Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 4

DEPARTMENT OF AFRICAN LANGUAGES / UMNYANGO WEZILIMI

ZABOMDABU
IPHEPHA LOKUHLOLWA KUNHLANGULANA 2018
ZUL 211

Usuku: 12 kuNhlangulana 2018


Isikhathi: 12:00-15:00
Indawo: Groenkloof Sport Centre
Amamaki: 100

Abahloli: Nkz. L Mncwango


Nkk. NB Bokaba

 Phendula yonke imibuzo ebuziwe kuleli phepha.

 Bhala izimpendulo zakho ngolimi lwesiZulu oluqondile.

 Bhala imisho egcwele lapho kudingeka khona ukuze uzozuza amamaki


agcwele.

 Qinisekisa ukuthi uyadwebela lapho kudingeka khona ukukhombisa


impendulo okuyiyonayona.
INGXENYE 1

1. Shono ukuthi zinhloboni lezi zandiso ezilandelayo bese usebenzisa ngasinye


emshweni ukukhombisa ukuthi incazelo yaso uyazi kamhlophe. [14]

a. impela
b. kuphela
c. maqede
d. ngemoto
e. kakhulu
f. ngovivi
g. ngoNhlangulana

2. Yakha izandiso zendlela zokuvela ngeziqu zesiphawulo ezilandelayo bese


usebenzisa ngasinye emshweni: [10]
a. -hle
b. -ningi
c. -ne
d. -ncane
e. -fushane

3. Bhala phansi amagama ayishumi lapho ondaweni bakhiwe ngokuphongoza


isiqalo kuphela – kungajotshelelwa lutho. [10]

4. Funda le ndatshana elandelayo bese ubhala phansi izibanjalo ezinhlanu


ezivela kuyo. Shono nokuthi zinhloboni zesibanjalo: [10]

Ongalazi iphela angaze athi iphela leli yinto enhle ezwa insizwa izibonga
ngezimpondo zalo. Kanti libi iphela. Ukunengeka kombhonxosana wobuso
balo kwenezelwa wubuvamba balo. Angiqondi kahle kodwa noma
wubuvamba noma wukwedelela lokhu okubanga ukuba iphela lidle lidle, lithi

2
lingasutha lishiye izingqatha zobulongwe kukho lokhu kudla esisazokudla.
Mina ngithi wukweyisa.

(D.B.Z Ntuli no C.S.Z Ntuli, Amawisa 1982)

5. Guqulela ekuphikiseni izibanjalo ezilandelayo ezibhalwe ngokugqamile,


uzibhale phansi. Chaza nokuthi uzilandule kanjani. [15]
a. Yisiko labo
b. Muhle kakhulu uZenzile
c. Aqotho kakhulu la mantombazane
d. Sikude isikole sabo
e. Lincane ihhashi lakhe

6. Chaza ngezibonelo ezifanele ukuthi izinhlobo zobudlelwane ezilandelayo


zikhonjwa yisakhi sini. [9]
a. Ubudlelwane bukamenziwa
b. Ubudlelwane bokuhlanganisa
c. Ubudlelwane bokusebenzisa

3
INGXENYE 2
IFONETIKI

7. Gcwalisa la magama alandelayo ngokubhala ngendlela yefonetiki onkamisa


abasele ezikhaleni ezinikeziwe: [11]
a. [ umph ŋg l ] umphongolo
b. [ isi! phamsind ] isiqophamsindo
c. [ iŋkˀ mazi] inkomazi
d. [ iŋkˀ si] inkosi
e. [ simb lamb l ni] esimbelambeleni

8. Qondanisa imisindo yonkamsa eku-A nencazelo yakhona eku-B. [7]

A B
a. [ε] i. Unkamisa ophambili futhi ophezulu nomlomo
b. [u] ii. Unkamisa ophambili kodwa ophakathi naphansi
c. [e] iii. Unkamisa osemuva kodwa ophakathi naphezulu
d. [o] iv. Unkamisa osemuva futhi ophezulu
e. [a] v. Unkamisa osemuva kodwa ophakathi naphansi
f. [ͻ] vi. Unkamisa ophansi kodwa osemuva
g. [i] vii. Unkamisa ophambili kodwa ophakathi naphezulu

9. Bhala amagama alandelayo ngendlela yefonetiki: [10]


a. inyongo
b. ongwaqabathwa
c. ucikicane
d. izimvubu
e. ibhungu

10. Bhala izitho zomzimba ezisetshenziselwa ukwenza/ukuphimisa imisindo


yenkulumo. [4]

You might also like