
3. Ngikuthandile Ungithandile (Pg.57-58)
uhlobo, umqondo, nendikimba hon. msani
Le nkondlo kaMageba iwuhlobo lwelirikhi. Sikusho lokhu ngoba imbongi
yethula imizwa yayo ngento eqondene nayo ngqo. Leyonto uthando oluvutha
amalangabi oluphakathi kwayo nesithandwa sayo. Lokhu kwenza indikimba
yale nkondlo izungeze othandweni. Imbongi iyaveza ukuthi uthando lwayo
nesithandwa sayo luhle nje ngoba bobabili bathandana okwangempela. Yize
kunjalo imbongi iyaveza ukuthi ziningi izingqinamba abahlangabezane nazo
nesithandwa sayo kepha ngothando bazinqoba. Ezinye zazo zithinta imithi
ebekade begadlwa ngayo ngenhloso yokuthuntubeza uthando lwabo. Leyo
mithi ayisebenzanga, okwenza imbongi ikholelwe ekutheni lolu thando
lwadalwa lwaphinde lwabusiswa emazulwini. Okuqaphelekayo ngesithandwa
sembongi ukuthi siwuphumalanga sikothe okwenza ombangi bangayiniki
thuba.
Umoya, isigqi nethoni.
Hon. msani
Le nkondlo inomoya wokuncoma, injabulo nokuhalalisa. Lokhu
kuholela ekutheni isigqi sisheshe. Ngokunjalo le nkondlo ihaywa
ngephimbo (ithoni) yothando. Imbongi incoma ubuhle besithandwa
sayo, ubuhle bothando lwabo kanye nesimilo sesithandwa sayo.
Ayigcini lapho iphinde iqhakambise injabulo enayo ngothando lwabo
okwenza ikholelwe ekutheni luyisimanga esidabuka emazulwini.
Iphinde iluhalalise lolu thando, kanye nesithandwa isethe igama
likaNokuthandwa.
IMIFANEKISOMQONDO
HON. MSANI
Nansi eminye imifanekisomqondo etholakala kule nkondlo. Umfundi uyagqugquzelwa
ukuba azitholele eyakhe engachazwanga ngezansi.
Isenzasamuntu: ‘Amazulu asababaza ngokubabazeka’-Lapha imbongi ithathe amazulu
yawanika uphawu lomuntu ‘ukubabaza’. Imbongi iqonde ukuthi ikholelwa ekutheni
uthando lwayo nesithandwa sayo luqhakanjiswa ngisho ezulwini imbala.
Isingathekiso: ‘Uyilanga eliphume laphakama’-Imbongi ingathekisa isithandwa sayo
ngelanga. Ukuphuma kwelanga kwaziwa njengento eyigugu kwazise kuyisiqalo sosuku
olusha oluhambisana nezifiso ezintsha. Imbongi iqhakambisa isithandwa sayo isiveza
njengegugu kuso elabelwe ukuyiphumelelisa.
Umfanekisomqondo wokuthintekayo: ‘Yephuke, iphoqozwe yimpoqo,’-Imbongi ichaza
ukuthi isithandwa sayo sehlule ngisho imithi yezinyanga ebezizama ukumosha uthando
lwabo ngenhloso yokuthikameza inhliziyo ngenxa yobuhlungu.
Umfanekisomqondo wokubonakalayo: ‘Ushikilile umamatheka uyathandeka,’-Lapha
imbongi ihalalisa ugazi lwesithandwa sayo oluhambisana nobuhle obenza ithandeke kukho
konke ekwenza ngomzimba wayo.
IMIBUZO YOKUZIVIVINYA
HON. MSANI
1. Tomula ifanamsindo elitholakala emgqeni we-11. (2)
2. Shono uhlobo lwemvumelwano etholakala emgqeni wesi-2 kuya
kowesi-4 bese usho okuhloswe imbongi ngayo. (2)
3. Phawula ngokusetshenziswa kwesizura emgqeni we-15. (2)
4. Chaza ngokuhloswe imbongi ngokusebenzisa ukuxhumana emgqeni
wama-20 kuya kowama-21. (2)
5. Ngabe uyakholelwa ekutheni isithandwa sembongi sifanelwe
ukubizwa ngoNokuthandwa? Sekela impendulo yakho ubhekise
emgqeni wama-24 kuya kowama-26. (2)
AMAMAKI: [10]
IZIMPENDULO
HON. MSANI
1. Ifanankamisa (a): Ubamangaza ngobakho obubabazekayo, √
Ifanangwaqa (b): Ubamangaza ngobakho obubabazekayo, √ (2)
2. Imvumelwano siqalo (o), Imbongi isebenzise le mvumelwano ngenhloso yokuletha umgqumo
osamculo omnandi. √ Imbongi iveza ubukhulu bothando ethanda ngalo isithandwa sayo
ibuyamanisa nokujula kweziziba, ubude bokufinyelela esibhakabhakeni kanye nobude begebe
eliphakathi komkhathi nezulu. √ (2)
3. Imbongi isebenzise isizura ngenhloso yokuphumula. √ Imbongi ilandisa ngezinhloso ezimbi
zokuyephula inhliziyo ebezihloswe izinyanga ngenkathi zigadla isithandwa sayo ngemithi. √ (2)
4. Ukuletha umgqumo osamculo omnandi kanye nokugcizelela. √ Imbongi igcizelela ukuthi ubuhle
besithandwa sayo bufana nesixazululo kulabo ababekade behalela ukubona/ukusondelana nobuhle.
Ikholelwa ekutheni ubuhle besithandwa sayo buqhamuke njengekhambi lokubelapha. √ (2)
5. Yebo, ngoba indlela esakheke ngayo kanye nezenzo zaso zisakhela ugazi kubantu. √ Lokhu
kufakazelwa ukuthi asidingi ukuba sizichaze ukuze bunakeke ubuhle baso, kanti futhi kwamzimba
waso uyathandeka. √ (2)
4. Ngijulise Nkosi (pg.133) Hon. Msani
Uhlobo, Umqondo, indikimba
Le nkondlo kaMphemba iwuhlobo lwelirikhi. Indikimba yayo imvelo.
Kule nkondlo imbongi ihalalisa iphinde iqhakambise ubukhulu
bolwandle kanye neqhaza elibanjwa ulwandle ezimpilweni zethu
nasezimpilweni zezilwane ezithembele kulo. Imbongi ibabaza kakhulu
ukujula nokudepha kwalo, ukuzotha/ukuba mnene kanye nokondla
nokunakekela kwalo. Iphinde iveze nokuthi ngisho nabantu imbala
bathembele kakhulu olwandle kepha uma selibasizile ababuyeli kulo
bazobonga kunalokho izihalaliso zabo bazibhekisa kwabaphansi. Yize
kunjalo ulwandle alukhwelezi. Kukho konke lokhu imbongi izicelela
kuMdali ukuba ayenze nayo ijule njengolwandle.
UMOYA, ISIGQI NETHONI
HON MSANI
Le nkondlo inomoya kanye nethoni yokuhalalisa. Lo moya wenza isigqi
senkondlo sisheshe. Imbongi ihalalisa ubukhulu, ububanzi, ubumnene,
kanye nokunakekela kolwandle. Zonke lezi zinto zenza imbongi
ilangazelele ukuba uJehova nayo ayiphe lezi zimpawu. Okukhulu
kakhulu ukuthi nayo ayijulise njengolwandle.
IMIFANEKISOMQONDO
HON. MSANI
Nansi eminye yemifanekisomqondo etholakala kule nkondlo. Umfundi
uyagqugquzelwa ukuba naye azitholele eyakhe engachaziwe ngezansi.
Isingathekiso: ‘Uyimbica-badala yebuya siziba!’-Imbongi ingathekisa ulwandle
ngento ngempicabadala okuyinto engaqondakali ngenxa yezimanga zalo ezinkulu.
Umfanekisomqondo wokubonakalayo: ‘Wena wabon’isihluthu setshitshi
lomlungu’, ‘Ngilibone libhushuzela liza kuwe,’-Lapha imbongi ilandisa ngentokazi
yomlungu eyayibona ingagqokile iphuthuma olwandle iyobhukuda.
Isiqhathaniso: ‘Ziyin’izinkulungwane zemihlambi yakawaMhlaba,’;’Kulezo zigidigidi
zawochibidolo bakho Manzi;’-Lapha imbongi iqhathanisa ubukhulu bolwandle
nobomhlaba lapho iveza khona ukuthi kuncane kakhulu okuphila emhlabeni uma
kuqhathaniswa nokusolwandle.
Ukwenzasamuntu: ‘Nkinsel’ezishay’impabanga.’-Impabanga-isichaka. Imbongi
income ulwandle ukuthi nakuba luhlobe ngomcebo ohlala kulo kepha lona
aluziphakamisi luhlezi luzothile.
IMIBUZO YOKUZIVIVINYA
HON.MSANI
1. Awuthi qaphuqaphu ngokushiwo yile nkondlo. (2)
2. Kungani imbongi ibiza ulwandle ngempicabadala emgqeni
wokuqala? (1)
3. Shono okuqondwe imbongi ngokuphindaphinda amagama
‘Uyadela, Siziba’ kule nkondlo. (2)
4. Phawula ngomqondo otholakala emgqeni wesi-8 kuya kowe-10. (2)
5. Nikeza uphinde uchaze ngokwenkondlo isifengqo esitholakala
emgqeni wokugcina bese usho ukuthi siyithinta kanjani ithoni yale
nkondlo. (3)
IZIMPENDULO
HON. MSANI
1. Le nkondlo ikhuluma ngolwandle. Imbongi incoma iphinde ihalalise ubukhulu,
ukuzotha, ukunakekela kanye nokujula kolwandle. √√ (2)
2. Kungenxa yezimanga zalo ezingaqondakali. √ (1)
3. Imbongi isebenzise impindwa ngenhloso yokugcizelela. √ Imbongi igcizelela
ukubabazeka kokwakheka kolwandle kanye neqhaza elilibambayo ezimpilweni
zethu nezilwane. √ (2)
4. Kule migqa imbongi ibabaza ukuzotha/ukuthobeka kolwandle. Lokho kuzotha
kuthinta ukungasuki kwalo lapho ladalwa labekwa khona. Imbongi iyaveza
ukuthi ngisho kungafika isiphepho esingakanani, ulwandle
alwemuki/aluchitheki lugcwale umhlaba wonke. √√ (2)
5. Isenzasamuntu. √ Sichaza ukuthi ulwandle noma lucebile ngokomcebo
otholakala kulo kepha aluziphakamisi. √ Lesi sifengqo sihambisana nethoni
yokuhalalisa isimilo nokuziphatha kolwandle ukube belungumuntu. √ (3)
AMAMAKI: [10]
5. Baba wabantabami (pg.87) hon. msani
Uhlobo, umqondo, indikimba
Le nkondlo kamaQwabe singayifaka ngaphansi kohlobo lwe-ephikhi
elandayo. Sikusho lokhu ngoba ithi ayixoxe indaba ephelele emayelana
nezigameko ezenzeka kwimbongi kanye noyise wabantabayo. Imbongi
iyixoxa le ndaba iyisuse ekuqaleni kusekuhle nothando lwayo nobaba
wabantwana lusavutha amalangabi. Emzimbeni wendaba/wenkondlo
sithola isimo sishintsha emshadweni umyeni esephenduka indlavini
uqobo. Lokhu kushintsha isimo siyajiya ngisho nabantwana
bayathikamezeka. Okubi kakhulu asiveli isixazululo esiphethweni
kwazise mlisa ndini wayishaya indiva yonke into eyayenzeka waqhubeka
ngokuhola ngodlame umuzi wakhe. Le nkondlo inendikimba
yokuhlukumezeka kwabesifazane, okugcina kuthinta nezingane.
UMOYA, ISIGQI NETHONI
HON. MSANI
Le nkondlo inomoya wosizi nokukhathazeka. Lo moya uhambisana
nethoni yokuhlukumezeka. Ukujiya komoya kuholela ekutheni isigqi
sicothoze. Imbongi isosizini futhi ikhathazekile. Ikhathazwe
ukuhlukunyezwa kanzima yilowo owayithembisa ukuyithanda,
ayinakekele ezikhathini ezinhle nasezikhathini ezimbi ngosuku
lomshado. Okushaya kuzwele ukuthi konke lokhu kwenzeka phambi
kwabantwana abathi bayazama ukubhula umlilo kepha lilokhu lilanguke
njalo ikhoza.
IMIFANEKISOMQONDO
HON. MSANI
Nansi eminye imifanekisomqondo etholakala kule nkondlo. Umfundi
uyagqugquzelwa ukuba azitholele eyakhe ngaphandle kwale echazwe ngezansi.
Isisho: ‘Ngaphuma ngashiya umuzi wakwethu,’-Imbongi iqonde ukuthi yasuka kubo
yaya kogcagca noyise wabantabayo.
Isifaniso: ‘Usangikhulumisa ngamazwi amnandi,’; ‘Njengoju lwezinyosi zasebusika,’-
Imbongi ifanisa ubusoka obuncomekayo obabusetshenziswa uyise wabantabayo
ngenkathi esayincenga ukuba bashade nobumnandi boju lwezinyosi.
Umfanekisomqondo wokubonakalayo: ‘Ungibuka emehlweni ngidakwe
ngidiyazele,’-Imbongi ichaza umuzwa wothando eyayiba nawo ngalezo zikhathi uma
uyise wabantabayo eyibuka okwakwenza ikhophoze isanganiswe uthando.
Umfanekisomqondo wokuthintekayo: ’Phathaphatha kwaba ubuhluthuhluthu,’;
‘Phathaphatha kwaba ubudluthudluthu,’-Imbongi iveza ukuthi ngokuhamba
kwesikhathi uyise wabantabayo waphenduka indlavini wayihlukumeza
ngokuyishaya.
IMIBUZO YOKUZIVIVINYA
HON. MSANI
1. Tomula ukuxhumana okusekugcineni okutholakala ebinzeni lokuqala. (1)
2. Phawula ngokusetshenziswa kwe-enjambamenti emgqeni wesi-3 kuya
kowesi-5. (2)
3. Qhathanisa umoya otholakala emgqeni wesi-6 kuya kowe-14, nalowo
otholakala emgqeni we-15 kuya kowe-18. (3)
4. Chaza okuqondwe imbongi ngokuxhumana okutholakala emgqeni wama-
28 nowama-29. (2)
5. Ungayeluleka uthini imbongi esimweni ebhekene naso? Sekela
impendulo yakho ngokubhekisa emgqeni wama-23 nowama-24. (2)
AMAMAKI: [10]
IZIMPENDULO
HON. MSANI
1. Ngaphuma ngashiya umuzi wakwethu,
Ngashiya intokomalo nentokozo yakwethu,
Ngoba usuthe wena angizokwakha owethu, √ (1)
2. Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukugqamisa ukuthi umqondo oqukethwe umugqa wesi-3
uphelela emgqeni wesi-5. √ Imbongi iqonde ukuthi yaqoka ukuhlonipha isicelo somyeni wayo
sokuthi ishiye imfudumalo nenjabulo yakubo iye kokwenda ngenhloso yokwakha umuzi. √ (2)
3. Umoya otholakala wesi-6 kuya kowe-14 owenjabulo, kanti emgqeni we-15 kuya kowe-18
kutholakala owokukhathazeka.√ Imbongi isivezela injabulo eyayinayo ngenkathi isithandwa sayo
sisakhombisa uthando olumangazayo kuyo √ ; bese isivezela ukukhathazeka enakho ngenkathi
ubaba wabantabayo eshintsha ephenduka indlavini. √ (3)
4. Imbongi isebenzise ukuxhumana okuphakathi nendawo kanye nokusekugcineni ngenhloso
yokuletha umgqumo osamculo omnandi kanye nokugcizelela. √ Imbongi igcizelela ukuthi
ukuhlukunyezwa kwayo kwagcina sekuthikameza nabantwana abathi bayazama ukubhula umlilo,
kepha wabashaya indiva uyise wabo. √ (2)
5. Ngingayeluleka ngokuthi ayiphuthume emaphoyiseni iyovula icala kwazise umthethosisekelo
uphambene nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. (Nezinye izimpendulo ezinembayo). √√ (2)
6. KUYOZE KUBE NINI? (PG. 90) Hon. Msani
uhlobo, umqondo, indikimba
Lena enye yezinkondlo zikaMaQwabe ezingaphansi kohlobo lwe-ephiki.
Le nkondlo inendikimba yokuhlukumezeka kwabesifazane. Lokhu-ke
ukuhlukumezeka kuthi akwehluke kulokhu okuvela enkondlweni ‘Baba
Wabantabami’. Le nkondlo ikhuluma ngabesifazane abafike bafunde
kanzima baze bafinyelele ezikhungweni zemfundo ephakeme
ngenhloso yokuba baqasheke bese bekwazi ukuzimela. Kunokuba
kwenzeke lokho bathi uma behamba izinhlolokhono babone abaqashi
besilisa ukuthi banakho konke okudingakalayo ukuba benze lolo hlobo
lomsebenzi, kepha babaphoqelele ekutheni benze nabo ucansi
ngaphambi kokuba babaqashe. Isihloko sale nkondlo siwumbuzo.
Imbongi ifuna ukucaciseleka ukuthi kanti empeleni kuyoze kube nini
abesimame behlukunyezwa kumele banqune ngaphambi kokuqashwa.
Umoya, isigqi nethoni
hon. msani
Le nkondlo inomoya wokukhathazeka. Lo moya uhambisana nethoni
yokukhononda. Umoya wale nkondlo wenza isigqi sicothoze. Imbongi
ikhathazwe ukubona abesifazane befunda baze bagogode kepha bese
kumele baqale emibhedeni yabaqashi ngaphambi kokuba baqasheke.
Imbongi iyakhononda ngalokhu ifuna ukwazi ukuthi kanti kuyoze kube
nini umuntu wesifazane ethathwa njengesidwedwe sokusula ukungcola
kwamadoda kuleli likaMthaniya.
Imifanekisomqondo
hon. msani
Nansi eminye yemifanekisomqondo etholakala kule nkondlo. Umfundi
uyagqugquzelwa ukuba azitholele eyakhe engachaziwe ngezansi.
Umfanekisomqondo wokuzwakalayo: ‘Kuthiwa asiphume ngothi lwethu,’-Imbongi
ichaza ukuthi bonke abesifazane bayanxenxwa ukuba baye ezikoleni bayofunda.
Isifaniso: ‘Njengezimbali ezinhle zeminsinsi eqhakazile.’-Imbongi ifanisa umuntu
osefundile wazuza ulwazi nembali esuke isiqhakazile isibukeka, ihlobile, ithandeka.
Isisho: ‘Yithi labaya sidla umhlanganiso,’-Ukudla umhlanganiso kuwukunqoba.
Imbongi ichaza ukuphumelela kwabo kwezemfundo njengokunqoba.
Isifaniso: ‘Achobozele njengomakoti ezogana,’-Imbongi ichaza ukuthi uma
abesifazane sebenqobile sebethweswa iziqu amadoda asuke eseshawa amahloni
egcwele ukuphoxeka.
Imibuzo yokuzivivinya
Hon. Msani
1. Ikuphi kwaNomfundo? (1)
2. Kungani imbongi ibiza lendawo ngokuthi ikwaNomfundo? (1)
3. Ucabanga ukuthi imbongi ingeyabuphi ubulili? Sekela impendulo yakho
ubhekise emigqeni ethize yenkondlo. (2)
4. Chaza ukuthi isihloko sale nkondlo esiwumbuzo siyithinta kanjani ithoni
yenkondlo. (2)
5. Nikeza isifengqo esitholakala emgqeni wama-22 bese uchaza ukuthi
sihambelana kanjani nomqondo wenkondlo. (2)
6. Ungayiphendula uthini imbongi kulo mbuzo ewubuzayo esihlokweni sale
nkondlo? Bhekisa impendulo yakho emigqeni emibili yokugcina. (2)
AMAMAKI: [10]
IZIMPENDULO
HON. MSANI
1. Isesikhungweni semfundo/esikoleni.√ (1)
2. Ingoba ilapho kutholakala khona imfundo. √ (1)
3. Ingeyobulili besifazane √, ngoba emgqeni wokuqala ‘kuthiwa asiphume ngothi
lwethu,’ imbongi isebenzise isakhi ‘si’ okukhombisa ukuthi iyazibala nayo. √ (2)
4. Ithoni yale nkondlo eyokukhononda. √ Ngalesi sihloko esingumbuzo imbongi
iveza ukukhononda ngokuhlukunyezwa kwabesifazane abafundile futhi ifuna
ukwazi ukuthi lesi sihlava siyophela nini. √ (2)
5. Isifaniso. √ Imbongi ifanisa inkanuko yamadoda namabhubesi asuke ehalela
izinyamazane. Imbongi iqonde ukuthi uma bezofesa abaqashi abangamadoda
basuke bewakhanuka befisa ukulala nawo. √ (2)
6. Ngingayiphendula ngokuthi lesi sihlava siyophela mhla abesifazane bama
isibindi baqoqa ubufakazi obanele babuthumela emaphoyiseni ukuze lezi
zigilamkhuba zizoboshwa zibe nanokuqonda ukuthi abesifazane abadingi
ukuzithengisa ngokocansi kubo ukuze baqasheke. √√(Nezinye izimpendulo). (2)
7. IZE IKUPHUZISE AMANZI (PG.124)
UHLOBO, UMQONDO, INDIKIMBA HON. MSANI
Le nkondlo kaNgqengelele iwuhlobo lwenkondlo elandayo. Lokhu kufakazelwa
ukuthi isixoxela indaba kusuka ekuqaleni kuze kuyofika ekugcineni. Ngamanye
amazwi inesingeniso, umzimba nesiphetho. Le nkondlo inemiqondo emibili,
ocashile nosobala. Yize kunjalo inendikimba yemfundo.
Umqondo osobala: Kule nkondlo imbongi isilandisa ngensizwa ehlezi ihloba njalo
ngemvunulo yekhethelo maqede ilibangise emfuleni ngenhloso yokuyoqomisa
intombi. Le ntokazi yala ukhasha ayifuni ukuyiqoma okwenza insizwa le iphenduke
inhlekisa. Yize kunjalo le nsizwa iyaphikelela khona kunzima kunjalo igcine
iyiqomisile intombi igiye iqephuze yenanela injabulo.
Umqondo ocashile: Okuyiyona nhlosongqangi yembongi ukusethulela umfundi
olubhaduza ngezinyawo kungelula ephikelela esikoleni mihla namalanga, Bukhulu
ubunzima ahlangabezana nabo obuzama ukumnqunda amandla kepha aphikelele.
Abangamavaka nabasaba inselelo bayamuhleka bamubuke ubulima kepha
ekugcineni ugcina ehalalisa, ejabulela ukuphothula izifundo zakhe.
UMOYA, ISIGQI, ITHONI
HON. MSANI
Nakuba kukhona ukukhathazeka nosizi okutholakalayo ekuqaleni
kwenkondlo kepha iphetha ngomoya wenjabulo. Ngokunjalo nethoni
iqala kungeyokulangazelela bese iyashintsha ekugcineni ikhombise
ukunqoba. Yingakho-ke isigqi sale nkondlo sishesha. Ngokomqondo
osobala imbongi iqale ikhathazwe ukweshela iminyakanyaka intombi
engalugqizi qakala uthando lwayo, bese ekugcineni iyajabula lapho le
ntokazi isiyiphuzise amanzi (isiyinikile ucu lwayo). Ngokomqondo
ocashile umfundi uqala akhathazwe ukuvuka njalo eya esikoleni
engenazo ngisho nezinsizakufunda ezanele kepha elangazelelele
impumelelo. Ekugcineni ujatshuliswa impumelelo ezifundweni zakhe
ayithatha njengokunqoba.
IMIFANEKISOMQONDO
HON. MSANI
Nansi eminye imifanekisomqondo etholakala kule nkondlo. Umfundi uyagqugquzelwa
ukuba azitholele eminye engachazwanga ngezansi.
Isisho: ‘Lijokole lishaye utshani,’-Ukushaya utshani kusho ukuhamba endaweni okade
ukuyo ungabe usabuya. Imbongi ichaza ukuthi imfundo seyahlula abantu abaningi
ababekade bezifisela ukuyithola.
Isisho: ‘Awudikibalanga nokho wena’; ‘Nakuba eshade nesele.’ Ukushada nesele kusho
ukuba nenkani. Imbongi ichaza ukuthi lo mfundi akazange anikezele emfundweni noma
kwakungelula.
Isisho: ‘Ulibhaduza ngaye uCetshwayo,’-Ukubhaduza ngoCetshwayo kusho ukuhamba
ngezinyawo. Imbongi isivezela usizi lo mfundi okukhulunywa ngaye ayebhekene nalo
ngenkathi eya esikoleni ehamba ngezinyawo ngenxa yesimo somnotho.
Isaga: ‘Indlu yegagu iyanetha.’ Lesi simo sokukhuluma sichaza ukuthi umuntu okhuluma
kakhulu nakahle akavamile ukuba muhle ekwenzeni. Imbongi iqonde ukuthi abantu
babemhleka lo mfundi bemchayisa ngezifiso zakhe bethi uyogcina ngokukhuluma akasoze
aphumelela kwezemfundo.
IMIBUZO YOKUZIVIVINYA
HON. MSANI
1. Nikeza umqondo osobala nocashile otholakala kule nkondlo. (2)
2. Phawula ngokusetshenziswa kwesizura emgqeni wesi-9. (2)
3. Chaza okuqondwe imbongi ngokuqamba lentokazi okukhulunywa
ngayo kule nkondlo ngoNomfundo. (2)
4. Phawula ngokuguquka komoya okutholakala kule nkondlo ubhekise
kumqondo ocashile. (2)
5. Ucabanga ukuthi yimuphi umyalezo oqondwe ukudluliswa imbongi
kule nkondlo. Sekela impendulo yakho ngokubhekisa kumqondo
osobala. (2)
AMAMAKI: [10]
IZIMPENDULO
HON. MSANI
1. Umqondo osobala yilowo wowesilisa ozikhandlayo eshela intombi engamthandi
ekugcineni igcine ivumile bagcagce. √ Umqondo ocashile yilowo womfundi ozikhandla
kunzima ukuthi athole imfundo agcine eseziphothulile iziqu zakhe. √ (2)
2. Imbongi isebenzise isizura ngenhloso yokubala. √ Imbongi ibala imibuzo eyibuza
umfundi okanye isesheli lapho ibuza khona isibongo saso kanye nendawo esuka kuyo.√
(2)
3. Iyiqambe ngoNomfundo ukugqamisa ukuthi le nkondlo ikhuluma ngemfundo. √
Imfundo ingenye yezinto okungalula ukuzifumana kepha othi uma usuyifumene uthole
injabulo ngezithelo zayo. √ (2)
4. Umoya wale nkondlo uqala ube owokukhathazeka bese uguquka kube owenjabulo.√
Imbongi engumfundi iqala ikhathazwe ukufunda kanzima kungelula bese ijabuliswa
ukuphothula izifundo zayo ekugcineni. √ (2)
5. Omunye wemiyalezo oqondwe ukudluliswa imbongi uthi umbekezeli uzala
unompumelelo. √ Imbongi eyisesheli ibekezele kunzima ishela intombi ebeyingalugqizi
qakala uthando lwayo kepha ngokubekezela yagcina isiyiqomile. √ (2)
8. OKWAMI NAWE HON. MSANI
UHLOBO, UMQONDO, INDIKIMBA
Le nkondlo ka-K. Mnguni iwuhlobo lwelirikhi. Lokhu sikusho ngoba
imbongi yethula imizwa eqondene nayo ngqo. Imizwa eyethulayo
eyothando. Ngakho-ke nendikimba yenkondlo ingeyothando. Lolu
thando ekhuluma ngalo imbongi lwaqala luluhle ngendlela eyisimanga.
Lwalunokubambisana, ukubekezelelana, ukwesekana, injabulo,
ukuthula noxolo. Kepha namuhla imbongi nowayeyisithandwa sayo
abasabhekani sidalwa sebephenduke inkukhu nempaka.
Umoya, isigqi nethoni
hon. msani
Le nkondlo inomoya wokukhathazeka. Okuholela kulo moya
ukuphoxeka. Ngakho-ke singasho ukuthi ithoni yale nkondlo
ingeyokuphoxeka/yokubalisa. Ingakho imbongi ilokhu iphindaphinde
amagama ‘yeka mina nawe’; ‘yeka okwami nawe’. Lokhu kusho ukuthi
imbongi ihaya le nkondlo ngephimbo lokuphoxeka/lokubalisa. Imbongi
iphoxwa/ibalisa ngenxa yesimo sokuzondana asebezithola bekuso
nalowo owayeyisithandwa sayo ekubeni babehlanganiswe uthando
oluyisimanga olunemicabango, izinkumbulo, nemidlinzo emihle. Yikho
kanye lokhu okuholela ekutheni isigqi sale nkondlo sicothoze.
Imifanekisomqondo
hon. msani
Nansi eminye imifanekisomqondo etholakala kule nkondlo. Umfundi uyagqugquzelwa
ukuba azitholele eyakhe ngale kwale echazwe ngezansi.
Isingathekiso: ‘Yeka mina nawe singumthala nesicubu,’-Umthala uhlobo lwenyama
olutholakala oswini engafani nosu futhi enencasa ehlukile. Imbongi ekuqondile kulo mugqa
ukuthi benalowo owayeyisithandwa sayo babengahlukani, babehlezi bendawonye kuhle
kwalenyama nesicubu sosu.
Isisho: ‘Simanzi manye, sobabili siya nganxanye,’-Imbongi iqonde ukuthi benalowo
owayeyisithandwa sayo babehlezi bendawonye bephinde besekane kukho konke.
Isisho: ‘Amahansi nezimpisi kugqoma etsheni.’- Imbongi iqonde ukuthi izimfamona
zazizama ukona uthando lwabo kepha zihluleke.
Umfanekisomqondo wokuzwakalayo: Okwakushushuzela amahlokohloko kuthule kuthi
cwaka!’-Imbongi iqonde uthando lwayo nowayeyisithandwa sayo lwalujule ngendlela
yokuthi lwaluziqeda zonke izinkulumo.
Isingathekiso: ‘Kodwa namuhla siyikati negundane.’-Imbongi iveza ukuthi njengamanje
benalowo owayeyisithandwa sayo abasabhekani/abasezwani.
IMIBUZO YOKUZIVIVINYA
HON. MSANI
1. Tomula ukuxhumana sigcino okutholakala ebinzeni lesibili. (1)
2. Tomula ifanangwaqa elitholakala emgqeni wama-20. (1)
3. Chaza umqondo oqukethwe umfanekisomqondo otholakala emgqeni
wesi-7. (2)
4. Phawula ngokusetshenziswa kwesizura emgqeni we-10. (2)
5. Chaza ukuthi ukusetshenziswa kophawu lokuloba olungumbabazi
emgqeni we-12 kuwuthinta kanjani umoya wenkondlo. (2)
6. Ncoma ikhono lembongi ekudluliseni umyalezo othi okungapheli
kuyahlola. Sekela ngomqondo oqukethwe umugqa ofanele. (2)
AMAMAKI: [10]
IZIMPENDULO
HON. MSANI
1. Yeka mina nawe sisifuba sinye,
Sitibila mtibilo munye, √ (1)
2. Ifanangwaqa (b): Siwubucwibi obuhle obuhamba ngabubili, √ (1)
3. Lo mfanekisomqondo uyisifaniso. √ Imbongi iqonde ukuthi nalowo owayeyisithandwa sayo
babengahlukani babehlezi bendawonye belekelelana. √ (2)
4. Imbongi isebenzise isizura ngenhloso yokubala. √ Imbongi isibalela izinto ababeyizo nesithandwa
sayo okungukuthi babengahlukani, behlezi besekana kukho konke. √ (2)
5. Le nkondlo inomoya wokukhathazeka. Emgqeni we-12 imbongi iyababaza, ibabaziswa ubuhlungu
obuhambisana nokukhathazeka okudalwa imicabango emihle ngothando olwaluluhle kepha
oselwaphela. (2)
6. Imbongi iphumelele ukwethula umyalezo othi okungapheli kuyahlola, kwazise uthando lwayo
nalowo owayeyisithandwa sayo lwaqala luluhle kepha lwagcina luphelile. √ Lokhu kufakazelwa
umugqa wokugcina lapho imbongi iveza khona ukuthi abasabhekani/abasezwani. √ (2)
KAFUSHANE NGOMDIDIYELI WALO SOMQULU:
UHon. S.E. Msani uzalwe wakhulela esifundazweni sakwaZulu Natal eMzinto, endaweni yakwaDumisa eMpunga
No.2 ngonyaka we-1993 kuLwezi zingama-22. Ufunde amabanga aphansi eKenterton Primary School kusukela
ngonyaka we-2000 kuya kowe-2006, wadlulela emabangeni athe thuthu eSizophumelela High School kusukela
ngonyaka we-2007 kuya kowe-2011. Ube esedlulela emabangeni aphakeme lapho enze khona izifundo
zobuthishela eNyuvesi enkulu yaseNingizimu Afrika (UNISA) kusukela ngonyaka wezi-2016 kuya kowezi-2019.
Ube esenza iHonours Degree in Linguistics ngonyaka we-2021 wayiphothula ngonyaka we-2022 khona e-
UNISA. Ngaphandle kwalokho uphinde abe nesitifiketi se-Business Management asifundele ngohlelo lweSETA
Njengamanje ufundisa ulimi lwesiZulu (Ulimi lwasekhaya) esikoleni esaziwa ngeReasoma Secondary School,
eSoweto (Protea North).

Ngemininingwane: sifisomsani22@gmail.com

uNkulunkulu kaShembe abusise!


HON. S.E. MSANI

You might also like