Ukuhluzwa Komdlalo Ibanga 11

You might also like

Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 5

23 KuNhlaba 2024

Ukuhluzwa komdlalo

Ukuqanjwa kwabalingiswa

uVusumuzi

● Silindele ukuthi kube umdlali ozamayo ukuthi abe nemali


ukuze impiloyakhe iye phambili.
● Yebo uqambeke kahle ngoba ehla enyuka ezama ukuthola
umsebenzi, agcina ngokuwuthola.

uZenzile

● Silindele ukuthi kube umdlali ozoifaka yena enkingeni.


● Yebo uqambeke kahle ngoba uzithola esehamba ngesihlalo
esinamasondo ngenxa yokungakwazi ukubekezela. Wala
isoka lakhe uVusi elalimthanda ngokweqiniso ngoba
lingasebenzi.

Ukuvezwa kwabalingiswa

uVusumuzi

● Uvezwe njengomlingiswa obekezelayo


● UVusi wayebekezelela uZenzile ekhuluma naye noma kanjani
ngoba engasebenzi. Wabekezela futhi ngesikhathi
efunaumsebenzi engawutholi, akazange aphonse ithawula.
uNomcebo

● Uvezwe njengomlingiswa oqotho


● Ubekwazi ukubonisa abangani bakhe uma bekhuluma izinto
ezingalungile. Iqiniso ubelimela engasabi ukukhuluma uma
into ingalungile.

Isakhiwo

Isingeniso

Umdlalo ungeniseke kahle ngoba umbhali usithulele ummeleli


onguVusi ekuqaleni komdlalo. Wsitshela nenkinga abhekene nayo
yokuthi ufuna umsebenzi akawutholi. (isisusa sodweshu)

Umzimba

Bhala izigameko zonke ngokulandelana uze ufike kuvuthondaba.

Isiphetho

● Umdlalo uphetheke kahle mgoba abadlali bonke umdlalo


uphele bejabulile.
● UVusi ucgine ewutholile umsebenzi emva kpkuhlupheka
isikhathi eside.
● Uqashwa ezindaweni ezimbili , okwakhe ukukhetha
awuthandayo.
Isizinda

Indawo

Indaba yenzeka edolobheni.

● OZenzile nabangani bakhe bahlala emqashweni ngoba


bazosebenza edolobheni
● UVusi nezinye izinsizwa bafesa egmagalaji asedolobheni.
● Osebenzile basebenza emafemini, amafemu atholakala
emadolobheni.
● OSebenzile bayasho ukuthi basuka emakhaya beza
emadolobheni ukuzosebenza imali.
● Impilo abayiphilayo ypkuqomela imali oSebenzile ivamise
endaweni ezingamadolobha.
● OSebenzile benoZenzile baebezikhiphela eThekwini
ngesikakhathi bevelelwa ingozi yemoto.
● Babezikhiphela emaMall uma bezikhipha namasoka mabo.

Inkathi

Lendaba yenzeka enkathini yamanje

● Ukusuka kwabantu emakhaya bezofuna amatoho edolobheni.


● Impilo yokuqomela imali yande esikhathini samanje. (
USebenzile nabangani bakhe)
● OSebenzile banomakhalekhukhwini.
● Ubugebengu obenziwa oSipho emsebenzini bentshonntsha
imali bande esikhathini samanje,
● Ubaba u unepulazi , nomsebenzi wasengadini.
● Ukungatholakali kalula kwemisebenzi.
● Abantu abamnyama banezimoto ubaba u….
● UVusi noZenzile bayoba ngonesi.
Isimo senhlalo

UVusi noZenzile

● Isimo senhlalo phakathi kwalaba abdlali saseingesihle


neze,babehlala ngokuxabana okwakudalwa ukuthi uVusi
akawutholi umsebenzi. UZenzile uze uphetha ngokumala
uVusi ngoba engasebenzi.

Udweshu

Udweshu lwangaphandle

● UVusi noZenzile
● UNomcebo noZenzile kanye noSebenzile

Udweshu lwangaphakathi
● Uvusi
● Uzenzile

Indikimba

● Ukubekezela
● Lencwadi ikhuluma ngokuthi uma ungumuntu akumele
alahlekelwe ithemba uma izinto zingakulungeli, kumele
uqhubeke uzame, kogcine kulungile.
● UVusi kade engawutholi umsebenzi, akaphelanga amandla
wayelokhu eqhubekile efesa ekugcineni uyawuthola
umsebenzi.

Isifundo/ongakuzuza

● Abafunda bangafunda ngokubalulka ngokubekezela


● UVusi simbonile ebekezela ekugcineni kwamlungela.
● UZenzile akabekezelanga ekugcineni uyakhubazeka.
Umyalezo

● Umbhali ubedlulisa umyalezo wokuthi ithemba alilahlwa,


kumele ulwe, uzabalaze uze uyithole into oyifunayo.
● UVusi uzabalazile waze wawuthola umsebenzi.

Isisusa sodweshu

Ukungawutholi umsebenzi kukaVusi.

Uvuthondaba

UVusi uqashwa ezindaweni ezimbili.

You might also like