Download as pdf or txt
Download as pdf or txt
You are on page 1of 5

DEPARTMENT OF AFRICAN LANGUAGES / UMNYANGO WEZILIMI

ZABOMDABU
IPHEPHA LOKUHLOLWA KUNHLANGULANA 2017
ZUL 211

Usuku: 13 kuNhlangulana 2017


Isikhathi: 12:00-14:00
Indawo: Groenkloof Sport Centre
Amamaki: 100

Abahloli: Nkz. L Mncwango


Nkk. NB Bokaba

 Phendula yonke imibuzo ebuziwe kuleli phepha

 Bhala izimpendulo zakho ngolimi lwesiZulu oluqondile

 Bhala imisho egcwele lapho kudingeka khona ukuze uzozuza amamaki


agcwele

 Qinisekisa ukuthi uyadwebela lapho kudingeka khona ukukhombisa


impendulo okuyiyonayona

INGXENYE 1

1. Sebenzisa isiqu senani u-ni njengesijobelelo emishweni emibili ubuye chaze


ukuthi lesi siqu senani singasebenza nini njengesijobelelo. [4]

1
2. Shono ukuthi zinhloboni lezi zandiso ezilandelayo bese usebenzisa ngasinye
emshweni ukukhombisa ukuthi incazelo yaso uyazi kamhlophe.

a. impela
b. kuphela
c. maqede
d. ngemoto
e. kakhulu
f. ngovivi
g. nyakomunye [14]

3. Yakha izandiso uzisusele kulezi zibaluli neziphawulo ezilandelayo:


a. abamhlophe
b. amafushane
c. elimtoti
d. endala
e. ezihloniphayo [5]

4. Yakha izandiso zendawo ngala magama alandelayo bese uchaza ukuthi


uzakhe kanjani:
a. umlomo
b. umnyango
c. isikole
d. amathambo
e. umalume
f. uGumede [15]

5. Funda le ndatshana elandelayo bese udwebela phansi izibanjalo ezinhlanu


ezivela kuyo. Shono nokuthi zinhloboni zesibanjalo:

Ongalazi iphela angaze athi iphela leli yinto enhle ezwa insizwa izibonga
ngezimpondo zalo. Kanti libi iphela. Ukunengeka kombhonxosana wobuso

2
balo kwenezelwa wubuvamba balo.angiqondi kahle kodwa noma wubuvamba
noma wukwedelela lokhu okubanga ukuba iphela lidle, lidle, lithi lingasutha
lishiye izingqatha zobulongwe kukho lokhu kudla esisazokudla… [10]

6. Guqulela ekuphikiseni izibanjalo ezilandelayo ezibhalwe ngokuqavile uzibhale


phansi. Chaza nokuthi uzilandule kanjani.
a. Yisiko labo
b. Muhle kakhulu uZenzile
c. Aqotho kakhulu la mantombazane
d. Sikude isikole sabo
e. Lincane ihhashi lakhe [15]

7. Chaza ngezibonelo ezifanele ukuthi izinhlobo zobudlelwane ezilandelayo


zikhonjwa yisakhi sini.
a. Ubudlelwane bukamenziwa
b. Ubudlelwane bokuhlanganisa
c. Ubudlelwane bokusebenzisa [9]

INGXENYE 2
IFONETIKI

8. Gcwalisa la magama alandelayo ngokubhala ngendlela yefonetiki onkamisa


abasele ezikhaleni ezinikeziwe:
a. [ umph ŋg l ] umphongolo
b. [ isi! phamsind ] isiqophamsindo
c. [ iŋkˀ mazi] inkomazi
d. [ iŋkˀ si] inkosi
e. [ simb lamb l ni] esimbelambeleni
f. [ isiḅ lu] isibhelu [11]

3
9. Qondanisa imisindo yonkamsa eku-A nencazelo yakhona eku-B. [7]
A B
a. [ε] i. Unkamisa ophambili futhi ophezulu nomlomo
b. [u] ii. Unkamisa ophambili kodwa ophakathi naphansi
c. [e] iii. Unkamisa osemuva kodwa ophakathi naphezulu
d. [o] iv. Unkamisa osemuva futhi ophezulu
e. [a] v. Unkamisa osemuva kodwa ophakathi naphansi
f. [ͻ] vi. Unkamisa ophansi kodwa osemuva
g. [i] vii. Unkamisa ophambili kodwa ophakathi naphezulu

10. Bhala amagama alandelayo ngendlela yefonetiki:


a. inyongo
b. ongwaqabathwa
c. ucikicane
d. izimvubu
e. ibhungu [10]

4
IZIMPAWU ZEFONETIKI

bh [ḅ]

n [ŋ]

b [ɓ]

c [/]

q [!]

ny [ɲ]

k [k]

k [kˀ]

mv [ɱᶲv]

th [th]

n [n]

z [z]

You might also like