Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 7

ISIFUNDO 13 *uNhlangulana 17–23

Ukuvutha Ngenkazimulo
KaNkulunkulu

ISABATHA NTAMBAMA
Funda Lokhu Kuleliviki: 1 Thes. 5:1–6; Johane 8:32; Samb.
18:1; Samb. 4:11; Eksod. 33:18, 19; Samb. 5:6, 12; Samb. 13:8.

Indimana Yenkumbulo: “Emva kwalokho ngabona enye ingelosi


yehla ezulwini, inamandla amakhulu, nomhlaba wakhanyiswa ngokukhazimula
kwayo” (Sambulo 18:1, NKJV).

K
ungekudala, izigameko zokugcina zizokwenzeka. Ukuthi nini, nokuthi
kanjani—asitsheliwe. Kodwa esikutsheliwe kwanele. Umthetho othile
ophoqa ukugcinwa kweSonto, ngokumelene nokugcina umthetho
wesine, uzokwenzeka. ISambulo sembulile kithina udaba olubucayi, abalingiswa
abasemqoka kulo, futhi ngokubanzi, sisitshelile ngalokho okuzokwenzeka,
ngokumelene nokukhonza Lowo “ ‘owenza izulu nomhlaba, ulwandle nemithomba
yamanzi’ ” (Samb. 14:7, NKJV), abantu—bonke “omagama abo engalotshiwe
Encwadini yoKuphila yeWundlu elahlatshwa kusukela ekusekweni kwezwe”
(Samb. 13:8, NKJV)—bayokhonza isilo nomfanekiso waso. Ngamanye amazwi,
bonke labo abakhethe ukulandela iNkosi uJesu Kristu futhi balalela imithetho
Yakhe—amagama abo ahlezi encwadini yokuphila. Kungcono kakhulu ukuba
sohleni lwemibhalo kaNkulunkulu kunokuba semibikweni yabantu.
UNkulunkulu uphakamise Ibandla lama-Seventh-day Adventist ukushumayela
lombiko Ezweni. Ngalokho, siyadinga, ngokwethu, ukuphendukela eqinisweni
linjengoba linjalo kuJesu, nokuba siguqulwe senziwe basha “ngevangeli laphakade”
leSambulo 14:6, eligxile ekufeni kukaKristu efela thina, isiqiniseko sosindiso
lwethu kuYena.

*Funda isifundo saleliviki ukulungiselela iSabatha, uNhlangulana 24.

100
I S ONTO uNhlangulana 18

Ukulungiselela Amanqamu Okugcina


Funda u-1 Thesalonika 5:1-6. Sixwayiso sini umpostoli uPawule asinikeza sona
mayelana nezinsuku zokugcina zomlando wesintu na?
__________________________________________________________________

__________________________________________________________________

Umpostoli uPawule wakhuthaza amakholwa aseThesalonika ukuba “baqwashe”


futhi “baqonde” ngokwengqkithi yokuza kwesibili kukaKristu. Futhi uma uPawule
wayengasho lokho kumakholwa, pho, ubengathini kithina namuhla na?
Wamemezela futhi ukuthi “bangabantwana bokukhanya” (1 Thes. 5:5, NIV) nokuthi
babengekho “ebumnyameni, ukuze lolusuku” [lokubuya kukaKristu] (1 Thes. 5:4,
NIV) lungabazumi “njengesela” (1 Thes. 5:4, NKJV). UJesu wasebenzisa isisho
soku “qwasha” ngokuxhumene nokukhuleka okuqinisekile (Mat. 24:42, Mat. 26:40,
41). Ukuqwasha kungukuba ngophapheme kwezikamoya. Ukuqonda kungukuba
ngongxamile mayelana nezikhathi esiphila kuzo futhi ugxile ezintweni esisemqoka
ngempela.
U-Ellen G. White uyanezezela: “Thina esilaziyo iqiniso kumele silungiselele lokho
okuzokwenzeka ngokushesha emhlabeni ngokuzuma okukhulu.”—Testimonies for the
Church, vol. 8, p. 28.
Futhi njengoba kuyozuma emhlabeni, akumele kusizume thina. Nakuba singazi
ukuthi kuyokwenzeka nini, sibona ngokwanele ukuthi kuyeza, futhi manje, namuhla,
yisikhathi sokulunga.

Buyekeza uDaniyeli 2, futhi uqaphele ukulandelana kwemibuso eyafika


yadlula, ngendlela eyaprofethwa ngayo. Lokhu kumele kusifundiseni mayelana
nokwethemba ukuthi lokho uNkulunkulu athi kuzokwenzeka, ngempela
kuzokwenzeka na?
__________________________________________________________________

__________________________________________________________________

UKristu usinikeze lemibiko yosuku Lokugcina ukuze, ngokwazi ngalokho


okuzayo, singakulungiselela. Iziprofetho zikaDaniyeli neSambulo, zihlangene
nesipho samanje sokuprofetha, zisinikeza ukubona kwezulu kulokho okuzokwehlela
phezu kwalomhlaba. Izwi likaNkulunkulu lwesiprofetho liveza umlando wosindiso
kusenesikhathi, futhi uDaniyeli 2 usinikeza ubufakazi obunamandla nobuphusile
bokuthi singamthemba uNkulunkulu.

UPawule uthi “singalali” njengabanye. Kuchaza ukuthini lokho, futhi


singazi kanjani uma, ngempela, silele futhi, uma kunjalo, kuyothatha ini
ukuba sivuke na?

_________________________________________________________________

101
UMSOMBULUKO uNhlangulana 19

Ukwazi Iqiniso
Funda uJohane 8:32, Johane 7:17, noJohane 17:17. Yiziphi izithembiso uJesu
azinikezayo mayelana nokwazi Iqiniso nokuthi litholakala kuphi na?
__________________________________________________________________

__________________________________________________________________

__________________________________________________________________

Ubizo lukaNkulunkulu Lokugcina kubantu Bakhe ngelokuthi baphume babaleke


eBabiloni baye ekukhanyeni kweqiniso laphakade elitholakala Ezwini Lakhe.
Ukhiye wakho konke yiBhayibheli. Inqobo uma abantu besabambelele eBhayibhelini
futhi belandela lokhu elikufundisayo, ngeke bakhohliseke kumanqamu Okugcina,
ikakhulu mayelana neSabatha.
Umbiko wengelosi yesibili wenza ubizo kithina lokwamukela iqiniso kunamanga,
Izibhalo kunenkambiso, kanye nezimfundiso zikaNkulunkulu kunezimfundiso
zamanga.
Umbiko wengelosi yesithathu, elandela izingelosi ezimbili zokuqala, wethula
isixwayiso ngokubhekene nophawu lwesilo. Kuzo zonke iziprofetho zeBhayibheli,
isilo simela amandla ezepolitiki noma ezenkolo. Isilo sasolwandle seSambulo 13
no 14 sivumbuka eRoma njengohlelo lomhlaba wonke lokukhonza. Ekugcineni
lamandla aseRoma adlulisa ithonya lawo emhlabeni wonke futhi ayohola ohlelweni
lokuhlanganisa ibandla nombuso. Umgomo uyoba ngukwenza ubunye bomhlaba
ngesikhathi sokuxakaniseka kwezomnotho, izinhlekelele zemvelo, Ukulwa
emphakathini, Amanqamu kwezepolitiki emhlabeni wonke, kanye nokulwa Ezweni.
Futhi, i-United State iyohola ekugcineni kulombuthano kazwelonke. “Ngamanga
amabili amakhulu, ukungafi komphefumulo nobungcwele beSonto, uSathane
uyokhohlisa abantu. Ngenkathi okokuqala kubeka isisekelo semimoya, okokugcina
kudala ubunye bokuhambisana neRoma. AmaProtestanti ase-United State
yiwona ayoba phambili ekululeni izandla zawo ziwele igebe ukuyobamba isandla
Sokukhonza abangasekho; bayolula bafinyelele ngale komsansa ukuyobamba izandla
zamandla aseRoma; ngaphansi kwalobubunye obunxantathu, lelizwe liyolandela
ezinyathelweni zaseRoma ekunyatheleni amalungelo kanembeza”—Ellen G. White,
The Great Controversy, p. 588.
Lemibiko iphetha ngobizo oluphuthumayo lokuthi abalandeli bakaKristu
abathembekile mabagcine imithetho kaNkulunkulu ngokholo oluphilayo lukaJesu
oluhlezi ezinhliziyweni zabo (Samb. 14:12).

Uwaqonda kanjani amazwi kaJesu okuthi “Iqiniso liyakunikhulula”


na? Kuchaza ukuthini lokho na? Iqiniso likukhulule kanjani na?
Kuchaza ukuthini “ukukhululeka” kulengqikithi na?

__________________________________________________________________

102
U L WESIBILI uNhlangulana 20

Inguquko Iyaqhubeka
UNkulunkulu uvuse abantu besikhathi sokugcina ukuba beme emahlombe
Abaguquli abakhulu bangaphambilini ngeBhayibheli njengesiqubulo sabo, uKristu
kuphela engumthombo wabo wosindiso, uMoya oNgcwele njengomthombo wabo
wamandla, kanye nokubuya kweNkosi njengokupheleliswa kwawo onke amathemba
abo. Amaqiniso okukade asithwa ngubumnyama bamanga nenkambiso, kufaka
neSabatha leBhaybheli, ayomemezelwa Ezweni ngaphambili nje kokubuya kweNkosi.
Imibiko yezingelosi ezintathu zazala lenhlangano yesikhathi sokugcina
ukuphelelisa Inguquko kanye nokuba neqhaza noKristu ekupheleliseni umsebenzi
Wakhe emhlabeni. Iziprofethi ezinkulu zencwadi yokugcina yeBhayibheli zembula
uhlelo lwezulu lwesiphelo oluvuka ekudumaleni ukumemezela Umbiko wokugcina
kaNkulunkulu emhlabeni.
ISambulo 14 sichaza ibandla lomhlaba wonke lisabalele kuwo wonke umhlaba
nezindaba ezilungileyo zevangeli laphakade.
Izingelosi ezintathu zeSambulo 14 zixhunywa ngeyesine kwiSambulo 18.
Lengelosi inikeza amandla ekumemezeleni kwezingelosi ezintathu ukuze “umhlaba
ukhanyiswe Ngenkazimulo kaNkulunkulu” (Samb. 18:1). Isahluko 18 sigxile
ezigamekweni ezinkulu eziholela kuvuthondaba lomlando wesintu kanye nokunqoba
kokugcina kwevangeli.

Funda iSambulo 18:1. Zinto zini ezintathu uJohane asitshela zona ngalengelosi
na?
__________________________________________________________________

__________________________________________________________________

Ingelosi eyehla iqhamuka ebukhoneni obukhazimulayo bukaNkulunkulu esigodlweni


sendawo engcwele yathunywa ukuba imemezele Umbiko wokugcina womusa
kaNkulunkulu kanye nokuxwaysa izakhamuzi zomhlaba ngalokho okuzayo emhlabeni.
Umbhalo uthi ingelosi iza “ngegunya elikhulu.” Igama lesiGriki leTestamente
Elisha le-“gunya” ngu-exousa. UJesu usebenzisa leligama kwiVangeli likaMathewu
ngokuvumelana nokuthuma abafundi Bakhe. KuMathewu 10:1, uJesu unikeza abafundi
Bakhe “igunya” (NIV) phezu kwemimoya namandla obubi. Ubathuma ngamandla ezulu
ukuze banqobe empini ephakathi kokulunga nobubi. KuMathewu 28:18, 19, uyaphinda
futhi uyabathuma, kodwa kulokhu “ngegunya lonke” ezulwini nasemhlabeni ukuba
bahambe uthi “ ‘benze abafundi bezizwe zonke’ ” (NKJV).

Ekugcineni, udaba lwezinsuku zokugcina (njengoba kunjalo zonke izinsuku)


zigcina kanjani zimayelana negunya? Yigunya likabani esililandelayo:
elikaNkulunkulu, elethu, elesilo, noma elothile na? Wena ulandela igunya
likabani na?

__________________________________________________________________

103
ULWESITHATHU uNhlangulana 21

Inkazimulo KaNkulunkulu Igcwalisa


Umhlaba
Funda iSambulo 4:11, Sambulo 5:12, Sambulo 19:1, neSambulo 21:26. Yimaphi
amagama ahambisana nenkazimulo kaNkulunkulu egcwalisa umhlaba
njengalokhu ichazwe kwiSambulo 18:1 na?
__________________________________________________________________

__________________________________________________________________

Impikiswano enkulu phakathi kokulunga nobubi Ezweni lonke imayelana futhi


nokuhlonipha uNkulunkulu noma igama Lakhe. USathane, ingelosi ehlubukile,
umemezele ukuthi uNkulunkulu akalungile, ukuthi ufuna ukukhonzwa kodwa
ubuyisela okuncane. Omubi umemezela ukuthi umthetho kaNkulunkulu uvimbela
inkululeko yethu futhi unciphise ukujabula kwethu.
Impilo kaJesu, nokufa, nokuvuka kuchitha leyonkolelo. Yena owasidala wangena
kulomhume wenyoka yalomhlaba ukuzosihlenga. Esiphambanweni, waphendula
ukumangala kukaSathane futhi wabonakalisa ukuthi uNkulunkulu uyathanda
futhi ulungile. Bethathekiswe wuthando Lwakhe, bekhathazekile ngokuhlonipheka
Kwakhe, abantu Bakhe besikhathi sokugcina bembule inkazimulo Yakhe—isimilo
Sakhe sothando, nokuzinikela Kwakhe emhlabeni onomina, ongenaNkulunkulu,
futhi umhlaba ukhanyiswe yinkazimulo yesimilo sikaNkulunkulu.

Funda uEksodusi 33:18, 19. UNkulunkulu uyembula kanjani inkazimulo Yakhe


kuMose. Yini inkazimulo kaNkulunkulu na?
__________________________________________________________________

__________________________________________________________________

Inkazimulo kaNkulunkulu yisimilo Sakhe. Umhlaba uyogcwaliswa yinkazimulo


kaNkulunkulu ngenkathi sigcwaliswa wuthando lukaNkulunkulu futhi nezimilo
zethu ziguqulwa wuthando olusindisayo.
Ukwembula uthando Lwakhe ezimpilweni zethu ngamunye kwembula inkazimulo
Yakhe, isimilo Sakhe, ezweni. Umbiko wokugcina wokumenyezelwa ezweni
elimbozwe ngubumnyama kwezikamoya uthwelwe yizingelosi ezintathu emkhathini
uthi “ ‘Mesabeni uNkulunkulu nimnikeze udumo’ ” (Samb. 14:7, NKJV).
Alukho udumo lwethu emisebenzi yethu emihle, noma ekulungeni kwethu.
Ümbiko wokulunga KukaKristu kumele uzwakale kuwo wonke umhlaba. . . . Lokhu
yinkazimulo kaNkulunkulu ephelelisa umsebenzi wengelosi yesithathu.”—Ellen
G. White, Testimonies for the Church, vol. 6, p. 19. U-Ellen G. White uyabhala
futhi: “Yini ukulungisiswa ngokholo na? Kungumsebenzi kaNkulunkulu ekubekeni
othulini inkazimulo yomuntu, nokwenzela umuntu lokho okungekho emandleni akhe
ukuba azenzele kona.”—Testimonies to Ministers and Gospel Workers, p. 456.
Ayikho inkazimulo yethu kodwa, yebo, udumo kuNkulunkulu.

104
U L WESINE uNhlangulana 22

IWundlu, IWundlu Elahlatshwa


Ziningi izimpawu kwiSambulo, izimpawu zemibhalo ezibalulekile; okungukuthi,
udrago ezulwini (Samb. 12:3, 4, 7), izingelosi ezindiza emkhathini wezulu (Samb.
14:6), owesifazane ogibele isilo esibomvu (Samb. 17:3), njalo, njalo. ZiseZwini
likaNkulunkulu; uMoya oNgcwele waphefumulela uJohane ukuba azifake lapho,
futhi zinendima ebalulekile ekwembuleni iqiniso kulabo abafunda amazwi alencwadi
futhi bawenze, ngoba, njengalokhu isho, “Ubusisiwe lowo ofundayo nalabo abezwayo
amazwi alesisiprofetho, futhi bagcine lezozinto ezibhalwe kuso; ngokuba isikhathi
sesisondele” (Samb. 1:3, NKJV).
Kukhona nokho, omunye umfanekiso oqhamukayo, izikhathi eziningi, kuyo yonke
Incwadi yeSambulo. Yimuphi lomfanekiso, futhi umele ini na?

Funda iSambulo 5:6, 8, 12; Sambulo 7:17; Sambulo 14:1; Sambulo 15:3; Sambulo
19:7; Sambulo 21:22, 23; neSambulo 22:1, 3. Iyini Incazelo yophawu lwewundlu,
futhi kungani liqhamuka izikhathi eziningi kangaka encwadini yeSambulo na?
__________________________________________________________________

__________________________________________________________________

Nembala, njengalokho kusho amazwi okuvula encwadi, lesi yisambulo “sikaJesu


Kristu.” Hhayi nje kuphela iWundlu, kepha iWundlu “lihlatshiwe” (Samb. 5:6, 12;
Samb. 13:8). Okungukuthi, uJesu Kristu ebethelwe. Nantsi inhliziyo nomphefumulo,
hhayi kuphela yeBhayibheli, kodwa eyencwadi yeSambulo neyemibiko yezingelosi
ezintathu. Asikwazi ukuthembeka obizweni lwethu, asikwazi ukwenza umsebenzi
uNkulunkulu avusele ibandla lakhe ukuba liwenze, ngaphendle kokuba sibe
neWundlu, iWundlu Elahlatshwa, uJesu ebethelwe, umhlatshelo wezono zethu,
njengomongo wombiko wethu.
“Kumele ngenhloso sibeke Iwundlu Elahlatshwa kumongo wezimfundiso zethu
kanye nobizo lwethu kanye naphakathi kwayo yonke intshumayelo esiyishumayelayo,
kukho konke esikubhalayo, kuwo wonke umkhuleko esiwenzayo, yonke ingoma
esiyculayo, konke ukufunda kweBhayibheli esikwenzayo, kukho konke esikwenzayo.
Uthando olubonakaliswe yiWundlu esiphambanweni maluguqule indlela esiphathana
ngayo lusenze futhi sinakekele izwe.”—Ángel Manuel Rodriguez, “The Closing of
the Cosmic Conflict: Role of the Three Angels’ Messages,” p. 70.
Okungukuthi, phakathi kwemifanekiso yezilo eziyingozi, udrago olwayo, izishayo,
ukushushisa, kanye nophawu lwesilo, kukhona phambili naphakathi iWundlu,
iWundlu Elahlatshwa. NguYena kuphela, ngalokho asenenzele kona, akwenza manje,
nazokwenza ngaphambi kokuba konke lokhu kuphele—ekugcineni, uyikho Yena,
okumayelana nemibiko yezingelosi ezintathu.

Kungani ukugcina iWundlu Elahlatshwa kumongo wombiko wethu


kusemqoka hhayi kuphela ekuholeleni abanye kulo kodwa futhi ezimpilweni
zethu zikamoya na?

105
ULWESIHLANU uNhlangulana 23

Umcabango Obanzi: “Izinceku zikaNkulunkulu, nobuso bazo


bukhanyisiwe futhi bucwebezela ngokuzinikela okungcwele, ziyiphuthuma
ezindaweni zonke ukumemezela umbiko wasezulwini. Ngamaphimbo
ayizinkulungwane, kuwo wonke umhlaba, isixwayiso siyonikezwa. Izimangaliso
ziyokwenziwa, abagulayo baphulukiswe, futhi izimpawu nezimangaliso ziyolandela
amakholwa. NoSathane naye uyasebenza, ngezimangaliso zamanga, ehlise nomlilo
ezulwini phambi kwabantu. ISambulo 13:13. Ngalokho abahlala emhlabeni
kuzofanele bakhethe ukuthi bama ngakuphi.
“Umbiko uyohambisana hhayi ngenkulumo kuphela kepha ngokuqiniseka
okujulile koMoya kaNkulunkulu. Izinkulumo zethuliwe. Imbewu itshaliwe, futhi
manje izohluma ithele izithelo. Imibhalo esabalaliswe ngabavangeli ilifakile ithonya,
kepha iningi ozingqondo zabo zithintekile bebevinjelwe ekuqondeni ngokugcwele
iqiniso noma ekuzinikeleni ekulaleleni. Manje imisebenzi yokukhanya ingena
yonke indawo, iqiniso libonakala ngobunjalo balo, futhi abantwana abathembekile
bakaNkulunkulu bagqabula izibopho ebezibabambile. Imindeni, amabandla,
awanamandla okubavimbela manje. Iqiniso liyigugu kakhulu kunakho konke.
Ngokungabi nandaba nemikhosi emele neqiniso, isibalo esikhulu sithatha indawo
ohlangothini lweNkosi.”—Ellen G. White, The Great Controversy, p. 612.

Imibuzo Yokuxoxisana:
™ U-Ellen G. White uthi “umbiko wokulungisiswa ngokukholwa ngumbiko
wengelosi yesithathu . . . . ngokweqiniso.”—Evangelism, p. 190. Kuchaza
ukuthini lokho na? Buyini ubudlelwane bokulungisiwa ngokukholwa
nemibiko yezingelosi ezintathu na?
š Funda iSambulo 14:12 futhi.Yini umehluko phakathi kokugcina imithetho
kaNkulunkulu nokushisekela ngomthetho na? Ukulalela kuphenduka nini
kube ngukushisekela ngomthetho na? Kungaziphi izindlela othile ongayigcini
imithetho kaNkulunkulu angaba ngoshisekela ngomthetho na?
› Iyiphi impendulo ongayinikeza kulabo abasisolayo ngokukhuluma
ngezilo ezesabekayo nangazixwayiso ezitholakala encwadini yeSambulo
na? Ngaphandle kwempendulo esobala, yokuthi sikhuluma ngako ngoba
kukhona, kubhalwe encwadini, yiziphi ezinye izimpendulo ongazinikeza na?
œ Xoxani ngezigameko ezenzeka njengamanje ezweni. Yini esikubone
kwenzeka okungalekelela ekufinyeleleni ezigamekweni zokugcina na?
Silinganisa kanjani phakathi kokuqwasha ngezikhathi esiphila kuzo
kodwa singaziboni sesingena ekungathekiseni okuyize mayelana ngalokho
esingakakwembulelwa na?

106

You might also like